Hlala Unesimo Sengqondo SikaKristu
“Phakathi kwenu nibe nesimo sengqondo esifanayo naleso uKristu Jesu ayenaso.”—ROMA 15:5.
1. Kungani kufanele sifune ukuba nesimo sengqondo sikaKristu?
UJESU KRISTU wathi: “Wozani kimi, . . . nifunde kimi, ngoba nginomoya omnene futhi ngithobekile ngenhliziyo, nizotholela imiphefumulo yenu ukuqabuleka.” (Math. 11:28, 29) Lesi simemo esithinta inhliziyo sibonisa isimo sengqondo sikaJesu sothando. Akekho umuntu ongaba isibonelo esingcono esingasilingisa kunaye. Nakuba eyiNdodana kaNkulunkulu enamandla, wabonisa uzwela nobubele, ikakhulu kubantu ababedinga usizo.
2. Iziphi izici zesimo sengqondo sikaJesu esizoxoxa ngazo?
2 Kulesi sihloko nakwezimbili ezilandelayo, sizoxoxa ngendlela esingahlakulela nesingalondoloza ngayo isimo sengqondo esifana nesikaJesu bese sibonisa “umqondo kaKristu” ekuphileni kwethu. (1 Kor. 2:16) Ngokuyinhloko, sizogxila ezicini ezinhlanu: Ubumnene nokuthobeka kukaJesu, umusa wakhe, ukulalela kwakhe uNkulunkulu, isibindi nothando lwakhe olungapheli.
Funda Esimweni Sengqondo SikaKristu Sobumnene
3. (a) Isiphi esinye isifundo ngokuthobeka uJesu asifundisa abafundi bakhe? (b) UJesu wasabela kanjani lapho abafundi bakhe bebonisa ubuthakathaka?
3 UJesu, iNdodana kaNkulunkulu ephelele, wavuma ukuza emhlabeni azohlala phakathi kwabantu abangaphelele nabanesono. Abanye babo babezombulala. Noma kunjalo, uJesu wahlala ejabule futhi ezithiba. (1 Pet. 2:21-23) ‘Ukugxila’ esibonelweni sikaJesu kungasisiza ukuba senze okufanayo lapho sicasulwa amaphutha nokungapheleli kwabanye. (Heb. 12:2) UJesu wamema abafundi bakhe ukuba bangene naye ejokeni lakhe futhi bafunde kuye. (Math. 11:29) Yini ababengayifunda? Phakathi kokunye, uJesu wayemnene futhi ebabekezelela abafundi bakhe naphezu kwamaphutha abo. Ngobusuku bangaphambi kokufa kwakhe, wageza izinyawo zabo, kanjalo ebafundisa isifundo ababengeke basikhohlwe sokuba ‘bathobeke enhliziyweni.’ (Funda uJohane 13:14-17.) Kamuva lapho uPetru, uJakobe noJohane behluleka ‘ukuhlala belindile,’ ngozwela uJesu wabuqonda ubuthakathaka babo. Wabuza: “Simoni, ulele na?” Wabe esenezela: “Madoda, hlalani nilindile futhi nithandaza, ukuze ningangeni esilingweni. Yebo, umoya uzimisele, kodwa inyama ibuthakathaka.”—Marku 14:32-38.
4, 5. Isibonelo sikaJesu singasisiza kanjani ukuba sibhekane nobuthakathaka babanye?
4 Sisabela kanjani lapho omunye umKristu ebonisa umoya wokuncintisana, eshesha ukucasuka, noma ephuza ukwamukela iseluleko sabadala noma ‘senceku ethembekileyo neqondayo’? (Math. 24:45-47) Nakuba singase sibheke izici zenyama njengezivamile ezweni likaSathane, kungaba uvivinyo ngokukhethekile uma sizibona kubafowethu. Uma ukungapheleli kwabanye kusicasula kalula, kudingeka sizibuze, ‘Ngingawubonisa kanjani “umqondo kaKristu” ngokwengeziwe?’ Zama ukuhlale ukhumbula ukuthi uJesu akazange abacasukele abafundi bakhe ngisho nalapho bebonisa ukuba buthakathaka ngokomoya.
5 Cabanga ngalokho okwenzeka kumphostoli uPetru. Lapho uJesu ethi akaphume esikebheni ahambe phezu kwamanzi eze kuye, uPetru wakwenza lokho okwesikhashana. Ngemva kwalokho, uPetru wabona isiphepho waqala ukucwila. Ingabe uJesu wacasuka wabe esethi kuye: “Uyalunga! Ugcine ngci”? Cha! “Elula masinyane isandla sakhe uJesu wambamba wathi kuye: ‘Wena onokholo oluncane, kungani uhlulwé ukungabaza?’” (Math. 14:28-31) Uma kungake kudingeke sisebenzelane nomzalwane obonakala entula ukholo, ingabe nathi ngomqondo ongokomfanekiso singaselula isandla simsize abe nokholo oluqinile? Yileso kanye isifundo sobumnene esisifunda kulokho uJesu akwenza kuPetru.
6. UJesu wabafundisani abaphostoli bakhe ngokufuna ukuvelela?
6 UPetru naye wayekhona lapho abaphostoli belokhu bephikisana ngokuthi ubani omkhulu kunabo bonke. UJakobe noJohane babefuna ukuba omunye ahlale ngakwesokudla nomunye ngakwesobunxele sikaJesu eMbusweni wakhe. Lapho uPetru nabanye abaphostoli bekuzwa lokhu, bawoth’ ubomvu. UJesu wayazi ukuthi lesi simo sengqondo cishe babesithole emphakathini ababekhulele kuwo. Wababiza wathi kubo: “Niyazi ukuthi ababusi bezizwe bazenza izingqongqo phezu kwazo nabantu abakhulu basebenzisa igunya phezu kwazo. Akunjalo phakathi kwenu; kodwa noma ubani ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu kumelwe abe yisikhonzi senu, futhi noma ubani ofuna ukuba ngowokuqala phakathi kwenu kumelwe abe yinceku yenu.” UJesu wabe esebhekisela esibonelweni sakhe: “Njengoba nje neNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza nokunikela umphefumulo wayo ube yisihlengo sabaningi.”—Math. 20:20-28.
7. Yini ngamunye wethu angayenza ukuze abe nengxenye ebunyeni bebandla?
7 Ukucabanga ngesimo sengqondo sikaJesu sokuthobeka kungasisiza ukuba ‘siziphathe njengabancane’ phakathi kwabafowethu. (Luka 9:46-48) Ukwenza kanjalo kusenza sibe nobunye. UJehova, njengobaba womkhaya omkhulu, ufuna ukuba abantwana bakhe “bahlale ndawonye ngobunye,” bazwane. (IHu. 133:1) UJesu wathandazela ukuba wonke amaKristu eqiniso abe munye, ukuze ‘izwe lazi ukuthi uJehova umthumile nokuthi ubathandile njengoba nje naYe emthandile.’ (Joh. 17:23) Ngakho, ubunye bethu busibonakalisa njengabalandeli bakaKristu. Ukuze sibe nalobu bunye, kumelwe sibheke ukungapheleli kwabanye njengoKristu. UJesu wayethethelela futhi wafundisa ukuthi siyothethelelwa kuphela uma sithethelela abanye.—Funda uMathewu 6:14, 15.
8. Singafundani esibonelweni sezinceku zikaNkulunkulu esezinesikhathi eside zimkhonza?
8 Singafunda nokuningi ngokulingisa ukholo lwalabo asebeneminyaka eminingi belingisa uKristu. NjengoJesu, ngokuvamile laba babonisa ukuthi bayakuqonda ukungapheleli kwabanye. Baye bafunda ukuthi ukubonisa isihawu esinjengesikaKristu akusisizi kuphela ukuba “sithwale ubuthakathaka balabo abangaqinile,” kodwa kunezela nasebunyeni. Ngaphezu kwalokho, kukhuthaza lonke ibandla ukuba libonise isimo sengqondo sikaKristu. Bafisa ukuba abafowabo bathole lokho umphostoli uPawulu ayekufisela amaKristu aseRoma: “Kwangathi uNkulunkulu onika ukukhuthazela nenduduzo anganipha ukuba phakathi kwenu nibe nesimo sengqondo esifanayo naleso uKristu Jesu ayenaso, ukuba nganhliziyonye nikhazimulise uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu ngamlomo munye.” (Roma 15:1, 5, 6) Ngempela, ukukhulekela kwethu ngobunye kudumisa uJehova.
9. Kungani sidinga umoya ongcwele ukuze silingise isibonelo sikaJesu?
9 UJesu wahlobanisa ‘ukuthobeka enhliziyweni’ nobumnene, obuyingxenye yezithelo zomoya ongcwele kaNkulunkulu. Ngakho-ke, ngaphezu kokutadisha isibonelo sikaJesu, sidinga umoya ongcwele kaJehova ukuze sikwazi ukusilingisa kahle. Kufanele sithandazele umoya ongcwele kaNkulunkulu futhi silwele ukuhlakulela izithelo zawo—“uthando, injabulo, ukuthula, ukubekezela, umusa, ubuhle, ukholo, ubumnene, ukuzithiba.” (Gal. 5:22, 23) Ngokulingisa isibonelo sikaJesu sokuthobeka nobumnene, siyojabulisa uBaba wethu osezulwini, uJehova.
UJesu Waphatha Abanye Ngomusa
10. UJesu wawubonisa kanjani umusa?
10 Umusa ungesinye sezithelo zomoya ongcwele. Ngaso sonke isikhathi uJesu wayephatha abanye ngomusa. ‘Wabamukela ngomusa’ bonke ababemfuna ngobuqotho. (Funda uLuka 9:11.) Yini esingayifunda emseni owaboniswa uJesu? Umuntu onomusa unobungane, unozwela futhi umnene. UJesu wayenjalo. Waba nesihawu ngabantu ‘ngoba babephundlekile futhi behlakazekile njengezimvu ezingenamalusi.’—Math. 9:35, 36.
11, 12. (a) Landisa ngesenzo sozwela sikaJesu. (b) Yini ongayifunda kulesi sibonelo?
11 UJesu wabonisa isihawu nozwela nangezenzo. Cabanga ngalesi senzakalo. Kwase kuphele iminyaka engu-12 owesifazane othile ehlushwa umopho. Wayazi ukuthi eMthethweni KaMose, isifo sakhe sasenza yena nanoma ubani amthintayo abe ongcolile. (Lev. 15:25-27) Noma kunjalo, kumelwe ukuba idumela nendlela uJesu ayephatha ngayo abanye yaqinisekisa lona wesifazane ukuthi wayengamphulukisa nokuthi wayeyomphulukisa. Wayelokhu ethi: “Uma nje ngingathinta ingubo yakhe yangaphandle, ngizophila.” Waqunga isibindi, wamthinta futhi ngaso leso sikhathi wezwa ukuthi wayesephulukisiwe.
12 UJesu wezwa ukuthi kunothile omthintile, wabe eseqalaza ukuze abone ukuthi ubani lowo. Lona wesifazane, cishe esaba ukuthi uzomthethisa ngoba wayephule uMthetho, wawela ezinyaweni zikaJesu ethuthumela futhi walikhipha lonke iqiniso. Ingabe uJesu wamthethisa lona wesifazane ompofu nowayehlupheka? Lutho neze! Wamqinisekisa: “Ndodakazi, ukholo lwakho lukuphilisile. Hamba ngokuthula.” (Marku 5:25-34) Yeka ukuthi lawo mazwi anomusa amduduza kanjani!
13. (a) Isimo sengqondo sikaJesu sasihluke kanjani kwesabaFarisi? (b) UJesu wabaphatha kanjani abantwana?
13 Ngokungafani nabaFarisi ababenezinhliziyo ezilukhuni, uKristu akazange asebenzise igunya lakhe ukuze acindezele abanye ngemithwalo enzima. (Math. 23:4) Kunalokho, wafundisa abanye izindlela zikaJehova ngomusa nangesineke. UJesu wayengumngane weqiniso kubalandeli bakhe, njalo ebabonisa umusa nothando. (IzAga 17:17; Joh. 15:11-15) Ngisho nabantwana babekhululeka uma benoJesu, futhi naye wayekujabulela ukuba nabo. Wayengematasa kakhulu ukuba ahluleke ukuchitha isikhathi nabantwana. Ngesinye isikhathi, abafundi bakhe, ababesacabanga ngokubaluleka kwabo siqu njengabaholi benkolo ababephila nabo, bazama ukuvimbela abantu ukuba bangalethi abantwana babo kuJesu ukuze abathinte. Lokho akuzange kumjabulise uJesu. Wathi kubo: “Bayekeni abantwana beze kimi; ningazami ukubavimba, ngoba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.” Wabe esesebenzisa abantwana ukuze abafundise isifundo esibalulekile, wathi: “Ngiqinisile ngithi kini, Noma ubani ongawamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana akasoze angena kuwo.”—Marku 10:13-15.
14. Isithakazelo esiqotho sibazuzisa kanjani abantwana?
14 Ake ucabange indlela abanye balabo bantwana ababeyozizwa ngayo kamuva lapho sebekhulile, bekhumbula ukuthi uJesu Kristu ‘wabasingatha futhi wababusisa.’ (Marku 10:16) Abantwana banamuhla nabo bayobakhumbula kahle abadala nabanye abababonisa isithakazelo esiqotho nesingenabugovu. Okubaluleke kakhulu, abantwana ababoniswa lesi sithakazelo esiqotho ebandleni bafunda besebancane ukuthi abantu bakaJehova banomoya wakhe.
Bonisa Umusa Ezweni Elingenamusa
15. Kungani kungafanele kusimangaze ukuthi umusa usuyantuleka namuhla?
15 Abantu abaningi namuhla banomuzwa wokuthi abanaso isikhathi sokubonisa umusa kwabanye. Ngakho-ke, nsuku zonke, lapho abantu bakaJehova besesikoleni, emsebenzini, ezintweni zokuhamba nalapho besenkonzweni, babhekana nomoya wezwe. Isimo sengqondo sokungabi namusa singasidumaza, kodwa akufanele sisimangaze. UJehova waphefumulela uPawulu ukuba asixwayise ngokuthi ukuphila kulezi ‘zinsuku zokugcina’ ezibucayi kwakuyokwenza amaKristu eqiniso ahlangane nalabo ‘abazithandayo nabangenalo uthando.’—2 Thim. 3:1-3.
16. Singawubonisa kanjani umusa ofana nokaKristu ebandleni?
16 Ngakolunye uhlangothi, umoya osebandleni lamaKristu eqiniso uyaqabula ngoba uhlukile kowaleli zwe elingenamusa. Uma silingisa uJesu, ngamunye wethu angaba nesandla kulowo moya omuhle. Singakwenza kanjani lokho? Okokuqala, abaningi ebandleni badinga usizo lwethu nesikhuthazo ngoba banezinkinga zempilo noma babhekene nezinye izimo ezinzima. Kulezi ‘zinsuku zokugcina,’ izinkinga ezinjalo zingase zande, kodwa asizeshwami. Ezikhathini zeBhayibheli, amaKristu abhekana nezinkinga ezifanayo. Ngakho-ke, kusafaneleka nanamuhla ukusiza abafowethu njengoba kwakunjalo ngamaKristu ayephila ngaleso sikhathi. Ngokwesibonelo, uPawulu wakhuthaza amaKristu ukuba ‘akhulume ngokududuzayo nemiphefumulo ecindezelekile, asekele ababuthakathaka, ababekezelele bonke.’ (1 Thes. 5:14) Lokhu kuhilela ukubonisa umusa ofana nokaKristu.
17, 18. Iziphi ezinye zezindlela esingalingisa ngazo umusa kaJesu?
17 AmaKristu anomthwalo wemfanelo wokwamukela abafowabo ngomusa, wokubaphatha ngendlela uJesu ayeyobaphatha ngayo, wokubonisa isithakazelo esiqotho kulabo osekuneminyaka sibazi nalabo esiqalayo ukuhlangana nabo. (3 Joh. 5-8) Njengoba nje uJesu athatha isinyathelo sokubonisa abanye umusa, nathi kufanele senze okufanayo, ngaso sonke isikhathi sibe abaqabulayo kwabanye.—Isaya 32:2; Math. 11:28-30.
18 Ngamunye wethu angabonisa umusa ngokuba nesithakazelo esiqotho enhlalakahleni yabanye. Funa izindlela namathuba okwenza kanjalo. Yanuleka! UPawulu wanxusa: “Othandweni lobuzalwane thandanani omunye nomunye. Ekubonisaneni udumo nihole.” (Roma 12:10) Lokhu kusho ukulingisa isibonelo sikaKristu, ukuphatha abanye ngemfudumalo nangomusa, ukufunda ukubonisa ‘uthando olungenabuzenzisi.’ (2 Kor. 6:6) UPawulu wachaza lolo thando olunjengolukaKristu ngale ndlela: “Uthando luyabekezela futhi lunomusa. Uthando alunamhawu, aluzigabisi, aluzikhukhumezi.” (1 Kor. 13:4) Kunokubambela abafowethu nodadewethu amagqubu, kwangathi singalalela lesi siyalo: “Yibani nomusa komunye nomunye, ninobubele besisa, nithethelelane ngokukhululekile njengoba nje noNkulunkulu anithethelela ngokukhululekile ngoKristu.”—Efe. 4:32.
19. Imiphi imiphumela emihle esiyithola ngokubonisa umusa onjengokaKristu?
19 Uma silwela ukuhlakulela nokubonisa umusa onjengokaKristu ngazo zonke izikhathi nakuzo zonke izimo, sithola imivuzo ecebile. Umoya kaJehova uyokwazi ukusebenza ngokukhululekile ebandleni, uveze izithelo ezinhle zomoya. Ngaphezu kwalokho, lapho silingisa isibonelo uJesu asishiyela sona futhi sisiza abanye ukuba benze okufanayo, ukukhulekela kwethu okujabulisayo nokunobunye kuyojabulisa uNkulunkulu. Ngakho-ke, masiqhubeke silwela ukubonisa ubumnene nomusa onjengokaJesu endleleni esisebenzelana ngayo nabanye.
Ungachaza?
• UJesu wabonisa kanjani ukuthi ‘unomoya omnene futhi uthobekile ngenhliziyo’?
• UJesu wawubonisa kanjani umusa?
• Iziphi ezinye izindlela esingabonisa ngazo ubumnene nomusa onjengokaKristu kuleli zwe elibi?
[Isithombe ekhasini 8]
Lapho ukholo lomzalwane luntengantenga, njengoba kwenzeka nakuPetru, ingabe siyomsiza?
[Isithombe ekhasini 10]
Ungaba kanjani nesandla ekwenzeni ibandla libe indawo enomusa?