Isahluko 3
Kunendaba Ngempela Ukuthi Iyiphi Inkolo Yakho
1. Yini abanye abantu abayikholelwayo ngenkolo?
‘ZONKE IZINKOLO zinhle,’ kusho abaningi. ‘Zimane nje zifana nezindlela ezihlukahlukene eziya endaweni efanayo.’ Ukuba lokhu kwakuyiqiniso, bekungeke kube nendaba ngempela ukuthi iyiphi inkolo yakho, ngoba bekuyosho ukuthi zonke izinkolo ziyamukeleka kuNkulunkulu. Kodwa ingabe kunjalo?
2. (a) AbaFarisi bamphatha kanjani uJesu? (b) Ubani abaFarisi ababethi unguyise?
2 Ngesikhathi uJesu Kristu esemhlabeni, kwakuneqembu lenkolo elalaziwa ngokuthi abaFarisi. Babeye bakha indlela yokukhulekela futhi bekholelwa ukuthi yayivunyelwe uNkulunkulu. Kodwa, ngesikhathi esifanayo, abaFarisi babezama ukubulala uJesu! Ngakho uJesu wabatshela: “Nina nenza imisebenzi kayihlo.” Bamphendula bathi: “Sinobaba munye, uNkulunkulu.”—Johane 8:41.
3. Yini uJesu ayisho ngoyise wabaFarisi?
3 Ingabe ngempela uNkulunkulu wayenguyise? Ingabe uNkulunkulu wayamukela indlela yabo yenkolo? Lutho neze! Ngisho nakuba abaFarisi babenemiBhalo futhi becabanga ukuthi bayayilandela, babedukiswe uDeveli. Futhi uJesu wabatshela lokho, ethi: “Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, . . . lokhu engumqambimanga noyise wawo.”—Johane 8:44.
4. UJesu wayibheka kanjani inkolo yabaFarisi?
4 Ngokusobala, inkolo yabaFarisi yayingeyamanga. Yasebenzela izithakazelo zikaDeveli, hhayi ezikaNkulunkulu. Ngakho-ke kunokuba abheke inkolo yabo njengenhle, uJesu wayilahla. Wathi kulabobaFarisi benkolo: “Nivalela abantu umbuso wezulu! Ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukungena.” (Mathewu 23:13) Ngenxa yokukhulekela kwabo kwamanga, uJesu wabiza labobaFarisi ngokuthi abazenzisi namabululu. Ngenxa yenkambo yabo embi, wathi babeya ekubhujisweni.—Mathewu 23:25-33.
5. UJesu wabonisa kanjani ukuthi izinkolo eziningi ezikhona azizona nje izindlela ezihlukahlukene eziholela endaweni efanayo?
5 Ngakho-ke uJesu Kristu akazange afundise ukuthi zonke izinkolo zimane nje ziyizindlela ezihlukahlukene eziholela endaweni efanayo yosindiso. Kwedumile iNtshumayelo yakhe yaseNtabeni, uJesu wathi: “Ngenani ngesango elincane; ngoba isango libanzi nendlela inkulu eyisa ekubhujisweni; baningi abangena khona. Kepha isango lincane nendlela iyingcingo eyisa ekuphileni; bayingcosana abayifumanayo.” (Mathewu 7:13, 14) Ngenxa yokuhluleka ukukhulekela uNkulunkulu ngendlela eqondile, abantu abaningi basendleleni eyisa ekubhujisweni. Bambalwa kuphela abasendleni eholela ekuphileni.
6. Yini esingayifunda ngokubheka ukukhulekela kwesizwe sakaIsrayeli?
6 Uma sibheka indlela uNkulunkulu asebenzelana ngayo nesizwe sakwaIsrayeli kuba sobala ukuthi kubaluleke kangakanani ukukhulekela uNkulunkulu ngendlela ayivumelayo. UNkulunkulu waxwayisa amaIsrayeli ukuba angahlangani nenkolo yamanga yezizwe eziwazungezile. (Duteronomi 7:25) Labobantu babenikela ngabantwana babo konkulunkulu babo, futhi bezitika ngemikhuba yobulili engcolile, kuhlanganise nobungqingili. (Levitikusi 18:20-30) UNkulunkulu wayala amaIsrayeli ukuba agweme lemikhuba. Uma engalaleli futhi ekhulekela abanye onkulunkulu, wayewajezisa. (Joshuwa 24:20; Isaya 63:10) Ngakho ukuthi inkolo yawo iyiphi kwakunendaba ngempela.
INKOLO YAMANGA NAMUHLA?
7, 8. (a) Isiphi isimo esathathwa inkolo phakathi nezimpi zezwe? (b) Ucabanga ukuthi uNkulunkulu uzizwa kanjani ngalokho okuye kwenziwa inkolo ngezikhathi zempi?
7 Kuthiwani ngezinkolo eziningi namuhla? Cishe uyavuma ukuthi izinto eziningi ezenziwa ngegama lenkolo azivunyelwe uNkulunkulu. Phakathi nezimpi zezwe zamuva, lezo izigidi zabantu abaphila namuhla abasinda kuzo, izinkolo nhlangothi zombili zazikhuthaza abantu bazo ukuba babulale. “Bulalani amaJalimane—wabulaleni,” kusho umbhishobhi waseLondon. Kanti, ngakolunye uhlangothi, umbhishobhi omkhulu waseCologne watshela amaJalimane: “Siniyala ngegama likaNkulunkulu, ukuba nilwele ukufa nokuphila nilwele udumo nenkazimulo yalelizwe.”
8 Ngakho-ke amaKatolika abulalana wodwa ngemvume yabaholi bawo benkolo, namaProtestani enza okufanayo. Umfundisi uHarry Emerson Fosdick wavuma: “Ngisho nasemasontweni ethu siye sabeka amafulegi empi. . . . Ngolunye uhlangothi lomlomo wethu siye sadumisa iNkosi yokuThula kanti ngolunye siye sadumisa impi.” Ucabanga ukuthi uNkulunkulu uzizwa kanjani ngenkolo ethi yenza intando yakhe kodwa ikhazimulise impi?
9. (a) Abantu abaningi baye bazizwa kanjani ngokubulala okuye kwenziwa amalungu ezinkolo ezihlukahlukene? (b) Uma inkolo izenza ingxenye yezwe, yini okumelwe siphethe ngayo?
9 Ngenxa yokubulala okuye kwenziwa ngegama likaNkulunkulu ngamalungu ezinkolo eziningi ezihlukahlukene kuwo wonke umlando, izigidi zabantu namuhla ziye zamfulathela uNkulunkulu noKristu. Basola uNkulunkulu ngezimpi zenkolo ezesabekayo, njengalezo eziphakathi kwamaKatolika namaMuslim ezibizwa ngokuthi iziMpi Zenkolo, izimpi eziphakathi kwamaMuslim namaHindu, nezimpi eziphakathi kwamaKatolika namaProtestani. Bakhomba ekubulaweni kwamaJuda ngegama likaKristu, nokuthethwa kwamacala amaKatolika okunonya. Nokho, ngisho nakuba abaholi benkolo abanecala ngobugebengu obunjalo obesabekayo babethi uNkulunkulu unguYise, ingabe babengebona abantwana bakaDeveli njengoba kwakunjalo ngabaFarisi abalahlwa uJesu? Njengoba uSathane engunkulunkulu walelizwe, akumelwe yini silindele ukuba abuse futhi izinkolo eziqhutshwa abantu balelizwe?—2 Korinte 4:4; IsAmbulo 12:9.
10. Yiziphi ezinye zezinto ezenziwa ngegama lenkolo ongazivumeli?
10 Ngokungangabazeki kunezinto eziningi ezenziwa ngegama lenkolo namuhla onombono wokuthi azilungile. Ngokuvamile ungase uzwe ngabantu abaphila ngezindlela ezimbi zokuziphatha, kodwa abangamalungu ahloniphekayo amasonto. Ungase futhi wazi ngisho nangabaholi benkolo abanendlela embi kakhulu yokuphila, kodwa abasamukeleka njengabaholi benkolo abahle kakhulu emasontweni abo. Abanye abaholi benkolo bathi ubungqingili nokuba nobuhlobo bobulili ngaphandle kokushada akukubi. Kodwa kungenzeka uyazi ukuthi Bhayibheli alikusho lokho. Eqinisweni, uNkulunkulu wabajezisa ngokufa abantu bakhe bakwaIsrayeli ngenxa yokwenza izinto ezinjalo. Ngesizathu esifanayo wabhubhisa iSodoma neGomora. (Juda 7) Ngokushesha uzokwenza okufanayo kuyo yonke inkolo yamanga yanamuhla. EBhayibhelini, inkolo enjalo imelelwe njengesifebe ngenxa yobufebe bayo “namakhosi omhlaba.”—IsAmbulo 17:1, 2, 16.
UKUKHULEKELA OKUVUNYELWA UNKULUNKULU
11. Yini edingekayo ukuze ukukhulekela kwethu kwamukeleke kuNkulunkulu?
11 Njengoba uNkulunkulu engazivumeli zonke izinkolo, sidinga ukuzibuza: ‘Ingabe ngikhulekela uNkulunkulu ngendlela ayivumelayo?’ Singazi kanjani uma simkhulekela kanjalo? Akuyena umuntu, kodwa uNkulunkulu ongumahluleli walokho okuwukukhulekela kweqiniso. Ngakho-ke ukuze ukukhulekela kwethu kwamukeleke kuNkulunkulu, kumelwe kusekelwe ngokuqinile eZwini likaNkulunkulu leqiniso, iBhayibheli. Kumelwe sizizwe ngendlela efanayo njengomlobi weBhayibheli owathi: “UNkulunkulu uqinisile, wonke umuntu ungumqambimanga.”—Roma 3:3, 4.
12. Kungani uJesu athi ukukhulekela kwabaFarisi kwakungamukeleki kuNkulunkulu?
12 AbaFarisi bekhulu lokuqala abazizwanga ngaleyondlela. Bazibekela izinkolelo zabo siqu nemiyalo base belandela zona kuneZwi likaNkulunkulu. Waba yini umphumela? UJesu wabatshela: “Nilenze labayize izwi likaNkulunkulu ngesiko lenu. Bazenzisi, waprofetha kahle ngani uIsaya, ethi: Lesisizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami; kodwa bangikhonza ngeze befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.” (Mathewu 15:1-9; Isaya 29:13) Ngakho uma sifuna ukuvunyelwa uNkulunkulu, kudingeka ukuba siqiniseke ukuthi esikukholelwayo kuyavumelana nezimfundiso zeBhayibheli.
13. Yini uJesu athi kumelwe siyenze ukuze samukeleke kuNkulunkulu?
13 Akwanele ngathi ukuba sithi siyakholelwa kuKristu kodwa senze lokho thina esicabanga ukuthi kulungile. Okudingeke ngokuyinhloko kuwukuba sithole ukuthi intando kaNkulunkulu iyini ngendaba. UJesu wakubonisa lokhu eNtshumayelweni yakhe yaseNtabeni uma ethi: “Asibo bonke abashoyo kimi ukuthi: Nkosi, Nkosi, abayakungena embusweni wezulu, kuphela owenza intando kaBaba osezulwini.”—Mathewu 7:21.
14. Kungani uJesu engasibheka njenga“benzi bokubi” ngisho noma senza “imisebenzi emihle”?
14 Kungenzeka ngisho nokuba senze lokho esikholelwa ukuthi “imisebenzi emihle,” futhi lokhu sikwenze ngegama likaKristu. Kodwa konke lokhu kungaba yize uma sihluleka ukwenza intando kaNkulunkulu. Singaba sesimweni esifanayo nalabo uKristu akhuluma ngabo ngokulandelayo: “Abaningi bayakuthi kimi ngalolosuku: Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini ngegama lakho, sakhipha amademoni ngegama lakho, senza imisebenzi eminingi yamandla ngegama lakho, na? Khona ngiyakufakaza kubo ukuthi: Angizange nginazi; sukani kimi nina-benzi bokubi.” (Mathewu 7:22, 23) Yebo, kungenzeka senze izinto esicabanga ukuthi zinhle—nalezo futhi abanye abantu abangasibonga futhi baze basidumise ngazo—kodwa uma sihluleka ukwenza lokho uNkulunkulu athi kulungile uJesu Kristu uyosibheka njenga“benzi bokubi.”
15. Kungani inkambo eyathathwa abantu baseBereya lamandulo ingeyokuhlakanipha ngathi ukuba siyilandele?
15 Njengoba izinkolo eziningi namuhla azenzi intando kaNkulunkulu, asinakumane nje sithathe ngokuthi izimfundiso zezinhlangano zenkolo esihlanganyela nazo ziyavumelana neZwi likaNkulunkulu. Iqiniso nje lokuthi iBhayibheli liyasetshenziswa ileyonkolo lona ngokwalo alibonisi ukuthi zonke izinto ezifundisayo nezenzayo ziseBhayibhelini. Kubalulekile ukuba thina ngokwethu sizihlolele ukuthi kunjalo noma cha. Abantu bomuzi waseBereya batuswa, ngenxa yokuthi ngemva kokuba umphostoli uPawulu ongumKristu ebashumayezile, bahlolisisa imiBhalo ukuze baqiniseke ukuthi izinto ayebatshela zona zaziyiqiniso. (IzEnzo 17:10, 11) Inkolo evunyelwe uNkulunkulu kumelwe ivumelane ngakho konke neBhayibheli; ngeke yamukele ezinye izingxenye zeBhayibheli ezinye izingxenye izenqabe.—2 Thimothewu 3:16.
UBUQOTHO BUBODWA ABANELE
16. Yini uJesu ayisho ukubonisa ukuthi ubuqotho bubodwa abanele ngomuntu ukuba avunyelwe uNkulunkulu?
16 Kepha omunye angabuza: ‘Uma umuntu eqotho ezinkolelweni zakhe, ngeke yini uNkulunkulu amamukele ngisho noma inkolo yakhe inephutha?’ Nokho, uJesu wathi wayengeke abamukele ‘abenzi bokubi’ ngisho noma bekholelwa ukuthi babenza okulungileyo. (Mathewu 7:22, 23) Ngakho-ke ubuqotho bubodwa uNkulunkulu akanakubamukela. UJesu wake watshela abalandeli bakhe: “Siyeza isikhathi sokuba lowo onibulalayo uyakuthi ukhonza uNkulunkulu.” (Johane 16:2) Abanjalo ababulali bamaKristu kungenzeka ngobuqotho bakholelwa ukuthi ngalokho babekhonza uNkulunkulu, kodwa ngokusobala babengakhonzi yena. UNkulunkulu akakuvumeli abakwenza.
17. Ngisho nakuba uPawulu ayeqotho, yini ayenza ngaphambi kokuba abe umKristu?
17 Ngaphambi kokuba abe umKristu, umphostoli uPawulu wasiza ekubulaleni uStefanu. Kamuva, wafuna izindlela zokubulala amaKristu engeziwe. (IzEnzo 8:1; 9:1, 2) UPawulu wachaza: “Ngalizingela kakhulu ibandla likaNkulunkulu, ngalichitha, futhi ebuJudeni ngabadlula abaningi abayintanga yami kwabakithi, ngishisekela kakhulu kunabo amasiko awokhokho.” (Galathiya 1:13, 14) Yebo, uPawulu wayeqotho, kodwa lokho akuzange kwenze inkolo yakhe ibe ngelungile.
18. (a) Yayiyini inkolo kaPawulu lapho eshushisa amaKristu? (b) Kungani uPawulu nabanye bosuku lwakhe babedinga ukushintsha inkolo yabo?
18 Ngalesosikhathi, uPawulu wayeyilungu lesimiso senkolo sobuJuda, eyayinqabe uJesu Kristu, Ngakho-ke, ngokufanayo noNkulunkulu wayenqaba. (IzEnzo 2:36, 40; IzAga 14:12) Ngakho-ke ukuze azuze ukuvunyelwa uNkulunkulu uPawulu kwakumelwe ashintshe inkolo yakhe. Naye wabhala ngabanye ababe“shisekela uNkulunkulu”—ababeqotho kodwa abangamukelwanga uNkulunkulu ngenxa yokuthi inkolo yabo yayingasekelwe olwazini oluqondile lwezinjongo zikaNkulunkulu.—Roma 10:2, 3.
19. Yini ebonisa ukuthi iqiniso alinakuvumela izinhlobo ezihlukahlukene zezimfundiso ezingokwenkolo?
19 Iqiniso alinakuvumela zonke izinhlobo ezihlukahlukene zezimfundiso ezingokwenkolo emhlabeni. Ngokwesibonelo, iqiniso liwukuthi abantu banomphefumulo ongafi lapho kufa umzimba noma abanawo. Umhlaba uyohlala phakade noma kungabi njalo. UNkulunkulu uyoqeda ububi noma angabuqedi. Lezinkolelo kanye neziningi ezinye kumelwe zibe iqiniso noma amanga. Akunakwenzeka kube nezinkulumo ezimbili eziyiqiniso kodwa zibe ziphikisana. Enye yazo iyiqiniso, kodwa hhayi zombili. Ukukholelwa entweni ngokuqotho, nokuqhuba ngaleyonkolelo, akunakuyenza ibe ngelungile uma eqinisweni ingamanga.
20. Ngokuqondene nenkolo, singalilandela kanjani “ibalazwe lomgwaqo” eliqondile?
20 Kumelwe uzizwe kanjani uma kunikezwa ubufakazi bokuthi okukholelwayo akulungile? Ngokwesibonelo, ake sithi usemotweni, uyaqala ngqa ukuya endaweni ethile. Unebalazwe lomgwaqo, kodwa awuzange uzinike isikhathi sokulihlolisisa. Othile uye wakutshela umgwaqo ozohamba ngawo. Uyamethemba, ukholelwa ngobuqotho ukuthi indlela akubonise yona ingeqondile. Kodwa ake sithi akuyona. Kungathiwani uma othile ekubonisa iphutha? Kungathiwani, uma ngokukubonisa ebalazweni lakho, ekubonisa ukuthi usemgwaqweni okungewona? Ingabe ukuzithwala noma inkani ingakuvimbela ekuvumeni ukuthi usemgwaqweni ongewona? Khona-ke, uma ufunda ngokuhlola iBhayibheli lakho ukuthi uhamba emgwaqweni ongokwenkolo ongewona, zimisele ukushintsha. Gwema indlela enkulu eya ekubhujisweni, ngena endleleni encane eya ekuphileni!
UKWENZA INTANDO KANKULUNKULU KUDINGEKILE
21. (a) Ngaphandle kokwazi iqiniso, yini enye edingekile? (b) Yini oyoyenza uma uthola ukuthi uNkulunkulu akazivumeli ezinye zezinto ozenzayo?
21 Kubalulekile ukwazi amaqiniso eBhayibheli. Kodwa lololwazi alusizi ngalutho uma ungamkhulekeli uNkulunkulu ngeqiniso. (Johane 4:24) Ukuqhuba iqiniso, ukwenza intando kaNkulunkulu, yikhona okubalulekile. IBhayibheli lithi: “Nokukholwa ngaphandle kwemisebenzi kufile.” (Jakobe 2:26) Khona-ke, ukuze ithokozise uNkulunkulu, inkolo yakho akumelwe nje kuphela ivumelane ngokuphelele neBhayibheli kodwa futhi kumelwe lisetshenziswe kuyo yonke imisebenzi yokuphila ngokufanayo. Ngakho-ke, uma uthola ukuthi wenza lokho uNkulunkulu athi akulungile, ingabe uyozimisela ukushintsha?
22. Yiziphi izinzuso esingazijabulela manje nasesikhathini esizayo, uma siqhuba inkolo yeqiniso?
22 Kunezibusiso ezinkulu ogcinelwe zona uma wenza intando kaNkulunkulu. Ngisho kwamanje uzozuza. Ukuqhuba inkolo yeqiniso kuyokwenza umuntu ongcono—indoda engcono noma ubaba, umfazi ongcono noma umama, umntwana ongcono. Kuyoveza kuwe izimfanelo zokwesaba uNkulunkulu eziyokubangela ukuba ube ngohlukile phakathi kwabanye ngenxa yokuthi wenza okulungileyo. Kodwa ngisho nangokungaphezulu, kuyosho ukuthi uyoba sesimweni sokwamukela izibusiso zokuphila okuphakade ngenjabulo nokuphila okuphelele epharadesi likaNkulunkulu lomhlaba omusha. (2 Petru 3:13) Akukho kungabaza ngakho—ngempela kunendaba ukuthi ukuyiphi inkolo!
[Isithombe ekhasini 25]
Ingabe abaholi benkolo ababezama ukubulala uJesu babekhonza uNkulunkulu?
[Izithombe ekhasini 26, 27]
UJesu wathi, abantu abaningi basendleleni ebanzi eya ekubhujisweni. Bambalwa kuphela abasendleleni encane eya ekuphileni
[Isithombe ekhasini 28, 29]
“Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kepha bayamphika ngemisebenzi yabo.”—Thithu 1:16.
Ngomlomo
Ngesenzo
[Isithombe ekhasini 30]
Ngenxa yokwehluka kwenkolo, uPawulu wahlanganyela ekukhandeni umfundi kaKristu uStefanu ngamatshe
[Isithombe ekhasini 33]
Uma usendleleni okungeyona, ingabe ukuzithwala noma inkani kuyokuvimbela ukuba uvume?