Umbono WeBhayibheli
Hlobo Luni Lokwehlukanisa UNkulunkulu Aluzondayo?
“IZINKINGA ezazihambisana nesehlukaniso sami zaziziningi,” kubhala omunye wesifazane ongumKristu owayenomyeni owayengathembekile. “Inkathi yokushintsha ayisona isikhathi esilula. Kwadingeka ngingashintshi nje ngokwengqondo kuphela kodwa nangokwezimali kanye nangokomoya. Ngangizibuza ukuthi ingabe uJehova wayeyosibusisa yini isinqumo sami, njengoba ngangazi ukuthi imiBhalo ithi uyasizonda isehlukaniso. Lokhu kwakungikhathaza njalo.”
Lapho umshado uphela, ubunzima abupheli. Ngokungalindelekile kuvela uchungechunge olusha lwezinkinga. Imizwa—ukucindezeleka, isizungu, nomuzwa wokuba necala—evela ngokungalindelekile. Ukubhekana nempi yokuwina abantwana. Indodana noma indodakazi ekhalela uMama noma uBaba. Ubunzima obucindezelayo obungokwezimali. Ukuzama ukubhekana nesifiso sobuhlobo obuseduze obutholakala emshadweni kuphela.
Bese kuba khona nombono kaNkulunkulu okumelwe kucatshangwe ngawo. IBhayibheli lithi uNkulunkulu ‘uyakuzonda ukwahlukana.’ (Malaki 2:16) Ingabe lamazwi asho ukuthi uNkulunkulu uzonda konke ukwahlukana? Ngakho-ke, ingabe umKristu kudingeka azizwe enecala ngenxa yokufaka isehlukaniso lapho umngane womshado eye wangathembeka? Ukuze sithole izimpendulo, ake sibheke izimo zosuku lukaMalaki ezashukumisela uNkulunkulu ukuba athi uyasizonda isehlukaniso.
“Ningakhohlisi”
UMalaki waprofetha ngemva kuka-443 B.C.E., cishe esikhathini esingaba yikhulu leminyaka ngemva kokuba abathunjwa abangamaJuda bebuyile eBabiloni. Kwakukhona izimo ezimbi kwaJuda, ikakhulukazi phakathi kwabapristi. (Malaki 2:7-9) Imikhuba enjengokuqamba amanga, ukuphinga, ukukhwabanisa, nokucindezela yayandile phakathi kwawo wonke ama-Israyeli. (Malaki 3:5) Lezizimo zavusa ukungaqiniseki okukhulu kangangokuba abanye baphetha ngokuthi: “Kuyize ukukhonza uNkulunkulu.”—Malaki 3:14.
Osukwini lukaMalaki ukungcola okungokwenkolo nokungokokuziphatha kwakubonakala nasekuncipheni kokuhlonishwa komshado. Amadoda amaningi akwa-Israyeli ayehlukanisa nabafazi bobusha bawo, mhlawumbe ukuze ashade nabesifazane abasebasha abangamaqaba. I-altare likaJehova lagcwala izinyembezi zabafazi abaliwe ababeza endlini engcwele bezolila futhi babubule phambi kukaNkulunkulu.—Malaki 2:13-15.
UJehova uNkulunkulu wazizwa kanjani ngokwehlukanisa okunjalo? NgoMalaki waxwayisa: “Ngalokho qaphelani umoya wenu ukuba ningamkhohlisi umfazi wobusha benu. Ngokuba ngiyazonda ukwahlukana, usho uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli . . . Ngalokho qaphelani umoya wenu ukuba ningakhohlisi.” (Malaki 2:15, 16) Ngokwe-Theological Wordbook of the Old Testament, igama lesiHeberu elihunyushwe ngokuthi ‘ukukhohlisa’ lisho “ukuphamba, (ukwenza) ngokungathembeki.” KuyiHubo 59:5, indlela yesenzo esiyisiphawulo saleligama ihunyushwe ngokuthi ‘izihlubuki’ [“amambuka,” NW].
Sinesizinda esinjalo, singawaqonda kangcono amazwi akuMalaki 2:16: “Uyakuzonda ukwahlukana.” UJehova uyaluzonda uhlobo lokwahlukana oluhilela ukulahla umngane wakho womshado ngesizathu esiyize ukuze uthathe omunye. Ngokwesibonelo, indoda eye yaphinga bese ihlukanisa nomngane wayo ongenacala ngokumelene nezifiso zakhe noma imcindezele ukuba afake isehlukaniso ukuze ishade nomunye ngempela iyobe iyamkhohlisa umkayo. Ukuphatha umngane womshado ongenacala, ngokumkhohlisa nangendlela ebonisa ukuntula ukholo kuyisono esinyanyekayo emehlweni kaNkulunkulu. Indoda edlala ngayo yonke iminyaka emihle yokuphila kowesifazane bese imlahla, mhlawumbe ngenxa yowesifazane osemusha, ngempela iyimbuka.a
Nokho, kuthiwani ngomngane womshado ongenacala okhetha ukwehlukanisa nomngane womshado oye waphinga? Ingabe uNkulunkulu uyazizonda nezehlukaniso ezinjalo?
Isibonelo SikaNkulunkulu
Empeleni ingabe uNkulunkulu uyazi ukuthi kunjani ukubhekana nesinqumo sokuthi kufanele yini uhlukanise nomngane womshado ophingayo noma cha? Uma sikhuluma ngokomfanekiso, lapho uJehova enza isivumelwano nesizwe sakwa-Israyeli wasendulo wazibheka njengowayeshade naso. (Isaya 54:1, 5, 6; 62:1-6; Jeremiya 31:31, 32) Njengomyeni, uJehova wahlala ethembekile, akazange nakancane abonise uthando lwakhe lomzwelo kwezinye izizwe. (IHubo 147:19, 20; Amose 3:1, 2) Kodwa kuthiwani ngo-Israyeli? Lesisizwe sazibonakalisa siwuhlobo luni lomfazi?
Ngokuphindaphindiwe sonke isizwe sazibonakalisa singathembekile esivumelwaneni, ekugcineni safinyelela esimweni esichazwe emthandazweni olotshwe kuDaniyeli 9:5, 6: “Sonile, siziphathé kabi, senzile okubi, sihlubukile, sachezuka emiyalweni yakho nasezahlulelweni zakho; asilalelanga izinceku zakho abaprofethi ezazikhuluma egameni lakho emakhosini ethu, nasezikhulwini zethu, nakobaba, nakubo bonke abantu bezwe.” Emehlweni kaJehova, ukungathembeki okunjalo kwakufana nokuphinga kowesifazane.—Jeremiya 3:1.
Ngemva kwamakhulu eminyaka okubekezela nokubhekakade, yini uJehova ayenza? Eqinisweni uJehova wazihlukanisa nalesisizwe ngokuthi athathe isinyathelo esiqinile sokwahlulela, ngokuqale alahlele ekuthunjweni izizwe zasenyakatho kamuva kwaba ezaseningizimu. (Jeremiya 3:8; Daniyeli 9:11, 12) Ngakho ngokucabangela isibonelo sakhe siqu, uJehova uNkulunkulu angamzonda kanjani umngane womshado ongenacala uma ekhetha ukwehlukanisa nomngane womshado oye wangathembeka esifungweni somshado?
Umshado uyilungiselelo elingcwele emehlweni kaNkulunkulu, futhi labo abawungenelayo akufanele basithathe kalula isifungo abaye basenza. (Heberu 13:4) Kodwa uma umngane womuntu engathembeki esifungweni ngokwenza “ubufebe,” uNkulunkulu unikeza umngane ongenacala ilungelo lokunquma ukuthi amthethelele yini noma afake isehlukaniso. (Mathewu 19:9) Leso isinqumo esinzima, okumelwe umngane womshado ongenacala asenze yedwa. Uma umngane womshado ongenacala enquma ukuwuphelisa umshado, akudingekile ukuba azizwe enecala ngokufaka isehlukaniso. Khumbula ukuthi uJehova akazondi konke ukwehlukanisa, kodwa uzonda uhlobo lokwehlukanisa oluhilela ukulahla umngane womshado ngokungembhalo ukuze kuthathwe omunye.b
[Imibhalo yaphansi]
a Kuyo yonke imiBhalo, uJehova uNkulunkulu uthi uyazizonda izimo zengqondo nezindlela zokuziphatha eziyisono. (Duteronomi 16:22; IzAga 6:16-19; 8:13; Isaya 1:14; 61:8) Uma kucatshangelwa lokhu kwaziswa, ukwehlukanisa okukhulunywa ngakho kuMalaki 2:16 kumelwe futhi kube okohlobo oluyisono emehlweni akhe.
b Ukwehlukanisa nomngane womshado ophingayo kuyisinqumo somuntu siqu. Ukuze uthole ukukhulunyelwa kwezici ezihlukahlukene umngane womshado ongenacala angazicabangela ekunqumeni ukuthi kumelwe yini athole isehlukaniso esingokomBhalo noma cha, siza ubheke INqabayokulinda ka-August 15, 1993, ikhasi 5, neka-May 15, 1988, amakhasi 4 kuya ku-7.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 20]
Historic Costume in Pictures/ Dover Publications, Inc., New York