uJobe
24 “Kungani uMninimandla Onke engalubeki usuku lwakhe lokwahlulela? +
Kungani labo abamaziyo bengaluboni lolo suku?
8 Bamatiswa imvula yasezintabeni;
Bazisitha emadwaleni ngenxa yokuthi abanayo indawo yokukhosela.
9 Ingane engenababa bayihlwitha ebeleni likanina; +
Izingubo zabahluphekayo ziyathathwa zibe isibambiso, +
10 Bephoqwa ukuba bahambe nqunu bengagqokile,
Futhi belambile, bebe bethwele izikhwebu zokudla okusanhlamvu.
11 Bafukuza emagqumeni anezindonga zamatshe kushisa ilanga;*
Bagxoba amagilebhisi ezikhamweni zewayini, kodwa bahlala bomile. +
12 Abafayo balokhu bebubula edolobheni;
Abalimele kakhulu bakhalela usizo, +
Kodwa uNkulunkulu akakubheki njengento engafanele lokho.*
13 Kukhona labo abamelene nokukhanya; +
Abaziqapheli izindlela zako,
Futhi abazilandeli izindlela zako.
14 Umbulali uyavuka ekuntweleni kokusa;
Abulale ongakwazi ukuzivikela nohluphekile, +
Kuyilapho ebusuku entshontsha izinto zabantu.
Futhi sizifihla ubuso.
Abakwazi ukukhanya. +
17 Ngoba ukusa kuyafana nobumnyama obukhulu kubo;
Bajwayelene nezinto ezesabisayo zobumnyama obukhulu.
18 Kodwa amanzi abakhukhula ngokushesha.*
Indawo yabo iyoqalekiswa. +
Ngeke babuyele emasimini abo amagilebhisi.
19 Njengoba nje isomiso nokushisa kuhwamula amanzi eqhwa elincibilikile,
20 Unina uyomkhohlwa; impethu iyomudla.
Ngeke aphinde akhunjulwe. +
Ukungalungi kuyonqunywa njengesihlahla.
21 Uxhaphaza owesifazane oyinyumba,
Aphathe kabi umfelokazi.
22 UNkulunkulu uyosebenzisa amandla akhe ukuze aqede abanamandla;
Nakuba bengase bavuke, abaqiniseki ngokuthi bazophila yini.
24 Baphakanyisiwe okwesikhashana, ngemva kwalokho abasekho. +
Behlisiwe, + baqoqwa ndawonye njengawo wonke umuntu;
Banquntulwa njengesihloko sesikhwebu sokudla okusanhlamvu.
25 Manje ubani ongathi ngiqamba amanga
Noma angiphikise?”