Izinceku ZikaJehova Zinethemba Langempela
“Abaseleyo bakaJakobe bayoba njengamazolo avela kuJehova phakathi kwezizwe eziningi, . . . [angathembele] kumuntu.”—MIKA 5:7.
1. U-Israyeli ongokomoya ukuletha kanjani ukuqabuleka?
UJEHOVA unguMenzi omkhulu wemvula namazolo. Ukuthembela kubantu ukuba balethe amazolo noma imvula akusizi. Umprofethi uMika wabhala: “Abaseleyo bakaJakobe bayoba njengamazolo avela kuJehova phakathi kwezizwe eziningi, njengezihlambi ezinkulu phezu kwezimila, ezingathembele kumuntu futhi ezingalindele amadodana omuntu wasemhlabeni.” (Mika 5:7) Obani “abaseleyo bakaJakobe” banamuhla? Ama-Israyeli angokomoya, insali ‘ka-Israyeli kaNkulunkulu.’ (Galathiya 6:16) ‘Ezizweni eziningi’ zomhlaba, ‘banjengamazolo’ aqabulayo “avela kuJehova” ‘nezihlambi ezinkulu phezu kwezimila.’ Yebo, amaKristu agcotshiwe namuhla ayisibusiso sikaNkulunkulu kubantu. Njengabamemezeli boMbuso, uJehova uwasebenzisela ukunika abantu umyalezo wakhe wethemba langempela.
2. Kungani sinethemba langempela yize siphila kuleli zwe elinezinkinga?
2 Akufanele kube yisimanga ukuthi leli zwe alinalo ithemba langempela. Ukungazinzi kwezombusazwe, ukuwohloka kwesimilo, ubugebengu, izinkinga zezomnotho, ubuphekula, izimpi—izinto ezinjengalezi sizilindele ezweni elibuswa uSathane uDeveli. (1 Johane 5:19) Abaningi besaba lokho okungenzeka ikusasa liza nakho. Nokho, thina njengabakhulekeli bakaJehova asesabi, ngoba sinethemba eliqinisekile ngekusasa. Liyithemba langempela ngoba lisekelwe eZwini likaNkulunkulu. Sinokholo kuJehova naseZwini lakhe ngoba lokho akushoyo kuyafezeka njalo.
3. (a) Kungani uJehova ayezomthathela isinyathelo u-Israyeli noJuda? (b) Kungani amazwi kaMika esebenza nanamuhla?
3 Isiprofetho sikaMika esiphefumulelwe uNkulunkulu siyasiqinisa ukuze sihambe ngegama likaJehova futhi sisinika isisekelo sethemba langempela. Ekhulwini lesi-8 B.C.E., okuyisikhathi uMika aprofetha ngaso, abantu bakaNkulunkulu besivumelwano babehlukene beyizizwe ezimbili—u-Israyeli noJuda—futhi zombili zazingasinaki isivumelwano sikaNkulunkulu. Umphumela waba ukuwohloka kwesimilo, ukuhlubuka enkolweni, nokuthanda izinto ezibonakalayo okwedlulele. Ngakho, uJehova waxwayisa wathi uzobathathela isinyathelo. Yiqiniso, izixwayiso zikaNkulunkulu zaziqondiswe kubantu besikhathi sikaMika. Nokho, isimo sanamuhla sisifuze kakhulu esesikhathi sikaMika kangangokuthi amazwi akhe ayasebenza namanje. Lokhu kuzocaca njengoba sihlola amaphuzu athile avelele ezahlukweni eziyisikhombisa zencwadi kaMika.
Lokho Esikuthola Sisayibukela Kude
4. Ziquketheni izahluko 1 kuya ku-3 zikaMika?
4 Ake sikuthi halamuzi lokho okuqukethwe incwadi kaMika. Esahlukweni 1, uJehova udalula ukuvukela kuka-Israyeli noJuda. Ngenxa yobuhlongandlebe bakhe, u-Israyeli uzobhujiswa futhi isijeziso sikaJuda sizofika ngisho nasemasangweni eJerusalema. Isahluko 2 siveza ukuthi abacebile nabanamandla bacindezela ababuthaka nabangenabani. Nokho, kukhona nesithembiso sikaNkulunkulu. Abantu bakaNkulunkulu bazobuthelwa ndawonye babe munye. Isahluko 3 sibika izimemezelo zikaJehova zokulahla abaholi balezi zizwe nabaprofethi abangamahlongandlebe. Abaholi bahlanekezela ubulungisa, kanti abaprofethi bahubhuza amanga. Naphezu kwalokhu, umoya ongcwele unika uMika amandla okuba amemezele isahlulelo sikaJehova esizayo.
5. Ngokuyisisekelo, zikhuluma ngani izahluko 4 no-5 zikaMika?
5 Isahluko 4 sibikezela ukuthi engxenyeni yokugcina yezinsuku, zonke izizwe ziyokuza entabeni ephakeme yendlu kaJehova zizofundiswa nguye. Ngaphambi kwalokho, uJuda uzodingiselwa eBhabhiloni, kodwa uJehova uyomkhulula. Isahluko 5 siveza ukuthi uMesiya uyozalelwa eBhetlehema lakwaJuda. Uyokwelusa abantu bakubo, abakhulule ezizweni ezicindezelayo.
6, 7. Imaphi amaphuzu asezahlukweni 6 no-7 zesiprofetho sikaMika?
6 Isahluko 6 sikaMika sinamacala uJehova amangalela ngawo abantu bakhe njengokungathi kusenkantolo. Bamhlubuka ngoba enzeni? Akenzanga lutho. Empeleni, akeqisi neze kulokho akufunayo. Ufuna abakhulekeli bakhe babonise ubulungisa futhi babe nomusa nesizotha njengoba behamba naye. Kunokuba benze kanjalo, u-Israyeli noJuda baye bavukela futhi kuzomelwe babhekane nemiphumela.
7 Esahlukweni sokugcina sesiprofetho sakhe, uMika ulahla ububi babantu besikhathi sakhe. Nokho, akalilahli ithemba ngoba uzimisele ‘ukubonisa isimo sengqondo sokumlinda’ uJehova. (Mika 7:7) Le ncwadi iphetha ngamazwi aveza ukumethemba uJehova ukuthi uyoba nesihe kubantu bakhe. Umlando uyakufakazela ukuthi leli themba lagcwaliseka. Ngo-537 B.C.E., lapho uJehova esebajezisile abantu bakhe, wabuyisela insali ezweni layo ngesihe.
8. Ungakufingqa kanjani lokho okuqukethwe incwadi kaMika?
8 Yeka izinto ezinhle uJehova azambula ngoMika! Le ncwadi ephefumulelwe inikeza izibonelo eziyizixwayiso zendlela uNkulunkulu abaphatha ngayo labo abathi bayamkhonza kodwa bebe bengathembekile. Ibikezela izenzakalo ezenzeka namuhla. Futhi inikeza iseluleko sikaNkulunkulu sendlela okufanele siziphathe ngayo kulezi zikhathi ezinzima ukuze siqinise ithemba lethu.
INkosi EnguMbusi UJehova Iyakhuluma
9. NgokukaMika 1:2, yini uJehova ayezoyenza?
9 Manje ake siyihlolisise le ncwadi kaMika. KuMika 1:2, siyafunda: ‘O nina zizwe, yizwani nonke; mhlaba nalokho okukugcwalisile, lalelani, iNkosi EnguMbusi uJehova mayibe ngufakazi omelene nani, uJehova esethempelini lakhe elingcwele.’ Ukube wawuphila ngesikhathi sikaMika, nakanjani lawo mazwi ayeyokwenza ufune ukuzwa. Empeleni, ayakwenza ufune ukuzwa ngoba uJehova ukhuluma esethempelini lakhe elingcwele futhi akakhulumi no-Israyeli noJuda kuphela, kodwa nanabantu kuyo yonke indawo. Ngosuku lukaMika, kwase kuyisikhathi eside kakhulu abantu bengayinaki iNkosi EnguMbusi uJehova. Lokho kwakuzophela ngokushesha. UJehova wayezimisele ukuthatha isinyathelo esiwujuqu.
10. Kungani amazwi kaMika 1:2 ebalulekile kithi?
10 Kuyafana nanamuhla. IsAmbulo 14:18-20 sibonisa ukuthi uJehova uyaphinda ukhuluma esethempelini lakhe elingcwele. Maduze uzothatha isinyathelo esiwujuqu, futhi izigigaba ezinkulu zizophinde zizamazamise isintu. Kulokhu, “umvini” omubi “womhlaba” uzophonswa esikhamweni sewayini esikhulu sentukuthelo kaJehova, sibhujiswe siphele nyá isimiso sezinto sikaSathane.
11. Asho ukuthini amazwi kaMika 1:3, 4?
11 Lalela lokho uJehova azokwenza. UMika 1:3, 4 uthi: “Bheka! uJehova uyaphuma endaweni yakhe, futhi uyokwehla nakanjani anyathele izindawo eziphakemeyo zomhlaba. Izintaba ziyoncibilika ngaphansi kwakhe, namathafa aphansi ayoqhekezeka ahlukane, njengengcina ngenxa yomlilo, njengamanzi athululwa endaweni eyehlelayo.” Ingabe uJehova uzosuka endaweni ahlala kuyo ezulwini ayozinyathela ngokoqobo izintaba namathafa aseZweni Lesithembiso? Cha. Akudingeki lokho. Uzomane nje abheke kuwo umhlaba ukuze intando yakhe ifezeke. Ngaphezu kwalokho, akuwona umhlaba ngokwawo ozobhekana nezinto ezichaziwe, kodwa izakhamuzi zawo. Lapho uJehova ethatha isinyathelo, umphumela uyoba inhlekelele kwabangathembekile—njengokungathi izintaba zincibiliké okwengcina kwathi amathafa aqhekezeka njengokungathi ngokuzamazama komhlaba.
12, 13. Ngokuvumelana neyesi-2 Petru 3:10-12, yini eyenza ithemba lethu liqiniseke?
12 La mazwi esiprofetho kaMika 1:3, 4 kungenzeka akukhumbuza esinye isiprofetho esiphefumulelwe esibikezela izinhlekelele emhlabeni. Njengoba kulotshwe kweyesi-2 Petru 3:10, umphostoli uPetru wabhala: “Usuku lukaJehova luyofika njengesela, okuyodlula ngalo amazulu ngomsindo ohazayo, kodwa izakhi njengoba ziyobe zishisa kakhulu ziyoncibilika, futhi umhlaba nemisebenzi ekuwo kuyokwambulwa.” Njengasesiprofethweni sikaMika, amazwi kaPetru awabhekisele emazulwini nasemhlabeni okungokoqobo. Abhekisela osizini olukhulu oluzokwehlela lesi simiso sezinto esingamesabi uNkulunkulu.
13 Naphezu kwaleyo nhlekelele ezayo, amaKristu angaqiniseka ngekusasa, njengoba kwenza uMika. Kanjani? Ngokusebenzisa iseluleko esisemavesini alandelayo encwadi kaPetru. Lo mphostoli ubabaza athi: “Yeka ukuthi luhlobo luni lwabantu okufanele nibe yilo ezenzweni zokuziphatha ezingcwele nasezenzweni zokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu, nilindele futhi nikukhumbula njalo ukufika kosuku lukaJehova!” (2 Petru 3:11, 12) Ithemba lethu ngekusasa liyoba eliqinisekile uma sihlakulela inhliziyo elalelayo futhi siqiniseke ukuthi ukuziphatha kwethu kungcwele nokuthi ukuphila kwethu kugcwele izenzo zokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu. Ukuze silenze liqiniseke ithemba lethu, kumelwe futhi sikhumbule ukuthi usuku lukaJehova luyofika nakanjani.
14. Kungani u-Israyeli noJuda babefanelwe isijeziso?
14 UJehova uyachaza ukuthi kungani abantu bakhe basendulo befanelwe isijeziso. UMika 1:5 uthi: “Konke lokhu kungenxa yokuvukela kukaJakobe, yebo ngenxa yezono zendlu ka-Israyeli. Kuyini ukuvukela kukaJakobe? Akulona yini iSamariya? Futhi ziyini izindawo eziphakemeyo zikaJuda? Azilona yini iJerusalema?” U-Israyeli noJuda kufanele babonge uJehova ngokuphila kwabo. Kodwa bamvukele, futhi ukuvukela kwabo kuze kuyofika nasemizini eyizinhloko-dolobha zabo, iSamariya neJerusalema.
Imikhuba Emibi Idlangile
15, 16. Abantu besikhathi sikaMika babenecala lokwenza ziphi izenzo ezimbi?
15 Isibonelo sobubi sabantu besikhathi sikaMika sichazwe ngokucacile kuMika 2:1, 2: “Maye kulabo abaceba okulimazayo, nakulabo abakwenza umkhuba okubi, phezu kwemibhede yabo! Bakwenza ngokukhanya kokusa, ngoba kusemandleni esandla sabo. Bafisé amasimu futhi bawaqhwaga; nezindlu, bazithatha; baphambé indoda enamandla nabendlu yayo, umuntu nefa lakhe.”
16 Abantu abahahayo balala bengalele bakha amacebo okuqhwaga amasimu nemizi yomakhelwane babo. Ekuseni, baphuthuma ukuyokwenza abebekuceba. Bebengeke bazenze lezo zenzo ezimbi ukube bebesikhumbula isivumelwano sikaJehova. UMthetho KaMose unamalungiselelo okuvikela abampofu. Ngaphansi kwawo, akukho mkhaya okufanele ulahlekelwe ifa lawo unomphela. Nokho, lokho akubahluphi labo bantu abahahayo. Bawashaya indiva amazwi kaLevitikusi 19:18, athi: “Kumelwe uthande omunye umuntu njengoba uzithanda wena.”
17. Yini engenzeka lapho labo abathi bakhonza uNkulunkulu benza izinto ezibonakalayo zize kuqala ekuphileni?
17 Lokhu kubonisa izinto ezingenzeka lapho abantu abathi bakhonza uNkulunkulu bephelelwa umbono wemigomo engokomoya futhi befuna izinto ezibonakalayo kuqala. UPawulu waxwayisa amaKristu osuku lwakhe: “Labo abazimisele ngokuceba bawela esilingweni nasogibeni nasezifisweni eziningi ezingenangqondo nezilimazayo, eziphonsa abantu ekubhujisweni nasencithakalweni.” (1 Thimothewu 6:9) Lapho umuntu enza ukuthola imali kube yiwona mgomo wakhe oyinhloko ekuphileni, kuba njengokungathi ukhulekela unkulunkulu wamanga—uMamona, noma iNgcebo. Lowo nkulunkulu wamanga akanikezi themba eliqinisekile lekusasa.—Mathewu 6:24, IBhayibheli lesiZulu elivamile.
18. Kwakuzokwenzekani kubantu abakhonze izinto ezibonakalayo osukwini lukaMika?
18 Abaningi osukwini lukaMika bafunda kabuhlungu ukuthi ukuthembela ezintweni ezibonakalayo akusizi. NgokukaMika 2:4, uJehova uthi: “Ngalolo suku umuntu uyophakamisa isaga ngani futhi ngokuqinisekile uyolila isililo, yebo isililo. Umuntu kuyomelwe athi: ‘Siphangiwe nokuphangwa! Isabelo sabantu bakithi uyasiguqula. Yeka ukuthi usisusa kanjani kimi! Amasimu ethu uwahlukanisela ongathembekile.’” Yebo, lawo masela emizi namasimu ayolahlekelwa amafa emikhaya yawo. Ayodingiselwa kwelinye izwe, izimpahla zawo zibe impango ‘yongathembekile,’ noma abantu bezizwe. Ayophela wonke amathemba ekusasa eliqhakazile.
19, 20. Kwenzekani kumaJuda ayethembele kuJehova?
19 Nokho, labo abathembela kuJehova ngeke badumazeke ethembeni labo. UJehova uthembekile ezivumelwaneni azenza no-Abrahama noDavide, futhi unesihe kulabo abafuze uMika, abamthandayo nabalusizi ngenxa yokuhlukana kwabantu bakubo noNkulunkulu. Ngenxa yabaqotho, kuyoba khona ukubuyiselwa ngesikhathi sikaNkulunkulu esifanele.
20 Lokho kwenzeka ngo-537 B.C.E., ngemva kokuwa kweBhabhiloni futhi insali yamaJuda iphindela ezweni lakubo. Ngaleso sikhathi, amazwi kaMika 2:12 agcwaliseka okokuqala. UJehova uthi: “Ngokuqinisekile ngiyombutha uJakobe, nonke; nakanjani ngiyobaqoqela ndawonye abaseleyo baka-Israyeli. Ngiyobamisa ngobunye, njengomhlambi esibayeni, njengomhlambi phakathi kwedlelo lawo; kuyoba nomsindo wabantu.” Akeve enothando uJehova! Ngemva kokubajezisa abantu bakhe, uvumela insali ukuba iphindele ezweni alinika okhokho bayo iyomkhonza khona.
Ukufana Okumangalisayo Osukwini Lwethu
21. Izimo zanamuhla zifana kanjani nezosuku lukaMika?
21 Njengoba sihlole izahluko ezimbili zokuqala zikaMika, ingabe kukumangazile ukuthi izinto zifana kangakanani namuhla? Njengasesikhathini sikaMika, abaningi manje bathi bakhonza uNkulunkulu. Nokho, njengoJuda no-Israyeli, bahlukene futhi baye balwa bodwa ezimpini. Abaningi babacebile kweLobukholwa baye bacindezela abampofu. Ukuthethelela kwabaholi benkolo imikhuba elahlwa ngokuqondile eBhayibhelini kuya kwanda. Shono lizoshabalala maduze eLobukholwa nalo lonke “iBhabhiloni Elikhulu,” umbuso wezwe wenkolo yamanga! (IsAmbulo 18:1-5) Nokho, njengoba kwenzeka esikhathini sikaMika, uJehova uzoba nezinceku ezithembekile ezizosala emhlabeni.
22. Imaphi amaqembu amabili abeke ithemba lawo eMbusweni kaNkulunkulu?
22 Ngo-1919, amaKristu athembekile agcotshiwe azihlukanisa unomphela neLobukholwa futhi aqala ukumemezela izindaba ezinhle zoMbuso kuzo zonke izizwe. (Mathewu 24:14) Okokuqala nje, afuna abaseleyo baka-Israyeli ongokomoya. Kwabe sekuqalwa ukubutha “ezinye izimvu,” la maqembu amabili aba “mhlambi munye, [aba] nomalusi munye.” (Johane 10:16) Nakuba manje bekhonza uNkulunkulu emazweni angu-234, bonke laba bakhulekeli bakaJehova abathembekile baye bamiswa “ngobunye.” Manje, isibaya sezimvu ‘sinomsindo wabantu.’ Ithemba labo alikho kulesi simiso sezinto, kodwa liseMbusweni kaNkulunkulu, ozoletha ipharadesi lasemhlabeni maduze nje.
23. Kungani uqiniseka ukuthi ithemba lakho liqinisekile?
23 Likhuluma ngabakhulekeli bakaJehova abathembekile, ivesi lokugcina likaMika isahluko 2 lithi: “Inkosi yabo iyodlula phambi kwabo, uJehova ephambi kwabo.” Uyazibona yini wena ukulolo dwendwe olunqobile ulandela iNkosi yakho, uJesu Kristu, phambili kunoJehova uqobo lwakhe? Uma kunjalo, ungaqiniseka ukuthi ukunqoba kuqinisekile, ngokufanayo nethemba lakho. Lokhu kuzocaca nakakhulu njengoba sihlola amanye amaphuzu avelele esiprofetho sikaMika.
Ungaphendula Kanjani?
• Osukwini lukaMika, kungani uJehova anquma ukubathathela isinyathelo oJuda no-Israyeli?
• Yini engenzeka lapho labo abathi bakhonza uNkulunkulu benza izinto ezibonakalayo zize kuqala ekuphileni?
• Ngemva kokuhlola uMika izahluko 1 no-2, kungani uqiniseka ukuthi ithemba lakho liqinisekile?
[Isithombe ekhasini 9]
Isiprofetho sikaMika singasiqinisa ngokomoya
[Izithombe ekhasini 10]
Njengensali yamaJuda ngo-537 B.C.E., ama-Israyeli angokomoya nabangane bawo bathuthukisa ukukhulekela kweqiniso