Izikhonzi ZoMbuso Zihlangabezana Nenselele
“Pho, uyini uApholo? Uyini uPawulu na? Bayizikhonzi enakholwa ngazo.”—1 KORINTE 3:5.
1. (a) Ngokwenkolo, yini engatshazwayo namuhla, futhi ngani? (b) Imuphi umbuso osongelwayo, futhi yini eyokwenzeka kuwo?
IGUNYA labefundisi benkolo libekelwa inselele namuhla. Lokhu kunjalo ikakhulukazi njengoba ezombangazwe zalomhlaba ziphendukela inkolo, kuhlanganise nenkolo ‘yobuKristu,’ ziyithatha njengenkohliso yokufuna inzuzo. Ngisho nabaneziqu zasezikoleni zenkolo abathathwa njengezikhonzi ezigunyazwe ngokufanele futhi bayavinjelwa emazweni aphendukela ekuzondeni inkolo. Yebo, umbuso wezwe wenkolo yamanga ungaphansi kokuhlaselwa futhi usongelwa ukuhlasela komhlaba wonke okuyosho ukubhujiswa kwawo. UMsunguli waphezulu wokukhulekela kweqiniso wakubikezela lokhu futhi wamisa isikhathi sakhe esifanele sokugcwaliseka kwesiprofetho sakhe. Izidalwa eziphilayo endaweni yonke ziyozuza kulesenzakalo esimangalisayo!
2. Ngokuqondene nenkolo, yini eyosala futhi yini engeke isale?
2 Nokho, ukungabikho kwenkolo ngeke kuhlale isikhathi eside kubusa lomhlaba, kodwa uMdali olwelwe wendawo yonke uyosala! Yebo, nenkolo yeqiniso yaloNkulunkulu ongenakufa noPhezukonke iyosala! Ngenxa yalokho, nakuba izigidi zomhlaba ziwaphika amaqiniso, kwamanje abakhulekeli bokukhulekela okuhlanzekile kukaNkulunkulu bayaphila futhi bakhuthele emhlabeni. Futhi amazwi alandelayo alotshwa emakhulwini amaningi eminyaka adlule ayiqiniso namuhla: “Okungabonwayo kwakhe, kuthi amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe kubonakala kwasekudalweni kwezwe, ngokuba kuqondakala ngezenzo zakhe, ukuze bangabi-nakuzilandulela.”—Roma 1:20.
3, 4. (a) Kungaboniswa kanjani ukuthi uJehova unezikhonzi emhlabeni? (b) Sazi kanjani ukuthi abefundisi benkolo beBabiloni Elikhulu ngokushesha bazophelelwa umsebenzi?
3 Ngesikhathi lawomazwi elotshwa phakathi nekhulu lokuqala leSikhathi sethu Esivamile, uJehova uNkulunkulu wayenezikhonzi zakhe emhlabeni. Ngakho umphostoli uPawulu wayengaloba: “Pho, uyini uApholo? Uyini uPawulu na? Bayizikhonzi enakholwa ngazo, kwaba-yilowo nalowo njengokupha kweNkosi. Mina ngatshala, uApholo wanisela, kepha uNkulunkulu wakhulisa.”—1 Korinte 3:5-9.
4 UJehova kumelwe futhi abe nezikhonzi emhlabeni namuhla. Kodwa akasebenzisi abefundisi benkolo beBabiloni Elikhulu, umbuso wezwe wenkolo yamanga. Eqinisweni, ngokushesha bazophelelwa umsebenzi. Lokho kuyoba lapho iBabiloni Elikhulu ngokwalo liqedwa. Sibikezela ngalokhu, isAmbulo 16:19 sithi: “Umuzi omkhulu waba-yizinqamu ezintathu, nemizi yabezizwe yawa. NeBabiloni elikhulu lakhunjulwa phambi kukaNkulunkulu ukuba alinike isitsha sewayini lolaka lwakhe oluvuthayo.”
5. Yini eyenzeka eBabiloni lasendulo ngo-539 B.C.E., futhi kuthiwani ngabefundisi nabanye abasekeli bezinkolo zeBabiloni Elikhulu?
5 Khona-ke, kuthiwani ngabantu abalokhu bebambelele ngobuqotho ezimisweni ezingokwenkolo ezinakekelwa abefundisi abaneziqu beBabiloni Elikhulu? Nokho, cabangela okwenzeka ngalobobusuku buka-539 B.C.E. lapho iNkosi uBelishasari nezinduna zakhe ezimenyiwe bedumisa onkulunkulu baseBabiloni edilini elivelele bengakunaki ukuhlasela kwamaMede namaPheresiya. Okokuqala, kwakhishwa isixwayiso kwababesedilini lapho bebona umbhalo oyisimangaliso odongeni lwendlu yedili futhi bezwa incazelo inikezwa umprofethi kaJehova uDaniyeli. Khona-ke, kanye nokuwa kweBabiloni ngabo lobobusuku, inkosi futhi ngokusobala nabanye ababesedilini ababedumisa onkulunkulu bamanga babulawa abanqobi ababehlasela. (Daniyeli, isahluko 5) Inhlekelele efanayo ilindele abefundisi kanye nalabo abahlala beqotho ezimisweni ezingokwenkolo zeBabiloni Elikhulu.
Izikhonzi ZikaNkulunkulu Zidingeka Ngokushesha
6. (a) Kulesikhathi esinzima, yini uNkulunkulu okumelwe abe nayo ngenxa yomkhaya wesintu? (b) Zaphela nini izikhathi zabeZizwe, futhi yini uJesu ayisho ngalokhu?
6 Akekho ongalingabaza ngokunengqondo iqiniso lokuthi manje siphila enkathini enzima kakhulu yomlando womuntu kusukela kuZamcolo wembulunga yonke wosuku lukaNowa. (2 Thimothewu 3:1-5) Ngakho kubalulekile ukuba manje kube nezikhonzi zeqiniso zikaNkulunkulu kaNowa. Ngokuqinisekile, njengoba uNkulunkulu anikeza izixwayiso kubantu besikhathi sikaNowa nakwababesedilini likaBelishasari, kumelwe ukuba wayenesigijimi esiphuthumayo ngenxa yomkhaya wesintu kusukela ngo-1914, lapho kugqashuka impi yezwe yokuqala. Eqinisweni, ngezinga elikhulu lomphakathi womhlaba cishe, emashumini amane eminyaka izinceku zikaNkulunkulu zazikhombe kulowonyaka njengophawula ukuphela kweZikhathi zabeZizwe, lokho uJesu athi ngakho: “IJerusalema liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kugcwaliseke izikhathi zabezizwe.”—Luka 21:24.
7. (a) IJerusalema lanyathelwa phansi izizwe ezingemaJuda kwaze kwaba nini? (b) UJesu wayebhekisele kuphi ngempela lapho ekhuluma ‘ngokunyathelwa phansi kweJerusalema ngabezizwe’?
7 Cishe iminyaka engama-53 ngemva kuka-1914, noma kuze kube iMpi Yezinsuku Eziyisithupha ka-1967, iJerusalema lasemhlabeni laqhubeka linyathelelwa phansi izizwe ezingemaJuda. Nokho, ngokusobala, uJesu wayengabhekiseli ngokuphethayo eJerusalema lamaJuda lanamuhla kodwa kulokho lelodolobha elalikumelela kuze kube u-607 B.C.E. Futhi lalimelelani? Phela, uMbuso kaJehova uNkulunkulu ngeNkosi yakhe egcotshiwe yendlu yobukhosi kaDavide!—Luka 1:32; 1 IziKronike 29:11.
8. UJehova wayezowunika bani umbuso kaDavide, futhi kungani abantu babengenakukwazi ukubona ukubekwa esihlalweni sobukhosi okwakubikezelwe?
8 UJesu Kristu wayeyilowo uJehova uNkulunkulu ayeyomnika umbuso kakhokho wakhe uDavide wasendulo. Ephambi kukaPilatu njengomahluleli, uJesu wathi uMbuso waKhe wawungewona owalelizwe, esho ukuthi wawuyoba ngowasezulwini. (Johane 18:36) Khona-ke, ngokunengqondo, ukumiswa kukaJesu eMbusweni ekupheleni kweZikhathi zabeZizwe kwakuyokwenzeka emazulwini angabonakali. Kanjalo ukubekwa kwakhe esihlalweni sobukhosi kwakuyoba okungabonakali emehlweni abantu, futhi kungakho thina nezizwe zabeZizwe singambonanga ngokoqobo ebekwa esihlalweni sobukhosi eMbusweni wakhe ofanelekile awunikwa uNkulunkulu, ngo-1914. Lezozizwe ngokuqinisekile azikholwanga ukuthi lesenzakalo senzeka, naphezu kweqiniso lokuthi sasimenyezelwe abantu bakaJehova kusukela ngawo-1870.
9. (a) Yini izizwe ezayenza ngokungasinaki isigijimi soMbuso? (b) Ngokombono walokho izizwe ezakwenza ngo-1914, yini eyaba ngedingekile?
9 Ngokungasinaki isigijimi soMbuso, ekwindla ka-1914 izizwe zahileleka empini. Njengoba kwabikezelwa kumaHubo 2:1-12, zazibonakalisa ziyizitha zikaJesu, zenqaba ‘ukwanga’ iNkosi entsha emisiwe njengesibonakaliso sokuzithoba nokukhonza kuyo. Kanjalo, kwaba okudingekile ukugcwalisa iHubo 110:1, 2, lapho sifunda ukuthi: “UJehova wathi eNkosini yami: Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe-yisenabelo sezinyawo zakho. Intonga yamandla akho uJehova uyakuyelula eseSiyoni; busa wena phakathi kwezitha zakho.”
10. (a) UJesu waqala ukubusa ngaphansi kwaziphi izimo ngo-1914? (b) Obani ababemelela uJehova ekhulwini lama-20?
10 Abaphikisi abangamaJuda babonisa ubutha babo kubaphostoli bakaJesu lapho uJesu ehlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu ukuba alindele isikhathi sokuqala ukubusa phakathi kwezitha zakhe. (IzEnzo 4:24-26) Ngokufanayo, kwakuphakathi kwezitha lapho uJesu Kristu okhazinyulisiwe aqala khona ukubusa kwakhe ekupheleni kweZikhathi zabeZizwe ngo-1914. Kanjalo kulelikhulu lama-20, njengasesikhathini esidlule, kuye kwaba phakathi kwezitha lapho uJehova eye waba nabaphathi besigijimi sakhe, izikhonzi zakhe zeqiniso zoMbuso. Zingofakazi bakhe.—Isaya 43:10-12.
Ukulwela Ukufaneleka Kwethu Njengezikhonzi
11. Ilungelo loFakazi BakaJehova njengezikhonzi zoMbuso ezimiswe uNkulunkulu liye labekelwa obani inselele?
11 Sonke lesikhathi, bekungokudingekile ngezikhonzi zeqiniso zoMbuso ezimiswe uNkulunkulu ukuba zivikele ilungelo lazo lenkonzo. Lokho ngokuqinisekile kuye kwaba njalo ngoFakazi BakaJehova kulelikhulu lama-20. Ukufaneleka kwabo njengezikhonzi zikaNkulunkulu ezimiswe ngokufanele kuye kwabekelwa inselele futhi kwabhekelwa phansi. Ngobani? Ikakhulukazi abeLobukholwa abafunda ezikoleni zobufundisi abathola isitifiketi sokumiswa futhi babe abefundisi abakhokhelwayo. Bazibheka njengabafunde ngempela nabafaneleka kahle ukuba kube yibo bodwa abayizikhonzi ezisezingeni eliphezulu zikaNkulunkulu weBhayibheli.
12. Ukumiswa kwamuphi umKristu ovelele wekhulu lokuqala okwabekelwa inselele, futhi iyiphi indlela noma ubani owayeletha uhlobo oluhlukile lwezindaba ezinhle ayeyobhekwa ngayo?
12 Kwakuyisimo esifanayo nasekhulwini lokuqala C.E. Esifundazweni samaRoma saseGalathiya, ngisho nomlobi ophefumlelwe wezincwadi ezicishe zibe yingxenye yemiBhalo yamaKristu yesiGreki wahlangabezana nokuthile okwabekela ukufaneleka kwakhe njengomphostoli kaJesu Kristu inselele, ngoba kwabangela ukungabaza ukuba yiqiniso kwalokho ayekufundisa njengobuKristu. Ngakho wayebophekile ukutshela abaseGalathiya: “Ngiyamangala ngokuba nimhlubuka masinya kangaka yena owanibizela emuseni kaKristu, niye kwelinye ivangeli, elingesilo elinye, kuphela ukuba bakhona abanididayo, bethanda ukuphendukezela ivangeli likaKristu. Kepha-ke noma kungaba-yithina noma ingelosi evela ezulwini enishumayeza ivangeli eliphambene nalelo esanishumayeza lona, makabe-ngoqalekisiweyo. Njengalokho sesishilo, ngisaphinda nakalokhu, ngithi: Uma umuntu enishumayeza ivangeli, eliphambene nalelo enalamukelayo, makabe-ngoqalekisiweyo.”—Galathiya 1:6-9.
13. Kungani abaseGalathiya kwakungamelwe bangabaze igunya likaPawulu?
13 Kuyiqiniso, lowomlobi, umphostoli uPawulu, akazifundanga okokuqala izimfundiso zobuKristu ngokubonana kwakhe siqu noJesu Kristu noma abaphostoli baKhe abayi-12. Kamuva, uPawulu waba nesikhathi esithile enomphostoli uPetru, noma uKhefase. (Johane 1:42; Galathiya 1:18, 19) Kodwa ekuvikeleni ukuba kwakhe isikhonzi esifanelekayo sezindaba ezinhle ezivela kuNkulunkulu ngoKristu, uPawulu wayengatshela amaKristu aseGalathiya ayengaqinile: “Bathi ukubona umusa engiwuphiweyo, uJakobe noKhefase noJohane, ababaziwa ngokuthi bayizinsika, banika mina noBarnaba isandla sokunene sokuhlangana ukuba thina siye kwabezizwe, kepha bona baye kwabasokayo.” (Galathiya 2:9) Ngakho labo baseGalathiya kwakumelwe bazibuze: Uma abaphostoli bakaJesu oPetru, uJakobe, noJohane beqaphela uPawulu njengomphathi wezindaba ezinhle zangempela, sinasiphi isisekelo sokubekela isigijimi sakhe inselele futhi sisibalekele?
14. Kungani kungamangalisi ukuthi isikhundla sokuba izikhonzi soFakazi BakaJehova sibekelwa inselele?
14 Kodwa kuthiwani ngabantu bakaJehova namuhla? Nokho, njengoba umuntu onjengoPawulu ayebophekile ukuba avikele izimfanelo zakhe njengesikhonzi sikaNkulunkulu noKristu, kungani kumelwe simangale uma thina, njengofakazi bakaJehova abazinikezele, babhapathizwa, sibekelwa inselele futhi kumelwe sivikele ukuma kwethu njengezikhonzi zoMbuso? Yebo, njengasendabeni kaPawulu, ukubekelwa kwethu inselele okungenasisekelo kanjalo akusho lutho.
Ngisho NoJesu Wabekelwa Inselele
15. Ubani, osesikhundleni esiphakeme kunesabaphostoli, owabekelwa inselele ngegunya lakhe lokufundisa, futhi wakhomba kubani njengomniki wegunya lakhe?
15 INkosi uJesu Kristu ngokwakhe wabekelwa inselele futhi wabhekana nokungazimiseli kwabantu bakubo ukumemukela njengesikhonzi esimisiwe sikaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, siyafunda: “Kuthé sekuphakathi komkhosi [wamatabernakele], uJesu wenyukela ethempelini, wafundisa. Ngakho abaJuda bamangala bathi: Lona uyazi kanjani imibhalo engafundanga na?” UJesu wabhekana naleyonselele ngokuqondile, ethi: “Imfundiso yami akusiyo eyami kodwa ngeyongithumileyo. Uma umuntu ethanda ukwenza intando yakhe, uzakwazi ngemfundiso noma ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela okwami. Okhuluma ngokwakhe ufuna udumo lwakhe; kepha ofuna udumo lomthumileyo lowo uqinisile; akukho ukungalungi kuye.”—Johane 7:14-18.
16. Kungani abaholi benkolo bobuJuda bazizwa benezisekelo zokungabaza ikhono likaJesu lokufundisa?
16 Abaholi benkolo bobuJuda babheka uJesu Kristu njengomuntu nje waseGalile. Yebo, abazange bacabange ukuthi wayengakwazi ukufunda ngenxa yokuthi wayengayanga esikoleni, ikakhulukazi okuthile okunjengesikole sobufundisi. Empeleni, uJesu wayesebonisile kakade ukuthi wayekwazi ukuwufunda umbhalo wemiBhalo yesiHeberu. (Luka 4:16-21) Okwabonakala kungemukeleki kulawomaJuda aseJudiya naseJerusalema ukuthi lona owayengumbazi wayengazange abufundele ubufundisi futhi wayengenakubekwa ezingeni lababhali, abaFarisi, nabaSadusi besizwe sabo. Khona-ke, kungani ayengaziveza obala njengowazi lokho okwakuchazwa imiBhalo yesiHeberu nendlela okwakusebenza ngayo, ekhuluma ngegunya njengoba enza? Lokhu yilokho okwenza lawomaJuda aba yizithulu kakhulu ngokomoya ukuba ezwe ukunkeneneza kweqiniso laphezulu. Ayeqhoshe kakhulu ukuba angemukela okwakushiwo umuntu owayengazange athole iziqu esikoleni sobufundisi.
‘Wafundiswa NguJehova’
17. Ngokuphathelene noJesu Kristu, imuphi uMfundisi abaholi benkolo bamaJuda abangamnakanga, futhi uJesu wayeluhlobo luni lomfundi?
17 LawomaJuda ayehlakaniphe ngokwezwe awamnakanga Lowo okwakunguye ngempela owayefundisa uJesu Kristu. Phela, ikhono likaJesu njengomfundisi lalivela ‘kumfundisi omkhulu kunabo bonke,’ uJehova uNkulunkulu! (Jobe 36:22, Today’s English Version) Ebhekisela kuNkulunkulu ngalamandla, uJesu wathi: “Nxa seniyiphakamisile iNdodana yomuntu, khona-ke nizakwazi ukuthi nginguye nokuthi angenzi-lutho ngokwami, kodwa ngikhuluma lokhu njengoba uBaba engifundisile.” (Johane 8:28) Ngakho uJesu wazibonakalisa engumfundi omuhle kunabo bonke esikoleni sendawo yonke soMfundisi ophakeme kunabo bonke. Lokhu kwakuwudumo kuLowo owamfundisa. Akumangalisi ukuthi abaseNazaretha bathi ngomuntu owayengowendawo yakubo: “Lo ukuthathaphi lokhukuhlakanipha nalawamandla na?”—Mathewu 13:54.
18. (a) Luhlobo luni lomfundisi okumelwe silufune? (b) Yini uJesu ayisho ngoMfundisi omkhulu kunabo bonke nangalabo abafundiswa nguYe?
18 Ukuze siqonde iBhayibheli, sifuna futhi sidinga umfundisi ongcono kakhulu ongaba khona. Futhi lowomfundisi unguMphefumleli weNcwadi ezedlula zonke. Ekhuluma nalabo ababengamalungu enhlangano yalowoMfundisi ebonakalayo yasemhlabeni, ngesikhathi sokuphila kwakhe emhlabeni, uJesu wathi: “Akakho ongeza kimi, uma uBaba ongithumileyo engamdonsi; mina-ke ngiyakumvusa ngomuhla wokuphela. Kulotshiwe kubaprofethi ukuthi: Bonke bayakuba ngabafundiswe nguNkulunkulu. Yilowo nalowo ozwile kuBaba, wafunda, uyeza kimi.” (Johane 6:44, 45) Lapho uJesu wayecaphuna uIsaya 54:13, ofundeka kanje: “Bonke abantwana bakho bayakuba-ngabafundi bakaJehova, nokuthula kwabantwana bakho kuyakuba-kukhulu.”
19. “Abantwana” bakabani ababeyofundiswa uJehova?
19 Nokho, siyabuza: “Abantwana” bakabani ababeyoba “ngabafundi bakaJehova”? Lesosithembiso esingokwesiprofetho senziwa ‘kowesifazane’ ongokomfanekiso, owayezoba umama ‘wabantwana’ abathile, noma izingane. Lona ‘wesifazane’ uyilowo okukhulunywa ngaye kuIsaya 54:1, lapho kuthiwa: “Jabula wena-nyumba, wena ongazalanga, uqhumuke ngokuhlabelela, umemeze wena ongabanga-namihelo, ngokuba abantwana boyisikhwebu baningi kunabantwana bonendoda, usho uJehova.”
20. Ngokucabangela eyesi-2 Korinte 13:5, yini amaKristu azinikezele okumelwe aqhubeke eyenza, futhi lokhu kuhlangana ngani nokufaneleka kwawo njengezikhonzi zoMbuso?
20 Njengoba uJehova eyiLowo okhuluma ngalona ‘wesifazane’ futhi ezoba uMfundisi ‘wabantwana’ bakhe, kumelwe abe uMyeni wakhe ongokomfanekiso, futhi owesifazane kumelwe abe inhlangano yakhe engokwasezulwini enjengowesifazane. “Abantwana” bakhe, noma izingane, bangabafundi ‘bomfundisi omkhulu kunabo bonke.’ Yebo, kubalulekile ukuba labo “bantwana,” abalandeli bakaJesu abagcotshiwe, nabangane babo, “besixuku esikhulu,” bayisebenzise njalo imfundo abayinikezwa uJehova. (IsAmbulo 7:9) Ngokuqinisekile leyo enye indlela yokugcina umyalo kaPawulu: “Zihloleni nina, nibone ukuba nisekukholweni yini, nizivivinye nina.” (2 Korinte 13:5) Uma amaKristu azinikezele, abhapathizwa eqhubeka enza lokhu futhi ehlala engabafundi abakhuthele boMfundisi omkhulu kunabo bonke, kumelwe abe nemfanelo edingekayo njengezikhonzi zoMbuso ezimiswe uJehova. Ngokulandelayo sizobona ukuthi izikhonzi zikaNkulunkulu zikubonakalisa kanjani ukufaneleka kwazo.
Ubungathini?
◻ Ungabonisa kanjani ukuthi uJehova unezikhonzi emhlabeni?
◻ Yini eyayimelelwa iJerusalema ‘elanyethelwa phansi ngabezizwe’?
◻ Ngenxa yokuthi izizwe aziwunakanga uMbuso, yini uJesu okuye kwadingeka ayenze?
◻ Kungani kungamangalisi ukuthi isikhundla sokuba isikhonzi soFakazi BakaJehova sibekelwa inselele?
◻ Yini abaholi benkolo yamaJuda ababekela ikhono likaJesu inselele abangayinakanga?
[Isithombe ekhasini 17]
Njengoba uJehova asebenzisa uDaniyeli ekukhipheni isixwayiso kwababesedilini likaBelishasari, kanjalo unezikhonzi ezihambisa isigijimi esiphuthumayo namuhla
[Isithombe ekhasini 19]
Abaholi benkolo babeqhoshe kakhulu ukuba bangemukela ngisho noJesu Kristu njengesikhonzi sikaNkulunkulu