UNkulunkulu Waliphefumulela Kanjani IBhayibheli?
EZOKUXHUMANA zithakazelisa kakhulu namuhla kunanganoma isiphi esinye isikhathi emlandweni. Izingcingo, imishini ye-fax, ama-computer—eminyakeni edlule ubani owayengacabanga ngesikhathi lapho imiyalezo yayiyothunyelwa noma kuphi emhlabeni ngokuphazima kweso?
Kodwa uhlobo lokuxhumana oluthakazelisa kunazo zonke yilolo umuntu angenakuchwephesha kulo—ukuphefumulelwa ngokwaphezulu. UJehova waphefumulela abalobi abangabantu abangaba ngu-40 ukuba babhale iZwi lakhe elilotshiwe, iBhayibheli Elingcwele. Njengoba nje nabantu benezindlela zokuxhumana eziningi, noJehova wasebenzisa izindlela eziningana zokuxhumana ukuze aphefumulele imiBhalo.
Ukubizela. UNkulunkulu wanikeza izigijimi eziqondile kamuva ezafakwa ekulandiseni kweBhayibheli.a Ngokwesibonelo, cabanga ngemithetho eyakha isivumelwano soMthetho. “Zilobele lawamazwi,” kusho uJehova kuMose, “ngokuba ngokwalawamazwi ngenzile isivumelwano nawe nabakwaIsrayeli.” (Eksodusi 34:27) Lawo “mazwi,” ‘adluliselwa yizingelosi,’ akopishwa nguMose futhi manje ayatholakala ezincwadini zeBhayibheli u-Eksodusi, uLevitikusi, uNumeri noDuteronomi.—IzEnzo 7:53.
Abanye abaprofethi abaningi, kuhlanganise no-Isaya, uJeremiya, uHezekeli, u-Amose, uNahume noMika bathola izigijimi eziqondile ezazivela kuNkulunkulu ngezingelosi. Ngezinye izikhathi lamadoda ayeqala izimemezelo zawo ngamazwi athi: “Usho kanje uJehova, uthi.” (Isaya 37:6; Jeremiya 2:1; Hezekeli 11:5; Amose 1:3; Mika 2:3; Nahume 1:12) Babebe sebebhala lokho uNkulunkulu ayekushilo.
Imibono, Amaphupho, Nezihlwathi. Umbono isimo, isithombe noma umyalezo ofika engqondweni yomuntu lapho ephapheme, ngokuvamile ngendlela engavamile. Ngokwesibonelo, “lapho bephaphama ngokugcwele,” uPetru, uJakobe noJohane babona umbono kaJesu eguqulwe isimo. (Luka 9:28-36; 2 Petru 1:16-21) Kwezinye izimo umyalezo wawudluliselwa ephusheni, noma embonweni wasebusuku, owawufakwa engqondweni yalowo muntu elele. Ngakho uDaniyeli ubhala ‘ngemibono yekhanda lakhe esembhedeni wakhe’—noma, njengoba umhumushi uRonald A. Knox ekuhumusha, ‘njengoba ayelele ebukela ephusheni lakhe.’—Daniyeli 4:10.
Ngokobufakazi obutholakalayo, umuntu uJehova ayemehlisele isihlwathi wayeba sesimweni sokugxilisa ingqondo ngokujulile, nakuba ephapheme okungenani ngokwengxenye. (Qhathanisa nezEnzo 10:9-16.) EBhayibhelini igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “isihlwathi” (ekʹsta·sis) lisho ‘ukususa noma ukugudluza.’ Lisikisela umqondo wokushintsha indlela evamile yokusebenza kwengqondo. Ngakho, umuntu osesihlwathini angase angaziqapheli izinto ezimzungezile ebe ewuqonda ngokugcwele umbono. Kungenzeka umphostoli uPawulu wayehlelwe isihlwathi esinjalo lapho ‘ethathwa eyiswa epharadesi futhi ezwa amazwi angaphimiseleki okungekhona okungokomthetho ngomuntu ukuba awakhulume.’—2 Korinte 12:2-4.
Ngokungafani nalabo abaloba imiyalezo abayibizelwe uNkulunkulu, abalobi beBhayibheli abathola imibono noma amaphupho noma abehlelwa isihlwathi ngokuvamile babenenkululeko ethile yokukhetha indlela abakuchaza ngayo ngamazwi abo lokho ababekubona. UHabakuki watshelwa: “Wulobe umbono, uwuqophe ezibhebheni ukuba kufundwe kalula.”—Habakuki 2:2.
Ingabe lokhu kusho ukuthi ngandlela-thile lezi zingxenye zeBhayibheli aziphefumulelwe ngokuphelele kunezindima abalobi ababizelwa zona? Akunjalo neze. Ngomoya wakhe, uJehova wafaka umyalezo wakhe ngokugxilile engqondweni yomlobi ngamunye, ukuze kudluliselwe imicabango kaNkulunkulu, hhayi eyomuntu. Nakuba uJehova ayevumela umlobi ukuba akhethe amazwi afanelekayo, wayeqondisa ingqondo nenhliziyo yomlobi ukuze kungabi bikho kwaziswa okubalulekile okushiywayo kuze kuthi ekugcineni kufaneleke ukuba amagama abhekwe njengangakaNkulunkulu.—1 Thesalonika 2:13.
Ukwambulelwa Ngokwaphezulu. IBhayibheli liqukethe iziprofetho eziphakeme kakhulu kunekhono lomuntu—umlando owambuliwe futhi walotshwa kusengaphambili. Esinye isibonelo siwukuphakama nokuwa ‘kweNkosi yaseJavani,’ u-Alexander Omkhulu, okwabikezelwa eminyakeni engaba ngu-200 kusengaphambili! (Daniyeli 8:1-8, 20-22) IBhayibheli lembula nezenzakalo ezingakaze zibonwe ngamehlo omuntu. Ukudalwa kwezulu nomhlaba kungesinye sezibonelo. (Genesise 1:1-27; 2:7, 8) Kube sekuba khona nezingxoxo ezaba sezulwini, njengalezo ezibikwe encwadini kaJobe.—Jobe 1:6-12; 2:1-6.
Uma zingambulwanga uNkulunkulu ngokuqondile kumlobi, izenzakalo ezinjalo uNkulunkulu wayezazisa umuntu othile ukuze zibe ingxenye yomlando odluliswa ngomlomo noma olotshiwe, odluliselwa esizukulwaneni esilandelayo zize zibe ingxenye yomlando weBhayibheli. (Bheka ibhokisi elisekhasini 7.) Kungakhathaliseki ukuthi ikuphi, singaqiniseka ukuthi uJehova wayenguMthombo wakho konke lokho kwaziswa, futhi waqondisa abalobi ukuze ukulandisa kwabo kungabi namaphutha, ihaba noma izinganekwane. UPetru wabhala lokhu ngokuqondene neziprofetho: “Abantu bakhuluma okuvela kuNkulunkulu njengoba babeqhutshwa umoya ongcwele.”b—2 Petru 1:21.
Kwakudingeka Umzamo Wenkuthalo
Nakuba abalobi beBhayibheli ‘babeqhutshwa umoya ongcwele,’ kwakusadingekile ukuba bacabangisise. Ngokwesibonelo, uSolomoni “wazindla, waphenya, walungisa izaga eziningi. . . . Wafuna ukuthola amazwi enamisayo afanele ukulotshwa, amazwi eqiniso.”—UmShumayeli 12:9, 10.
Abanye abalobi beBhayibheli kwadingeka benze ukucwaninga okukhulu ukuze balobe ukwaziswa kwabo. Ngokwesibonelo, uLuka wabhala lokhu ngokuqondene nokulandisa kweVangeli lakhe: “Ngiye ngazilandela ngokunembile zonke izinto kusukela ekuqaleni, ukuba ngikulobele zona ngokuhleleka okunengqondo.” Yiqiniso, umoya kaNkulunkulu wabusisa imizamo kaLuka, ngokungangabazeki umshukumisela ukuba athole imibhalo yomlando enokwethenjelwa futhi axoxe nofakazi bokuzibonela abanokwethenjelwa, njengabafundi ababesaphila, mhlawumbe nonina kaJesu, uMariya. Umoya kaNkulunkulu wawuyobe usuqondisa uLuka ukuba alobe lokho kwaziswa ngokunembile.—Luka 1:1-4.
Ngokungafani neVangeli likaLuka, elikaJohane liwukulandisa kukafakazi wokuzibonela, okwalotshwa ngemva kweminyaka engaba ngu-65 uJesu afa. Ngokungangabazeki umoya kaJehova walola inkumbulo kaJohane ukuze ingathuntubezwa ukuhamba kwesikhathi. Lokhu kuyavumelana nalokho uJesu ayekuthembise abalandeli bakhe: “Umsizi, umoya ongcwele, uBaba azowuthumela egameni lami, yena uyonifundisa zonke izinto futhi anikhumbuze zonke izinto enganitshela zona.”—Johane 14:26.
Kwezinye izimo abalobi beBhayibheli babehlanganisa nezindima ezithathwe emibhalweni yofakazi bokuzibonela ebhalwe abalobi bomlando bakudala, ezinye zazo ezazingaphefumulelwe. Ngokwengxenye enkulu uJeremiya waloba amaKhosi okuQala nawesiBili ngalendlela. (2 AmaKhosi 1:18) U-Ezra wahlola imithombo okungenani engu-14 engaphefumulelwe ukuze ahlanganise ukwaziswa kweziKronike zokuQala nezesiBili, wasebenzisa ‘nencwadi yezindaba zemihla ngemihla yenkosi uDavide’ kanye ‘nencwadi yamakhosi akwaJuda nakwaIsrayeli.’ (1 IziKronike 27:24; 2 IziKronike 16:11) UMose wacaphuna ngisho ‘neNcwadi yeziMpi zikaJehova’—ngokusobala eyayiwumlando onokwethenjelwa wezimpi zabantu bakaNkulunkulu.—Numeri 21:14, 15.
Ezimweni ezinjalo umoya ongcwele wawuhileleka kakhulu, wawushukumisela abalobi beBhayibheli ukuba bakhethe ukwaziswa okunokwethenjelwa kuphela, okwabe sekuba ingxenye yomlando weBhayibheli ophefumulelwe.
Iseluleko Esiwusizo—Sivela Kubani?
IBhayibheli liqukethe inala yezeluleko eziwusizo ezisekelwe ekuhloleni okukhaliphile komuntu siqu. Ngokwesibonelo, uSolomoni wabhala: “Akukho okuhle kumuntu kunalokhu kokuba adle, aphuze, abonise umphefumulo wakhe okuhle emshikashikeni wakhe, kepha nalokho ngakubona ukuthi kuvela esandleni sikaNkulunkulu.” (UmShumayeli 2:24) UPawulu wathi iseluleko sakhe esiphathelene nomshado ‘sasiwumbono wakhe,’ nakuba anezela: “Ngokuqinisekile ngicabanga ukuthi nami nginomoya kaNkulunkulu.” (1 Korinte 7:25, 39, 40) Ngokuqinisekile uPawulu wayenawo umoya kaNkulunkulu, ngoba njengoba kusho umphostoli uPetru, lokho uPawulu akubhala ‘kwakungokokuhlakanipha akunikwa.’ (2 Petru 3:15, 16) Ngakho, wayenikeza umbono wakhe eqondiswa umoya kaNkulunkulu.
Lapho abalobi beBhayibheli besho izinkolelo zabo siqu, babezisho benesisekelo sokuthi babeye batadisha futhi basebenzisa imibhalo eyayitholakala. Singaqiniseka ukuthi imibhalo yabo yayivumelana nokucabanga kukaNkulunkulu. Lokho abakubhala kwaba ingxenye yeZwi likaNkulunkulu.
Yiqiniso, iBhayibheli linawo amazwi abantu ababenokucabanga okuyiphutha. (Qhathanisa uJobe 15:15 no-42:7.) Linanamazwi ambalwa abonisa imizwa yosizi yezinceku zikaNkulunkulu, nakuba enganikezi umbono ophelele ngesimo.c Nalapho umbhali ayesho amagama anjalo asuka kuye, wayesaqondiswa umoya kaNkulunkulu ukuba abhale umbhalo onembile, owawubonakalisa futhi udalule ukucabanga okuyiphutha. Ngaphezu kwalokho, esimweni ngasinye umongo wenza kucace kunoma imuphi umfundi onengqondo ukuthi ukucabanga komlobi kuyiqiniso yini.
Kafushane nje, singaqiniseka ukuthi iBhayibheli lilonke liyisigijimi sikaNkulunkulu. Empeleni uJehova waqikelela ukuthi konke okukulo kuhambisane nenjongo yakhe futhi kunikeze imfundo edingekayo kulabo abafisa ukumkhonza.—Roma 15:4.
Kungani Kwaba Abalobi Abangabantu?
Ukusebenzisa kukaJehova abantu ukuba balobe iBhayibheli kubonisa ukuhlakanipha kwakhe okukhulu. Cabanga ngalokhu: Ukube uNkulunkulu wayewuphathise izingelosi lomsebenzi, ingabe iBhayibheli laliyokhanga ngendlela efanayo? Kuyavunywa, kwakuyovusa amadlingozi ukufunda ngezimfanelo zikaNkulunkulu nangezenzo zakhe sizibona ngeso lengelosi. Kodwa uma isici sobuntu singekho ngokuphelele, kwakungase kube nzima kithi ukuqonda isigijimi seBhayibheli.
Ngokwesibonelo: IBhayibheli lalingamane libike ukuthi iNkosi uDavide yaphinga futhi yabulala yase iphenduka ngemva kwalokho. Kodwa yeka ukuthi kungcono kangakanani ukuzwa amazwi kaDavide uqobo, njengoba ayezwakalisa ukuba lusizi kwakhe okudabukisayo ngenxa yenkambo yakhe futhi encenga uJehova ukuba amthethelele! Wabhala: “Isono sami siphambi kwami njalo. . . . Inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo, Nkulunkulu, awuyikuyidelela.” (IHubo 51:3, 17) Ngakho iBhayibheli linemfudumalo, ukuhlukahluka, nokukhanga okubangelwa isici sobuntu.
Yebo, uJehova wakhetha indlela enhle kakhulu yokusinika iZwi lakhe. Nakuba kwasetshenziswa abantu ababuthaka nabanamaphutha, babeqhutshwa umoya ongcwele ukuze kungabi naphutha emibhalweni yabo. Ngakho, iBhayibheli libaluleke kakhulu. Iseluleko salo sinengqondo, futhi iziprofetho zalo eziphathelene nePharadesi lesikhathi esizayo emhlabeni zinokwethenjelwa.—IHubo 119:105; 2 Petru 3:13.
Kungani ungakwenzi umkhuba ukufunda ingxenye ethile yeZwi likaNkulunkulu usuku nosuku? UPetru wabhala: “Yakhani ukulangazelela ubisi olungonakalisiwe olungolwezwi, ukuze ngalo nikhulele ensindisweni.” (1 Petru 2:2) Njengoba iphefumulelwe uNkulunkulu, uzothola ukuthi yonke imiBhalo “inenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto, yokuyala ekulungeni, ukuze umuntu kaNkulunkulu afaneleke ngokugcwele, ayihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.”—2 Thimothewu 3:16, 17.
[Imibhalo yaphansi]
a Okungenani kanye, endabeni yeMiyalo Eyishumi, ukwaziswa kwabhalwa ngokuqondile “ngomunwe kaNkulunkulu.” UMose wamane wakopishela lawo mazwi emiqulwini noma kwezinye izinto.—Eksodusi 31:18; Duteronomi 10:1-5.
b Igama lesiGreki elithi pheʹro, elihunyushwe ngokuthi “babeqhutshwa,” lisetshenziswe likwesinye isimo kuzEnzo 27:15, 17 ekuchazeni umkhumbi oqhutshwa umoya. Ngakho umoya ongcwele ‘wawuqondisa inkambo’ yabalobi beBhayibheli. Wawubashukumisela ukuba benqabe noma ikuphi ukwaziswa okungamanga bafake kuphela okusekelwe emaqinisweni.
c Ukuze uthole izibonelo, qhathanisa eyoku-1 AmaKhosi 19:4 namavesi 14 no-18; Jobe 10:1-3; IHubo 73:12, 13, 21; Jona 4:1-3, 9; Habakuki 1:1-4, 13.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 7]
UMose wakuthathaphi Ukwaziswa Akuloba?
UMOSE waloba incwadi yeBhayibheli kaGenesise, kodwa konke akuloba kwenzeka ngaphambili kakhulu kokuba azalwe. Pho, wakuthathaphi lokho kwaziswa? UNkulunkulu wayengamambulela ngokuqondile, noma kungenzeka ukuthi ulwazi ngezinye zezenzakalo lwadluliselwa ngomlomo ukusuka kwesinye isizukulwane kuya kwesilandelayo. Njengoba abantu babephila isikhathi eside ekuqaleni, okuningi kwalokho uMose akuloba kuGenesise kwakungase kudluliswe kusuka ku-Adamu kuya kuMose ngokuxhumana nabantu abahlanu kuphela—uMetushela, uShemi, u-Isaka, uLevi no-Amramu.
Ngaphezu kwalokho, kungenzeka ukuthi uMose wahlola imibhalo elotshiwe. Ngokuqondene nalokhu, kuyaphawuleka ukuthi uMose wayeyisebenzisa kaningi inkulumo ethi “lezi ziyizizukulwane zika-,” ngaphambi kokusho umuntu okuzoxoxwa ngaye. (Genesise 6:9; 10:1; 11:10, 27; 25:12, 19; 36:1, 9; 37:2, qhathanisa ne-NW; omalukeke sizenzele.) Ezinye izazi zithi igama lesiHeberu elithi toh·le·dhohthʹ, elihunyushwe ngokuthi “izizukulwane,” libhekisela encwadini yomlando eyase ibhaliwe kakade uMose ayisebenzisa njengomthombo wemibhalo yakhe. Yiqiniso, lokhu akunakugonyelwa ngakho.
Kungenzeka ukuthi ukwaziswa okuqukethwe encwadini kaGenesise kwatholakala ngazo zonke izindlela ezintathu eziphawulwe ngenhla—ngokwambulelwa ngokuqondile, okunye ngokudluliselwa ngomlomo, okunye ngemibhalo eyase ilotshiwe. Iphuzu elibalulekile ukuthi umoya kaJehova waphefumulela uMose. Ngakho lokho akubhala kuyakufanelekela ukubhekwa njengezwi likaNkulunkulu.
[Isithombe ekhasini 4]
UNkulunkulu waphefumulela abantu ngezindlela ezihlukahlukene ukuba balobe iBhayibheli