ISAHLUKO SESISHIYAGALOMBILI
“Yini UJehova Ayicela Kuwe?”
1, 2. Kungani kukhuthaza ukunaka indlela uJehova asabela ngayo ekonakaleni kokuziphatha kwabantu bakhe basendulo?
AKE ubone ngeso lengqondo lesi simo: Intombazane yethuswa umuntu ongqongqozisa okohlanya. Yesaba ukuthi ngumthengisi okhohlakele ozobasela imali ayikweletwa abazali bayo. Baningi asebaqole ngezikali zamanga nangenzalo enkulu. Ukuze angabanjwa, ufumbathisa abaholi, bese bekushaya indiva ukukhala kwezisulu. Le ntombazane izizwa ifelwe yizwe; uyise wabalahla wathatha intokazi eseyintsha. Yona nonina bangase bathengiswe njengezigqila.
2 Leso simo sihlanganisa eminye yemikhuba eyalahlwa abaprofethi abangu-12. (Amose 5:12; 8:4-6; Mika 6:10-12; Zefaniya 3:3; Malaki 2:13-16; 3:5) Ukube wawuphila ngaleso sikhathi, wawuyokwenzenjani? Yize lesi simo singanikezi themba, mazikukhuthaze izindlela ezilungile zokusebenzelana kukaJehova nabantu bakhe ezinsukwini zalabo baprofethi. Yebo, kulezi zincwadi ezingu-12 ungabona ukuthi uNkulunkulu wagcizelela izimfanelo nezimo zengqondo ezinhle. Isikhuthazo sakhe singakunika amandla okuziphatha, sikushukumisele ekwenzeni okuhle nasekumdumiseni. Ngenxa yokuthi usuku lukaJehova lokwahlulela lusondela ngokushesha, ukunaka kwakho isigijimi esikhuthazayo esikulezi zincwadi kungakusiza ukuqonde lokho uNkulunkulu akucela kuwe. Qala ngokubheka usuku lukaMika, ekhulwini lesishiyagalombili B.C.E.
YINI UJEHOVA AYICELA KUWE?
3, 4. (a) Isiphi isikhuthazo esihle esisencwadini kaMika? (b) Ukuthinta kanjani wena umbuzo okuMika 6:8?
3 Uma ufunda incwadi kaMika, ungaqale ube nomuzwa wokuthi imane iwuhide lwamacala ayebekwa ama-Israyeli ahlubukayo. Kuyavunywa, uJehova wayekubona kahle ukonakala kokuziphatha kwabantu bakhe abazinikezele, kuhlanganise nalabo abachaza ngokuthi ‘bazonda okuhle’ futhi ‘bathanda ububi.’ (Mika 3:2; 6:12) Noma kunjalo, phakathi kwezimemezelo zesahlulelo kukhona nesinye sezikhuthazo ezinhle nesishukumisa kunazo zonke eBhayibhelini. UMika ugxila eMthonjeni wezindinganiso zokulunga abese ebuza lo mbuzo oshukumisa ingqondo: “Yini uJehova ayicela kuwe ngaphandle kokuba ubonise ubulungisa, uthande umusa futhi ube nesizotha ekuhambeni noNkulunkulu wakho?”—Mika 6:8.
4 Uyakuzwa ukunxusa koMdali wethu lapha? Sikhunjuzwa ngothando ngezimo zengqondo ezinhle esisethubeni lokuba nazo esikhundleni sokuzivumela sichezukiswe ububi obukhona. UJehova uyazi ukuthi njengabantu abathembekile sifuna ukuhlakulela izimfanelo zakhe, futhi akasidikili. Ubungaphendula kanjani uma ubungase ubuzwe: ‘Yini uJehova ayicela kuwe?’ Ikhona yini imikhakha yokuphila kwakho lapho izindinganiso zikaNkulunkulu zokuziphatha zenza khona umehluko, noma obekufanele ngabe ziyawenza? Ubuhlobo bakho noNkulunkulu nokuphila kwakho kuyothuthuka kakhulu njengoba uqhubeka unamathela kulezo zindinganiso. Njengoba umhlaba oyipharadesi usuphambi kwakho, masikuqinise idolo lesi sikhuthazo: “Zihlwanyeleleni imbewu ngokulunga; vunani ngokomusa wothando. Zilimeleni umhlabathi olimekayo, lapho kusenesikhathi sokufuna uJehova aze afike anifundise ngokulunga.” (Hoseya 10:12) Manje ake sihlole amanye amaphuzu ayinhloko kulesi seluleko esihle sikaMika 6:8.
‘YIBA NESIZOTHA’
5. Kungani kubalulekile ‘ukuba nesizotha’ ekuhambeni noNkulunkulu?
5 Kuyaphawuleka ukuthi uMika uthi uJehova ucela ukuba ‘sibe nesizotha ekuhambeni’ naYe. Ukuba nesizotha kusizuzisa kuphela ngoba “ukuhlakanipha kukwabanesizotha.” (IzAga 11:2) Ukuba nesizotha kuhlanganisa ukuqaphela ukulinganiselwa esikuthole ngenxa yesono sika-Adamu. Ukuvuma kwethu ukuthi sizalelwe esonweni kuyisinyathelo sokuqala esibalulekile ekuzameni ukugwema isono samabomu.—Roma 7:24, 25.
6. Singazuza kanjani uma ngesizotha siyiqaphela imiphumela yesono?
6 Kungani isizotha kanye nokuthobeka kwengqondo kubaluleke kangaka ekugwemeni isono samabomu? Phela, umuntu onesizotha uyawaqaphela amandla esono. (IHubo 51:3) UHoseya usisiza ukuba siqonde ukuthi isono siyayenga nokuthi njalo nje sizala imiphumela emibi. Ngokwesibonelo, uJehova wathembisa ukuthi ‘uyobenza balandise’ abantu bakhe basendulo ngenxa yokungalaleli. Ingabe lokho kuzwakala sengathi lezo zoni ezingenasizotha zazingaphunyula? Zona zazingase zicabange kanjalo, kwazise isono siyakhohlisa futhi siyagqilaza. Okubaluleke nakakhulu, isono sihlukanisa izoni noNkulunkulu, sizenze zibe zimbi ngaleli zinga: ‘Izenzo zazo azizivumeli ukuba zibuyele kuNkulunkulu wazo.’ Isono samabomu siyakona ukuphila kwesoni, sisenze ‘sikwenze umkhuba okulimazayo.’ Ngaphezu kwalokho, isono senza ukuphila kwesoni kungabi nazithelo. Yebo, kungase kubonakale kusihambela kahle okwesikhashana kodwa isoni esingaphenduki asinakulindela ukwamukelwa uNkulunkulu.—Hoseya 1:4; 4:11-13; 5:4; 6:8.
7. Abantu abanesizotha basabela kanjani ekuqondisweni uJehova?
7 Abantu abanesizotha bayavuma nokuthi bayasidinga isiqondiso sikaNkulunkulu ukuze bagweme imiphumela edabukisayo yesono. UMika wasibona kusengaphambili isikhathi—usuku lwethu—okwakuyothi ngaso izixuku zishisekele ‘ukufundiswa izindlela zikaJehova nokuhamba ezindleleni zakhe.’ Abantu abathobeke kanjalo bafuna “umthetho” “nezwi likaJehova.” Cishe uyakujabulela ukuba phakathi kwabantu abafisa ‘ukuhamba ngegama likaJehova’ ngokulandela izimfuneko zakhe. Noma kunjalo, njengoMika, kungenzeka ukuthi uyathanda ukwazi izindlela ezengeziwe zokuhlala ‘uhlanzekile ngokuziphatha.’ (Mika 4:1-5; 6:11) Ukufuna ngesizotha ukwenza lokho uJehova akucelayo kuwe kuyokusiza kakhulu.
HLAKULELA IZIMISO EZIPHAKEME ZOKUZIPHATHA
8. Yini oyiphawulayo ngokuziphatha kwezwe namuhla?
8 Ukuze athuthukise inhlalakahle yethu engokomoya nengokwenyama, uJehova usicela ukuba sibe msulwa naphezu kokuwohloka kwezwe elisizungezile. (Malaki 2:15) Sizwa futhi sibone intilibathwa yezinto ezikhuthaza ubulili. Abantu abaningi banomuzwa wokuthi ukubukela izithombe zobulili ezingcolile namabhayisikobho, ukufunda ngezenzo ezingcolile zobulili, nokulalela izingoma ezisikisela ubulili, kuyizinto ezivamile. Ngaphezu kwalokho, kunabantu abangabahloniphi abantu besifazane, abababheka njengezinto zobulili. Noma, intsha esikoleni ingase inandise izingxoxo zayo ngamancoko angcolile nezinkulumo ezigigiyela ebulilini. Ungamelana kanjani nala mathonya onakalisayo?
9. Abaningi bahluleka kanjani ukunamathela ezindinganisweni zikaJehova ngesikhathi sabaprofethi abangu-12?
9 Abaprofethi abangu-12 esifunda ngabo basinika isikhuthazo esihle. Baphila ngaphambi kwenkathi yamabhayisikobho nezitolo zama-video, kodwa ngesikhathi sabo kwakunezithombe zezitho zobulili zabesilisa, ubufebe okwakuthiwa bungcwele, nokungabi nasimilo. (1 AmaKhosi 14:24; Isaya 57:3, 4; Habakuki 2:15) Ungabubona ubufakazi balokhu kokwalotshwa abaprofethi: “Ngokuqondene namadoda, ayasuka ukuze abe wodwa nezifebe, enza imihlatshelo nezifebe zesifazane zasethempelini.” “Umuntu noyise bayé entombazaneni efanayo, ngenjongo yokungcolisa igama lami elingcwele.” Abanye babevame ‘ukuqasha izifebe’ emikhosini yenzalo.a Ukuphinga kwakubhokile, abalingani bomshado abangathembekile ‘belandela izithandwa zabo ezibakhanukelayo.’—Hoseya 2:13; 4:2, 13, 14; Amose 2:7; Mika 1:7.
10. (a) Iyini imbangela eyinhloko yokuziphatha okubi? (b) Kwenzeka kanjani ukuba abantu bakaNkulunkulu basendulo babe necala lobufebe obungokomoya?
10 Cishe uyabona ukuthi ukuziphatha okubi kobulili kuveza isimo sengqondo somuntu nezisusa zakhe. (Marku 7:20-22) UJehova wathi ngabantu bakhe ababeziphethe kabi, “umoya wobufebe [“ukukhanukela ubulili,” Contemporary English Version] uqobo lwawo ubadukisile,” futhi “baqhube ukuziphatha okubi kuphela.” (Hoseya 4:12; 6:9)b UZakariya wakhuluma ‘ngomoya wokungahlanzeki.’ (Zakariya 13:2) Indlela yokuphila kwabantu yayibonisa isimo sengqondo sokwedelela, ukungazinaki noma ukuzeya izindinganiso zikaJehova negunya lakhe. Ngakho, ukuze umuntu alungise izisusa zakhe, kwakungadingeka akushintshe ngokuphelele ukucabanga kwakhe nesimo senhliziyo yakhe. Ukwazi lokhu kufanele kwenze amaKristu abonge kakhulu ngosizo alutholayo lokugwema ukuziphatha okubi nemiphumela yako ebuhlungu.
PHISHEKELA UBUMSULWA
11. Yimiphi eminye yemiphumela yokuziphatha kabi kobulili?
11 Kungenzeka ukuthi ubonile ukuthi isimilo esixegayo sivamile ukuhlukanisa imikhaya, ukuncisha izingane isiqondiso sabazali, ukubangela izifo ezinyanyekayo, nokubulala ngokukhipha izisu. Abantu abangamnaki uMdali ezindabeni zobulili bavame ukulimala emzimbeni nangokomzwelo. UMika wabhala: “Ngenxa yokuthi [umuntu] uye waba ongcolile, kuyaphihlizwa; futhi umsebenzi wokuphihliza ubuhlungu.” (Mika 2:10) Ukwazi lokhu kuqinisa ukuzimisela kwabantu abesaba uNkulunkulu. Bayagwema ukungcolisa izinhliziyo nezingqondo zabo ngokucabanga izinto ezingcolile.—Mathewu 12:34; 15:18.
12. Kusizuzisa kanjani ukuba nombono kaJehova ngobulili?
12 AmaKristu awamane nje agweme ukuziphatha kabi kobulili ngoba esaba izifo noma ukuzalela ekhaya. Ayakubona ukubaluleka kokuhlakulela uthando ngomthetho kaNkulunkulu nokuba nombono wakhe ngokuziphatha kobulili. UJehova wafaka kubantu isifiso semvelo sokuhlanganyela ubulili njengendlela yokubonisa uthando emshadweni. Lokho kuphakathi kwezinto uNkulunkulu ayezihlosile lapho edala abantu. Uma ubulili bugcina kubantu abafanelekayo—abashadile—bufeza okuhle, bubopha indoda nomkayo babe munye futhi ngezinye izikhathi buveza izingane. Kodwa uma buhlanganyelwa abantu abangashadile, kuba nomonakalo omkhulu, njengoba kuveza abaprofethi abangu-12. Imikhuba yokuziphatha kabi kobulili yaholela ekulahlweni uNkulunkulu. Lokho kwaba umphumela obuhlungu kakhulu ngaleso sikhathi futhi nanamuhla kungaba umphumela obuhlungu ngendlela efanayo.
13. ‘Singabususa’ kanjani ‘ubufebe’ kanjalo sigweme isilingo?
13 UHoseya wanxusa abantu bosuku lwakhe ukuba bayeke, noma ‘basuse ubufebe phambi kwabo,’ okusho ukuthi bathathe izinyathelo eziwujuqu zokuvikela ukuziphatha kwabo. (Hoseya 2:2) Kithi namuhla, kuyinkambo yokuhlakanipha ukusuka kunoma isiphi isimo esingasifaka esilingweni. Ngokwesibonelo, kungase kube nesilingo esikubeleselayo esikoleni noma ngasekhaya. Ungase ungakwazi ukushintsha izikole noma indawo, kodwa zingase zibe khona ezinye izindlela zokudeda ezimweni ezilingayo, kanjalo ‘ususe ubufebe phambi kwakho.’ Batshele abanye ukuthi wena ungumKristu weqiniso, ungomunye woFakazi BakaJehova. Ngendlela ecacile nenenhlonipho, bachazele izindinganiso nezinkolelo zakho. Qiniseka ukuthi bayazi ukuthi uzimisele ukulondoloza izindinganiso zikaJehova eziphakeme. (Amose 5:15) Enye yezindlela ‘zokususa ubufebe’ iwukugwema izithombe zobulili ezingcolile nokuzijabulisa okusolisayo. Lokho kungase kusho ukulahla omagazini abathile noma ukuthola abangane abasha—abangane abathanda uJehova nabavumayo ukuthi kufanele wenze lokho akucela kuwe. (Mika 7:5) Yebo, ngosizo lukaJehova, ungakugwema ukungcoliswa ukuziphatha okubi kwaleli zwe!
‘THANDA UMUSA’
14, 15. (a) Kusho ukuthini ‘ukuthanda umusa’? (b) Ukuthanda umusa kusenza kanjani singabi nasici?
14 UMika wagcizelela ukuthi uJehova usicela ukuba ‘sithande umusa.’ Ukuba nomusa kusho ukwenza izinto ezinhle kunokwenza noma yini embi. Umusa uhlobene eduze nobuhle nokuziphatha okusezingeni eliphakeme. Udinga sithembeke futhi sibe nobulungisa ezintweni esizenzayo nasekusebenzelaneni nabanye. ESahlukweni 6 sale ncwadi, sihlole imikhakha ebalulekile yokuphila, njengezindaba zebhizinisi nezezimali lapho ubulungisa nokwethembeka kunendima ebalulekile khona. Kodwa leyo akukuphela kwemikhakha okufanele sibe nobulungisa, ukwethembeka, nomusa kuyo.
15 Abantu abathanda umusa nabafuna ukwenzela abanye okuhle balwela ukungasoleki. UJehova watshela ama-Israyeli ayengawulaleli umthetho wokunikelela ukukhulekela okumsulwa ngezimpahla zawo: “Nina niyangiphanga.” (Malaki 3:8) Zikhona izindlela ongazicabanga umuntu ‘angaphanga’ ngazo uNkulunkulu namuhla? Ake sithi umKristu uphatha iminikelo yokuthuthukisa izithakazelo zoMbuso ebandleni lakubo noma kwezinye izimo. Ekabani leyo mali? Empeleni leyo mali ekaJehova ngoba inikelelwe ukuthuthukisa ukukhulekela kwakhe. (2 Korinte 9:7) Ingabe ukhona umuntu okufanele acabange ukuthi “angayiboleka” leyo mali ukuze enze okuthile okuphuthumayo okuthinta yena noma ayisebenzise ngaphandle kwemvume? Cha akekho. Lokho kuyofana nokuntshontshela uNkulunkulu! Ngeke neze futhi kube ukubonisa umusa noma ubulungisa kulabo abanikelele umsebenzi kaNkulunkulu.—IzAga 6:30, 31; Zakariya 5:3.
16, 17. (a) Abanye abantu babubonisa kanjani ubugovu ezinsukwini zika-Amose nezikaMika? (b) Uyini umbono kaNkulunkulu ngokuhaha?
16 Umusa nobuhle kwenza amaKristu agweme nokuhaha. Osukwini luka-Amose umhobholo wawubhokile. Amagovu ayenganqeni ‘ukuthengisa olungileyo’—omunye umkhulekeli—“ngesiliva nje”! (Amose 2:6) Kwakunjalo nasesikhathini sikaMika, lapho izinkinsela zakwaJuda zaziqhwaga izindawo zabantu ababengakwazi ukuzivikela, zize zizithathe ngenkani uma kudingeka. (Mika 2:2; 3:10) Ngokudla izindawo zabanye abantu, lawo magovu ayephula uMthetho kaJehova: umthetho wokugcina weMithetho Eyishumi kanye nemiyalo enqabela ukuthengiswa phakade kwendawo eyifa.—Eksodusi 20:13, 15, 17; Levitikusi 25:23-28.
17 Kungase kungavami namuhla ukuba abantu bathengiswe noma benziwe izigqila njengasezinsukwini zabaprofethi. Kodwa, kuthiwani ngokuwaka abanye noma ngokubaxhaphaza ngokwezimali? UmKristu othanda umusa akasoze abaxhaphaza abantu akhonza nabo. Ngokwesibonelo, uyazi ukuthi ngeke kufaneleke noma kube umusa ukusungula ibhizinisi noma ukukhuthaza uhlelo lokuzalisa imali, ehlose ukuba amakhasimende ayinhloko kube amanye amakholwa. Ukuceba ukwenza imali ngokushesha ngokuxhaphaza amanye amaKristu kuwukuhaha, okuyinto axwayiswa ngayo amaKristu. (Efesu 5:3; Kolose 3:5; Jakobe 4:1-5) Ukuhaha kungabonakala ngokuthanda imali, ngokufisa ukuba namandla noma ukuba nezinto, ngisho nangokuba nephango elinganeliseki lokudla nokuphuza, ukuzitika ngobulili nangezinye izinto. UMika wabonisa ukuthi abantu abazikhathalela bona, abangamagovu, ‘ngeke basuthe.’ Kunjalo nanamuhla.—Mika 6:14.
18, 19. (a) Yini abanye babaprofethi abangu-12 abayisho ngokunakekela kukaJehova ‘umfokazi’? (b) Ukubabonisa umusa abanye kungakuthuthukisa kanjani ukuzwana endaweni ohlala kuyo?
18 UJehova wayala abantu bakhe ukuba ‘bangaphambi mfokazi.’ NgoMalaki, uNkulunkulu wathi: ‘Ngiyokuza kini ngenjongo yokwahlulela labo abaxosha umfokazi.’ (Zakariya 7:10; Malaki 3:5) Ingabe indawo ohlala kuyo iye yashintsha ngenxa yokuthutheleka kwezifiki noma abantu bobuzwe obuhlukile, uhlanga, noma isizinda? Mhlawumbe bathuthele kuyo bezofuna amadlelo aluhlaza. Ubabheka kanjani abantu abalulimi lwabo nendlela yabo yokuphila ihlukile kweyakho? Ingabe ikhona inhlansi yobandlululo kuwe, okuyoba yinto engewona nhlobo umusa?
19 Cabanga ukuthi abantu bayosabela kahle kanjani uma ubonisa ukuthi abantu abavela kwamanye amazwe noma besinye isizinda nabo bayalifanelekela iqiniso lobuKristu. Umusa uyosenza singabi nomuzwa wokuthi laba bantu abanalo ilungelo lokusebenzisa iHholo LoMbuso noma ezinye izinto. Umphostoli uPawulu wakhumbuza amanye amaKristu angamaJuda ekhulu lokuqala, ayengabathandisisi abangemaJuda, ukuthi akekho ngempela owayefaneleka; ngumusa kaNkulunkulu ongafanelwe kuphela owenza noma ubani athole insindiso. (Roma 3:9-12, 23, 24) Ukuba nomusa kwabanye kuyosenza sijabule ngokuthi uthando lukaNkulunkulu manje selufinyelela kubantu abaningi ababengenawo amathuba okuzwa izindaba ezinhle. (1 Thimothewu 2:4) Abantu abavela kwamanye amazwe noma kwezinye izizinda ngokuvamile basuke behlupheka, ngakho kufanele sibakhathalele futhi sibabonise umusa, sibamukele, siphathe ngamunye wabo ‘njengesizalwa’ naye.—Levitikusi 19:34.
HAMBA NONKULUNKULU WEQINISO
20. Ama-Israyeli aphendukela kobani ukuze athole isiqondiso?
20 UMika wagcizelela nokuhamba noNkulunkulu, sibheke kuye njengoNkulunkulu weqiniso, sifune isiqondiso sakhe. (IzAga 3:5, 6; Hoseya 7:10) Ngemva kokubuya kwamaJuda ekuthunjweni, amanye aphendukela kubabhuli, kubabikezeli benhlanhla, nakonkulunkulu bamanga, mhlawumbe efuna usizo ngesikhathi sesomiso. Empeleni ayencenga imimoya emibi ukuba iwasize, naphezu kokuba uJehova ayeyilahle ngokucacile imikhuba enjalo. (Duteronomi 18:9-14; Mika 3:6, 11; 5:12; Hagayi 1:10, 11; Zakariya 10:1, 2) Lawo maJuda ayezihlanganisa nezidalwa zomoya ezimelene noNkulunkulu weqiniso!
21, 22. (a) Yiziphi izinhlobo zokusebenzisa imimoya ezivamile ngakini? (b) Kungani izinceku zikaJehova zeqiniso zikugwema ukulumba?
21 Abanye namuhla bacabanga ukuthi imimoya emibi okukhulunywa ngayo emiBhalweni imane nje ifanekisela ububi. Kodwa iBhayibheli lembula ukuthi amademoni angokoqobo futhi yiwo abangela abantu ukuba babhule ngezinkanyezi, bathakathe, benze nezinhlobo ezithile zemilingo. (IzEnzo 16:16-18; 2 Petru 2:4; Jude 6) Izingozi zokusebenzisa imimoya nazo zingokoqobo. Emasikweni amaningi, abantu bafuna usizo ezinyangeni ezithi zinamandla ayisimangaliso nakubalumbi. Abanye bafuna isiqondiso ezinkanyezini, ngokubhula ngamathambo, ngokuya esibukweni, nangokuya emhlahlweni. Ngisho nemizamo yokukhuluma nemimoya yabafileyo ivamile impela. Kubikwa ukuthi abanye abaholi bamazwe bafuna usizo lokwenza izinqumo kwababhula ngezinkanyezi nasezangomeni. Konke lokhu kuphambene neseluleko sikaMika sokuba sihambe noNkulunkulu weqiniso, silandele isiqondiso sakhe.
22 Ngokuqinisekile wena—njengoba uyinceku kaJehova yeqiniso—kumelwe uyigweme imikhuba enjalo. Ungaqiniseka ukuthi uNkulunkulu akalokothi asebenzise imilingo noma imimoya ukuze embule intando yakhe noma asebenzise amandla akhe. Kunalokho, njengoba u-Amose 3:7 esiqinisekisa, uJehova ‘wembula imfihlo yakhe ezincekwini zakhe, abaprofethi.’ Ngaphezu kwalokho, ukulumba kungenza umuntu athonywe futhi alawulwe umbusi wamademoni, uSathane, ongumqambimanga nonhloso yakhe iwukudukisa abantu. Yena nezicashalala zakhe bahlose ukulimaza, futhi njengoba bebelokhu benonya, bayabulala nokubulala. (Jobe 1:7-19; 2:7; Marku 5:5) Yingakho uMika akulahla ukubhula nokulumba lapho esikhuthaza ukuba sihambe noNkulunkulu weqiniso.
23. Ubani okuwukuphela kwakhe ongenelisa izicelo zethu ezifanele?
23 Isiqondiso seqiniso esingokomoya sitholakala kuphela kuJehova nasekukhulekeleni kwakhe okumsulwa. (Johane 4:24) Umprofethi uZakariya wabhala: “Celani . . . kuJehova.” (Zakariya 10:1) Ngisho noma uhlaselwa yimimoya emibi noma ikulinga, khumbula ukuthi ‘wonke umuntu obiza igama likaJehova uyosinda.’ (Joweli 2:32) Lesi siqinisekiso sibalulekile ekulukhumbuleni kwethu njalo usuku lwakhe olukhulu.
24. Ufundeni kuMika 6:8?
24 Kusobala ukuthi amazwi kaMika 6:8 asinikeza okuningi kokucabanga ngakho. Ukuze sibe nezindinganiso eziqinile zokuziphatha, kudingeka sibe nezisusa ezifanele nezimfanelo zikaNkulunkulu. UHoseya wasinikeza isikhuthazo thina esiphila “engxenyeni yokugcina yezinsuku.” Wathi, osukwini lwethu, abantu abesaba uNkulunkulu bayofuna ubuhle bakhe. (Hoseya 3:5) U-Amose wagcizelela ukuthi uNkulunkulu ufuna senze lokho kanye, ethi: “Funani okuhle, . . . ukuze niqhubeke niphila.” Siyanxuswa futhi: ‘Thandani okuhle.’ (Amose 5:14, 15) Uma senza kanjalo, kuyosiqabula ukwenza lokho uJehova akucelayo kithi.
a Umhumushi weBhayibheli uJoseph Rotherham uthi ngezizwe zaseKhanani, okuziphatha kwazo kwalingiswa ama-Israyeli: “Ukukhulekela kwazo kwakugxile kakhulu ebulilini futhi kunesihluku ngendlela enyantisayo. Ukuze bahloniphe onkulunkulu babo, abesifazane babedela ubumsulwa babo. Izindawo zabo ezingcwele zaziyizindlu zezifebe. Kwakunemifanekiso enyanyisayo yezitho zokuzala eyayibekwa obala. Abantu babenezifebe ezingcwele (!), ezesilisa nezesifazane.”
b Abantu bakaNkulunkulu babenanecala lokufeba ngokomoya. Bazakhela ubuhlobo obungafanele nezizwe ezingamaqaba futhi baxuba ukukhulekela kweqiniso nokukhulekela uBhali.