Abantu ‘Abavela Kuzo Zonke Izilimi’ Bezwa Izindaba Ezinhle
“Amadoda ayishumi avela kuzo zonke izilimi zezizwe [ayothi]: ‘Sizohamba nani, ngoba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.’”—ZAKARIYA 8:23.
1. UJehova wasebenzisa siphi isikhathi esihle nezimo ukuze ubuKristu bufinyelele izizwe nezilimi zonke?
KWAKUYISIKHATHI esihle nezimo zivuma. Kwakuwusuku lwePhentekoste lika-33 C.E. Emasontweni ambalwa ngaphambili, amaJuda namaproselithe avela okungenani ezifundeni ezingu-15 zoMbuso WaseRoma owawusakazekele ezweni lonke nangale kwazo ayethutheleke eJerusalema ngobuningi ezogubha iPhasika. Ngalolo suku, izinkulungwane zawo zezwa—zingakhungathekile njengabaseBhabhele lasendulo kodwa zikuqonda okushiwoyo—abantu abavamile ababegcwele umoya ongcwele bememezela izindaba ezinhle ngezilimi eziningi ezazikhulunywa kulo mbuso. (IzEnzo 2:1-12) Ngaleso senzakalo kwazalwa ibandla lobuKristu futhi kwasungulwa umsebenzi womhlaba wonke wokufundisa ngezilimi eziningi osaqhubeka kuze kube namuhla.
2. Abafundi bakaJesu ‘bazimangaza’ kanjani izilaleli ezivela ezizweni ezihlukahlukene ngePhentekoste lika-33 C.E.?
2 Abafundi bakaJesu cishe babekwazi ukukhuluma isiGreki esivamile, ulimi olwalusetshenziswa abaningi ngaleso sikhathi. Babesebenzisa nesiHebheru, ulimi olwalukhulunywa ethempelini. Nokho, ngalolo suku lwePhentekoste, ‘bamangaza’ izilaleli ezivela ezizweni ezihlukahlukene lapho bekhuluma nazo ngolimi lwazo. Waba yini umphumela? Izinhliziyo zezilaleli zathinteka lapho zizwa amaqiniso abalulekile ngezilimi zazo. Lwathi luphela lolo suku, iqembu elincane labafundi lase likhule laba isixuku esikhulu sabantu abangaphezu kuka-3 000!—IzEnzo 2:37-42.
3, 4. Umsebenzi wokushumayela wasabalala kanjani njengoba abafundi bethutha eJerusalema, eJudiya naseGalile?
3 Ngemva nje kwaleso senzakalo esiyingqopha-mlando, kwagqashuka ushushiso olukhulu eJerusalema, futhi “ababehlakazekile badabula izwe bememezela izindaba ezinhle zezwi.” (IzEnzo 8:1-4) Ngokwesibonelo, encwadini yezEnzo isahluko 8 sifunda ngoFiliphu, okubonakala ayengumvangeli okhuluma isiGreki. UFiliphu washumayeza abaseSamariya. Washumayeza nesikhulu saseTopiya esasamukela isigijimi esiphathelene noKristu.—IzEnzo 6:1-5; 8:5-13, 26-40; 21:8, 9.
4 Njengoba amaKristu ayehamba efuna izindawo ayengase azinze kuzo ezingaphandle kwemingcele yeJerusalema, iJudiya neGalile, ahlangabezana nezithiyo ezintsha zamasiko nezilimi. Kungenzeka ukuthi abanye kuwo bafakaza kumaJuda kuphela. Kodwa umfundi uLuka uyabika: “Kwakukhona amadoda athile aseKhupro naseKhurene afika e-Antiyokiya akhuluma nabantu abakhuluma isiGreki, ememezela izindaba ezinhle zeNkosi uJesu.”—IzEnzo 11:19-21.
UNkulunkulu Ongakhethi Unesigijimi Sabantu Bonke
5. Ukungakhethi kukaJehova kubonakala kanjani ngokuqondene nezindaba ezinhle?
5 Izenzakalo ezinje zivumelana nezindlela zikaNkulunkulu; ukukhetha abantu kuyinto ekude naye. Ngemva kokuba uJehova emsizile ukuba alungise umbono wakhe ngabantu bezizwe, umphostoli uPetru waphawula ngokwazisa: “Ngokuqinisekile ngiyaqonda ukuthi uNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi enze ukulunga uyamukeleka kuye.” (IzEnzo 10:34, 35; IHubo 145:9) Lapho umphostoli uPawulu owayekade engumshushisi wamaKristu ethi ‘intando kaNkulunkulu iwukuba zonke izinhlobo zabantu zisindiswe,’ wayeqinisekisa ukuthi uNkulunkulu akacwasi. (1 Thimothewu 2:4) Ukungakhethi koMdali kubonakala ngokuthi abantu babo bonke ubulili, uhlanga, isizwe noma ulimi bangaba nethemba loMbuso.
6, 7. Iziphi iziprofetho zeBhayibheli ezabikezela ukuthi izindaba ezinhle zaziyosakazeka ezizweni zonke nangezilimi eziningi?
6 Lokhu kusakazeka ezizweni zonke kwakubikezelwe emakhulwini eminyaka ngaphambili. Ngokwesiprofetho sikaDaniyeli, uJesu “wanikwa ububusi nesithunzi nombuso, ukuze zonke izizwe, amaqembu ezizwe nezilimi zimkhonze.” (Daniyeli 7:14) Ukuthi leso siprofetho seBhayibheli siyagcwaliseka kuboniswa iqiniso lokuthi lo magazini unyatheliswa ngezilimi ezingu-151 futhi uhanjiswa emhlabeni wonke, okwenza ukuba nawe ukwazi ukufunda ngoMbuso kaJehova.
7 IBhayibheli labikezela ngesikhathi lapho abantu bezilimi ezihlukahlukene babeyozwa khona isigijimi salo esinikeza ukuphila. Echaza indlela ukukhulekela kweqiniso okwakuyokhanga ngayo abantu abaningi, uZakariya waprofetha: “Kuyothi ngalezo zinsuku amadoda ayishumi avela kuzo zonke izilimi zezizwe abambe, yebo, impela abambe umphetho wengubo yendoda engumJuda [umKristu ogcotshwe ngomoya, oyingxenye ‘ka-Israyeli kaNkulunkulu’], athi: ‘Sizohamba nani, ngoba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.’” (Zakariya 8:23; Galathiya 6:16) Elandisa lokho akubona embonweni, umphostoli uJohane naye wathi: “Bheka! isixuku esikhulu, okungekho muntu owakwazi ukusibala, siphuma kuzo zonke izizwe nezinhlanga nabantu nezilimi, simi phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu.” (IsAmbulo 7:9) Sikubonile ukugcwaliseka kwalezi ziprofetho!
Ukufinyelela Abantu Bazo Zonke Izinhlobo
8. Yini eyenzekayo namuhla eyenzé kwadingeka ukuba kwenziwe ukulungisa okuthile emsebenzini wethu wokufakaza?
8 Namuhla, kuya kuba lula ngokwandayo ukuba abantu bahambele kwamanye amazwe. Ukuhwebelana kwembulunga yonke kuye kwavula inkathi entsha yokuthuthela kwabantu kwamanye amazwe. Inkumbula yabantu esuka ezindaweni ezinezimpi nasezindaweni ezimpofu ngokwezomnotho iye yathuthela ezindaweni ezithe ukuzinza, ifuna indlela yokuphila elondekile ngokwezinto ezibonakalayo. Emazweni amaningi ukuthutheleka kwezifiki nababaleki kuye kwaholela ekwakhekeni kwamaqembu akhuluma ezinye izilimi. Ngokwesibonelo, eFinland kukhulunywa izilimi ezingaphezu kuka-120; e-Australia kukhulunywa ezingaphezu kuka-200. Edolobheni elilodwa nje lase-United States—iSan Diego—ungezwa izilimi ezingaphezu kwekhulu!
9. Imuphi umbono okufanele sibe nawo ngokuba khona kwabantu abakhuluma ezinye izilimi ensimini yethu?
9 Ingabe thina njengezikhonzi ezingamaKristu sibheka ukuba khona kwalaba bantu abakhuluma ezinye izilimi njengesiphazamiso enkonzweni yethu? Lutho neze! Kunalokho, sikubheka njengokunwetshwa okufiselekayo kwensimu esiyikhonzayo—‘amasimu amhlophe alungele ukuvunwa.’ (Johane 4:35) Silwela ukunakekela abantu abaqaphela isidingo sabo esingokomoya, kungakhathaliseki ukuthi bangabasiphi isizwe noma ulimi. (Mathewu 5:3) Ngenxa yalokho, unyaka ngamunye inani elandayo labantu ‘bazo zonke izilimi’ liba ngabafundi bakaKristu. (IsAmbulo 14:6) Ngokwesibonelo, kusukela ngo-August 2004, umsebenzi wokushumayela eJalimane ubulokhu wenziwa ngezilimi ezingaba ngu-40. Ngesikhathi esifanayo, izindaba ezinhle e-Australia zazishunyayelwa ngezilimi ezicishe zibe ngu-30, zisuka kwezingu-18 eminyakeni eyishumi nje edlule. EGrisi, oFakazi BakaJehova babeshumayela ngezilimi ezicishe zibe ngu-20. Emhlabeni wonke oFakazi BakaJehova abangaba amaphesenti angu-80 bakhuluma olunye ulimi olungesona isiNgisi, njengamanje esiwulimi lomhlaba wonke.
10. Ummemezeli ngamunye ufeza yiphi indima ekwenzeni abantu bazo “zonke izizwe” babe abafundi?
10 Singasho kugcwale umlomo ukuthi umyalo kaJesu ‘wokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi’ uyafezwa! (Mathewu 28:19) Bewamukela ngomdlandla lowo myalo, oFakazi BakaJehova bakhuthele emazweni angu-235, besakaza izincwadi ngezilimi ezingaphezu kuka-400. Nakuba inhlangano kaJehova ilungiselela izinto ezidingekayo ukuze kufinyelelwe abantu, ummemezeli woMbuso ngamunye kumelwe athathe isinyathelo sokuyisa isigijimi seBhayibheli ‘kubantu bazo zonke izinhlobo’ ngolimi abaluzwa kangcono. (Johane 1:7) Ukusebenza ngokubambisana ngale ndlela kwenza izigidi zabantu bamaqembu ezilimi ezihlukahlukene bazuze ezindabeni ezinhle. (Roma 10:14, 15) Yebo, umuntu ngamunye kithi ufeza indima ebalulekile!
Ukuhlangabezana Nenselele
11, 12. (a) Iziphi izinselele okumelwe kuhlangatshezwane nazo, futhi umoya ongcwele usiza kanjani? (b) Kungani ngokuvamile kusiza ukushumayeza abantu ngolimi lwabo?
11 Namuhla, abamemezeli boMbuso abaningi bangathanda ukufunda olunye ulimi, kodwa abakwazi ukuthembela noma ukulindela ukuba baphiwe ngokuyisimangaliso izipho zomoya kaNkulunkulu. (1 Korinte 13:8) Ukufunda olunye ulimi kuwumsebenzi omkhulu. Ngisho nalabo abakwaziyo kakade ukukhuluma olunye ulimi kungase kudingeke balungise ukucabanga kwabo nendlela abethula ngayo isigijimi seBhayibheli ukuze basenze sikhange kubantu abakhuluma lolo limi kodwa abanezizinda namasiko ahlukile. Bese-ke kuba inkinga yokuthi izifiki zivame ukuba namahloni; ngakho ukuqonda indlela yazo yokucabanga kuba umqansa.
12 Noma kunjalo, umoya ongcwele usasebenza phakathi kwezinceku zikaJehova emizamweni yazo yokusiza abantu abakhuluma ezinye izilimi. (Luka 11:13) Esikhundleni sokuba umoya usinike amandla okukhuluma ezinye izilimi ngokuyisimangaliso, ungajulisa isifiso sethu sokukhuluma nabantu abangakhulumi ulimi lwethu. (IHubo 143:10) Ukushumayela noma ukufundisa abantu isigijimi seBhayibheli ngolimi abangalwazi kungase kuyithinte ingqondo yabo. Nokho, ukuze sifinyelele inhliziyo yezilaleli zethu, ngokuvamile kuhle ukusebenzisa ulimi lwazo—ulimi oluzithinta ekujuleni kwezifiso, imigomo namathemba azo.—Luka 24:32.
13, 14. (a) Yini eshukumisa abanye ukuba bayokhonza ensimini yolunye ulimi? (b) Umoya wokuzidela ubonakala kanjani?
13 Abamemezeli boMbuso abaningi baye bazinikela bayokhonza ensimini yolunye ulimi lapho bebona indlela enhle abantu bakuleyo nsimu abasabela ngayo eqinisweni leBhayibheli. Abanye bazizwa bevuseleleka lapho inkonzo yabo iba nezinselele futhi ithakazelisa. “Abaningi kulabo abavela eMpumalanga Yurophu bomele iqiniso,” kusho elinye ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eningizimu yeYurophu. Yeka ukuthi kwanelisa kanjani ukusiza abantu abanjalo abathandayo!—Isaya 55:1, 2.
14 Nokho, ukuze sikhiqize kulo msebenzi, kudingeka sizimisele futhi sizidele. (IHubo 110:3) Ngokwesibonelo, imikhaya eminingana yoFakazi eJapane iye yadela imizi yayo enethezekile emadolobheni amakhulu yathuthela ezindaweni ezikude ukuze iyosiza amaqembu ezifiki ezikhuluma isiShayina ukuba ziqonde iBhayibheli. Ogwini olusentshonalanga ye-United States, abamemezeli bahamba ngemoto njalo ibanga lehora elilodwa kuya kwamabili ukuze bayoqhuba izifundo zeBhayibheli nabantu abasensimini ekhuluma isiFilipino. ENorway, kunombhangqwana ofundela umkhaya ovela e-Afghanistan. Lo mbhangqwana woFakazi usebenzisa incwajana yesiNgisi neyesiNorway ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?a Umkhaya ofundelwayo ufunda izigaba ngesiPheresiya, ulimi olusondelene kakhulu nolimi lwawo lomdabu lwesiDari. Baxoxa ngesiNgisi nangesiNorway. Umoya onjalo wokuzidela nokuzivumelanisa nezimo uvuzwa ngokucebile lapho abantu bakwezinye izizwe bamukela izindaba ezinhle.b
15. Singahlanganyela kanjani sonke emzamweni wokushumayela ngezilimi eziningi?
15 Ingabe nawe ungaba nengxenye kulo msebenzi owenziwa ngezilimi eziningi? Kungani ungaqali ngokuqaphela ukuthi iziphi ezinye izilimi ezikhulunywa kakhulu ensimini yakini? Khona-ke, ungaphatha amapheshana noma izincwajana ezimbalwa zalolo limi. Incwajana ethi Good News for People of All Nations, eyakhululwa ngo-2004, kakade isibe usizo ekusakazeni ithemba loMbuso ngenxa yesigijimi sayo esilula, esikhuthazayo esingezilimi eziningi.—Bheka isihloko esithi “Good News for People of All Nations,” ekhasini 32.
‘Ukuthanda Umfokazi’
16. Abazalwane abanomthwalo wemfanelo bangasibonisa kanjani isifiso sokuzidela lapho besiza abantu abakhuluma olunye ulimi?
16 Kungakhathaliseki ukuthi sifunda olunye ulimi noma cha, sonke singaba neqhaza emfundweni engokomoya yabantu bakwamanye amazwe abahlala endaweni yakithi. UJehova wayala abantu bakhe ukuba ‘bamthande umfokazi.’ (Duteronomi 10:18, 19) Ngokwesibonelo, edolobheni elithile elikhulu laseNyakatho Melika, kunamabandla amahlanu asebenzisa iHholo LoMbuso elilodwa. Njengakwamaningi amahholo, kunoshintsho lwaminyaka yonke lwezikhathi zemihlangano olwalungenza ukuba imihlangano yesiShayina eqhutshelwa lapho ingene ntambama kakhulu ngeSonto. Nokho lokhu kwakuyosho ukuthi izifiki eziningi ezisebenza ezitolo zokudlela zazingeke zikwazi ukuba khona. Abadala balawa amanye amabandla benza umusa bashintsha izikhathi ukuze imihlangano yolimi lwesiShayina iqhutshwe ekuseni ngeSonto.
17. Kufanele sizizwe kanjani lapho abanye benquma ukuthutha ukuze bayosiza iqembu lolunye ulimi?
17 Ababonisi abanothando bayabancoma abazalwane nodade abafanelekayo nabanekhono abafuna ukuthutha ukuze bayosiza amaqembu ezinye izilimi. Singase sibe sikhulu isikhala esivulekayo ebandleni ngokuhamba kwalaba bafundisi beBhayibheli abanokuhlangenwe nakho, kodwa ababonisi bazizwa ngendlela efanayo njengabadala baseListra nabase-Ikoniyu. Labo badala abazange bamgodle uThimothewu ukuba angahambi noPawulu, ngisho noma uThimothewu ayewusizo kakhulu emabandleni abo. (IzEnzo 16:1-4) Ngaphezu kwalokho labo abaholayo emsebenzini wokushumayela abaphazanyiswa ukungafani kwendlela yokucabanga, amasiko nemikhuba yabantu bakwamanye amazwe. Kunalokho bayakwamukela ukuthi abantu abafani bese befuna izindlela zokwakha ubuhlobo obuhle ngenxa yezindaba ezinhle.—1 Korinte 9:22, 23.
18. Imuphi umnyango omkhulu womsebenzi ovulekele bonke?
18 Njengoba kwaprofethwa, izindaba ezinhle zishunyayelwa ‘ngezilimi zazo zonke izizwe.’ Kusenamathuba okwanda okukhulu emasimini akhuluma ezinye izilimi. Izinkulungwane zabamemezeli abakwaziyo ukubhekana nezimo ezihlukahlukene ziye zangena ngalo “mnyango omkhulu oholela emsebenzini.” (1 Korinte 16:9) Nokho, kudingeka okwengeziwe ukuze kusetshenzwe lawo masimu, njengoba isihloko esilandelayo sizobonisa.
[Imibhalo yaphansi]
a Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.
b Ukuze uthole izibonelo ezengeziwe, bheka isihloko esithi “Ukuzidela Okuncane Kwasilethela Izibusiso Ezinkulu,” kuyi-Nqabayokulinda ka-April 1, 2004, amakhasi 24-8.
Ungachaza?
• Singamlingisa kanjani uJehova ekuboniseni ukungakhethi kubo bonke abantu?
• Kufanele sibabheke kanjani abantu abasensimini yakithi abangakhulumi ulimi lwethu?
• Kungani kuwusizo ukushumayeza abantu ngolimi lwabo?
• Singabonisa kanjani ukuthi siyabakhathalela abantu abaphuma kwamanye amazwe abaphakathi kwethu?
[Ibalazwe/Isithombe ekhasini 23]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
IRoma
IKRETHE
I-ASIYA
IFRIGIYA
IPHAMFILIYA
IPHONTU
IKHAPADOSIYA
IMESOPHOTHAMIYA
IMEDIYA
IPARTE
I-ELAMU
I-ARABHIYA
ILIBHIYA
IGIBHITHE
IJUDIYA
IJerusalema
[Amachibi amanzi]
ULwandle IMedithera
ULwandle Olumnyama
ULwandle Olubomvu
IPersian Gulf
[Isithombe]
NgePhentekoste lika-33 C.E., abantu abavela ezifundeni ezingu-15 zoMbuso WaseRoma nangale kwazo bezwa izindaba ezinhle ngezilimi zabo
[Izithombe ekhasini 24]
Abantu abaningi abaphuma kwamanye amazwe bayalithanda iqiniso leBhayibheli
[Isithombe ekhasini 25]
Ibhodi leHholo LoMbuso libhalwe ngezilimi ezinhlanu