Ushintsho Ekubuseni Ngokushesha!
ABANTU abaningi baye bangayishaya mkhuba indaba ebaluleke kakhulu. Nansi: Ekulweleni kwazo ukulawula umhlaba, izizwe ezibangayo ziye zahluleka ukuqaphela ukuthi kunegunya namandla angaphezu kwawazo. Zilishaya indiva iqiniso lokuthi “oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.” (Daniyeli 4:25) Ubani lona uNkulunkulu uMninimandla onke amkhetha njengeNkosi yomhlaba wonke? Uqala nini ukubusa umhlaba?
Kusekhona Enye Inkosi
Ngaphambi kokuprofetha ‘ngenkosi yasenyakatho nenkosi yaseningizimu,’ nanku umbono ongokwesiprofetho owabonwa uDaniyeli ngokuphathelene nenkosi ekhethwe uNkulunkulu: “Kwafika namafu ezulu onjengendodana yomuntu; yafika komdala wezinsuku [uJehova uNkulunkulu] . . . Yanikwa ukubusa, nobukhosi, nombuso, ukuze bonke abantu, nezizwe, nezilimi bayikhonze; ukubusa kwayo . . . [aku]yikudlula, nombuso wayo . . . [awu]yikuchithwa.”—Daniyeli 7:13, 14.
Lowombono waqhubeka waveza ohulumeni bomhlaba abalandelayo njengezilo. Futhi, ngempela, ngonya olunjengolwesilo “lapho umuntu ebusa omunye kube-ngukulimala kwakhe.“ (UmShumayeli 8:9) Abantu baye babusa futhi ngaphansi kokulawula kwamakhosana omoya ayizihlubuki, inkosi yawo okunguSathane ngokwakhe. (Daniyeli 7:17; 10:13; qhathanisa nesAmbulo 12:9; 13:2-4.) Ngokuphambene, “onjengendodana yomuntu” wamukela igunya lokubusa kuJehova uNkulunkulu. Lombusi omiswe uNkulunkulu unezimfanelo ezifanelekile ngombusi wabantu ababenziwe ekuqaleni “ngomfanekiso kaNkulunkulu.” (Genesise 1:27) Kodwa ungubani?
UJesu wasebenzisa igama elithi “iNdodana yomuntu” kuye ngokwakhe lapho ayesemhlabeni eminyakeni eyi-1 900 edlule. Lapho engumuntu, ‘wayeyindodana yomuntu’ ngokoqobo, futhi wabonakalisa ngokuphelele izimfanelo ezinhle, ezinjengothando, ububele, nokwahlulela ngokulunga. Futhi wanikela ukuphila kwakhe ukuze ahlenge abantu, kanjalo efeza indima yesihlobo esiseduze kakhulu sesintu—ngempela “iNdodana yomuntu.”—Mathewu 20:28; Heberu 2:11-17.
Esebenzisa isiprofetho sikaDaniyeli ngokuqhubekayo, uJesu wathi: “Zibone iNdodana yomuntu iza emafwini ezulu, inamandla nenkazimulo enkulu.” Kamuva wazifanekisa ngokwakhe emfanekisweni ofanayo, ethi: “Nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo . . . izakuhlala esihlalweni sayo senkazimulo.” (Mathewu 24:30; 25:31) Namuhla uJesu akasiye nje umuntu wasemhlabeni. Kusukela ekufeni nasekuvukeni kwakhe ngo-33 C.E., uye waba ngumoya wasezulwini ongokomfanekiso kaNkulunkulu. Ngokungafani nababusi abangabantu, uwukuphela kweNkosi “[e]nokungafi, ehlala ekukhanyeni okungenakusondelwa kukho, ongazange abonwe-muntu, nongebonwe.” (1 Thimothewu 6:16) Ukubusa koMbuso wakhe ngeke kube nezimfanelo ezinjengezesilo zemimoya emibi eye yathonya ohulumeni babantu.
Kanjalo uJesu uwukuphela kweNkosi emiswe uNkulunkulu njengoMesiya waKhe, noma uKristu, futhi egunyazwe ukuba ibuse umhlaba wonke. (Daniyeli 7:14) Lokhu kusho ukuthi bonke ohulumeni babantu, kuhlanganise ‘inkosi yasenyakatho’ ‘nenkosi yaseningizimu,’ kumelwe baphele futhi bathathelwe indawo uMbuso kaNkulunkulu ngaphansi kokubusa kukaKristu.—Daniyeli 2:44; qhathanisa neHubo 2:7, 8, 12.
“Isikhulu Esiqhamileyo” Samukela Ukubusa
Nokho, uJesu akaqalanga ukubusa kwakhe isintu ngo-33 C.E. Waba nenkathi yokulinda. Kwakungemva kwalokhu kuphela lapho uJehova emnika amandla okuba ‘abuse phakathi kwezitha [zakhe].’ (IHubo 110:1, 2; IzEnzo 2:32-36) Ebikezela ngalokhu, uDaniyeli wathi: “Ngalesosikhathi uMikayeli uyakuvela, isikhulu esiqhamileyo . . . kuyakuba-yisikhathi sokuhlupheka esingazange sibe-khona kusukela ekuveleni kwabantu kuze kube-yilesosikhathi.”—Daniyeli 12:1.
Lesiprofetho salandela ukubonisa kukaDaniyeli ukuthi umbango phakathi ‘kwenkosi yasenyakatho’ ‘nenkosi yaseningizimu’ kwakuyofinyelela umvuthwandaba wakho namuhla “ngesikhathi sokuphela.” Kuleliqophelo, enye ‘yalamakhosi’ “iyakuphuma ngokufutheka okukhulu” ukuze ichithe abantu abaningi. (Daniyeli 11:40, 44, 45) Ngalesosikhathi uMikayeli ‘omela’ abantu bakaNkulunkulu uyothatha isinyathelo esingujuqu ukuze basinde.—Qhathanisa noDaniyeli 11:2, 3, 7, 20, 21; 12:1.
Nokho, lokhu kuhlangana kanjani noJesu? Khumbula ukuthi wahlanganisa isiprofetho sikaDaniyeli nekusasa lakhe siqu egomela ngokuthi uyiNkosi. Kulokhu wakhuluma futhi ‘ngosizi olukhulu’ olungenakulinganiswa. (Mathewu 24:21, 29-31) Ngokusobala wayebhekisela ‘esikhathini sokuhlupheka’ uDaniyeli asiphawula ngokuphathelene noMikayeli. (Qhathanisa noMathewu 24:15; Daniyeli 11:31.) Kanjalo uJesu wazichaza ngokwakhe njengoMikayeli owayeyovela abuse.
UJesu noDaniyeli banikeza leziprofetho ezincazelweni zabo zezenzakalo phakathi ‘nesikhathi sokuphela.’ Lezizenzakalo ziye zagcwaliseka ngokuphawulekayo kusukela ngo-1914. Ngalesosikhathi uJesu wamukela ukubusa ezulwini njengeNkosi, futhi ubebusa phakathi kwezitha zakhe.—Mathewu 24:3, 7-12.
Ipharadesi Lomhlaba Wonke—Ngokushesha!
Kungenzeka uyaqonda ukuthi izizwe ziye zahluleka ukuqaphela uMbuso kaNkulunkulu. Ziphika isigijimi esimayelana nokumiswa kwawo futhi ziqhubeka zimemezela ubukhosi bazo siqu. Lesosigijimi siwubuphukuphuku kuzo. Kanjalo ‘akukho namunye kubabusi balesisikhathi owazi’ ukuhlakanipha kukaNkulunkulu ekukhetheni uKristu njengeNkosi. Bephuphuthekiswe isimiso esilawulwa uSathane namakhosana akhe omoya ayizihlubuki, bazithola bephikisana noMbuso wobuMesiya.—1 Korinte 2:8; qhathanisa noLuka 4:5, 6; 2 Korinte 4:4.
Ngakho, njengoba uJesu abikezela, labo abashumayela ngokwethembeka ngoMbuso wakhe bayashushiswa. Basazoba ngaphansi kokuhlaselwa okukhulu ngokwengeziwe. (Mathewu 24:9, 14; Daniyeli 11:44, 45; qhathanisa noHezekeli 38:14-16.) Nokho, uJesu uyophuma ukuyolwela abantu bakhe ‘njengeNkosi yamakhosi noMbusi wababusi.’ Lempi iyophela ngokuphelele iNkosi ekhethwe uNkulunkulu inqobe. Abahlaseli babantu bayo ‘kuyodingeka baphele, futhi abayikuba namsizi.’ Onke amanye ‘amakhosi’ ayobe esebhujisiwe.—IsAmbulo 11:15, 18; 19:11, 16, 19-21; IHubo 2:1-3, 6-9.
Njengoba saqala ngo-1914, ‘isikhathi sokuphela’ manje sesiqhubeke kakhulu. UJesu wathi isizukulwane esabona ukuqala kwalesosikhathi sasiyobona futhi nokuphela kwaso. (Mathewu 24:32-34) Ngakho-ke, sisondela ngokushesha kulesosikhathi esikhazimulayo lapho uKristu Jesu eyokuthatha ngokugcwele ukubusa izindaba zomhlaba futhi ahlanganise sonke isintu esilalelayo ngaphansi kukahulumeni wakhe owodwa.
Yebo, ngokushesha kuzoba noshintsho ekubuseni. Nokho lokhu kuyosho ukuthini ngawe? Kungasho ukuthi ikusasa lakho liyophela nohulumeni bamanje babantu nabasekeli babo. Noma, ngokuxhomeke enkambweni yakho, kungasho ukuphila okuphakade nokulondeka epharadesi lasemhlabeni, usekelwa futhi ulawulwa uMbuso kaNkulunkulu. Lokhu kungaba njalo uma usekela ngokwethembeka ukubusa kukaKristu kanye nezigidi zoFakazi BakaJehova emhlabeni wonke.