Ukusakaza IZwi LikaNkulunkulu Kabanzi Ezweni Elinokwesaba
1. Isiphi isimo esingafani nalutho sokwesaba kwezwe umprofethi omkhulu kakhulu emlandweni wesintu asibikezela?
UMPROFETHI omkhulukazi kuwo wonke umlando womuntu, uJesu Kristu, wabikezela isimo sezwe lonke ngokuqondene nesikhathi esishintshayo sezwe esaqalisa ngokugqashuka kweMpi Yezwe I ngo-1914, wathi: “Abantu baphele amandla ngokwesaba nangokubheka okuvelela umhlaba; ngokuba amandla ezulu ayakunyakaziswa.”—Luka 21:26, 27.
2. Obani abangesabi, futhi kungani kunjalo?
2 Nokho, nakuba kungase kubonakale kungavamile, kukhona abangesabi futhi abangapheli amandla ngenxa yokungabi nakuzisiza. Labo oFakazi BakaJehova manje abatholakala emazweni angama-205. Benza lokho uJesu abayala ngakho: “Kepha nxa kuqala ukuvela lokho, lulamani, niphakamise amakhanda enu, ngokuba kusondele ukukhululwa kwenu.”—Luka 21:28.
3. Kungani uMbuso wobuMesiya ungamiswanga eJerusalema kwaIsrayeli, futhi kungani iNhlangano Yezizwe nomlandeli wayo behlulekile ukuvimbela inkathi yenyukliya?
3 Namuhla iqiniso lokuthi “izikhathi ezimisiwe zabezizwe,” “izikhathi zabezizwe,” zaphela engxenyeni yokugcina ka-1914 nokuthi khona-ke uMbuso othenjisiwe kaJehova uNkulunkulu ngoJesu Kristu wamiswa emazulwini ukuba ubuse phakathi kwezitha zawo liqinisekiswe ngokwengeziwe. (Luka 21:24, NW, IBhayibheli lesiZulu) Ngakho-ke, kuze kube namuhla lowoMbuso wobuMesiya awukamiswa eJerusalema lasemhlabeni. Ngokusobala, neNhlangano yeZizwe ihlulekile ukuba “isibonakaliso esingokombangazwe soMbuso kaNkulunkulu emhlabeni.” Umlandeli waleNhlangano, iZizwe Ezihlangene, ngemva kweminyaka engama-35 isebenza, iye yehluleka ukugcwalisa imithandazo yeLobukholwa; iyehluleka ukuvimbela inkathi yenyukliya.
4. INhlangano Yezizwe yayiwuzungu ngokumelene nani ngempela?
4 Kusukela ngesikhathi sokusungulwa kwenhlangano yezizwe kuya ekupheleni kweMpi Yezwe I, oFakazi BakaJehova baye baxwayisa ngokungesabi ngokuthi ababambeli abanjalo abenziwe ngabantu bento engokoqobo, uhulumeni kaJehova wobukhosi ngoJesu Kristu, bayokwehluleka. Baye baqondisa inkambo yabo yesenzo ngesiprofetho esikuIsaya 8:12: “Ningasho ukuthi kuluzungu konke abakushoyo lababantu ukuthi kuluzungu, ningakwesabi abakwesabayo, nibe-novalo ngakho.” Lelocebo elenziwe ngabantu empeleni ‘liwuzungu,’ yebo, uzungu olumelene nezithakazelo eziyigugu zoMbuso kaNkulunkulu ngoKristu. Khona-ke, kungenzeka kanjani ukuba lube nesibusiso nokusekelwa iNkosi yamakhosi, uJehova uNkulunkulu?
5. (a) Naphezu kokuqukethwe “umqulu,” wawunambitheka kanjani njengoba uHezekeli ayedla “umqulu wencwadi”? (b) Ukuba neZwi likaNkulunkulu emilonyeni yethu ukuze sikhonze njengofakazi bakhe kuluhlobo luni lokuhlangenwe nakho?
5 Isigijimi soMbuso oFakazi BakaJehova abaqhubeka besimemezela sibeka inselele, ikakhulu ezweni eliphambukile. Baye baba nokuhlangenwe nakho okufana nokomprofethi uHezekeli, lapho ethunjelwe ezweni laseBabiloni, eminyakeni ethile ngaphambi kokubhujiswa kweJerusalema ngabaseBabiloni ngo-607 B.C.E. Njengomphostoli kamuva esiqhingini sasePhatmose, uHezekeli wanikezwa “umqulu wencwadi,” umprofethi uyasitshela: “Wawulotshiwe ngaphakathi nangaphandle, kubhaliwe kuwo izililo nezililiselo, nokuthi: Maye!” (Hezekeli 2:9, 10) Ngemva kokulalela iziyalezo zikaNkulunkulu zokudla “umqulu wencwadi,” uHezekeli uthi: “Wawumnandi emlonyeni wami njengezinyosi.” (Hezekeli 3:1-3) Namuhla, kunoma ubani kithi ukuba neZwi likaNkulunkulu emlonyeni wethu ukuze sikhonze njengabaphathi besigijimi sakhe kuyilungelo elimnandi, kungakhathaliseki konke okuqukethwe yileloZwi, ngisho noma kuyizililo, nezililiselo nomaye. (Qhathanisa neHubo 19:7-10.) OFakazi BakaJehova bayalazisa iZwi likaNkulunkulu elembuliwe ngemva kokuba belidlile kusukela ngonyaka ongemva kwempi ka-1919 kuya phambili. Labaqinisa, njengoba uju loqobo lwaqinisa uJonathani.—1 Samuweli 14:26, 27.
6. Njengoba usuku lokuphindisela kukaNkulunkulu lusondela, kungani kudingeka isibindi, kodwa yini oFakazi BakaJehova abangase baqiniseke ngayo?
6 Njengoba “usuku lokuphindisela lukaNkulunkulu wethu” lusondela ngokushesha, kufuna isibindi koFakazi BakaJehova ukukhomba ‘izililo nezililiselo nawomaye’ abaseduze kuwo wonke umphakathi wesintu. (Isaya 61:1, 2) Abantu abafuna ukusinda kulelizwe elisongelwayo abehluleki ukulalela ukwazisa okunjalo emilonyeni yoFakazi BakaJehova. Kodwa njengoba uNkulunkulu ebathumela ukuba basakaze iZwi, bangaqiniseka ukuthi uyobasekela kuze kube usuku lokuphindisela kwakhe.
7. UJehova wayezomenza kanjani uHezekeli ukuba akwazi ukufeza isabelo sakhe?
7 Akumnandi uma abantu benqaba ukulalela, kodwa masilalele lokho uNkulunkulu akushoyo kuHezekeli: “Kepha indlu yakwaIsrayeli ayiyikuzwa, ngokuba ayingizwa mina, lokhu indlu yakwaIsrayeli inebunzi elilukhuni nenhliziyo enqala. Bheka, ngenzé ubuso bakho bube lukhuni njengobuso babo, nebunzi lakho libenqala njengamabunzi abo. Ngenzé ibunzi lakho njengedayimani, elilukhuni kunensengetsha; ungabesabi, ungapheli amandla ngobuso babo, noma beyindlu ehlubukayo. . . . Hamba uye kubathunjwa, kubantwana babantu bakho, ukhulume kubo, uthi kubo: Isho njalo iNkosi uJehova, noma bezwa noma benganaki.”—Hezekeli 3:7-11.
8. Isigaba sikaHezekeli sabhekana kanjani nesimo esilukhuni ngemva kweMpi Yezwe I, futhi kwakungenzekani ukuba abefundisi babelalele?
8 Isimo esilukhuni esifana naleso yileso esabhekana nensali yalawomaKristu agcotshiwe ayezelwe ngomoya kaNkulunkulu ukuba abe amadodana akhe angokomoya futhi ayegcotshwe ngomoya wakhe ukuba abe ofakazi bakhe abamisiwe. Yenza isigaba sikaHezekeli sekhulu lama-20. Ngakho, njengoHezekeli, awahlehlelanga emuva ngenxa yobuso obulukhuni babefundisi beLobukholwa abanolwazi nabagqoke ngokubukisayo, abangase bathi bangamaIsrayeli angokomoya. Ukuba abaholi abanjalo benkolo baye bathambisa ubuso babo futhi balalela isigijimi soMbuso njengoba simenyezelwa yinsali egcotshiwe kusukela ngo-1919, eLobukholwa belingenakungena empini yezwe yesibili yezinga elikhulu kakhulu neyonakalisa izwe lonke kuneyokuqala.
9. Insali kanye nabangane bayo abazinikezele baye benziwa kanjani ukuba bakwazi ukufeza isabelo sabo?
9 Namuhla, ngisho nangokusongela okukhulayo kwempi yenyukliya naphezu kwenhlangano yeZizwe Ezihlangene, abaholi benkolo abazange bashintshe isimo sabo ngakubamemezeli boMbuso. Ngakho-ke insali egcotshiwe njengamanxusa oMbuso, nabangane bayo abazinikezele nababhapathiziwe bazo zonke izizwe kuye kwadingeka ukuba baqinise ubuso babo njengedayimane ngenxa yokuphikisa okuqinile kwenkolo. Bayaqhubeka bekhuluma iZwi likaNkulunkulu ngokungesabi.
10. OFakazi BakaJehova kwakumelwe balalelwe abefundisi nabantu babo ngenxa yasiphi isizathu, futhi iliphi iqiniso abantu abanjalo benkolo okusamelwe balivume?
10 Ikakhulukazi abefundisi beLobukholwa kumelwe ukuba basizwisisile isigijimi neseluleko soFakazi BakaJehova. OFakazi bathola lokho abakushoyo eBhayibhelini elifanayo lelo amakholwa athi angamaKristu athi ayalemukela nathi izinhlangano zawo zeBhayibheli zilisakaza kabanzi ngezilimi eziningi. Kuye kwaba njengoba uJehova uNkulunkulu asho kuHezekeli: “Bangabantwana abanobuso obulukhuni nenhliziyo enqala; ngiyakuthuma kubo; uyakuthi kubo: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bona-ke, noma bezwa noma benganaki, ngokuba bayindlu ehlubukayo, bayakwazi nokho ukuthi kade ekhona umprofethi phakathi kwabo.”—Hezekeli 2:4, 5.
11. Iziphi izimfanelo eziye zaboniswa eLobukholwa ensalini ethunywe uJehova, futhi uye wayenza kanjani insali ukuba ikwazi ukufeza lokhu kuthunywa okuyinselele?
11 Ubulukhuni bobuso nobulukhuni benhliziyo buye baboniswa abathi banguIsrayeli ongokomoya, eLobukholwa, ngokumelene nensali egcotshiwe iNkosi Yobukhosi uJehova eye yayithuma ukuba ihambise isigijimi sayo sokugcina phakathi ‘nalesisiphelo sesimiso sezinto.’ (Mathewu 24:3, 14, NW) UNkulunkulu uMninimandla onke wayazi ukuthi wayengafaka isibindi kuHezekeli wanamuhla esasiyoqinisa lensali egcotshiwe ukuba izithwese lomthwalo futhi ifeze lokhu kuthunywa okuyinselele.
12. Ikuphi ukubekwa icala okungamanga uJehova akuchithayo, futhi isiphi isehlakalo esiphathelene nalokho esiyomshiya nombhalo ococekile?
12 UNkulunkulu ongenakusolwa ngalutho kuye kwaba inhloso yakhe ukususa konke obekungenza ukuba abekwe icala lokunganaki, lokwehluleka ukunikeza isixwayiso kwabasengozini. Izimo zisondela kithi ngezinga lapho siyoboniswa khona esiyikho. Khona-ke abangalaleli bayophoqelelwa ukuba bavume ukuthi umprofethi ovela kuJehova ubephakathi kwabo. Lokhu kuyoba lapho iBabiloni Elikhulu, umbuso wezwe wenkolo yamanga, libhujiswa phakade ezandleni zemibuso yezombangazwe elifeba nayo ngokomoya ngokungenamahloni. Lokhu kuyoshiya uNkulunkulu wokukhulekela okumsulwa enombhalo ococekile.
13. Ngenxa yokuthi uJehova uye wathembeka kusiphi isithembiso ensalini egcotshiwe, iyiphi indlela eye yasebenza ngayo njengesibonelo esihle ‘kwezinye izimvu’?
13 Isibindi sokukhuluma njengoba siye saboniswa yinsali kuze kube manje siye saba ngenxa yokugcwalisa kukaJehova isithembiso sakhe: “Bheka, ngenzé ubuso bakho bube-lukhuni njengobuso babo, nebunzi lakho libe-nqala njengamabunzi abo. Ngenzé ibunzi lakho njengedayimani, elilukhuni kunensengetsha; ungabesabi, ungapheli amandla ngobuso babo, noma beyindlu ehlubukayo.” (Hezekeli 3:8, 9) Iqiniseka kanjalo, insali iye yakhonza njengesibonelo esikhuthazayo esixukwini esikhulayo ‘sezinye izimvu’ uJesu Kristu, uMalusi Omuhle, athembisa ukusiqoqela ohlangothini lwensali yakhe egcotshiwe. (Johane 10:16; IsAmbulo 7:9-17) NjengoFakazi BakaJehova, lezi “ezinye izimvu” ziye zaba nesibindi njengebhubesi.
14, 15. (a) Kungenxa yamuphi umehluko ofakazi bakaJehova abaningi ngaphakathi nangaphandle kwamazwe eLobukholwa beboshwa? (b) Ukuboshwa okunjalo kunamuphi umphumela ohlukile koFakazi abakhululekile kunalokho okungase kulindelwe?
14 OFakazi BakaJehova abalingisi iBabiloni Elikhulu. Ngakho-ke, kokubili ngaphakathi nangaphandle kwamazwe eLobukholwa, banabazalwane bokholo lobuKristu abasemajele ngenxa yokungathathi kwabo uhlangothi okuqinile. Lokhu akufakanga ukwesaba kulaboFakazi abasakhululekile futhi abangaboshiwe, okufana nalokho okwenziwa abazalwane bakamphostoli uPawulu abangamaKristu eRoma. Ecaleni uPawulu wenza isikhalo sokudlulisela icala kuKesari waseRoma ukuze kwahlulelwe ngokulunga, futhi umahluleli wanquma ngokuthi: “Ulidlulisele kuKesari, uzakuya kuKesari.” (IzEnzo 25:10-12) Ngakho-ke uPawulu wayiswa eRoma eboshwe ngamaketanga futhi wavalelwa lapho, elindele ukuthethwa kwecala. Kwakungaphansi kwalezozimo, lapho abhalela amaKristu akanye naye ayewathanda kakhulu emzini waseFilipi, eGrisi, ethi:
15 “Nokuthi iningi labazalwane eNkosini betholile ithemba ngezibopho zami bazuzile kakhulu isibindi sokukhuluma izwi likaNkulunkulu ngokungesabi.”—Filipi 1:14.
16. Naphezu kokuboshwa kwabazalwane abangamaKristu, ofakazi bakaJehova abakhululekile babonisa yiphi imfanelo ngokushesha ngemva kweMpi Yezwe I, futhi kungani imfanelo efanayo idingeka namuhla?
16 Okuthile okufana nalokhu, lapho iMpi Yezwe I iphela ngonyaka ka-1918, abaphathi namalunga ezisebenzi zasendlunkulu yeWatch Tower Bible and Tract Society bazithola besejele ngokumangalelwa ngeze. Lapho sekunokuthula, abazalwane abangaphandle bathatha izinyathelo eziqinile ngokushesha ukuze babakhulule. Ngo-1919 bakhululwa ejele futhi icala labo lachithwa enkantolo. Kanjalo baphuma phambili njengabangenacala kukho konke ukumangalelwa ngamanga. Umsebenzi wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu ngoKristu wathathwa ngesibindi ngaphezulu kunangaphambili, kwaphumela ekululazweni kweBabiloni Elikhulu namashende alo. Namuhla, njengoba kunofakazi bakaJehova ababoshiwe abaningi ngaphezu kwesikhathi seMpi Yezwe I, kukubazalwane babo abakhululekile ukuba ‘bakhulume izwi likaNkulunkulu ngokungesabi.’
Labo Ababeka ELobukholwa Ehlazweni Ngokulalela
17. (a) Mayelana nalabo abathanda ukulalela, yini uJehova ayisho kuHezekeli? (b) Kwakungemva kokugxilisa imizamo kobani lapho kwakuyisikhathi esifanele sokunakekela labo abathambekele ngokwengeziwe ekulaleleni, futhi kanjani?
17 Umbuzo othakazelisayo wawuthi, Obani ababengaba yizilaleli? Kulokhu uJehova wathi kuHezekeli: “Ngokuba awuthunywa kubantu abankulumo yabo ilukhuni nolimi lwabo lungaqondakali, . . . ongawezwa amazwi abo. Impela uma bengikuthumé kubo, bona babeyakukuzwa.” (Hezekeli 3:5, 6) Umprofethi wayebophekile ukuba aqhubeke nokukhuluma izwi likaNkulunkulu kubantu bakubo, labo besizwe sikaIsrayeli esimweni sabo sokuthunjwa ezweni laseBabiloni. Ngokufanayo, kuze kube phakathi namashumi amane ekhulu lethu lama-20, insali egcotshiwe kaIsrayeli ongokomoya iye yagxilisa imizamo yayo ekuqoqeni amalungu okugcina kaIsrayeli ongokomoya ‘esibayeni’ ‘somhlambi omncane,’ uBaba wasezulwini aye wawunikeza uMbuso, ukuba ubuse neNdodana yakhe kube yisibusiso esintwini esihlengiwe. (Luka 12:32) Khona-ke kwacatshangelwa futhi ngesikhathi esiyiso lamazwi eNdodana yakhe akuJohane 10:16 nokuhlobana kwawo nesAmbulo 7:9-17.
18, 19. Kungani kwadingeka isibindi ngo-1935 ukubonisa ukuthi “isixuku esikhulu” ‘siyilezozimvu’ ezaziyokwenziwa zibe “mhlambi munye” nensali egcotshiwe?
18 KuJohane 10:16, uJesu, iNdodana kaNkulunkulu, wayethe: “Nezinye izimvu nginazo ezingesizo ezalesisibaya; nalezo ngimelwe ukuziletha; ziyakuzwa izwi lami, kube-mhlambi munye nomalusi munye.”
19 Ngalabo ababeyobhekwa ‘njengezinye izimvu’ eziyolalela izwi ‘likamalusi oyedwa’ kulesisikhathi kwadinga isibindi. OFakazi BakaJehova baye bashushiswa kabuhlungu ngamabutho ashisekela izwe ngaphansi kuka-Adolf Hitler, esekelwa abefundisi beSonto lamaRoma Katolika uHitler owayephethe amaNazi ayekulo. Ngakho esimweni sezwe esinjalo, kwakufuneka ukholo olukhulu, ukuqiniseka nesibindi kumongameli weWatch Tower Society ukuba abonise, ngo-1935, ukuthi “isixuku esikhulu” esikusAmbulo 7:9-17 sasizokwenziwa yilabo ababikezelwa ukuthi ‘bangezinye izimvu’ nokuthi labo babezoba “mhlambi munye” nensali egcotshiwe eyayishushiswa ‘eyayikulesisibaya.’ Nokho, kwadingeka akhulume “izwi likaNkulunkulu ngokungesabi.” Futhi wakwenza lokhu.
20. Kuye kwaba yini ukusabela kwalabo ababa “ezinye izimvu,” ngakho “umhlambi” uye wakhula wafinyelela maphi amazinga namuhla?
20 Kusukela ekuqaleni, amakhulu ngamakhulu asabela, ezinikezela ngokungagodli kuJehova uNkulunkulu ‘ngomalusi wakhe oyedwa’ futhi ebonakalisa lokho kuzinikezela ngokucwiliswa emanzini phambi kwabantu bonke. Futhi manje, naphezu kokuphazamisa kweMpi Yezwe II, “ezinye izimvu” ziye zaba “umhlambi” wamalungu ayizigidi ezimbili nengxenye noma ngaphezulu, emazweni angama-205. Amaningi alamazwe angaphandle kwalokho okubizwa ngokuthi eLobukholwa, njengaseJapane, lapho kunesilinganiso sonyaka ngamunye sabangaphezu kwezi-70 000 babamemezeli abazinikezele besigijimi soMbuso, eKorea kunabangaphezu kwezi-30 000 naseNigeria kunabangaphezu kwezi-100 000.
21. Ukusabela kobani ezwini ‘likamalusi oyedwa’ okubeka eLobukholwa ehlazweni?
21 Ngokusobala, eLobukholwa elinobuso obuqinile nenhliziyo elukhuni libekwa ehlazweni ngenxa yokusabela okunjalo ezwini ‘likamalusi oyedwa’ kulawomazwe lapho ulimi olukhulunywayo lungase lube nzima futhi lungezwakali kulabo abakweLobukholwa, ikakhulukazi ulimi lwenkolo lwezimiso zabo zenkolo. Labo ababa “ezinye izimvu” zikaKristu babonisa isibindi esincomekayo njengoba bengakunaki lokho izwe elingase likucabange futhi bebuthanela “kumalusi munye” njengomholi wabo omiswe uNkulunkulu noMsindisi. NjengoMalusi wabo, bakhuluma izwi likaNkulunkulu ngokungesabi.
22. Naphezu kwezwe, oFakazi BakaJehova kumelwe bakhulume iZwi likaNkulunkulu ngasiphi isimo sengqondo?
22 Isimo sokwesaba kwezwe siya siba sibi. Ngaphansi kwethonya lamademoni izizwe zibheke enkundleni yempi yeHarmagedoni empini yokugcina yokuxazulula impikiswano. OFakazi BakaJehova bayoma belondekile eceleni futhi bayobukela njengoba uNkulunkulu wabo enqoba. Ngokusinda eMpini yazo zonke izimpi, bayohlanganyela nesixuku esijabulayo sasezulwini ekumemezeleni izindumiso zikaNkulunkulu ongenakunqotshwa, uJehova, noMphathi wakhe wempi onamandla, uJesu Kristu. (IsAmbulo 16:13-16) Manje akusona isikhathi sokuhlehlela emuva! Khona-ke, phambili nina mhlambi ohlanganisiwe woFakazi BakaJehova, ‘ekukhulumeni izwi likaNkulunkulu ngokungesabi’ kuze kube yilapho umhlaba usugcwele inkazimulo kaJehova njengamanzi asibekela ulwandle.—Isaya 11:9; Hezekeli 47:1-5.
Ingabe uphawulile?
□ Ikuphi okuhlangenwe nakho uHezekeli aba nakho eBabiloni, futhi ikuphi okufana nakho namuhla?
□ Naphezu kwezimo zabefundisi, kungani abantu bakaNkulunkulu bengenakwesaba ukusakaza iZwi lakhe?
□ Abantu bakaJehova abazinikezele baye basimemezela kanjani isigijimi sabo “kubantu abankulumo yabo ilukhuni”?
□ Isiphi isimo okudingeka usibonise manje nasesikhathini esizayo?
[Isithombe ekhasini 17]
OFakazi BakaJehova abesabi naphezu kokunqaba nokuqina kwabefundisi