“Simfumene UMesiya”!
“[UAndreya] wafumana kuqala umfowabo uSimoni, wathi kuye: Simfumene uMesiya okungukuthi ngokuhunyushwa uKristu.”—JOHANE 1:41.
1. Yini uJohane uMbhapathizi ayifakazela ngoJesu waseNazaretha, futhi yini uAndreya aphetha ngayo ngokuphathelene naye?
UANDREYA wayibukisisa isikhathi eside lendoda engumJuda ethiwa uJesu waseNazaretha. Yayingabukeki njengenkosi, noma indoda ehlakaniphile, noma urabi. Yayingenaso isambatho sasebukhosini, noma izinwele ezimpunga, noma izandla ezithambile nesikhumba esikhanyayo. UJesu wayemusha—cishe eneminyaka engu-30 ubudala—enezandla eziqinile nesikhumba esinsundu somuntu osebenzayo. Ngakho uAndreya kungenzeka akazange amangale lapho ezwa ukuthi wayengumbazi. Nokho, uJohane uMbhapathizi wathi ngalendoda: “Bheka, nanto iWundlu likaNkulunkulu.” Osukwini olungaphambi kwalolo, uJohane wayesho okuthile okumangalisa ngisho nangokwengeziwe: “Lo uyiNdodana kaNkulunkulu.” Ingabe lokhu kwakungaba iqiniso? UAndreya wachitha isikhathi esithile elalele uJesu ngalolosuku. Asazi ukuthi uJesu wayethini; esikwaziyo ukuthi amazwi akhe aguqula ukuphila kuka-Andreya. Waphuthuma wayobiza umfowabo, uSimoni, futhi wamemeza, “Simfumene uMesiya”!—Johane 1:34-41.
2. Kungani kubalulekile ukucabangela ubufakazi bokuthi uJesu wayenguMesiya othenjisiwe yini?
2 UAndreya noSimoni (lowo uJesu aphinde wamqamba ngokuthi uPetru) kamuva baba abaphostoli bakaJesu. Ngemva kweminyaka engaphezu kwemibili bengabafundi bakhe, uPetru wathi kuJesu: “Wena unguKristu [uMesiya], iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.” (Mathewu 16:16) Ekugcineni abaphostoli nabafundi abathembekile bazibonakalisa bezimisele ukuyifela leyonkolelo. Namuhla, izigidi zabantu abaqotho zizinikele ngendlela efanayo. Kodwa ngabuphi ubufakazi? Khumbula, ubufakazi benza umehluko phakathi kokholo nokuthatheka. (Bheka amaHeberu 11:1.) Ngakho ake sicabangele imikhakha emithathu evamile yobufakazi obubonisa ukuthi uJesu ngempela wayenguMesiya.
Uhlu Lozalo LukaJesu
3. Yini iVangeli likaMathewu neVangeli likaLuka anikeza imininingwane ngayo ngohlu lozalo lukaJesu?
3 Uhlu lozalo lukaJesu luwubufakazi bokuqala imiBhalo YamaKristu YesiGreki ebunikezayo ekusekeleni ukuba kwakhe uMesiya. IBhayibheli labikezela ukuthi uMesiya wayeyovela ohlwini lomkhaya weNkosi uDavide. (IHubo 132:11, 12; Isaya 11:1, 10) IVangeli likaMathewu liqala ngokuthi: “Incwadi yokuzalwa kukaJesu Kristu, indodana kaDavide, indodana ka-Abrahama.” UMathewu usekela lokhu akushoyo ngesibindi ngokulandelela uhlu lozalo lukaJesu esebenzisa uhlu lukasingayise, uJosefa. (Mathewu 1:1-16) IVangeli likaLuka lilandelela uhlu lozalo lukaJesu ngonina wemvelo, uMariya, kuhlehlele emuva kudlule koDavide noAbrahama kuze kufike kuAdamu. (Luka 3:23-38)a Kanjalo ababhali bamaVangeli bakusekela ngokugcwele ukusho kwabo ukuthi uJesu wayeyindlalifa kaDavide, kokubili ngomqondo ongokomthetho nongokwemvelo.
4, 5. (a) Ingabe abantu ababephila ngesikhathi sikaJesu balubekela inselele uhlu lozalo lwakhe olusukela kuDavide, futhi kungani lokhu kubalulekile? (b) Imithombo engeyona engokweBhayibheli ilusekela kanjani uhlu lozalo lukaJesu?
4 Ngisho nomphikisi omelene kakhulu nokuba kukaJesu uMesiya akanakukuphika ukusho kukaJesu ukuthi uyindodana kaDavide. Ngani? Kunezizathu ezimbili. Esokuqala, leyonkulumo yayiphindaphindwa kaningi eJerusalema emashumini amaningi eminyaka ngaphambi kokuba lomuzi ubhujiswe ngo-70 C.E. (Qhathanisa noMathewu 21:9; IzEnzo 4:27; 5:27, 28.) Uma lenkulumo yayingamanga, noma yimuphi kubaphikisi bakaJesu—futhi wayenabaningi—wayengabonisa ukuthi uJesu ungumkhohlisi kalula nje ngokuhlola uhlu lozalo lwakhe ezinhlwini zozalo ezisezinqolobaneni zomphakathi zokugcina imilando.b Kodwa umlando awunawo umbhalo wanoma ubani owalubekela inselele uhlu lozalo lukaJesu olusukela eNkosini uDavide. Ngokusobala, lenkulumo yayingenakuphikwa. Ngokungangabazeki uMathewu noLuka bawakopisha ngokuqondile emibhalweni yomphakathi amagama abonisa uhlu lozalo abawafaka ekulandiseni kwabo.
5 Okwesibili, imithombo ethile ngaphandle kweBhayibheli iqinisekisa ukwamukelwa okuvamile kohlu lozalo lukaJesu. Ngokwesibonelo, iTalmud inemibhalo elandisa ngorabi wangekhulu lesine leminyaka owayehlasela uMariya, unina kaJesu, ngezinkulumo ezingcolile ngenxa ‘yokufeba nababazi’; kodwa yona leyondima iyavuma ukuthi “[uMariya] wayeyinzalo yamakhosi nababusi.” Isibonelo sangaphambili ngesesazi-mlando uHegesippus sekhulu lesibili leminyaka. Salandisa ngokuthi lapho uKesari waseRoma uDomitian efuna ukuqothula noma iyiphi inzalo kaDavide, izitha ezithile zamaKristu akuqala zaceba abazukulu bakaJuda, umfowabo kaJesu ngomzali oyedwa, “ngokuthi bangabomkhaya kaDavide.” Uma uJuda ayeyinzalo eyaziwayo kaDavide, ingabe kwakungenjalo nangoJesu? Ngokuqinisekile kwakunjalo!—Galathiya 1:19; Juda 1.
Iziprofetho Eziphathelene NoMesiya
6. Ziningi kangakanani iziprofetho zobuMesiya emiBhalweni YesiHeberu?
6 Omunye umkhakha wobufakazi bokuthi uJesu wayenguMesiya uyiziprofetho ezigcwalisekile. Iziprofetho eziphathelene noMesiya ziningi emiBhalweni YesiHeberu. Encwadini yakhe ethi The Life and Times of Jesus the Messiah, uAlfred Edersheim uphawula izindima ezingu-456 emiBhalweni yesiHeberu orabi basendulo ababezibheka njengeziphathelene nomesiya. Nokho, orabi babenemiqondo eminingi eyiphutha ngoMesiya; eziningi zezindima ababebhekisela kuzo aziphathelene neze nomesiya. Nakuba kunjalo, okungenani kuneziprofetho eziningi ezibonisa ukuthi uJesu unguMesiya.—Qhathanisa nesAmbulo 19:10.
7. Iziphi ezinye zeziprofetho uJesu azigcwalisa phakathi nesikhathi sakhe esifushane esemhlabeni?
7 Phakathi kwazo: umuzi azalelwa kuwo (Mika 5:2;Luka 2:4-11); usizi lokubulawa koquqaba lwabantwana olwenzeka ngemva kokuzalwa kwakhe (Jeremiya 31:15; Mathewu 2:16-18); wayeyobizwa aphume eGibithe (Hoseya 11:1; Mathewu 2:15); ababusi bezizwe babeyohlangana ukuze bambhubhise (IHubo 2:1, 2; IzEnzo 4:25-28); ukukhashelwa kwakhe ngezinhlamvu ezingu-30 zesiliva (Zakariya 11:12; Mathewu 26:15); ngisho nendlela afa ngayo.—IHubo 22:16, umbhalo waphansi weNW; Johane 19:18, 23; 20:25, 27.c
Ukufika Kwakhe Kwakuprofethiwe
8. (a) Isiphi isiprofetho esikhomba isikhathi uMesiya ayeyofika ngaso? (b) Iziphi izici ezimbili okumelwe zaziwe ukuze siqondakale lesiprofetho?
8 Ake sigxile esiprofethweni esisodwa nje kuphela. KuDaniyeli 9:25, amaJuda ayetsheliwe ukuthi wayeyofika nini uMesiya. Ufundeka kanje: “Yazi, uqonde ukuthi, kusukela ekuphumeni kwezwi lokubuyisa nokwakha iJerusalema kuze kufike ogcotshiweyo, umbusi, kuyakuba-ngamasonto ayisikhombisa, . . . [n]amasonto angamashumi ayisithupha nambili.” Uma usithi shazi nje lesiprofetho singase sibonakale sicashile. Kodwa ngomqondo obanzi, sidinga ukuba sithole izingxenye ezimbili kuphela zokwaziswa: isikhathi esiqala kuso kanye nobude baso. Ngokwesibonelo, uma ubunebalazwe elikhombisa umcebo ogqitshwe ebangeni “eliyizingalo ezingu-50 ngasempumalanga yomthombo osepaki ledolobha,” ubungase uthole ukuthi izinkomba ziyadida—ikakhulukazi uma ungazi ukuthi lomthombo ungakuphi, noma ukuthi ‘ingalo’ ngayinye yinde kangakanani. Ingabe ubungeke ufune lawomaphuzu amabili ukuze ukwazi ukuthola lomcebo? Nokho, isiprofetho sikaDaniyeli sifana ncamashi, ngaphandle kokuthi thina sifuna ukuthola isikhathi esingaqala ngaso bese sibala inkathi elandelayo.
9, 10. (a) Isiphi isikhathi okuqalwa kuso ukubala amasonto angu-69? (b) Ayemade kangakanani amasonto angu-69, futhi sikwazi kanjani lokhu?
9 Okokuqala, sidinga isikhathi esizoqala kuso, usuku ‘elaphuma ngalo izwi lokubuyisa nokwakha iJerusalema.’ Okulandelayo, sidinga ukwazi ubude besikhathi ukusuka kulolosuku, ukuthi ayemade kangakanani ngempela lamasonto angu-69 (angu-7 uwahlanganisa nangu-62). Ayikho ingxenye yokwaziswa okunzima ukuyithola. UNehemiya usitshela ngokucacile ukuthi izwi lokuba kwakhiwe udonga oluzungeza iJerusalema, ekugcineni elalenza laba umuzi obuyiselwe, laphuma “ngomnyaka wamashumi amabili ka-Aritahishashita inkosi.” (Nehemiya 2:1, 5, 7, 8) Lokho kwenza isikhathi esiqala kuso kube u-455 B.C.E.d
10 Manje ngokuphathelene nalamasonto angu-69, ingabe ayengaba amasonto angokoqobo anezinsuku eziyisikhombisa? Cha, ngoba uMesiya akazange abonakale esikhathini esingaphezudlwana nje konyaka ngemva kuka-455 B.C.E. Kanjalo izazi eziningi zeBhayibheli kanye nezinguqulo eziningi (kuhlanganise neTanakh yamaJuda embhalweni waphansi kulelivesi) ziyavuma ukuthi lana amasonto “eminyaka.” Lomqondo ‘wesonto leminyaka,’ noma umjikelezo weminyaka eyisikhombisa, wawujwayelekile emaJudeni asendulo. Njengoba nje ayegcina usuku lwesabatha njalo ngosuku lwesikhombisa, ayegcina unyaka wesabatha njalo ngonyaka wesikhombisa. (Eksodusi 20:8-11; 23:10, 11) Ngakho amasonto angu-69 eminyaka ayeyolingana neminyaka engu-69 uyiphindaphinda ngeminyaka engu-7, noma iminyaka engu-483. Okumelwe sikwenze nje ukuba sibale. Kusukela ku-455 B.C.E., uma sibala iminyaka engu-483 kusiletha kunyaka ka-29 C.E.—wona kanye unyaka uJesu abhapathizwa ngawo futhi waba uma·shiʹach, uMesiya!—Bheka esithi “Seventy Weeks,” kuInsight on the Scriptures, Umqulu 2, ikhasi 899.
11. Singabaphendula kanjani labo abathi lena kumane nje kuyindlela yesimanje yokuchaza isiprofetho sikaDaniyeli?
11 Abanye bangase baphikise ngokuthi lena kumane nje kuyindlela yesimanje yokuchaza lesiprofetho ukuze sivumelane nomlando. Uma kunjalo, kungani abantu ngosuku lukaJesu babelindele ukuba uMesiya abonakale ngalesosikhathi? Isazi-mlando esingumKristu uLuka, izazi-mlando ezingamaRoma uTacitus noSuetonius, isazi-mlando esingumJuda uJosephus, nesazi sefilosofi esingumJuda uPhilo bonke babephila malungana nalesikhathi futhi basifakazela lesimo sokulindela. (Luka 3:15) Ezinye izazi namuhla ziphikelela ngokuthi kwakuwukucindezela kwamaRoma okwabangela ukuba amaJuda alangazelele futhi alindele uMesiya ngalezozinsuku. Nokho, kungani amaJuda ayelindele uMesiya ngalesosikhathi kunangesikhathi soshushiso olunonya lwamaGreki emakhulwini eminyaka ngaphambili? Kungani uTacitus ethi ‘kwakuyiziprofetho eziyimfihlakalo’ ezaholela amaJuda ekubeni alindele ukuba kufike ababusi abanamandla bevela kwaJuda futhi “bathole umbuso wendawo yonke”? UAbba Hillel Silver, encwadini yakhe ethi A History of Messianic Speculation in Israel, uyavuma ukuthi “uMesiya wayelindelwe cishe ngesigamu sesibili sekhulu lokuqala leminyaka C.E.,” hhayi ngenxa yoshushiso lwamaRoma, kodwa ngenxa “yokubalwa kwezikhathi okwakuvamile ngalolosuku,” ngokwengxenye okwakuthathwa encwadini kaDaniyeli.
Ukuchazwa Okuvela Phezulu
12. UJehova wabonisa kanjani ukuthi uJesu unguMesiya?
12 Uhlobo lwesithathu lobufakazi bokuba kukaJesu uMesiya ubufakazi bukaNkulunkulu ngokwakhe. NgokukaLuka 3:21, 22, ngemva kokuba uJesu ebhapathiziwe, wagcotshwa ngamandla angcwele namakhulu kakhulu endaweni yonke, umoya ongcwele kaJehova uNkulunkulu. Futhi ngezwi lakhe siqu, uJehova wavuma ukuthi wayeyamukele iNdodana yakhe, uJesu. Kwezinye izikhathi ezimbili, uJehova wakhuluma ngokuqondile noJesu esezulwini, kanjalo ebonisa ukumamukela kwaKhe: kokunye, phambi kwabathathu babaphostoli bakaJesu, futhi ngesinye isikhathi, phambi kwesixuku sezibukeli. (Mathewu 17:1-5; Johane 12:28, 29) Ngaphezu kwalokho, izingelosi zathunywa zivela phezulu ukuba zizoqinisekisa isikhundla sikaJesu njengoKristu, noma uMesiya.—Luka 2:10, 11.
13, 14. UJehova wakubonisa kanjani ukumamukela kwakhe uJesu njengoMesiya?
13 UJehova wabonisa ukumamukela ogcotshiweyo wakhe ngokumnikeza amandla okwenza imisebenzi emikhulu. Ngokwesibonelo, uJesu washo iziprofetho ezanikeza imininingwane yomlando kusengaphambili—ezinye zifinyelela nasosukwini lwethu siqu.e Futhi wenza izimangaliso, ezinjengokondla izixuku ezilambile nokuphulukisa abagulayo. Wavusa ngisho nabafileyo. Ingabe abalandeli bakhe bamane nje basungula izindaba zalezizenzo zamandla ezingelona iqiniso? Nokho, uJesu wenza eziningi zezimangaliso zakhe phambi kofakazi bokuzibonela, ngezinye izikhathi kukhona izinkulungwane zabantu ngesikhathi esisodwa. Ngisho nezitha zikaJesu zazingenakuphika ukuthi wazenza ngempela lezizinto. (Marku 6:2; Johane 11:47) Ngaphandle kwalokho, uma abalandeli bakaJesu babethambekele ekusunguleni izindaba ezinjalo, khona-ke kungani bengagwegwesanga kangaka uma kuziwa kokwabo siqu ukushiyeka? Empeleni, ingabe babengazimisela ukufela ukholo olusekelwe ezinsumansumaneni nje ababezisungulele zona ngokwabo? Cha. Izimangaliso zikaJesu zingamaqiniso omlando.
14 Ubufakazi bukaNkulunkulu obuphathelene nokuba kukaJesu uMesiya baqhubeka. Ngomoya ongcwele waqikelela ukuthi ubufakazi bokuba kukaJesu uMesiya bulotshwa phansi futhi buba ingxenye yencwadi ehunyushwe kabanzi nesakazwe ukuzedlula zonke kuwo wonke umlando.
Kungani AmaJuda Engamamukelanga UJesu?
15. (a) Ziningilizwe kangakanani izimfanelo zikaJesu ezimbonakalisa njengoMesiya? (b) Yimaphi amathemba amaJuda aholela iningi lawo ukuba limenqabe uJesu njengoMesiya?
15 Khona-ke, sekukonke lemikhakha emithathu yobufakazi ihlanganisa ngokoqobo namakhulukhulu amaqiniso abonisa ukuthi uJesu unguMesiya. Ingabe lokho akwanele? Ake ucabange nje ufaka isicelo sezincwadi zokushayela noma ikhadi lokuthenga ngesikweletu futhi utshelwe ukuthi ukwaziswa okuthathu okukubonisa ukuthi ungubani akwanele—kumelwe ulethe okungamakhulukhulu. Yeka indlela okungenangqondo ngayo! Khona-ke, ngokuqinisekile uJesu uchazwa ngokwanele eBhayibhelini. Nokho, kungani iningi labantu bakubo siqu uJesu libuphika bonke lobufakazi bokuthi wayenguMesiya? Ngoba ubufakazi, nakuba bubalulekile okholweni lweqiniso, abuluqinisekisi ukholo. Ngokudabukisayo, abantu abaningi bakholelwa kulokho abafuna ukukukholelwa, ngisho naphezu kobufakazi obunamandla. Ngokuphathelene noMesiya, amaJuda amaningi ayenemibono eqiniseke kakhulu ngalokho ayekufuna. Ayefuna umesiya wezombangazwe, lowo owayezoqeda ukucindezela kwamaRoma futhi abuyisele uIsrayeli enkazimulweni efanayo neyangezinsuku zikaSolomoni ngendlela yezinto ezibonakalayo. Khona-ke, ayengayamukela kanjani lendodana ethobekile yombazi, lomNazaretha owayengasibonisi isithakazelo kwezombangazwe noma engcebweni? Ikakhulukazi, wayengaba kanjani uMesiya ngemva kokuba ehluphekile futhi wafa ngendlela ehlazisayo esigxotsheni sokuhlushwa?
16. Kungani abalandeli bakaJesu kwadingeka ukuba balungise amathemba abo siqu ngokuqondene noMesiya?
16 Abafundi bakhe siqu uJesu bashaqiswa ukufa kwakhe. Ngemva kokuvuswa kwakhe okukhazimulayo, ngokusobala baba nethemba lokuthi ‘wayeyowubuyisela kuIsrayeli umbuso’ ngaso lesosikhathi. (IzEnzo 1:6) Kodwa abazange bamenqabe uJesu njengoMesiya ngenxa nje yokuthi lelithemba labo siqu aligcwalisekanga. Babonisa ukholo kuye olwalusekelwe ebufakazini obuningi obabukhona, futhi ukuqonda kwabo kwakhula kancane kancane; izimfihlakalo zaqondakala. Baqonda ukuthi uMesiya wayengeke azigcwalise zonke iziprofetho eziphathelene naye phakathi nesikhathi sakhe esifushane njengomuntu kulomhlaba. Phela, esinye isiprofetho sikhuluma ngokufika kwakhe okuthobekile, egibele ithole lembongolo, kuyilapho esinye sikhuluma ngokuza kwakhe esenkazimulweni phezu kwamafu! Kokubili lokhu kungaba kanjani iqiniso? Ngokusobala kwakuyodingeka eze ngokwesibili.—Daniyeli 7:13; Zakariya 9:9.
Isizathu Esenza Kwadingeka Ukuba UMesiya Afe
17. Isiprofetho sikaDaniyeli sakwenza kanjani kwacaca ukuthi uMesiya kwakuyodingeka afe, futhi wayeyofa ngenxa yasiphi isizathu?
17 Ngaphezu kwalokho, iziprofetho zobuMesiya zakwenza kwacaca ukuthi uMesiya kwakumelwe afe. Ngokwesibonelo, sona kanye isiprofetho esabikezela ukuthi uMesiya wayeyofika nini sabikezela evesini elilandelayo: “Emva kwalawomasonto angamashumi ayisithupha nambili [ayelandela amasonto ayisikhombisa] ogcotshiweyo [“uMesiya,” NW] uyakunqunywa.” (Daniyeli 9:26) Igama lesiHeberu elithi ka·rathʹ lapha elisetshenziselwe elithi ‘nquma’ liyigama elifanayo elalisetshenziselwa isigwebo sokufa ngaphansi koMthetho kaMose. Ngokungangabazeki uMesiya kwakumelwe afe. Ngani? Ivesi 24 lisinikeza impendulo: “[U]kukhawula izono, nokwenza ukubuyisana ngobubi, nokungenisa ukulunga okuphakade.” AmaJuda ayekwazi kahle ukuthi ngumhlatshelo kuphela, ukufa, owawungenza ukubuyisana ngamaphutha.—Levitikusi 17:11; qhathanisa namaHeberu 9:22.
18. (a) UIsaya isahluko 53 ukubonisa kanjani ukuthi uMesiya kumelwe ahlupheke futhi afe? (b) Yini ebonakala iwukuziphikisa ephakanyiswa yilesiprofetho?
18 UIsaya isahluko 53 ukhuluma ngoMesiya njengeNceku ekhethekile kaJehova okwakuyodingeka ihlupheke futhi ife ukuze isibekele izono zabanye. Ivesi 5 lithi: “Yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu, yachotshozwa ngobubi bethu.” Lesiprofetho esifanayo, ngemva kokusitshela ukuthi loMesiya kumelwe afe ‘njengomnikelo wecala,’ sembula ukuthi yena Lona ‘uyakwenza izinsuku zakhe zibe-ziningi, nentando kaJehova iyakuphumelela esandleni sakhe.’ (Ivesi 10) Ingabe lokho akuziphikisi? Wayengafa kanjani uMesiya, bese ‘enza izinsuku zakhe zibe ziningi’? Wayenganikelwa kanjani njengomhlatshelo bese kuthi kamuva enze ‘intando kaJehova iphumelele’? Empeleni, wayengafa kanjani futhi ahlale efile engazigcwalisanga iziprofetho ezibaluleke kakhulu eziphathelene naye, zokuthi wayeyobusa phakade njengeNkosi futhi alethe ukuthula nenjabulo emhlabeni wonke?—Isaya 9:6, 7.
19. Ukuvuswa kukaJesu kuzenza kanjani zivumelane iziprofetho ezibonakala ziziphikisa eziphathelene noMesiya?
19 Lokhu okubonakala kuziphikisa kwaxazululwa ngesimangaliso esisodwa, esishukumisayo. UJesu wavuswa. Amakhulukhulu amaJuda anezinhliziyo eziqotho aba ofakazi bokuzibonela balesisenzakalo esingokoqobo esikhazimulayo. (1 Korinte 15:6) Umphostoli uPawulu kamuva wabhala: “Yena [uJesu Kristu], esenikele ngomhlatshelo waba-munye ngenxa yezono, wahlala phakade ngakwesokunene sikaNkulunkulu, usalindele izitha zakhe zize zenziwe isenabelo sezinyawo zakhe.” (Heberu 10:10, 12, 13) Yebo, kwakungemva kokuba uJesu esevuselwe ekuphileni kwasezulwini, futhi ngemva kwenkathi ‘yokulinda,’ lapho ekugcineni ayeyomiswa khona njengeNkosi futhi athathe isinyathelo ngokumelene nezitha zikaYise, uJehova. Endimeni yakhe njengeNkosi yasezulwini, uJesu onguMesiya uthinta ukuphila kwawo wonke umuntu ophilayo manje. Ngayiphi indlela? Isihloko sethu esilandelayo sizokucabangela lokhu.
[Imibhalo yaphansi]
a Lapho uLuka 3:23 ethi: “UJosefa [“indodana,” NW] kaEli,” ngokusobala uthi “indodana” ngomqondo wokusho “umkhwenyana,” njengoba uEli ayenguyise ongokwemvelo kaMariya.—Insight on the Scriptures, Umqulu 1, amakhasi 913-17.
b Isazi-mlando esingumJuda uJosephus, lapho siveza olwaso siqu uhlu lozalo, sikwenza kucace ukuthi imibhalo enjalo yayikhona ngaphambi kuka-70 C.E. Lemibhalo ngokusobala yabhujiswa nomuzi waseJerusalema, okwenza zonke izinkulumo ezalandela zokuba iqiniso kukaMesiya kwaba nzima ukuzifakazela.
c Bheka i-Insight on the Scriptures, Umqulu 2, ikhasi 387.
d Kunobufakazi obuqand’ ikhanda obuvela emithonjeni yokwaziswa yasendulo yamaGreki, yaseBabiloni, neyasePeresiya ebonisa ukuthi unyaka wokuqala wokubusa kuka-Aritahishashita kwakungu-474 B.C.E. Bheka i-Insight on the Scriptures, Umqulu 2, amakhasi 614-16, 900.
e Kwesinye isiprofetho esinjalo, wabikezela ukuthi kwakuyovela omesiya bamanga kusukela osukwini lwakhe kuqhubeke. (Mathewu 24:23-26) Bheka isihloko esandulelayo.
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Kungani kumelwe sihlole ubufakazi bokuthi uJesu unguMesiya othenjisiwe yini?
◻ Uhlu lozalo lukaJesu lukusekela kanjani ukuba kwakhe uMesiya?
◻ Iziprofetho zeBhayibheli zisiza kanjani ekuboniseni ukuthi uJesu wayenguMesiya?
◻ UJehova wakuqinisekisa ngaziphi izindlela ngokomuntu siqu ukuba kukaJesu uMesiya?
◻ Kungani amaJuda amaningi kangaka amenqaba uJesu njengoMesiya, futhi kungani lezizathu zazingazwakali?
[Isithombe ekhasini 12]
Ngasinye sezimangaliso eziningi zikaJesu sanikeza ubufakazi obengeziwe bokuba kwakhe uMesiya