Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Ingabe uJesu wayebhekisela kuJuda lapho ethi kuPilatu: “Ngalokho-ke onginikele kuwe unesono esikhulu”?—Johane 19:11.
Akubonakali ukuthi uJesu lapha wayebhekisela kuJuda noma kunoma iyiphi enye indoda ngokukhethekile. Kwakuhileleke idlanzana lamadoda anecala ezenzakalweni ezaholela ekumeni kukaJesu phambi kukaPilatu nasekubhekaneni nokufa.
Ngokunokwenzeka, uJuda ufika kuqala engqondweni ngenxa yokuthi lowomphostoli owonakele waphenduka umkhapheli. (Johane 6:64, 71; 12:4-6) UJuda wahlangana nabapristi abakhulu, ababefuna ‘ukubulala’ uJesu. UJuda bamkhokhela izinhlamvu zesiliva ezingama-30 ukuze amkhaphele. (Luka 22:2-6) Khona-ke, ngokungangabazeki, uJuda wayenesono esikhulu ngokufa kukaJesu.
Kodwa akuyena uJuda yedwa owabangela ukufa kukaJesu. Umpristi omkhulu uKayafase wayegqugquzele abanye ukuba babulale uJesu. (Johane 11:49, 50) UMathewu ulandisa ukuthi lapho “abapristi abakhulu nomphakathi wonke” sebemlahlile uJesu, bathatha isinyathelo njengeqembu. “Bonke abapristi abakhulu namalunga esizwe benza icebo ngoJesu lokuba bambulale; bambopha, bamuka naye, bamnikela kuPilatu umbusi.” (Mathewu 26:59-65; 27:1, 2) Ngaphezu kwalokho, ngemva kokuba uPilatu engatholanga cala kuJesu, “izixuku” zacela ukuba kukhululwe uBaraba. Ngokuphambene, ngokuqondene noJesu zamemeza zathi: “Makabethelwe.”—Mathewu 27:20-23; Johane 18:40.
Ngakho ngokunokwenzeka uJesu wayengakhulumi ngokuphathelene nomuntu oyedwa ngokuqondile lapho ethi kuPilatu: “Onginikele kuwe unesono esikhulu.” (Johane 19:11) Nakuba uJuda, “indodana yokulahlwa,” ayenecala elikhulu ngokukhethekile, abaningi abanye bahlanganyela icala lesono sokubulala uJesu. (Johane 17:12) Ingakho ngosuku lwePentekoste umphostoli uPetru anxusa amaJuda ukuba aphenduke esonweni sawo esingathi sina asenza eNdodaneni kaNkulunkulu. (IzEnzo 2:36-38) LawomaJuda ayeyingxenye yesizwe esinikezelwe kuNkulunkulu kaJesu, uJehova. Ayeneziprofetho ezazikhomba uJesu njengoMesiya. Futhi amaningi awo azibona izimangaliso zikaJesu. Ngakho ngokuqinisekile ayenecala lesono elengeziwe kunesikhulu esingesiye umJuda esathi uJesu akanacala.—Johane 18:38.
◼ Yayiyini injongo kaJehova lapho etshela uHezekeli ukuthi ubuso bakhe kwakudingeka bube-lukhuni, njengobuso bamaJuda?
UHezekeli wayengumprofethi kaNkulunkulu, owakhonza phakathi kwamaJuda ayethunjelwe eBabiloni. Lezithunjwa ngokusobala zazicabanga ukuthi uJehova wayengase ngandlela-thile azikhulule ngokushesha ngoba zazingabantu bakhe abakhethiweyo. Azizange zamukele iqiniso lokuthi ezazihlangabezana nakho kwakuzehlele ngenxa yokuthi zazifanelwa ukulahlwa uye.
Ngakho-ke lapho uJehova ethuma uHezekeli ukuba ‘akhulume kuzo ngamazwi akhe; kwakungesona isabelo esilula. Lapho elungiselela umprofethi, uNkulunkulu waxwayisa ngokuthi ‘abayikukuzwa, ngokuba abangizwa mina, lokhu indlu yakwaIsrayeli inebunzi elilukhuni nenhliziyo enqala.’—Hezekeli 3:4, 7.
Kulokhu uNkulunkulu watshela uHezekeli: “Bheka, ngenzé ubuso bakho bube-lukhuni, njengobuso babo, nebunzi lakho libe-nqala njengamabunzi abo. Ngenzé ibunzi lakho njengedayimani, elilukhuni kunensengetsha; ungabesabi.”—Hezekeli 3:8, 9.
Abantu babenenkani futhi behlubuka. (Hezekeli 2:6) Ingabe babeyokwazi ukunqoba noma ukwesabisa isithunywa sikaNkulunkulu? Cha. Njengoba wayesekelwa uNkulunkulu, uHezekeli wayengezukubamnene kunokuba babenjalo. Insengetsha yitshe eliqine kakhulu, eliqine kunensimbi. Uma amaJuda anenkani, angasabeli ayengaqhathaniswa nensengetsha, kwakungaba njalo nangoHezekeli. Ngisho nangokwedlulele, kwakumelwe afane nedayimani, liqine kakhulu ematsheni ambiwayo, eliqine kangangokuthi lingaklwebha ngisho nensengetsha.—Jeremiya 17:1, 2.
Ngokuqinisekile lokhu akusho ukuthi abantu bakaNkulunkulu namuhla kufanele bakubheke njengokufiselekayo ukuba lukhuni, ukungakhathaleli imizwa yabanye, noma ngisho ukuba nonya ekwenzeni lokho abanomuzwa wokuthi kulungile. Phawula lokho umphostoli uPetru akukhuthaza ngokuqondene nokusebenzelana nabanye: “Manibe nhliziyonye nonke, nihawukelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka, ningaphindisi okubi ngokubi nokuthuka ngokuthuka,kepha kakhulu manibusise.”—1 Petru 3:8, 9.
Isihawu naso singesinye sezisusa eziyisisekelo ekuhlanganyeleni kwethu izindaba ezinhle zoMbuso nabanye. (Mathewu 9:36-38) Kodwa lapho sihlangabezana nokunganaki kwabantu, ukwenqatshwa, noma ukuphikiswa okuqondile, ngeke siyeke ukumemezela isigijimi sikaNkulunkulu sesikhathi sethu. Lokho kuhlanganisa nokumemezela ukuthi ngokushesha ‘uyophindisela kwabangamazi uNkulunkulu nakwabangaleli ivangeli IeNkosi yethu uJesu.’ (2 Thesalonika 1:6-9) Akumelwe sesatshiswe noma sihlehlele emuva. Ngalomqondo singaba abaqine njengedayimani njengoba uHezekeli kwakumelwe abe njalo.