Zuza Inhliziyo Ejabulisa UJehova
“Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo, uvuse umoya oqinileyo phakathi kwami.”—IHUBO 51:10.
1, 2. Kungani kufanele sibe nesithakazelo enhliziyweni yethu?
WAYEMUDE, ebukeka. Lapho embona, umprofethi uSamuweli wahlabeka umxhwele kangangokuthi waphetha ngokuthi le ndodana kaJese eyizibulo yayinguye lowo uNkulunkulu ayemkhethe ukuba abe yinkosi ngemva kukaSawule. Kodwa uJehova wathi: “Ungabheki isimo sakhe nobude bomzimba wakhe [lowo mfana], ngokuba ngimalile. . . . Umuntu ubheka okusemehlweni, kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni.” Kwavela ukuthi uJehova wayekhethe indodana kaJese ewuthunjana, uDavide—“umuntu ovumelana nenhliziyo yakhe.”—1 Samuweli 13:14; 16:7, qhathanisa ne-NW.
2 UNkulunkulu uyakwazi ukufunda inhliziyo yomuntu, njengoba akwenza kwacaca kamuva: “Mina Jehova ngivivinya inhliziyo, ngihlola izinso ukuba nginike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe, njengezithelo zezenzo zakhe.” (Jeremiya 17:10) Yebo, uJehova ‘uvivinya izinhliziyo.’ (IzAga 17:3) Nokho, iyini le nhliziyo uJehova ayivivinyayo kumuntu? Futhi yini esingayenza ukuze sizuze inhliziyo emjabulisayo?
“Umuntu Osithekile Wenhliziyo”
3, 4. Yimuphi umqondo igama elithi “inhliziyo” elisetshenziswa ngawo ngokuyinhloko eBhayibhelini? Nikeza izibonelo.
3 Igama elithi “inhliziyo” livela izikhathi ezingaba yinkulungwane emiBhalweni Engcwele. Ezimweni eziningi lisetshenziswa ngomqondo ongokomfanekiso. Ngokwesibonelo, uJehova watshela umprofethi uMose: “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuba bangithabathele umnikelo; kubo bonke abantu abanhliziyo zabo zivuma anothabatha umnikelo wami.” Labo abanikela “bafika, kwaba yilowo nalowo owavuswa yinhliziyo yakhe.” (Eksodusi 25:2; 35:21) Ngokusobala, esinye sezici zenhliziyo engokomfanekiso yisisusa—amandla angaphakathi asiqhubezela esenzweni. Inhliziyo yethu engokomfanekiso ibonisa nemizwelo, imizwa yethu, izifiso zethu nezinto esizithandayo. Inhliziyo ingagxila entukuthelweni noma igcwale ukwesaba, idatshukiswe usizi noma yeqiwe yinjabulo. (IHubo 27:3; 39:3; Johane 16:22; Roma 9:2) Ingaqhosha noma ithobeke, ithande noma izonde.—IzAga 16:5; Mathewu 11:29; 1 Petru 1:22.
4 Ngokufanelekayo, “inhliziyo” ivame ukuhlotshaniswa nesisusa nemizwelo, kanti “ingqondo” ihlobene kakhulu nokucabanga. Yilena indlela la magama okufanele aqondwe ngayo lapho evela emongweni owodwa emiBhalweni. (Mathewu 22:37; Filipi 4:7) Kodwa akukhona ukuthi lapho kukhulunywa ngenhliziyo akunakubhekiselwa engqondweni. Ngokwesibonelo, uMose wanxusa ama-Israyeli: “Kungenise enhliziyweni yakho [noma, “kumelwe ukhumbule engqondweni,” umbhalo waphansi we-NW] ukuthi uJehova unguNkulunkulu.” (Duteronomi 4:39) UJesu wathi kubabhali ababemakhela uzungu: “Kungani nicabanga izinto ezimbi ezinhliziyweni zenu?” (Mathewu 9:4) ‘Ukuqonda,’ “ukwazi” ‘nokuzindla’ nakho kungahlotshaniswa nenhliziyo. (1 AmaKhosi 3:12; IzAga 15:14; Marku 2:6) Ngakho-ke, inhliziyo engokomfanekiso ingahilela nengqondo yethu—imicabango noma ukuqonda kwethu.
5. Imelelani inhliziyo engokomfanekiso?
5 Ngokwencwadi ethile, inhliziyo engokomfanekiso imelela “umnyombo, ingaphakathi, kanjalo [isho] umuntu wangaphakathi ozibonakalisa kuzo zonke izinto ezihlukahlukene azenzayo, ezifisweni zakhe, ezintweni azithandayo, imizwelo yakhe, lokho akushisekelayo, izinjongo, imicabango, imibono yakhe, akwakhayo engqondweni yakhe, ukuhlakanipha kwakhe, ulwazi, amakhono, izinkolelo zakhe nendlela acabanga ngayo, izinkumbulo zakhe nalokho akuqaphelayo.” Imelela lokho esiyikho ngempela ngaphakathi, “umuntu osithekile wenhliziyo.” (1 Petru 3:4) Yilokho uJehova akubonayo nakuhlolayo. Ngakho, uDavide wayengathandaza athi: “Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo, uvuse umoya oqinileyo phakathi kwami.” (IHubo 51:10) Singayizuza kanjani inhliziyo ehlanzekile?
“Bekani Inhliziyo Yenu” EZwini LikaNkulunkulu
6. UMose wanxusa u-Israyeli ukuba enzeni lapho ekanise emaThafeni akwaMowabi?
6 Lapho eyala abantwana bakwa-Israyeli ababebuthene emaThafeni akwaMowabi ngaphambi kokungena eZweni Lesithembiso, uMose wathi: “Bekani inhliziyo yenu kuwo onke amazwi engiwafakazela kini namuhla, eniyakuyala ngawo abantwana benu ukuba baqaphele ukuwenza amazwi onke alo mthetho.” (Duteronomi 32:46) Ama-Israyeli kwakufanele “alalelisise.” (Knox) Ayeyokwazi ukugxilisa imiyalo kaNkulunkulu ezinganeni zawo kuphela uma ayeyazi kahle.—Duteronomi 6:6-8.
7. Yini ehilelekile ‘ekubekeni inhliziyo yethu’ eZwini likaNkulunkulu?
7 Imfuneko eyisihluthulelo yokuzuza inhliziyo ehlanzekile iwukuthola ulwazi olunembile lwentando kaNkulunkulu nezinjongo zakhe. Munye kuphela umthombo walolo lwazi, iZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe. (2 Thimothewu 3:16, 17) Nokho, ulwazi lwasekhanda lulodwa ngeke lusisize ukuba sizuze inhliziyo ejabulisa uJehova. Ukuze ulwazi luthonye lokho esiyikho ngempela ngaphakathi, kumelwe ‘sibeke inhliziyo yethu’ kulokho esikuzwayo, noma ‘sikuvumele kuthinte inhliziyo’ yethu. (Duteronomi 32:46, An American Translation) Kwenziwa kanjani lokhu? Umhubi uDavide uyachaza: “Ngiyakhumbula izinsuku zasendulo, ngizindla ngemisebenzi yakho yonke, ngicabange ngezenzo zezandla zakho.”—IHubo 143:5.
8. Yimiphi imibuzo esingazindla ngayo lapho sitadisha?
8 Nathi kufanele sizindle ngokwazisa ngemisebenzi kaJehova. Lapho sifunda iBhayibheli noma izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini, kudingeka sizindle ngemibuzo enjengokuthi: ‘Lokhu kungifundisani ngoJehova? Yiziphi izimfanelo zikaJehova engizibona lapha? Lokhu kulandisa kungifundisani ngalokho uJehova akuthandayo nangakuthandi? Iyini imiphumela yokulandela inkambo uJehova ayithandayo, kanti iyini eyokulandela ayizondayo? Le ndaba ihlangana kanjani nalokho esengikwazi kakade?’
9. Sibaluleke kangakanani isifundo somuntu siqu nokuzindla?
9 ULisaa oneminyaka engu-32 ubudala uchaza indlela aqala ngayo ukuqaphela ukubaluleka kokutadisha nokuzindla ngendlela enenjongo: “Ngemva kokubhapathizwa ngo-1994, ngangikhuthele impela eqinisweni iminyaka engaba mibili. Ngangiya kuyo yonke imihlangano yobuKristu, ngisebenza amahora angu-30 kuya ku-40 ngenyanga enkonzweni yasensimini futhi ngizihlanganisa namanye amaKristu. Ngabe sengiqala ukukhukhuleka. Ngehla kangangokuthi ngaze ngaphula umthetho kaNkulunkulu. Kodwa ngasanguluka nganquma ukulungisa ukuphila kwami. Yeka indlela engijabula ngayo ngokuthi uJehova uye wakuqaphela ukuphenduka kwami waphinda wangamukela! Kukaningi ngicabanga: ‘Ngawiswa yini?’ Impendulo engiyitholayo njalo ukuthi ngadebeselela ukutadisha nokuzindla ngendlela enenjongo. Iqiniso leBhayibheli lalingazange nje lifinyelele inhliziyo yami. Kusukela manje, isifundo somuntu siqu nokuzindla kuyolokhu kuyingxenye ebalulekile yokuphila kwami.” Njengoba sikhula olwazini esinalo ngoJehova, iNdodana yakhe neZwi lakhe, yeka indlela okubaluleke ngayo ukuba sizinike isikhathi sokuzindla ngendlela enenjongo!
10. Kungani kuphuthuma ukuba sizinike isikhathi sesifundo somuntu siqu nokuzindla?
10 Kuleli zwe elimatasa, ukuthola isikhathi sokutadisha nokuzindla kuyinselele ngempela. Nokho, amaKristu namuhla asonqenqemeni lweZwe Lesithembiso elimangalisayo—izwe elisha likaNkulunkulu elinokulunga. (2 Petru 3:13) Kunezenzakalo ezethusayo eziseduze, njengokubhujiswa ‘kweBabiloni Elikhulu’ nokuhlasela ‘kukaGogi wezwe lakwaMagogi’ abantu bakaJehova. (IsAmbulo 17:1, 2, 5, 15-17; Hezekeli 38:1-4, 14-16; 39:2) Okuseza kungase kuvivinye uthando lwethu ngoJehova. Kuyaphuthuma ukuba silithengisise manje ithuba, sibeke inhliziyo yethu eZwini likaNkulunkulu!—Efesu 5:15, 16.
‘Lungisa Inhliziyo Yakho Ukuba Uhlole IZwi LikaNkulunkulu’
11. Inhliziyo yethu ingafaniswa kanjani nenhlabathi?
11 Inhliziyo engokomfanekiso ingafaniswa nenhlabathi okungatshalwa kuyo imbewu yeqiniso. (Mathewu 13:18-23) Inhlabathi engokoqotho ngokuvamile iyahlakulwa ukuze izilimo zikhule kahle. Ngokufanayo, inhliziyo kufanele ilungiswe ukuze ilamukele kakhudlwana iZwi likaNkulunkulu. Umpristi u-Ezra ‘walungisa inhliziyo yakhe ukuba ahlole umthetho kaJehova nokuba awenze.’ (Ezra 7:10, NW) Singayilungisa kanjani thina inhliziyo yethu?
12. Yini eyosisiza ukuba silungiselele izinhliziyo zethu ukutadisha?
12 Indlela enhle kakhulu yokulungisa inhliziyo lapho sizohlola iZwi likaNkulunkulu iwumthandazo osuka enhliziyweni. Imihlangano yobuKristu yabakhulekeli beqiniso ivula futhi iphethe ngomthandazo. Yeka ukuthi kufaneleka kanjani ukuba siqale isifundo somuntu siqu seBhayibheli ngasinye ngomthandazo oqotho bese silondoloza isimo sengqondo esihambisana nalowo mthandazo kuso sonke isifundo sethu!
13. Yini okumelwe siyenze ukuze sizuze inhliziyo ejabulisa uJehova?
13 Inhliziyo engokomfanekiso kumelwe ilungiswe ukuze sisuse imibono esiyakhe kusengaphambili. Abaholi benkolo besikhathi sikaJesu babengazimisele ukukwenza lokhu. (Mathewu 13:15) Ngakolunye uhlangothi, unina kaJesu, uMariya, wafinyelela iziphetho “enhliziyweni yakhe” ngokusekelwe emaqinisweni ayewezwile. (Luka 2:19, 51) Waba ngumfundi kaJesu othembekile. ULidiya waseThiyathira walalela uPawulu, “uJehova wayivula kakhulu inhliziyo yakhe ukuba anake.” Naye waba yikholwa. (IzEnzo 16:14, 15) Kwangathi singelokothe sinamathele kakhulu emibonweni yethu siqu noma ezimfundisweni esizazisayo. Kunalokho, masikulungele ukuba ‘uNkulunkulu atholakale eqinisile, nakuba wonke umuntu engatholakala engumqambimanga.’—Roma 3:4.
14. Singayilungisa kanjani inhliziyo yethu ukuze silalele emihlanganweni yobuKristu?
14 Ukulungisa inhliziyo ukuze silalela emihlanganweni yobuKristu kubaluleke ngokukhethekile. Iziphazamiso zingase zisuse izingqondo zethu kulokho okushiwoyo. Okushiwoyo ngeke kube nethonya elitheni kithi uma sicabanga ngezinto ebezenzeka ngalolo suku noma sikhathazeke ngokuthi yini esilindele kusasa. Kudingeka sizimisele ngokuqinile ukulalela futhi sifunde ukuze sizuze kulokho okushiwoyo. Yeka izinzuzo esingazithola uma sizimisele ukuqonda imibhalo echazwayo nendlela ecaciswa ngayo!—Nehemiya 8:5-8, 12.
15. Ukuthobeka kusisiza kanjani ukuba sibe abafundiseka kakhudlwana?
15 Njengoba nje ukufaka umquba kungavundisa inhlabathi engokoqobo, ukuhlakulela ukuthobeka, ukulambela izinto ezingokomoya, ukwethembela kuNkulunkulu, ukumesaba nokumthanda kungayicebisa inhliziyo yethu engokomfanekiso. Ukuthobeka kuthambisa inhliziyo, kusenze sibe abafundiseka kakhudlwana. UJehova wathi enkosini yakwaJuda uJosiya: “Ngenxa yokuba inhliziyo yakho yayithambile wazithoba phambi kukaJehova, lapho wezwa lokho engakukhuluma . . . wakhala phambi kwami, mina ngikuzwile.” (2 AmaKhosi 22:19) Inhliziyo kaJosiya yayithobekile futhi ikwamukela okushiwoyo. Ukuthobeka kwenza abafundi bakaJesu “abangafundile nabavamile” bakwazi ukuqonda nokusebenzisa amaqiniso angokomoya ayengaqondakali kubantu “abahlakaniphileyo nabanengqondo.” (IzEnzo 4:13; Luka 10:21) Kwangathi ‘singazithoba phambi kukaNkulunkulu’ wethu njengoba sizama ukuzuza inhliziyo ejabulisa uJehova.—Ezra 8:21.
16. Kungani kudingeka umzamo ukuze sihlakulele ukulangazelela ukudla okungokomoya?
16 UJesu wathi: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.” (Mathewu 5:3) Nakuba sadalwa saba nekhono lokwakha ingokomoya, izingcindezi zaleli zwe elibi noma izimfanelo ezinjengobuvila zingakuthuntubeza ukuqaphela kwethu leso sidingo. (Mathewu 4:4) Kumelwe sikuhlakulele ukuthanda ukudla okungokomoya. Ngisho noma ekuqaleni singakujabuleli ukufunda iBhayibheli nokwenza isifundo somuntu siqu, uma siphikelela siyothola ukuthi ukwazi ‘kuba mnandi emphefumulweni wethu,’ sizilangazelele izikhathi zethu zokutadisha.—IzAga 2:10, 11.
17. (a) Kungani uJehova ekufanelekela ukuba simethembe ngokuphelele? (b) Singakuhlakulela kanjani ukwethembela kuNkulunkulu?
17 INkosi uSolomoni yayala: “Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda.” (IzAga 3:5) Inhliziyo ethembela kuJehova iyazi ukuthi noma yini ayicelayo noma ayala ukuba yenziwe ngeZwi lakhe ilungile njalo. (Isaya 48:17) UJehova uyakufanelekela ngempela ukuba simethembe ngokuphelele. Uyakwazi ukufeza konke akuhlosile. (Isaya 40:26, 29) Ingani kwalona igama lakhe lisho ukuthi “Ubangela Ukuba Kube Khona,” okwenza siwethembe amandla akhe okufeza lokho akuthembisile! “Ulungile ezindleleni zakhe zonke, unomusa emisebenzini yakhe yonke.” (IHubo 145:17) Yebo, ukuze sihlakulele ukwethembela kuye, kudingeka ‘sizwe sibone ukuthi uJehova muhle’ ngokukusebenzisa ekuphileni kwethu lokho esikufunda eBhayibhelini nangokuzindla ngezinzuzo okuzilethayo.—IHubo 34:8.
18. Ukwesaba uNkulunkulu kusisiza kanjani ukuba samukele isiqondiso sakhe?
18 Eveza enye futhi imfanelo eyenza inhliziyo yethu yamukele isiqondiso saphezulu, uSolomoni wathi: “Mesabe uJehova, udede ebubini.” (IzAga 3:7) Mayelana no-Israyeli wasendulo, uJehova wathi: “Sengathi kungaba khona kubo inhliziyo enjalo ukuba bangesabe, bagcine njalo yonke imiyalelo yami, kube kuhle kubo nakubantwana babo kuze kube phakade.” (Duteronomi 5:29) Yebo, labo abamesabayo uNkulunkulu bayamlalela. UJehova uyakwazi ‘ukuba namandla kwabanhliziyo yabo iphelele kuye’ nokujezisa labo abangamlaleli. (2 IziKronike 16:9) Kwangathi ukwesaba kwethu ukumdumaza uNkulunkulu nokumhlonipha kungabusa zonke izenzo, imicabango nemizwelo yethu.
‘Mthande Ngenhliziyo Yakho Yonke UJehova’
19. Uthando lufeza yiphi indima ekwenzeni inhliziyo yethu isabele esiqondisweni sikaJehova?
19 Ngaphezu kwazo zonke ezinye izimfanelo, uthando luyenza ngempela inhliziyo yethu yamukele isiqondiso sikaJehova. Inhliziyo egcwele uthando ngoNkulunkulu yenza umuntu alangazelele ukwazi lokho okujabulisa uNkulunkulu nalokho okumdumazayo. (1 Johane 5:3) UJesu wathi: “Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngenhliziyo yakho yonke nangomphefumulo wakho wonke nangengqondo yakho yonke.” (Mathewu 22:37) Kwangathi singalujulisa uthando lwethu ngoNkulunkulu ngokukwenza umkhuba ukuzindla ngobuhle bakhe, ngokukhuluma naye njalo njengomngane oseduze nangokuxoxa nabanye ngaye ngokuzimisela.
20. Singayizuza kanjani inhliziyo ejabulisa uJehova?
20 Uma sibukeza: Ukuzuza inhliziyo ejabulisa uJehova kuhilela ukuvumela iZwi likaNkulunkulu lithonye lokho esiyikho ngaphakathi, umuntu osithekile wenhliziyo. Isifundo somuntu siqu semiBhalo nokuzindla ngokwazisa ngendlela enenjongo kuyimfuneko. Kuhle kakhulu ukwenza lokhu ngenhliziyo elungisiwe—inhliziyo engenayo imibono eyakhiwe kusengaphambili, inhliziyo egcwele izimfanelo ezisenza sifundiseke! Yebo, ngosizo lukaJehova, umuntu angayizuza inhliziyo enhle. Nokho, yiziphi izinyathelo esingazithatha ukuze silondoloze inhliziyo yethu?
[Umbhalo waphansi]
a Igama lishintshiwe.
Ungaphendula Kanjani?
• Iyini inhliziyo engokomfanekiso uJehova ayihlolayo?
• ‘Singayibeka kanjani inhliziyo yethu’ eZwini likaNkulunkulu?
• Kufanele sizilungiselele kanjani izinhliziyo zethu ukuhlola iZwi likaNkulunkulu?
• Ngemva kokucabangela lesi sihloko, yini ozizwa ushukumiseleka ukuyenza?
[Isithombe ekhasini 17]
UDavide wayezindla ngokwazisa ngezinto ezingokomoya. Ingabe wena uyakwenza lokho?
[Izithombe ekhasini 18]
Lungisa inhliziyo yakho ngaphambi kokutadisha iZwi likaNkulunkulu