UJesu—Uyindlela Yokuthola Ukuphila Okunenjongo
INGABE ukuphila kukaJesu kwakunenjongo ngempela? Kusobala ukuthi wakhulela ekhaya eliphansi futhi kukho konke ukuphila kwakhe wayengenazo izinto eziningi. Empeleni ‘wayengenandawo yokubeka ikhanda.’ (Luka 9:57, 58) Ngaphezu kwalokho, wazondwa, wanyundelwa, ekugcineni wabulawa izitha zakhe.
Ungase uthi, ‘Angicabangi ukuthi ukuphila okunjalo kungabhekwa njengokunenjongo!’ Kunokuthile ngokuphila kukaJesu esiyobe senza kahle ukukucabangela. Ake sihlole izici ezine zokuphila kwakhe.
1. INJONGO KAJESU EKUPHILENI—UKWENZA INTANDO KANKULUNKULU.
“Ukudla kwami kuwukuba ngenze intando yalowo ongithumileyo.”—Johane 4:34.
Ngamazwi nangezenzo, uJesu wabonisa ukuthi wayefuna ukufeza intando kaYise osezulwini, uJehova.a UJesu wayekujabulela kakhulu ukwenza intando kaNkulunkulu. Wafanisa ukuyenza nokudla, njengoba kubonisiwe evesini elisanda kucashunwa. Cabangela ukuthi zaziyini izimo lapho efanisa ukwenza intando kaNkulunkulu nokudla.
UJesu washo lawo mazwi emini bebade. (Johane 4:6) Kusukela ekuseni wayelokhu ehamba ezweni elinezintaba laseSamariya, ngakho nakanjani wayesefile indlala. Empeleni, abafundi bakhe bamncenga: “Rabi, yidla.” (Johane 4:31) Impendulo kaJesu yabonisa ukuthi ngempela kwakumkhuthaza futhi kumnika amandla ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu. Lokhu akubonisi yini ukuthi ukuphila kwakhe kwakunenjongo?
2. UJESU WAYENOTHANDO OLUJULILE NGOYISE.
“Ngiyamthanda uBaba.”—Johane 14:31.
UJesu wayenobuhlobo obuseduze kakhulu noYise osezulwini. Uthando lwakhe olujulile ngoYise lwamshukumisela ukuba afundise abanye ngaye—igama, izinjongo nezimfanelo zaKhe. Ngamazwi, ngezenzo nangendlela yakhe yokucabanga, uJesu wamlingisa ngokuphelele uYise—kangangokuthi lapho sifunda ngoJesu, kufana nokuthi sifunda ngoYise. Ngakho lapho uFiliphu ethi kuJesu: “Sibonise uYihlo,” uJesu wathi: “Ongibonile mina umbonile noBaba.”—Johane 14:8, 9.
UJesu wayemthanda kakhulu uYise kangangokuba wayezimisele ukumlalela kuze kube sekufeni. (Filipi 2:7, 8; 1 Johane 5:3) Lolu thando olujulile ngoJehova lwenza ukuphila kukaJesu kwaba nenjongo.
3. UJESU WAYEBATHANDA ABANTU.
“Akekho onothando olukhulu kunalolu, ukuba umuntu anikele umphefumulo wakhe ngenxa yabangane bakhe.”—Johane 15:13.
Kuyavunywa ukuthi njengabantu abangaphelele, amathemba ethu okuphila kwesikhathi esizayo alufifi. IBhayibheli liyachaza: “Ngomuntu oyedwa [u-Adamu] isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono, futhi kanjalo ukufa kwasakazekela kubantu bonke ngenxa yokuthi bonke bonile.” (Roma 5:12) Ngamandla ethu ngeke sikwazi ukubalekela umphumela wesono owukufa.—Roma 6:23.
Siyabonga ukuthi ngothando uJehova uye walungiselela ikhambi lokulungisa lesi simo. Wavumela iNdodana yakhe ephelele nengenasono, eyaziwa ngokuthi uJesu, ukuba ihlupheke futhi ife ukuze alungiselele isihlengo esidingekayo sokukhulula abantu ebugqilini besono nokufa. Eshukunyiswe uthando ngoYise nangabantu, uJesu, ngokuzithandela walalela futhi wanikela ngokuphila kwakhe okuphelele ngenxa yethu. (Roma 5:6-8) Ukuba nothando olunjalo lokuzidela kwenza ukuphila kwakhe kwaba nenjongo.b
4. UJESU WAYAZI UKUTHI UYISE UYAMTHANDA FUTHI UYAMAMUKELA.
“Lo yiNdodana yami ethandekayo, engiyamukele.”—Mathewu 3:17.
UJehova washo lawo mazwi esezulwini ngesikhathi uJesu ebhapathizwa. Ngaleyo ndlela uJehova wabonisa obala ukuthi uyayithanda iNdodana yakhe, uJesu futhi uyayamukela. Yingakho uJesu ayengasho ngokuqiniseka ukuthi: ‘UBaba uyangithanda’! (Johane 10:17) Ngenxa yothando lukaYise nokwamukelwa nguye, wabhekana noshushiso nokuphikiswa ngokuqiniseka. Wakwazi ngisho nokubhekana nokufa ngesibindi. (Johane 10:18) Ukwazi ukuthi uYise uyamthanda futhi uyamamukela ngokuqinisekile kwenza ukuphila kwakhe kwaba nenjongo nakakhulu.
UJesu ngempela wayenokuphila okunenjongo. Kusobala ukuthi singafunda okuningi kuye ngokuphila ukuphila okunenjongo ngempela. Esihlokweni esilandelayo sizoxoxa ngezeluleko ezicacile uJesu azinikeza abalandeli bakhe ngendlela yokuthola ukuphila okunenjongo.
a UJehova igama likaNkulunkulu njengoba lembulwe eBhayibhelini.
b Ukuze ufunde okwengeziwe ngokubaluleka kokufa kukaJesu okuhlengayo, bheka isahluko 5 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.