AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | MATHEWU 12-13
Umfanekiso Kakolweni Nokhula
UJesu wasebenzisa ukolweni nokhula lapho efanekisa inqubo eyayizoqala ngo-33 C.E, ukuze abonise ukuthi wayeyowakhipha nini futhi kanjani amaKristu agcotshiwe ayisigaba sikakolweni kuso sonke isintu.
‘Umuntu othile wahlwanyela imbewu enhle ensimini yakhe’
Umhlwanyeli: UJesu Kristu
Kuhlwanyelwa imbewu enhle: Abafundi bakaJesu bagcotshwa ngomoya ongcwele
Insimu: Abantu
“Ngesikhathi abantu besalele, isitha sakhe safika sahlwanyela ukhula”
Isitha: UDeveli
Abantu besalele: Ukufa kwabaphostoli
“Kuyekeni kukhule ndawonye kokubili kuze kube sekuvuneni”
Ukolweni: AmaKristu Agcotshiwe
Ukhula: AmaKristu Mbumbulu
‘Buthani ukhula kuqala, bese nibutha ukolweni’
Izinceku/abavuni: Izingelosi
Kubuthwa ukhula: AmaKristu mbumbulu ahlukaniswa kumaKristu agcotshiwe
Ukubuthela enqolobaneni: AmaKristu agcotshiwe abuthelwa ebandleni elakhiwe kabusha
Lapho kuqala inkathi yokuvuna, yini eyahlukanisa amaKristu angempela kumaKristu mbumbulu?
Ngizuza kanjani ngokuqonda lo mfanekiso?