Funa Isiqondiso SikaNkulunkulu Kuzo Zonke Izinto
“Lo Nkulunkulu unguNkulunkulu wethu kuze kube nini nanini, yebo kuze kube phakade. Yena uqobo uyosihola kuze kube yilapho sifa.”—IHU. 48:14.
1, 2. Kungani kufanele silandele isiqondiso sikaJehova kunokuthembela ekuhlakanipheni kwethu siqu, futhi imiphi imibuzo ephakamayo?
LAPHO sicabanga ngezinto ezingasizi ngalutho noma eziyingozi, kulula ukuba sizikhohlise. (IzAga 12:11) Uma sifuna ngempela ukwenza okuthile okungafaneleki ngomKristu ukukwenza, ngokuvamile inhliziyo yethu iba nezizathu ezisiqhubela ukuba sikwenze. (Jer. 17:5, 9) Ngakho, umhubi wabonisa ukuhlakanipha lapho ethandaza kuJehova: “Thumela ukukhanya kwakho neqiniso lakho. Kwangathi kungangihola.” (IHu. 43:3) Wathembela kuJehova, hhayi ekuhlakanipheni kwakhe okulinganiselwe, futhi awukho omunye umthombo ongcono ayengathola kuwo isiqondiso. Njengomhubi, senza kahle ngokubheka kuNkulunkulu ukuba asiqondise.
2 Nokho, kungani kufanele sethembe isiqondiso sikaJehova ngaphezu kwanoma isiphi esinye? Kufanele sisifune nini? Iziphi izimo zengqondo okufanele sizihlakulele ukuze sizuze kuso, futhi uJehova usiqondisa kanjani namuhla? Kuzoxoxwa ngale mibuzo ebalulekile kulesi sihloko.
Kungani Kufanele Sethembe Isiqondiso SikaJehova?
3-5. Kungaziphi izizathu sithembela ngokuphelele esiqondisweni sikaJehova?
3 UJehova unguBaba wethu osezulwini. (1 Kor. 8:6) Usazi kahle sonke futhi angafunda okusezinhliziyweni zethu. (1 Sam. 16:7; IzAga 21:2) INkosi uDavide yathi kuNkulunkulu: “Wena ngokwakho usuyakwazi ukuhlala kwami phansi nokusukuma kwami. Ucabangelé umcabango wami ukude. Ngoba akukabikho zwi olimini lwami, kodwa, bheka! Jehova, usulazi lonke kakade.” (IHu. 139:2, 4) Njengoba uJehova esazi kahle kanjalo, singangabaza kanjani ukuthi uyazi ukuthi ikuphi okungcono kakhulu okusifanele? Ngaphandle kwalokho, uJehova uhlakaniphe kunabo bonke abantu. Ubona yonke into, ubheka ekujuleni ngaphezu kwanoma imuphi umuntu, futhi wazi umphumela wezinto kwasekuqaleni. (Isaya 46:9-11; Roma 11:33) ‘UnguNkulunkulu, okunguye yedwa ohlakaniphileyo.’—Roma 16:27.
4 Ngaphezu kwalokho, uJehova uyasithanda futhi ngaso sonke isikhathi usifunela okungcono kakhulu. (Joh. 3:16; 1 Joh. 4:8) NjengoNkulunkulu onothando, usipha izinto eziningi. Umfundi uJakobe wabhala: “Zonke izipho ezinhle nazo zonke izipho eziphelele zivela phezulu, ngoba zehla zivela kuYise wezinkanyiso zasezulwini.” (Jak. 1:17) Labo abavuma ukuqondiswa uNkulunkulu bazuza kakhulu ekupheni kwakhe.
5 Okokugcina, uJehova unguMninimandla onke. Kule ndaba, umhubi wathi: “Noma ubani ohlala endaweni esithekile yoPhezukonke uyozitholela indawo yokungenisa khona impela phansi komthunzi woMninimandla onke. Ngizothi kuJehova: ‘Wena uyisiphephelo sami nenqaba yami, uNkulunkulu wami, engiyothembela kuye.’” (IHu. 91:1, 2) Lapho silandela isiqondiso sikaJehova, sisuke sifuna isiphephelo kuNkulunkulu ongahlulwa yilutho. UJehova uyasisekela nalapho sibhekana nokuphikiswa. Akasoze asidumaza. (IHu. 71:4, 5; Funda izAga 3:19-26.) Yebo, uJehova uyazi ukuthi ikuphi okungcono kakhulu okusifanele futhi ufuna sikuthole. Unawo namandla okusinika kona. Yeka ukuthi kungaba ubuwula kanjani ngathi ukungasinaki isiqondiso sakhe! Nokho, sisidinga nini leso siqondiso?
Sisidinga Nini Isiqondiso?
6, 7. Sisidinga nini isiqondiso sikaJehova?
6 Yebo, sidinga isiqondiso sikaNkulunkulu kukho konke ukuphila kwethu, kusukela sisebancane size siguge. Umhubi wathi: “Lo Nkulunkulu unguNkulunkulu wethu kuze kube nini nanini, yebo kuze kube phakade. Yena uqobo uyosihola kuze kube yilapho sifa.” (IHu. 48:14) Njengomhubi, amaKristu ahlakaniphile awalokothi ayeke ukufuna isiqondiso sikaNkulunkulu.
7 Yiqiniso, zikhona izikhathi lapho siba nomuzwa wokuthi siludinga ngokuphuthumayo usizo. Ngezinye izikhathi sizithola ‘sisebunzimeni obukhulu’ mhlawumbe sibhekene nokushushiswa, sigula kakhulu noma siphelelwé umsebenzi singazelele. (IHu. 69:16, 17) Ngalezo zikhathi, kuyaduduza ukuphendukela kuJehova, siqiniseka ukuthi uyosinika amandla okukhuthazela futhi asiqondise ukuze senze izinqumo ezinhle. (Funda iHubo 102:17.) Nokho, siyaludinga usizo lwakhe nangezinye izikhathi. Ngokwesibonelo, lapho siphuma siyokhuluma nomakhelwane ngezindaba ezinhle zoMbuso, sidinga isiqondiso sikaJehova ukuze sifakaze ngokuphumelelayo. Noma nini lapho kudingeka senze isinqumo—kungaba esokuzilibazisa, ukugqoka nokuzilungisa, abangane, umsebenzi, imfundo nanoma yini enye—siyobe senza ngokuhlakanipha kuphela uma silandela iziqondiso zikaJehova. Empeleni, sidinga isiqondiso sikaJehova kuzo zonke izici zokuphila kwethu.
Izingozi Zokungafuni Isiqondiso SikaNkulunkulu
8. Iziphi izinto ezazisikiselwa ukudla kuka-Eva isithelo esenqatshelwe?
8 Nokho, khumbula ukuthi kudingeka sisilandele ngokuzithandela isiqondiso sikaJehova. UNkulunkulu ngeke asiphoqe ukuba sisilandele uma singafuni. Umuntu wokuqala owakhetha ukungasilandeli isiqondiso sikaJehova ngu-Eva, futhi isibonelo sakhe sibonisa indlela isinqumo esibi esingaba ngayo nemiphumela emibi. Cabanga nangalokho okwakusikiselwa isenzo sakhe. U-Eva wadla isithelo esenqatshelwe ngoba efuna ‘ukuba njengoNkulunkulu, azi okuhle nokubi.’ (Gen. 3:5) Ngokwenza lokho, wazibeka esikhundleni sikaNkulunkulu, wazenzela ezakhe izinqumo zokuhle nokubi kunokulandela iziqondiso zikaJehova. Ngaleyo ndlela wafulathela ubukhosi bukaJehova. Wayefuna ukuzibusa. Umyeni wakhe, u-Adamu, walandela inkambo efanayo yokuvukela.—Roma 5:12.
9. Uma senqaba isiqondiso sikaJehova, empeleni sisuke senzani, futhi kungani lokho kuwubuwula obuphindiwe?
9 Namuhla, uma singalandeli isiqondiso sikaJehova, nathi siyobe singabuqapheli ubukhosi bakhe. Ngokwesibonelo, cabanga ngomuntu oqala umkhuba wokubuka izithombe ezingcolile zobulili. Uma ehlanganyela nebandla lobuKristu, uyazazi iziqondiso zikaJehova kule ndaba. Izinto ezingcolile akufanele ngisho nokuba kukhulunywe ngazo, ingasaphathwa eyokuzibuka ngenjongo yokuvusa inkanuko. (Efe. 5:3) Ngokwenqaba iziqondiso zikaJehova, lowo muntu wenqaba ubukhosi bukaJehova nobunhloko baKhe. (1 Kor. 11:3) Lokho kungaba ubuwula obuphindiwe, ngoba njengoba nje uJeremiya asho, “akukona okomuntu ohambayo ngisho nokuqondisa isinyathelo sakhe.”—Jer. 10:23.
10. Kungani kufanele sisebenzise inkululeko yethu yokuzikhethela ngendlela ebonisa ukuthi siyazi ukuthi siyolandisa?
10 Abanye bangase bawangabaze amazwi kaJeremiya, benomuzwa wokuthi njengoba uJehova asinika inkululeko yokuzikhethela, akakwazi ukusisola uma siyisebenzisa. Noma kunjalo, ungakhohlwa ukuthi inkululeko yokuzikhethela iyisipho esihambisana nomthwalo wemfanelo. Siyolandisa ngezinto esikhetha ukuzisho nokuzenza. (Roma 14:10) UJesu wathi: “Umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.” Wabuye wathi: “Enhliziyweni kuvela imicabango emibi, ukubulala, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ubufakazi obungamanga, ukuhlambalaza.” (Math. 12:34; 15:19) Ngakho, amazwi nezenzo zethu kwembula isimo senhliziyo yethu. Kubonisa lokho esiyikho ngempela. Yingakho umKristu ohlakaniphile efuna isiqondiso sikaJehova kuzo zonke izinto. Uma enza kanjalo, uJehova umbheka ‘njengoqotho enhliziyweni yakhe’ futhi ‘uyomenzela okuhle.’—IHu. 125:4.
11. Sifundani emlandweni wama-Israyeli?
11 Khumbula umlando wama-Israyeli. Lapho leso sizwe senza ukukhetha okuhle futhi silalela imiyalo kaJehova, wayesivikela. (Josh. 24:15, 21, 31) Nokho, izikhathi eziningi sasiyisebenzisa kabi inkululeko yaso yokuzikhethela. Osukwini lukaJeremiya, uJehova wathi ngalaba bantu: “Abazange balalele, futhi abazange bayithambekise indlebe yabo, kodwa bahamba ngamacebo enkanini yenhliziyo yabo embi, kangangokuba amabombo bawabhekisa emuva hhayi phambili.” (Jer. 7:24-26) Yeka isimo esidabukisayo! Kwangathi singelokothe senqabe isiqondiso sikaJehova ngenxa yenkani noma ukufuna ukwanelisa izifiso zethu, bese sihamba ngeziqondiso zethu futhi ngokwenza kanjalo ‘sibhekise amabombo emuva hhayi phambili’!
Kudingekani Ukuze Silalele Iseluleko SikaNkulunkulu?
12, 13. (a) Iyiphi imfanelo esenza sifune ukulandela isiqondiso sikaJehova? (b) Kungani ukholo lubalulekile?
12 Ukuthanda uJehova kusenza sifune ukulandela isiqondiso sakhe. (1 Joh. 5:3) Noma kunjalo, uPawulu wakhuluma ngokunye esikudingayo lapho ethi: “Sihamba ngokholo, hhayi ngokubona.” (2 Kor. 5:6, 7) Kungani ukholo lubalulekile? UJehova usihola “emikhondweni yokulunga,” kodwa leyo mikhondo ayisiholeli engcebweni noma ezikhundleni zaleli zwe. (IHu. 23:3) Ngenxa yaleso sizathu, amehlo ethu okholo kudingeka agxile emivuzweni engokomoya engenakuqhathaniswa etholakala ngokukhonza uJehova. (Funda eyesi-2 Korinte 4:17, 18.) Ukholo lusisiza nokuba saneliseke noma sinokuncane ngokwezinto ezibonakalayo.—1 Thim. 6:8.
13 UJesu wabonisa ukuthi ukukhulekela kweqiniso kuhlanganisa nokuzidela, nakho okudinga ukholo. (Luka 9:23, 24) Abanye abakhulekeli abathembekile baye bazidela kakhulu, bakhuthazelela ubumpofu, ukucindezelwa, ubandlululo ngisho noshushiso olunzima. (2 Kor. 11:23-27; IsAm. 3:8-10) Ukholo oluqinile kuphela olwabenza bakwazi ukukhuthazela ngenjabulo. (Jak. 1:2, 3) Ukholo oluqinile lusenza siqiniseke ngokuphelele ukuthi ukulandela isiqondiso sikaJehova kungcono ngaso sonke isikhathi. Ukusilandela kusizuzisa ngaso sonke isikhathi. Asingabazi nakancane ukuthi umvuzo walabo abakhuthazela ngobuqotho mkhulu kakhulu kunanoma ikuphi ukuhlupheka kwesikhashana.—Heb. 11:6.
14. Kungani kwadingeka ukuba uHagari azithobe?
14 Cabanga futhi ngendima yokuthobeka ngokuqondene nokulandela isiqondiso sikaJehova. Lokhu sikubona esibonelweni sikaHagari, incekukazi kaSara. Lapho kuhamba isikhathi engabatholi abantwana, uSara wanika u-Abrahama uHagari, futhi wakhulelwa. UHagari wabe eseqala ukuqhoshela indlovukazi yakhe eyinyumba. Ngenxa yalokho, uSara ‘wamphoxa,’ futhi uHagari wabaleka. Ingelosi kaJehova yahlangana noHagari yathi kuye: “Buyela endlovukazini yakho uzithobe ngaphansi kwesandla sayo.” (Gen. 16:2, 6, 8, 9) Mhlawumbe uHagari wayengajabula ukube wanikezwa esinye isiqondiso. Ukuze enze ngokuvumelana nesiqondiso sengelosi, kwakudingeka alahle isimo sakhe sengqondo sokuqhosha. Noma kunjalo, uHagari wazithoba wenza njengokusho kwengelosi, futhi indodana yakhe, u-Ishmayeli, yazalelwa endaweni elondekile ekamu likayise.
15. Endabeni yokulandela isiqondiso sikaJehova, chaza ezinye zezimo okungase kudingeke sibonise kuzo ukuthobeka namuhla.
15 Ukuze silandele isiqondiso sikaJehova kungase kudingeke ukuba nathi sizithobe. Abanye kungase kudingeke bamukele umbono wokuthi uhlobo oluthile lokuzijabulisa abaluthandayo alumthokozisi uJehova. Kungenzeka ukuthi umKristu uye waphatha kabi othile futhi kudingeka axolise. Noma kungenzeka ukuthi wenze iphutha futhi kudingeka alivume. Kuthiwani uma othile enza isono esingathí sina? Kudingeka azithobe, avume isono sakhe kubadala. Umuntu angase ngisho asuswe nasekuhlanganyeleni. Ukuze abuyiselwe, kumelwe azithobe, aphenduke futhi aguquke. Kulezi zimo nakwezinye ezithi azifane, ayaduduza amazwi ezAga 29:23: “Ukuzidla komuntu wasemhlabeni kuyomthobisa, kodwa othobekile emoyeni uyobamba inkazimulo.”
UJehova Usiqondisa Kanjani?
16, 17. Singazuza kanjani ngokugcwele eBhayibhelini njengomthombo wesiqondiso sikaNkulunkulu?
16 IBhayibheli, iZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe, liwumthombo ovelele wesiqondiso sikaNkulunkulu. (Funda eyesi-2 Thimothewu 3:16, 17.) Ukuze lisizuzise ngokugcwele, siyobe senza ngokuhlakanipha uma singalindi kuze kuvele isimo esiyinselele andukuba sifune amazwi awusizo asemiBhalweni. Kunalokho, siyokwenza umkhuba ukufunda iBhayibheli nsuku zonke. (IHu. 1:1-3) Ngaleyo ndlela, siyowazi amazwi aphefumulelwe. Imicabango kaNkulunkulu iyoba ngeyethu, sibe abakulungele ukubhekana ngisho nanezinkinga ezingalindelekile.
17 Ngaphezu kwalokho, kubalulekile ukuzindla ngalokho esikufunda emiBhalweni futhi sithandaze ngakho. Lapho sizindla ngamavesi eBhayibheli, sisuke sicabanga ngendlela angase asebenze ngayo ezimweni ezithile. (1 Thim. 4:15) Lapho sibhekene nezinkinga ezingathí sina, sithandaza kuJehova, simcele ukuba asisize sithole isiqondiso esisidingayo. Umoya kaJehova uyosisiza ukuba sikhumbule izimiso eziwusizo ezingokomBhalo esizifunde eBhayibhelini noma ezincwadini ezisekelwe kulo.—Funda iHubo 25:4, 5.
18. Iziphi izindlela uJehova asiqondisa ngazo esebenzisa ubuzalwane bobuKristu?
18 Ubuzalwane bethu bobuKristu bungolunye usizo oluyigugu ekufuneni isiqondiso sikaJehova. Ingxenye ebalulekile yabo ‘iyinceku ethembekileyo neqondayo’ kanye neNdikimba Ebusayo eyimelelayo, enikeza ukudla okungokomoya njalo ngezincwadi nangezimiso zemihlangano yebandla nemikhulu. (Math. 24:45-47; qhathanisa nezEnzo 15:6, 22-31.) Ngaphezu kwalokho, ebuzalwaneni bobuKristu kunabantu abavuthiwe, ikakhulukazi abadala abakufanelekelayo ukunikeza usizo lomuntu siqu neseluleko esingokomBhalo. (Isaya 32:1) Kunolunye usizo oluyigugu intsha ekhuliswa amaKristu engaluthola. Abazali bayo abakholwayo bayigunya elimiswe uNkulunkulu futhi ikhuthazwa njalo ukuba ifune isiqondiso kubo.—Efe. 6:1-3.
19. Iziphi izibusiso esizijabulelayo ngokuqhubeka sifuna isiqondiso sikaJehova?
19 Yebo, uJehova usinikeza isiqondiso ngezindlela eziningana, futhi senza kahle ngokusisebenzisa ngokugcwele. Ikhuluma ngesikhathi lapho u-Israyeli esathembekile, iNkosi uDavide yathi: “Obaba bathembela kuwe; bathembela, futhi wabenzela indlela yokuphunyuka. Bakhala kuwe, basinda; bathembela kuwe, bangajabha.” (IHu. 22:3-5) Uma sisethemba isiqondiso sikaJehova futhi sisilandela, nathi ngeke ‘sijabhe.’ Ithemba lethu ngeke lisidumaze. Uma ‘sigingqela indlela yethu kuJehova,’ esikhundleni sokuncika ekuhlakanipheni kwethu, siyothola izibusiso ezicebile kwamanje. (IHu. 37:5) Uma futhi sikhuthazela ngobuqotho kuleyo nkambo, lezo zibusiso siyozijabulela phakade. INkosi uDavide yabhala: “UJehova ungumthandi wobulungisa, futhi ngeke abashiye abaqotho bakhe. Ngokuqinisekile bayoqashwa kuze kube nini nanini . . . Abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.”—IHu. 37:28, 29.
Ungachaza?
• Kungani sisethemba isiqondiso sikaJehova?
• Ukwenqaba isiqondiso sikaJehova kubonisani?
• Iziphi ezinye zezimo okudingeka umKristu abonise kuzo ukuthobeka?
• UJehova usiqondisa kanjani namuhla?
[Izithombe ekhasini 8]
Ingabe ufuna isiqondiso sikaJehova kuzo zonke izici zokuphila kwakho?
[Isithombe ekhasini 9]
U-Eva wafulathela ubukhosi bukaJehova
[Isithombe ekhasini 10]
Iyiphi imfanelo uHagari ayeyidinga ukuze akwazi ukulandela isiqondiso sengelosi?