Zama Ukubheka Abanye Ngendlela UJehova Ababheka Ngayo
“Indlela uNkulunkulu abona ngayo akuyona indlela umuntu abona ngayo.”—1 SAMUWELI 16:7.
1, 2. Indlela uJehova ayebheka ngayo u-Eliyabe yayihluke kanjani kwekaSamuweli, futhi yini esingayifunda kulokhu?
EKHULWINI le-11 B.C.E, uJehova watshela umprofethi uSamuweli ukuba athathe uhambo oluyimfihlo. Wamyala ukuba aye emzini wendoda okuthiwa uJese ayogcoba enye yamadodana kaJese ukuba ibe inkosi yakwa-Israyeli yesikhathi esizayo. Lapho uSamuweli ebona izibulo likaJese, u-Eliyabe, wazizwa eqiniseka ukuthi wayemtholile lowo okhethwe uNkulunkulu. Kodwa uJehova wathi: “Musa ukubheka ukubonakala kwakhe nokuphakama kwesiqu sakhe, ngoba ngimalile. Ngoba indlela uNkulunkulu abona ngayo akuyona indlela umuntu abona ngayo, ngoba umuntu nje ubona okubonakala emehlweni; kodwa uJehova yena, ubona lokho inhliziyo eyikho.” (1 Samuweli 16:6, 7) USamuweli wayengambhekanga u-Eliyabe ngendlela uJehova ayembheka ngayo.a
2 Akuve kulula ngabantu ukwenza iphutha endleleni ababheka ngayo abanye! Singase sikhohliswe abantu ababukeka bekhanga bebe bonakele ngaphakathi. Ngakolunye uhlangothi, singase sibe lukhuni endleleni esibheka ngayo abantu abaqotho abanezici zobuntu ezisicasulayo.
3, 4. (a) Uma kuvela inkinga phakathi kwamaKristu amabili, yini okufanele ngamunye azimisele ukuyenza? (b) Imiphi imibuzo okufanele sizibuze yona lapho siba nengxabano enkulu nesikholwa naye?
3 Lapho sishesha ukwahlulela abanye—ngisho nalabo esesineminyaka sibazi—kungadaleka izinkinga. Mhlawumbe kunomKristu owayengumngane wakho omkhulu, enaxabana kanzima naye. Ungathanda yini ukulungisa ubuhlobo benu? Yini ezokusiza wenze lokhu?
4 Kungani ungake uzinike isikhathi umbhekisise ngeso elihle umfowenu noma udadewenu ongumKristu? Lokhu kwenze ucabanga ngala mazwi kaJesu: “Akekho umuntu ongeza kimi ngaphandle kokuba uBaba ongithumileyo emdonsa.” (Johane 6:44) Yibe usuzibuza: ‘Kungani uJehova amdonsela eNdodaneni yaKhe lo muntu? Iziphi izimfanelo ezinhle anazo? Ingabe angizinaki noma ngiyazeya lezi zimfanelo? Yini eyasenza abangane kwasekuqaleni? Yini eyangikhanga kuye?’ Kungase kuqale kube nzima kuwe ukucabanga ngezimfanelo ezinhle anazo, ikakhulu uma usunesikhathi ubekezelela ukuphatheka kabi. Nokho, lesi isinyathelo esibalulekile ekulungiseni igebe phakathi kwenu. Ukuze sifanekise indlela okungase kwenziwe ngayo lokhu, ake sifune izici ezinhle emadodeni amabili aye abhekeke kabi ngezinye izikhathi. Ngumprofethi uJona nomphostoli uPetru.
Ukubheka UJona Ngobuqotho
5. UJona wathunywa ukuyokwenzani, yena wenzani?
5 UJona wayengumprofethi embusweni wakwa-Israyeli wasenyakatho ezinsukwini zeNkosi uJerobowamu II, indodana kaJehowashi. (2 AmaKhosi 14:23-25) Ngolunye usuku, uJehova wayala uJona ukuba asuke kwa-Israyeli aye eNineve, inhlokodolobha yoMbuso Wase-Asiriya onamandla. Wayethunyweni? Ukuyoxwayisa izakhamuzi zakhona ukuthi umuzi wazo omkhulu uzobhujiswa. (Jona 1:1, 2) Kunokuba alandele isiqondiso sikaNkulunkulu, uJona wabaleka! Wagibela umkhumbi oya eTharishishi, kude lé neNineve.—Jona 1:3.
6. Kungani uJehova akhetha uJona ukuba aye eNineve?
6 Uma ucabanga ngoJona, yini efika engqondweni? Ingabe ucabanga ngaye njengomprofethi ongalaleli? Uma sidlulisa amehlo nje kuye singase siphethe kanjalo. Kodwa ingabe uNkulunkulu wamisa uJona njengomprofethi ngoba engalaleli? Cha! Kumelwe ukuba uJona wayenezimfanelo ezithile ezithandekayo. Cabanga ngomlando wakhe njengomprofethi.
7. UJona wamkhonza ngaphansi kwaziphi izimo uJehova kwa-Israyeli, futhi ukwazi lokhu kuyithinta kanjani indlela ombheka ngayo?
7 Empeleni uJona wayeshikashikeke ngokwethembeka kwa-Israyeli, insimu engasabeli neze. Umprofethi u-Amose, owayephila cishe ngesikhathi esifanayo noJona, wachaza ama-Israyeli alolo suku njengabathandi benjabulo abakhonze izinto ezibonakalayo.b Kwakwenzeka izinto ezimbi ezweni, kodwa kungathí diki kuma-Israyeli. (Amose 3:13-15; 4:4; 6:4-6) Nokho, usuku nosuku uJona wayeshumayela kuwo ngokwethembeka njengoba ethunyiwe. Uma ungummemezeli wezindaba ezinhle, uyazi ukuthi kunzima kanjani ukukhuluma nabantu abanethezekile nabangenandaba. Ngakho-ke, nakuba sibuvuma ubuthakathaka bukaJona, masingakhohlwa izimfanelo zakhe zokwethembeka nokukhuthazela lapho eshumayela kuma-Israyeli angenalukholo.
8. Iziphi izinselele umprofethi ongumIsrayeli ayeyobhekana nazo eNineve?
8 Isabelo sokuya eNineve sasihilela inselele enzima nakakhulu. Ukuze afike kulowo muzi, uJona kwakudingeka ahambe amakhilomitha angaba ngu-800 ngezinyawo—uhambo olunzima olwaluyothatha cishe inyanga. Uma esefikile, lo mprofethi kwakuzodingeka ashumayele kwabase-Asiriya, ababaziwa ngokuba nonya. Ukuhlukumeza ngesihluku kwakuyinto evamile ezimpini zabo. Babeze baqhoshe ngobulwane babo. Shono iNineve lalibizwa ngokuthi “umuzi wokuchithwa kwegazi”!—Nahume 3:1, 7.
9. Lapho amatilosi esengozini yesivunguvungu esikhulu, uJona wabonisa ziphi izimfanelo?
9 Engafuni ukulalela umyalo kaJehova, uJona wagibela umkhumbi owamyisa kude nesabelo sakhe. Nokho, uJehova akazange amdele umprofethi wakhe noma ahlele ukuba kungene omunye esikhundleni sakhe. Kunalokho, uJehova wazama ukumsangulukisa uJona. UNkulunkulu wenza kwaba nesivunguvungu esikhulu olwandle. Umkhumbi owawuthwele uJona wajikijelwa amagagasi ngapha nangapha. Kwase kuzofa abantu abangenacala, ngenxa nje kaJona! (Jona 1:4) Wayezokwenze njani uJona? Engafuni ukuba amatilosi asemkhunjini afe ngenxa yakhe, uJona wathi kuwo: “Ngiphakamiseni ningiphonse olwandle, futhi ulwandle luzothula.” (Jona 1:12) Wayengenasizathu sokucabanga ukuthi lapho amatilosi egcina emphonsile olwandle, uJehova uzomhlenga. (Jona 1:15) Nokho, uJona wayezimisele ukufa ukuze kusinde amatilosi. Asiziboni yini lapha izimfanelo azibonisa, isibindi, ukuthobeka nothando?
10. Kwenzekani ngemva kokuba uJehova esephinde wamthuma uJona?
10 Ekugcineni, uJehova wamhlenga uJona. Ingabe lokho uJona ayesanda kukwenza kwamenza wangabe esafaneleka ukuphinde akhonze uNkulunkulu njengommeleli wakhe? Cha, ngesihawu nangothando uJehova waphinde wamthuma lo mprofethi ukuba ayoshumayela kwabaseNineve. Lapho uJona efika eNineve, watshela izakhamuzi ngesibindi ukuthi uNkulunkulu ububonile ububi bazo obukhulu futhi umuzi wazo uzobhujiswa ezinsukwini ezingu-40. (Jona 1:2; 3:4) Ngemva kokuzwa umyalezo kaJona ongagwegwesi, abaseNineve baphenduka, umuzi wabo wasinda.
11. Yini ebonisa ukuthi uJona wafunda isifundo esibalulekile?
11 Namanje uJona wayengakabi nombono ofanele. Nokho, uJehova wamfundisa ngesineke wamsiza ukuba azi ukuthi Yena ubona ngalé kokubonakala kwangaphandle. Uhlola inhliziyo. (Jona 4:5-11) Ukuthi uJona wafunda isifundo esibalulekile kubonakala ngokulandisa okuqotho akubhala yena uqobo. Ukuzimisela kwakhe ukubhala ngamaphutha akhe ngemininingwane ephathisa amahloni kunikeza obunye ubufakazi bokuthobeka kwakhe. Ukuvuma iphutha kudinga isibindi!
12. (a) Sazi kanjani ukuthi noJesu ubabheka njengoJehova abantu? (b) Imuphi umbono esikhuthazwa ukuba sibe nawo ngabantu esibashumayeza izindaba ezinhle? (Bheka ibhokisi ekhasini 18.)
12 Ngemva kwamakhulu eminyaka, uJesu Kristu wakhuluma kahle ngesenzakalo esehlela uJona. Wathi: “Njengoba nje uJona ayesesiswini senhlanzi enkulu izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu, kanjalo neNdodana yomuntu izoba senhliziyweni yomhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.” (Mathewu 12:40) Lapho uJona esevusiwe, uyokuzwa ukuthi uJesu wafanisa isikhathi saKhe esethuneni nale nkathi engemnandi ekuphileni kwalo mprofethi. Asijabuli yini ukukhonza uNkulunkulu ongazideli izinceku zakhe lapho zenza amaphutha? Umhubi wabhala: “Njengoba ubaba ebonisa umusa emadodaneni akhe, kanjalo uJehova ubonisé umusa kulabo abamesabayo. Ngoba yena uyakwazi ukwakheka kwethu, ekhumbula ukuthi siluthuli.” (IHubo 103:13, 14) Yebo, lolu “thuli”—kuhlanganise nabantu abangaphelele namuhla—lungafeza lukhulu ngokusekelwa ngumoya ongcwele kaNkulunkulu!
Umbono Onokulinganisela NgoPetru
13. Iziphi izimfanelo zikaPetru esingase sizikhumbule, kodwa kungani uJesu amkhetha njengomphostoli?
13 Manje ake sihlole kafushane isibonelo sesibili, somphostoli uPetru. Uma bekungathiwa chaza uPetru, ingabe ubungasheshe ucabange ngezici ezinjengokuxhamazela, amawala, nokugabadela imbala? UPetru wazibonakalisa izimfanelo ezinjalo ngezinye izikhathi. Nokho, ingabe uJesu wayeyomkhetha uPetru njengomunye wabaphostoli bakhe abangu-12 ukube ngempela uPetru wayengumuntu oxhamazelayo, onamawala, noma ogabadelayo? (Luka 6:12-14) Cha! UJesu akawanakanga la maphutha, wabona izimfanelo ezinhle zikaPetru.
14. (a) Yini okungenzeka yayenza uPetru abonakale ekhuluma kakhulu? (b) Kungani kufanele sibonge ngokuthi uPetru wayebuza njalo?
14 Ngezinye izikhathi uPetru wayeba umkhulumeli wabanye abaphostoli. Abanye bangase babheke lokho njengobufakazi bokuntuleka kwesizotha. Kodwa ingabe kunjalo ngempela? Kuye kwathiwa kungenzeka uPetru wayemdala kunabanye abaphostoli—mhlawumbe emdala kunanoJesu imbala. Uma lokho kuyiqiniso, kungakwenza kuqondakale ukuthi kungani uPetru ayevame kangaka ukukhuluma kuqala. (Mathewu 16:22) Nokho, kukhona nesinye isici sokucatshangelwa. UPetru wayengumuntu ongokomoya. Ukunxanela kwakhe ulwazi kwakumshukumisela ukuba abuze imibuzo. Lokhu kuye kwazuzisa thina. Ziningi izinto ezibalulekile uJesu azisho ephendula imibuzo kaPetru, futhi lezo zinto ziye zalondolozwa eBhayibhelini. Ngokwesibonelo, uJesu wayephendula uPetru lapho ekhuluma ‘ngomphathi othembekile.’ (Luka 12:41-44) Cabanga nangalo mbuzo kaPetru: “Sishiyé zonke izinto sakulandela; siyotholani ngempela?” Lo mbuzo waholela esithembisweni sikaJesu esiqinisayo: “Wonke umuntu oshiye izindlu noma abafowabo noma odadewabo noma uyise noma unina noma abantwana noma amasimu ngenxa yegama lami uyokwamukela okuphindwe kaningi futhi azuze ngefa ukuphila okuphakade.”—Mathewu 15:15; 18:21, 22; 19:27-29.
15. Kungani kungase kuthiwe uPetru wayethembekile impela?
15 UPetru wayenenye futhi imfanelo enhle—wayethembekile. Lapho abaningi babafundi beyeka ukulandela uJesu ngoba bengayiqondi enye yezimfundiso zakhe, nguPetru owaphumela obala wakhulumela abaphostoli abangu-12: “Nkosi, ubani esizoya kuye? Nguwe onamazwi okuphila okuphakade.” (Johane 6:66-68) Yeka indlela okumelwe ukuba lawo mazwi ayithinta ngayo inhliziyo kaJesu! Kamuva, lapho kufika isixuku sizobopha iNkosi, iningi labaphostoli bayo labaleka. Nokho, uPetru wasilandela isixuku ebuqamama, waze wayongena egcekeni lompristi ophakeme. Akubona ubugwala kodwa yisibindi esamyisa lapho. Lapho uJesu ephenywa ngemibuzo, uPetru wangena phakathi kweqembu lamaJuda elalotha ikloba lomlilo. Enye yezinceku zompristi ophakeme yambona, yathi ubekanye noJesu. Yebo, uPetru wayiphika iNkosi yakhe, kodwa masingakhohlwa ukuthi kwakuwukwethembeka nokukhathalela uJesu okwakubeke uPetru kuleso simo esiyingozi, isimo iningi labaphostoli elalingazange lilokothe libhekane naso.—Johane 18:15-27.
16. Kungenxa yasiphi isizathu esihle siye sahlola izimfanelo ezinhle zikaJona noPetru?
16 Amaphutha kaPetru ayengelutho uma eqhathaniswa nezimfanelo zakhe ezinhle. Kunjalo nangoJona. Njengoba nje sikwazile ukubabheka ngeso elingcono oJona noPetru, kumelwe siziqeqeshe ngokufanayo ukuba nombono omuhle kakhudlwana endleleni esibheka ngayo abafowethu nodadewethu abangokomoya banamuhla. Ukwenza kanjalo kuyobenza ngcono ubuhlobo bethu nabo. Kungani kunesidingo sangempela salokhu?
Ukusebenzisa Isifundo Namuhla
17, 18. (a) Kungani kungase kube nokunganambithisisani phakathi kwamaKristu? (b) Isiphi iseluleko seBhayibheli esingasisiza sixazulule izinkinga esinazo nesikholwa nabo?
17 Namuhla, amadoda, abesifazane nezingane kuwo wonke amazinga ezomnotho nezizinda zemfundo nohlanga bakhonza uJehova ngobunye. (IsAmbulo 7:9, 10) Yeka ubuntu obuhlukahlukene esibubona ebandleni lobuKristu! Njengoba sikhonza uNkulunkulu sisondelene eduze, akunakugwemeka ukuba kuvele ukungezwani ngezinye izikhathi.—Roma 12:10; Filipi 2:3.
18 Nakuba siwabona amaphutha abafowethu, asigxili kuwo. Sizama ukulingisa uJehova, umhubi athi ngaye: “O Jah, ukube ububheka iziphambeko, Jehova ubani obengama?” (IHubo 130:3) Kunokuba sigxile ezicini zobuntu ezingase zisihlukanise, ‘siphishekela izinto ezibangela ukuthula nezinto ezakhayo komunye nomunye.’ (Roma 14:19) Sizama ukubheka abantu ngendlela uJehova ababheka ngayo, singawanaki amaphutha kodwa sigxile ezimfanelweni ezinhle. Ukwenza lokhu, kusisiza ukuba ‘siqhubeke sibekezelelana.’—Kolose 3:13.
19. Shono izinyathelo eziwusizo umKristu angazithatha ekuxazululeni ukungezwani okukhulu.
19 Kuthiwani uma kuvela ukungezwani esingenakumane sikuxazulule enhliziyweni? (IHubo 4:4) Ingabe lokhu kuye kwenzeka phakathi kwakho nokholwa naye? Kungani ungazami ukulungisa indaba? (Genesise 32:13-15) Okokuqala, thandaza kuJehova, ucele isiqondiso sakhe. Ucabanga ngezimfanelo zalowo muntu ezinhle, yibe usuya kuye “ngobumnene bokuhlakanipha.” (Jakobe 3:13) Mtshele ukuthi ufuna nibuyisane. Khumbula iseluleko esiphefumulelwe: ‘Shesha ukuzwa, wephuze ukukhuluma, wephuze ukuthukuthela.’ (Jakobe 1:19) Iseluleko ‘sokwephuza ukuthukuthela’ sisikisela ukuthi lowo okhuluma naye angase enze noma asho into engakuthukuthelisa. Uma kwenzeka, cela uJehova ukuba akusize uzithibe. (Galathiya 5:22, 23) Mvumele umfowenu asho afuna ukukusho, ulalelisise. Ungamngeni emlonyeni, ngisho noma ungavumelani nakho konke akushoyo. Umbono wakhe kungenzeka uyiphutha, kodwa iyona ndlela abona ngayo. Zama ukubona inkinga ngombono wakhe. Lokho kungase kuhlanganise nokuzibheka ngendlela umfowenu akubona ngayo.—IzAga 18:17.
20. Lapho nilungisa ukungezwani, iziphi ezinye izinyathelo cishe eziyophumela ekubuyisaneni?
20 Lapho sekuyithuba lakho lokukhuluma, yiba nomusa. (Kolose 4:6) Mtshele umfowenu ukuthi yini oyithandayo kuye. Xolisa nganoma iyiphi ingxenye obe nayo ekubangeleni ukungezwani. Uma imizamo yakho yokuthobeka iphumela ekubuyisaneni, bonga uJehova. Uma kungabi njalo, qhubeka ucela isiqondiso kuJehova ube ufuna amathuba engeziwe okuba nibuyisane.—Roma 12:18.
21. Le ngxoxo ikusize kanjani ukuba ubheke abanye ngendlela uJehova ababheka ngayo?
21 UJehova uyazithanda zonke izinceku zakhe. Uyakujabulela ukusisebenzisa sonke enkonzweni yakhe naphezu kokungapheleli kwethu. Lapho sifunda okwengeziwe ngendlela ababheka ngayo abanye, uthando lwethu ngabafowethu nodadewethu luyokhula. Uma uthando lwethu ngomKristu esikanye naye selubanda, lungavuseleleka. Yeka isibusiso esiyosithola uma senza umzamo oqotho wokuba nombono omuhle ngabanye—yebo, wokubabheka ngendlela uJehova ababheka ngayo!
[Imibhalo yaphansi]
a Kamuva kwacaca ukuthi u-Eliyabe owayebukeka wayengenazo izimfanelo ezazidingeka enkosini ekahle yakwa-Israyeli. Lapho uGoliyati, umdondoshiya ongumFilisti, ephonsela ama-Israyeli inselele empini, u-Eliyabe namanye amadoda akwa-Israyeli bakhonkobala besaba.—1 Samuweli 17:11, 28-30.
b Ngenxa yokunqoba okubalulekile nokubuyiswa komhlaba nentela okungenzeka yaqoqwa, ngokusobala uJerobowamu II wayandisa kakhulu ingcebo yombuso wasenyakatho.—2 Samuweli 8:6; 2 AmaKhosi 14:23-28; 2 IziKronike 8:3, 4; Amose 6:2.
Ungaphendula Kanjani?
• UJehova uwabheka kanjani amaphutha ezinceku zakhe ezithembekile?
• Iziphi izimfanelo ezinhle zikaJona noPetru ongazisho?
• Imuphi umbono ozimisele ukuba nawo ngabafowenu abangamaKristu?
[Ibhokisi ekhasini 18]
Cabanga Indlela UNkulunkulu Ababheka Ngayo Abanye
Njengoba uzindla ngokulandisa kweBhayibheli ngoJona, uyasibona yini isidingo sokubabheka ngombono omusha abantu obashumayeza izindaba ezinhle njalo? Bangase babonakale banelisekile noma bengenandaba, njengama-Israyeli, noma bangase basiphikise isigijimi sikaNkulunkulu. Noma kunjalo, uJehova uNkulunkulu yena ubabheka kanjani? Ngisho nabathile abavelele kulesi simiso sezinto ngelinye ilanga bangase baphendukele kuJehova, njengoba nenkosi yaseNineve yaphenduka ngenxa yokushumayela kukaJona.—Jona 3:6, 7.
[Isithombe ekhasini 15]
Ingabe ubheka abanye ngendlela uJehova ababheka ngayo?
[Isithombe ekhasini 16, 17]
UJesu wathola okuthile okuhle ayengakusho ngesenzakalo sikaJona