Bheka Izibusiso Zobunye BoMbuso!
“Bonke abababonayo bayakubavuma ukuthi bayinzalo uJehova ayibusisile.”—ISAYA 61:9.
1. (a) Iliphi ilungiselelo lanamuhla likaJehova elibonisa ukuphana kwakhe ezixukwini ezingakamazi? (b) Abantu bakhe ababusisiwe babonakala kanjani?
KUSUKELA ngo-1914, iNkosi yasezulwini iye yabekwa esihlalweni sobukhosi futhi yanikwa amandla okuba ibuse. Futhi kuye kwenziwa ilungiselelo lenhlangano yasemhlabeni ngaphansi ‘kwezikhulu’ eziyobusa ngokulunga. (Isaya 32:1, 2) Kukho konke lokhu, uJehova uye waba ophanayo kubo bonke abalambele nabomele ukulunga. Futhi abalambile nabomile bathutheleka kubantu uJehova aye wababusisa kanjalo. Kodwa bababona kanjani? Ingabe baqhamile ngokwezenhlalo, ngokwezombangazwe noma ngokwezimali? Cha, akusona nesisodwa salezizathu esibenza baqapheleke. Kungoba babonakalisa uNkulunkulu wabo ophanayo ngokuzimisela kwabo ukuhlanganyela nabanye izibusiso abaye bazamukela kakade.
2. Ngokuvumelana noIsaya 32:8, iyiphi imfanelo esobala phakathi kwezinceku zikaJehova emhlabeni namuhla, futhi lokhu kungenxa yokuthi baye balandela siphi iseluleko soMholi wabo?
2 UNkulunkulu ophanayo uye wafundisa izinceku zakhe ukuba ziphane nazo. Maqondana nesimo somuntu ophanayo uIsaya 32:8 uthi: “Kodwa opanayo u veza ukupana: na ngokupana loko u ya kuma.” (ElesiZulu Esidala) Njengoba uJesu abeka eceleni intando yakhe siqu futhi wadela izinto eziningi ukuze afeze ukuthunywa kwakhe uNkulunkulu ukuba ahlanganyele izindaba ezinhle ezikhazimulayo zoMbuso nabanye, ngakho abalandeli bakhe bafuna ukwenza into efanayo. Balalela iseluleko sikaJesu: “Yiphani, khona niyakuphiwa; bayakunipha esifubeni senu isilinganiso esihle, esigxushiweyo, esigqishiweyo, esichichimayo; ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.” (Luka 6:38) UJehova noKristu Jesu yibona abayobuyisa ukuphana kwezinceku zabo ngokuzinikeza ukwaneliseka, ukuthula kwengqondo nenjabulo ngezithelo zenkonzo yazo yokwethembeka ezithakazelweni zoMbuso.
3. Isimo sezinceku zikaJehova ezithembekile siphambene kanjani naleso sabeLobukholwa nabashoshozeli balo?
3 Isimo sokuphana nokukhuthala sabasakazi bezindaba ezinhle abaphanayo asifani nesabanye. Umprofethi kaNkulunkulu ukhuluma ngenhlekelele kwabesifazane ababenganaki ‘bethanda ukuhlala kahle’ eJerusalema elingathembekile. (Isaya 32:9-14) Isimo sabo singase sisikhumbuze abanye abaye bathi bayizinceku zikaNkulunkulu noKristu, kodwa abangakhuthele noma abangashiseki enkonzweni kaJehova. Ngempela, singase sicabange ngalabo beLobukholwa nalabo abangazikhathaleli ngempela izixuku ezilambile nezomile. Ukuba matasa kwabo ngezinto zalelizwe, bengakukhathaleli ukuba matasa emsebenzini ovela kuJehova walesisikhathi emlandweni, kungaphetha kuphela ngenhlekelele kubo njengoba inhlekelele ifaniswa nokuhluleka kwesivuno.
4. Yiliphi ikusasa elilindele bonke labo abaqhubeka bengathembeki eZwini likaNkulunkulu?
4 Kukhona usizi nembubhiso elindele eLobukholwa nabasizi nabashoshozeli balo. Indlala engokomoya nencithakalo yabantu ezolandela kuyoba umphumela wokwehluleka kwalo ukuphana nokuthela enkonzweni kaJehova. Njengoba wonke lamaKristu mbumbulu aye ahluleka ukutshala nokunisela ngokufanele, engasebenzisi iZwi likaNkulunkulu ngokwethembeka, uJehova akabophekile ukuba ‘akhulise.’—Qhathanisa neyoku-1 Korinte 3:6-9.
Izindaba Ezinhle Ngabathembekile
5. Yini eyabikezelwa kuIsaya 32:15, futhi naziphi izenzakalo ezimangalisayo kuze kube kulonyaka ka-1984?
5 Ngokukhuthazayo kulabo abalindela uJehova ngokubekezela lapho besebenzisa ngokwethembeka izithakazelo zoMbuso abaphathiswe zona, kunezindaba ezinhle. Zibhalwa kuIsaya 32:15 ngalamazwi: “UMoya [u]ze [u]thululwe phezu kwethu [u]vela phezulu, nehlane liphenduke insimu, nensimu ithiwe ihlathi.” Umoya ongcwele kaNkulunkulu uye wathululelwa ofakazi bakhe banamuhla, njengakubaphostoli nabafundi ababelindile ngePentekoste lika-33 C.E. (IzEnzo 2:1-4, 14-18; Joweli 2:28, 29) Njengakulesosikhathi, kungokufanayo nanamuhla, umphumela uwukuthi izinceku zikaJehova ezithembekile emhlabeni ziye zaba matasa emsebenzini wokwenza abafundi abengeziwe. Ikakhulukazi ngo-1919 no-1922 kuye kwaba khona ukuthululwa komoya kaJehova kubantu bakhe, futhi ikakhulukazi kusukela ngo-1922 kuye kwashisekelwa kakhulu umsebenzi wokushumayela ngoMbuso. Lomsebenzi uye waqhubeka futhi wandiswa kwaze kwaba yilonyaka, ka-1984, naphezu kwezimo ezinzima ezisibekele umhlaba. Inani labamemezeli bokuzithandela bezindaba ezinhle liye “laqhuma” lisuka enanini elincane labayizi-7 000 noma izi-8 000 ngo-1922 kuya enanini eliphakeme labayizi-2 652 323 namuhla.
6. Kuye kwaba namiphi eminye imiphumela emangalisayo evela ngokuthululwa komoya ongcwele enhlanganweni kaJehova yasemhlabeni?
6 ‘Ukuthululwa komoya’ ngokuqinisekile kuye kwaphumela ekutheleni. Asisahlanganyeli esimweni sobuhlane balelizwe likaSathane, noma endlaleni engokomoya yokuzwa iZwi likaJehova. (Hezekeli 36:29, 30) Kusukela ngePentekoste lika-33 C.E. kuye phambili, uNkulunkulu uye watshala ‘imithi emikhulu’—amaKristu anamandla naqinile—endaweni engokomoya yabantu bakhe. “Imithi” enjalo enobukhosi, ethelayo, “okutshaliwe kukaJehova,” iye yakhula futhi yachuma yaba ihlathi loqobo njengoba inhlangano ebonakalayo yabakhulekeli bakaJehova ilulela kubo bonke abathandayo umthunzi oqabulayo nokudla okungokomoya okuvela kuNkulunkulu wabo.—Isaya 61:3.
7. Yini eye yashukumisa isixuku esikhulu sabanhliziyo ziqotho ukuba bathuthelekele enhlanganweni kaJehova ebonakalayo?
7 Abantu abanhliziyo ziqotho manje ababuthanela enhlanganweni kaJehova ebonakalayo engokwasezulwini bakhangwa izimangaliso zepharadesi elingokomoya. Ayikho enye indawo emhlabeni abaye bathola kuyo ukulunga. Bakhathele ngabefundisi abangenalukholo, abezombangazwe abaphandela kwesabo nabantu abadumile abahahayo bezentengiselwano. Amehlo abo aye avuleka abona umphakathi wamadoda nabesifazane abesaba uNkulunkulu lapho iziwula nabangenazimiso bengalokothi bafihlwe futhi benziwe babonakale behloniphekile; lapho ukuziphatha kokungamesabi uNkulunkulu nokuphambene nobuKristu kusolwa nabenza ukungcola nobubi bahlulelwa ngokushesha.
8. UIsaya 32:16 ugcwaliseka kanjani kubantu bakaJehova namuhla?
8 Umprofethi uqhubeka nesigijimi sakhe esivela phezulu, ethi: “Ukwahlulela kuyakwakha ehlane, ukulunga kuhlale ensimini.” (Isaya 32:16) Ngokuqinisekile, ukwahlulela nokulunga kuhlala enhlanganweni kaJehova ebonakalayo engokwasezulwini. Yebo, zonke izinceku zikaNkulunkulu zeqiniso ziyaqaphela ukuthi noma yini ezinayo neziyijabulelayo, kuhlanganise nesimo sazo esihle kuJehova, zikuthola njengomusa ongazifanele. Ukulunga kwazo kungokukaNkulunkulu.
9. Imisebenzi yoFakazi BakaJehova abathembekile ihluke kanjani emisebenzini nasesimweni sabefundisi beLobukholwa?
9 Lokhu kuhluke kakhulu esimweni sokuzenza olungile nongcwele sabaqhamileyo beLobukholwa. Kuwukulunga okubonakala ngemisebenzi—imisebenzi edumisa uJehova nezuzisa izidalwa zakhe ezilalelayo zazo zonke izinhlanga nezilimi. Obaluleke kakhulu walemisebenzi yilowo wokumemezela iNkosi ebusayo manje ngokwentando kaNkulunkulu. Ayikho enye inhlangano yabantu ememezela leloqiniso elijabulisayo. Futhi ngamunye walabo abezwa lesisigijimi, naye, ufuna ukudlulisela komakhelwane bakhe ulwazi ngezibusiso zobunye boMbuso.
Isibusiso Sokuthula
10. Yini uIsaya ayichazayo esiprofethweni sakhe Isa esahlukweni 32, ivesi 17?
10 Lomsebenzi owandayo wembulunga yonke, lenkonzo engcwele, iqhubekela phambili ngesimo senhlangano sokuthula, ngokuthula nokulondeka okunjengalokho uIsaya akuchazayo Isa esahlukweni 32, ivesi 17, lesiprofetho sakhe, ngokuthi: “Umsebenzi wokulunga kweqiniso uyakuba ngukuthula, inkonzo yokulunga kweqiniso, ukuthula nokulondeka kuze kube-phakade.” Yilokhu kulunga kweqiniso abantu abesaba uNkulunkulu bazo zonke izinhlanga nezilimi ababekufuna, futhi manje bakuthola enhlanganweni yoFakazi BakaJehova. Lapha kunokuthula, ngoba wonke umuntu uyabambisana nabanye, ‘unokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi.’—1 Korinte 15:58.
11. (a) Obani abangenandawo enhlanganweni kaJehova? (b) Baqoqelwa kanjani ngaphandle, futhi kuba namuphi umphumela ezincekwini zikaJehova ezithembekile?
11 Phakathi kwabantu bakaNkulunkulu, ayikho indawo yabantu abakhuluma bangenzi nalabo abangafuni ukusebenza enkonzweni kaJehova. Eqinisweni, isithembiso esiboniswa umfanekiso kaJesu kuMathewu 13:24-30, 39, 41 siyagcwaliseka manje. Abavuni abayizingelosi ngempela ‘babuthela ngaphandle kwenhlangano yakhe yoMbuso zonke izinto ezikhubekisayo nabantu abenza okubi.’ Izingelosi ziyakwazi ukwehlukanisa izinceku zikaJehova zeqiniso nezamanga. Zikwazi kahle ukwenza izimo lapho izisebenzi zokungalungi zidaluleka khona bese zixoshwa ekuhlanganyeleni namaKristu eqiniso. Futhi umphumela uba yini? Inhlangano ephilile, esebenzela ukudumisa uJehova nokuthuthuka koMbuso wakhe ngaphansi kukaJesu Kristu.
12. (a) Yikuphi ukuqinisekisa okuqinile uJehova akunikeza abantu bakhe njengoba kuboniswe kuIsaya 32:18? (b) Iziphi izenzakalo ezizayo ezibonakalisa ukuza kwaso kusengaphambili, futhi abathembekileyo bakaJehova bathinteka kanjani ngalokho?
12 UIsaya uqhubeka athi (Isa 32:18): “Abantu bami bayakuhlala ematendeni okuthula, nasezindlini ezilondekayo, nasezindaweni zokuphumula ezinokuthula.” Ngokuqinisekile uJehova uye wanikeza izinceku zakhe ezithembekile emhlabeni indawo nomsebenzi okungekho muntu ongavunyelwa ukuba azisuse kuwo. Zizohlala lapha kuze kube yilapho uJehova esefeze injongo yakhe ngazo nganeno kweHarmagedoni. (IsAmbulo 16:14, 16) Kubona, iBabiloni Elikhulu, umbuso wezwe wenkolo yamanga, kakade seliwile. Ithonya lalo lincipha ngokushesha. Ngisho namanje, amalungu esilo sasendle esichazwe esAmbulweni isahluko 17 aselibheke ngamnyama, alungiselela ukudla inyama yalo futhi alishise aliqede ngomlilo. (IsAmbulo 17:16) Kodwa ofakazi boMbuso abaphazanyiswa nakancane izenzakalo ezinjalo ezibonakala zisondela. Abanakho ukwesaba nengebhe yabantu bezwe. Njengoba uJehova eye wasibusisa ngolwazi lwangaphambili lwezenzakalo ezizayo, siyakwazi ukubhekana nezikhathi ezizayo ngesibindi mayelana nomphumela. “Abathanda umthetho wakho [Jehova], banokuthula okukhulu; akukho-sikhubekiso kubo.”—IHubo 119:165.
13. Iyiphi intuthuko enkulu uJehova aye wayiletha enhlanganweni yakhe ebonakalayo, futhi yimuphi umphumela lokhu okuye kwaba nawo embonweni nasemsebenzini wabantu bakhe?
13 KuIsaya 60:17 umprofethi wabikezela ukuthi kwakuyoba nentuthuko ephawulekayo ohlelweni nasezinqubweni ezingokwasezulwini phakathi kwezinceku zikaJehova zasemhlabeni. Lokhu wakufanekisa ngokufaka esikhundleni sezinto ezishayo nezilula ithusi, isiliva negolide. Khona-ke siyafunda: ‘Ngiyakubeka ukuthula kube-ngababonisi bakho, nokulunga kube-ngababusi bakho.’ Bonke abakulenhlangano eyazisa abantu ngoMbuso bayajabula ngokukhonza ndawonye ngokuthula, ngoba imisebenzi yabo yonke, kungakhathaliseki ukuthi iyiphi ingxenye yenkonzo abakhonza kuyo, bahlangene ngokumemezela koMbuso kuwo wonke umhlaba. Bonke bamunye, futhi bonke bakhathalela ukufeza umsebenzi. Yeka indlela okuhluke ngayo empini yobugovu eqhubeka phakathi kwesisebenzi nomphathi ebangela izinkinga eziningi ezweni elisizungezile! Bonke enhlanganweni kaJehova, kungakhathaliseki isikhundla abakuso, bafundiswa uJehova futhi ngaleyondlela bayakwazi ukuqhubeka nomsebenzi wabo ngokuthula nangokuhleleka okuhle.—Isaya 54:13.
14. Yimuphi umehluko wekusasa obhekene (a) nabantu abakhuthele bakaJehova? (b) neLobukholwa nawo wonke amashende alo ezombangazwe?
14 Labantu ababusisiwe nabakhuthele bayoqhubeka bengenakuphazanyiswa ngisho noma ukuphela kwesimiso sezinto sikaSathane kufika ngokuzuma okumangalisayo. Ukwehlisela kukaJehova isahlulelo njengesiphepho sesichotho esikhulu phezu kweLobukholwa nalo lonke izwe, kuyosiqothula ngokuphelele isitha. Kodwa abantu bakaNkulunkulu bayolondeka ngaphansi kwesivikelo saKhe lapho “ihlathi” elikhulu lamabutho kaSathane ahlomile liwa, njengoba uIsaya 32:19 ebikezela: “Liyakuwiswa isichotho, lize liwe ihlathi, nomuzi uyakuthotshiswa nokuthotshiswa.” Ngazo zonke lezizenzakalo ezilandelanayo ezinyakazisa umhlaba izinceku zikaJehova ziyohlala ngokuqiniseka kokuthi “ingelosi kaJehova iyamisa nxazonke kubo abamesabayo, ibakhulule.”—IHubo 34:7.
Umsebenzi Omkhulu Okumelwe Ufezwe
15. Yimuphi umsebenzi okusamelwe wenziwe abantu bakaJehova?
15 Okwamanje, kusenomsebenzi omkhulu okumelwe ufezwe njengoba uJehova esanikeza ithuba lokuba uquqaba kuzo zonke izizwe luvule amehlo alo nezindlebe zalo maqondana nokubaluleka kwesigijimi sosindiso. Bayajabula ngempela labo abazinikela ngokungagodli enkonzweni enjalo yoMbuso, abatshala ngokukhuthala imbewu yeqiniso loMbuso phakathi kwabantu bazo zonke izizwe! Lenjabulo injengaleyo echazwe evesini lokugcina likaIsaya isahluko 32:20, elifundeka kanje: “Nibusisiwe nina enitshala ngasemanzini onke; nikhulula izinyawo zezinkabi nezezimbongolo.” Lezizilwane zazingezomthwalo zisetshenziswa abantu basendulo bakaNkulunkulu ekulimeni umhlabathi ukuze kutshalwe imbewu. Ngokufanayo nanamuhla, uJehova uye walungiselela ithuluzi elidingwa ofakazi banamuhla ukuze ukutshalwa kweqiniso loMbuso kufezwe ngokushesha futhi ngokuphumelelayo, ngethemba eliqinile lokuthi uJehova uyonezela isibusiso sakhe kuphumele esivunweni esikhulu.
16. Yibuphi ubufakazi esinabo bokuthi uJehova manje ubusisa ngokucebile ofakazi bakhe boMbuso kuwo wonke umhlaba?
16 Njengoba sibheka insimu, eyizwe, ingabe asisiboni isibusiso sikaJehova esisobala emizamweni yethu yokushumayela isigijimi soMbuso ngentshiseko nangesikhathi sonke? Izindawo ezinkulu nezithuthukisiwe zamagatsha zihlalisa inani elikhulayo lezikhonzi zokuzithandela ezidingekayo ukuze zinakekele umthwalo womsebenzi waseBethel emazweni amaningi. Imishini yesimanje yokunyathelisa nezinqubo ezonga isikhathi kuye kwenziwa kwatholakala emazweni amaningi, kangangokuba ukunyatheliswa kwamaBhayibheli, nezincwadi zeBhayibheli nomagazini kuye kwakhula kakhulu. Amanani akhulayo ezinceku ezizinikezele nezibhapathiziwe zikaNkulunkulu azinikela ngokuzithandela ukuze akhonze njengamaphayona avamile nasizayo, echitha isikhathi nsuku zonke enkonzweni ebalulekile yokutshala iqiniso loMbuso ezinhliziyweni zabaningi. Abamemezeli boMbuso cishe kuwo wonke amabandla bazama ukwandisa inkonzo yabo, benza kanjalo ngokwazisa okujulile ngezibusiso uJehova aseye wabathululela zona kakade.
17. Yini evelele ngoFakazi BakaJehova nomsebenzi wabo osukwini lwethu?
17 OFakazi BakaJehova kuphela abamatasa kulomsebenzi onikeza ukuphila ngenxa kahulumeni woMbuso kaNkulunkulu. Yibo kuphela abajabulela isivuno esesibonakala namanje. Imbewu, nayo, uJehova ayinikeza izisebenzi zakhe zensimu zokuzithandela ihlolisiswe futhi yakhethwa kahle. Izincwadi zethu zeBhayibheli zilungiselelwa ngenjongo yokushukumisa izinhliziyo zabaningi okusamelwe ukuba bavunwe futhi balethwe enhlanganweni kaJehova enokuthula, ibandla lobuKristu, kuMathewu 13:30 elifaniswa ‘nenqolobane’ yeNdodana yakhe.
18. Kungani kumelwe sizimisele ukuqhubeka enkonzweni yethu yoMbuso ngokwaneliseka nangokujabula?
18 Ngokuqinisekile, sisosukwini lukaJehova, usuku lokubona “izithembiso eziyigugu nezikhulukazi” kubantu bakhe abazinikele. (2 Petru 1:4) Ukuthula nobunye kuyachuma phakathi kwethu. Siye sanikezwa ukuqonda okukhanyayo ngezinjongo zikaNkulunkulu wethu. Sinokuthula kwengqondo phakathi kwabantu bezwe abanovalo nabakhathazekile. Ikusasa eligcwele ezinye izibusiso ezinkulu lisilindele. Ingabe asijabuli ngokuba abamukela zonke lezizibusiso zobunye boMbuso? Ingabe asizimisele ukuqhubekela phambili nomsebenzi wethu wobunye kube udumo lwaphakade kuJehova?
Ungaphendula Uthini?
□ Umbono wezinceku zikaJehova uhluke kanjani kulowo wabeLobukholwa?
□ Ukuthululwa komoya kaNkulunkulu kuye kwaphumela kuphi?
□ Ngokuvumelana noIsaya 32:17, 18, yiziphi izibusiso abantu bakaJehova abazijabulelayo manje?
□ Yibuphi ubufakazi esinabo bokuthi uJehova ubusisa ofakazi bakhe boMbuso?
[Isithombe ekhasini 22]
Isidingo ‘sokumemezela iNkosi noMbuso’ sagcizelelwa emhlanganweni ka-1922 wabantu bakaJehova eCedar Point, eOhio
[Isithombe ekhasini 25]
UJehova uye wabusisa abantu bakhe ngokuthula nobunye emhlabeni wonke