Lapho Umngane Womshado Engathembeki
UKUSHAQEKA kwakuqeda amandla. Umbhangqwana wawunomntwana oyedwa omncane, futhi umfazi osemusha wayezethwele owesibili. Manje wathola ukuthi indoda yakhe yayingathembekanga kuye. Yayiphingile! Ephatheke kabi futhi ekhungathekile, wayengazi ukuthi kumelwe enzeni.
Ngokudabukisayo, lena akuyona inkinga engavamile. Imibiko evela emazweni ahlukene ibonisa ukuthi abantu abaningi abashadile abathembekile kubangane babo bomshado futhi babangela usizi olukhulu emshadweni wabo. UmKristu kumelwe asabele kanjani uma ethola ukuthi umngane wakhe womshado uye wangakugcina ukwethembeka?
Esimweni esinjalo, amazwi kaJesu ngalendaba kumelwe acatshangelwe: “Namanje ngithi kini: Yilowo nalowo olahla umkakhe kungengokuphinga, aganwe ngomunye, uyaphinga.” (Mathewu 19:9) Kusho ukuthini lokhu? Ukuthi ubufebe (ngokweBhayibheli obuhlanganisa ukuphinga nokuziphatha okubi kobulili okungathi sína njengobungqingili) bungawehlukanisa umshado. NgokomBhalo, umngane ongenacala unelungelo lokudivosa onecala futhi ashade nomunye ngaphandle kokona emehlweni kaNkulunkulu.a
Kodwa ingabe umngane ongenacala kumelwe alandele lenkambo yesenzo?
Isibonelo SikaNkulunkulu Siqu
Isibonelo sezinsuku zikaIsrayeli wasendulo siyasisiza ukuba siphendule lokhu. Umprofethi kaNkulunkulu ogama lakhe lalinguHoseya wayeshade nowesifazane ogama lakhe lalinguGomere futhi wamtholela indodana. Ngemva kwalokho, uGomere akathembekanga futhi wathola abantwana ababili kwamanye amadoda. Khona-ke ngokusobala wamshiya uHoseya ngenxa yezithandwa zakhe. Nokho, uHoseya wabonisa umusa omkhulu. Kamuva wambuyisa uGomere, ngisho nakuba kwadingeka amkhokhele imali. (Ngokusobala wayeseshiywe izithandwa zakhe futhi wayesempofu futhi eseyisigqila.) Nokho kunokuba asebenzelane ngomthetho oqinile nomkakhe, uHoseya wabonisa isihawu.
Lesisihawu sikaHoseya sasetshenziswa eBhayibhelini njengesifanekisela isenzo esikhulu sesihawu kowesifazane owonayo. UJehova uNkulunkulu waqhathanisa ubuhlobo bakhe siqu noIsrayeli nobendoda kumkayo. Wake wathi ngesinye isikhathi, “Ngingumyeni wenu.” (Jeremiya 3:14) Kodwa, njengomkaHoseya, amaIsrayeli ayengathembekile. Ayekhonza onkulunkulu bamanga ngokuphindaphindiwe, kanjalo ephinga ngokomoya. (Hoseya 6:10; 7:4) Ngomthetho wakhe siqu, uNkulunkulu ‘wayengawadivosa,’ awalahle. Yini ayenza?
NjengoHoseya, wabonakala ezimisele ukubuyisela ‘umfazi’ wakhe owonile uma eshiya ukuziphatha kwakhe okubi. Wabheka phambili esikhathini lapho “abantwana bakwaIsrayeli bayakubuya, bamfune uJehova uNkulunkulu wabo noDavide inkosi, babuyele kuJehova benovalo nakukho okuhle kwakhe ngezinsuku ezizayo.”—Hoseya 3:5.
Ingabe umKristu angabonisa ukuthethelela okufanayo kothando kumngani womshado onephutha?
Kungani Kufanele Abe Nesihawu?
Yebo, futhi eqinisweni, abaningi baye basibonisa. Abantu abashadile abaphingayo babeka ikusasa labo ezandleni zabangane babo abangenacala. Kodwa ngokuvamile lezizisulu ziye zathola ukuthi ezinhliziyweni zazo ziyathethelela. Kungani zenza kanjalo?
Ngokwesibonelo, bayakhumbula ukuthi umshado uyisipho esivela kuNkulunkulu futhi akumelwe upheliswe kalula nje. Baye futhi bacabanga ngomusa omkhulu uNkulunkulu aye wawubonisa kithi sonke futhi bakhumbula indlela okumjabulisa ngayo uma sinesihawu kwabanye. UJesu wathi: “Babusisiwe abanesihawu, ngokuba bayakuhawukelwa.”—Mathewu 5:7.
Isihawu sinokwenzeka, ikakhulukazi uma onecala enomuzwa ojulile wecala futhi ezisola ngobuqotho ngobubi abenzile. Esimweni esinjalo, umngane ongenacala, angase abe nomuzwa wokuthi kunenzuzo ukulwa nobuhlungu nokuphatheka kabi futhi asize ngothando isoni ukuba sishintshe. Ukuthethelela okunjalo komngane onothando kungasiza isoni esiphendukile ukuba siqaphele kunanini ngaphambili ubugugu bomshado waso futhi sizimisele ukungaphindi siwufake engozini.
Khumbula futhi, ukuthi ngesinye isikhathi—kodwa hhayi ngazo zonke izikhathi—ukuphinga kuwumphumela wesimo esingajabulisi ekhaya. Ingabe lokho kuyakuvumela ukuphinga? Lutho neze! Kodwa ukuqaphela ukuthi isimo esinjalo siye saba khona kungase kusize umngane ongenacala ukuba abone okungenziwa ukuze kusizwe umngane osephutheni ukuba angalahleki futhi.
Ngokwesibonelo, indoda ingase ichithe amahora amaningi emsebenzini noma kwezinye izinjongo ezithile ezinenzuzo. Yona ngokwayo ingaba nomuzwa wokujabula ngokuphelele nokwaneliseka, kodwa kuthiwani ngomkayo emshiya ekhaya yedwa nesizungu?
Noma cabangela isimo sendoda eyayijwayele ukufika ekhaya ikhathele ivela emsebenzini ithole indlu ingenamuntu, kungekho kudla okulungiselelwe nenqwaba yezingubo ezingcolile phansi. Umkayo wayematasa nemisebenzi ethile ngaphandle kwendlu leyo ngokungangabazeki etusekayo futhi ebalulekile, kodwa umphumela waba ukuthi indoda yakhe yazizwa inganakiwe futhi ingathandwa. Ngakho-ke, yaphendulela ukunakekela kwayo komunye wesifazane. Uma indaba idaluleka, yacela ukuthethelelwa futhi yathembisa ukungasiphindi isono sayo. Nokho, umfazi waceba ukuqhubeka ayidivose, lokho eqinisweni, ayenelungelo lokukwenza, ngoba indoda yakhe yayone ngokungathi sína. Kodwa ingabe umfazi angathi wayengenacala ngokuphelele ngesimo esibi somshado esaholela ekuziphatheni okubi?
Kanjalo, ngesizathu esithile, umKristu angase akhethe ukulingisa uNkulunkulu futhi athethelele umngane osephutheni. Uma kunjalo, kungatholakala izibusiso ezinkulu. Ziphi izibusiso?
Izibusiso Zabanesihawu
Okokuqala, abaningi abaye bathethelela abangane babo bomshado abangathembekile futhi abaphendukile baye bakwazi ukubuyisela umshado esimweni esihle. Indoda, umfazi nabantwana baye bakwazi ukujabulela ukuphila komkhaya okujabulisayo futhi. Ngokuqinisekile, lona kuwumgomo okufanele kusetshenzelwe kuwo.
Ngokuvamile othethelelweyo uyamazisa umngane wakhe ongenacala nonesihawu. Ngokungaphezulu, angase aqaphele izimfanelo zokuthobeka nothando lezo mhlawumbe ayengazange aqaphele ukuthi zikhona, ikakhulukazi uma eqaphela isenzo esibi aye wamfaka kuso umngane wakhe.
Yilokho okwenzeka ngomkhaya oshiwo ekuqaleni kwalesisihloko. Yebo, owesifazane osemusha wayekhathazeke kakhulu ukuthola ukuthi indoda yakhe yayingathembekanga. Wayenelungelo elingokomBhalo lokuhlukana nayo futhi aphelise umshado. Nokho, lokhu kwakuyoholela emkhayeni wezintandane nesizungu kowesifazane odivosile.
Esikhundleni salokho, wabonisa ukucabangela ngomntwana wakhe omncane nomntwana omusha owayezozalwa. Wacabangela futhi ukudabuka okujulile kwendoda yakhe futhi wakhumbula uthando ababenalo. Ngakho-ke, wakhetha ukulingisa uJehova uNkulunkulu athethelele indoda yakhe ephendukile. Indoda yathinteka ngokujulile. Ngosizo lothando lomkayo yakwazi ukuzuza futhi ukulinganisa kwayo nenhlonipho yomkhaya wayo nabangane. Inkinga manje seyidlulile. Lomkhaya ojabulayo umunye futhi ususebenzela ikusasa ndawonye.
Isinqumo Esingokomthandazo
Akumelwe neze ukwephula umthetho kaNkulunkulu kuthathwe njengento encane. Labo abangathembekile kubangane babo bomshado banecala kuJehova uNkulunkulu, uMsunguli womshado wabantu. Uma belahlekelwa umkhaya wabo, kumelwe baqaphele ukuthi lokhu kuwumphumela oqondileyo wokona kwabo siqu. Uma befisa ukwakha futhi ubuhlobo babo noNkulunkulu futhi bebheke phambili ngokuqiniseka ezithembisweni asithembisa zona, kumelwe baphenduke futhi bashintshe ngokuphelele ukucabanga kwabo nendlela yabo engalungile yokuphila—kungakhathaliseki noma abangane babo bomshado bayabathethelela noma cha.
Nokho, ukwehlukana akumelwe kubhekwe njengento okumelwe yenzeke. Njengoba uHoseya athethelela uGomere, futhi noJehova ezikhathini eziningi awathethelela amaIsrayeli ayiziphingi ngokomoya, abangane bomshado abangenacala kumelwe okungenani bacabangele, futhi bacabangele ngomthandazo, indlela yokulondoloza isibopho somshado. Lena kungaba yindlela yokubonisa inhlonipho ngoMsunguli womshado, mhlawumbe nokuvula indlela ngemibhangqwana yokuthola injabulo futhi emshadweni wabo.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka INqabayokulinda kaSeptember 1, 1983, ikhasi 29.