ISAHLUKO SESHUMI NANTATHU
“UJehova Wenzé Lokho Ayekucabanga”
1. Lapho iJerusalema selibhujisiwe, uJeremiya wathini ngeziprofetho zikaJehova?
IJERUSALEMA lase liyincithakalo. Kwakusashunqa umusi njengoba abaseBhabhiloni babelithungele ngomlilo. UJeremiya wayekhumbula isililo esithusayo salabo ababebulewe. Wayetsheliwe ukuthi kwakuzokwenzekani, futhi kwenzeka njengoba nje uNkulunkulu ayeshilo. “UJehova wenzé lokho ayekucabanga,” kububula lo mprofethi. Yeka ukuthi ukuwa kweJerusalema kwakudabukisa kanjani!—Funda isiLilo 2:17.
2. Isiphi isiprofetho esasishiwo emakhulwini eminyaka ngaphambili uJeremiya asibona sigcwaliseka?
2 Yebo, uJeremiya wabona ukugcwaliseka kweziprofetho eziningi ezazinikwe abantu bakaNkulunkulu, kuhlanganise neziprofetho zasendulo. Emakhulwini eminyaka ngaphambili, uMose wayekhulume nama-Israyeli ngemiphumela yokulalela nokungamlaleli uNkulunkulu—“isibusiso” noma ‘isiqalekiso.’ UJehova wayebafunela okuhle abantu bakhe, izibusiso. Ngakolunye uhlangothi, iziqalekiso zokungalaleli zaziyohlasimulisa. UMose—noJeremiya kamuva—babexwayise ngokuthi labo ababengenandaba futhi bemelene noJehova babeyoze ‘badle inyama yamadodana abo nenyama yamadodakazi abo.’ (Dut. 30:19, 20; Jer. 19:9; Lev. 26:29) Kungenzeka abanye babezibuza, ‘Ingenzeka ngempela into embi kanje?’ Ngesikhathi iBhabhiloni livimbezele, ukudla sekungasekho, kwenzeka lokhu. UJeremiya wabika: “Izandla zabesifazane abanobubele zipheké abantwana babo. Babe njengesinkwa senduduzo kumuntu ngesikhathi sokuphuka kwendodakazi yabantu bami.” (IsiL. 4:10) Kwaze kwashaqisa!
3. Yayiyini injongo kaNkulunkulu yokuthumela abaprofethi kubantu bakhe?
3 Yiqiniso, injongo kaJehova yokuthuma abaprofethi abanjengoJeremiya kwakungekona nje ukumemezela inhlekelele. UNkulunkulu wayefuna abantu bakhe babuyele enkambweni yokwethembeka. Wayefuna izoni ziphenduke. U-Ezra wathi: “UJehova uNkulunkulu wokhokho babo waqhubeka ethumela kubo ngezithunywa zakhe, ethumela ngokuphindaphindiwe, ngoba waba nobubele ngabantu bakhe nangendawo yakhe yokuhlala.”—2 IziKr. 36:15; funda uJeremiya 26:3, 12, 13.
4. UJeremiya wayezizwa kanjani ngesigijimi ayesimemezela?
4 NjengoJehova, uJeremiya wayenobubele ngabantu bakubo. Ungakubona lokho emazwini awasho ngaphambi kokubhujiswa kweJerusalema. Wayekhathazeke ngempela ngenhlekelele eyayisondela. Lesi kwakuyisibhicongo esasingagwenywa uma nje abantu babengalalela isigijimi sikaJeremiya! Zama ukubona ngeso lengqondo ukuthi uJeremiya wayezizwa kanjani lapho ebatshela umyalezo kaNkulunkulu. Wakhala: “O amathumbu ami, amathumbu ami! Ngisezinhlungwini ezinzima ezindongeni zenhliziyo yami. Inhliziyo yami iyahlokoma ngaphakathi kimi. Angikwazi ukuthula, ngoba umphefumulo wami uzwé umsindo wophondo, inhlabamkhosi yempi.” (Jer. 4:19) Wayengakwazi nhlobo ukuthula angasho lutho ngembubhiso eyayisondela.
YINI EYAYIMENZA AQINISEKE KANGAKA?
5. Kungani uJeremiya ayeqiniseka ngesigijimi ayesishumayela?
5 Kungani uJeremiya ayengaqiniseka ukuthi lokho ayekuprofetha kwakuzokwenzeka? (Jer. 1:17; 7:30; 9:22) Wayeyindoda yokholo eyayitadishe imiBhalo futhi yazi ukuthi uJehova unguNkulunkulu weziprofetho eziyiqiniso. Umlando wawukufakazela ukuthi uJehova uyakwazi ukubikezela izenzakalo ezazibonakala zingenakwenzeka ngokombono womuntu, njengokukhululwa kwama-Israyeli ebugqilini baseGibhithe. UJeremiya wayewazi umlando oku-Eksodusi namazwi kafakazi wokuzibonela oyedwa. UJoshuwa wayekhumbuze ama-Israyeli: “Nazi kahle ngazo zonke izinhliziyo zenu nangayo yonke imiphefumulo yenu ukuthi akukho nelilodwa izwi kuwo wonke amazwi amahle uJehova uNkulunkulu wenu awakhulumile kini eliye laphutha. Agcwaliseke wonke kini. Akuphuthanga nezwi elilodwa kuwo.”—Josh. 23:14.
6, 7. (a) Kungani kufanele ube nesithakazelo ezimemezelweni zikaJeremiya ezingokwesiprofetho? (b) Yini ezokusiza ukuba uqiniseke ngesigijimi osishumayelayo?
6 Kungani kufanele uqhubeke unaka iziprofetho uJeremiya ayezimemezela? Okokuqala, kungenxa yokuthi wayenezizathu zokuqiniseka ngokuthi amazwi kaJehova azogcwaliseka. Okwesibili, yingoba ezinye zezimemezelo zikaNkulunkulu ngoJeremiya ziyagcwaliseka manje, futhi usazobona kugcwaliseka nezinye. Okwesithathu, inani nje lilodwa lezimemezelo uJeremiya azimemezela ngegama likaNkulunkulu nentshiseko ayezimemezela ngayo kwamenza waphawuleka njengesikhonzi sikaNkulunkulu esiqavile. “Ngisho naphakathi kwabanye abaprofethi, uJeremiya ubadlula bonke,” kusho esinye isazi. UJeremiya wayebhekwa njengomuntu onethonya elikhulu ekusebenzelaneni kukaNkulunkulu nabantu baKhe kangangokuba lapho uJesu ekhuluma, abanye abamuzwa babekholelwa ukuthi unguJeremiya.—Math. 16:13, 14.
7 NjengoJeremiya, uphila esikhathini okugcwaliseka ngaso iziprofetho zeBhayibheli ezibalulekile. Futhi njengoJeremiya, kudingeka uhlale uqiniseka ngokuthi izithembiso zikaNkulunkulu ziyiqiniso. (2 Pet. 3:9-14) Ungakwenza kanjani lokho? Ngokuqhubeka ukhulisa ukuthembela kwakho ekutheni iZwi likaNkulunkulu lesiprofetho lithembeke ngokuphelele. Ukuze ukwenze lokhu, kulesi sahluko sizohlola iziprofetho eziningana ezashiwo uJeremiya nazibona zigcwaliseka. Ezinye esizozicabangela zagcwaliseka kamuva. Kanti ezinye zikuthinta ngokuqondile manje futhi ziyothinta nekusasa lakho. Ukuhlola lezi ziprofetho makuqinise ukuthembela kwakho eZwini likaJehova elingokwesiprofetho ukuze uqiniseke nakakhulu ngokuthi ‘uyokwenza lokho akucabangayo.’—IsiL. 2:17.
UNkulunkulu wayebathumelani abaprofethi? Kungani uzethemba iziprofetho zembubhiso ezayo?
IZIPROFETHO EZASHIWO UJEREMIYA NAZIBONA ZIGCWALISEKA
8, 9. IBhayibheli liyincwadi eyingqayizivele ngayiphi indlela?
8 Baningi abazama ukubikezela ikusasa. Cabanga ngezazi zezomnotho, abezombusazwe, abasebenzelana nemimoya nababikezeli besimo sezulu. Ngokungangabazeki, usuke wabona ukuthi kunzima ngisho nokubikezela ngokunembile izinto ezilula, njengezinto ezingase zenzeke ezinsukwini noma emasontweni ambalwa ezayo. Kodwa iBhayibheli lona lihlukile, iziprofetho zalo zinembile. (Isaya 41:26; 42:9) Zonke iziprofetho zikaJeremiya zazishaya emhloleni, kungakhathaliseki ukuthi zaziprofetha ngesikhathi esiseduze noma esikude. Eziningi zazo zazithinta abantu nezizwe. Ake siqale sicabangele ezimbalwa ezagcwaliseka esikhathini sikaJeremiya.
9 Ubani namuhla ongabikezela ukuthi isimo sezwe siyobe sinjani onyakeni owodwa noma emibili ezayo? Ngokwesibonelo, imuphi umhlaziyi wezindaba zezwe ongabikezela ngokunembile ukuthi luyoba khona yini ushintsho kohulumeni? UJeremiya yena waphefumulelwa ukuba abikezele ukusabalala kwethonya lombuso waseBhabhiloni. Wathi iBhabhiloni ‘laliyindebe yegolide’ uJehova ayeyothulula ngayo intukuthelo yakhe ngokumelene noJuda, imizi nabantu ababemzungezile, abenze izigqila ngenkani. (Jer. 51:7) Yilokho kanye uJeremiya nabantu ababephila ngesikhathi sakhe abakubona.—Qhathanisa noJeremiya 25:15-29; 27:3-6; 46:13.
10. Yini uJehova ayibikezela ngamakhosi amane aseJudiya?
10 UJehova waphinde wasebenzisa uJeremiya ukuba abonise ukuthi amakhosi amane aseJudiya ayeyophelelaphi. Mayelana noJehowahazi, noma uShalumi, indodana yeNkosi uJosiya, uNkulunkulu wabikezela ukuthi wayeyodingiswa futhi angaphinde abuyele kwaJuda. (Jer. 22:11, 12) Nangempela kwenzeka lokho. (2 AmaKh. 23:31-34) UNkulunkulu wamemezela ukuthi uJehoyakimi, owalandela uJehowahazi njengenkosi, wayeyongcwatshwa “ngendlela okungcwatshwa ngayo imbongolo yeduna.” (Jer. 22:18, 19; 36:30) IBhayibheli alisitsheli ngokuqondile ukuthi wafa kanjani noma ukuthi kwenziwani ngesidumbu sakhe, kodwa liyabonisa ukuthi indodana yakhe uJehoyakini yabusa ngemva kwakhe ngesikhathi iJerusalema livinjezelwe. UJeremiya wabikezela ukuthi uJehoyakini (owaziwa nangokuthi uKhoniya noJekoniya) wayeyodingiselwa eBhabhiloni, afele khona. (Jer. 22:24-27; 24:1) Nalokho kwenzeka. Kuthiwani ngenkosi yokugcina, uZedekiya? UJeremiya wabikezela ukuthi uZedekiya wayeyonikelwa ezandleni zezitha ezazingeke zibonise bubele. (Jer. 21:1-10) Kwenzekani? Lezo zitha zambamba. Zabulala amadodana akhe ebhekile, zamkhipha amehlo, zamyisa eBhabhiloni, wafela khona. (Jer. 52:8-11) Yebo, zonke lezi ziprofetho zagcwaliseka.
11. Wayengubani uHananiya, futhi yini uJehova ayibikezela ngaye?
11 KuJeremiya isahluko 28 sifunda ukuthi phakathi nokubusa kukaZedekiya, umprofethi wamanga uHananiya waphikisa isimemezelo sikaJehova ayesikhiphe ngoJeremiya sokuthi iBhabhiloni laliyonqoba iJerusalema. UHananiya walishaya indiva izwi likaNkulunkulu, wathi umgoqo wejoka lobugqila uNebukhadinezari ayewubeke phezu kukaJuda nezinye izizwe wawuyophulwa. Nokho, eqondiswa uJehova, uJeremiya waveza ukuthi uHananiya unamanga, waphinde washo ukuthi izizwe eziningi kuyodingeka zikhonze abaseBhabhiloni futhi watshela lo mprofethi wamanga ukuthi wayezokufa ngawo lowo nyaka. Nangempela wafa ngalowo nyaka.—Funda uJeremiya 28:10-17.
12. Iningi labantu ababephila noJeremiya lasabela kanjani esigijimini sakhe esiyinhloko esiyisiprofetho?
12 Isigijimi esiyinhloko esingokwesiprofetho uNkulunkulu asinika uJeremiya sasiphathelene nokubhujiswa kweJerusalema. UJeremiya waxwayisa ngokuphindaphindiwe ukuthi lo muzi wawuzochithwa uma amaJuda engaphenduki ekukhonzeni izithombe, ekungabini nabulungisa nasebudloveni. (Jer. 4:1; 16:18; 19:3-5, 15) Abantu abaningi bangosuku lukaJeremiya babecabanga ukuthi uJehova wayengeke ayenze leyo nto. Ingani ithempeli likaNkulunkulu laliseJerusalema. Wayengavumelani ukuba leyo ndawo engcwele ibhujiswe? Babecabanga ukuthi yayingasoze yabhujiswa. Kodwa uyazi ukuthi uJehova akawaqambi amanga. Wakwenza lokho ayekucabanga.—Jer. 52:12-14.
13. (a) Isikhathi sethu sifana kanjani nesikaJeremiya? (b) Kungani kufanele kukuthakazelise lokho uNkulunkulu akuthembisa abathile ngosuku lukaJeremiya?
13 Abantu bakaNkulunkulu namuhla basesimweni esifana nesalabo ababeqotho kuJehova ngosuku lukaJeremiya. Siyazi ukuthi maduze uJehova uzobhubhisa bonke abantu abangafuni ukulalela izixwayiso zakhe. Noma kunjalo, lezo zithembiso ezingokwesiprofetho zingasiqinisa idolo, njengoba kwenzeka kumaJuda ayebambelele ekukhulekeleni okumsulwa ngesikhathi sikaJeremiya. Ngenxa yokuthi amaRekabi athembeka kuJehova nasemithethweni kakhokho wawo, uNkulunkulu wathi ayeyosinda lapho iJerusalema lichithwa. Asinda. Ubufakazi balokho sibuthola kamuva lapho kukhulunywa ‘ngoMalikhiya indodana kaRekabi,’ owasiza ekulungiseni iJerusalema ngesikhathi uNehemiya engumbusi. (Neh. 3:14; Jer. 35:18, 19) UJehova waqinisekisa u-Ebhedi-meleki ngokuthi naye wayeyosinda ngoba wayemethemba uNkulunkulu futhi esekela uJeremiya. (Jer. 38:11-13; 39:15-18) UNkulunkulu wathembisa nomngane kaJeremiya uBharuki ukuthi wayeyothola ‘umphefumulo wakhe njengempango.’ (Jer. 45:1, 5) Ukugcwaliseka kwalezi ziprofetho kukutshelani? Ucabanga ukuthi uJehova uyokwenzelani uma uthembekile?—Funda eyesi-2 Petru 2:9.
Ukugcwaliseka kweziprofetho zikaNkulunkulu kwamthinta kanjani u-Ebhedi-meleki, uBharuki namaRekabi? Uzizwa kanjani ngeziprofetho ezinjalo?
IZIPROFETHO EZAGCWALISEKA KAMUVA
14. Kungani isiprofetho sikaNkulunkulu ngeBhabhiloni sasishaya emhloleni?
14 UNkulunkulu wabikezela ukuthi uNebukhadinezari wayengeke nje anqobe uJuda kuphela kodwa neGibhithe. (Jer. 25:17-19) Kumelwe ukuba kwabonakala kungenakwenzeka lokho ngoba iGibhithe lalinamandla, libusa ngisho noJuda. (2 AmaKh. 23:29-35) Ngemva kokuwa kweJerusalema, insali yamaJuda yahlela ukushiya izwe layo iye eGibhithe ukuze ilondeke futhi ivikeleke. Yayifuna ukwenza lokho naphezu kokuba uJehova eyixwayisile ukuba ingahambi futhi eyitshelile ukuthi uzoyibusisa uma ihlala kwaJuda. Ngakolunye uhlangothi, uma le nsali yayibalekela eGibhithe, inkemba eyayiyibalekela yayizoyifica khona. (Jer. 42:10-16; 44:30) Imibhalo kaJeremiya ayisho ukuthi wababona yini abaseBhabhiloni behlasela eGibhithe noma cha. Esiqiniseka ngakho ukuthi ama-Israyeli ayebalekile azibona iziprofetho zikaJehova zigcwaliseka lapho abaseBhabhiloni benqoba iGibhithe ngasekuqaleni kwekhulu lesithupha B.C.E.—Jer. 43:8-13.
15, 16. Lagcwaliseka kanjani izwi likaNkulunkulu lokukhululwa kwabantu bakhe?
15 UJeremiya waprofetha nangokuketulwa komnqobi weGibhithe, iBhabhiloni. Eminyakeni eyikhulu ngaphambi kokuba iBhabhiloni linqotshwe, uJeremiya wakubikezela ngokunembile ukuwa kwalo. Lalizowa kanjani? Lo mprofethi kaNkulunkulu wabikezela ukuthi amanzi alo alivikelayo ‘ayeyokoma,’ futhi amaqhawe alo ayengeke alwe. (Jer. 50:38; 51:30) Lezi ziprofetho zagcwaliseka njengoba zazibikezelwe lapho amaMede namaPheresiya ephambukisa uMfula i-Ewufrathe, enqamula kuwo futhi engena emzini, efika ehlasela abaseBhabhiloni bengalindele. Cishe sizokuthakazelisa ngendlela efanayo isimemezelo sokuthi lo muzi wawuzoba incithakalo. (Jer. 50:39; 51:26) Kuze kube namuhla, amanxiwa eBhabhiloni elake laba umbuso onamandla afakazela ukunemba kwesiprofetho saphezulu.
16 UJehova wamemezela ngoJeremiya ukuthi amaJuda ayeyokhonza abaseBhabhiloni iminyaka engu-70. Ngemva kwalokho uNkulunkulu wayeyobuyisela abantu bakhe ezweni labo. (Funda uJeremiya 25:8-11; 29:10.) UDaniyeli wayeqiniseka ngokugcwele ngalesi siprofetho, futhi wasebenzisa sona ukuze athole ukuthi sasiyophela nini isikhathi ‘sokubhuqwa kweJerusalema.’ (Dan. 9:2) “Ukuze kufezeke izwi likaJehova elaphuma emlonyeni kaJeremiya,” kusho u-Ezra, “uJehova wavusa umoya kaKoresi inkosi yasePheresiya” eyayinqobe iBhabhiloni, ukuba ibuyisele amaJuda ezweni lawo. (Ezra 1:1-4) Ababuya babengahalalisa ngenxa yokuthula ezweni labo, babuyisele ukukhulekela okumsulwa, njengoba uJeremiya ayebikezele.—Jer. 30:8-10; 31:3, 11, 12; 32:37.
17. Chaza ukuthi amazwi kaJeremiya aphathelene “nokukhala” eRama abhekisela kanjani ezenzakalweni ezimbili.
17 UJeremiya waloba neziprofetho ezaziyogcwaliseka esikhathini eside kamuva. Wathi: “Yilokhu uJehova akushilo, ‘Kuzwakala izwi eRama, isililo nokukhala okumunyu; uRaheli ekhalela amadodana akhe. Wenqabile ukududuzwa ngamadodana akhe, ngoba awasekho.’” (Jer. 31:15) Kubonakala sengathi amaJuda ayethunjiwe ahlangana emzini waseRama, oqhele ngamakhilomitha angaba ngu-8 enyakatho yeJerusalema, ngemva kokubhujiswa kwalo ngo-607 B.C.E. Kungenzeka nokuthi ezinye iziboshwa zabulawelwa khona eRama. Cishe lokho kwakuwukugcwaliseka kokuqala kwalesi siprofetho, njengokungathi uRaheli wayekhalela “amadodana” akhe abulewe. Nokho, ngemva kwamakhulu ayisithupha eminyaka, iNkosi uHerode yayala ukuba kubulawe izinsana zaseBetlehema. Umlobi weVangeli uMathewu wathi amazwi kaJeremiya ayebikezela umphumela obuhlungu waleso sibhicongo.—Math. 2:16-18.
18. Sagcwaliseka kanjani isiprofetho sikaNkulunkulu ngo-Edomi?
18 Kwagcwaliseka nesinye isiprofetho ekhulwini lokuqala C.E. UNkulunkulu wabikezela ngoJeremiya ukuthi u-Edomi wayephakathi kwezizwe ezaziyohlaselwa abaseBhabhiloni. (Jer. 25:15-17, 21; 27:1-7) Kodwa uNkulunkulu washo nokunye. Wathi i-Edomi lalizoba njengeSodoma neGomora. Uyazi nawe ukuthi kwakusho ukuthini lokho—lalingeke lihlalwe muntu, lingaphinde libe khona. (Jer. 49:7-10, 17, 18) Yilokho kanye okwenzeka. Ucabanga ukuthi singalitholaphi namuhla igama elithi Edomi nelithi abakwa-Edomi? Emabalazweni? Cha. Atholakala ikakhulu ezincwadini zomlando wasendulo noweBhayibheli noma emabalazweni asendulo. UFlavius Josephus usitshela ukuthi abakwa-Edomi baphoqwa ukuba bamukele inkolo yobuJuda ekhulwini lesibili B.C.E. Ngemva kwalokho, lapho iJerusalema libhujiswa ngo-70 C.E., lesi sizwe saphela nya.
19. Incwadi kaJeremiya yembulani ngokukwazi kukaNkulunkulu ukugcwalisa iziprofetho?
19 Njengoba ungabona, zonke izahluko zencwadi kaJeremiya zigcwele iziprofetho ezithinta abantu ngabanye nezizwe. Iningi lazo seligcwalisekile kakade. Lokho nje kukodwa kwenza le ncwadi ikufanelekele ukuba uyinake futhi uyitadishe ngoba igcizelela okuthile ngoNkulunkulu wakho omkhulu. UJehova ukwenzile ayekucabanga, futhi usazokwenza. (Funda u-Isaya 46:9-11.) Lokhu kungakwenza ukwethembe nakakhulu okubikezelwa iBhayibheli. Eqinisweni, ukugcwaliseka kwezinye iziprofetho uJeremiya aziloba kukuthinta ngokuqondile wena nekusasa lakho. Ake sihlole ezinye zazo kule ngxenye yokugcina yalesi sahluko.
Yiziphi iziprofetho ezagcwaliseka ngemva kokufa kukaJeremiya, futhi kungani zibalulekile kuwe?
IZIPROFETHO EZIKUTHINTAYO
20-22. Kungani kungashiwo ukuthi iziprofetho zeBhayibheli, kuhlanganise nezithile encwadini kaJeremiya, zigcwaliseka izikhathi ezingaphezu kwesisodwa? Bonisa.
20 Isiprofetho seBhayibheli singagcwaliseka izikhathi ezingaphezu kwesisodwa. Kunjalo nangempendulo kaJesu yombuzo wabafundi bakhe ngesibonakaliso “sokuba khona [kwakhe] nesesiphelo sesimiso sezinto.” (Math. 24:3) Yagcwaliseka ngo-66 kuya ku-70 C.E. Nokho, kusobala ukuthi leso siprofetho siyophinde sigcwaliseke ngandlela-thize phakathi ‘nosizi olukhulu’ oluyofikela sonke lesi simiso esibi. Lolo kuyoba usizi “olungakaze lube khona kusukela ekuqaleni kwezwe kuze kube manje, cha, futhi olungasayikuphinde lube khona.” (Math. 24:21) Zikhona iziprofetho ezalotshwa uJeremiya ezagcwaliseka ngaphezu kwesikhathi esisodwa. Ezinye zazo zaqale zagcwaliseka ngo-607 B.C.E. zaphinde zagcwaliseka kamuva, njengoba sibonile ‘kwesikaRaheli ekhalela amadodana akhe.’ (Jer. 31:15) Ngempela, okunye kwalokho uJeremiya akubikezela kukhomba esikhathini ophila kuso, futhi ukugcwaliseka kwako kukuthinta ngokukhethekile.
21 Ungakubona lokho encwadini yesAmbulo. Umphostoli uJohane waphefumulelwa ukuba abhekisele eziprofethweni ezazimenyezelwe uJeremiya mayelana nokuphela kweBhabhiloni ngo-539 B.C.E. Encwadini yesAmbulo sithola ukufana phakathi kwalokho okwenzeka ngaphambili nalokho okumiselwe ukuba kwenzeke ngezinga elikhulu. Phakathi kweziprofetho ezashiwo uJeremiya futhi zagcwaliseka esikhathini sethu kukhona nesokuwa kombuso omkhulukazi—umbuso wezwe wenkolo yamanga, “iBhabhiloni Elikhulu.” (IsAm. 14:8; 17:1, 2, 5; Jer. 50:2; 51:8) Abantu bakaNkulunkulu kuyomelwe ‘baphume kulo’ ukuze bangabhujiswa nalo. (IsAm. 18:2, 4; Jer. 51:6) Amanzi alowo muzi, afanekisela abantu noma abasekeli bawo, ‘ayokoma.’—Jer. 51:36; IsAm. 16:12.
22 Okunye okusazogcwaliseka yisithembiso esithi uNkulunkulu uyophindisela enkolweni yamanga ngenxa yokuphatha kabi abantu bakhe. UJehova ‘uyolibuyisela ngokwakho konke elikwenzile.’ (Jer. 50:29; 51:9; IsAm. 18:6) Izindawo ezingokomfanekiso zenkolo yamanga kumelwe zibe incithakalo.—Jer. 50:39, 40.
23. Yikuphi ukubuyiselwa okungokomoya, okwabikezelwa uJeremiya, okwagcwaliseka ekhulwini lama-20 leminyaka?
23 Njengoba kungenzeka ubonile, iziprofetho uJeremiya azimemezela zinikeza nethemba. Wabikezela ukubuyiselwa kokukhulekela kweqiniso emhlabeni ezikhathini zanamuhla. Ukukhululwa kwezithunjwa ezingamaJuda eBhabhiloni lasendulo kwaba umfuziselo wokukhululwa kwabantu bakaNkulunkulu banamuhla eBhabhiloni Elikhulu ngemva kokumiswa koMbuso ezulwini. Ngomqondo ongokomoya, uJehova wabuyisela abantu bakhe ekukhulekeleni okumsulwa, bambonga futhi bajabula. Uyibusisile imizamo yabo yokusiza abanye ukuba bamkhulekele futhi bondliwe ngokucebile ngokomoya. (Funda uJeremiya 30:18, 19.) Uyibonile nakokuhlangenwe nakho kwakho indlela uJehova afeze ngayo isithembiso sakhe sokunikeza abantu bakhe abelusi namuhla—amadoda avuthiwe ngokomoya awukhathalela ngempela umhlambi futhi awuvikele.—Jer. 3:15; 23:3, 4.
24. Yimaphi amazwi anamandla kaJeremiya asazogcwaliseka?
24 Amazwi kaJeremiya kubantu bakaNkulunkulu basendulo ayeyisithembiso sezinto ezinhle kwabathembekile nesixwayiso sembubhiso kulabo abangabambelele ebuhlotsheni babo noJehova. Kusenjalo nanamuhla. Kulula ukubona ukuphuthuma kwesixwayiso esisikiselwe kula mazwi: “Ababulewe nguJehova ngalolo suku ngokuqinisekile bayosukela komunye umkhawulo womhlaba kuze kube komunye umkhawulo womhlaba. Ngeke balilelwe, futhi ngeke babuthwe noma bangcwatshwe. Bayoba njengomquba ebusweni bomhlaba.”—Jer. 25:33.
25. Abantu bakaNkulunkulu namuhla banamuphi umthwalo wemfanelo?
25 Yebo, njengoJeremiya, siphila ezikhathini ezibucayi. Njengasosukwini lwakhe, indlela abantu abasabela ngayo esigijimini sikaJehova ingasho ukufa noma ukuphila. Abantu bakaNkulunkulu namuhla ababona abaprofethi. Asiphefumulelwe ukuba senezele emazwini kaJehova eqiniso angenaphutha aseBhayibhelini. Noma kunjalo, sithunywe ukuba sishumayele izindaba ezinhle zoMbuso zinsuku zonke kuze kuphele lesi simiso sezinto. (Math. 28:19, 20) Ngokuqinisekile asifuni ‘ukweba amazwi kaJehova’ ngokufihlela abantu lokho okuzokwenzeka. (Funda uJeremiya 23:30.) Sizimisele ukungawanciphisi amandla nethonya lamazwi akhe. Iziprofetho eziningi uNkulunkulu ayeyale uJeremiya ukuba azimemezele sezigcwalisekile kakade. Lokhu kusenza siqiniseke ngokuthi ezingakagcwaliseki nazo zizogcwaliseka nakanjani. Kumelwe sitshele abantu ukuthi uNkulunkulu ngeke ahluleke ukwenza ‘lokho akucabangayo nalokho ayekuyalile kusukela ezinsukwini zakudala.’—IsiL. 2:17.
26. Isiphi esinye isiprofetho esisazoxoxa ngaso?
26 Ngeke sithi siqedile ukuxoxa ngomsebenzi nesigijimi sikaJeremiya esingokwesiprofetho singakakhulumi ngezithembiso zikaJehova ezinkulu ‘zesivumelwano esisha’ ayeyosenza nabantu bakhe, emithetho yaso wayeyoyiloba ezinhliziyweni zabo. (Jer. 31:31-33) Lesi siprofetho nokugcwaliseka kwaso okukuthinta ngokuqondile, kuzoxoxwa ngakho esahlukweni esilandelayo.
Iziphi iziprofetho ezisencwadini kaJeremiya eziye zagcwaliseka ezikhathini zanamuhla? Uzizwa kanjani ngalezo ezingakagcwaliseki?