Bheka! Inceku KaJehova Ayamukelayo
‘Bheka! Inceku yami, . . . umphefumulo wami oyamukele!’—ISAYA 42:1.
1. Abantu bakaJehova bakhuthazwa ukuba benzeni, ikakhulu njengoba kusondela iSikhumbuzo, futhi ngani?
NJENGOBA isikhathi sokukhumbula ukufa kukaKristu sisondela, abantu bakaNkulunkulu benza kahle ngokulalela iseluleko somphostoli uPawulu sokuba ‘bagxilise amehlo abo kuMmeli Oyinhloko noMphelelisi wokholo lwethu, uJesu.’ UPawulu wanezela: “Ngempela, cabangisisani ngalowo okhuthazelele inkulumo enjalo yezoni ephikisayo emelene nezinzuzo zazo siqu, ukuze ningakhathali niphele amandla emiphefumulweni yenu.” (Heb. 12:2, 3) Ukugxilisa amehlo ethu enkambweni kaKristu yokwethembeka, eyafinyelela umvuthwandaba lapho eba umhlatshelo, kuzosiza amaKristu agcotshiwe nabangane bawo bezinye izimvu ukuba baqhubeke bekhonza uJehova ngokwethembeka futhi bagweme ‘ukuphela amandla emiphefumulweni yabo.’—Qhathanisa neyabaseGalathiya 6:9.
2. Yini esingayifunda eziprofethweni zika-Isaya ezihlobene neNdodana kaNkulunkulu?
2 UJehova waphefumulela umprofethi u-Isaya ukuba aprofethe iziprofetho eziningi ezihlobene ngokuqondile neNdodana yaKhe. Lezi ziprofetho zizosisiza ukuba “sigxilise amehlo ethu kuMmeli Oyinhloko noMphelelisi wokholo lwethu,” uKristu Jesu.a Zisitshela ngobuntu bakhe, usizi abhekana nalo nokuphakanyiswa kwakhe njengeNkosi noMkhululi wethu. Zizosenza sisiqonde kakhudlwana iSikhumbuzo, kulo nyaka esizoba ngoLwesine, ngo-April 9, ngemva kokushona kwelanga.
INceku Iyembulwa
3, 4. (a) Encwadini ka-Isaya, igama elithi “inceku” libhekisele kobani? (b) IBhayibheli ngokwalo lembula ukuthi ingubani iNceku okukhulunywa ngayo ku-Isaya isahluko 42, 49, 50, 52 no-53?
3 Igama elithi “inceku” livela kaningi encwadini ka-Isaya. Ngezinye izikhathi libhekisela kuye lo mprofethi. (Isaya 20:3; 44:26) Ngezinye libhekisela kuso sonke isizwe sakwa-Israyeli, noma uJakobe. (Isaya 41:8, 9; 44:1, 2, 21) Iziprofetho ezivelele ezikhuluma ngeNceku ezilotshwe ku-Isaya isahluko 42, 49, 50, 52, no-53 zona zibhekisela kubani? ImiBhalo YamaKristu YesiGreki ayisishiyi singabaza ukuthi ingubani le Nceku kaJehova echazwe kulezi zahluko. Kuyathakazelisa ukuthi isikhulu esingumTopiya okukhulunywa ngaso encwadini yezEnzo sasifunda esinye salezi ziprofetho lapho umoya uqondisa uFiliphu, umvangeli, ukuba aye kuso. Ngemva kokuba sifunde indinyana namuhla etholakala ku-Isaya 53:7, 8, lesi sikhulu sabuza uFiliphu: “Ngiyakuncenga, Lo mprofethi ukusho mayelana nobani lokhu? Ngaye ngokwakhe noma ngomunye umuntu othile?” UFiliphu wasichazela ngokushesha ukuthi u-Isaya wayekhuluma ngoMesiya, uJesu.—IzE. 8:26-35.
4 Ngesikhathi uJesu esengumntwana, indoda elungile egama layo linguSimeyoni yashukunyiswa umoya ongcwele ukuba ithi “umntwana uJesu” wayeyoba “ukukhanya kokususa umgubuzelo ezizweni,” njengoba kwabikezelwa ku-Isaya 42:6 naku-49:6. (Luka 2:25-32) Ngaphezu kwalokho, indlela ebuhlungu uJesu ahlanjalazwa ngayo ngobusuku bokuqulwa kwecala lakhe yayibikezelwe esiprofethweni esiku-Isaya 50:6-9. (Math. 26:67; Luka 22:63) Ngemva kwePhentekoste lika-33 C.E., umphostoli uPetru washo ngokucacile ukuthi le “Nceku” kaJehova inguJesu. (Isaya 52:13; 53:11; funda izEnzo 3:13, 26.) Yini esingayifunda kulezi ziprofetho eziphathelene noMesiya?
UJehova Uqeqesha INceku Yakhe
5. INceku yakuthola kuphi ukuqeqeshwa?
5 Esinye seziprofetho zika-Isaya ezikhuluma ngeNceku kaNkulunkulu sisitshela ngokusondelana okwakuphakathi kukaJehova neNdodana yakhe eyizibulo ngaphambi kokuba ize lapha emhlabeni njengomuntu. (Funda u-Isaya 50:4-9.) INceku ngokwayo yembula ukuthi uJehova wayeyiqeqesha njalo lapho ithi: ‘Uvusa indlebe yami ukuba izwe njengabafundisiweyo.’ (Isaya 50:4) Phakathi naso sonke leso sikhathi, le Nceku kaJehova yalalela uYise futhi yafunda kuye, yaba umfundi ozithobile. Yeka ukuthi kuyilungelo eliyingqayizivele kanjani ukufundiswa uMdali wendawo yonke!
6. INceku yabonisa kanjani ukuthi yayizithoba ngokuphelele kuYise?
6 Kulesi siprofetho, iNceku ibiza uYise ngokuthi “iNkosi EnguMbusi uJehova.” Lokhu kubonisa ukuthi yase ilazi iqiniso eliyisisekelo lokuthi uJehova unguMbusi wendawo yonke. Ibonisa ukuthi izithoba ngokuphelele kuYise, yathi: “INkosi EnguMbusi uJehova ngokwakhe ivule indlebe yami, futhi mina, angizange ngibe odlubulundayo. Angizange ngiphendukele kolunye uhlangothi.” (Isaya 50:5) ‘Yayiseceleni kukaJehova futhi iyisisebenzi esiyingcweti’ lapho kudalwa yonke indalo nabantu. Lesi “sisebenzi esiyingcweti” ‘sasithokoza phambi kukaJehova ngaso sonke isikhathi, sithokoza ngezwe elikhiqizayo lomhlaba wakhe, futhi izinto iNdodana kaNkulunkulu eyayizithanda zaziphathelene namadodana abantu.’—IzAga 8:22-31.
7. Yini ebonisa ukuthi iNceku yayiqiniseka ngokuthi uYise uyayisekela phakathi nezilingo zayo?
7 Lokhu kuqeqeshwa okwatholwa yile Nceku nothando lwayo ngabantu kwayisiza kakhulu ngesikhathi ilapha emhlabeni futhi ibhekana nokuphikiswa okunzima. Yaqhubeka ithokozela ukwenza intando kaYise nalapho ishushiswa kabuhlungu. (IHu. 40:8; Math. 26:42; Joh. 6:38) Kuzo zonke izilingo uJesu ahlangabezana nazo emhlabeni, wayeqiniseka ukuthi uYise uyamamukela futhi uyamsekela. Njengoba isiprofetho sika-Isaya sabikezela, uJesu wakwazi ukuthi: “Lowo othi ngilungile useduze. Ngubani ongalwa nami? . . . Bheka! INkosi EnguMbusi uJehova iyongisiza.” (Isaya 50:8, 9) Ngempela, uJehova wayisiza le Nceku yakhe ethembekile phakathi nayo yonke inkonzo yayo emhlabeni, njengoba nesinye isiprofetho sika-Isaya sibonisa.
Inkonzo YeNceku Emhlabeni
8. Yini efakazela ukuthi uJesu ‘wayengokhethiweyo’ kaJehova njengoba kwakubikezelwe ku-Isaya 42:1?
8 Ukulandisa kweBhayibheli kusitshela lokho okwenzeka lapho uJesu ebhapathizwa ngo-29 C.E.: ‘Umoya ongcwele wehlela phezu kwakhe, kwavela izwi ezulwini lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngikwamukele.”’ (Luka 3:21, 22) Ngala mazwi, uJehova wamembula ngokucacile “okhethiweyo” wakhe okukhulunywa ngaye esiprofethweni sika-Isaya. (Funda u-Isaya 42:1-7.) Phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni, uJesu wagcwalisa lesi siprofetho ngendlela ephawulekayo. Lapho ebhala iVangeli lakhe, uMathewu wacaphuna amazwi aku-Isaya 42:1-4 futhi wabonisa ukuthi asebenza kuJesu.—Math. 12:15-21.
9, 10. (a) UJesu wamgcwalisa kanjani u-Isaya 42:3 phakathi nenkonzo yakhe? (b) UKristu ‘wabukhipha kanjani ubulungisa’ ngesikhathi elapha emhlabeni, futhi ‘uzobumisa nini ubulungisa emhlabeni’?
9 Abaholi benkolo bamaJuda babeweya amaJuda avamile. (Joh. 7:47-49) Abantu babephathwa kabuhlungu futhi babengafaniswa ‘nemihlanga efohlokile’ noma ‘izintambo zefilakisi’ esezizocima. Kodwa uJesu wababonisa uzwela abantu abampofu nabahlushwayo. (Math. 9:35, 36) Wabacela ngomusa: “Wozani kimi, nina nonke enikhandlekayo nenisindwayo, ngizonenza niqabuleke.” (Math. 11:28) Ngaphezu kwalokho, uJesu ‘wakhipha ubulungisa’ ngokufundisa izindinganiso zikaJehova zokulungile nokungalungile. (Isaya 42:3) Wabonisa nokuthi uMthetho kaNkulunkulu kwakudingeka usetshenziswe ngendlela ebonelelayo nenesihe. (Math. 23:23) Wabonisa ubulungisa ngokushumayeza abacebile nabampofu ngokungakhethi.—Math. 11:5; Luka 18:18-23.
10 Isiprofetho sika-Isaya sibikezela nokuthi “okhethiweyo” kaJehova ‘umisa ubulungisa emhlabeni.’ (Isaya 42:4) UJesu uzokwenza lokhu maduze lapho njengeNkosi yoMbuso enguMesiya ebhubhisa yonke imibuso yezombusazwe futhi emisa owakhe olungile esikhundleni sayo. Uzoletha izwe elisha lapho ‘kuyohlala khona ukulunga.’—2 Pet. 3:13; Dan. 2:44.
“Ukukhanya” ‘Nesivumelwano’
11. UJesu ‘wayengukukhanya kwezizwe’ ngamuphi umqondo ekhulwini lokuqala, futhi usaqhubeka kanjani ewukukhanya nanamuhla?
11 UJesu waba “ukukhanya kwezizwe” ngempela, egcwalisa isiprofetho esiku-Isaya 42:6. Phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni, wayisa ukukhanya okungokomoya kumaJuda ngokuyinhloko. (Math. 15:24; IzE. 3:26) Kodwa wathi: “Ngiwukukhanya kwezwe.” (Joh. 8:12) Waba ukukhanya kumaJuda nakwabezizwe, hhayi nje kuphela ngokuwanikeza ukukhanyiselwa okungokomoya, kodwa nangokunikela ngokuphila kwakhe okuphelele njengesihlengo saso sonke isintu. (Math. 20:28) Ngemva kokuvuswa kwakhe, wayala abafundi bakhe ukuba babe ofakazi bakhe “ezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.” (IzE. 1:8) Phakathi nenkonzo yabo, uPawulu noBarnaba bacaphuna inkulumo ethi “ukukhanya kwezizwe” futhi bathi ibhekisele emsebenzini wokushumayela ababewenza phakathi kwabangewona amaJuda. (IzE. 13:46-48; qhathanisa no-Isaya 49:6.) Lowo msebenzi usenziwa namanje njengoba abafowabo bakaJesu abagcotshiwe emhlabeni nabangane babo besakaza ukukhanya okungokomoya futhi besiza abantu ukuba babe nokholo kuJesu, ‘ongukukhanya kwezizwe.’
12. UJehova wayenza kanjani iNceku yakhe ukuba ibe “yisivumelwano kubantu”?
12 Kuso leso siprofetho, uJehova wathi eNcekwini yakhe ekhethiweyo: “Ngizokulonda ngikunike ube yisivumelwano kubantu.” (Isaya 42:6) USathane wayelokhu ezama ukuqeda ngoJesu futhi amvimbe ukuba angayifezi inkonzo yakhe emhlabeni, kodwa uJehova wamlonda kwaze kwaba isikhathi sakhe esimisiwe sokuba afe. (Math. 2:13; Joh. 7:30) UJehova wabe esemvusa uJesu futhi wamenza “isivumelwano,” noma isibambiso, kubantu emhlabeni. Leso sithembiso esingathí sina saba isiqinisekiso sokuthi iNceku kaNkulunkulu ethembekile yayiyoqhubeka ‘ingukukhanya kwezizwe,’ ikhulule abasebumnyameni obungokomoya.—Funda u-Isaya 49:8, 9.b
13. Phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni, uJesu wabakhulula ngayiphi indlela ‘labo ababehlezi ebumnyameni,’ futhi usaqhubeka kanjani enza lokho?
13 Ngokuvumelana nalesi sibambiso, iNceku kaJehova ekhethiweyo ‘yayiyovula amehlo aphuphuthekile,’ ‘ikhiphe isiboshwa etilongweni’ futhi ikhulule “labo abahlezi ebumnyameni.” (Isaya 42:7) Phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni, uJesu wakwenza lokhu ngokudalula amasiko enkolo yamanga nangokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso. (Math. 15:3; Luka 8:1) Ngokwenza lokho, wawakhulula ebugqilini obungokomoya amaJuda aba ngabafundi bakhe. (Joh. 8:31, 32) Ngendlela efanayo, uJesu uye wakhulula ngokomoya izigidi zabangewona amaJuda. Uye wayala abalandeli bakhe ukuba ‘bahambe bayokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi,’ futhi wabathembisa ukuthi uyoba nabo “kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.” (Math. 28:19, 20) Esesikhundleni sakhe ezulwini, uKristu Jesu wengamela umsebenzi wokushumayela owenziwa emhlabeni wonke.
UJehova Wayiphakamisa “INceku”
14, 15. Kungani uJehova ayiphakamisa iNceku, futhi lokhu wakwenza kanjani?
14 Kwesinye futhi isiprofetho esikhuluma ngeNceku yakhe enguMesiya, uJehova uthi: “Bheka! Inceku yami iyokwenza ngokuqondisisa. Iyoba sesikhundleni esiphakeme futhi ngokuqinisekile iyokhushulwa, iphakanyiswe kakhulu.” (Isaya 52:13) UJehova wayiphakamisa iNdodana yakhe ngenxa yokuzithoba kwayo ngobuqotho ebukhosini bakhe nangokuhlala ithembekile lapho ivivinywa kanzima.
15 Nakhu okwabhalwa umphostoli uPetru ngoJesu: “Ungakwesokunene sikaNkulunkulu, ngoba waya ezulwini; futhi izingelosi namagunya namandla kwenziwa kwamthobela.” (1 Pet. 3:22) Umphostoli uPawulu naye wabhala okucishe kufane: “Wazithoba futhi walalela kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni esigxotsheni sokuhlushwa. Ngenxa yalesi sizathu, noNkulunkulu wamphakamisela esikhundleni esiphakeme futhi ngomusa wamnika igama elingaphezu kwawo wonke amanye amagama, ukuze egameni likaJesu wonke amadolo aguqe, awabasezulwini nawabasemhlabeni nawabangaphansi komhlaba, futhi zonke izilimi zivume obala ukuthi uJesu Kristu uyiNkosi kube inkazimulo kaNkulunkulu uBaba.”—Fil. 2:8-11.
16. UJesu ‘waphakanyiswa kakhulu’ ngayiphi indlela ngo-1914, futhi yini eye yafezwa kusukela ngaleso sikhathi?
16 Ngo-1914, uJehova wamphakamisa ngokwengeziwe uJesu. ‘Waphakanyiswa kakhulu’ lapho uJehova embeka esihlalweni njengeNkosi enguMesiya. (IHu. 2:6; Dan. 7:13, 14) Kusukela ngaleso sikhathi, uKristu uye waqhubeka ‘enqoba phakathi kwezitha zakhe.’ (IHu. 110:2) Waqale wanqoba uSathane namademoni akhe, wabaphonsela phansi emhlabeni. (IsAm. 12:7-12) Ngemva kwalokho, uKristu wazibonakalisa enguKoresi Omkhulu, wakhulula insali yabafowabo abagcotshiwe emhlabeni ekuthunjweni “iBhabhiloni Elikhulu.” (IsAm. 18:2; Isaya 44:28) Uye waqondisa umsebenzi wokushumayela emhlabeni wonke oye waphumela ekubuthweni ‘kwabaseleyo’ babafowabo abangokomoya, kamuva kwabuthwa izigidi ‘zezinye izimvu,’ abangane abathembekile ‘bomhlambi omncane.’—IsAm. 12:17; Joh. 10:16; Luka 12:32.
17. Yini esiyitholile ngokutadisha iziprofetho zika-Isaya eziphathelene ‘nenceku’?
17 Ngokuqinisekile, ukutadisha lezi ziprofetho ezimangalisayo ezisencwadini ka-Isaya kuye kwasisiza ukuba siyazise nakakhulu iNkosi yethu noMkhululi wethu, uKristu Jesu. Ukuzithoba kwayo njengendodana phakathi nenkonzo yayo yasemhlabeni kwabonisa ukuthi uYise wayeyiqeqeshe kahle ngaphambi kokuba ize lapha emhlabeni. Iye yazibonakalisa ‘ingukukhanya kwezizwe’ ngenkonzo yayo nangomsebenzi wokushumayela eye yawengamela kuze kube namuhla. Njengoba sizobona esihlokweni esilandelayo, esinye isiprofetho esiphathelene neNceku enguMesiya sembula ukuthi yayiyohlupheka futhi ife ukuze kuzuze thina. Kufanele ‘sicabangisise’ ngalawo maphuzu njengoba iSikhumbuzo sokufa kwayo sisondela.—Heb. 12:2, 3.
[Imibhalo yaphansi]
a Lezi ziprofetho ungazithola ku-Isaya 42:1-7; 49:1-12; 50:4-9; naku-52:13–53:12.
b Ukuze uthole ukudingidwa kwesiprofetho esiku-Isaya 49:1-12, bheka incwadi ethi Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II, amakhasi 136-145.
Ake Sibukeze
• Ingubani “inceku” okukhulunywa ngayo eziprofethweni zika-Isaya, futhi sazi kanjani?
• Ikuphi ukuqeqeshwa iNceku eyakuthola kuJehova?
• UJesu ‘ungukukhanya kwezizwe’ ngayiphi indlela?
• INceku yaphakanyiswa kanjani?
[Isithombe ekhasini 21]
UFiliphu wembula ngokucacile ukuthi “inceku” u-Isaya akhuluma ngayo inguJesu, uMesiya
[Isithombe ekhasini 23]
NjengeNceku kaJehova ekhethiweyo, uJesu wabonisa uzwela ngabampofu nabahluphekayo
[Isithombe ekhasini 24]
UJesu waphakanyiswa uYise futhi wambeka esihlalweni njengeNkosi enguMesiya