UJehova Uvuza Ukholo Nesibindi
“UNkulunkulu wethu esimkhonzayo unamandla okusikhulula esithandweni somlilo ovuthayo; yebo, uyakusikhulula esandleni sakho, nkosi.”—DANIYELI 3:17.
1. Yisiphi isifundo esaqokonyiswa esihlokweni esandulelayo, futhi kungani ukuzihlola kabusha lezenzakalo kungase kube nenzuzo?
UJEHOVA UNKULUNKULU, iNkosi yeNdawo Yonke, ufundise ababusi bomhlaba izifundo ezibalulekile ngokuqondene nokuphakama kwakhe. Esihlokweni esandulelayo, sibone indlela lokhu okwaba iqiniso ngayo ngezenzakalo ezilotshwe ezahlukweni zokuqala eziyisithupha zencwadi kaDaniyeli. Lokulandisa okufanayo kungahlolisiswa kabusha manje ukuze sibone ukuthi yini esingayifunda kukho ngokuvumelana nalamazwi aphefumlelwe omphostoli uPawulu: “Konke okwalotshwa ngaphambili kwalotshelwa ukufundiswa kwethu, ukuze ngokubekezela nangenduduzo yemibhalo sibenethemba.”—Roma 15:4.
2, 3. Obani ababephakathi kwalabo abathunjwa yiNkosi uNebukadinesari, futhi yiziphi iziphethc esingafinyelela kuzo ngencazelo yamagama abo?
2 Kwakungonyaka ka-617 B.C.E., phakathi nokubusa okufushane kukaJehoyakini,indodana yeNkosi uJehoyakimi, lapho iNkos uNebukadinesari yayaleza khona ukuba abanye abahle nabahlakaniphileyo kunabo bonke entsheni engamaJuda balethwe eBabiloni. Phakathi kwalaba kwakunoDaniyeli, uHananiya, uMishayeli, noAzariya.—Daniyeli 1:3, 4, 6.
3 Ngokucabangela incazelo yamagama abo, kusobala kakhulu ukuthi naphezu kwezimo ezimbi ezazikhona kwaJuda ngalesosikhathi, laba basha abane abangamaHeberu babenabazali abesaba uNkulunkulu. Elithi “Daniyeli” lisho ukuthi “Umahluleli Wami NguNkulunkulu.” Igama likaHananiya lisho ukuthi “UJehova Ubonise Umusa; UJehova Ube Nomusa.” Igama likaMishayeli ngokunokwenzeka lisho ukuthi “Ubani OnjengoNkulunkulu?” noma “Ubani OngokaNkulunkulu?” Futhi igama lika-Azariya lisho ukuthi “UJehova Uye Wasiza.” Ngokungangabazeki wona kanye amagama abo ayeyisisusa kubo sokuba bathembeke kuNkulunkulu oyedwa weqiniso. Esikhundleni salamagama, amaKaledi aqamba lentsha engamaHeberu amane ngokuthi uBeliteshasari, uShadiraki, uMeshaki, noAbediNego. Yebo, njengoba babeyizigqila zombuso wezizwe, babengenakho ukuzikhethela ngokuqondene nokuthi yimaphi amagama abathumbi babo abawasebenzisayo lapho bebhekisela kubo.—Daniyeli 1:7.
Ukholo Nesibindi Kuyavivinywa
4. Yini ebonisa ukuthi uJehova wayefuna ukuba abantu bakhe bayibheke ngokungathi sina imithetho yakhe ngokuphathelene nezilwane ezihlambulukile nezingcolile?
4 Abazali babo abesaba uNkulunkulu abazange nje kuphela banike lamaHeberu amane isiqalo esihle ekuphileni ngamagama abawaqamba wona kodwa futhi kumelwe ukuba bawakhulisa ngokuqinile ngokuvumelana noMthetho kaMose, kuhlanganise nezici zawo eziphathelene nokudla. UJehova uNkulunkulu ngokwakhe wabheka lezici njengezibaluleke kakhulu kangangokuba kwakungemva kokwenza uhlu lwezinto eziningi ezifanayo ezinqatshelwe lapho aphawula khona: “Yibani-ngcwele, ngokuba ngingcwele.”—Levitikusi 11:44, 45.
5. Ukukhuliswa okuhle kwabasha abane abangamaHeberu kwavivinywa kanjani?
5 Lokhu kukhuliswa okuhle kwalabasha abane abangamaHeberu kwavivinywa ngokushesha. Kanjani? Ngoba ‘babemiselwe isabelo semihla ngemihla sokudla kwenkosi nesewayini eliphuzayo.’ (Daniyeli 1:5) Babazi ukuthi phakathi kwezinto ezazinqatshelwe uMthetho kaMose kwakunokudla okunjengenyama yengulube, kanogwaja, iminenke, nombokwane. Ngisho nenyama eyayivunyelwe uMthetho yayingabazeka eyayilungiswe izinceku zaseBabiloni, njengoba kwakungekhondlela yokwazi ukuthi igazi lalikhishwe ngokufanele. Ngaphandle kwalokho, inyama enjalo kungenzeka yayingcoliswe yimikhuba yamasiko obuqaba.—Levitikusi 3:16, 17.
6. LamaHeberu amane asabela kanjani ovivinyweni?
6 Ayengenzani amaHeberu amane? Sifunda ukuthi uDaniyeli, futhi ngokungangabazeki nabanye abathathu, wazimisela enhliziyweni yakhe ukuba angazingcolisi ngokudla okunjalo. Ngakho, ‘wayesecela’ imifino engaxutshwe nalutho esikhundleni sezibiliboco zenkosi namanzi esikhundleni sewayini layo. Indaba yokuthi yikuphi okunambitheka kangcono abazange bayicabange. Ngokuqinisekile kwakudingeka ukholo nesibindi ukubelesela lendaba. Nokho, njengoba uJehova ayenesithakazelo kulabasha abane, waqikelela ukuba induna yabathenwa ibe nomusa kuDaniyeli. Nokho, lenduna yesaba ukuvuma isicelo sikaDaniyeli ngokwesaba umphumela ukudla okunjalo okwakungase kube nawo empilweni kaDaniyeli. Ngakho uDaniyeli wacela ukuba bavunyelwe ukuba balinge lokudla izinsuku eziyishumi. Wayenokholo oluqinile lokuthi ukulalela uMthetho kaNkulunkulu kwakungeke nje kumnike unembeza omuhle kuphela kodwa futhi kwakuyoba inzuzo ngokwempilo. Ngenxa yokuma kwawo, lamaHeberu amane ngokungangabazeki kwadingeka abekezelele ukuhlekwa okukhulu.—Daniyeli 1:8-14; Isaya 48:17, 18.
7. Labobasha abangamaHeberu bavuzwa kanjani ngenxa yokuma kwabo kwesibindi?
7 Kwakudinge ukholo nesibindi ngamaHeberu amane ukuba amelele udaba lwawo lokudla. Kodwa yeka ukuthi avuzwa kanjani ngokwenza kanjalo, ngoba ekupheleni kwezinsuku eziyishumi, ayebukeka emahle futhi eyimiqemane kunanoma yimuphi kwabanye! UJehova wayewanika ulwazi, ukuqonda, nenhlakanipho, kangangokuba lapho evela phambi kwenkosi ekupheleni kwesikhathi sawo sokuqeqeshwa kweminyaka emithathu, yawathola ‘edlula kayishumi zonke izanusi nabathwebulayo ababesembusweni wayo wonke.’—Daniyeli 1:20.
8. Yisiphi isifundo esikhona kulokhu ngezinceku zikaJehova namuhla?
8 Kunesifundo kulokhu sazo zonke izinceku zikaJehova uNkulunkulu namuhla. Labobasha abangamaHeberu babengase bacabange ukuthi imingcele ephathelene nokudla yoMthetho kaMose ayibalulekile kangako, okungenani hhayi uma iqhathaniswa neMiyalo Eyishumi noma imithetho eqondene nemihlatshelo noma imikhosi egujwa minyaka yonke. Kodwa cha, lamaHeberu athembekile ayekhathalela ukuphila ngokuvumelana nazo zonke izici zoMthetho kaNkulunkulu. Lokhu kusikhumbuza isimiso esashiwo uJesu, njengoba silotshwe kuLuka 16:10: “Othembekile kokuncinyane uthembekile nakokukhulu; ongalungile kokuncinyane kalungile nakokukhulu.”—Qhathanisa noMathewu 23:23.
9. Abanye oFakazi baye basibonisa kanjani isibindi esifanayo namuhla?
9 Ezikhathini eziningi oFakazi BakaJehova babonisa ukholo nesibindi esifanayo, njengalapho kuziwa ekuceleni kubaqashi babo isikhathi ukuze baye emhlanganweni wesigodi. Futhi ngokuphindaphindiwe, udaba lwabo lusingathwa ngokwehlukile. OFakazi abafuna ukungenela izinhlu zamaphayona noma babe amaphayona asizayo baye baveza isifiso sabo sokusebenza ingxenye yosuku futhi ngokuphindaphindiwe baye banikezwa lelilungelo.
10. Yisiphi isifundo esikhona ngabazali abangoFakazi kukho konke lokhu?
10 Yeka isifundo esihle abazali banamuhla abesaba uNkulunkulu abangasifunda ekuqeqeshweni okusobala kwalabasha abane abangamaHeberu! Uma abazali abangamaKristu bekhathalela izithakazelo ezingokomoya za= bantwana babo, bayozibeka kuqala ekuphileni kwabo siqu, ngokuvumelana noMathewu 6:33. Khona-ke bangalindela ukuthi abantwana babo bayokwazi ukumelana nezilingo nokucindezela kontanga nokothisha besikole kokugubha izinsuku zokuzalwa namaholide noma ukwephula izimiso ezingokomBhalo ngezinye izindlela. Ngalokho labazali abesaba uNkulunkulu babonisa ukuthi izAga 22:6 ziyiqiniso.
Ukuchaza Amaphupho KaNebukadinesari Ngesibindi
11. Namuhla singazilandela kanjani izibonelo zikaDaniyeli nabangane bakhe abathathu?
11 Isahluko sesibili sikaDaniyeli sisinikeza esinye isibonelo sokholo nesibindi. Lapho uDaniyeli ezwa ngesimemezelo senkosi sokubhubhisa zonke izihlakaniphi zaseBabiloni ngenxa yokuba zihluleke ukuyitshela iphupho nencazelo yalo, ingabe uDaniyeli nabangane bakhe abathathu bethuka? Phinde neze! Kunalokho, ngokholo olujulile lokuthi uJehova uyomnikeza ukwaziswa inkosi ekufunayo, uDaniyeli wavela phambi kwenkosi futhi wacela isikhathi ukuze anikeze impendulo. Lesicelo savunywa. Khona-ke uDaniyeli nabangane bakhe abathathu benza lendaba yaba indaba yomthandazo oqotho. UJehova wavuza ukholo lwabo ngokubanika ukwaziswa okudingekayo. Kulokho, uDaniyeli wenza umthandazo osuka enhliziyweni wokubonga kuJehova. (Daniyeli 2:23) Futhi ukuchaza kukaDaniyeli iphupho elisesahlukweni 4 kwadinga ukuba atshele iNkosi uNebukadinesari ukuthi yayizochitha iminyaka eyisikhombisa iphila njengesilwane kanye nezilwane zasendle. Lokhu kwakudinga ukholo nesibindi kohlobo abantu bakaNkulunkulu okumelwe balubonise namuhla ekumemezeleni isigijimi esinamandla sempindiselo yaKhe kulelizwe iikaSathane.
‘Ukucima Amandla Omlilo’
12, 13. Isahluko 3 sikaDaniyeli silandisa ngaluphi uvivinyo olwalubhekene nabangane bakaDaniyeli abathathu?
12 UDaniyeli isahluko 3 unikeza esinye sezenzakalo ezivelele kakhulu zomlando ogciniwe weBhayibheli ezibonisa indlela uJehova avuza ngayo ukholo nesibindi okumangalisayo kwezinceku ezintathu ezingamaHeberu. Cabanga ngalowombukwane. Zonke izikhulu zaseBabiloni zihlangene ethafeni laseDura. Phambi kwazo kumi isithombe segolide esingamamitha angama-27 ukuphakama namamitha angu-2,7 ububanzi. Ukuze zisuswe usinga, inkosi ineqembu lababetha izinsimbi zomculo. Lapho kuzwakala umculo, kwakudingeka ukuba labo abahlangene lapho ‘bawe phansi, bakhuleke esithombeni segolide uNebukadinesari iNkosi asimisileyo. Ongawi phansi, akhuleke, wayeyophonswa ngasona lesosikhathi phakathi kwesithando somlilo ovuthayo.’—Daniyeli 3:5, 6.
13 Akukho kungabaza ngakho: Ukwenqaba ukulalela lesosiyalezo kwakudinga ukholo nesibindi esikhulu. Kodwa njengoba babeye ‘bathembeka kokuncinyane’ kwabalungiselela ukuba ‘bathembeke nakokukhulu.’ Iqiniso lokuthi ukuma kwabo kwakungase kubeke amanye amaJuda engozini lalingasho lutho. Babengeke bakhothame phansi bakhulekele isithombe. Ukwenqaba kwabo okusobala kwaphawulwa abanye ababenabo abanomhawu, abangazange bachithe-sikhathi ukuba babike lokhu enkosini.
14. UNebukadinesari wasabela kanjani ekwenqabeni kwabo ukukhothama, futhi bawaphendula kanjani amazwi akhe awujuqu?
14 “Ngolaka nangokufutheka,” uNebukadinesari wayaleza ukuba lamaHeberu amathathu alethwe kuye. Umbuzo wakhe othi, “Ingabe kunjalo ngempela?” ubonisa ukuthi kuyena kwakungakholeki ukuthi babengenqaba ukukhothamela nokukhulekela isithombe segolide. Wayezimisele ukubanikeza elinye ithuba, kodwa uma beqhubeka benqaba, babeyophonswa esithandweni somlilo ovuthayo. “[Yi]muphi lowonkulunkulu oyakunikhulula ezandleni zami na?” kusho inkosi yaseBabiloni ezidlayo. Ngesibindi nangokholo lweqiniso kuJehova, lamaHeberu amathathu ayiphendula ngenhlonipho inkosi: “Asidingi ukukuphendula kulendaba. Uma kunjalo, uNkulunkulu wethu esimkhonzayo unamandla okusikhulula esithandweni somlilo ovuthayo . . . , nkosi. Kepha noma kungenjalo, makwazeke kuwe-nkosi ukuthi asiyikukhonza onkulunkulu bakho, singakhuleki esithombeni segolide osimisileyo.”—Daniyeli 3:13-18, qhathanisa neNW.
15. Yisiphi isinyathelo esathathwa uNebukadinesari?
15 Uma uNebukadinesari ayeke wathukuthela ngaphambili, manje wayengqangqa, ngoba sifunda ukuthi “nesimo sobuso bakhe saguquka” ngalamaHeberu amathathu. (Daniyeli 3:19) Okubonisa ulaka lwakhe kwakungumyalo wakhe wokubasa isithando sishise ngokuphindwe kasikhombisa kunokuvamile. Khona amadoda athile anamandla ebuthweni lakhe athatha lamaHeberu amathathu awaphonsa esithandweni somlilo. Amalangabi ayemakhulu kangangokuba awabulala amadoda enza lomsebenzi.
16. Ukholo lwamaHeberu amathathu lwavuzwa kanjani?
16 Kodwa yeka ukumangala inkosi eyaba nakho lapho ibona hhayi nje amadoda amathathu kuphela kodwa amane ehambahamba phakathi emlilweni engenalutho! Lapho inkosi iyaleza ukuba lamaHeberu amathathu aphume, yathola ukuthi kwakungahangukanga lunwele nolulodwa emakhanda awo nokuthi kwakungekho ngisho nephunga lentuthu ezingutsheni zawo. Yeka ukuthi uJehova wayeluvuze kakhulu kangakanani ukholo lwawo nesibindi! Akungabazeki ukuthi umphostoli uPawulu wayecabanga ngesibonelo sawo lapho ephawula phakathi kwefu lofakazi ‘abacima amandla omlilo.’ (Heberu 11:34) Yeka isibonelo esihle abaye baba yiso kuzo zonke izinceku zikaJehova kusukela ngalesosikhathi!
17. Yiziphi izibonelo ezinhle ezifanayo esinazo namuhla?
17 Namuhla, izinceku zikaJehova azibhekene nokusongela kwesithando somlilo esingokoqobo. Kodwa baningi asebeye bavivinywa kanzima ubuqotho babo lapho kuziwa ekuboniseni inhlonipho yokukhulekela izifanekiselo zobuzwe. Ukwethembeka kwabanye kuye kwavivinywa lapho kuziwa ekuthengeni amakhadi ezinhlangano zezombangazwe noma ukuhlanganyela emabuthweni ezempi. UJehova uye wabasekela bonke abantu abanjalo, enza bakwazi ukuhlangabezana nenselele yobuqotho babo ngokuphumelelayo futhi kanjalo babonise uDeveli engumqambimanga noJehova enguNkulunkulu weqiniso.
Esinye Isibonelo Sokholo Nesibindi
18. UBelishasari wayibonisa kanjani indelelo ngoJehova, uNkulunkulu wamaJuda, njengoba kulotshwe kuDaniyeli isahluko 5, amavesi 3, 4?
18 Nokho kusenesinye isibonelo sokholo nesibindi esilotshwe encwadini kaDaniyeli isahluko 5. UBelishasari, inkosi yaseBabiloni, yayijabulela idili elikhulu lokuhlambalaza nezinduna zayo eziyinkulungwane, omkayo, nezancinza. Kungazelelwe, kwavela umbhalo wesandla ongaziwa odongeni. Lokhu kwayishaqisa kakhulu inkosi kangangokuba kwaxega izinyonga zokhalo lwayo namadolo ayo ashayana. UDaniyeli, inceku kaNkulunkulu weqiniso, waphinde wabizwa ukuba azonikeza incazelo ngoba zonke izihlakaniphi zaseBabiloni zazihlulekile.
19. Yini eyayivelele lapho uDaniyeli echaza umbhalo wesandla odongeni?
19 Ukuma yedwa qwaba kuleyondawo enobucwazicwazi nenenzondo akuzange kumesabise uDaniyeli noma kumenze athambise isigijimi sakhe noma alahlekelwe umbono wendaba. Emi eqondile futhi ezothile, ngenkulumo ekhanyayo nenesigqi, wanikeza ubufakazi ngokuqondene noNkulunkulu wakhe. Enganelisiwe ukumane nje achaze umbhalo wesandla, uDaniyeli wakhumbuza inkosi ukuthi uJehova uNkulunkulu wayethobise uyisemkhulu ngokumenza aphile njengesilwane sasendle waze waqaphela ukuthi uNkulunkulu oPhezukonke unguMbusi wemibuso yabantu. “Noma wazi konke lokho,” uDaniyeli etshela uBelishasari, ‘awuzange uzithobe kodwa ungcolise izitsha zethempeli likaJehova futhi watusa onkulunkulu begolide, besiliva, bethusi, bensimbi, bomuthi nabetshe abangakwazi ukubona, ukuzwa, noma abangazi lutho. Kodwa uNkulunkulu okungezakhe zonke izindlela zakho, awumdumisanga. Ngakho, lesimemezelo siye savela kuye. Uye walinganiswa ngezilinganiso futhi ufunyenwe untula, nombuso wakho wahlukanisiwe futhi unikelwe kumaMede namaPheresiya.’ Yebo, uDaniyeli waphinde wabekela izinceku zikaNkulunkulu zanamuhla isibonelo esihle sokholo nesibindi.—Daniyeli 5:22-28.
20. Phakathi nokubusa kukaDariyu, isiphi esinye isibonelo sokholo olukhulu esabekwa uDaniyeli?
20 Uma siza esahlukweni 6 sikaDaniyeli, sinesinye futhi isibonelo esihle sokholo nesibindi. Manje inkosi uDariyu yayiwumbusi futhi yenza uDaniyeli waba omunye wababusi bombuso abathathu abakhulu. Abanye, benomhawu ngoDaniyeli, bagqugquzela inkosi ukuba imise umthetho wokuthi ngezinsuku ezingama-30 kungabikho-muntu owenza isicelo kunoma ubani ngaphandle kwasenkosini. Baqaphela ukuthi lena kwakuwukuphela kwendlela ababengase bathole ngayo ibhaxa ngokumelene noDaniyeli. Akazange awunake umthetho futhi waqhubeka ethandaza ekamelweni lendlu yakhe evule ifasitela lakhe, ebheke eJerusalema. Njengoba atholakala enecala lokwephula isimemezelo senkosi, uDaniyeli waphonswa emphandwini wezingonyama ngokuvumelana nesijeziso esasishiwo kusengaphambili ngumthetho. UNkulunkulu waphinde wamvuza uDaniyeli ngokholo lwakhe nesibindi. Kanjani? Njengoba amaHeberu 11:33 ekubeka, uJehova ‘wavimba imilomo yezingonyama.’
21. Ngokucabangela izibonelo ezinhle zokholo nesibindi ezilotshwe ezahlukweni zokuqala eziyisithupha zencwadi kaDaniyeli, kufanele kube yini ukuzimisela kwethu okuqinile?
21 Yeka ukuthi uDaniyeli izahluko 1 kuya ku-6 zilandisa ngezenzakalo eziqinisa ukholo kangakanani! Yeka ukuthi uJehova uNkulunkulu wabavuza kakhulu kangakanani labo ababonisa ukholo nesibindi! Ngakolunye uhlangothi, lokhu kwenzeka ngokuphakanyiswa kwabo kanti ngakolunye uhlangothi, ngokubona kwabo izindlela zokukhulula ezimangalisayo. Ngempela, singathola induduzo nethemba kokuhlangenwe nakho kwalabofakazi abathembekile lapho sibhekene nezilingo. Phela, lezizinto zalotshelwa yona kanye leyonjongo! Ngakho-ke, sengathi singazimisela ukuba sibe abalingisi abahle bokholo olunjalo nesibindi.—Roma 15:4; Heberu 6:12.
Imibuzo Yokubukeza
◻ Yini esikiselwa amagama abasha abane abangamaHeberu ngokuqondene nokukhuliswa kwabo?
◻ Ukuhlangabezana kwamaHeberu novivinyo ngokuphathelene nokudla kunasiphi isifundo kithina?
◻ Ubuqotho bezinceku zikaJehova namuhla buye bavivinywa kanjani njengoba kwenza amaHeberu amathathu?
◻ UDaniyeli walubonisa kanjani ukholo nesibindi lapho efakaza kuBelishasari?
[Isithombe ekhasini 17]
UDaniyeli nabangane bakhe bafunda ukuthi cha