U-Isaya
2 Ngamunye kubo uyoba njengendawo* yokucashela umoya,
Indawo yokucashela* isiphepho esinemvula,
Njengemifudlana yamanzi ezweni elingenamanzi,
Njengomthunzi wedwala elikhulu ezweni elomile. +
3 Amehlo alabo ababonayo ngeke esavaleka,
Nezindlebe zalabo abezwayo ziyolalela.
5 Ongenangqondo ngeke kusathiwa uyaphana,
Nomuntu okhohlakele ngeke abizwe ngesicukuthwane;
6 Ngoba umuntu ongenangqondo uyokhuluma izinto ezingenangqondo,
Nenhliziyo yakhe iyoceba izinto ezilimazayo, +
Ukuze ikhuthaze ukuhlubuka* nokuba ikhulume amanga ngoJehova,
Ukuze ibangele olambile ukuba angakutholi ukudla,
Nokuba incishe owomile okuphuzwayo.
7 Amacebo omuntu okhohlakele mabi; +
Ukhuthaza ukuziphatha okubangela amahloni
Ukuze adicilele phansi ohluphekile ngamanga, +
Ngisho nalapho ompofu ekhuluma okulungile.
8 Kodwa umuntu ophanayo uhlale efuna ukupha,
Uyaphikelela ezenzweni zokupha.
9 “Nina besifazane abakhululekile, sukumani nilalele izwi lami!
Nina madodakazi angenandaba, + lalelani lokho engikushoyo!
10 Esikhathini esingaphezu nje konyaka, nina eningenandaba niyothuthumela,
Ngoba kuyobe kungekho zithelo ezivuniwe lapho kuphela inkathi yokuvunwa kwamagilebhisi. +
11 Thuthumelani nina besifazane abakhululekile!
Qhaqhazelani, nina eningenandaba!
Khumulani nibe nqunu,
Nibhince indwangu yesaka ezinkalweni zenu. +
12 Zishayeni amabele nilile
Ngenxa yamasimu afiselekayo namasimu amagilebhisi athelayo.
13 Ngoba umhlabathi wabantu bami uyogcwala ameva nezihlahla zameva;
Ayomila kuzo zonke izindlu zenjabulo,
Yebo, edolobheni lentokozo. +
I-Ofeli + nenqaba yokuqapha sekuyincithakalo unomphela,
Izimbongolo zasendle ziyajabula ngakho,
Sekuyidlelo lemihlambi, +
15 Kuze kube yilapho sekuthululelwe phezu kwethu umoya ovela phezulu, +
Nehlane liba yingadi yezithelo,
Nengadi yezithelo isibhekwa njengehlathi. +
17 Umphumela wokulunga kweqiniso uyoba ukuthula, +
Nesithelo sokulunga kweqiniso siyoba ukuthula nokulondeka kuze kube phakade. +
18 Abantu bami bayohlala endaweni enokuthula,
Nasezindaweni zokuhlala ezilondekile nasezindaweni zokuphumula ezinokuthula. +
19 Isichotho siyowisa ihlathi,
Idolobha liyocekelwa phansi ngokuphelele.