Funa Ukuthula Kweqiniso, Ukuphishekele!
“Lowo obengathanda ukuphila futhi abone izinsuku ezinhle, . . . makafulathele okubi futhi enze okuhle; makafune ukuthula futhi akuphishekele.”—1 PETRU 3:10, 11.
1. Yimaphi amazwi adumile ka-Isaya ayophumelela nakanjani?
“BAYAKUKHANDA izinkemba zabo zibe-ngamakhuba nemikhonto yabo ibe-ngocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa.” (Isaya 2:4) Nakuba lamazwi adumile ebhalwe ngokugqamile eduze nendlunkulu yomhlaba yeZizwe Ezihlangene eNew York City, leyo nhlangano yomhlaba ayizange nakancane iwafeze. Nokho, njengengxenye yezwi likaJehova uNkulunkulu elingaweli phansi, leso simemezelo siyofezeka.—Isaya 55:10, 11.
2. Ngokuka-Isaya 2:2, 3 yini okumelwe yenzeke “ngezinsuku ezizayo”?
2 Amazwi atholakala ku-Isaya 2:4 eqinisweni ayingxenye yesiprofetho esimangalisayo, isiprofetho esimayelana nokuthula kweqiniso—futhi sigcwaliseka kuso kanye isikhathi sethu. Ngaphambi kokumemezela amathemba ajabulisayo okungabikho kwezimpi nezikhali zempi, lesi siprofetho sithi: “Kuyakuthi ngezinsuku ezizayo intaba yendlu kaJehova iqiniswe esiqongweni sezintaba, iphakame kunamagquma nezizwe zonke ziyakugobhozela khona. Abantu abaningi bayakuhamba, bathi: Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova endlini kaNkulunkulu kaJakobe; uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe, ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni, nezwi likaJehova eJerusalema.”—Isaya 2:2, 3.
Abantu Bangaba Nokuthula
3. Umuntu angayeka kanjani ukuba yisixhwanguxhwangu abe nokuthula?
3 Phawula ukuthi ngaphambi kokuba abantu baphishekele inkambo yokuthula, kumelwe bafundiswe ngezindlela zikaJehova. Ukusabela ngokulalela ekufundiseni kukaJehova kungaguqula indlela yomuntu yokucabanga nokwenza, ukuze umuntu obeyisixhwanguxhwangu abe nokuthula. Kufezwa kanjani lokhu kuguqulwa? EyabaseRoma 12:2 ithi: “Niyeke ukulolongwa nifane nalesisimiso sezinto, kodwa maniguqulwe ngokushintsha ingqondo yenu, ukuze nizitholele ngokwenu intando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo.” Sishintsha ingqondo yethu, noma siyishukumisele endleleni ehlukile, ngokuyigcwalisa ngezimiso nemiyalo yeZwi likaNkulunkulu. Isifundo seBhayibheli sasikhathi sonke sisisiza ukuba senze lolu shintsho futhi sikwazi ukuzitholela thina ukuthi intando kaJehova iyini ngathi, ukuze siyibone kahle indlela okumelwe sihambe ngayo.—IHubo 119:105.
4. Umuntu ubugqoka kanjani ubuntu obusha obunokuthula?
4 Iqiniso leBhayibheli aliguquli nje indlela yethu yokucabanga kuphela kodwa nezenzo zethu kanye nobuntu. Lisisiza ukuba senze lokho umphostoli uPawulu akunxusa: “Nilahle ubuntu obudala obuvumelana nenkambo yenu yokuziphatha yangaphambili futhi obonakaliswayo ngokwezifiso zabo zenkohliso; kodwa . . . nenziwe basha emandleni ashukumisa ingqondo yenu, futhi nigqoke ubuntu obusha obadalwa ngokwentando kaNkulunkulu ngokulunga kweqiniso nokwethembeka.” (Efesu 4:22-24) Lamandla ashukumisa ingqondo angaphakathi. Ayaguqulwa futhi abe namandla njengoba uthando lwethu ngoJehova nemithetho yakhe lukhula, futhi asenza abantu abangokomoya nabanokuthula.
5. “Umyalo omusha” uJesu awunika abafundi bakhe ukukhuthaza kanjani ukuthula okuphakathi kwabo?
5 Isidingo salokhu kuguqulwa sibonakala emyalweni uJesu awunika abafundi bakhe emahoreni okugcina enabo: “Ngininika umyalo omusha, wokuba nithandane; njengoba nje nami nginithandile, ukuba nani nithandane. Bonke bayokwazi ngalokhu ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.” (Johane 13:34, 35) Lolu thando olunjengolukaKristu nolungenabugovu, luhlanganisa abafundi ebunyeni obuphelele. (Kolose 3:14) Yilabo kuphela abazimisele ukwamukela ‘lomyalo omusha’ futhi baphile ngawo abayojabulela ukuthula okuthenjiswa uNkulunkulu. Ingabe bakhona abantu abenza lokhu namuhla?
6. Kungani oFakazi BakaJehova bejabulela ukuthula, ngokungafani nabantu bezwe?
6 OFakazi BakaJehova bazama ukubonisa uthando ebuzalwaneni babo bomhlaba wonke. Nakuba bephuma kuzo zonke izizwe zomhlaba, abahileleki ezingxabanweni zezwe ngisho nalapho becindezelwa kanzima ezombangazwe nenkolo. Njengabantu abanobunye, bafundiswa uJehova, futhi bajabulela ukuthula. (Isaya 54:13) Abathathi hlangothi ezingxabanweni zezombangazwe, futhi abahlanganyeli ezimpini. Abanye ababenobudlova sebeyiyekile leyo ndlela yokuphila. SebengamaKristu athanda ukuthula, belingisa isibonelo sikaKristu Jesu. Futhi balandela iseluleko sikaPetru ngenhliziyo yonke: “Lowo obengathanda ukuphila futhi abone izinsuku ezinhle, makabambe ulimi lwakhe kokubi nezindebe zakhe ekukhulumeni inkohliso, kodwa makafulathele okubi futhi enze okuhle; makafune ukuthula futhi akuphishekele.”—1 Petru 3:10, 11; Efesu 4:3.
Labo Abaphishekela Ukuthula
7, 8. Nikeza izibonelo zabantu abayeka impi bafuna ukuthula kweqiniso. (Landisa ngabanye okungenzeka uyabazi.)
7 Ngokwesibonelo, kunoRami Oved, owayeyisikhulu samaphoyisa alwa namaphekula. Wayeqeqeshelwe ukubulala izitha zakhe. Wayebambelele ngobuqotho ebuzweni bakhe njengomIsrael kwaze kwaba usuku athola ngalo ukuthi orabi babengafuni ashade nowesifazane ayemthanda ngoba nje engowase-Asia, engoweZizwe. Waqala ukufuna iqiniso eBhayibhelini. Wabe esehlangana noFakazi BakaJehova. Ukutadisha kwakhe iBhayibheli noFakazi kwamqinisekisa ukuthi wayengenakuqhubeka eshisekela ubuzwe. Uthando lobuKristu lwasho ukuyeka ukulwa nezikhali, afunde ukuthanda abantu bazo zonke izinhlanga. Yeka indlela amangala ngayo lapho ethola incwadi yomusa eqala ngalamazwi, “Mfoweth’uRami”! Yini eyayingavamile ngalokho? Yayibhalwe uFakazi wasePalestine. “Ngacabanga ukuthi kwakuyisimanga,” kusho uRami, “ngoba abasePalestine babeyizitha zami, kodwa nangu omunye wabo engibiza ngokuthi ‘Mfowethu.’” Manje uRami nomkakhe baphishekela ukuthula kweqiniso ngendlela kaNkulunkulu.
8 Esinye isibonelo esikaGeorg Reuter, owayesebuthweni lamaJalimane elahlasela eRussia ngeMpi Yezwe II. Akuthathanga sikhathi ukuba akhungathekiswe icebo likaHitler eliyinqaba lokubusa umhlaba. Lapho ebuya empini, waqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Wabhala: “Ekugcineni, izinto zaziqala ukungikhanyela. Ngaqaphela ukuthi kwakungafanele kusolwe uNkulunkulu ngakho konke ukuchitheka kwegazi . . . Ngafunda ukuthi injongo yakhe kwakuwukumisa ipharadesi lomhlaba wonke elinezibusiso zaphakade esintwini esilalelayo. . . . UHitler wayezigqaja ‘ngokuBusa kwakhe Kweminyaka Eyinkulungwane’ kodwa wabusa [iminyaka] engu-12 kuphela—futhi yeka umphumela oshaqisayo! Akuyena uHitler kodwa uKristu . . . ongamisa noyomisa ukubusa kweminyaka eyinkulungwane emhlabeni.” Manje sekuyiminyaka engaba ngu-50 uGeorg ekhonza njengesithunywa sokuthula kweqiniso enkonzweni yesikhathi esigcwele.
9. Lokho oFakazi BakaJehova ababhekana nakho eJalimane lamaNazi kubonisa kanjani ukuthi banesibindi nokuthula?
9 Ubuqotho nokungathathi hlangothi koFakazi BakaJehova eJalimane phakathi nokubusa kwamaNazi, kusaqhubeka ngisho namanje kuwubufakazi bothando lwabo ngoNkulunkulu nangokuthula, eminyakeni engaphezu kuka-50 kamuva. Incwajana eyakhishwa yi-United States Holocaust Memorial Museum eWashington, D.C., ithi: “OFakazi BakaJehova bakhuthazelela ukushushiswa okunzima ngaphansi kombuso wamaNazi. . . . Isibindi esaboniswa abaningi ngokwenqaba [ukulahla inkolo yabo], bebhekene nokuhlukunyezwa, ukuphathwa ngesihluku emakamu okuhlushwa, futhi ngezinye izikhathi ukubulawa, senza abaningi ababenabo babahloniphe.” Ibe isinezela: “Ngesikhathi bekhululwa emakamu, oFakazi BakaJehova baqhubeka nomsebenzi wabo, behambela ababesindile, bebaguqula.”
Ushintsho Olukhulu Kakhulu
10. (a) Yiluphi ushintsho olukhulu oludingekayo ukuze ukuthula kweqiniso kufike? (b) Lokhu kwaboniswa kanjani encwadini kaDaniyeli?
10 Ingabe lokhu kusho ukuthi oFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi bangaletha ukuthula emhlabeni wonke ngokuguqula uquqaba lukholelwe ekungathathini hlangothi kobuKristu? Cha! Ukuze ukuthula kubuyiselwe emhlabeni, kudingeka ushintsho olukhulu kunalokho. Luyini? Ukubusa kwabantu okuhlukanisayo, okucindezelayo nokunobudlova kumelwe kudedele ukubusa koMbuso kaNkulunkulu, lowo uJesu afundisa abafundi bakhe ukuba bawuthandazele. (Mathewu 6:9, 10) Kodwa kuyokwenzeka kanjani lokho? Ephusheni eliphefumulelwe ngokwaphezulu, umprofethi uDaniyeli wezwa ukuthi ezinsukwini zokugcina, uMbuso kaNkulunkulu, njengetshe elikhulu ‘elingaqheshulwanga ngazandla,’ uyophohloza isithombe esikhulu esifanekisela imibuso yezombangazwe yesintu emhlabeni. Wabe esethi: “Ezinsukwini zalawomakhosi uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke lemibuso, wona uqobo ume phakade.”—Daniyeli 2:31-44.
11. UJehova uyoluletha ngayiphi indlela ushintsho oludingekayo ukuze kube nokuthula?
11 Kungani kuyokwenzeka lolu shintsho olukhulu emhlabeni? Ngoba uJehova uthembise ukuthi uyosusa bonke labo abangcolisa nababhubhisa umhlaba. (IsAmbulo 11:18) Lolu shintsho luyokwenzeka empini kaJehova yokulunga ayokulwa kuyo noSathane nezwe lakhe elibi. KusAmbulo 16:14, 16 siyafunda: “[Izinkulumo eziphefumulelwe ezingcolile] eqinisweni, ziyizinkulumo eziphefumulelwe amademoni futhi zenza izibonakaliso, futhi ziphuma ziye emakhosini [ababusi bezombangazwe] omhlaba wonke owakhiwe, ukuze ziwabuthele ndawonye empini yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke. Futhi zawabuthela ndawonye endaweni ngesiHeberu ebizwa ngokuthi iHar–Magedoni.”
12. Iyoba njani i-Armagedoni?
12 I-Armagedoni iyoba njani? Ngeke ifane ne-apocalypse yenuzi noma inhlekelele ebangelwa abantu. Cha, iyimpi kaNkulunkulu yokuqeda zonke izimpi zabantu nokubhubhisa bonke abagqugquzela izimpi ezinjalo. Yimpi kaNkulunkulu yokuletha ukuthula kweqiniso kulabo abathanda ukuthula. Yebo, i-Armagedoni iyeza njengoba uJehova ehlosile. Ngeke ilibale. Umprofethi wakhe uHabakuki waphefumulelwa ukuba abhale: “Umbono usengowesikhathi esimisiweyo; uphuthuma ekupheleni, awuyikukhohlisa; noma ulibala, wulindele, ngokuba uyakufika nokufika, awuyikwephuza.” (Habakuki 2:3) Ngenxa yemizwa yethu yobuntu, ingabonakala yephuza, kodwa uJehova uyalugcina uhlelo lwakhe lwesikhathi. I-Armagedoni iyogadla ngehora uJehova alimise kusengaphambili.
13. UNkulunkulu uyomenzani umenzi wobubi wangempela, uSathane uDeveli?
13 Lesi sinyathelo esiwujuqu siyovula indlela yokuthula kweqiniso! Kodwa ukuze ukuthula kweqiniso kumiswe ngokuqinile, kunokunye okumelwe kwenziwe—ukususwa kwalowo obangela ukuhlukana, inzondo nengxabano. Yilokho kanye iBhayibheli eliprofetha ukuthi kuyolandela—ukuphonswa kwalasha kukaSathane, umphehli wempi noyise wamanga. Umphostoli uJohane wabona lesi senzakalo embonweni ongokwesiprofetho, njengoba ulotshwe kusAmbulo 20:1-3: “Ngabona ingelosi yehla ivela ezulwini inesihluthulelo sakwalasha neketanga elikhulu esandleni sayo. Futhi yambamba udrako, inyoka yokuqala, onguDeveli noSathane, futhi yambopha iminyaka eyinkulungwane. Futhi yamjikijela kwalasha futhi yawuvala yawubeka uphawu phezu kwakhe, ukuze angabe esazidukisa izizwe ize iphele leyominyaka eyinkulungwane.”
14. Isenzo sikaJehova sokunqoba uSathane singachazwa kanjani?
14 Leli akulona iphupho; yisithembiso sikaNkulunkulu—futhi iBhayibheli lithi: ‘Akunakwenzeka ngoNkulunkulu ukuba aqambe amanga.’ (Heberu 6:18) Ngakho ngomprofethi wakhe uJeremiya uJehova wayengathi: “NginguJehova owenza umusa [nobulungisa, NW] nokulunga emhlabeni, ngokuba ngiyathokoza ngokunjalo, usho uJehova.” (Jeremiya 9:24) UJehova wenza izinto ngobulungisa nangokulunga, futhi uyathokoza ngokuthula azokuletha emhlabeni.
Ukubusa KweNkosi Yokuthula
15, 16. (a) Ubani okhethwe uJehova ukuba abuse njengeNkosi? (b) Kuchazwe kanjani lokho kubusa, futhi obani abayohlanganyela kukho?
15 Ukuze aqiniseke ukuthi ukuthula kweqiniso kuyokuza kubo bonke abaphila ngaphansi kwelungiselelo lakhe loMbuso, uJehova uye washiyela ukubusa eNkosini Yokuthula yeqiniso, uJesu Kristu, njengoba kwabikezelwa ku-Isaya 9:6, 7: “Sizalelwa umntwana, siphiwa indodana; umbuso uyakuba-semahlombe akhe, negama lakhe liyakuthiwa uMluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula. Umbuso uyakuba-mkhulu, ukuthula kungabi-nakuphela . . . Ukushisekela kukaJehova-Sebawoti kuyakwenza lokhu.” Ngokwesiprofetho, umhubi naye wabhala ngokubusa kukaMesiya okunokuthula: “Ezinsukwini zayo olungileyo uyakuqhakaza, kuvame ukuthula, ize ingabikho inyanga.”—IHubo 72:7.
16 Ngaphezu kwalokho, abafowabo bakaKristu abagcotshwe ngomoya abangu-144 000 bayobusa naye emazulwini. Laba bayizindlalifa kanye noKristu uPawulu abhala ngazo: “Ngakolwakhe uhlangothi, uNkulunkulu onika ukuthula uzomchoboza ngokushesha uSathane ngaphansi kwezinyawo zenu. Kwangathi umusa ongafanelwe weNkosi yethu uJesu ungaba nani.” (Roma 16:20) Yebo, laba bayoba nengxenye emazulwini ekunqobeni kukaKristu umphehli wempi, uSathane uDeveli!
17. Yini okumelwe siyenze ukuze sikuzuze njengefa ukuthula kweqiniso?
17 Ngakho umbuzo manje uwukuthi, Yini okumelwe uyenze ukuze uzuze njengefa ukuthula kweqiniso? Ukuthula kweqiniso kungeza ngendlela kaNkulunkulu kuphela, futhi ukuze ukuzuze kumelwe uthathe izinyathelo eziqondile. Kumelwe wamukele iNkosi Yokuthula futhi uphendukele kuyo. Lokhu kusho ukuthi kumelwe wamukele uKristu esikhundleni sakhe njengoMkhululi noMhlengi wesintu esinesono. UJesu ngokwakhe washo lamazwi adumile: “UNkulunkulu walithanda izwe kakhulu kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhujiswa kodwa abe nokuphila okumi phakade.” (Johane 3:16) Ingabe uzimisele ukubonisa ukholo kuKristu Jesu njengeNxusa likaNkulunkulu lokuletha ukuthula kweqiniso nensindiso? Alikho elinye igama ngaphansi kwezulu elingaletha ukuthula futhi likuqinisekise. (Filipi 2:8-11) Ngani? Ngoba uJesu ungoKhethiweyo kaNkulunkulu. Uyisithunywa sokuthula esikhulu kunazo zonke esake saba khona emhlabeni. Ingabe uyomlalela uJesu futhi ulandele isibonelo sakhe?
18. Yini okufanele siyenze ekusabeleni emazwini kaJesu alotshwe kuJohane 17:3?
18 “Lokhu kusho ukuphila okumi phakade,” kusho uJesu, “ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo owamthuma, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Manje isikhathi sokungenisa ulwazi olunembile ngokuba khona njalo emihlanganweni yoFakazi BakaJehova eHholo LoMbuso. Lemihlangano efundisayo iyokushukumisela ukuba uhlanganyele nabanye ulwazi nethemba onalo. Nawe ungaba isithunywa sokuthula kukaNkulunkulu. Ungajabulela ukuthula manje ngokuthembela kuJehova uNkulunkulu, njengoba kushiwo ku-Isaya 26:3, ngokwe-New International Version: “Onengqondo egxilile uyomgcina ekuthuleni okupheleleyo, ngoba uthembela kuwe.” Kufanele uthembele kubani? “Thembani kuJehova kuze kube-phakade, ngokuba uJehova, yebo, uJehova uyidwala elingunaphakade.”—Isaya 26:4.
19, 20. Yini elindele labo namuhla abafuna ukuthula futhi bakuphishekele?
19 Zikhethele manje ukumelela ukuphila okumi phakade ezweni likaNkulunkulu elisha elinokuthula. KusAmbulo 21:3, 4, iZwi likaNkulunkulu liyasiqinisekisa: “Bheka! Itende likaNkulunkulu likanye nesintu, uyohlala naso, futhi siyoba abantu bakhe. Futhi uNkulunkulu ngokwakhe uyoba naso. Futhi uyosula zonke izinyembezi emehlweni aso, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.” Ingabe lelo akulona ikusasa elinokuthula olilangazelelayo?
20 Khona-ke, khumbula lokho uNkulunkulu akuthembisile. “Abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu. Mbhekisise ongasolekiyo, umbone oqotho; ngokuba umuntu wokuthula, ukugcina kwakhe kuhle.” (IHubo 37:11, 37) Lapho lolo suku olujabulisayo lufika, kwangathi ngokubonga singathi, “Ukuthula kweqiniso ekugcineni! Siyakubonga Jehova Nkulunkulu, mthombo wokuthula kweqiniso!”
Ungachaza?
◻ Yini engasiza umuntu ukuba enze izinguquko emcabangweni nasesenzweni?
◻ OFakazi BakaJehova, ngabanye nanjengeqembu, baye balubonisa kanjani uthando lwabo ngokuthula kweqiniso?
◻ UJehova uyokwenzani ngabo bonke abakhuthaza inzondo nempi?
◻ Ukubusa kweNkosi Yokuthula kuyosenzelani isintu?
[Izithombe ekhasini 14]
Amazwi ka-Isaya awagcwaliswa yi-UN, kodwa yilabo abasabela ekufundiseni kukaJehova
[Izithombe ekhasini 15]
Lamadoda amabili enza izinguquko ukuze aphishekele ukuthula
URami Oved
UGeorg Reuter
[Isithombe ekhasini 16]
Ukuthula kweqiniso kuyogcwala ngaphansi kokubusa kweNkosi Yokuthula