-
Ukuvivinywa Nokuhlungwa Ezikhathini ZanamuhlaINqabayokulinda—1987 | Juni 15
-
-
Ukuvivinywa Nokuhlungwa Ezikhathini Zanamuhla
“Ngubani ongathwala usuku lokufika kwaso? Ngubani oyakuma ekubonakaleni kwaso na?”—MALAKI 3:2.
1. Lapho uJehova efika ethempelini elingokomoya ezikhathini zanamuhla, uye watholani, okuphakamisa miphi imibuzo?
LAPHO “iNkosi” ifika ethempelini elingokomoya ihamba ‘nesithunywa sayo sesivumelwano,’ ngokushesha ngemva kokumiswa koMbuso ezulwini ngo-1914, yini uJehova ayithola? Abantu bakhe babedinga ukucwengisiswa nokuhlanzwa. Ingabe babeyozithoba kulokhu futhi bakhuthazelele noma yikuphi ukuhlanzwa okudingekayo kwenhlangano yabo, umsebenzi, imfundiso, nokuziphatha? Njengoba uMalaki akubeka: “Ngubani ongathwala usuku lokufika kwaso? Ngubani oyakuma ekubonakaleni kwaso na?”—Malaki 3:1, 2.
-
-
Ukuvivinywa Nokuhlungwa Ezikhathini ZanamuhlaINqabayokulinda—1987 | Juni 15
-
-
3. Entwasahlobo ka-1918, sasiyini isimo sofakazi bakaNkulunkulu?
3 Lapho uJehova ehamba ‘nesithunywa sakhe sesivumelwano’ eya ethempelini elingokomoya, wathola insali idinga ukucwengisiswa nokuhlanzwa. Ngokwesibonelo, iThe Watch Tower yayikhuthazé abafundi bayo ukuba babekele eceleni uMay 30, 1918, njengosuku lomthandazo wokunqoba kwemibuso ebusa ngentando yeningi, njengoba kwakucele umkhandlu waseU.S. noMongameli uWilson. Lokhu kwakuwukwephulwa kokungathathihlangothi kobuKristu.—Johane 17:14, 16.
-