Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Olunye Uhambo Lokushumayela LwaseGalile
CISHE ngemva kweminyaka emibili yokushumayela ngenkuthalo, ingabe uJesu manje uzoqala ukuyekelela futhi athathe kalula? Ngokuphambene, wandisa umsebenzi wakhe wokushumayela ngokuthatha olunye uhambo, olwesithathu lwaseGalile. Uvakashela yonke imizi nemizana ensimini, ufundisa emasinagogeni futhi ashumayele izindaba ezinhle zoMbuso. Akubona kuloluhambo kumqinisekisa kunanini ngaphambili ngesidingo sokwandisa umsebenzi wokushumayela.
Noma kuphi lapho uJesu eya khona, ubona izixuku zidinga ukuphulukiswa okungokomoya nenduduzo. Zinjengezimvu ezingenamalusi, ezikhathazekile futhi ezihlakazekile, futhi uba nesihe ngazo. Utshela abafundi bakhe: “Ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi ziyingcosana; ngakho-ke, nxusani eNkosini yokuvuna ukuba ithume izisebenzi, ziye ekuvuneni kwayo.”
UJesu unohlelo lokuzokwenziwa. Uthuma abaphostoli abayi-12, abakhethe cishe esikhathini esingangonyaka ngaphambili. Ubahlukanisa ngababili, ebenza amaqembu ayisithupha abashumayeIi, futhi ubanikeza imiyalo, ethi: “Ningayi ngendlela yabezizwe, ningangeni emzini wamaSamariya; kodwa yanini kakhuiu ezimvini ezilahlekileyo zendlu kaIsrayeli. Ekuhambeni kwenu shumayelani nithi: Umbuso wezulu ususondele.”
LoMbuso abazoshumayela ngawo yilowo uJesu abafundisa ukuba bawuthandazele emthandazweni oyisibonelo. UMbuso wawususondele ngomqondo wokuthi iNkosi emisiwe kaNkulunkulu, uJesu Kristu, yayikhona. Ukuze amise abafundi bakhe ngokomthetho njengamanxusa alowohulumeni ongaphezu kowabantu, uJesu ubanikeza amandla okuba belaphe abagulayo bavuse ngisho nabafileyo. Ubayala ukuba benze Iezinkonzo mahhala.
Ngokulandelayo utshela abafundi bakhe ukuba bangenzi amalungiselelo ezinto ezibonakalayo zohambo lwabo lokushumayela. “Ningaphathi-golide, nasiliva, nathusi emixhakeni yenu, nasikhwama sendlela, namabhantshi amabili, nazicathulo, naludondolo, ngokuba isisebenzi sifanele ukudla kwaso.” Labo abazisa lesigijimi bayosabela futhi banikele ngokudla nendawo yokuhlala. Njengoba uJesu esho: “Nakumuphi umuzi noma umuzana eniyakungena kuwo, cingani ofaneleyo kuwo, nihlale khona, nize nimuke.”
Khona-ke uJesu unikeza imiyalo yokuthi kumelwe kukhulunywe kanjani nabanini bemizi ngesigijimi soMbuso. Uyayala, “Ekungeneni kwenu endlini niyibingelele. Uma indlu ifanele, ukuthula kwenu makuze phezu kwayo; kodwa uma ingafanele, ukuthula kwenu makubuyele kini. Yilowo nalowo ongayikunamukela engawezwa amazwi enu, anothi niphuma kuleyondlu noma kulowomuzi, nivuthulule uthuli ezinyaweni zenu.”
Ngomuzi owenqaba isigijimi sabo, uJesu uthi: “Kuyakuba-ngcono ezweni laseSodoma nakwelaseGomora ngosuku lokwahlulelwa kunakulowomuzi.” Lokhu kubonisa ukuthi okungenani abathile abangalungile abafundi bakhe ababeyobashumayeza babeyobe bekhona phakathi noSuku Lokwahlulelwa. Nokho, lapho lezakhamuzi zangaphambili zivuswa phakathi noSuku Lokwahlulelwa, kuyoba nzima ngisho nangokwengeziwe ngabo ukuba bazithobe futhi bamukele uKristu njengeNkosi kunokuba kuyoba njalo ngabantu abavusiwe basemizini yakudala eyayinokuziphatha okubi yaseSomoda naseGoroma. Mathewu 9:35–10:15; Marku 6:6-12; Luka 9:1-5.
◆ UJesu uluqala nini uhambo lwesithathu lokushumayela lwaseGalile, futhi lumqinisekisa ngani?
◆ Lapho ethuma abaphostoli bakhe abayi-12 ukuba bayoshumayela, imiphi imiyalo abanikeza yona?
◆ Kungani kwakuqondile ngabafundi ukufundisa ukuthi uMbuso wawusondele?
◆ Kukanjani kuyoba ngcono ngokwengeziwe ngeSodoma neGomora kunalabo abenqaba abafundi bakaJesu?