Isahluko Seshumi Nesithupha
Amakhosi Alwayo Aphelelwa Yisikhathi
1, 2. Inkosi yasenyakatho yashintsha kanjani ngemva kwempi yezwe yesibili?
SICABANGA ngesimo sezombangazwe sase-United States nesaseRussia, isazi sefilosofi nesomlando saseFrance u-Alexis de Tocqueville sabhala ngo-1835: “Omunye usebenzisa inkululeko ekwenzeni izinto; omunye uyacindezela. Izindlela . . . zayo azifani; kodwa kubonakala sengathi ngamunye ucabanga ukuthi unqunyelwe ngaMandla Aphezulu ukuba ngelinye ilanga ubuse ingxenye yomhlaba.” Saba esinembe kangakanani lesi sibikezelo ngemva kweMpi Yezwe II? Isazi-mlando uJ. M. Roberts siyabhala: “Ekupheleni kweMpi Yezwe yesibili ngempela kwabonakala sengathi isiphetho somhlaba sizonqunywa izinhlobo ezimbili zemibuso emikhulu nehluke kakhulu, omunye usezweni elaliyiRussia, omunye use-United States of America.”
2 Phakathi nezimpi ezimbili zomhlaba, iJalimane yayiyisitha esikhulu senkosi yaseningizimu—uMbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika—futhi yayisesikhundleni sokuba inkosi yasenyakatho. Kodwa ngemva kweMpi Yezwe II leso sizwe sahlukana phakathi. INtshonalanga Jalimane yazihlanganisa nenkosi yaseningizimu, iMpumalanga Jalimane yazihlanganisa nelinye iqembu elinamandla—izizwe zobuKhomanisi ezaziholwa iSoviet Union. Lezi zizwe, noma iqembu lezombangazwe, zaba inkosi yasenyakatho, zimelene ngokuqinile nenhlangano yamaNgisi namaMelika. Futhi umbango phakathi kwala makhosi amabili waholela eMpini Yomshoshaphansi eyaqala ngo-1948 kwaze kwaba ngu-1989. Ngaphambili, inkosi yasenyakatho eJalimane ‘yayimelene nesivumelwano esingcwele.’ (Daniyeli 11:28, 30) Izizwe zamaKhomanisi zaziyokwenzani ngokuqondene nalesi sivumelwano?
AMAKRISTU EQINISO AYAWA KODWA ABA NAMANDLA
3, 4. Obani “abenza ngokonakala ngokumelene nesivumelwano,” futhi baye baba nobuhlobo obunjani nenkosi yasenyakatho?
3 “Labo abenza ngokonakala ngokumelene nesivumelwano,” kusho ingelosi kaNkulunkulu, “[inkosi yasenyakatho] iyobaholela ekuhlubukeni ngamazwi abushelezi.” Ingelosi yanezela: ‘Kepha abantu abamaziyo uNkulunkulu wabo bayakuba namandla, baphikelele. Abahlakaniphileyo babantu bayakuqondisa abaningi; kepha bayakuwa ngenkemba, nangelangabi, nangokuthunjwa, nangokuphangwa izinsuku eziningi.’—Daniyeli 11:32, 33.
4 Labo “abenza ngokonakala ngokumelene nesivumelwano” kungaba abaholi beLobukholwa kuphela, abathi bangamaKristu kodwa izenzo zabo zibe zingcolisa kwagama elithi ubuKristu. Encwadini yakhe i-Religion in the Soviet Union, uWalter Kolarz uthi: “[Phakathi nempi yezwe yesibili] uHulumeni waseSoviet wazama ukuthola usizo lwezinto ezibonakalayo nolungokomzwelo emaSontweni ukuze uvikele izwe lenkaba yawo.” Ngemva kwempi, abaholi bamasonto bazama ukulondoloza lobo bungane, naphezu kwenkambiso yalo mbuso, manje owawusuyinkosi yasenyakatho, yokuphika ubukhona bukaNkulunkulu. Ngaleyo ndlela, eLobukholwa lasampula ekubeni ingxenye yaleli zwe—ukuhlubuka okunyanyekayo phambi kukaJehova.—Johane 17:16; Jakobe 4:4.
5, 6. Kwakungobani ‘abantu abamaziyo uNkulunkulu wabo,’ futhi izinto zabahambela kanjani ngaphansi kwenkosi yasenyakatho?
5 Kuthiwani ngamaKristu eqiniso—‘abantu abamaziyo uNkulunkulu wabo’ nalabo “abahlakaniphileyo”? Nakuba ‘ayewathobela’ ngokufanele ‘amagunya aphakame,’ amaKristu ayebuswa yinkosi yasenyakatho ayengeyona ingxenye yaleli zwe. (Roma 13:1; Johane 18:36) Njengoba ayeqikelela ukubuyisela “izinto zikaKesari kuKesari,” ayenikeza ‘noNkulunkulu izinto zikaNkulunkulu.’ (Mathewu 22:21) Ngenxa yalokhu, ubuqotho ba-wo bavivinywa.—2 Thimothewu 3:12.
6 Ngenxa yalokho, amaKristu eqiniso ‘awa’ futhi ‘aba namandla.’ Awa ngomqondo wokuthi ashushiswa kanzima, amanye aze abulawa nokubulawa. Kodwa aba namandla ngokuthi iningi lahlala lithembekile. Alinqoba izwe, njengoba nje noJesu alinqoba. (Johane 16:33) Ngaphezu kwalokho, awazange ayeke ukushumayela, ngisho nalapho ezithola esejele noma emakamu okuhlushwa. Ngokwenza kanjalo, ‘aqondisa abaningi.’ Naphezu kokushushiswa emazweni amaningi ayebuswa inkosi yasenyakatho, inani loFakazi BakaJehova landa. Ngenxa yokwethembeka ‘kwabahlakaniphileyo,’ kuye kwavela “isixuku esikhulu” esandayo kulawo mazwe.—IsAmbulo 7:9-14.
ABANTU BAKAJEHOVA BAYACWENGISISWA
7. Yiluphi ‘usizo oluncane’ olwatholwa amaKristu agcotshiwe ayephila ngaphansi kwenkosi yasenyakatho?
7 “Ekuweni kwabo [abantu bakaNkulunkulu] bayakusizwa ngokusizwa okuncane,” kusho ingelosi. (Daniyeli 11:34a) Ukunqoba kwenkosi yaseningizimu empini yezwe yesibili kwakuwalethele inkululeko ethile amaKristu ayebuswa yinkosi eyimbangi. (Qhathanisa nesAmbulo 12:15, 16.) Ngokufanayo, labo ababeshushiswa yinkosi eyalandela babethola ukukhululeka ngezikhathi ezithile. Njengoba iMpi Yomshoshaphansi yayisondela ekupheleni, abaholi abaningi baya beqaphela ukuthi amaKristu athembekile awalona usongo futhi bawaqaphela ngokomthetho. Usizo lwavela nasesixukwini esikhulu esasilokhu sanda, esasisabela lapho abagcotshiwe beshumayela ngokwethembeka futhi sabasiza.—Mathewu 25:34-40.
8. Abanye bazihlanganisa kanjani nabantu bakaNkulunkulu ‘ngokuthopha’?
8 Akubona bonke ababethi banesithakazelo sokukhonza uNkulunkulu phakathi neminyaka yeMpi Yomshoshaphansi ababenezisusa ezinhle. Ingelosi yayixwayisile: “Bese bebambelela kubo abaningi ngokuthopha.” (Daniyeli 11:34b) Abaningi babonisa isithakazelo eqinisweni kodwa babengazimisele ukuzinikezela kuNkulunkulu. Kanti abanye okwakubonakala sengathi bayazamukela izindaba ezinhle, empeleni babeyizimpimpi zeziphathimandla. Umbiko wakwelinye izwe ufundeka kanje: “Abanye balaba bantu abonakele babengamaKhomanisi aziwayo ayengene isinyenyela enhlanganweni yeNkosi, abonisa intshiseko enkulu, amiswa ngisho nasezikhundleni eziphezulu zenkonzo.”
9. Kungani uJehova avumela amanye amaKristu athembekile ukuba ‘awiswe’ abantu ababengene isinyenyela?
9 Ingelosi yaqhubeka: “Abanye kwabahlakaniphileyo bayakuwa ukuba bacwengisiswe, bahlanzwe, benziwe mhlophe kuze kube sesikhathini sokuphela, ngokuba kusezakuba sesikhathini esimisiweyo.” (Daniyeli 11:35) Laba ababengene isinyenyela benza abanye abathembekile bawela ezandleni zeziphathimandla. UJehova wavumela izinto ezinjalo ukuba zenzeke ngenjongo yokucwengisisa nokuhlanza abantu bakhe. Njengoba nje uJesu ‘afunda ukulalela ezintweni ahlupheka ngazo,’ nalaba abathembekile bafunda ukukhuthazela ngokuvivinywa kokholo lwabo. (Heberu 5:8; Jakobe 1:2, 3; qhathanisa noMalaki 3:3.) Ngaleyo ndlela, ‘bayacwengisiswa, bahlanzwe, benziwe mhlophe.’
10. Isho ukuthini inkulumo ethi “kuze kube sesikhathini sokuphela”?
10 Abantu bakaJehova babezowa futhi bacwengisiswe “kuze kube sesikhathini sokuphela.” Yebo, bakulindele ukushushiswa kuze kuphele lesi simiso sezinto esonakele. Kodwa ukuhlanzwa nokwenziwa mhlophe kwabantu bakaNkulunkulu ngenxa yokugxambukela kwenkosi yasenyakatho ‘kwakungokwesikhathi esimisiweyo.’ Ngakho, kuDaniyeli 11:35, kumelwe ukuba ‘isikhathi sokuphela’ sibhekisela ekupheleni kwenkathi yesikhathi edingekayo ukuze abantu bakaNkulunkulu bacwengisiswe bebe bekhuthazelela ukuhlaselwa yinkosi yasenyakatho. Kusobala ukuthi lokhu kuwa kwaphela ngesikhathi esimiswe uJehova.
INKOSI IYAZIKHULISA
11. Ingelosi yathini ngesimo sengqondo senkosi yasenyakatho ngobukhosi bukaJehova?
11 Ngokuqondene nenkosi yasenyakatho, ingelosi yanezela: ‘Inkosi iyakwenza njengentando yayo, iziphakamise, izikhulise phezu kwabo bonke onkulunkulu, [njengoba inqaba ukwamukela ubukhosi bukaJehova] ikhulume okumangalisayo ngoNkulunkulu wawonkulunkulu, ibe nenhlanhla luze luphelele ulaka, ngokuba okumisiweyo kuyakwenziwa. Ayiyikunakekela onkulunkulu bawoyise nesifiso sabesifazane, inganaki nonkulunkulu oyedwa, ngokuba iyakuzikhulisa phezu kwabo bonke.’—Daniyeli 11:36, 37.
12, 13. (a) Inkosi yasenyakatho yamlahla kanjani ‘unkulunkulu wawoyise’? (b) Babengobani ‘abesifazane’ inkosi yasenyakatho engasinakanga ‘isifiso’ sabo? (c) Imuphi “unkulunkulu” inkosi yasenyakatho eyamkhazimulisa?
12 Igcwalisa la mazwi angokwesiprofetho, inkosi yasenyakatho yalahla ‘unkulunkulu wawoyise,’ njengonkulunkulu onguZiqu-zintathu weLobukholwa. Izizwe zamaKhomanisi zakhuthaza imfundiso yokuphika ubukhona bukaNkulunkulu. Ngaleyo ndlela inkosi yasenyakatho yazenza yona unkulunkulu, ‘yazikhulisa phezu kwabo bonke.’ Njengoba yayingenandaba “nesifiso sabesifazane”—amazwe ayekhonza kuyo, ekhonza njengezincekukazi zombuso wayo, njengeNyakatho Vietnam—le nkosi ‘yenza njengentando yayo.’
13 Iqhubeka nalesi siprofetho, ingelosi yathi: ‘Unkulunkulu wezinqaba iyakumdumisa esikhundleni sabo, nonkulunkulu ababengamazi oyise iyakumdumisa ngegolide, nangesiliva, nangamatshe anqabileyo nangokunye okuthandiweyo.’ (Daniyeli 11:38) Eqinisweni, inkosi yasenyakatho yabeka ithemba layo kwezempi zesimanje ezisebenzisa indlela yesayensi, “unkulunkulu wezinqaba.” Yafuna insindiso kulo “nkulunkulu,” yanikela ngengcebo enkulu e-altare lakhe.
14. Inkosi yasenyakatho ‘yaphumelela’ kanjani?
14 “[“Iyophumelela ngokumelene nezinqaba,” NW] ezinamandla inonkulunkulu ongowabezizwe; omvumayo iyakumandisela udumo, imenze ukuba abuse abaningi, imahlukanisele izwe libe ngumvuzo wakhe.” (Daniyeli 11:39) Njengoba yayithembele ‘kunkulunkulu wayo wabezizwe’ wezempi, inkosi yasenyakatho ‘yaphumelela’ impela, yaba umbuso wezempi onamandla ‘ezinsukwini zokugcina.’ (2 Thimothewu 3:1) Labo ababesekela umbono wayo bavuzwa ngokuxhaswa kwezombangazwe, kwezezimali futhi ngezinye izikhathi nakwezempi.
“UKUQHUBUKUSHA” ESIKHATHINI SOKUPHELA
15. Inkosi yaseningizimu ‘yaqhubukushana’ kanjani nenkosi yasenyakatho?
15 “Ngesikhathi sokuphela inkosi yaseningizimu iyakuqhubukushana nayo,” ingelosi itshela uDaniyeli. (Daniyeli 11:40a) Ingabe inkosi yaseningizimu ‘iyiqhubukushile’ inkosi yasenyakatho phakathi ‘nesikhathi sokuphela’? (Daniyeli 12:4, 9) Yebo kunjalo. Ngemva kwempi yezwe yokuqala, isivumelwano sokuthula esisasijeziso esaphoqelelwa enkosini yasenyakatho yangaleso sikhathi—iJalimane—ngempela ‘sasiwukuqhubukusha,’ okwakuzoyenza iziphindiselele. Ngemva kokunqoba kwayo empini yezwe yesibili, inkosi yaseningizimu yahlosa ukuyihlasela ngezikhali zenuzi ezesabekayo imbangi yayo futhi yamisa inhlangano yezempi enamandla eyayizomelana nayo, i-North Atlantic Treaty Organization (NATO). Ngokuqondene nomsebenzi we-NATO, isazi-mlando saseBrithani sithi: “Yayiyithuluzi eliyinhloko ‘lokunqanda’ i-USSR, manje eyayibhekwa njengosongo olukhulu ekuthuleni kwaseYurophu. Lo msebenzi wayo waqhubeka iminyaka engu-40, futhi wafezwa ngempumelelo engenakuphikiswa.” Njengoba iminyaka yeMpi Yomshoshaphansi yayidlula, ‘ukuqhubukusha’ kwenkosi yaseningizimu kwahlanganisa ubunhloli obuseqophelweni eliphezulu kanye nokuhlasela ngosomaqhinga nangempi.
16. Inkosi yasenyakatho yasabela kanjani ekuqhubukushweni yinkosi yaseningizimu?
16 Yasabela kanjani inkosi yasenyakatho? “Inkosi yasenyakatho isiyakuvunguzela yona ngezinqola, nangabamahhashi, nangemikhumbi eminingi, ingene emazweni amaningi, ikhukhule, idlule.” (Daniyeli 11:40b) Umlando wezinsuku zokugcina uye waqokomisa ukwanda kwendawo yenkosi yasenyakatho. Phakathi nempi yezwe yesibili, “inkosi” yamaNazi yeqa imingcele yayo yangena emazweni angomakhelwane. Ekupheleni kwaleyo mpi, “inkosi” eyalandela yakha umbuso onamandla. Phakathi neMpi Yomshoshaphansi, inkosi yasenyakatho yalwa nembangi yayo ezimpini okwakulwa kuzo amazwe ayesekelwa yiwo womabili la makhosi, kanye nabavukeli base-Afrika, e-Asia naseLatin America. Yashushisa amaKristu eqiniso, yaphazamisa umsebenzi wawo—kodwa yangawumisa. Futhi ukuhlasela kwayo kwezempi nokwezombangazwe kwenza amazwe amaningi aba ngaphansi kwayo. Yilokhu kanye okwakuprofethwe yingelosi: “Iyakungena nasezweni elihle [isimo esingokomoya sabantu bakaJehova], namanye amaningi ayakukhubeka.”—Daniyeli 11:41a.
17. Imaphi amazwe inkosi yasenyakatho eyahluleka ukuwafinyelela lapho yandisa indawo yayo?
17 Nakuba kunjalo, inkosi yasenyakatho ayizange iwunqobe umhlaba. Ingelosi yabikezela: “Lana ayakophulwa esandleni sayo: o-Edomi, noMowabi, nemvama yabantwana bakwa-Amoni.” (Daniyeli 11:41b) Ezikhathini zasendulo, izwe lakwa-Edomi, elakwaMowabi nelakwa-Amoni ayephakathi kwendawo yenkosi yaseningizimu eGibithe neyenkosi yasenyakatho eSiriya. Ezikhathini zanamuhla la mazwe amelela izizwe nezinhlangano inkosi yasenyakatho eyayizisophile kodwa yahluleka ukuzifaka ngaphansi kwethonya layo.
IZWE LASEGIBITHE ALIBALEKI
18, 19. Inkosi yaseningizimu yalizwa ngazindlela zini ithonya lembangi yayo?
18 Ingelosi kaJehova iyaqhubeka: “[Inkosi yasenyakatho] iyakwelulela isandla emazweni, nezwe laseGibithe aliyikubaleka. Iyakubusa phezu kwengcebo yegolide nesiliva, naphezu kwakho konke okuthandiweyo kwaseGibithe; amaLubi namaKushe ayakuba sezinyathelweni zayo.” (Daniyeli 11:42, 43) Ngisho nenkosi yaseningizimu, ‘iGibithe,’ aliyibalekelanga imiphumela yenqubo yenkosi yasenyakatho yokwandisa izindawo zayo. Ngokwesibonelo, inkosi yaseningizimu yahlulwa yancama eVietnam. Kuthiwani ‘ngamaLubi namaKushe’? Lab’ omakhelwane beGibithe lasendulo bangazifanekisela kahle izizwe ezingomakhelwane ‘beGibithe’ lanamuhla (inkosi yaseningizimu). Ngezinye izikhathi, ziye zaba abalandeli—‘zaba sezinyathelweni’—zenkosi yasenyakatho.
19 Ingabe inkosi yasenyakatho ibusile phezu ‘kwengcebo yaseGibithe’? Ngempela ibe nethonya elikhulu endleleni inkosi yaseningizimu eye yasebenzisa ngayo izimali zayo. Ngenxa yokwesaba imbangi yayo, inkosi yaseningizimu iye yachitha izizumbulu zemali ukuze ilondoloze ibutho elinamandla, imikhumbi yempi nebutho lasemoyeni. Ngalo mqondo, inkosi yasenyakatho ‘ikubusile,’ noma ikulawulile, ukusetshenziswa kwengcebo yenkosi yaseningizimu.
UMKHANKASO WOKUGCINA
20. Ingelosi iwuchaza kanjani umkhankaso wokugcina wenkosi yasenyakatho?
20 Umbango ophakathi kwenkosi yasenyakatho nenkosi yaseningizimu—kungakhathaliseki ukuthi ungowezempi, ezentengiselwano noma okunye—usuzophela. Lapho yembula imininingwane yokungqubuzana okusazokwenzeka, ingelosi kaJehova yathi: “[Inkosi yasenyakatho] iyakwethuswa yimibiko evela empumalanga nasenyakatho; iyakuphuma ngokufutheka okukhulu ukuchitha nokubhubhisa abaningi. Iyakumisa itende lendlu yayo yobukhosi phakathi kolwandle [olukhulu] nentaba enhle engcwele; kepha iya nokho ekupheleni kwayo, akakho ongayisiza.”—Daniyeli 11:44, 45.
21. Yini esisazoyifunda ngenkosi yasenyakatho?
21 Ngokuhlakazwa kweSoviet Union ngo-December 1991, inkosi yasenyakatho yavelelwa umshophi. Iyobe ingubani le nkosi lapho kugcwaliseka uDaniyeli 11:44, 45? Ingabe iyoba elinye lamazwe ayeyingxenye yezwe elaliyiSoviet Union? Noma ingabe izoshintsha ngokuphelele, njengoba yenza izikhathi eziningi ngaphambili? Ingabe ukuthuthukisa kwezinye izizwe izikhali zenuzi kuyophumela ekuncintisaneni okusha ngezikhali bese kuyavela ukuthi leyo nkosi ingubani? Ngokuhamba kwesikhathi sizozithola izimpendulo zale mibuzo. Siyobe sihlakaniphile uma singaqageli. Lapho inkosi yasenyakatho iqala umkhankaso wayo wokugcina, bonke abanokuqonda okusekelwe eBhayibhelini bayokubona ngokucacile ukugcwaliseka kwesiprofetho.—Bheka esithi “Amakhosi AkuDaniyeli ISahluko 11,” ekhasini 284.
22. Yimiphi imibuzo ephakamayo ngokuhlasela kokugcina kwenkosi yasenyakatho?
22 Nokho, siyazi ukuthi sinyathelo sini esizothathwa yinkosi yasenyakatho maduze nje. Isuswa yimibiko “evela empumalanga nasenyakatho,” iyoqhuba umkhankaso othile ukuze ‘ichithe abaningi.’ Lo mkhankaso uqondiswe kubani? Futhi yimiphi ‘imibiko’ ebangela lokho kuhlasela?
ITHUSWA IMIBIKO EPHAZAMISAYO
23. (a) Yisiphi isigigaba esivelele okumelwe senzeke ngaphambi kwe-Armagedoni? (b) Angobani ‘amakhosi avela ekuphumeni kwelanga’?
23 Cabangela lokho okushiwo incwadi yesAmbulo ngesiphelo seBabiloni Elikhulu, umbuso wezwe wenkolo yamanga. Ngaphambi ‘kwempi yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke,’ i-Armagedoni, lesi sitha esikhulu sokukhulekela kweqiniso ‘siyoshiswa ngokuphelele ngomlilo.’ (IsAmbulo 16:14, 16; 18:2-8) Ukubhujiswa kwaso kufanekiselwa ukuthululwa kwesitsha sesithupha sentukuthelo kaNkulunkulu emfuleni ongokomfanekiso i-Ewufrathe. Lo mfula uyasha ukuze “kulungiselelwe indlela yamakhosi avela ekuphumeni kwelanga.” (IsAmbulo 16:12) Angobani la makhosi? Awekho amanye ngaphandle kukaJehova uNkulunkulu noJesu Kristu!—Qhathanisa no-Isaya 41:2; 46:10, 11.
24. Yisiphi isenzo sikaJehova esingase siphazamise inkosi yasenyakatho?
24 Ukubhujiswa kweBabiloni Elikhulu kuchazwe ngokucacile encwadini yesAmbulo, ethi: “Izimpondo eziyishumi owazibona [amakhosi abusa ngesikhathi sokuphela], nesilo sasendle [iZizwe Ezihlangene], lezi ziyosizonda isifebe futhi ziyosenza sibe esichithakele nesihamba-ze, futhi ziyodla ziqede izingxenye zaso eziyinyama futhi ziyosishisa ngokuphelele ngomlilo.” (IsAmbulo 17:16) Ababusi bayobe belibhubhiselani iBabiloni Elikhulu? Ngoba ‘uNkulunkulu ukufaka ezinhliziyweni zabo ukuba bafeze umcabango wakhe.’ (IsAmbulo 17:17) Kulaba babusi kukhona nenkosi yasenyakatho. Lokho ekuzwa ‘kuvela ekuphumeni kwelanga’ kungenzeka ukuthi kubhekisela kulesi senzo sikaJehova, lapho ekufaka ezinhliziyweni zabaholi abangabantu ukuba baqothule lesi sifebe esikhulu esingokwenkolo.
25. (a) Obani inkosi yasenyakatho ebaqonde ngokukhethekile? (b) Inkosi yasenyakatho ‘ilimisaphi itende lendlu yayo yobukhosi’?
25 Kodwa inkosi yasenyakatho iyiqondise kwabathile ngokukhethekile intukuthelo yayo. “Iyakumisa itende lendlu yayo yobukhosi phakathi kolwandle [olukhulu] nentaba enhle engcwele,” kusho ingelosi. Ngesikhathi sikaDaniyeli ulwandle olukhulu kwakuyiMedithera kanti intaba engcwele kwakuyiZiyoni, eyayike yaba yindawo yethempeli likaNkulunkulu. Ngakho, ekugcwalisekeni kwalesi siprofetho, inkosi yasenyakatho ethukuthele iphuma umkhankaso wokumelana nabantu bakaNkulunkulu. Ngomqondo ongokomoya, indawo ‘ephakathi kolwandle olukhulu nentaba engcwele’ imelela isimo esingokomoya sezinceku zikaJehova ezigcotshiwe. Ziye zaphuma ‘olwandle’ lwesintu esihlukanisiwe noNkulunkulu futhi zinethemba lokubusa noJesu Kristu eNtabeni yasezulwini iZiyoni.—Isaya 57:20; Heberu 12:22; IsAmbulo 14:1.
26. Njengoba kuboniswa yisiprofetho sikaHezekeli, kungase kube zivela kubani izindaba ‘ezivela enyakatho’?
26 UHezekeli, owayephila sikhathi sinye noDaniyeli, naye waprofetha ngokuhlaselwa kwabantu bakaNkulunkulu ‘ezinsukwini ezizayo.’ Wathi izenzo zenzondo zaziyoqalwa uGogi wakwaMagogi, okusho uSathane uDeveli. (Hezekeli 38:14, 16) Ngomqondo ongokomfanekiso, uqhamuka ngakuphi uGogi? “Ekugcineni kwasenyakatho,” kusho uJehova kuHezekeli. (Hezekeli 38:15) Noma kungaba nesihluku kangakanani loku kuhlasela, akusoze kwababhubhisa abantu bakaJehova. Le nhlekelele iyobangelwa ukuthatha kukaJehova isinyathelo sokuqothula amabutho kaGogi. Ngakho, uJehova uthi kuSathane: ‘Ngiyofaka izingwegwe emihlathini yakho.’ “Ngiyokubangela ukuba uphume engxenyeni ekude kakhulu yenyakatho ngikulethe phezu kwezintaba zakwa-Israyeli.” (Hezekeli 38:4; 39:2, NW) Ngakho-ke, kumelwe ukuba izindaba ‘ezivela enyakatho’ ezithukuthelisa inkosi yasenyakatho zivela kuJehova. Kodwa ukuthi lezi zindaba ‘ezivela empumalanga nasentshonalanga’ ziyobe ziquketheni, uNkulunkulu kuphela oyosho futhi ziyozwakala ngokuhamba kwesikhathi.
27. (a) Kungani uGogi eyogqugquzela izizwe, kuhlanganise nenkosi yasenyakatho, ukuba zihlasele abantu bakaJehova? (b) Ingabe ukuhlasela kukaGogi kuyoba yimpumelelo?
27 UGogi yena uhlela ukuhlasela kwakhe okuphelele okubangelwa ukuchuma ‘kuka-Israyeli kaNkulunkulu,’ lowo, kanye ‘nesixuku esikhulu’ ‘sezinye izimvu,’ ongaseyona ingxenye yaleli zwe. (Galathiya 6:16; IsAmbulo 7:9; Johane 10:16; 17:15, 16; 1 Johane 5:19) UGogi ubabuka ngeso lokuhlola insimu ‘abantu asebebuthwe ezizweni, abazuza imfuyo nempahla [engokomoya].’ (Hezekeli 38:12) Ebheka isimo esingokomoya samaKristu ‘njengezwe elisobala’ elilungele ukuthathwa, uGogi wenza umzamo omkhulu wokususa lesi sithiyo sokubusa kwakhe isintu ngokuphelele. Kodwa uyahluleka. (Hezekeli 38:11, 18; 39:4) Lapho amakhosi omhlaba, kuhlanganise nenkosi yasenyakatho, ehlasela abantu bakaJehova, ayofika ‘ekupheleni kwawo.’
‘INKOSI IYOFIKA EKUPHELENI KWAYO’
28. Yini esiyaziyo ngekusasa lenkosi yasenyakatho nenkosi yaseningizimu?
28 Umkhankaso wokugcina wenkosi yasenyakatho awuqondisiwe enkosini yaseningizimu. Ngakho, inkosi yasenyakatho ayiqedwa yimbangi yayo enkulu. Ngokufanayo, inkosi yaseningizimu ayibhujiswa yinkosi yasenyakatho. Inkosi yaseningizimu ibhujiswa “kungengasandla [somuntu],” kodwa uMbuso kaNkulunkulu.a (Daniyeli 8:25) Eqinisweni, empini ye-Armagedoni, wonke amakhosi asemhlabeni azosuswa uMbuso kaNkulunkulu, futhi ngokusobala yilokho okwenzeka enkosini yasenyakatho. (Daniyeli 2:44) UDaniyeli 11:44, 45 uchaza izenzakalo eziholela kuleyo mpi yokugcina. Akumangalisi ukuthi uyobe engekho ‘ongasiza’ lapho inkosi yasenyakatho ifinyelela ekupheleni kwayo!
[Umbhalo waphansi]
a Bheka iSahluko 10 sale ncwadi.
YINI OYIZUZILE?
• Inkosi yasenyakatho yashintsha kanjani ngemva kwempi yezwe yesibili?
• Yini eyokwenzeka ekugcineni enkosini yasenyakatho nasenkosini yaseningizimu?
• Uzuzeni ngokunaka isiprofetho sikaDaniyeli ngokuqondene nombango wamakhosi amabili?
[Ishadi/Isithombe ekhasini 284]
AMAKHOSI AKUDANIYELI ISAHLUKO 11
INkosi YaseNyakatho INkosi YaseNingizimu
Daniyeli 11:5 USeleucus I Nicator UPtolemy I
Daniyeli 11:6 U-Antiochus II UPtolemy II
(umkakhe uLaodice) (indodakazi uBerenice)
Daniyeli 11:7-9 USeleucus II UPtolemy III
Daniyeli 11:10-12 U-Antiochus III UPtolemy IV
Daniyeli 11:13-19 U-Antiochus III UPtolemy V
(indodakazi Owamlandela:
uCleopatra I) UPtolemy VI
Abamlandela:
USeleucus IV
no-Antiochus IV
Daniyeli 11:20 U-Awugustu
Daniyeli 11:21-24 UTiberiyu
Daniyeli 11:25, 26 U-Aurelian INdlovukazi uZenobia
UMbuso WaseRoma uyawa
Daniyeli 11:27-30a UMbuso WaseJalimane IBrithani, ilandelwe
(IMpi Yezwe I) uMbuso WamaNgisi
NamaMelika
Daniyeli 11:32-43 Izizwe zobuKhomanisi UMbuso Wezwe
(IMpi Yomshoshaphansi) WamaNgisi NamaMelika
Daniyeli 11:44, 45 Isazovelab UMbuso Wezwe
WamaNgisi NamaMelika
[Umbhalo waphansi]
b Isiprofetho esikuDaniyeli isahluko 11 asiwabikezeli amagama amazwe ezombangazwe aba sezikhundleni zenkosi yasenyakatho nesenkosi yaseningizimu ngezikhathi ezihlukahlukene. Ukuthi angobani kwaziwa kuphela ngemva kokuqala kwezenzakalo. Ngaphezu kwalokho, njengoba lokhu kungqubuzana kwenzeka ngezikhawu, kuba nezikhathi okungekho kungqubuzana ngazo—enye inkosi isuke ibusa, enye iqubile.
[Isithombe esigcwele ikhasi 271]
[Isithombe ekhasini 279]
“Ukuqhubukusha” kwenkosi yaseningizimu kuye kwahlanganisa nobunhloli obuseqophelweni eliphezulu nosongo lwempi