Isizwe Esigcina Ubuqotho
“Vulani amasango ukuba isizwe esilungileyo esigcina iqiniso singene.”—ISAYA 26:2.
1. Kungani amazwi ka-Isaya aphathelene ‘nesizwe esilungileyo’ engase abe amangazayo?
NAMUHLA, kukhona zonke izinhlobo zezizwe. Ezinye zibuswa ngentando yeningi, ezinye ngomashiqela. Ezinye zicebile, ezinye zimpofu. Kunento eyodwa ezifana ngayo: Zonke ziyingxenye yezwe uSathane angunkulunkulu walo. (2 Korinte 4:4) Ngenxa yalokhu, amazwi ka-Isaya angase abamangaze abanye lapho ethi: “Vulani amasango ukuba isizwe esilungileyo esigcina iqiniso singene.” (Isaya 26:2) Isizwe esilungileyo? Yebo, kunesizwe esilungileyo, njengoba lesisiprofetho sibhekisela ekubeni khona kwaso osukwini lwethu. Singabonakala kanjani lesisizwe esingavamile?
2. Siyini “isizwe esilungileyo”? Sazi kanjani?
2 Ekuhumusheni kwe-New World Translation u-Isaya 26:2, lesisizwe kuthiwa ‘sigcina ukuziphatha kokukholeka.’ IBhayibheli lesiZulu Elivamile lihumusha lelivesi ngalendlela, “isizwe esilungileyo esigcina iqiniso.” Zombili ziyizincazelo ezifanelekile. Eqinisweni, kulula ukubona lesisizwe esilungileyo ngoba siwukuphela kwesizwe emhlabeni esizithoba kuKristu iNkosi, kanjalo esingeyona ingxenye yezwe likaSathane. (Johane 17:16) Njengesizwe esinjalo, amalungu aso aziwa ‘ngokulondoloza ukuziphatha okuhle phakathi kwezizwe.’ Alandela indlela yokuphila ekhazimulisa uNkulunkulu. (1 Petru 2:12, NW) Ngaphezu kwalokho, noma kuphi lapho ekhona, ayingxenye ‘yebandla likaNkulunkulu ophilayo, insika nesisekelo seqiniso.’ (1 Thimothewu 3:15) Esekela iqiniso, ayawenqaba amafilosofi obuqaba afundiswa eLobukholwa, futhi amelela “ubisi olungokomoya olungenakonakala”—iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. (1 Petru 2:2) Ngaphezu kwalokho, ashumayela ngentshiseko izindaba ezinhle zoMbuso “kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu.” (Kolose 1:23) Ingabe kungangatshazwa ukuthi lesisizwe sakhiwe abagcotshiwe abasasele ‘baka-Israyeli kaNkulunkulu,’ ibandla lamaKristu agcotshiwe? Lutho neze!—Galathiya 6:16.
Isizwe Siyazalwa
3. Chaza indlela “isizwe esilungileyo” esazalwa ngayo.
3 Sazalwa nini “isizwe esilungileyo”? Ukuqala kwaso kwaprofethwa ngakho encwadini ka-Isaya. Ku-Isaya 66:7, 8, siyafunda: “ISiyoni lingakabi-namihelo lazala; lingakehlelwa ngubuhlungu labeletha umntwana wesilisa. . . . ISiyoni lithé lisenemihelo, lazala abantwana balo.” Ngokungavamile ngempela, iSiyoni, inhlangano kaNkulunkulu yasezulwini, lalizozala “umntwana wesilisa” ngaphambi kokuba libe nemihelo. Ngo-1914 uMbuso WobuMesiya wazalwa emazulwini. (IsAmbulo 12:5) Ngemva kwalokho izizwe eziningi ngokwengeziwe zahileleka empini yezwe yokuqala, amaKristu agcotshiwe abhekana nokucindezeleka nokushushiswa okukhulu. Ekugcineni, ngonyaka ka-1919, isizwe esingokomoya, “umntwana wesilisa,” sazalwa emhlabeni. Kanjalo iSiyoni “lazala abantwana balo”—amalungu agcotshiwe ‘esizwe esisha esilungileyo’—futhi laba bahlelelwa umsebenzi wokufakaza owanda ngokuqhubekayo.—Mathewu 24:3, 7, 8, 14; 1 Petru 2:9.
4. Kungani kuye kwadingeka ukuba isizwe sikaNkulunkulu esilungileyo silwe kanzima ukuze silondoloze ubuqotho?
4 Kusukela saba khona, lesisizwe siye sabhekana nokuvivinywa okunzima kakhulu kobuqotho baso. Ngani? Lapho uMbuso wasezulwini uzalwa, uSathane namademoni akhe bakhishwa ezulwini baphonswa phansi emhlabeni. Izwi elikhulu lamemeza: “Kalokhu insindiso namandla nobukhosi ngokukaNkulunkulu wethu, nombuso ngokaKristu wakhe, ngokuba uphonswé phansi ummangaleli wabazalwane bethu obamangalelayo phambi kukaNkulunkulu wethu imini nobusuku. Nabo uqobo lwabo bamnqoba ngegazi leWundlu nangezwi lobufakazi babo, futhi abakuthandanga ukuphila kwabo kwaze kwaba-sekufeni.” Kulolushintsho lwezimo uSathane wasabela ngolaka olukhulu “wayokulwa nabaseleyo benzalo [yowesifazane], labo abagcina imiyalo kaNkulunkulu nabanobufakazi bukaJesu.” Ebhekené nokuhlasela kukaSathane, amaKristu agcotshiwe ama eqinile. Kuze kube namuhla, amalungu ashisekayo esizwe sikaNkulunkulu esilungileyo abonisa ukholo egazini likaJesu elihlengayo futhi ayaqhubeka enikeza uJehova impendulo kumsoli wakhe omkhulu ngokugcina ubuqotho ‘ngisho nalapho bebhekene nokufa.’—IsAmbulo 12:1, 5, 9-12, 17; IzAga 27:11.
5. Isiphi isimo sengqondo esihle soFakazi bosuku lwanamuhla esiye sabasiza ukuba bagcine ubuqotho?
5 Ngo-1919, lapho ukufakaza ngoMbuso kaNkulunkulu kosuku lwanamuhla kuqala, abaFundi BeBhayibheli, njengoba babebizwa kanjalo oFakazi BakaJehova ngalesosikhathi, babembalwa kodwa beqinile okholweni. Baba amalungu ayisisekelo ‘omuzi onamandla, onensindiso eyizingange nezindonga.’ Ithemba labo ‘lalikuJehova oyidwala elingunaphakade.’ (Isaya 26:1, 3, 4) NjengoMose wasendulo, bamemezela: “Ngiyakumemezela igama likaJehova: mnikeni uNkulunkulu wethu ubukhulu. Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, ngokuba zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokuthembeka ongenakonakala; ulungile, uqotho yena.”—Duteronomi 32:3, 4.
6. Iyiphi indlela uJehova aye wabusisa ngayo abantu bakhe kulezizinsuku zokugcina?
6 Kusukela ngalesosikhathi, amasango elungiselelo loMbuso kaNkulunkulu aye ahlala evuliwe njengoba okokuqala abasele bamaKristu agcotshiwe angu-144 000 babeqoqwa futhi manje isixuku esikhulu ‘sezinye izimvu’ sihlanganyela ekumenyezelweni kwezinjongo zoMbuso kaJehova. (Johane 10:16) Ngakho, kungase kumenyezelwe ngenjabulo: “Wandisa isizwe, Jehova, wandisa isizwe, wadunyiswa, wanula yonke imikhawulo yezwe.” (Isaya 26:15) Njengoba sihlola insimu yezwe namuhla, yeka indlela lawomazwi ayiqiniso ngayo! Ngamandla omoya ongcwele, ubufakazi boMbuso kaKristu ozayo buye banikezwa ‘kwaze kwaba sekugcineni komhlaba.’ (IzEnzo 1:8) Inani lalokho kwanda lingalinganiswa ngoMbiko Wonyaka Wenkonzo WoFakazi BakaJehova Emhlabeni Wonke Ka-1994, ovela emakhasini 12-15.
Inani Elisha Eliphakeme Labamemezeli
7, 8. (a) Ibuphi ubufakazi obukhona bokuthi abantu bakaNkulunkulu baye ‘belula izintambo zabo’? (b) Lapho sibheka Umbiko Wonyaka Wenkonzo Ka-1994, iziphi izindawo ozibonayo ‘ezenula imikhawulo yazo’ ngokuphawulekayo?
7 Cabangela ezinye izici ezivelele zalombiko. Inani eliphakeme labamemezeli boMbuso ensimini lifinyelelé u-4 914 094! Yeka indlela okuvusa ngayo amadlingozi ukubona ukuqoqwa okuqhubekayo ‘kwesixuku esikhulu . . . sivela kuzo zonke izizwe, nemindeni, nabantu, nezilimi, simi phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu, sembethe izingubo ezinde ezimhlophe’! Yebo, nalaba baye bazibonakalisa bengabagcini bobuqotho. “[Baye] bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba-mhlophe egazini leWundlu,” bebhekwa njengabalungileyo ngenxa yokuba nokholo emhlatshelweni kaJesu wesihlengo.—IsAmbulo 7:9, 14.
8 Ikakhulukazi kusukela ngo-1919, kuye kwadluliselwa umyalo enhlanganweni kaJehova: “Yenza ibe-banzi indawo yetende lakho; mabazelule izindwangu zamakhaya akho, ungazibambezeli, welule izintambo zakho, uziqinise izikhonkwane zakho.” (Isaya 54:2) Ngenxa yalokho, umsebenzi wokushumayela uyaqhubeka ngaphandle kokuphazamiseka, ngisho naseYukon eneqhwa, esemngceleni wase-Alaska, lapho iqembu lamaphayona elibekezelayo likhuthazelela khona amazinga okubanda okungaphela amasonto engu-45° kuya ku-50° C. ngaphansi kwezingaqhwa. Eminyakeni yamuva nje izixuku zithutheleka ngokushesha okwandayo esizweni sikaJehova esigcina ubuqotho. Amasango aye avuleka kakhulu ukuze kwamukelwe lezizixuku ezivela emazweni ase-Asia angelona eLobukholwa, ezindaweni ezazibuswa ubuKhomanisi, emazweni amaningi ase-Afrika, nasemazweni alawulwa ubuKatolika, anjenge-Italy, iSpain, iPortugal, neNingizimu Melika. Abantu ababaleké ezindaweni zakubo baye bavula enye insimu. Ngokwesibonelo, eNgilandi, oFakazi banakekela izidingo zezinhlanga ezingu-13 ezikhuluma ezinye izilimi.
“Lokhu Kwenzeni”
9. (a) Inani lababekhona eSikhumbuzweni ngo-1994 libonisani? (b) Imaphi amanye amazwe anenani eliphakeme ngokungavamile lababakhona eSikhumbuzweni?
9 Esinye isici esivelele sombiko wonyaka ababa khona eSikhumbuzweni. Ngaphambi nje kokufa kwakhe, uJesu wamisa iSikhumbuzo egubha ukufa kwakhe wayesetshela abalandeli bakhe: “Lokhu kwenzeni ukuba ningikhumbule.” (1 Korinte 11:24) Kwakuvusa amadlingozi ngo-1994 ukubona abangu-12 288 917—abangaphezu kokuphindwa kabili kwenani labamemezeli abakhuthele—behlangana ndawonye ukuze balalele lowomyalo, njengabahlanganyeli noma izibukeli. Kwamanye amazwe inani lababekhona eSikhumbuzweni lalingaphezulu ngisho nokuba ngaphezulu uma liqhathaniswa nelabamemezeli. Abamemezeli abangu-4 049 e-Estonia, eLatvia, naseLithuania bakujabulela ukuba nabangu-12 876 eSikhumbuzweni, inani elingaphezu kokuphindwa kathathu kwelabamemezeli. Futhi eBenin, abangu-16 786 ababekhona eSikhumbuzweni bamelela cishe inani eliwukuphindwa kahlanu kwelabamemezeli. Elinye ibandla labamemezeli abangu-45 lalinabangu-831 ababekhona!
10. (a) Inani eliphakeme lababakhona eSikhumbuzweni libeka muphi umthwalo wemfanelo kithi? (b) Chaza ukuthi yini engenzeka lapho umuntu oye waba khona eSikhumbuzweni ethola usizo olwengeziwe.
10 OFakazi BakaJehova bayajabula ngokuthi abantu abaningi kangaka abathakazelayo bahlanganyela nabo kuleyonkathi ehlahlamelisayo. Manje bafuna ukusiza lababantu benze intuthuko eyengeziwe ekuqondeni nasekuthandeni kwabo iqiniso. Abanye bangase basabele ngendlela u-Alla waseRussia asabela ngayo. U-Alla wayefunda nodade oyiphayona elikhethekile kodwa wathuthuka kancane, ngakho isifundo sanqanyulwa. Nakuba kunjalo, u-Alla wasamukela isimemo sokuba khona eSikhumbuzweni. Lowomhlangano, obaluleke kakhulu, waba nethonya elikhulu kuye. Lapho ephindela ekhaya, walahla zonke izithombe zakhe zenkolo futhi wathandazela usizo kuJehova. Ezinsukwini ezimbili kamuva, udade oyiphayona wavakashela u-Alla ezobona ukuthi usijabulele kanjani iSikhumbuzo. Kwalandela ingxoxo enezithelo. Isifundo sika-Alla saqalwa kabusha. Ngokushesha wayesehlanganyela emsebenzini wokufakaza. Lokhu okuhlangenwe nakho kubonisa ukubaluleka kokulandelela labo ababakhona eSikhumbuzweni. Ngokunokwenzeka abaningi bayosabela ngendlela u-Alla asabela ngayo.
“Singakuyeki Ukuhlangana Kwethu”
11-13. (a) Iyini ingxenye yokuziphatha kokwethembeka kwesizwe esilungileyo? (b) Kungani amaKristu eqiniso kudingeka abe khona emihlanganweni?
11 ISikhumbuzo siwumhlangano obaluleke kakhulu ekhalendeni loFakazi BakaJehova, kodwa akuwona neze ukuphela komhlangano abanawo. Isonto ngalinye oFakazi BakaJehova bahlangana ndawonye belalela amazwi kamphostoli uPawulu: “Masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye, kepha masivuselelane, ikakhulu njengokuba nibona usuku lusondela.” (Heberu 10:24, 25) Bahlanganyela nesizwe sikaJehova esilungileyo esibonakala ngokuziphatha kwaso kokukholeka. Ukuziphatha kokukholeka kuhlanganisa ukuba khona emihlanganweni ngokukholeka.
12 Ngokobufakazi obutholakalayo lokhu kuqondwa kahle ePhilippines, lapho isilinganiso sezwe lonke senani lababa khona emihlanganweni yangeSonto singamaphesenti angu-125 enani labamemezeli. Kuqondwa kahle futhi yiqembu loFakazi nabantu abathakazelayo e-Argentina. Bahlala endaweni eqhele ngamakhilomitha angu-20 ukusuka eHholo LoMbuso. Nakuba kunjalo, umbonisi wesifunda ubika ukuthi akukho namunye wabo olahlekelwa imihlangano, ngaphandle kwalapho egula. Bahamba ngekalishi noma ngehhashi amahora amane, futhi ebusika bathatha loluhambo belibhekise emakhaya phakathi kobumnyama bobusuku.
13 Njengoba isiphelo salesisimiso sisondela, ukuphila kuba nzima, izinkinga ziyanda, futhi ukuba khona njalo emihlanganweni kungase kube inselele ngokwengeziwe. Kodwa ngaphansi kwezimo ezinjalo, sinesidingo sokudla okungokomoya nokuhlangana okufudumele kunanini ngaphambili okungatholakala kuphela ngokuba khona emibuthanweni enjalo.
‘Yiba Kulo Unomuzwa Wokuphuthuma’
14. Kungani oFakazi BakaJehova benomuzwa wokuphuthuma ngenkonzo yabo, futhi imiphi imiphumela ebonisa lokhu?
14 Ngonyaka odlule, iSonto LamaKatolika e-Italy labhekisela emsebenzini woFakazi BakaJehova ngokuthi ‘ukuguqula abantu ngokubahlasela.’ Nokho, ngempela akukho lutho oluwubudlova kulokho oFakazi abakwenzayo. Kunalokho, inkonzo yabo iwukubonakaliswa kothando olujulile ngomakhelwane babo. Futhi iwubufakazi bokulalela amazwi kaPawulu: “Shumayela izwi, ube kulo unomuzwa wokuphuthuma ngenkathi evumayo, ngenkathi enzima.” (2 Thimothewu 4:2, NW) Umuzwa wokuphuthuma ushukumisa oFakazi BakaJehova ukuba bashiseke enkonzweni yabo, njengoba kubonakala ekusebenziseni kwabo ingqikithi yamahora angu-1 096 065 354 ngo-1994 beshumayela komakhelwane, benza izimpindelo, futhi beqhuba izifundo zeBhayibheli zamasonto onke ezingu-4 701 357. Abaningi bakwazi ukuhlanganyela enkonzweni yamaphayona, okubonisa ukuthi umoya wobuphayona ukhona futhi uyasebenza. Isilinganiso samaphayona angu-636 202 emhlabeni wonke siyakufakazela lokhu.
15, 16. (a) Abasha nabadala baye bawubonisa kanjani umoya wokuphayona? (b) Lapho ubheka izwe ngalinye eMbikweni Wonyaka Wenkonzo Ka-1994, kukuphi lapho ubona khona amanani avelele amaphayona?
15 Phakathi kwalawo maphayona kunentsha eningi. Enye intsha e-United States manje ikhonza njengamaphayona avamile phakathi nemfundo yayo yasesikoleni esiphakeme, insimu yayo eyinhloko kungefunda nabo ekilasini. Lentsha iye yathola ukuthi ukuphayona kuyindlela engcono kakhulu yokuzivikela ezidakamizweni, ekuziphatheni okubi, nasebudloveni obusakazeke ezikoleni eziningi kulelozwe. Enye intsha eningi inomgomo wokuphayona lapho iqeda esikoleni. U-Irina, e-Ukraine, waba iphayona elisizayo phakathi naso sonke isikhathi esesikoleni esiphakeme ukuze azilungiselele ukuphayona ngemva kokuphothula. Lapho esephothulile, umkhaya wakubo wathembisa ukumsekela ngokuphathelene nomsebenzi wokuziphilisa ukuze awumelele emsebenzini wobuphayona obuvamile. Ngokomnotho, izinto azilula e-Ukraine. Kodwa u-Irina uthi: “Ngiyazi ukuthi ngenza umsebenzi ongasho ukuphila ngami nje kuphela kodwa nangalabo engibashumayezayo.” Kuyinjabulo ngempela ukubona intsha eningi kangaka namuhla icabanga njengo-Irina. Iyiphi enye indlela engcono ngayo ‘yokukhumbula uMdali wayo emihleni yobunsizwa nobuntombi bayo’?—UmShumayeli 12:1.
16 Inani elikhulu lamaphayona selikhulile ngeminyaka. Elinye libika ukuthi phakathi nempi yezwe yesibili, uyise nomfowabo babulawa lapho belwa empini, futhi unina nodadewabo badutshulwa emjondolo. Kamuva lashonelwa indodana yalo. Manje, njengoba seligugile futhi lingasenayo impilo enhle, uJehova uye walinika, ebandleni lobuKristu, umkhaya omkhulu kunalowo owalilahlekela. Futhi lithola injabulo yalo ekusizeni abanye njengephayona elivamile.
17, 18. Ngamunye wethu, kungakhathaliseki ukuthi uyiphayona noma cha, angawubonisa kanjani umoya wokuphayona?
17 Yiqiniso, akubona bonke abangaphayona. UJehova uyakujabulela ukwamukela okweshumi kwethu okuphelele, okungcono kakhulu esingakunikela, kungakhathaliseki ukuthi kungase kube okungakanani esingakwenza. (Malaki 3:10) Ngempela, sonke singawuhlakulela umoya walamaphayona ashisekayo futhi senze konke izimo zethu ezisivumela ukukwenza ukuze siqhubekisele phambili umsebenzi wokushunyayelwa kwezindaba ezinhle.
18 Ngokwesibonelo, e-Australia, u-April 16 wa-bekelwa eceleni njengosuku olukhethekile lokufakaza emgwaqweni. Lwasekelwa kahle abamemezeli namaphayona ngokufanayo, njengoba kwafakazelwa inani elisha eliphakeme laleyonyanga labamemezeli abangu-58 780. Ngaphezu kwalokho, kwahanjiswa omagazini abengeziwe abangu-90 000 kunangenyanga efanayo ngonyaka odlule. Phakathi nosuku olukhethekile, omunye udade wahambisela indoda ethile omagazini, futhi lapho esabhala igama nekheli layo ukuze alandelele isithakazelo, wathola ukuthi bahlobene! Kwavela ukuthi babengokanina okwase kuphele iminyaka engu-30 bengabonani. Lokho ngokuqinisekile kwavula amathuba ezimpindelo ezijabulisa ngempela!
Gcina Ubuqotho Kuze Kube Sekupheleni
19. Kungani kuphuthuma ukuba isizwe sikaJehova esilungileyo sigcine ubuqotho kuze kube sekupheleni?
19 Kuyaphuthuma ukuthi bonke esizweni sikaNkulunkulu esilungileyo bagcine ubuqotho njengoba izwe likaSathane liya emaphethelweni alo. Ngokushesha, isizwe sikaJehova esingcwele sizozwa lolubizo: “Wozani, bantu bami, ningene emakamelweni enu, nizivalele iminyango, nicashe ngokuphazima kweso, kuze kudlule ulaka.” Nakanjani lelizwe elinecala legazi liyobhekana nesahlulelo saphezulu. “Ngokuba bhekani, uJehova uyaphuma endaweni yakhe ukuba ahambele ububi babakhileyo emhlabeni; umhlaba uyakubonakalisa igazi lawo, ungabe usabasibekela ababuleweyo babo.” (Isaya 26:20, 21) Kwangathi ngamunye wethu angama eqinile njengomKristu ogcina ubuqotho ozihlanganise nesizwe sikaJehova esilungile. Khona-ke siyokujabulela ukufinyelela ukuphila okuphakade endaweni yasemhlabeni noma yasezulwini eMbusweni kaKristu.
Uyakhumbula?
◻ Sazalwa nini “isizwe esilungileyo”?
◻ Kungani kuye kwadingeka ukuba abantu bakaNkulunkulu bakhuthazele phakathi nalezizinsuku zokugcina?
◻ Yini eboniswa inani eliphakeme labamemezeli namahora abawasebenzisa enkonzweni okuboniswe eMbikweni Wonyaka Wenkonzo Ka-1994?
◻ Kungani ukuba khona emihlanganweni kubaluleke kakhulu njengoba lelizwe lisondela ekupheleni kwalo?
◻ Kungani bonke abahlanganyela nesizwe sikaNkulunkulu esilungileyo kumelwe bagcine ubuqotho?
[Ishadi ekhasini 12-15]
UMBIKO WONYAKA WENKONZO KA-1994 WOFAKAZI BAKAJEHOVA EMHLABENI WONKE
(See bound volume)
[Isithombe ekhasini 18]
Abagcini bobuqotho esizweni sikaJehova esilungileyo bayofinyelela ukuphila okuphakade bephelele