ISAHLUKO SESITHUPHA
“Mabugeleze Ubulungisa”—Isihluthulelo Sokwazi UNkulunkulu
1. Yini ekwenza uthande ubulungisa?
SELOKHU kwathí nhlo bekulokhu kunabantu abadume ngokulwela ubulungisa. Kodwa ake ucabange ngaleli qiniso: Abantu bathanda ubulungisa ngenxa yokuthi benziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu. Nawe uyabuthanda ubulungisa futhi ufuna nabanye bakuphathe ngobulungisa ngenxa yokuthi wenziwe ngomfanekiso kaJehova, ‘ojabulela’ ubulungisa.—Jeremiya 9:24; Genesise 1:27; Isaya 40:14.
2, 3. Kungani kufanele sihlole izincwadi zabaprofethi abangu-12 ukuze siqonde ubulungisa bukaJehova?
2 Uma ufunda izincwadi zeBhayibheli ezihlukahlukene, uzobuqonda ubulungisa bukaNkulunkulu. Kodwa uzozuza ngokukhethekile ngokuhlola izincwadi zabaprofethi abangu-12. Kukhulunywa kakhulu ngobulungisa kuzo kangangokuba umqulu onencwadi kaHoseya, eka-Amose nekaMika, onyatheliswa inhlangano yeBhayibheli unesihloko esithi Justice Now! [Ubulungisa Manje!] Ngokwesibonelo, cabanga ngokunxusa kuka-Amose: “Mabugeleze ubulungisa njengamanzi amaningi, nokulunga njengesifufula esigeleza njalo.” Phawula futhi ukuthi uMika wathi yini okumelwe ize kuqala: “Yini uJehova ayicela kuwe ngaphandle kokuba ubonise ubulungisa, uthande umusa futhi ube nesizotha ekuhambeni noNkulunkulu wakho?”—Amose 5:24; Mika 6:8.
3 Ngakho-ke, ukuze simazi kangcono uJehova futhi kanjalo sikwazi ukumlingisa, nakanjani kudingeka sibuqonde ubulungisa bakhe. Ubulungisa bukaJehova buyingxenye yobuyena, ngakho ngeke sithi siyamazi sibe singabuqondi ubulungisa bakhe. Ngisho nezinceku zakhe zasendulo zazazi ukuthi “uJehova ungumthandi wobulungisa.”—IHubo 33:5; 37:28.
4. Bonisa ukuthi kungani izincwadi zabaprofethi abangu-12 zingakwenza uqiniseke ngobulungisa bukaNkulunkulu.
4 Esikhathini esithile ngaphambi kokuba uJehova ahlulele iJerusalema, umprofethi uHabakuki wabuza: “O Jehova, kuyoze kube nini ngikhalela usizo? . . . Umthetho uba ndikindiki, nobulungisa abuphumi nanini. Ngoba omubi uhaqa olungile, ngaleso sizathu ubulungisa buphuma bugwegwile.” (Habakuki 1:2, 4) UHabakuki othembekile wazi uJehova ngemiBhalo eyayitholakala nangokuhlangenwe nakho kwakhe siqu. Ngakho, wayeqiniseka ukuthi uNkulunkulu uyabumelela futhi uyabukhuthaza ubulungisa. Nokho, kwakumkhathaza lo mprofethi ukuthi kungani uJehova evumela ububi. UNkulunkulu waqinisekisa uHabakuki ukuthi uyobaphatha ngobulungisa abathembekile. (Habakuki 2:4) Uma uHabakuki nabanye babengaqiniseka kanje, wena-ke unesizathu esinamandla kakhulu sokuqiniseka. Ngani? Phela iBhayibheli seliphelele manje, ngakho usungafunda umlando owenabe kakhulu wokusebenzelana kukaJehova nabantu nendlela abonisa ngayo ubuntu bakhe, kuhlanganise nobulungisa bakhe. Ngakho, usesimweni esihle sokwazi uJehova futhi uqiniseke ngobulungisa bakhe obuphelele.
5. Yini esizoyihlola manje mayelana nobulungisa?
5 Lapho ethuma izithunywa zakhe kwa-Israyeli, uJehova wagcizelela izenzo zobulungisa. (Isaya 1:17; 10:1, 2; Jeremiya 7:5-7; Hezekeli 45:9) Wakugcizelela impela lokhu ngabaprofethi abangu-12. (Amose 5:7, 12; Mika 3:9; Zakariya 8:16, 17) Noma ubani ofunda izincwadi zabo angabona ukuthi ziqokomisa ubulungisa ekuphileni komuntu kwansuku zonke. Ziningi izindlela esingasebenzisa ngazo izifundo ezikulezi zincwadi ezingu-12, kodwa make sihlole imikhakha emibili laba baprofethi abagcizelela kuyo ubulungisa bese sibona ukuthi singakusebenzisa kanjani esikufundayo.
UBULUNGISA KWEZEBHIZINISI NAKWEZEZIMALI
6, 7. Kungani ubulungisa kwezebhizinisi nakwezezimali kufanele busithinte sonke?
6 UJesu wathi: “Umuntu akumelwe aphile ngesinkwa sodwa.” (Luka 4:4; Duteronomi 8:3) Akaphikanga ukuthi siyasidinga isinkwa—kumelwe sidle. Kwabaningi, lokhu kusho ukusebenza noma ukuba kube nothile ekhaya osebenzayo ukuze kulalwe kudliwe. Kwakunjalo nasezincekwini zikaNkulunkulu zasendulo. Ezinye zazizisebenza—zilima noma zenza izinto ezinjengezingubo zokugqoka, ifenisha nezitsha zokupheka. Ezinye zazingabaqashi—ziqasha abantu abazovuna noma benze ufulawa, amafutha omnqumo noma iwayini. Kanti ezinye zazingabahwebi—zithenga futhi zithengisa. Kungenzeka ukuthi ezinye zazenzela abanye imisebenzi ethile—njengokulungisa uphahla noma ukudlala izinsimbi zomculo.—Eksodusi 35:35; Duteronomi 24:14, 15; 2 AmaKhosi 3:15; 22:6; Mathewu 20:1-8; Luka 15:25.
7 Ingabe kukhona ukufana okubonayo phakathi kwalokhu nokuphila kwakho noma kwabangane nezihlobo zakho? Yiqiniso, izindlela zokwenza izinto namuhla zingase zihluke, kodwa awuvumi yini ukuthi umbono kaNkulunkulu ngobulungisa ezindabeni ezinjalo usafana? Ezigijimini zakhe ngabaprofethi abangu-12, uJehova wabonisa ukuthi ulindele ukuba abantu bakhe babonise ubulungisa kulezi zici zokuphila. Njengoba sifunda ngezibonelo zalokhu, cabanga ngendlela okulindeleke ukuba ububonise ngayo ubulungisa bukaNkulunkulu.—IHubo 25:4, 5.
8, 9. (a) Kungani ukulahlwa kwezenzo eziku Malaki 3:5 kuyinto engathí sina ngokukhethekile? (b) Yimuphi umbono obonisa ukulinganisela okhuthazwa yimiBhalo ngomqashi nesisebenzi emsebenzini?
8 UNkulunkulu wathi ngoMalaki: “Ngiyokuza kini ngenjongo yokwahlulela, futhi ngiyoba ngufakazi osheshayo ngokumelene nabathakathi, neziphingi, nabafunga amanga, nabenza ngendlela yokuphamba ngokuphathelene nenkokhelo yesisebenzi, . . . bengazange bangesabe.” (Malaki 3:5) Yebo, uJehova wabalahla labo ababedlala ngezisebenzi. Kwakuyinto engathí sina kangakanani leyo? Phela ukuxhashazwa kwezisebenzi wakubala nokusebenzisa imimoya, ukuphinga nokuqamba amanga. AmaKristu ayazi ukuthi uNkulunkulu uzozahlulela kanjani ‘izifebe, abasebenzisa imimoya, nabo bonke abaqambimanga.’—IsAmbulo 21:8.
9 Okwakwenzeka emsebenzini kwakungeyona nje indaba yokubonisa ubuntu; kwakuhileleke nobulungisa bukaJehova. Ngenxa yobuqili balabo “abenza ngendlela yokuphamba ngokuphathelene nenkokhelo yesisebenzi,” wathi, ‘uyokuza kubo ngenjongo yokwahlulela.’ Kuyavunywa, uNkulunkulu akashongo ukuthi umqashi kumelwe avume noma yini efunwa isisebenzi noma iqembu lezisebenzi. Emfanekisweni kaJesu wabantu ababeqashelwe ukusebenza esivinini, ungabona ukuthi umqashi wayenegunya lokunquma imiholo nezimo zokusebenza. (Mathewu 20:1-7, 13-15) Kuyaphawuleka ukuthi zonke izisebenzi emfanekisweni kaJesu zaholelwa udenariyu, umholo wosuku okwakuvunyelwene ngawo, kungakhathaliseki ukuthi zazisebenze usuku olugcwele noma cha. Singaphawula nokuthi umqashi akazange aziwake izisebenzi ukuze enze inzuzo ethé xaxa.—Jeremiya 22:13.
10. Kungani kufanele siyikhathalele indlela esiphatha ngayo izisebenzi zethu?
10 Uma unebhizinisi elinezisebenzi—noma ngisho uqasha othile ukuba akwenzele umsebenzi—ingabe umholo wazo, umsebenzi ohilelekile, nokusebenzelana kwakho nazo kwezezimali kunjani uma kuqhathaniswa nokushiwo uMalaki 3:5? Kuhle ukucabanga ngalokhu ngoba le ndaba yokungaziphathi kahle izisebenzi kuyakhulunywa ngayo nasemiBhalweni yamaKristu yesiGreki. Mayelana nabantu abangabenzi ubulungisa kule ndaba, umfundi uJakobe wabuza: “Ingabe [uJehova] akamelani nani?” (Jakobe 5:1, 4, 6) Siphetha kahle ngokuthi: Abantu abangabenzi ubulungisa ngokuphathelene “nenkokhelo yesisebenzi” abakamazi ngempela uJehova, ngoba ababulingisi ubulungisa bakhe.
11, 12. (a) Yisiphi isenzo esingebona ubulungisa esivezwa kuHoseya 5:10? (b) Ungasisebenzisa kanjani isimiso esikuHoseya 5:10?
11 Manje yizwa ukuthi kungani uJehova amelana nabantu abaqavile bosuku lukaHoseya: “Izikhulu zakwaJuda sezifana ncamashí nalabo abahlehlisa umngcele. Ngizothululela phezu kwazo ukufutheka kwami njengamanzi.” (Hoseya 5:10) Yibuphi ububi abugxeka uHoseya? Umlimi wakwaJuda wayeziphilisa ngokulima amasimu amingcele yawo yayibonakala ngamatshe noma ngezigxobo. ‘Ukuhlehlisa umngcele’ kwakusho ukunciphisa insimu yomlimi nokumphuca ayeziphilisa ngako, okwakuwukumphamba. UHoseya wafanisa izikhulu zakwaJuda, okwakufanele ngabe zigqugquzela ubulungisa, nabantu abahlehlisa izimpawu zomngcele.—Duteronomi 19:14; 27:17; Jobe 24:2; IzAga 22:28.
12 Namuhla, abanye abantu abathengisa izindlu nezindawo bangase bayengeke ukuba ‘bahlehlise imingcele’ ukuze bakhohlise abathengi. Kodwa lesi simiso siyasebenza nakubahwebi, abaqashi, izisebenzi noma amakhasimende—noma ubani osesivumelwaneni esithile. Njengoba wazi, abanye abantu kwezebhizinisi abathandisisi ukubhala izinto phansi, becabanga ukuthi kamuva kuyoba lula ukumhlakaniphela noma ukumjikela lowo abasesivumelwaneni naye. Abanye bayavuma ukubhala phansi kodwa bafake nezinto ezingacacile ukuze bakudide wena, kuhlomule bona, kungakhathaliseki ukuthi bakulimaza kangakanani. Ucabanga ukuthi umuntu owenza ngale ndlela—noma ngabe ungumhwebi noma ikhasimende, umqashi noma isisebenzi—umazi ngempela uNkulunkulu wobulungisa? UJehova wathi eZwini lakhe: “Ungawuhlehlisi umngcele [wezintandane]. Ngoba uMkhululi wazo unamandla; yena uyomela udaba lwazo nawe.”—IzAga 23:10, 11; Habakuki 2:9.
13. NgokukaMika 6:10-12, yiziphi izenzo ezingenabulungisa ezazenziwa kubantu bakaNkulunkulu basendulo?
13 UMika 6:10-12 usikhanyisela ngokwengeziwe ngobulungisa: “Ingabe kusekhona endlini yomubi ingcebo yobubi, ne-efa elincishisiweyo elilahliwe? Ngingaba yini ohlanzekile ngokuziphatha nginesikali esibi nesikhwama sezisindo zamatshe esikhohlisayo? Ngoba . . . nabakhileyo kuye bakhulumé amanga, nolimi lwabo luyakhohlisa.” Namuhla kungenzeka ukuthi ukudla sikukala ngamalitha noma ngamaphayinti, hhayi ngama-efa. Kungenzeka sikala izinto ngamakhilogremu noma ngamaphawundi kunangezisindo zamatshe. Noma kunjalo, iphuzu likaMika lisobala. Abahwebi noma osomabhizinisi bosuku lwakhe babengamaqili; ngokusebenzisa izisindo nezilinganiso ezingekho emthethweni, babephatha abantu ngokungenabulungisa. UNkulunkulu wathi ‘babi’ labo ‘abakhohlisa ngomlomo wabo,’ bakhohlise nasemabhizinisini abo.—Duteronomi 25:13-16; IzAga 20:10; Amose 8:5.
14. Isixwayiso sikaMika singasisiza ukuba sigweme ziphi izenzo zokungabi nabulungisa namuhla?
14 Ingabe amazwi kaMika ngezisindo nezilinganiso ezikhohlisayo ayayithinta indlela oqhuba ngayo ibhizinisi lakho noma lokho okwenzayo uma uyisisebenzi? Kufanele ucabange ngakho, kwazise ziningi izindlela aphanjwa ngazo amakhasimende. Ngokwesibonelo, ezinye izinkontileka ezikhohlakele azisifaki isilinganiso sikasimende esifanele noma esisemthethweni lapho zixova ukhonkolo. Umuntu owenza umsebenzi wezandla angase asebenzise izinto ezishibhile ezindaweni ezicashile, kodwa ube ukhokhile. Abanye abahwebi bathengisa izinto ezingamasekeni bathi zintsha. Kungenzeka futhi ukuthi uke wezwa ngezindledlana zobuqili ezisetshenziswa kwezebhizinisi ukuze kwandiswe inzuzo. Ungalingeka yini ukuba uzizame? Incwadi yamuva ekhuluma ngokuvikela izindaba zomuntu siqu yathi oFakazi BakaJehova “bakholelwa ukuthi uMdali wabo ubabhekile, futhi abaningi babo bancamela ukufa kunokuntshontsha.” Yanezela: “Bafunwa ngapha nangapha emabhizinisini asebenza ngezizumbulu zemali.” Ngani? Ngoba amaKristu eqiniso ayazi ukuthi uJehova ‘uwacela ukuba abonise ubulungisa’ emabhizinisini awo nakwezezimali.—Mika 6:8.
‘IZIKHULU NGENJONGO YOBULUNGISA’
15, 16. Abaholi bosuku lukaMika babebaphatha kanjani abantu?
15 Ezincwadini zabaprofethi abangu-12 ungabona ukuthi ngezikhathi ezithile ubulungisa babuntuleka ngendlela exakile. Abantu ababesezikhundleni, okwakufanele babe isibonelo ekuboniseni ubulungisa, babengesona. (Eksodusi 18:21; 23:6-8; Duteronomi 1:17; 16:18) UMika wancenga: “Ngicela nizwe, nina zinhloko zakwaJakobe nani balawuli bendlu ka-Israyeli. Akuwona yini umsebenzi wenu ukwazi ubulungisa? Nina enizonda okuhle nenithanda ububi, enebula abantu isikhumba sabo nenyama yabo emathanjeni abo.”—Mika 3:1-3; Isaya 1:17.
16 Lawo mazwi kwakufanele abahlasimulise abantu abajwayele impilo yasemaphandleni. Ngezikhathi ezithile umelusi wayeye agunde izimvu azinakekelayo nazivikelayo. (Genesise 38:12, 13; 1 Samuweli 25:4) Kodwa ‘abalawuli bendlu ka-Israyeli’ okwakufanele ngabe ‘babebazi ubulungisa,’ babexhaphaza abantu bedlelo likaNkulunkulu, njengokungathi bebula isikhumba sezimvu nenyama yazo, baphule namathambo azo. (IHubo 95:7) Esesebenzisa omunye umfanekiso wempilo yasemaphandleni, uMika wathi izikhulu ‘ezazahlulela ngomvuzo’ zazifana nobobe noma uthango lwameva. (Mika 7:3, 4) Ake uzicabange uhamba endleleni ecinaniswe izihlahla zobobe nothango lwameva. Cishe ubuyoklwebheka nezingubo zakho ziklebhuke. Babenjalo abaholi kubantu bakaNkulunkulu. Kunokuba babaphathe ngobulungisa abafowabo, babengathembekile futhi bekhohlakele.—Mika 3:9, 11.
17. NgokukaZefaniya 3:3, abaholi babenasiphi isimo sengqondo?
17 UZefaniya waveza iphuzu elifanayo: “Izikhulu zawo phakathi kwawo zaziyizingonyama ezibhongayo. Abahluleli bawo babeyizimpisi zakusihlwa ezingawaququdanga amathambo kwaze kwaba sekuseni.” (Zefaniya 3:3) Ungababona yini ngeso lengqondo abaholi babantu bakaNkulunkulu ababengenandaba nokulunga kuhle kwezingonyama zasendle ezidwengulanayo? Noma abahluleli abafana nezimpisi ezingamagovu neziyizidlakudla ezishwabadela konke, kuthi kusa kube kusele amathambo wodwa? Babungaba khona kanjani ubulungisa ezimweni ezinjalo? Kwakunjengokungathi ubulungisa buklejulwa bube manikiniki ngabaholi ababezingela abantu esikhundleni sokubanakekela.
18. Abahluleli bakwa-Israyeli kwakufanele babaphathe kanjani abantu bakaNkulunkulu?
18 Kuyacaca ukuthi labo baholi besizwe esizinikezele babengamazi uNkulunkulu. Ukube babemazi, babeyowalalela amazwi kaZakariya 8:16: “Nazi izinto okufanele nizenze: Khulumani iqiniso omunye komunye. Yahlulelani emasangweni enu ngeqiniso nangesahlulelo sokuthula.” Amadoda amadala kwa-Israyeli ayehlangana esangweni lomuzi ukuze athethe amacala ngokuvumelana nokucabanga kukaNkulunkulu, hhayi ngamawala noma ngokuqhutshwa inhliziyo. (Duteronomi 22:15) UJehova wayebaxwayise nangokukhetha abantu, njengezicebi noma izikhulu. (Levitikusi 19:15; Duteronomi 1:16, 17) Abahluleli kwakumelwe bazame ukubuyisela ukuthula phakathi kwabantu abaxabene, bakhiphe ‘isahlulelo sokuthula.’
19, 20. (a) Kungani abadala abangamaKristu bengafunda okuningi kubaprofethi abangu-12? (b) Abadala bangabonisa kanjani ukuthi bayamazi uJehova nobulungisa bakhe?
19 Umphostoli uPawulu wacaphuna ingxenye kaZakariya 8:16 lapho ebhalela amaKristu. (Efesu 4:15, 25) Ngakho singaqiniseka ukuthi izixwayiso nezeluleko zabaprofethi abangu-12 mayelana nobulungisa zisasebenza ebandleni namuhla. Amadoda amadala, noma ababonisi, kumelwe abe izibonelo ekwazini uJehova nasekuboniseni ubulungisa bakhe. U-Isaya 32:1 ubachaza kahle ngokuthi ‘bayizikhulu ngenjongo yobulungisa.’ Yimaphi amaphuzu awusizo ngabadala abanjalo esingawathola ezixwayisweni nasezelulekweni ezinikezwa abaprofethi abangu-12?
20 Abadala abangamaKristu kumelwe bakhumbule amaqiniso angokomBhalo nendlela uJehova acabanga ngayo. Kudingeka ukuba izinqumo zabo bazisekele kulokho kunokuba bazisekele emibonweni yabo noma emizweni yabo. IBhayibheli libonisa ukuthi kungase kube namacala anzima, amacala adinga isikhathi esiningi sokuwalungiselela, kucwaningwa ngasese eBhayibhelini nasezincwadini ezinezeluleko ezihlakaniphile zesigaba senceku ethembekile neqondayo. (Eksodusi 18:26; Mathewu 24:45) Uma abadala benza umzamo onjalo, cishe bayokuzonda okubi bathande okuhle ngokombono kaNkulunkulu. Lokhu kuyobasiza ukuba ‘banike ubulungisa indawo esangweni’ ukuze ‘bahlulele ngobulungisa beqiniso.’—Amose 5:15; Zakariya 7:9.
21. Kungani abadala kufanele bagweme ukubonisa ukukhetha, kodwa yini engabalinga ukuba bakhethe?
21 Ngisho noma umuntu onomthwalo wokwahlulela enalo ulwazi lweBhayibheli, angakubonisa ukukhetha ngezinga elithile. Kwakumnenga uMalaki ukuthi abapristi, okwakufanele babe umthombo wolwazi, ‘babebonisa ukukhetha emthethweni.’ (Malaki 2:7-9) Kwakungenzeka kanjani lokho? UMika wathi ezinye izikhulu ‘zazahlulela ngenjongo yokuthola isifumbathiso nje kuphela, nabapristi befundisa ngenjongo yokuthola imali.’ (Mika 3:11) Kungenzeka kanjani ukuba ukucabanga komdala kuthonyeke ngendlela efanayo? Kuthiwani uma umuntu onecala ebelokhu emupha izipho, noma kuthiwani uma umdala ebona ukuthi kukhona angakuzuza kuye esikhathini esizayo? Ake sithi udaba alusingathayo luhilela isihlobo sakhe segazi noma abasekhweni. Ingabe uyobuswa izibopho zomkhaya noma izimiso ezingokomoya? Ukungakhethi kwakhe kungathonyeka lapho esingatha icala lokwenziwa kobubi noma lapho enquma ukuthi othile uyawafanelekela yini ngokomBhalo amalungelo enkonzo engeziwe ebandleni.—1 Samuweli 2:22-25, 33; IzEnzo 8:18-20; 1 Petru 5:2.
22. (a) Abadala banamuphi umthwalo ngokuqondene nobulungisa? (b) Yiziphi ezinye izimfanelo zikaNkulunkulu abadala okufanele bazibonise lapho besiza izoni?
22 Uma umuntu enza isono esingathí sina, abelusi abangokomoya bathatha isinyathelo sokuvikela ibandla ethonyeni eliyingozi nelonakalisayo. (IzEnzo 20:28-30; Thithu 3:10, 11) Uma-ke kodwa isoni siphenduka ngobuqotho, abadala bayofuna ‘ukusilungisa ngomoya wobumnene.’ (Galathiya 6:1) Kunokuba babe nonya, balandela lesi siqondiso: “Yahlulelani ngobulungisa beqiniso; niqhube umusa wothando nesihe komunye nomunye.” (Zakariya 7:9) Imithetho kaJehova mayelana nokuthethwa kwamacala kwa-Israyeli wasendulo iqokomisa ubulungisa nesihe sakhe. Abahluleli abamisiwe babenenkululeko ethile ekukhipheni izinqumo; babengabonisa isihe, kuye ngezimo nesimo sengqondo somenzi wobubi. Ngendlela efanayo, ababonisi abangamaKristu kumelwe balwele ukwahlulela “ngobulungisa beqiniso” futhi babonise “umusa wothando nesihe,” ngokwenza kanjalo babonise ukuthi sebeyamazi uJehova.
23, 24. (a) Abadala bangasikhipha kanjani ‘isahlulelo sokuthula’? (b) Abaprofethi abangu-12 bakusize ukuba uqondeni mayelana nobulungisa?
23 Khumbula uZakariya 8:16: “Yahlulelani emasangweni enu ngeqiniso nangesahlulelo sokuthula.” Ngayiphi injongo? Ngenjongo yokukhipha ‘isahlulelo sokuthula.’ Ngisho nangesikhathi abaphostoli besaphila, akhona amaKristu ayengaboni ngaso linye noma ayexabana. Njengoba uPawulu asiza u-Evodiya noSintike, nanamuhla kungase kudingeke ukuba abadala banikeze usizo. (Filipi 4:2, 3) Abadala kufanele bakulwele ngempela nangobuqotho ukukhipha ‘isahlulelo sokuthula,’ bazame ukubuyisela ukuthula phakathi kwabantu abangezwani. Iseluleko esingokomBhalo abasinikezayo nendlela abasinikeza ngayo kufanele kuthuthukise ukuthula ebandleni, nokuthula noNkulunkulu. Uma benza kanjalo bayobe bebonisa ukuthi bayamazi ngempela uJehova nobulungisa bakhe.
24 Le mikhakha emibili esesikhulume ngayo ibonisa ukuthi kusemqoka ukuba izeluleko ezalotshwa abaprofethi abangu-12 ngokuphathelene nobulungisa sizisebenzise ekuphileni kwethu kwansuku zonke. Yeka indlela esibusiswa ngayo lapho thina nalabo esiphila nabo sivumela ‘ubulungisa bugeleze’!