Isahluko Samashumi Amabili Nesihlanu
Umthandazo Wokuphenduka
1, 2. (a) Iyini injongo yesiyalo saphezulu? (b) Ngemva kokuthola isiyalo sikaJehova, amaJuda ayobhekana nakuphi ukukhetha?
UKUBHUJISWA kweJerusalema nethempeli lalo ngo-607 B.C.E. kwakuyisiyalo esivela kuJehova, wayebonisa ukucasuka okukhulu. Isizwe sakwaJuda esingezwa sasisifanele lesi sijeziso esinzima. Nokho, uJehova wayengahlosile ukuba amaJuda aqothulwe. Umphostoli uPawulu wabhekisela enjongweni yesiyalo sikaJehova lapho ethi: “Yiqiniso, asikho isiyalo esibonakala okwamanje sengathi siyajabulisa, kodwa sibanga usizi; nokho kamuva labo abaqeqeshwe yiso sibathelela isithelo esinokuthula, okuwukuthi, ukulunga.”—Heberu 12:11.
2 AmaJuda ayosabela kanjani kulobu bunzima obuzowehlela? Ingabe ayosizonda isiyalo sikaJehova? (IHubo 50:16, 17) Noma ingabe ayosamukela njengokuqeqeshwa? Ayophenduka futhi aphulukiswe? (Isaya 57:18; Hezekeli 18:23) Isiprofetho sika-Isaya sisikisela ukuthi okungenani izakhamuzi ezithile zakwaJuda ziyosamukela kahle isiyalo. Kusukela emavesini okugcina esahluko 63 kuze kube sesahlukweni 64, isizwe sakwaJuda sivezwa singabantu abazisolayo abaya kuJehova bemnxusa ngokusuka ezinhliziyweni. Egameni labantu bakubo abayobe bethunjiwe esikhathini esizayo, umprofethi u-Isaya usho umthandazo wokuphenduka. Njengoba ethandaza, ukhuluma ngezenzakalo zesikhathi esizayo njengokungathi zenzeka phambi kwamehlo akhe.
Ubaba Onobubele
3. (a) Umthandazo ka-Isaya oyisiprofetho umphakamisa kanjani uJehova? (b) Umthandazo kaDaniyeli ukuveza kanjani ukuthi umthandazo ka-Isaya oyisiprofetho umelela imicabango yamaJuda aphendukile eBabiloni? (Bheka ibhokisi ekhasini 362.)
3 U-Isaya uthandaza kuJehova: “Bheka usezulwini ubone usendaweni yakho yokuhlala ephakeme yobungcwele nobuhle.” Umprofethi ukhuluma ngamazulu angokomoya, lapho kuhlala khona uJehova nezidalwa zakhe zomoya ezingabonakali. Eveza imicabango yamaJuda athunjiwe, u-Isaya uyaqhubeka: “Iphi intshiseko yakho namandla akho aphelele, isiyaluyalu sezibilini zakho, nesihe sakho? Kuzigodlile ukuba kungezi kimi.” (Isaya 63:15) UJehova uye wagodlela abantu bakhe amandla akhe futhi walawula imizwa yakhe ejulile—“isiyaluyalu sezibilini [zakhe], nesihe [sakhe].” Noma kunjalo uJehova ‘unguYise’ wesizwe samaJuda. U-Abrahama no-Israyeli (uJakobe) babengokhokho baso bemvelo, kodwa ukube babengavuswa, babengase bayilahle inzalo yabo eyizihlubuki. UJehova yena unobubele ngokwengeziwe. (IHubo 27:10) Ngokwazisa u-Isaya uthi: “Wena, Jehova, unguBaba wethu. Ubizwa ngokuthi Owasithenga Kabusha wakudala.”—Isaya 63:16.
4, 5. (a) Kungamuphi umqondo uJehova enza abantu bakhe banhlanhlathe ezindleleni zakhe? (b) UJehova ufuna luhlobo luni lokukhulekela?
4 U-Isaya uyaqhubeka ekhuluma ngokusuka enhliziyweni: “O Jehova, kungani uqhubeka usenza ukuba sinhlanhlathe ezindleleni zakho? Kungani wenza inhliziyo yethu ibe lukhuni ekukwesabeni? Buya ngenxa yezinceku zakho, izizwe zefa lakho.” (Isaya 63:17) Yebo, u-Isaya uthandazela ukuba uJehova aphinde azibheke izinceku zakhe. Kodwa uJehova uwenza ngamuphi umqondo amaJuda ukuba anhlanhlathe ezindleleni zakhe? Ingabe nguJehova onecala ngobulukhuni bezinhliziyo zawo obuwenza angamesabi? Cha, kodwa uyena okuvumelayo, futhi njengoba ephelelwe ithemba amaJuda akhala ngokuthi nguJehova owawanikeza leyo nkululeko. (Eksodusi 4:21; Nehemiya 9:16) Afisa sengathi ngabe uJehova ungenelile wawanqanda ekwenzeni okubi.
5 Njengokulindelekile, uNkulunkulu akasebenzelani kanjalo nabantu. Siyizidalwa ezinenkululeko yokuzikhethela, futhi uJehova uyasiyeka sizinqumele ukuthi sizomlalela yini noma ngeke. (Duteronomi 30:15-19) UJehova ufuna ukukhulekelwa okusuka ezinhliziyweni nasezingqondweni ezishukunyiswa uthando lwangempela. Ngakho uwayekile amaJuda ukuba azikhethele, yize lokhu kuwenze amhlubuka. Uzenze ngale ndlela izinhliziyo zawo zaba lukhuni.—2 IziKronike 36:14-21.
6, 7. (a) Uba yini umphumela wokushiya kwamaJuda izindlela zikaJehova? (b) Yisiphi isifiso esiyize esivezwayo, kodwa yini amaJuda angenalo ilungelo lokuyilindela?
6 Uba yini umphumela? Ngokwesiprofetho, u-Isaya uthi: “Isikhathi esincane isizwe sakho esingcwele sasinefa. Izitha zethu ziyigxobagxobile indlu yakho engcwele. Isikhathi eside siye saba njengalabo ongazange ubuse phezu kwabo, njengalabo igama lakho elingazange libizwe phezu kwabo.” (Isaya 63:18, 19) Indlu kaJehova engcwele yaba eyabantu bakhe isikhashana. UJehova wabe esevumela ukuba ibhujiswe nesizwe sakhe sithunjwe. Ngesikhathi kwenzeka lokho, kwaba sengathi kwakungazange kube nasivumelwano phakathi kwakhe nenzalo ka-Abrahama, futhi kwaba sengathi igama lakhe lalingakaze libizwe phezu kwayo. Manje njengoba ethunjwe eBabiloni, amaJuda ayabalisa esephelelwe ithemba: “O ukube wawuwaklebhulile amazulu, ukube wawehlile, ukube ngenxa yakho izintaba zazizamazamile, njengalapho umlilo wokhela izinsaba, nanjengalapho umlilo ubilisa amanzi, ukuze wenze igama lakho laziwe kwabaphikisana nawe, ukuze ngenxa yakho izizwe ziyaluze!” (Isaya 64:1, 2) UJehova unawo ngempela amandla okusindisa. Ngokuqinisekile wayengehla azolwela abantu bakhe, aklebhuklebhule lezi zimiso zohulumeni abanjengezulu, abhidlize le mibuso enjengezintaba. UJehova wayengenza ukuba igama lakhe laziwe ngokubonisa intshiseko yakhe enjengomlilo ngenxa yabantu bakhe.
7 UJehova wayezenzile izinto ezinjena ngaphambili. U-Isaya uyazikhumbula: “Lapho wenza izinto ezesabekayo esasingenakuthemba ukuzibona, wehla. Ngenxa yakho izintaba imbala zazamazama.” (Isaya 64:3) Izenzo ezinkulu kanjalo zabonisa amandla kaJehova nokuba kwakhe uNkulunkulu. Nokho, amaJuda angathembekile esikhathi sika-Isaya awanagunya lokulindela ukuba uJehova athathe izinyathelo ezinjalo ngenxa yawo.
NguJehova Kuphela Ongasindisa
8. (a) Iyiphi indlela uJehova ahluke ngayo konkulunkulu bamanga bezizwe? (b) Kungani uJehova engasithathi isinyathelo sokusindisa abantu bakhe nakuba ekwazi ukwenza kanjalo? (c) UPawulu umcaphuna futhi amsebenzise kanjani u-Isaya 64:4? (Bheka ibhokisi ekhasini 366.)
8 Onkulunkulu bamanga ababenzeli abakhulekeli babo imisebenzi yamandla yokubasindisa. U-Isaya uyabhala: “Kusukela esikhathini eside esidlule akekho noyedwa ozwile, futhi akekho noyedwa obeke indlebe, neso alimbonanga omunye uNkulunkulu, ngaphandle kwakho, osithathayo isinyathelo ngenxa yalowo ohlala emlindele. Uye wahlangana nalowo othabayo nowenza ukulunga, labo abahlale bekukhumbula ezindleleni zakho.” (Isaya 64:4, 5a) NguJehova kuphela ‘ongumvuzi walabo abamfuna ngobuqotho.’ (Heberu 11:6) Uthatha isinyathelo sokuvikela labo abenza ukulunga nalabo abamkhumbulayo. (Isaya 30:18) Ingabe amaJuda akwenzile lokhu? Cha. U-Isaya uthi kuJehova: “Bheka! Wena uye wathukuthela, ngesikhathi siqhubeka sona—sikukho isikhathi eside, ingabe kufanele sisindiswe?” (Isaya 64:5b) Ngenxa yokuthi abantu bakaNkulunkulu banomlando omude wokona bephindelela, asikho isizathu sokuba uJehova ayibambe intukuthelo yakhe futhi abasindise.
9. AmaJuda aphendukayo angaba nethemba lani, futhi yini esingayifunda kulokhu?
9 AmaJuda awanakukwesula osekwenzekile, kodwa uma ephenduka futhi ebuyela ekukhulekeleni okumsulwa, angaba nethemba lokuthethelelwa nokuthola izibusiso esikhathini esizayo. Ngesikhathi sakhe esifanele uJehova uyobavuza abaphendukayo ngokubakhulula ekuthunjweni eBabiloni. Noma kunjalo kudingeka babe nesineke. Naphezu kokuphenduka kwabo, uJehova ngeke alushintshe uhlelo lwakhe lwesikhathi. Nokho, uma behlala bephapheme futhi benza intando kaJehova, baqinisekiswa ngokuthi bayokhululwa ekugcineni. AmaKristu nawo namuhla ahlala elindele uJehova ngesineke. (2 Petru 3:11, 12) Silalela amazwi omphostoli uPawulu, owathi: “Masingayeki ukwenza okuhle, ngoba ngenkathi efanele siyovuna uma singakhathali.”—Galathiya 6:9.
10. Yikuphi ukwehluleka u-Isaya akuvuma ngokungagwegwesi emthandazweni wakhe?
10 Umthandazo ka-Isaya ongokwesiprofetho awukona nje ukuvuma izono ngendlela ehleliwe. Uveza ukuthi isizwe siyaqaphela ukuthi asikwazi ukuzisindisa sona ngokwaso. Lo mprofethi uthi: “Saba njengomuntu ongahlanzekile, sonke ngothi lwethu, zonke izenzo zethu zokulunga zinjengengubo yangezinkathi zokuya esikhathini; sizobuna njengamaqabunga, sonke ngothi lwethu, futhi iziphambeko zethu ziyomuka nathi njengomoya.” (Isaya 64:6) Ekupheleni kwesikhathi sokuthunjwa, kungenzeka ukuthi amaJuda aphendukile aseyekile ukuhlubuka. Kungenzeka ukuthi asephendukele kuJehova ngezenzo zokulunga. Kodwa awakabi aphelele. Izenzo zawo ezinhle, yize zituseka, zifana nezingubo ezingcolile uma sekuziwa ekuhlawuleleni izono. Ukuthethelela kukaJehova kuyisipho esingafanelwe esishukunyiswa isihe sakhe. Akuyona into esingazenza siyifanelekele.—Roma 3:23, 24.
11. (a) Yisiphi isimo esingokomoya esingesihle esikhona kumaJuda amaningi athunjiwe, futhi kungase kubangelwe yini lokhu? (b) Obani ababeyizibonelo ezinhle kakhulu zokholo ngesikhathi sokuthunjwa?
11 Njengoba u-Isaya ebheka phambili, ubonani? Lo mprofethi uyathandaza: “Akekho obiza igama lakho, akekho ovukayo ukuba abambelele kuwe; ngoba usifihlele ubuso bakho, futhi usibangela ukuba sincibilikiswe ngamandla esiphambeko sethu.” (Isaya 64:7) Isimo esingokomoya sesizwe sifile. Abantu bebengasathandazi babize igama likaNkulunkulu. Yize bengasenalo icala lesono esibi kakhulu sokukhonza izithombe, ngokusobala abasenandaba nokukhulekela kwabo, futhi akekho “ovukayo ukuba abambelele” kuJehova. Kusobala ukuthi abanabo ubuhlobo obuhle noMdali. Mhlawumbe abanye bazizwa bengakufanelekeli ukukhuluma noJehova ngomthandazo. Abanye kungenzeka bazenzela imisebenzi yabo yansuku zonke bengamcabangi nakumcabanga. Yebo, phakathi kwezithunjwa kukhona abantu abanjengoDaniyeli, uHananiya, uMishayeli, u-Azariya noHezekeli abayizibonelo ezinhle zokholo. (Heberu 11:33, 34) Njengoba isondela ekupheleni inkathi yeminyaka engu-70 yokuthunjwa, amadoda anjengoHagayi, uZakariya, uZerubabele nomPristi Ophakeme uJoshuwa bami ngomumo ukuze bahole ngendlela enhle kakhulu ekubizeni igama likaJehova. Noma kunjalo, umthandazo ka-Isaya oyisiprofetho ubonakala uchaza isimo sezithunjwa eziningi.
“Ukulalela Kungcono Kunomhlatshelo”
12. U-Isaya ukuveza kanjani ukuzimisela kwamaJuda ukushintsha ukuziphatha kwawo?
12 AmaJuda aphendukile azimisele ukushintsha. U-Isaya uyathandaza ewamelela kuJehova: “Manje, Jehova, wena unguBaba wethu. Thina siwubumba, wena unguMbumbi wethu; thina sonke siwumsebenzi wesandla sakho.” (Isaya 64:8) La mazwi aphinde aqaphele igunya likaJehova njengoBaba, noma uMniki-kuphila. (Jobe 10:9) AmaJuda aphendukayo afaniswa nobumba oluthambile. Labo abasamukelayo isiyalo sikaJehova, ngomqondo ongokomfanekiso, bangalolongwa noma babunjwe ngokuvumelana nezindinganiso zikaNkulunkulu. Kodwa lokhu kungenzeka kuphela uma uJehova, uMbumbi, ewathethelela. Ngakho, kabili u-Isaya umnxusa ukuba akhumbule ukuthi amaJuda angabantu bakhe: “Ungathukutheli kuze kwedlulele, Jehova, futhi ungasikhumbuli kuze kube phakade isiphambeko sethu. Manje, bheka, siyakucela: thina sonke singabantu bakho.”—Isaya 64:9.
13. Linjani izwe lakwa-Israyeli njengoba abantu bakaNkulunkulu besekuthunjweni?
13 Ngesikhathi ethunjiwe, amaJuda abekezelela okungaphezulu kakhulu kokumane athunjelwe ezweni lamaqaba. Ukuba yincithakalo kweJerusalema nethempeli lalo kuwathela ngesihlamba wona noNkulunkulu wawo. Umthandazo ka-Isaya wokuphenduka ubala ezinye zezinto eziletha lesi sihlamba: “Imizi yakho engcwele ibe yihlane, iZiyoni libe yihlane lodwa, iJerusalema libe yincithakalo engenalutho. Indlu yethu yobungcwele nobuhle, okhokho bethu abakudumisa kuyo, ibe yinto yokushiswa ngomlilo; zonke izinto zethu ezifiselekayo zibhuqiwe.”—Isaya 64:10, 11.
14. (a) UJehova waxwayisa kanjani ngesimo esikhona manje? (b) Nakuba lalimjabulisa uJehova ithempeli lakhe nemihlatshelo eyayenzelwa lapho, yini ebaluleke ngaphezu kwalo?
14 Yebo, uJehova usazi kahle isimo sezwe lokhokho bamaJuda. Kusasele iminyaka engu-420 iJerusalema libhujiswe, waxwayisa abantu bakhe ngokuthi uma beyishiya imiyalo yakhe bakhonze abanye onkulunkulu, ‘wayeyobanquma ebusweni bomhlaba,’ nethempeli elihle laliyoba ‘inqwaba yezincithakalo.’ (1 AmaKhosi 9:6-9) Yiqiniso, uJehova lalimjabulisa izwe ayelinike abantu bakhe, ithempeli eliwubukhazikhazi ayakhelwe lona, nemihlatshelo ayenzelwa yona. Kodwa ukwethembeka nokulalela kubaluleke ngaphezu kwezinto ezibonakalayo, ngisho nemihlatshelo. Umprofethi uSamuweli washo kufanelekile eNkosini uSawulu ukuthi: “Ingabe uJehova ujabulela iminikelo yokushiswa nemihlatshelo kunokulalelwa kwezwi likaJehova? Bheka! Ukulalela kungcono kunomhlatshelo, ukunaka kungcono kunamanoni ezinqama.”—1 Samuweli 15:22.
15. (a) Yisiphi isikhalo u-Isaya asenza ngokwesiprofetho kuJehova, futhi siphendulwa kanjani? (b) Yiziphi izenzakalo ezenza ukuba uJehova alahle u-Israyeli unomphela njengesizwe?
15 Noma kunjalo, ingabe uNkulunkulu ka-Israyeli angabuka usizi lwabantu bakhe abaphendukile kodwa kungathi diki kuye? Yilowo mbuzo u-Isaya aphetha ngawo umthandazo wakhe oyisiprofetho. Egameni lamaJuda athunjiwe, uyanxusa: “Njengoba uzibhekile lezi zinto, ingabe uyoqhubeka uzibambile, Jehova? Ingabe uyohlal’ uthule futhi usiyeke sihlushwe kuze kwedlulele?” (Isaya 64:12) Ekugcineni, ngempela uJehova uyabathethelela abantu bakhe, futhi ngo-537 B.C.E., ubabuyisela ezweni labo ukuze baqale kabusha ukukhulekela okumsulwa lapho. (Joweli 2:13) Ngemva kwamakhulu eminyaka, iJerusalema nethempeli lalo kwaphinde kwabhujiswa, futhi uNkulunkulu wagcina esilahlile isizwe sakhe sesivumelwano. Ngani? Ngoba abantu bakaJehova base beyishiyile imiyalo yakhe futhi balahla uMesiya. (Johane 1:11; 3:19, 20) Lapho kwenzeka lokhu, esikhundleni sika-Israyeli, uJehova wathatha isizwe esisha, isizwe esingokomoya, “u-Israyeli kaNkulunkulu.”—Galathiya 6:16; 1 Petru 2:9.
UJehova, ‘UMuzwi Wemithandazo’
16. IBhayibheli lifundisani ngokuthethelela kukaJehova?
16 Kunezifundo ezibalulekile esingazifunda kokwenzeka ku-Israyeli. Sifunda ukuthi uJehova “muhle futhi ukulungele ukuthethelela.” (IHubo 86:5) Njengezidalwa ezingaphelele, sithembele esiheni sakhe nasekuthetheleleni kwakhe ukuze sithole insindiso. Akukho misebenzi esingayenza engasenza sifanelwe yilezi zibusiso. Kodwa uJehova akavele nje athethelele noma ubani ngokunganaki. Yilabo abaphendukayo ezonweni zabo futhi bazishiye abasethubeni lokuthola ukuxolelwa kwaphezulu.—IzEnzo 3:19.
17, 18. (a) Sazi kanjani ukuthi uJehova unesithakazelo sangempela emicabangweni nasemizweni yethu? (b) Kungani uJehova ebabekezelela abantu abanesono?
17 Sifunda nokuthi uJehova unesithakazelo emicabangweni yethu nasemizweni yethu esiyiveza lapho sithandaza kuye. ‘UnguMuzwi wemithandazo.’ (IHubo 65:2, 3) Umphostoli uPetru uyasiqinisekisa: “Amehlo kaJehova aphezu kwabalungileyo, futhi izindlebe zakhe zisekunxuseni kwabo.” (1 Petru 3:12) Sifunda nokuthi umthandazo wokuphenduka kumelwe uhlanganise nokuvuma izono ngokuthobeka. (IzAga 28:13) Nokho, lokhu akusho ukuthi kumelwe sicabange ukuthi isihe sikaNkulunkulu siyosithola nakanjani. IBhayibheli lixwayisa amaKristu ‘ukuba angawamukeli umusa ongafanelwe kaNkulunkulu abese elahlekelwa injongo yawo.’—2 IziKronike 6:1.
18 Okokugcina, sifunda injongo yokubekezelela kukaNkulunkulu abantu bakhe abanesono. Umphostoli uPetru wathi uJehova uyabekezela “ngoba akafisi ukuba kubhujiswe muntu kodwa ufisa ukuba bonke bafinyelele ekuphendukeni.” (2 Petru 3:9) Noma kunjalo, labo abaqhubekayo bedlala ngokubekezela kukaNkulunkulu bayojeziswa ekugcineni. Ngokuqondene nalokhu siyafunda: “[UJehova] uyonikeza lowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe: ukuphila okumi phakade kulabo abafuna inkazimulo nodumo nokungonakali ngokukhuthazela emsebenzini omuhle; nokho, kulabo ababangayo nabangalilaleli iqiniso kodwa abalalela ukungalungi kuyoba khona ulaka nentukuthelo.”—Roma 2:6-8.
19. Yiziphi izimfanelo ezingaguquki uJehova ayolokhu ezibonisa?
19 UNkulunkulu wasebenzelana kanjena no-Israyeli wasendulo. Ubuhlobo esinabo noJehova bubuswa izimiso ezifanayo ngoba akashintshi. Nakuba ebajezisa abafanelwe ukujeziswa, uyolokhu ‘enguJehova uNkulunkulu onesihe nomusa, owephuza ukuthukuthela nochichima umusa wothando neqiniso, olondolozela abayizinkulungwane umusa wothando, oxolela isiphambeko neseqo nesono.’—Eksodusi 34:6, 7.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 362]
Umthandazo KaDaniyeli Wokuphenduka
Umprofethi uDaniyeli wayehlala eBabiloni phakathi nayo yonke inkathi yokuthunjwa kwamaJuda eyiminyaka engu-70. Ngesinye isikhathi phakathi nonyaka ka-68 wokuthunjwa, isiprofetho sikaJeremiya senza uDaniyeli waqonda ukuthi ukuhlala kuka-Israyeli kuleli zwe kwase kuzophela. (Jeremiya 25:11; 29:10; Daniyeli 9:1, 2) UDaniyeli waphendukela kuJehova ngomthandazo—umthandazo wokuphenduka ayewenzela sonke isizwe samaJuda. UDaniyeli uthi: “Ngabhekisa ubuso bami kuJehova uNkulunkulu weqiniso, ukuba ngimfune ngomthandazo nangokuncenga, ngokuzila ukudla nangendwangu yesaka nangomlotha. Ngaqala ukuthandaza kuJehova uNkulunkulu wami nokuvuma izono.”—Daniyeli 9:3, 4.
UDaniyeli wathandaza lo mthandazo ngemva kweminyaka engaba ngu-200 u-Isaya abhala umthandazo ongokwesiprofetho osezahlukweni 63 no-64 zencwadi yakhe. Akungabazeki ukuthi amaJuda amaningi aqotho ayethandaza kuJehova phakathi neminyaka yokuthunjwa. Kodwa iBhayibheli liqokomisa umthandazo kaDaniyeli, ngokusobala owawuveza imizwa yamaJuda amaningi athembekile. Ngakho, umthandazo wakhe ubonisa ukuthi okwakushiwo umthandazo ka-Isaya ongokwesiprofetho ngempela kwakuyimizwa yamaJuda athembekile eBabiloni.
Phawula ukufana phakathi komthandazo kaDaniyeli noka-Isaya.
Isaya 64:10, 11 Daniyeli 9:16-18
[Ibhokisi ekhasini 366]
‘Iso Alibonanga’
Encwadini ayibhalela abaseKorinte, umphostoli uPawulu wacaphuna incwadi ka-Isaya lapho eloba: “Njengoba nje kulotshiwe ukuthi: ‘Iso alizibonanga nendlebe ayizizwanga, futhi azizange zicatshangwe enhliziyweni yomuntu izinto uNkulunkulu aye wazilungiselela labo abamthandayo.’” (1 Korinte 2:9)a Inkulumo kaPawulu noma amazwi ka-Isaya awakhulumi ngezinto uJehova azihlinzeke abantu bakhe efeni lasezulwini noma epharadesi lasemhlabeni elizayo. UPawulu ubhekisa amazwi ka-Isaya ezibusisweni amaKristu ekhulu lokuqala ayesezijabulela kakade, njengokuqonda izinto ezijulile zikaNkulunkulu nokwamukela ukuqonda okungokomoya kuJehova.
Izinto ezijulile ezingokomoya singaziqonda kuphela uma sekuyisikhathi sikaJehova esifanele sokuzembula—kodwa nalapho, singaziqonda kuphela uma singabantu abangokomoya abanobuhlobo obuseduze noJehova. Amazwi kaPawulu asebenza kulabo abanengokomoya elincane noma abangenalo nhlobo. Iso labo alikwazi ukubona noma ukuqonda amaqiniso angokomoya, nendlebe yabo ayikwazi ukuzwa noma ukuqonda izinto ezinjalo. Ulwazi ngezinto uNkulunkulu azilungiselele labo abamthandayo alungeni nakungena ezinhliziyweni zabantu abanjalo. Kodwa labo abazinikezele kuNkulunkulu, njengoPawulu, uNkulunkulu ubambulele lezi zinto ngomoya wakhe.—1 Korinte 2:1-16.
[Imibhalo yaphansi]
a La mazwi kaPawulu awatholakali emiBhalweni yesiHeberu enjengoba awacaphuna. Kubonala sengathi uhlanganise imiqondo eku-Isaya 52:15; 64:4; no-65:17.
[Isithombe ekhasini 367]
IJerusalema nethempeli lalo laba elabantu bakaNkulunkulu “okwesikhashana”