Ukukhonza Oyedwa UNkulunkulu Weqiniso Osekuphakanyiswa Kakade
1, 2. Phakathi neMpi Yezwe I, ukukhulekela uNkulunkulu oyedwa weqiniso kwehla kanjani, futhi lokhu kwakufanekiselwe kanjani kuMika 3:12?
IMPI YeZwe I yayiyisikhathi sobumnyama isintu esingakaze sibubone ngaphambili. Kwakunjengokungathi amandla obumnyama aphethe izwe lonke. Kwabonakala njengokungathi “umbusi wezwe” unqobile. (Joh. 14:30) Njengoba umbuso wakhe wezwe wenkolo yamanga, kuhlanganise neLobukholwa, nokushisekela izwe kuqhubekela ekusekeleni izizwe ezihlanyiswa yimpi, ukucindezela okwesabekayo kwalethwa kubo bonke abantu benkolo. Ngakho-ke, ngisho nokukhulekelwa koyedwa nophilayo uNkulunkulu weqiniso kwehla. Abakuqhubayo bashushiswa futhi bavinjelwa, baze ngisho bafakwa ejele. Isimo sabo esosizi, njengaleso esichazwe kuMika 3:12:
2 “Ngalokho ngenxa yenu iSiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe-yincithakalo, intaba yendlu [ithempeli] libe-yizindawo eziphakemeyo zamahlathi”—njengensimu elahliwe egcwele umeno omude ngangemithi ngenxa yokuhlala isikhathi eside.
3. Abakhulekeli bakaNkulunkulu weqiniso bahambisana namuphi umbono ngezinto, kodwa yini eyayibahlalele ukuba bayenze ngokwesiprofetho ngaphambi kokufika koku“phela”?
3 Kwakubonakala sengathi isiphelo sase sifikile—saso sonke isimiso sezinto emhlabeni. Abakhulekeli bakaNkulunkulu weBhayibheli bahambisana nalowombono ngezimo, njengoba ‘bazondwa izizwe zonke.’ (Math. 24:9) Nokho, babengene kuphela ‘esiphelweni sesimiso sezinto.’ Kwakusekhona umsebenzi omkhulu wokusindisa ukuphila okwakumelwe bawenze ngaphambi kokuba bafinyelele umvuthwandaba ‘walesosiphelo sesimiso sezinto.’ Njengoba uMbusi omkhulu ovela eBetlehema ayebikezele, “lezindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa kuwo wonke umhlaba owakhiwe kube ubufakazi kuzo zonke izizwe, khona-ke ukuphela kuyofika.” (Math. 24:3, 14, NW) Isiprofetho sikaMika sasivumelana nalokho ngisho nakuba uMika ayesilobe phansi eminyakeni engamakhulu ngaphambili.
4. Ngemva kwencazelo yokuchithwa okwakuza phezu kweJerusalema nezwe lakwaJuda, yiluphi ushintsho olwenza izinto zibe ngcono uMika 4:1-4 alubikezelayo kube udumo kuJehova?
4 Ngemva kokuba uMika echaze incithakalo izwe lakwaJuda nenhloko-dolobha yalo, iJerusalema (noma, iSiyoni), elalizokwenziwa yona ngabaseBabiloni, waqhubeka wathi: “Kuyakuthi ngezinsuku zokugcina intaba yendlu [ithempeli] kaJehova iqiniswe esiqongweni sezintaba, iphakame kunamagquma, nabantu bayakugobhozela khona. Izizwe eziningi ziyakuhamba zithi: Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova nasendlini kaNkulunkulu kaJakobe; uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe, ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni, nezwi likaJehova eJerusalema. Uyakwahlulela phakathi kwezizwe eziningi, anqume phakathi kwezizwe ezinamandla ezikude; ziyakukhanda izinkemba zazo zibe ngamakhuba, imikhonto yazo ibe-ngocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa. Bayakuhlala, kube-yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe; akakho oyakubesabisa, ngokuba umlomo kaJehova-Sebawoti ukhulumile.”—Mika 4:1-4.
5. Namuhla isiphi isakhiwo esisesiqongweni sentaba yendlu kaJehova, futhi ingabe lokhu kugcwalisa uMika 4:1-4?
5 Esikhathini seMpi Yezwe I iJerusalema lasemhlabeni lathunjwa ngamabutho amaNgisi ngaphansi kukaJenene Allenby, futhi ekuqapheleni lokhu iNhlangano Yezizwe yanikeza iGreat Britain igunya lokubusa izwe, ukuba liqhubeke kuze kube u-1948. Lapho igunya lokubusa liphela, impi yalandela phakathi kwamaJuda nama-Arabi, futhi namuhla isizwe sakwaIsrayeli siphethe ngisho nomuzi obiyelwe waseJerusalema. Kodwa ingabe ithempeli lokukhulekela uJehova lisesiqongweni sentaba lapho umuzi wokukhonza uJehova wawumi khona kwaze kwaba u-70 C.E.? Cha, kodwa iDome of the Rock kankulunkulu wamaMohammed, uAllah, imi lapho, futhi abantu bezizwe eziningi bayayivakashela njengendawo ekhangayo. Naphezu kwanoma ikuphi ukuphikiswa lokhu akubanga ukugcwaliseka kwesiprofetho sikaMika 4:1-4.
6. Kungani nokho, uMika 4:1-4 ethola ukugcwaliseka, futhi kungani iJerusalema lasemhlabeni lingangeni ekugcwalisekeni?
6 Nokho, lesosiprofetho besithola ukugcwaliseka kusukela onyakeni ongemva kwempi ka-1919. Kanjani? Phela, ngoba iJerusalema eliphakeme lihilelekile. Ake sikhumbule indlela ngoNisan 9, 33 C.E., uJesu Kristu njengoMbusi ovela eBetlehema agibela ngayo ngokunqobayo lapho engena eJerusalema kodwa wangamukelwa njengeNkosi. Ezinsukwini ezimbili kamuva, ngoNisan 11, washukunyiselwa ekukhaleleni leloJerusalema lasemhlabeni ethi: “Kukangaki ngithanda ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukukazi sibuthela amazinyane aso phansi kwamaphiko aso, kepha anivumanga. Bhekani, indlu yenu [ithempeli lenu] isisala nani.” (Math. 23:37, 38) Ezinsukwini ezintathu kamuva, ngoNisan 14, uJesu wafa njengomfel’ ukholo eKalvari ngaphandle kweJerusalema. Khona-ke, uJehova walilahla lelothempeli nakuba lalinikezelwe kuye. Lalingaseyona indawo yakhe yokukhulekela akwamukelayo. Ukubhujiswa kwalo ngo-70 C.E. kwaliveza leloqiniso!
7. IJerusalema lasezulwini laba nini umama wabafundi bakaJesu, futhi uPawulu ubhekisela kanjani kulokhu?
7 Ezinsukwini ezingama-40 ngemva kokuvuswa kukaJesu wabuyela ezulwini futhi ezinsukwini eziyishumi kamuva, ngosuku lwePentekoste, wathulula umoya ongcwele phezu kwabafundi bakhe ababelinde eJerusalema lasemhlabeni. Ngalesosehlakalo iJerusalema elisha, iJerusalema lasezulwini, laba umama wabo. Maqondana nalokhu, umphostoli uPawulu ongumKristu waloba encwadini yakhe eya ebandleni laseGalathiya: “Kepha iJerusalema eliphezulu likhululekile, lona lingumame wethu.” (Gal. 4:26) Kamuva, lapho elobela amaKristu angamaHeberu, umphostoli ofanayo waloba: “Kodwa nizé entabeni yaseSiyoni nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, nasezigidigidini zezingelosi, nasebandleni lamazibulo abhaliwe ezulwini, nakuNkulunkulu, umahluleli wabo bonke.” (Heb. 12:22, 23) Kumaqondana naleliJerusalema elisha, iJerusalema elingokomoya, entabeni yaseSiyoni engokomoya, uMika 4:1-4 aprofetha ngalo. Phezu kwaleliJerusalema elingokomoya isiprofetho sikaMika siyagcwaliseka namuhla!
8. Kusukela ngo-1914, ukukhulekela oyedwa uNkulunkulu weqiniso kuye kwaphakanyiselwa kuliphi izinga maqondana nomhlaba?
8 Kusukela eminyakeni eyonakaliswa yimpi ka-1914 kuya ku-1918 ukukhulekela uNkulunkulu okukhulekela kwakhe kwakwenzelwa ‘endlini,’ noma ethempelini, elalimi esiqongweni sezintaba zeJerusalema lasendulo, kuyaqhubeka kuphakanyiswa. Lokhu kukhulekela uJehova ‘kuye kwamiswa esiqongweni sezintaba’ lapho amathempeli onkulunkulu bamanga balesisimiso bemi khona benganyakazi. Ngakho-ke ukukhulekela uNkulunkulu oyedwa ophilayo noweqiniso kuye ‘kwaphakama kunamagquma.’
9. Ngemva kweMpi Yezwe I, savuleka kanjani isimo sokuphakamisa ukukhonza uJehova, futhi yini uMika 2:12, 13 ayishoyo maqondana nalokhu?
9 Ikakhulukazi ngemva kokuphela kweMpi Yezwe I entwasahlobo ka-1918 ukukhulekela uJehova njengoNkulunkulu oPhezukonke kwaphakanyiselwa phezulu ezulwini. Kwenzeka kanjani lokho? Ngoba, ngokokuqala enkathini engemva kwempi, kwabuye kwenzeka ukubuyiselwa kwabakhulekeli bakaJehova bevela ekucindezelekeni nasekusakazekeni, esimweni sokuvinjelwa esasifana nesimo sabathunjwa abangamaJuda eBabiloni phakathi kuka-607 kuya ku-537 B.C.E. Isiprofetho sikaMika sabikezela ukubuthwa futhi kukaIsrayeli ongokomoya nokuvulwa kwendlela yokusinda ngokubaleka enkonzweni yobuBabiloni, sithi: “Ngiyakukubutha, Jakobe, wonke wakho; ngiyakuqoqa nokuqoqa insali yakwaIsrayeli; ngiyakubabeka ndawonye njengezimvu zaseBosira, njengomhlambi phakathi kwedlelo lawo, kwenziwe ukukhamuluka okuvela kubantu. Umfohli ukhuphuka ngaphambi kwabo; sebefohlile, badlulela esangweni, baphuma ngalo; inkosi yabo idlulile phambi kwabo, noJehova usesihlokweni sabo.”—Mika 2:12, 13.
10. Ubani owayeyi“nkosi” eyahlanganyela esiprofethweni sikaMika, futhi kukanjani, nini futhi ngenxa kabani enza “ukufohla” kube nokwenzeka?
10 Lapho, ngo-537 B.C.E., amaIsrayeli eshiya iBabiloni ngokwesimemezelo sombusi ongumPheresiya, uKoresi omkhulu, kwakungekho nkosi engumuntu yendlu yobukhosi bukaDavide eyayibahola. USedekiya, inkosi yokugcina yobuDavide ukuba ibuse iJerusalema elidala, yayisifile ngalesosikhathi, ingcwatshwe eBabiloni. Ngokusobala-ke, isiprofetho sikaMika kumelwe ukuba saba nokusebenza okungokomoya. Ngakho-ke ingubani “inkosi”? IyiNkosi okwakumelwe ibekwe esihlalweni sobukhosi ngakwesokunene sikaNkulunkulu emazulwini ekupheleni ‘kwezikhathi zabezizwe’ (noma ‘izikhathi ezimisiwe zabezizwe’) entwasahlobo ka-1914 C.E. (Luka 21:24, Authorized Version, New World Translation; AmaH. 110:1, 2) Lena kwakuyi“nkosi” enkulu kunoKoresi umnqobi weBabiloni. Yayiyi“Nkosi” entsha emisiwe, uJesu Kristu. Wayeyo‘bangela ukufohla’ kumaIsrayeli acindezelekile, ‘insali’ kaIsrayeli ongokomoya, noma uJakobe. Ngakho-ke kwakuyilowonyaka ongemva kwempi ka-1919 lapho uJesu Kristu abangela khona “ukufohla” kwabafundi bakhe abazinikezele nababhapathiziwe ababeye ‘bazondwa yizizwe zonke’ ngenxa yegama lakhe phakathi neMpi Yezwe I.—Math. 24:9.
11, 12. Ubani owayesesihlokweni sensali ekuphumeleni kwayo enkululekweni, futhi imuphi umyalo ovela kuye eyawulalela?
11 Labobafundi abakhululekile babelindele ukumlandela njengeNkosi yabo ebekwe esihlalweni sobukhosi ngakwesokunene sikaJehova. ‘Esangweni’ lokuphuma ayelenzile ‘waphuma phambi kwabo.’ Wabaholela kwengokoqobo inkululeko yobuKristu. ‘BabenoJehova esihlokweni sabo, ngoba uJehova wayenguMuntu Oyinhloko owayebangele ukuphumela kwabo enkululekweni. WayeyiLowo owabiza abakhulekeli bakhe ababegqilazwe enkolweni yaseBabiloni, ethi:
12 “Phumani kulo, bantu bami, ukuze ningahlanganyeli nalo izono zalo, nokuba ningamukeli okwezinhlupho zalo.”—IsAm. 18:4; Jer. 50:8, 9; Isaya 48:20.
IGAMA LOQOBO LIKANKULUNKULU OYEDWA WEQINISO LIBEKWA PHAMBILI!
13. Isikhathi sase sifikile ngoNkulunkulu oyedwa weqiniso ukuzenzelani, futhi iWatch Tower kaNovember 15, 1919 yakuveza kanjani lokhu?
13 UJehova wayeqalisa ngalesosikhathi ukuzenzela igama. Ngokufanelekile igama lakhe laqala ukuba phambili, laba ngaphezu kweleNdodana yakhe ekhazinyulisiwe uJesu Kristu. Ngokwesibonelo, iThe Watch Tower and Herald of Christ’s Presence kaNovember 15, 1919, yasakaza uchungechunge lokuqala lwezihloko ezazithi “Isaiah’s Rhapsody,” futhi eNgxenyeni I sathi:
Kulamavesi okuqala ayishumi nanye esahluko samashumi amane Isa 40:1-11 sinemibono emithathu esiyinikezwa ngoJehova: okokuqala, ubikezelwa njengomduduzi ngemva kokuhlupheka isikhathi eside; okwesibili umelelwe njengoQinisileyo, ozwi lakhe liyaphumelela nakuba wonke amanye ehluleka; okwesithathu, njengomalusi ohola abantu bakhe ngokunakekela okunjengokukababa.
Imbangela yesibili yokududuzeka isemazwini athi ‘isono sakho sithethelelwe’. UNkulunkulu ngokuhlakanipha kwakhe wabona ukuthi iminyaka engamashumi ayisikhombisa yokwehliswa kwesizwe okwatholwa ngabantu abangamaJuda kwakuyoba ngokwanele ekulungiseni izincwadi zokulunga kwaphezulu ukuze kuhlawulelwe ukuthambekela ababeye bakubonisa emakhulwini amaningi eminyaka ngokukhulekela izithombe, noma ukukhonza abanye onkulunkulu kunoJehova.
. . . Kodwa siyazi ukuthi uJehova akasoze ajezise ngokungafanele. Akanakuziphika ngokwakhe . . .
. . . Ukusikisela [kwegama lephepha elakhishwa iNhlangano] kwaveza ukuzwakala kwezwi iqiniso lokuthi okufanayo nokolimi lobuYiddish (lobuJuda) kwakuyoqondakala ngokushesha kuwo wonke amaJuda ukuze akhethe isigijimi esithile esikhethekile esivela kuJehova.
Ngokuqinisekile noma isiphi isigaba esizosetshenziswa uJehova ngenxa yenjongo enjalo ephakeme njengezindlalifa noKristu sidinga okuhlangenwe nakho okulungiselelayo okweluliwe ngaphambi “kokuhlangana efeni nabangcwele ekukhanyeni.”
. . . Kodwa njengokuqinisekisa okukabili kokugcwaliseka kwezinto ezithenjiswe ngenhla uJehova ubuye ashicilele igama lakhe, noma alobe ukuqinisekisa kwakhe—“izwi likaNkulunkulu wethu liyoma kuze kube phakade,” kungakhathaliseki ukuthi kunaziphi izithiyo ezingokoqobo noma ezicatshangelwayo.—Ikhasi 343, isigaba 5; ikhasi 344, izigaba 5-7; ikhasi 345, isigaba 4; ikhasi 346, isigaba 4.
14. Futhi, incwadi ethi The Harp of God eyasakazwa ngo-1921, ilibeka kanjani igama likaNkulunkulu phambili?
14 Futhi, encwadini yokuqala eyakhishwa yiWatch Tower Bible and Tract Society ngemva kweMpi Yezwe I, ebizwa ngokuthi, The Harp of God, eyakhishwa ngo-1921, isandulela saphawula esigabeni sesibili ukuthi: “UJehova wayenecebo elikhulu ngaphambi kwesisekelo sezwe; kodwa akukho noyedwa owayelazi. Phakathi neminyaka eyizinkulungwane ezine yokuqala yomlando womuntu lelicebo likaNkulunkulu lagcinwa liyimfihlakalo.”
15. Eminyakeni eyisikhombisa kamuva, isinqumo sasinesimemezelo ngobani esamukelwa ngababeze emhlanganweni wezizwe zonke eDetroit, eMichigan?
15 Emhlanganweni wezwe lonke owawuseDetroit, eMichigan, ngoJuly 30 kuya ku-August 6, 1928, izinkulungwane ezazikhona ngokuvumelana zamukela isinqumo esasithi “Isimemezelo esimelene noSathane esisekela uJehova,” esasikhishwa umongameli wangalesosikhathi weWatch Tower Society.—Bheka iWatch Tower kaSeptember 15, 1928, amakhasi 278, 279.
16. Isehlakalo esiwumvuthwandaba senzeka kanjani eminyakeni emithathu kamuva emhlanganweni wezizwe zonke eColombus Ohio?
16 Nokho, isehlakalo esiwumvuthwandaba senzeka ngo-1931. KwakungeSonto July 26, lapho izinkulungwane ezazisemhlanganweni wezwe lonke eColombus Ohio zamukela isinqumo esasinesihloko esithi “Igama Elisha.” Ngalesisinqumo labobakhulekeli abazinikezele nababhapathiziwe boPhezukonke uNkulunkulu bazithathela igama elisekelwe emiBhalweni, okungukuthi, “ofakazi bakaJehova.”—Isaya 43:10, 12.
17. Ngokwamukela leligama elisha, yini leyo ababeze emhlanganweni abayenza, futhi kamuva yini amabandla kuwo wonke umhlaba ayenza, namuphi umthwalo wemfanelo ayezethwesa wona?
17 Ngaleyondlela lawomaKristu asunduzela eceleni wonke amagama aletha isihlamba ayeye awagidlabezwa eLobukholwa futhi amukela igama elingcwele elaboniswa yiBhayibheli eliNgcwele njengelifanele. Ngemva komhlangano waseColombus isinqumo esamukelwa lapho sathunyelwa kuwo wonke amabandla abafundi abazinikezele nababhapathiziwe beNkosi uJesu Kristu kuwo wonke umhlaba, ngezilimi zabo ezihlukahlukene. Wonke amabandla amukela isinqumo athumela umbiko endlunkulu yeWatch Tower Bible and Tract Society. Bonke abantu abahlanganyela esenzweni esinjalo bazibeka ngaphansi komthwalo wemfanelo omkhulu phambi kukaJehova uNkulunkulu. Ukwehluleka ukuphila ngokuvumelana negama labo elisha kwasho imiphumela engathi sína kubo. Ukulingcwelisa kwakusho ukuletha udumo egameni likaNkulunkulu.—Watch Tower, September 15, 1931, amakhasi 278, 279.
18. Ingabe isenzo esifanayo siye sathathwa ngeLobukholwa nobuJuda, futhi ngubani uJehova aye wamsebenzisela ukugcwalisa uMika 4:1-4?
18 Ingabe umlando wezwe kusukela eMpini Yezwe I ubika noma iliphi ihlelo elingokwenkolo leLobukholwa noma lobuJuda njengelathatha isinyathelo esifana naleso soFakazi BakaJehova? Cha! Ngakho-ke, kuye kwaba ngalaboFakazi ukuthi uJehova uNkulunkulu uye waletha ukugcwaliseka kwesiprofetho esibekwe kuMika 4:1-4. Ngakho-ke, ngempela, ukukhulekela uNkulunkulu oyedwa ophilayo noweqiniso kuye kwamiswa, njengokungathi ‘phezu kwesiqongo sezintaba,’ ngoba kuye kwaboniswa njengokuphakeme kunanoma iyiphi enye indlela yokukhulekela. ‘Kumiswe ngokuqinile’ futhi akunakuwiswa neze endaweni yakho ephakeme. Kuye kwanikezwa isithunzi ngoFakazi BakaJehova, ngakho-ke, uma kukhulunywa ngokomfanekiso, ‘kuyaphakanyiswa kunamagquma.’
19. Ukuphakamisa ukukhulekela kwaphezulu, ngokomfanekiso, ‘okuphakeme kunamagquma,’ kwenziwa kwaba sobala kubani, futhi, ngokuvumelana nalokhu, iyiphi inkulumo ethusayo eyanikezwa eLos Angeles, eCalifornia, ngo-1918?
19 Lokhu kuphakanyiswa kokukhulekela uNkulunkulu oyedwa ophilayo noweqiniso, kanjalo kukwenza kubonakale yonke indawo, kwakuqondwe ukuba kuzuzise abantu bazo zonke izizwe nabantu. Ngakho-ke, ngaphansi kokuqondisa kwaphezulu, ngeSonto, ngoFebruary 24, 1918, phakathi neMpi Yezwe I, umongameli weWatch Tower Bible and Tract Society wangalesosikhathi wanikeza inkulumo eyamenyezelwa kakhulu eLos Angeles, eCalifornia, eU.S.A. Isihloko sakhe sasingesethusayo kodwa sasivumelana nencazelo yezikhathi ezinzima njengoba zibhekwa ngokombono weBhayibheli. Isihloko sasithi “Izigidi Eziphilayo Manje Zingase Zingafi Neze.” Lesisihloko sasisekelwe emfundisweni yeBhayibheli yokuthi kuyoba khona abayosinda “usizi olukhulu” lesisimiso sezinto esilahliwe esiyophela kulo. (IsAm. 7:9, 14) Labo abasindayo abamukelekayo bayongeniswa eNkathini Yeminyaka Eyinkulungwane ngaphansi kombuso kaKristu. Ngalowohulumeni bangazuza ukuphila okuphakade emhlabeni owenziwe ipharadesi.
20. Ngo-1923, yimuphi umfanekiso okwaxoxwa ngawo emhlanganweni waseLos Angeles, futhi wasetshenziswa kanjani?
20 Eminyakeni emihlanu kamuva omunye umhlangano waqhutshwa emzini ofanayo waseLos Angeles, ngoAugust 18-26, 1923, futhi ngoMgqibelo, August 25, umongameli weNhlangano waxoxa ngomfanekiso kaJesu wezimvu nezimbuzi ezingokomfanekiso. Njengoba lomfanekiso uyingxenye yesiprofetho sikaJesu ‘nesibonakaliso’ esiphawula “isiphelo sesimiso sezinto,” isikhulumi sasisebenzisa “engxenyeni yokugcina yezinsuku”; sawenza wasebenza enkathini engaphambi kweminyaka eyinkulungwane. Obani-ke abafanekiselwa “izimvu” lezo ezenza okuhle ku“bafowabo” abangokomoya beNkosi ngokwezidingo zabo? Phela ‘ngabantu benhliziyo enhle’ abayovuzwa ngokusinda ukubhujiswa kwesimiso sezinto samanje futhi bangeniswe esimisweni sezinto seminyaka eyinkulungwane ngaphansi kombuso kaKristu! (Bheka iWatch Tower kaNovember 1, 1923, ikhasi 326; nekaOctober 15, 1923, ikhasi 307.) “Izimvu” ezinjalo ezingokomfanekiso zanamuhla zinga“bantu” abangena ethempelini elingokomoya lokukhulekela uJehova, elimelelwe insali yaba“fowabo” bakaKristu, amaIsrayeli angokomoya.—Mika 4:1; Math. 24:3; 25:31-46.