Ingabe UbuKristu Beqiniso Buveza Abashiseka Ngokungenangqondo?
ELOBUKHOLWA liye laba nabashiseka ngokunenangqondo—kusukela kubantu abazishisa ngomlilo ngenxa yezimpikiswano ezingokombangazwe kuya kubantu abaphatha ngobudlova labo abanombono ongokwenkolo ohlukile. Ngokwesibonelo, iMpi yokuqala yenkolo yagqugquzelwa iSonto lamaKatolika ukuze ikhulule iJerusalema ezandleni zabantu elalibabheka njengamaqaba. Yaqala ngamaqembu amathathu anobudlova azenzo zawo zobudlova zazihlanganisa ababulali bamaJuda baseRhineland. Lapho amabutho aleMpi yenkolo ephumelela ekuthatheni iJerusalema, lamasosha angamaKristu okuzisholo aphendula imigwaqo yaba imifula yegazi.
Encwadini yakhe ethi The Outline of History, uH. G. Wells wathi ngeMpi yokuqala elwela inkolo: “Ukubulala kwakukubi kakhulu; igazi labanqotshiwe lageleza emigwaqweni, kwaze kwaba yilapho abantu behamba emachibini egazi. Ebusuku, ‘efuna injabulo eyeqile,’ amasosha enkolo aya eMathuneni evela ukuyonyathela isikhamo sewayini, ahlanganisa ndawonye izandla zawo ezigcwele igazi athandaza.”
Kwenye iMpi eyagqugquzelwa uPapa Innocent III, abantu abanokuthula benkolo yama-Albigenses neyama Waldenses, abenqaba izimfundiso zaseRoma kanye nokweqisa ezenzweni zabefundisi, babulawa. Ngokuqondene nokushiseka ngokunenangqondo okwaboniswa kubo, uWells wabhala: “Lokhu kwakwanele ngeSigungu Sabefundisi (Lateran), futhi saba nombukiso kaInnocent III eshumayela ukuba kulwelwe inkolo kubulawe labonobhala abaneshwa, futhi wavumela ukuba kuhlanganiswe zonke izichwensi ezizulazulayo . . . futhi kwenziwe zonke izenzo zobudlova ezikhonzini ezinokuthula zeNkosi yaseFrance. Ukufunda ngalezi ndaba zonya nobubi balempi yenkolo kuhlasimulisa ngaphezu kwanoma iyiphi indaba yabafel’ ukholo abangamaKristu ababebulawa amaqaba.”
Umlando weLobukholwa ugcwele izindaba zabantu abashiseka ngokungenangqondo, futhi ngokuvamile baye bakhiqiza izithelo zobudlova. Khona-ke singaphetha ngokuthi ukushiseka ngokungenangqondo akuzivezi izithelo ezinhle. INew Standard Dictionary of the English Language kaFunk no Wagnalls (inguqulo ka-1929) ichaza elithi fanaticism (ukushiseka ngokungenangqondo) ngalendlela: “Intshiseko edlulele noma yobuhlanya.” Futhi iyaqhubeka ikuchaza ngalamazwi: “Asikho isikhathi emlandweni esake sabonisa izinga elikhulu lobudlova, ukungabi namthetho, nokushiseka ngokungenangqondo kunezimpi zenkolo.”
Futhi kuyathakazelisa ukuphawula incazelo yegama elithi fanatic (oshiseka ngokungenangqondo) yeWebster’s Third New International Dictionary, inguqulo ka-1961. Ithi: ‘Fanatic—ngesiLatin okuphefumlelwe unkulunkulu othile. 1. Okhwelwe idemoni noma okufana nalo; oweqisayo: osangene, ophekuzayo, uhlanya. 2. Olawulwayo, ovezwayo, noma ophawuleka ngentshiseko enkulu: owedlulele, ongenakuqonda, oshiseka ngokungenangqondo, ikakhulukazi ezindabeni ezingokwenkolo.’ Sicabanga ngalokhu, ingabe kungashiwo ukuthi amaKristu eqiniso ashiseka ngokungenangqondo?
Babonakala Ngezithelo
Njengoba izithelo zomuthi ziwubonakalisa, ngokufanayo imiphumela yezenzo zabantu ibonakalisa uhlobo lwabantu abenza lezozenzo. UJesu Kristu, uMsunguli wobuKristu, wakuveza lokhu. Wathi: “Umuthi omuhle ungethele izithelo ezimbi, nomuthi omubi ungethele izithelo ezinhle. Njaloke niyakubazi ngezithelo zabo.”—Mathewu 7:18, 20.
UJesu wasungula ubuKristu beqiniso njengomuthi omuhle. Khona-ke, babungeke buveze izithelo ezimbi zokushiseka ngokungenangqondo. UJesu akakaze anxuse abalandeli bakhe ukuba balimaze imizimba yabo noma eyabanye. Kunalokho, ecaphuna omunye wemiyalo emibili emikhulu, wathi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.” (Mathewu 22:39) Abalandeli bakhe kwakumelwe babe nomusa ngisho nasezitheni zabo. UJesu wathi: “Thandani izitha zenu, nenze okuhle kwabanizondayo, nibusise abaniqalekisayo, nibakhulekele abanidumazayo.”—Luka 6:27, 28.
Abalandeli beqiniso bakaJesu baya kubantu bezizwe eziningi ezihlukene, hhayi ngomlilo nangenkemba, kodwa ngeZwi likaNkulunkulu elilotshiwe nangokunxusa ngokuthula. Awekho amabutho empi ayehamba nabo kwamanye amazwe ukuze abulale, ahluphe, futhi abambe ngendluzula labo ababenqaba ubhapathizo lobuKristu. Kunalokho, abafundi bakaJesu balandela isibonelo sakhe sokuthula sokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu kubo bonke, bebakhuthaza ukuba bazindle ngokwaziswa okuvela emiBhalweni. Izithelo zomsebenzi wabo zazihlanganisa izithelo zomoya kaNkulunkulu—“uthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba.”—Galathiya 5:22, 23.
Awukho umehluko namuhla. UbuKristu beqiniso busaziveza izithelo ezinhle. Umuthi, oyinhlangano yobuKristu, uJesu awutshala eminyakeni engaphezu kwe-1 900 edlule wawumuhle, futhi usemuhle. Khona-ke awunakuthela izithelo zokushiseka ngokungenangqondo ezimbi, zokungabekezeli, zobudlova. Kungani-ke ukushiseka ngokungenangqo_ ndo kuye kwavama kangaka kweLobukholwa?
Umphostoli uPawulu wabonisa ukuthi kwakuza isikhathi okwakuyovela ngaso amaKristu okuzisholo. Ayeyozibiza ngokuthi amaKristu kodwa angaphili ngokuvumelana nakho noma aveze izithelo zakho. Watshela abadala base-Efesu: “Mina ngiyazi ukuthi emva kokumuka kwami kuzakungena kini izimpisi ezihahayo zingawuhawukeli umhlambi, naphakathi kwenu kuzakuvuka amadoda akhuluma okudukisayo, ahunge abafundi ukubalandela.” (IzEnzo 20:29, 30) Kulezihlubuki kwavela eLobukholwa elinezinhlangano ezingqubuzanayo ezingamakhulu amaningi ezifundisa izinto ezingabumeleli ubuKristu. Eqinisweni, ‘ziyadukisa,’ ziyimibono yabantu azilona iqiniso leZwi likaNkulunkulu. Kuye kwaba phakathi kwalamaKristu okuzisholo lapho izithelo ezimbi zokushiseka ngokungenangqondo ziye zavela khona.
Ingabe Intshiseko YobuKristu lwukushiseka Ngokungenangqondo?
Kuyiqiniso ukuthi ukushiseka ngokungenangqondo kuwuhlobo oluthile lokushiseka. Kodwa ukushiseka ngokungenangqondo “intshiseko edlulele noma yobuhlanya,” intshiseko “engasile.” Lokhu akunakushiwo ngobuKristu beqiniso.
Ngokuphindaphindiwe, iBhayibheli liyala amaKristu ukuba abe nganengqondo. Ngokwesibonelo, eyabaseFilipi 4:5 ithi: “Ukubekezela [“ukuba kwenu ngabaqondayo,” NW] kwenu akwaziwe ngabantu bonke.” Futhi abangamaKristu bayalwa ukuba “bangahlambalazi-muntu bangabi-yizilwi, babe-ngabavileyo, bebonakalisa ubumnene obukhulu kubantu bonke.”—Thithu 3:2.
Ngenxa yokuthi oFakazi BakaJehova bahambela abantu emakhaya abo ukuba baxoxe ngezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu, bahlukile kwabaningi abathi bangamaKristu. Lentshiseko yabo enkonzweni yobuKristu ayinikezi isisekelo sokuba babhekwe njengabashiseka ngokungenangqondo. Intshiseko enengqondo yomsebenzi uJesu awenza futhi wayala abalandeli bakhe ukuba bawenze. (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Umuntu obekela eceleni imisebenzi eminingi yomuntu siqu edla isikhathi ukuze anikele isikhathi esiningi ngangokunokwenzeka emsebenzini wokushumayela ngoMbuso akayena oshiseka ngokungenangqondo. Kunalokho, ubonisa ukuqaphela kwakhe ngokuphuthuma kokusiza abanye ukuba bafunde ngamaqiniso anikeza ukuphila eZwi likaNkulunkulu esikhathini esifushane esisele sokwenza lomsebenzi. Lokhu kunengqondo futhi kunenzuzo.
Kunokuba kube umsebenzi wokushiseka ngokungenangqondo olimaza abanye, lomsebenzi wakha ukholo kuNkulunkulu naseZwini lakhe. Unikeza ithemba kulabo abangenathemba, unikeza inkululeko ekukholelweni ezeni nasekuntuleni ulwazi olungokwenkolo, futhi uphendula abantu abaningi abaziphatha kabi nabayizidlova babe ngamaKristu aziphatha ngenhlanzeko nanokuthula. Lezithelo ezinhle zibonisa inhlangano enhle.
Emazweni angaphezu kwama-200, oFakazi BakaJehova balondoloza ukwethembeka kwabo eMbusweni kaNkulunkulu, nakuba beba ngaphansi kokuvinjelwa okungokomthetho ezindaweni eziningi. Ukwethembeka kwabo kuNkulunkulu, uMbusi oPhakeme, akunakubhekwa njengokushiseka ngokungenangqondo. UyiGunya eliphakeme kakhulu, futhi lapho kunokushayisana phakathi kwemithetho yakhe naleyo yohulumeni babantu, umKristu weqiniso unesibopho sokumlalela. Ngaphansi kohulumeni babantu, imithetho yendawo ngezinye izikhathi iyachithwa ngenxa yokuthi ishayisana nemithetho yombuso. Ngokufanayo, ngamaKristu eqiniso imithetho yabantu iyachithwa uma ishayisana naleyo yoMbusi Wendawo Yonke, uJehova uNkulunkulu. Njengoba umKristu weqiniso engenakuyilalela imithetho emibili eshayisanayo, wenza lokho abaphostoli abakwenza. Bathi: “Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu.” (IzEnzo 5:29) Lokhu kunengqondo.
Ukuqonda okufanayo kuboniswa oFakazi BakaJehova ngokuqondene nemikhosi yezwe nengokwenkolo eshayisana neZwi likaNkulunkulu. Akukhona ukushiseka ngokungenangqondo ukuyeka ukuhlanganyela kulokho iningi ezweni elikugubhayo. Ukwehluka kwabo ngenxa kanembeza ongokwenkolo kubeka oFakazi esimweni esifanayo nesamaKristu okuqala, angazange ahlanganyele emikhosini edumile yosuku lwawo. Futhi oFakazi BakaJehova bayakujabulela ukunikeza isizathu esingokomBhalo sokungahlanganyeli kwabo.—1 Petru 3:15.
Abanye abantu bangase babheke oFakazi njengabashiseka ngokungenangqondo ngenxa yokwenqaba kwabo ukwamukela ukumpontshelwa igazi, inqubo ejwayelekile kodokotela abaningi. Nalapha futhi kuyindaba yokulalela umthetho kaNkulunkulu. Abalandeli beqiniso bakaKristu bayayalwa ukuba ‘bayeke . . . igazi.’—IzEnzo 15:28, 29.
Ingabe umuntu ushisekela inkolo ngokungenangqondo uma, ngenxa kanembeza, enqaba indlela yokwelapha esetshenziswayo edumile? Abanye abantu abangebona oFakazi BakaJehova bayakwenqaba ukumpontshelwa igazi ngenxa yokwesaba ukuthola iAIDS noma ezinye izifo. Khona-ke ingabe akunangqondo ngoFakazi ukuba bacele indlela yokwelapha engangqubuzani nonembeza babo?
Khona-ke, kumelwe siphethe ngokuthini kulokhu? Ngokuthi oFakazi BakaJehova ababona abashiseka ngokungenangqondo ngenxa yokuthi bahlukile eningini futhi baphishekela ukulalela uNkulunkulu. Nakuba benentshiseko ngoNkulunkulu, abanayo “intshiseko edlulele noma yobuhlanya” njengokungathi banedemoni; futhi ababonakali “besangene, bephekuza,” noma “behlanya. ” Abakaze neze ngokushisekela kwabo inkolo balimaze ngobudlova abanye noma bazilimaze bona. Kunalokho, ngokuvumelana nalokho iBhayibheli elikushoyo ngamaKristu eqiniso, ‘bahlalisana ngokuthula nabantu bonke.’—Roma 12:18.
Khona-ke inhlangano yobuKristu uJesu ayiqala ekhulwini lokuqala njengomuthi omuhle iyaqhubeka namuhla ithela izithelo ezinhle. Ngakho-ke, akunakwenzeka ngobuKristu beqiniso ukuba buveze abashiseka ngokungenangqondo.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 30]
Asikho isizathu sokubheka oFakazi BakaJehova njengabashiseka ngokungenangqondo ngenxa yentshiseko yabo emsebenzini wobuKristu