Ukuzalwa Komntwana Okuhle Kakhulu Emhlabeni Kwandulela Ukulondeka Komhlaba Wonke
“Sizalelwa umntwana, siphiwa indodana; umbuso uyakubasemahlombe akhe, negama lakhe liyakuthiwa uMluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.”—ISAYA 9:6.
1. Ukulondeka komhlaba wonke kungokuqinisekile ngaphansi kukabani, futhi sikwazi kanjani lokhu?
UKULONDEKA komhlaba wonke! Ngaphansi ‘kweNkosi yalelizwe,’ uSathane uDeveli, kuyiphupho elingenakwenzeka. (Johane 12:31, The New English Bible) lKodwa ukulondeka komhlaba wonke ngaphansi ‘kweNkosi yokuthula,’ uJesu Kristu, kuqiniseke ngokuphelele. UJehova uyasiqinisekisa ngalokhu esiprofethweni esiphathelene nokuzalwa nempilo ‘yeNkosi yokuthula.’ KuIsaya 9:6, 7, siyafunda: “Sizalelwa umntwana, siphiwa indodana; umbuso uyakuba-semahlombe akhe, negama lakhe liyakuthiwa uMluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula. Umbuso uyakuba-mkhulu, ukuthula kungabi-nakuphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze uqiniswe, usekelwe ngokwahlulela nangokulunga, kusukela manje kuze kube-phakade. Ukushisekela kukaJehovaSebawoti kuyakwenza lokhu.”
2. (a) Isiprofetho sikaIsaya 9:6, 7 sanikezwa ngaphansi kwaziphi izimo? (b) Sazi kanjani ukuthi uJehova uyobambelela ngokungehluleki esivumelwaneni asenza noDavide sombuso waphakade ohlwini lo zalo lwakhe?
2 Yeka isiprofetho esimangalisayo! Kuyoba okujabulisayo ukuhlola lesiprofetho esiphathelene nokuzalwa komntwana okuhle kakhulu emhlabeni, kodwa ngaphambi kokuba sisiqonde ngokugcwele, sidinga ukuba sigxile ezimweni lesiprofetho esanikezwa ngaphansi kwazo. Kwakuyisikhathi sozungu lwezizwe zonke ezinsukwini zombuso wakwaJuda ngaphansi kweNkosi uAhazi. Nakuba yayingathembekile kuJehova, leyonkosi yavunyelwa ukuba ihlale esihlalweni sobukhosi sikaJehova. Yaboniswa lomusa ngenxa yesivumelwano sombuso waphakade uJehova asenza noDavide ohlwini lozalo lwakhe. Nakuba uDavide amukwa ilungelo lokwakha ithempeli likaJehova, uNkulunkulu wamnika esinye isibusiso. Lesi sashiwo ngamazwi omprofethi uNathani: “Futhi uJehova uyakutshela ukuthi uJehova uyakukwenzela wena indlu. Indlu yakho nombuso wakho kuyakuqiniswa njalo phambi kwakho; isihlalo sakho sobukhosi siyakumiswa kuze kube-phakade.” (2 Samuweli 7:11, 16) Leso sithembiso saphezulu sabonakala sanelisa eNkosini uDavide kangangokuthi yalangazelela ukugcwaliseka kwaso okukhazimulayo.
3. (a) Lesosivumelwano noDavide sigcwaliseka kubani, futhi kukanjani lesosivumelwano sasivelele? (b) Yini uDeveli ayenza yaba umgomo wakhe ngokuqondene nesivumelwano soMbuso?
3 Lesosivumelwano esenziwa noDavide sigcwaliseka eNdodaneni enkulu kaDavide, uJesu Kristu, “iNkosi yokuthula.” Ayikho enye indlu yobukhosi kulomhlaba eyake yajabulela isivumelwano esinjalo sombuso, esinokubusa kwenkosi okukhulu ngokungenakuphela, esinokuthula okungenakuphela. Kodwa lesosivumelwano soMbuso saphakamisa inselele kuyo yonke imibuso yezwe uSathane ayinkosi yayo, noma umbusi. Ngakho uDeveli namademoni akhe bakwenza umgomo wabo ukuzama ukubhubhisa indlu kaDavide futhi ngaleyondlela basuse ithemba layo lokuba nendlalifa yaphakade. USathane wathola amathuluzi ayeselungile njengeNkosi yaseAramu uResini, iNkosi uPheka wombuso wezizwe eziyishumi zakwaIsrayeli, neNkosi yaseAsiriya.
Uzungu Ngesivumelwano SoMbuso
4. UDeveli waqhubeka kanjani nemizamo yakhe yokuvimbela ukusebenza kwesivumelwano soMbuso kaJehova esenziwa noDavide?
4 Laliyini icebo likaDeveli? Injongo yakhe yayiwukuphoqelela iNkosi yakwaJuda uAhazi, ngenxa yokwesaba, esivumelwaneni esingafanele nenkosi yaseAsiriya. UDeveli wayengakwenza kanjani lokhu? Nokho, wabangela iNkosi yakwaIsrayeli uPheka neNkosi yaseAramu uResini ukuba babophele indlu kaDavide uzungu. Babopha uzungu lokuba basuse uAhazi esihlalweni sobukhosi sikaJuda ukuze babeke umuntu wabo, indodana kaThabeyeli, njengenkosi ababezoyilawula. Yayingubani lendodana kaThabeyeli? Kusobala ukuthi yayingeyena umzukulu wendlu kaDavide. Ngakho-ke, yayingeyona indoda okwakungadluliselwa ngayo isivumelwano sikaNkulunkulu soMbuso kuze kube yilapho sithola iNdlalifa yaso yaphakade ‘eyiNkosi yokuthula.’ Yayizoba umuntu wabo, hhayi umuntu kaNkulunkulu, esihlalweni sobukhosi sikaJuda. Ngakho iBhayibheli lidalula umzamo kaSathane wokuvimbela ukusebenza kwesivumelwano soMbuso kaJehova esenziwa noDavide.
5, 6. INkosi uAhazi yasabela kanjani ozungwini ngokumelene nendlu kaDavide, futhi isiphi isigijimi esikhuthazayo uJehova ayinikeza sona?
5 INkosi uAhazi yasabela kanjani kulolusongo? Yona nabantu bayo bathuthumela ngokwesaba. Ngakho uJehova wayinika ukwaziswa okuthile okukhuthazayo ukuze ayinqande ekwenzeni isivumelwano sokuvikela nenkosi yombuso wezwe owawuvela, iAsiriya. UJehova wathuma umprofethi wakhe uIsaya ukuba ahlangabeze uAhazi futhi adlulise lesigijimi esitholakala kuIsaya 7:4-9:
6 “Ungesabi . . . ngokuba iAramu noEfrayimi [ilungu eliholayo lombuso wakwaIsrayeli] nendodana kaRemaliya [uPheka] bacebile okubi ngawe, bathi: Masikhuphukele kwelakwaJuda, silikhathaze, sizinqobele lona, sibeke inkosi phakathi kwalo, indodana kaThabeyeli, ngalokho isho iNkosi uNkulunkulu, ithi: Akuyikuma, futhi akuyikwenzeka. . . . Uma ningakholwa, impela aniyikuma.”
Isibonakaliso Sokwehluleka Kozungu
7. (a) Yini eyaholela esiprofethweni esiphawulekayo sikaIsaya 7:14? (b) Ukuzalwa kukaEmanuweli kwakuyisibonakaliso esiqinisekile sani, futhi amadodana kaIsaya ayezokhonza njengani?
7 Kanjalo, uJehova wabikezela ukuchithwa kwababophi bozungu. Ngalesosikhathi kwafika isikhathi sesiprofetho saphezulu esasinokubaluleka okukhungathekisa umhlaba, ngoba sasikhomba eNdlalifeni yobukhosi yesivumelwano soMbuso esenziwa noDavide. Kodwa yini eyaholela kulesosiprofetho esiphawulekayo? Nokho, uJehova wayekhuluma neNkosi uAhazi. Watshela uAhazi ukuba acele noma isiphi isibonakaliso esimangalisayo ayengacabanga ngaso, khona-ke uJehova wayezosenza njengesiqinisekiso esiphelele sokuthi uNkulunkulu wayezolwephula uzungu olwalwenzelwe indlu kaDavide. Kodwa uAhazi wenqaba ukucela isibonakaliso esinjalo. Yini eyenzeka ngemva kwalokho? UIsaya 7:14 uyasitshela: “Ngalokho iNkosi [uJehova] uqobo iyakukunika isibonakaliso: bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, ibize igama layo ngokuthi uImanuweli.” Lelogama lisho ukuthi “UNkulunkulu Unathi.” Njengoba uImanuweli namanye amadodana amabili kaIsaya kwakumelwe abe yizibonakaliso, umprofethi wathi kuIsaya 8:18: “Bheka, mina nabantwana uJehova anginiké bona siyizibonakaliso nezimangaliso kwaIsrayeli, ezivela kuJehova-Sebawoti.” Ngakho ukuzalwa kukaImanuweli kwakuyisibonakaliso esiqinisekile sokuthi bonke ababophi bozungu nozungu ababelwenze ngokumelene nesivumelwano soMbuso kaNkulunkulu neNdlalifa yawo kwakuyoba yize!
8. (a) Sathini isiprofetho esikuisaya 7:15, 16 ngomfana uEmanuweli, futhi waba yini umphumela? (b) Yini okungenzeka ukuthi ibangela ukuba kungaziwa ukuthi kwakungubani uEmanuweli ezinsukwini zikaIsaya?
8 Irekhodi leBhayibheli alisho ukuthi ubani owazala indodana eyaqanjwa ngokuthi uImanuweli. Kungenzeka ukuthi kwaba intombi engumJuda eyaba umfazi wesibili womprofethi uIsaya. Kungakhathaliseki ukuthi kwakungubani, isiprofetho saqhubeka siveza ukuthi ngaphambi kokuba umntwana akhule ngokwanele ukuba ahlukanise phakathi kokuhle nokubi, amakhosi amabili ayebophela indlu kaDavide uzungu ayezofika ekupheleni okuyincithakalo. (Isaya 7:15, 16) Lokhu kwaba njalo. Iqiniso lokuthi sisalokhu singaqinisekile ngokuthi wayengubani uImanuweli ezinsukwini zikaIsaya kungenzeka ukuthi kungenzuzo yokuba kungaphazamiseki ukunakekela kwezizukulwane zamuva kuImanuweli oMkhulu lapho esevela njengesibonakaliso esimangalisayo esivela ezulwini.
9. (a) Yini ukugcwaliseka kwesibonakaliso nokuchithwa kozungu ngokumelene nesivumelwano soMbuso okwakuqinisekisa? (b) Iluphi uzungu lomhlaba olukhulu kakhulu kunalo lonke?
9 Yebo, ezinsukwini zika-Ahazi, kwakunokugcwaliseka okuncane kuphela kwesibonakaliso nokokuchithwa kozungu lomhlaba olwenzelwa isivumelwano soMbuso kaNkulunkulu. Nokho lokho kugcwaliseka kokuqala kwaqinisekisa ukuthi isibonakaliso nokuchithwa kozungu lomhlaba kwakuzogcwaliseka ngomqondo omkhulu esikhathini sethu esinzima. Namuhla sibhekene nozungu olukhulu lomhlaba kunanoma inini ngaphambili. Ngamuphi umqondo? Ngokuthi izizwe azilinaki ngokuphelele ilungiselelo likaJehova lokuletha ukuthula okuhlala njalo, futhi ziphikisa ngisho nabameleli ‘beNkosi yokuthula.’ Ngempela loluzungu lwenzelwa iNdlalifa yesivumelwano soMbuso, “iNkosi yokuthula.” Kuthiwani-ke ngokugcwaliseka okuphelele kwesiprofetho? Uma sisiqonda isibonakaliso, khona-ke sizoqonda ukuthi isiphetho saloluzungu lomhlaba siyinto eqinisekile.
Ukuzalwa ‘KweNkosi Yokuthula’
10. (a) Ekugcwalisekeni okuphelele kukaIsaya 7:14, ubani owazala umntwana njengesibonakaliso neNdlalifa yesivumelwano soMbuso? (b) Umlobimlando uMathewu usihlanganisa kanjani isibonakaliso sikaEmanuweli nendlu kaDavide?
10 Ekugcwalisekeni okuphelele kwesiprofetho, intombi eyazala umntwana njengesibonakaliso neNdlalifa yesivumelwano soMbuso kwakunguMariya, incasakazi engumJuda eyayiwumzukulu weNkosi uDavide. Ingelosi uGabriyeli yamtshela ukuthi wayezozala indodana eyayizobizwa ngokuthi uJesu, ukuthi uJehova uNkulunkulu ‘wayezoyinika isihlalo sobukhosi sikayise uDavide,’ nokuthi ‘umbuso wayo awuyikubanakuphela.’ (Luka 1:26-33) Umlobimlando ophefumlelwe uMathewu uhlanganisa isibonakaliso sika Imanuweli nendlu kaDavide. KuMathewu 1:20-23 siyafunda: “Ingelosi yeNkosi yabonakala [kuJosefa] ngephupho, ithi: Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukumthatha uMariya umkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungoMoya oNgcwele. Uzakuzala indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu, ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo. Lokhu konke kwenzeka ukuba kugcwaliseke okwakhulunywa yiNkosi ngomprofethi ukuthi: Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama lokuthi uEmanuweli okungukuthi ngokuhunyushwa uNkulunkulu unathi.”
11. Ukuzalwa kukaEmanuweli okwakubikezelwe kwenzeka nini futhi kuphi?
11 Lokhu kuzalwa okwabikezelwa kukaEmanuweli kwenzeka nini futhi kuphi? Wonke amehlo amaJuda ayebhekiswe endaweni okuyiyo ngamazwi kaMika 5:2, acashunwe kuMathewu 2:6: “Nawe-Betlehema, lizwe lakwaJuda, kawusiye omncane nakanye kubabusi bakwaJuda, ngokuba kuyakuvela kuwe umbusi oyakwalusa isizwe sami uIsrayeli.” Kwakungonyaka ka-2 B.C.E. emzini waseBetlehema lapho kwazalwa khona “iNkosi yokuthula,” futhi isiprofetho esijabulisayo sikaIsaya 9:6, 7 saqala ukugcwaliseka.
12, 13. Ukuzalwa ‘kweNkosi yokuthula’ kwaluletha kubani udumo olukhulu, futhi iziphi izici ezinhle nezikhazimulayo ezahalalisela lokhu kuzalwa?
12 Ubani kithina owayengeke akubheke njengelungelo nenjabulo ukuba umzali walowo owayezoba nesiqu esithi “iNkosi yokuthula”? Ngakho-ke kwaletha inkazimulo enkulu kuYise waleNkosi. Eqinisweni, akukaze kwenzeke ngaphambili ukuba ukuzalwa komuntu kuhalaliselwe ngezici ezinhle nezikhazimula kangaka.
13 Ingelosi kaJehova ekhazimulayo yabonakala kubelusi ababelinde imihlambi yabo ebusuku emadlelweni ayengaphandle kweBetlehema, futhi “inkazimulo yeNkosi [uJehova] yabakhanyisa nxazonke.” Khona-ke ingelosi yamemezela ukuzalwa igcwalisa isiprofetho saphezulu, ithi: “Nizalelwe namuhla uMsindisi onguKristu iNkosi emzini kaDavide.” Njengokungathi lokho kwakungakhazimuli ngokwanele, kwabonakala esibhakabhakeni uquqaba lwe zingelosi ezazidumisa uYise womntwana owayesanda kuzalwa futhi zisho njengokungathi ngezwi elilodwa zithi: “Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.” Yeka ukuthi kwakufaneleke kanjani ngezingelosi ukumemezela ekuzalweni kwalowo owayemiselwe ukuba “iNkosi yokuthula” ukuthi kwakuyoba nokuthula kwaphezulu kubo bonke abantu abathokozelwa uNkulunkulu!—Luka 2:8-14.
14, 15. (a) Amadodana kaNkulunkulu asezulwini adumisa uJehova ngaziphi izenzakalo? (b) Kungani kungekho okunye ukuzalwa komntwana kuwo wonke umlando womuntu okungafaniswa nalokhu?
14 Esikhathini eside ngaphambi kokuzalwa kwalowo owayezoba “iNkosi yokuthula,” izingelosi zazidumise uJehova esenzakalweni esibalulekile. Kwakuyilapho, ekudaleni kwakhe, esekela umhlaba. (Jobe 38:4) Uke wazibona yini izithombe zomhlaba wethu ezithwetshulwe osonkanyezi besemkhathini? Khona-ke wabona lokho okuye kwabonwa izingelosi kuphela kuze kube sezikhathini zamuva. Futhi izingelosi zasabela kanjani ngalesosikhathi? UJobe 38:7 uyasitshela: “Izinkanyezi zokusa zahlabelela kanyekanye, nawo onke amadodana kaNkulunkulu ajabula.”
15 Ukuzalwa okuhle kakhulu okwake kwenzeka kulomhlaba kwakuzoba isenzakalo amadodana kaNkulunkulu ayengahlanganisa ngaso amazwi awo amnandi engomeni yokudumisa. Njengoba nje ubaba wasemhlabeni ehalaliselwa ekuzalweni kwendodana yakhe eyizibulo, kanjalo noBaba wasezulwini owabangela lokhu kuzalwa okukhazimula kakhulu okwake kwenzeka emhlabeni ufanele ukudunyiswa ngehubo ngamalungu omkhaya wakhe wasezulwini. Yeka indlela lowomculo omuhle ngokukhethekile okumelwe ukuba wajatshulelwa ngayo nguMuntu waphezulu ekubeni kwakhe ngubaba okokuqala ngqá ngaphansi kwezimo ezintsha ngokuphelele! Akukaze kwenzeke ngaphambili kuwo wonke umlando wendawo yonke ukuba kube nokuzalwa komntwana okungafaniswa nalokho kwalowo owayemiselwe ukuba “iNkosi yokuthula.”
“Ukukhanya Okukhulu” Kuyabonakala
16. Kunini futhi kukanjani kwakukhona oku nye ukugcwaliseka kukaIsaya isahluko 9?
16 Lapho uJesu eqala inkonzo yakhe yasobala, kwakunokunye ukugcwaliseka kukaIsaya isahluko 9. Lokhu kwakuphathelene namavesi akhe amabili okuqala, abikezela ukuthi “ukukhanya okukhulu” kwakuyobonakala kubantu “abahamba ebumnyameni.” Umlobimlando ophefumlelwe uMathewu esahlukweni 4, amavesi 13 kuya ku-17 usichazela ngokugcwaliseka kwalawomavesi: “Wasuka [uJesu] eNazaretha, weza wahlala eKapernawume elingaselwandle emikhawulweni yakwaZabuloni neyakwaNafetali ukuba kugcwaliseke okwakhulunywa ngoIsaya umprofethi ukuthi: Izwe lakwaZabuloni nezwe lakwaNafetali ngaselwandle ngaphesheya kweJordani, iGalile labezizwe, isizwe esasihlezi ebumnyameni sibonile ukukhanya okukhulu, nababehlezi ezweni nasethunzini lokufa kuphumele kubo ukukhanya. Kusukela kulesosikhathi uJesu waqala ukushumayela nokusho ukuthi: Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.”
17. Kungani uJesu ayengabangela ukuba ukukhanya kubonakale kubantu bakwaZabuloni nabakwaNafetali, futhi lokhu kukhanya kwakuyosho ukuthini ngalabo ababehlezi ebumnyameni?
17 UZabuloni noNafetali babehlala emaphethelweni kaIsrayeli asenyakatho futhi babehlanganisa isifunda saseGalile. UNafetali wayakhe kulo lonke ugu olusentshonalanga loLwandle lwaseGalile. Ngakho kwakungokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu kulezozindawo okwenza uJesu, kanye nabafundi bakhe, babangela ukuba ukukhanya kubonakale kubantu balapho abase benesikhathi eside behlezi ebumnyameni. KuJohane 8:12 uJesu wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe; ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa woba-nokukhanya kokuphila.” Kanjalo, ngoJesu “ababehlezi ezweni nasethunzini lokufa” bakwazi ukuba “nokukhanya kokuphila” ngoba wanikela ngokuphila kwakhe “kube-yisihlengo sabaningi.” Nguye uJehova amsebenzisa ukuba aqondise ukukhanya ngezindlela abantu ababe ngazuza ngazo ukuphila.—Mathewu 4:23; 20:28.
18. (a) Kungani lokhu “kukhanya okukhulu” kwakungenakuphelela kubantu baseGalile? (b) Yini ezocatshangelwa esihlokweni esilandelayo?
18 Lokhu “kukhanya okukhulu” okuthembisa ukukhululwa ekufeni nasekucindezelweni akuphelelanga kubantu baseGalile. UIsaya wayengazange yini abikezele ukuthi umbuso wawungayikuba nakuphela? Futhi uIsaya wayengazange abikezele yini ukuthi indima ‘yeNkosi yokuthula’ yayiyoba nkulu? Yebo, ngoba uIsaya 9:6, 7 uthi: “Igama lakhe liyakuthiwa uMluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula. Umbuso uyakuba-mkhulu, ukuthula kungabi-nakuphela.” Esihlokweni esilandelayo, sizocabangela indima kaJesu Kristu ‘njengoMluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade,’ ‘nanjengeNkosi yokuthula.’
Uyakhumbula?—
◻ Yiluphi uzungu olwaba khona ezinsukwini zeNkosi uAhazi?
◻ Ikuphi ukugcwaliseka okuncane kwesibonakaliso sikaIsaya 7:14?
◻ Kwaba yini ukugcwaliseka okuphelele kwalesosibonakaliso?
◻ Kungani ukuzalwa ‘kweNkosi yokuthula’ kwakuwukuzalwa komntwana okuhle kakhulu emhlabeni?