Madoda—Lingisani Ubunhloko BukaKristu
“Inhloko yawo wonke amadoda nguKristu.”—1 KORINTE 11:3.
1, 2. (a) Ukuphumelela kwendoda eshadile kungalinganiswa kanjani? (b) Kungani kubalulekile ukuqaphela ukuthi umshado wasungulwa uNkulunkulu?
UNGAKUBONA kanjani ukuphumelela kwendoda eshadile? Ngokukhalipha noma ngezikhwepha zayo? Ngekhono layo lokwenza imali? Noma ingabe ngokuyinhloko kungaba ngendlela ephatha ngayo umkayo nezingane zayo ngothando nangomusa? Uma kubhekwa ngale ndlela yokugcina, amadoda amaningi awenzi kahle, ngoba alawulwa umoya wezwe nezindinganiso zabantu. Ngani? Ngokuyinhloko, ngenxa yokuthi awasiqapheli futhi awasisebenzisi isiqondiso soMsunguli womshado—Lowo “[owakha] ubambo ayeluthathe kumuntu lwaba ngowesifazane, wayesemletha kumuntu.”—Genesise 2:21-24.
2 UJesu Kristu wakuqinisekisa lokhu kulandisa kweBhayibheli kwendlela uNkulunkulu asungula ngayo umshado, wathi kubagxeki bosuku lwakhe: “Anifundanga yini ukuthi lowo owabadala kusukela ekuqaleni wabenza kwaba owesilisa nowesifazane, wathi, ‘Ngenxa yalesi sizathu indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo, futhi laba ababili bayoba nyamanye’? Ngakho abasebabili, kodwa sebenyamanye. Ngakho-ke, lokho uNkulunkulu akubophele ndawonye [ngomshado] makungahlukaniswa muntu.” (Mathewu 19:4-6) Iqiniso liwukuthi isihluthulelo somshado ophumelelayo siwukuqaphela ukuthi umshado wasungulwa uNkulunkulu nokuthi impumelelo yawo ixhomeke ekusetshenzisweni kweziqondiso eziseZwini lakhe, iBhayibheli.
Isihluthulelo Sokuphumelela Kwendoda
3, 4. (a) Kungani uJesu enolwazi olujulile ngomshado? (b) Ubani umkaJesu ongokomfanekiso, futhi amadoda kufanele abaphathe kanjani omkawo?
3 Okuyosiza indoda ukuba iphumelele ukuhlolisisa lokho uJesu akusho nokulingisa lokho akwenza. Unolwazi olujulile ngale ndaba, ngoba wayekhona lapho kudalwa umbhangqwana wokuqala nalapho ushadiswa. UJehova uNkulunkulu wathi kuye: “Masenze umuntu ngomfanekiso wethu, afane nathi.” (Genesise 1:26) Yebo, uNkulunkulu wayekhuluma naLowo amdala ngaphambi kwanoma ubani nanoma yini enye, Lowo ‘owayeseceleni kwakhe eyisisebenzi esiyingcweti.’ (IzAga 8:22-30) Lona ‘uyizibulo layo yonke indalo.’ ‘Uyisiqalo sendalo kaNkulunkulu’ ngoba waba khona ngisho nangaphambi kokuba kudalwe indawo yonke.—Kolose 1:15; IsAmbulo 3:14.
4 UJesu ubizwa ngokuthi “iWundlu likaNkulunkulu,” futhi uvezwa njengomyeni ongokomfanekiso. Ingelosi ethile yake yathi: “Woza lapha, ngizokubonisa umlobokazi, umkaWundlu.” (Johane 1:29; IsAmbulo 21:9) Ungubani-ke lowo mlobokazi, noma umkakhe? “UmkaWundlu” wakhiwa abalandeli bakaKristu abathembekile abagcotshwe ngomoya, abayobusa kanye naye ezulwini. (IsAmbulo 14:1, 3) Ngakho-ke, indlela uJesu aphatha ngayo abafundi bakhe ngesikhathi enabo emhlabeni ibekela amadoda isibonelo sendlela okufanele aphathe ngayo omkawo.
5. UJesu uyisibonelo kobani?
5 Yiqiniso, eBhayibhelini uJesu uvezwa njengoyisibonelo sabo bonke abalandeli bakhe, njengoba sifunda: “[UKristu] wahlupheka ngenxa yenu, enishiyela isibonelo sokuba nilandele izinyathelo zakhe eduze.” (1 Petru 2:21) Nokho, uyisibonelo samadoda ngokukhethekile. IBhayibheli lithi: “Inhloko yawo wonke amadoda nguKristu; nenhloko yowesifazane yindoda; nenhloko kaKristu nguNkulunkulu.” (1 Korinte 11:3) Njengoba uKristu eyinhloko yendoda, amadoda kudingeka alingise isibonelo sakhe. Ngakho, ukuze umkhaya uphumelele futhi ujabule kumelwe kusetshenziswe isimiso sobunhloko. Ukuze afinyelele lokhu, amadoda kudingeka aphathe omkawo ngendlela enothando uJesu aphatha ngayo umlobokazi wakhe ongokomfanekiso, abafundi bakhe abagcotshiwe.
Indlela Yokubhekana Nezinselele Zomshado
6. Amadoda kufanele ahlale kanjani nomkawo?
6 Ezweni lanamuhla elinezinkathazo, amadoda ngokukhethekile kudingeka alingise isibonelo sikaJesu sokubekezela, uthando nokusekela izimiso zokulunga ngokuqinile. (2 Thimothewu 3:1-5) Ngokuqondene nesibonelo esabekwa uJesu, sifunda lokhu eBhayibhelini: “Nina madoda, qhubekani nihlala [nomkenu] ngendlela efanayo ngokolwazi.” (1 Petru 3:7) Yebo, amadoda kudingeka abhekane nezinselele zomshado ngolwazi, ngendlela uJesu abhekana ngayo nobunzima. Wabhekana nezinhlupheko ezinkulu kunanoma imuphi omunye umuntu, kodwa wayazi ukuthi zazibangelwa uSathane, amademoni akhe naleli zwe elibi. (Johane 14:30; Efesu 6:12) Izinhlupheko azizange neze zimmangaze uJesu, futhi nabangane bomshado akufanele bamangale lapho bebhekana “nosizi enyameni yabo.” IBhayibheli lixwayisa ngokuthi abashadayo bangakulindela ukuba nalolo sizi.—1 Korinte 7:28.
7, 8. (a) Yini ehilelekile ekuhlaleni kwamadoda nomkawo ngokolwazi? (b) Kungani abafazi befanelwe ukwaziswa?
7 IBhayibheli lithi amadoda kufanele ahlale nomkawo “ngokolwazi, [abazise] njengesitsha esibuthakathaka kakhudlwana, isifazane.” (1 Petru 3:7) Kunokuba ibuse umkayo ngokhahlo, njengoba iBhayibheli labikezela ukuthi imvamisa yamadoda yayiyokwenze njalo, indoda eyamukelwa uNkulunkulu iyomazisa. (Genesise 3:16) Iyofuna ukumphatha njengempahla eyigugu, ingalokothi isebenzise izikhwepha zayo ukuze imlimaze. Kunalokho, iyocabangela imizwa yakhe, imphathe ngenhlonipho futhi imnike isithunzi ngaso sonke isikhathi.
8 Kungani kufanele amadoda abazise omkawo? IBhayibheli liyaphendula: “Ngoba nani niyizindlalifa kanye nabo zomusa ongafanelwe wokuphila, ukuze imithandazo yenu ingathiyeki.” (1 Petru 3:7) Amadoda kudingeka aqonde ukuthi uJehova akabheki indoda engumkhulekeli wakhe njengengcono ngandlela-thile kunowesifazane ongumkhulekeli wakhe. Abesifazane uNkulunkulu ababona befaneleka bayothola umvuzo wokuphila okuphakade ofanayo nowamadoda—abaningi baze baphile nasezulwini imbala, lapho ‘kungekho khona owesilisa noma owesifazane.’ (Galathiya 3:28) Ngakho, amadoda kudingeka akhumbule ukuthi okwenza umuntu abe yigugu kuNkulunkulu ukwethembeka kwakhe. Akukhona ukuthi ungowesilisa noma ungowesifazane, uyindoda noma uyinkosikazi, ngisho nokuthi uyingane.—1 Korinte 4:2.
9. (a) NgokukaPetru, kungani amadoda kufanele abazise omkawo? (b) UJesu wabonisa kanjani ukuthi uyabazisa abesifazane?
9 Isidingo sokuba indoda iphathe umkayo ngokwazisa sigcizelelwa amazwi okuphetha omphostoli uPetru: “Ukuze imithandazo yenu ingathiyeki.” Yeka kuthi kungaba ingozi kanjani lokho! Kungaholela nasekutheni imithandazo yendoda ivinjwe, njengoba kwenzeka endulo kwezinye izinceku zikaNkulunkulu ezazinganaki. (IsiLilo 3:43, 44) Amadoda angamaKristu—ashadile nasacabanga ukushada—enza ngokuhlakanipha ngokuhlolisisa indlela ehloniphekile uJesu aphatha ngayo abesifazane. Wabamukela baba ingxenye yeqembu elalihamba naye enkonzweni, futhi wabaphatha ngomusa nangenhlonipho. Ngesinye isikhathi, uJesu waze ngisho wazisa abesifazane kuqala iqiniso elimangalisa kakhulu, wathi mabalitshele amadoda!—Mathewu 28:1, 8-10; Luka 8:1-3.
Isibonelo Asibekela Amadoda Ngokukhethekile
10, 11. (a) Kungani amadoda ngokukhethekile kudingeka ahlolisise isibonelo sikaJesu? (b) Amadoda kufanele ababonise kanjani omkawo uthando?
10 Njengoba kuphawuliwe ngaphambili, iBhayibheli lifanisa ubuhlobo bendoda nomkayo nobukaKristu ‘nomlobokazi’ wakhe, ibandla lakhe labalandeli abagcotshiwe. IBhayibheli lithi: “Indoda iyinhloko yomkayo njengoba noKristu eyinhloko yebandla.” (Efesu 5:23) La mazwi kufanele akhuthaze amadoda ukuba ahlole indlela uJesu ayesebenzisa ngayo ubunhloko kubalandeli bakhe, noma indlela ayebahola ngayo. Yilokho kuhlola kuphela okuyokwenza amadoda akwazi kahle ukulandela isibonelo sikaJesu, anikeze omkawo isiqondiso nothando futhi abakhathalele, njengoba uJesu enza ebandleni lakhe.
11 IBhayibheli likhuthaza amaKristu: “Madoda, qhubekani nithanda omkenu, njengoba nje noKristu alithanda ibandla futhi wazinikela ngenxa yalo.” (Efesu 5:25) Esahlukweni esandulelayo seyabase-Efesu, “ibandla” libizwa ‘ngomzimba kaKristu.’ Lo mzimba ongokomfanekiso unamalungu amaningi esilisa nawesifazane, wonke asiza umzimba usebenze kahle. Yebo, nguJesu ‘oyinhloko yomzimba, ibandla.’—Efesu 4:12; Kolose 1:18; 1 Korinte 12:12, 13, 27.
12. UJesu walubonisa kanjani uthando ngomzimba wakhe ongokomfanekiso?
12 UJesu wabonisa uthando analo ngomzimba wakhe ongokomfanekiso, “ibandla,” ikakhulu ngendlela enesisa anakekela ngayo labo ababeyoba amalungu awo. Ngokwesibonelo, lapho abafundi bakhe bekhathele, wathi: “Wozani . . . ngasese endaweni engenabantu niphumule kancane.” (Marku 6:31) Echaza lokho uJesu ayekwenza emahoreni ambalwa ngaphambi kokuba abulawe, omunye wabaphostoli bakhe wabhala: “UJesu ebathandile abakhe [okungukuthi, amalungu omzimba wakhe ongokomfanekiso] . . . , wabathanda kwaze kwaba sekupheleni.” (Johane 13:1) Yeka isibonelo esihle uJesu asibeka sendlela amadoda okufanele aphathe ngayo omkawo!
13. Amadoda ayalwa ukuba abathande kangakanani omkawo?
13 Eqhubeka ebhekisele esibonelweni uJesu asibekela amadoda, umphostoli uPawulu wawayala: “Amadoda kufanele athande omkawo njengemizimba yawo siqu. Lowo othanda umkakhe uzithanda yena, ngoba akekho umuntu owake wazonda inyama yakhe; kodwa uyayondla futhi ayinakekele ngesisa, njengoba noKristu enza kulo ibandla.” UPawulu wanezela: “Yilowo nalowo kini makamthande kanjalo umkakhe njengoba ezithanda yena.”—Efesu 5:28, 29, 33.
14. Indoda iwuphatha kanjani umzimba wayo ongaphelele, futhi lokhu kubonisani ngendlela okufanele iphathe ngayo umkayo?
14 Cabanga ngamazwi kaPawulu. Ingabe indoda ephilile engqondweni ike iwulimaze ngamabomu umzimba wayo? Lapho uzwani lwayo luqhuzuka, ingabe iyalushaya ngoba luqhuzukile? Cha! Ingabe indoda iyazijivaza kubangane bayo noma ihlebe ngamaphutha ayo? Cha! Pho, ingambhaxabulelani umkayo ngolimi, noma, okubi nakakhulu, imbeke isandla uma enze iphutha? Amadoda kufanele angacabangeli izithakazelo zawo nje kuphela kodwa nezomkawo.—1 Korinte 10:24; 13:5.
15. (a) UJesu wenze njani lapho abafundi bakhe bebonisa ubuthakathaka bobuntu? (b) Iziphi izifundo ezingatholakala esibonelweni sakhe?
15 Cabanga indlela uJesu abonisa ngayo ukuthi uyabakhathalela abafundi bakhe ngobusuku obandulela ukufa kwakhe, lapho bebonisa ubuthakathaka bobuntu. Nakuba abacela ngokuphindaphindiwe ukuba bathandaze, bazumeka kathathu ensimini yaseGetsemane. Bengazelele, base bezungezwe amadoda ahlomile. UJesu wawabuza: “Nifuna bani?” Lapho la madoda ethi afuna “uJesu umNazaretha,” wathi: “Nginguye.” Njengoba uJesu ayazi ukuthi ‘lase lifikile ihora’ lokufa kwakhe, wathi: “Uma nifuna mina, bayekeni laba bahambe.” UJesu wayeyikhathalela njalo inhlalakahle yabafundi bakhe—ingxenye yomlobokazi wakhe ongokomfanekiso—ngakho wabenzela indlela yokuphunyula. Ngokuhlolisisa indlela uJesu aphatha ngayo abafundi bakhe, amadoda ayothola izimiso eziningi angazisebenzisa ngokuqondene nendlela okufanele aphathe ngayo omkawo.—Johane 18:1-9; Marku 14:34-37, 41.
Uthando LukaJesu Alubuswa Umzwelo
16. UJesu wayezizwa kanjani ngoMarta, kodwa futhi wamlungisa kanjani?
16 IBhayibheli lithi: “UJesu wayebathanda oMarta nodadewabo noLazaru,” ababevame ukumbungaza kubo. (Johane 11:5) Noma kunjalo, uJesu akazange enqene ukweluleka uMarta lapho elibala yisidlo ayesilungisa, kanjalo ezincisha imfundo engokomoya evela kuJesu. Wathi: “Marta, Marta, ukhathazwa futhi uphazanyiswa izinto eziningi. Nokho, kudingeka izinto ezimbalwa, noma eyodwa kuphela.” (Luka 10:41, 42) Ngokungangabazeki, ukwazi ukuthi uJesu uyamthanda kwenza kwaba lula kuMarta ukwamukela iseluleko sikaJesu. Ngokufanayo, amadoda kufanele aphathe omkawo ngomusa nangothando, awakhethe kahle amazwi awo. Nokho, lapho kudingeka kulungiswe okuthile, kuyafaneleka ukuba akhulume angagunci njengoba uJesu enza.
17, 18. (a) UPetru wamkhuza wathini uJesu, futhi kungani uPetru ayedinga ukulungiswa? (b) Indoda inamuphi umthwalo wemfanelo?
17 Kwesinye isenzakalo, uJesu wachazela abaphostoli bakhe ukuthi kumelwe aye eJerusalema nokuthi wayeyoshushiswa lapho ‘ngamadoda amadala nabapristi abakhulu nababhali, abulawe, avuswe ngosuku lwesithathu.’ Lapho ezwa lokhu, uPetru wambizela eceleni uJesu wamkhuza, ethi: “Yiba nomusa kuwe, Nkosi; ngeke neze ube nalesi siphetho.” Kusobala ukuthi umbono kaPetru wawufiphazwe umzwelo. Wayedinga ukulungiswa. Ngakho, uJesu wathi kuye: “Yana emva kwami, Sathane! Uyisikhubekiso kimi, ngoba awucabangi imicabango kaNkulunkulu, kodwa eyabantu.”—Mathewu 16:21-23.
18 Lokho uJesu ayesanda kukusho kwakuyintando kaNkulunkulu—ukuthi wayezohlupheka ngezinto eziningi futhi abulawe. (IHubo 16:10; Isaya 53:12) Ngakho, uPetru wayenza iphutha ngokukhuza uJesu. Yebo, uPetru wayedinga ukulungiswa okuqinile, njengoba sonke sikudinga ngezinye izikhathi. Njengenhloko yomkhaya, indoda inegunya nomthwalo wemfanelo wokulungisa amalungu omkhaya, kuhlanganise nomkayo. Nakuba kungase kudingeke ukuqina, lokhu kulungisa kufanele kwenziwe ngomusa nangothando. Ngakho, njengoba nje uJesu asiza uPetru ukuba alungise umbono wakhe, ngezinye izikhathi amadoda kungase kudingeke enze okufanayo komkawo. Ngokwesibonelo, kungase kudingeke ukuba indoda ibonise umkayo ngomusa ukuthi kungani kudingeka enze ushintsho uma izingubo zakhe zokugqoka noma ubucwebe noma izimonyo kuqala ukuntula isizotha esituswa emiBhalweni.—1 Petru 3:3-5.
Kuhle Ukuba Amadoda Abe Nesineke
19, 20. (a) Iyiphi inkinga eyaba khona phakathi kwabaphostoli bakaJesu, futhi uJesu wayisingatha kanjani? (b) Imizamo kaJesu yaphumelela kangakanani?
19 Uma kunephutha elidinga ukulungiswa, amadoda akufanele alindele ukuthi ngaso sonke isikhathi imizamo yawo eqotho yokulilungisa iyophumelela ngokushesha. UJesu kwadingeka ukuba alokhu ezama njalo ukuze alungise isimo sengqondo sabaphostoli bakhe. Ngokwesibonelo, kwaba khona umbango phakathi kwabo owaphinde wabonakala ngasekupheleni kwenkonzo kaJesu. Babephikisana ngokuthi ubani phakathi kwabo owayebonakala emkhulu kunabo bonke. (Marku 9:33-37; 10:35-45) Esikhathini esingengakanani ngemva kokuba lokhu kwenzeke okwesibili, uJesu wahlela ukugubha iPhasika lakhe lokugcina enabo bodwa. Kuleso senzakalo, akekho noyedwa kubo owazisukumela wenza inkonzo ephansi eyisiko yokugeza abanye izinyawo ezinothuli. Yenziwa nguye uJesu. Wabe esethi: “Nginibekela isibonelo.”—Johane 13:2-15.
20 Lapho amadoda ebonisa isimo sengqondo sokuthobeka esinjengesikaJesu cishe omkawo bayobambisana nawo futhi bawasekele. Kodwa kudingeka isineke. Kamuva ngabo kanye lobo busuku bePhasika, abaphostoli baphinde baphikisana ngokuthi ubani kubo owayebonakala emkhulu kunabo bonke. (Luka 22:24) Ngokuvamile ukushintsha isimo sengqondo nokuziphatha kuthatha isikhathi futhi kwenzeka kancane kancane. Nokho, yeka indlela okujabulisa ngayo lapho kuba nemiphumela emihle, njengoba kwenzeka kubaphostoli!
21. Lapho ebhekene nezinselele namuhla, amadoda akhuthazwa ukuba akhumbule ini futhi enzeni?
21 Namuhla, umshado ubhekene nezinselele ezinkulu kunanini ngaphambili. Abaningi sebezithatha kalula izifungo zabo zomshado. Ngakho, madoda, cabangani ngesiqalo somshado. Khumbulani ukuthi wacatshangwa, wasungulwa futhi wamiswa uNkulunkulu wethu onothando, uJehova. Wanikela ngeNdodana yakhe, uJesu, hhayi kuphela njengoMhlengi wethu—uMsindisi wethu—kodwa nanjengesibonelo samadoda.—Mathewu 20:28; Johane 3:29; 1 Petru 2:21.
Ungaphendula Kanjani?
• Kungani kubalulekile ukuba siqaphele uMsunguli womshado?
• Amadoda akhuthazwa ukuba athande omkawo ngaziphi izindlela?
• Iziphi izibonelo zendlela uJesu aphatha ngayo abafundi bakhe ezibonisa indlela indoda okufanele isebenzise ngayo ubunhloko obunjengobukaKristu?
[Isithombe ekhasini 14]
Kungani amadoda kufanele ahlolisise izibonelo zezindlela uJesu aphatha ngazo abesifazane?
[Isithombe ekhasini 15]
Lapho abafundi bakhe bekhathele, uJesu wabonisa ukucabangela
[Isithombe ekhasini 16]
Amadoda kufanele eluleke omkawo ngamazwi anomusa nakhethwe kahle