Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Njengoba isinqumo sikaJehova esikuJeremiya 22:30 savimbela isizukulwane sikaJehoyakini (uJekoniya, noma uKhoniya) ukuba singaphinde sibe sesihlalweni sobukhosi sikaDavide, ingabe lokhu kwakungenakuqeda noma iliphi ilungelo likaJosefa lokunika uJesu ilungelo elingokomthetho embusweni?
Isinqumo sikaJehova ngoJehoyakini (uKhoniya) sifundeka kanje: ‘Lobani lomuntu ukuthi akanamntwana, umuntu ongayikuba-nampumelelo ezinsukwini zakhe, ngokuba umuntu ohlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide akayikuba-nampumelelo yokuba abe esabusa kwaJuda.’ Lesinqumo savimbela noma isiphi isizukulwane sikaJehoyakini ekubuseni esihlalweni sobukhosi sikaDavide kwaJuda. Kodwa akuluvimbelanga uhlu lobukhosi namalungelo obundlalifa ukuba adlule ukusuka kuJehoyakini nasesizukulwaneni sakhe aye kuJosefa bese edlulela kuJesu. Kwakungenakumvimbela uJesu ekugcwaliseni esinye isinqumo sikaJehova ngokuqondene nobukhosi bukaDavide: “Akuyikuba-khona, aze afike yena omfanelo ingeyakhe, ngimnike khona.” (Hezekeli 21:27) Ngani? Ngoba uJesu, owanikezwa ‘imfanelo,’ wayengenakubusa esihlalweni sobukhosi kwaJuda, kodwa esemazulwini!
Lapho esekuthunjweni kwaseBabiloni, uJehoyakini wazala amadodana ayisikhombisa, kuhlanganisa uSheyalitiyeli noPhedaya. Kodwa njengoba singekho isizukulwane sikaJehoyakini esake sahlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide ukuba sibuse kwaJuda, kwaba sengathi ‘wayengenamntwana.’ Nokho, uMathewu uyambala uJekoniya (uJehoyakini,) uSheyalitiyelia noZerubabele, phakathi kwabanye, ohlwini lwesizukulwane sikaJesu. Kwakungenandaba ukuthi bona ngokwabo babenqatshelwe ukuba babuse kunoma isiphi isihlalo sobukhosi sasemhlabeni. Ngaphezu kwalokho, akuzange kuyiphakamise inkinga kuLuka nakwamanye amaJuda ekhulwini lokuqala ukuthi isizukulwane sikaMariya naso sasingalandelelwa sisuselwa emuva kuJehoyakini kuya kuSheyalitiyeli.—Mathewu 1:11, 12; Luka 3:27.
Ekutholeni ubufakazi balowo owayezibiza ngokuthi uMesiya, noma Ogcotshiweyo kaJehova, kwakuyoba ngokubaluleke kakhulu ngamaJuda ukuba akwazi ukulandelela isizukulwane sakhe kusukela emuva ohlwini lobukhosi lwendlu kaDavide. (Qhathanisa noJohane 7:40-42; IzEnzo 2:30.) Uhlu lozalo olungokomthetho lukaJosefa (olwahlelwa nguMathewu) nozalo lwemvelo (olwahlelwa uLuka), ngalunye luhlehlela emuva kuDavide ngendlela ehlukile, zombili zisiza ekufakazeleni ukuthi uJesu ngokusobala wayenobufakazi obungokozalo bokuba nguMesiya, Lowo owayeyodla ifa lesihlalo sobukhosi sikaDavide.
ULuka wakubona kubalulekile ukuloba iqiniso lokuthi uMariya ‘wayemiselwe indoda ebizo layo nguJosefa wendlu kaDavide’ nokuthi “wayengowendlu nozalo lukaDavide.” (Luka 1:27; 2:4) Ngakho-ke, kungokufanelekile, ukuthi ingelosi kaJehova, ekunikezeni iziqondiso kuJosefa, yambingelela ngalamazwi: “Josefa, ndodana kaDavide.” Watshelwa ngokuqondene nendodana eyayizozalwa nguMariya ukuthi: “Uyiqambe igama lokuthi uJesu,” okubonisa ukuthi uJosefa wayelindeleke ukuba amukele lomntwana futhi amsoke njengendodana yakhe. (Mathewu 1:20, 21) Futhi kuMariya, uGabriyeli wathi ngokuqondene noJesu: “INkosi [uJehova] uNkulunkulu iyakumnika isihlalo sobukhosi sikayise uDavide; uyakuba-yinkosi yendlu kaJakobe kuze kube-phakade, nombuso wakhe awuyikuba-nakuphela.”—Luka 1:32, 33.
UJesu wabizwa ‘njengendodana kaDavide’ lapho esemhlabeni, kodwa akazange azame ukuqala ukubusa lapho ayesemhlabeni. (Mathewu 9:27; 21:9, 15) Wadla ifa lakho konke lokho ubukhosi bukaDavide basemhlabeni obabukuhlanganisa ngokuqondene namalungelo obukhosi, izikhonzi nendawo, kodwa wazuza ifa elikhulu kakhulu kuYise wasezulwini. Umbuso kaDavide wasemhlabeni wawuyisifanekiselo esincane salokho umbuso kaJesu wasezulwini owawuyoba yikho ekubuseni wonke umhlaba. (Daniyeli 2:44; 7:13, 14) Ngemva kokufa nokuvuka kwakhe, uJesu waphakanyiselwa esihlalweni sobukhosi sikaJehova emazulwini. Futhi lapho uhlu lwakhe lozalo lwasemhlabeni, ngoJosefa nangoMariya, lungalandelelwa lususelwa emuva kuJehoyakini, ukubusa kukaJesu esihlalweni sobukhosi sasezulwini akusephuli neze isinqumo sikaJehova. UPetru wakuqinisa lokhu ngokubhekisela kulokho uDavide akubhala ngaphansi kokuphefumlelwa: “Ngakho lokhu (uDavide) engumprofethi, ekwazi ukuthi uNkulunkulu wayefungile kuye ngesifungo ukuthi enzalweni yokhalo lwakhe uyakubeka omunye esihlalweni sakhe sobukhosi, ebona kusephambili, wakhuluma ngokuvuka kukaKristu . . . Ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu” lapho, ngesikhathi esifanelekile, wayeyoqala ukubusa phakathi kwezitha zakhe.—IzEnzo 2:30-36; IHubo 110:1, 2.
[Umbhalo waphansi]
a Bobabili uMathewu noLuka bamfakile uSheyalitiyeli, futhi iphuzu liwukuthi uZerubabele wayeyindodana yakhe. Nokho, uSheyalitiyeli ngokusobala wayefakwe ohlwini njengombambeli. Izazi ezicophelelayo zomlando ogcwele wohlu lozalo lukaJesu ziqaphela ukuthi uSheyalitiyeli wayengeyena uyise ongokwemvelo kaZerubabele kodwa umfowabo kaSheyalitiyeli uPhedaya uyena owayenguyise. (1 IziKronike 3:19) Kodwa kunesizathu esenza uMathewu noLuka bafaka uSheyalitiyeli ohlwini ngaphansi kokuqondisa komoya kaJehova. Kungenzeka ukuthi wayemukele uZerubabele njengendodana yakhe lapho uPhedaya efa umfana esemncane; noma uma uSheyalitiyeli afa ngaphambi kokuba abe nendodana, uPhedaya wayengase angene umkamfowabo, azale uZerubabele egameni lomfowabo uSheyalitiyeli.