U-Isaya
UJehova ungibize ngingakazalwa. *+
Ukhulume ngegama lami ngisesesibelethweni sikamama.
Wangenza ngaba umcibisholo ololiwe;
Wangifihla emgodleni wakhe wemicibisholo.
4 Kodwa ngathi: “Ngikhandlekele ize.
Amandla ami ngiwasebenzisele ize, into engekho.
5 Manje uJehova, Lowo owangibumba kwasesibelethweni njengenceku yakhe,
Uthe mangibuyisele uJakobe kuye,
Ukuze u-Israyeli abuthelwe kuye. +
Ngizokhazinyuliswa emehlweni kaJehova,
UNkulunkulu wami uyobe esebe ngamandla ami.
6 Wathi: “Akwanele ukuba ube yinceku yami
Ukuze uvuse izizwe zikaJakobe
Nokuba ubuyise ababelondiwe baka-Israyeli.
7 Yilokhu uJehova, uMhlengi ka-Israyeli, oNgcwele wakhe, + akushoyo kulowo odelelekile, + kulowo onyanywa yisizwe, encekwini yababusi:
“Amakhosi ayobona asukume,
Nezikhulu ziyokhothama
Ngenxa kaJehova, othembekile, +
ONgcwele ka-Israyeli, okukhethile.” +
8 Yilokhu uJehova akushoyo:
“Ngesikhathi sokubonisa kwami umusa* ngakuphendula, +
Ngosuku lwensindiso ngakusiza; +
Ngaqhubeka ngikulonda ukuze ngikwenze ube yisivumelwano kubantu, +
Ukuze ngilakhe kabusha izwe,
Ngibangele ukuba badle amafa abo ayincithakalo, +
Nakulabo abasebumnyameni, + ‘Velani!’
Bazodla ngasezindleleni,
Amadlelo abo ayoba ngasezindleleni ezibhudulekile.*
Bheka! laba bavela enyakatho nasentshonalanga,
Laba bona bavela ezweni laseSinimi.” +
13 Memezani ngenjabulo, nina mazulu, ujabule, wena mhlaba. +
Izintaba mazithokoze zimemeze ngenjabulo. +
14 Kodwa iZiyoni lalilokhu lithi:
“UJehova ungishiyile, + uJehova ungikhohliwe.” +
15 Owesifazane angamkhohlwa yini umntanakhe osancela
Noma angayizweli indodana yesibeletho sakhe?
Ngisho noma laba besifazane bangakhohlwa, mina ngeke ngikukhohlwe. +
16 Bheka! Ngikuqophe ezintendeni zezandla zami.
Izindonga zakho zihlale ziphambi kwami.
17 Amadodana akho abuyela emuva ngokushesha.
Labo abakudilizayo nabakubhuqayo bayosuka kuwe.
18 Phakamisa amehlo ubheke nxazonke.
Baqoqana ndawonye. +
Beza kuwe.
“Ngizifunga mina,”* kusho uJehova,
“Uyobagqoka bonke njengokungathi ugqoka imihlobiso,
Uyobabophela kuwe njengoba kwenza umakoti.
19 Nakuba izindawo zakho zazibhuqiwe ziyincithakalo nezwe lakho liyincithakalo, +
Manje kuyominyana kakhulu kulabo abahlala khona, +
20 Amadodana azalwe ngesikhathi sokufelwa kwakho ayothi,
‘Sesiminyene kakhulu kule ndawo ukuba sihlale kuyo.
Sivulele indawo ukuze sihlale lapha.’ +
21 Uyothi enhliziyweni yakho,
‘Ngubani uyise walaba,
Njengoba ngingowesifazane ofelwe abantwana noyinyumba,
Odingisiwe nothathwe njengesiboshwa?
Ngubani okhulise laba? +
22 Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo:
Bayokukhothamela ubuso babo bubheke phansi +
Bayokhotha uthuli lwezinyawo zakho, +
Uyokwazi ukuthi nginguJehova;
Labo abathembela kimi ngeke bahlazeke.” +
24 Labo asebethunjiwe bangathathwa yini endodeni enamandla,
Noma zingakhululwa yini izithunjwa zikamashiqela?
25 Kodwa yilokhu uJehova akushoyo:
Ngiyolwa nabalwa nawe, +
Amadodana akho ngiyowasindisa.
26 Abakuhlukumezayo ngiyobenza badle inyama yabo siqu,
Bayodakwa yigazi labo njengokungathi badakwe yiwayini elimnandi.