Umsebenzi Okhazimulayo Olandela Ukugibela Kwabagibeli Bamahhashi
1. Kukanjani kusobala ukuthi iZikhathi zabeZizwe zokuba zinyathele phansi lokho umuzi waseJerusalema owawukumelele zaphela ngo-1914?
“INKOSI YAMAKHOSI NOMBUSI WABABUSI,” uJesu Kristu, ukhona. (IsAmbulo 19:11, 16) Sine“sibonakaliso” salokhu. Uye waba khona eMbusweni wakhe awunikwe uNkulunkulu kusukela ekupheleni “kwezikhathi zabeZizwe” ngonyaka ka-1914, iminyaka engama-69 edlule. (Luka 21:24) Khona-ke ukunyathelwa phansi koMbuso kaJehova uNkulunkulu owake wamelelwa umbuso wakwaIsrayeli eJerusalema ohlwini lobukhosi lweNkosi uDavide kwaphela. EMpumalanga ePhakathi umuzi waseJerusalema awunayo inkosi yohlu lomkhaya kaDavide kodwa uyinhlokodolobha yeRepublic of Israel, enongqongqoshe ongumJuda. Kodwa kuthiwani nge“Jerusalema lasezulwini”? (Heberu 12:22) Kusendaweni ephakeme kunomuntu, engaphezu kombuso weZizwe lapho “iNdodana kaDavide,” uJesu ibusa khona njenge“NKOSI YAMAKHOSI NOMBUSI WABABUSI” kusukela ekupheleni kweZikhathi zabeZizwe ngo-1914. Izizwe lapha emhlabeni zingaphikisa uMbuso nabamemezeli bawo, kodwa ngeke ziwuthinte. Ngeke zibuse phezu kwawo, njengoba kwenza imibuso eyisihlanu yomlando wezwe, okungukuthi, iBabiloni, iMedo-Persia, iGreece, iRoma, nombuso wezwe wamaNgisi namaMelika okuyiBrithani neUnited States.—IsAmbulo 21:1, 2.
2. Ephendula umbuzo wokuthi sasiyoba yini isibonakaliso sokuba-khona kwakhe nesokuphela kwezwe, yini uJesu ayisho ehambelana nombono okusAmbulo 6:1-8?
2 Umbono owanikwa umphostoli uJohane, njengoba ubekwe kusAmbulo 6:1-8, ngokwesiprofetho ubonisa lokho okwakuzohambisana nokuqala kokugibela kwe“NKOSI YAMAKHOSI NOMBUSI WABABUSI” ehhashini elimhlophe elingokomfanekiso ekulweni okungunqamulajuqu enkundleni yempi eHarmagedoni. Lokho okwaboniswa yilowombono kuvumelana nalokho uJesu Kristu ngokwakhe akutshela abafundi bakhe ephendula umbuzo wabo: “Lokhu kuyakuba-nini nesibonakaliso sokuba-khona [parousía ngesiGreki] kwakho siyakuba-yini na?” (Mathewu 24:3, NW) Maqondana ne“mihelo” eyayiyophawula “isibonakaliso” sokuba-khona kwakhe, noma parousía, no“kuphela kwezwe,” uJesu wathi: “Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso [ngempi]; kuyakuba-khona ukuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo, kube-khona indlala; lokhu kungukuqala kwemihelo [okuphawula ukuzalwa kwesimiso esisha sezinto].” (Marku 13:8) “Khona wathi kubo: Isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso; kuyaba-khona ukuzamazama okukhulu komhlaba nobici nendlala izindawo ngezindawo, kube-khona izinto ezesabekayo nezibonakaliso ezinkulu ezivela ezulwini.”—Luka 21:10, 11; Mathewu 24:7, 8.
IHHASHI ELIBOMVU
3. Ukuqala kokuba-khona kukaKristu kwakuzophawulwa kanjani, futhi umbono ekuvulweni kophawu lwesibili ubonisani?
3 Ngakho-ke ukuqala koku“ba-khona” kukaKristu, noma parousía, kusukela ekupheleni kweZikhathi zabeZizwe ngo-1914 kwakungeke kuphawulwe ukuthula ezulwini noma emhlabeni. Umbono owanikwa uJohane kusAmbulo isahluko 6 uqinisekisa leliphuzu. Khona-ke, ukuvulwa kophawu lwesibili kwakuzokwembulani kithi? Sinomphostoli uJohane, siyabukisisa: “Nalapho livula uphawu lwesibili, ngezwa isidalwa sesibili sithi: Woza! Kwase kuphuma elinye ihashi elibomvu, nohlezi phezu kwalo waphiwa ukususa ukuthula emhlabeni, ukuze babulalane, wanikwa nenkemba enkulu.”—IsAmbulo 6:3, 4.
4. Lombono wabonisani, futhi ngani?
4 Lombono wawubonisani? Yini enye ngaphandle kokugqashuka kwempi, yomhlaba wonke, ngoba umgibeli wehhashi elibomvu wayezo“susa ukuthula emhlabeni.”
5. Ingabe lokhu kubonisa ukuthi umgibeli wehhashi elimhlophe wayenecala ngokugqashuka kwempi yezwe, futhi isAmbulo 12 sibonisa ukuthi yini eyayizolandela ukuqala kokubusa kwakhe?
5 Njengoba ihhashi elibomvu nomgibeli walo onengqondo yempi lalilandela umgibeli owayesehhashini elimhlophe, ingabe lokhu kusho ukuthi umgibeli wokuqala waqala iMpi Yezwe I ngemva kokugcotshwa kwakhe ngo-1914 futhi khona-ke waqala ukusebenzisa “umnsalo” wakhe? Akunjalo neze! IsAmbulo isahluko se-12 sifanekisa lokho okwakuzolandela ukuzalwa koMbuso womgibeli wehhashi wokuqala ngo-1914: impi engabonakali, engaphezu komuntu. “Kwase kuba-khona ukulwa ezulwini; uMikayeli nezingelosi zakhe balwa nodrako. Nodrako walwa enezingelosi zakhe, kepha kabaze banqoba, nendawo yabo kayabe isafunyanwa ezulwini. Wayesephoshwa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uMhlebi noSathane, odukisa izwe lonke, waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa kanye naye. Ngase ngizwa izwi elikhulu ezulwini, lithi: Kalokhu insindiso namandla nobukhosi ngokukaNkulunkulu wethu, nombuso ngokaKristu wakhe, ngokuba uphonswe phansi ummangaleli wabazalwane bethu obamangalelayo phambi kukaNkulunkulu wethu imini nobusuku. . . . Ngalokho thokozani nina-mazulu nabahlala kuwo; maye kuwe-mhlaba nakuwe-lulwandle, ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane!”—IsAm 12, Amavesi 7-12.
6. Ngenxa yalokho, izici eziningana maqondana nomgibeli wehhashi lesibili zifanekiselani?
6 Lowomlando ubeka icala ngokuqondile kuDeveli namademoni akhe ngempi yezwe yokuqala leyo eyabulala abantu abangaphezu kwezigidi eziyi-8 kusukela ngoJuly 28, 1914. Umgibeli wehhashi lesibili elingokomfanekiso wafanekisela izixuku zempi lezo uSathane uDeveli angu“nkulunkulu” wazo; futhi ihhashi elibomvu lalifana nokudlondlobala nesimo saleyompi nemiphumela yayo, iMpi Yezwe II. “Inkemba enkulu” yomgibeli yanikwa isosha eligibeleyo, ukuba libulale ngayo izitha zalo. Ubukhulu balesikhali sempi ngokufanayo babuzobonisa ubukhulu bohlobo lwempi leyo manje eyayisemhlabeni wonke, impi ephelele, impi yesilinganiso somhlaba wonke. Akukaze kube-khona enjengayo ngaphambili! Izincwadi zomlando zikhona emitatsheni yezincwadi ukuba zisinike imininingwane ngeziMpi Zezwe I neye-II! Ngempela, impi yomhlaba wonke yagqashuka ekupheleni kweZikhathi zabeZizwe ngo-1914.—Luka 21:24.
7. Ukuze kuhambelane nesAmbulo 6:1-8, yini eyaqala ukwenzeka ngo-1914 okubonisa ukufana nalokho uJesu akutshela abafundi bakhe ngesibonakaliso sokuba-khona kwakhe?
7 Lowo owanika umphostoli wakhe uJohane izibonakaliso zesAmbulo isahluko 6 kwakunguye owanikeza ukwaziswa lapho ephendula abaphostoli bakhe, kuhlanganise noJohane; emuva ngo-33 C.E. ephendula umbuzo wabo: “Nesibonakaliso sokuza kwakho nesokuphela kwezwe siyakuba-yini na?” Njengoba ukulandelana kwezenzakalo azisho emuva lapho ngokushesha ngaphambi kokufa kwakhe zihambisana nokulandelana kwezenzakalo azisho kusAmbulo isahluko 6, kubonisa ukuthi umbono onikezwa yilesosahluko se-6 ubonisa ukuthi ukuphela kweZikhathi zabeZizwe ngo-1914 nokugqashuka kwempi ezweni lonke kwaphawula ukuqala ko“kuba-khona” kwakhe eMbusweni wakhe wasezulwini nokuqala kwe“siphelo sesimiso sezinto.” Njengoba uJesu akubikezela kuMathewu 24:7, 8 nakuLuka 21:11, isizwe savukela isizwe nombuso wavukela umbuso ukuze kuphawulwe ukuqala ko“kuba-khona” kwakhe okungabonakali noma ukunakekela kwakhe izindaba zomhlaba manje njengoba wawusuyindawo yoMbuso wakhe omiswe kabusha. Kodwa kuthiwani nge“ndlala” no“bici izindawo ngezindawo”? Lokhu nakho kwafanekiselwa kusengaphambili ukugibela kwabagibeli bamahhashi abane abafanekiswe kusAmbulo 6:1-8.
IHHASHI ELIMNYAMA
8. Zaziyini izici zombono ezalandela ukuvulwa kophawu lwesithathu?
8 Ngemva kokugibela komgibeli wehhashi elibomvu, umbono ubonisani? “Kuthe selivula uphawu lwesithathu, ngezwa isidalwa sesithathu sithi: Woza! ngase ngibona, bheka, nanto ihashi elimnyama nohlezi phezu kwalo ephethe isilinganiso ngesandla sakhe. Ngase ngizwa kungathi izwi phakathi kwezidalwa ezine lithi: Imbenge kakolweni ngodenariyu nezimbenge ezintathu zebhali ngodenariyu; kepha amafutha newayini ungakoni.”—IsAmbulo 6:5, 6.
9. Yini izici zalowombono eziyisho ngokusobala, futhi kungani umbala wehhashi wawumnyama ngokufanelekile?
9 Ngokusobala, lokhu kubonisa ukuntuleka kokudla, ukuswelakala kokudliwayo. Futhi ingabe lokhu akuzange kufike ngeMpi Yezwe I “izindawo ngezindawo”? Ngokususwa kwabalimi emasimini abo nasezivandeni ukuze babuthelwe emabuthweni alwayo ezigidi zamadoda, ingabe indlala yayingeke yande ezindaweni eziningi, kube khona okuncane noma kuntuleke okokuhlangabezana nayo? Ngokunengqondo kunjalo! Akumangalisi ukuthi izigidi zafa ngenxa yendlala. Intengo yokudla yakhuphuka yaba ngaphezu kokufinyelelwa ngezimali ngabaningi abangenakubalwa ababulawa indlala, nokwehla kwamandla emali okungaka! Cabanga nje ngakho, umholo wosuku, imbenge kakolweni, ngo“denariyu”! Umholo wosuku ngezimbenge ezintathu, zokudla okuphansi kwebhali, ukudla okuvamile kwabampofu ngokwezimali! Labo ababa yizicebi ngenxa yomsebenzi wempi nangokwenza izikhali babekwazi ukuthola okokuthenga amafutha noma iwayini ezimakethe. Futhi kubona “amafutha newayini” akuzange koniwe. Imiholo ephakeme yayingahlangabezana namanani aphakeme! Konke lokhu kuletha umbono omnyama maqondana nempi yembulunga yonke leyo eyasusa abantu abaningi emisebenzini ekhiqizayo, njengokulima, zabayisa emisebenzini ebulalayo. Ngakho akumangalisi ukuthi ihhashi elalithwele umgibeli onesilinganiso sokudla ngamanani aphakeme kwakuyihhashi elimnyama! Yeka umbono ofiphele nongenamisi, walowomphathi wokuntuleka kokudla okubulalayo!
IHHASHI ELIMPOFU
10. Ufakazi wesithathu wavezwa kanjani embonweni kaJohane ukuba afakazele ukuqala kokuba-khona komgibeli wehhashi elimhlophe?
10 Abagibeli behhashi elibomvu nehhashi elimnyama babengofakazi ababili beqiniso lokuthi iNkosi uJesu Kristu yanikwa umqhele futhi yaqala ukugibela kwayo kokunqoba okuqhubeka kusukela “esiphelweni sesimiso sezinto” kuze kube sekupheleni kwaso eHarmagedoni. Nokho, kukhona ufakazi wesithathu walokhu esinikezwa yena. Eminyakeni engaphezu kwama-60 ngaphambi kombono kaJohane, umgibeli onomqhele owayesehhashini elimhlophe wayethé, “Onke amazwi aqiniswe ngomlomo wofakazi ababili noma abathathu.” (Mathewu 18:16) Khona-ke, kuthiwani ngalofakazi wesithathu? Cha, akayena umgibeli ofanekisela okuthile okwenzeka emhlabeni, ukuzamazama komhlaba; kunokuthile okwashanela umhlaba ngokufa kwezisulu eziyizigidi ezingama-20 ngo-1918-1919 ekupheleni kweMpi Yezwe I. Ngakho, manje kungena ufakazi wesithathu: “Nalapho livula uphawu lwesine, ngezwa izwi lesidalwa sesine sithi: Woza! Ngase ngibona, bheka, nanto ihashi elimpofu nohlezi phezu kwalo, igama lakhe lalingukuFa, neHayidese lalandelana naye; base benikwa amandla phezu kokwesine komhlaba ukuba babulale ngenkemba, nangendlala, nangokufa, nangezilwane zomhlaba.”—IsAmbulo 6:7, 8.
11. Kungani umbala walelihhashi lesine wawumpofu ngokufanelekile, futhi luhlobo luni lokufa umgibeli walo akufanekiselayo ngaphambi kokuveza izisulu zeHayidesi?
11 Ihhashi elimpofu lalizoba isilwane esibukeka sigula, futhi ukuFa kwakuzoba yigama elimfanele umgibeli walo. Ukufa okushiwo lapha kwakuzoba ukufa okusheshiswayo, kungekhona ukufa okwenzeka kubantu ngenxa yokuguga. Kuwukufa okuyisa umuntu eHayidese, ithuna, esemncane. Kanjani? Ngoba kuwukufa okungathandeki okuza kumuntu nge“nkemba enkulu” yempi esabekayo, ngokuswelakala kokudla kuze kube sephuzwini lendlala noma “ubici,” isifo esithathelwanayo esanda endaweni enkulu eyakhiwe, esisho ukuphela ngokushesha kokuphila ezisulwini zaso. Futhi ingabe umkhuhlane omkhulu waseSpain, owahlasela izwe ekupheleni kweMpi Yezwe I awuzange ufanelane nencazelo enjalo? Ngempela, kunjalo! Futhi iHayidesi lavula umlomo walo olambile ukuba ligwinye izigidi ezilinganiselwa ema-20. Kwakungathunyelwe uNkulunkulu, kodwa uNkulunkulu wakuvumela. Ngaphandle kokweqisa kungashiwo maqondana nokuFa neHayidesi ukuthi “base benikwa amandla phezu kokwesine komhlaba.” UNkulunkulu akazange angenele ngisho nakuba lezizinto zenza abanye abathembekile bakhe baba izisulu. Ukufa okulethwa “izilwane zomhlaba” ezidla abantu abangenakuzivikela akubikwa.
12. Ukugibela okubulalayo kwalabagibeli abathathu bokugcina, ekwenzekeni ngesikhathi okwenzeka ngaso, kufakazela liphi iqiniso?
12 Ukugibela okubulalayo kwalabofakazi abathathu, okungukuthi, umgibeli wehhashi elibomvu, umgibeli wehhashi elimnyama, nomgibeli wehhashi elimpofu neHayidesi emva kwakhe, ngeke kunganakwa noma kususwe emlandweni wezikhathi zanamuhla. Njengoba kwenzeka ekupheleni kweZikhathi zabeZizwe ngo-1914, kumelwe zisho okuthile okunokubaluleka kwezwe. Kuyini? UMbuso, lowo abafundi bakhe abafundiswa ukuba bawuthandazele kuNkulunkulu eMthandazweni weNkosi, wamiswa emazulwini, manje njengoba iZikhathi zabeZizwe, “izikhathi ezimisiwe zezizwe,” zokunyathela phansi uMbuso kaNkulunkulu ngoMesiya (uKristu) seziphelile. (Luka 21:10, 11, 24) Manje uMbuso ulapha. INkosi yawo iye yagcotshwa njengoMbusi omiswe uNkulunkulu futhi yanikwa umqhele. “Ukuba-khona” kwayo eMbusweni sekuqalile. “Isiphelo sesimiso sezinto” siqalile. Intonga yobukhosi yamandla akhe uJehova uye wayithumela ivela eSiyoni lasezulwini, ethi: “Busa wena phakathi kwezitha zakho.” (IHubo 110:1, 2) Khona-ke, isikhathi sase sifikile ngoMbusi ukuba aqale ukugibela kwakhe ehhashini lakhe lobukhosi, egijimela ekunqobeni kokugcina nokuphelele, izitha zakhe emhlabeni ngokufanayo nasezulwini.
Ilungelo Elihloniphekayo
13. Abafundi bomgibeli wehhashi elimhlophe kumelwe basabele kanjani kulokhu kwaziswa, futhi yiliphi ilungelo lenkonzo elabikezelwa okumelwe bakuqaphele njengokuyilungelo ukulithatha?
13 Bebhekene nalabo bagibeli bamahhashi abane njengoba befanekiswe kusAmbulo 6:1-8, abafundi bomgibeli wehhashi elimhlophe yini okumelwe bayenze lapha emhlabeni phakathi ne“siphelo sesimiso sezinto”? Kumelwe bakhonze ngobunye njengabakhulumeli bakhe ekugcwaliseni isici esivelele se“sibonakaliso” sokuba-khona kwakhe eMbusweni, okungukuthi, “Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke kube-ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.” (Mathewu 24:14) Lobufakazi bomhlaba wonke kumelwe benziwe ‘abashumayeli’ bakhe futhi buqedwe ngaphambi kokuba “ukuphela” kwale“lizwe” elibhubhayo kufike. Njengoba manje sekuyiminyaka engama-69 kusukela umgibeli wehhashi elimhlophe owanikwa umqhele aqala ukugibela kwakhe ukuba afeze ukunqoba kwakhe izitha zoMbuso wakhe, nangenxa yokuthi phakathi nalesikhathi izimo zomhlaba ziye zonakala kwaze kwaba sezingeni eziyilo, lokho “kuphela” kumelwe kube seduze emnyango. Ngokusobala, “isikhathi esifushane” uSathane uDeveli aye wavunyelwa sona lapha emhlabeni siyaphela. (IsAmbulo 12:12) Ubani-ke, oyokwamukela ilungelo elihloniphekayo lokunikeza ingxenye yokugcina yobufakazi bomhlaba wonke maqondana noMbuso kaNkulunkulu omisiwe ngoKristu wakhe? Ofakazi bakaJehova abahlangene embulungeni yonke bayaphendula. “Sizokwenza!” Sengathi uJehova angabasiza ekwenzeni kanjalo, kube udumo kuye njengoMbusi Wendawo yonke!
14. Kungani umgibeli wehhashi elimhlophe kumelwe aqhubeke egibela?
14 Ukugibela komgibeli onomqhele ehhashini elimhlophe akukafiki ephuzwini lokunqoba loku‘phelelisa ukunqoba kwakhe,’ futhi ngeke ayeke ukuba azuze lomgomo. Ngakho-ke kumelwe aqhubekele phambili nokugibela. Izimpi zomhlaba ezimbili kakade seziwumlando odlulile, kodwa ukulungiselelwa kwempi ngezinga elisabekayo kusalokhu kuzamazamisa ukuthula kwesintu.
15. (a) Ingabe ukugitshelwa kwehhashi elimhlophe nehhashi elimpofu sekufike ekupheleni? (b) Kungani lokho obekulokhu kwenzeka kusukela ngo-1914 kuvusa amadlingozi futhi kukhazimula?
15 Izigidi zabantu abalambayo kumelwe ziqinise amabhande azo ukuze zisuse imihelo yendlala, zilindele ngokungenambuyiselo ukuba kunqotshwe ukuntuleka kokudla nokuba amanani aphakeme ehle kuze kube sesilinganisweni esifanele lapho nabampofu bengakwazi ukunakekela izidingo zabo eziyisisekelo. Isayensi yezokwelapha izithola ikhungathekiswe izinhlobo ezintsha zezifo nezifo ezilimazayo zizithandela ngokwazo ezisulwini ezengeziwe, okubonisa ukuthi umgibeli ukuFa akakalimisi ihhashi lakhe elimpofu, nokuthi iHayidesi eliyithuna lilandela ezinyathelweni zakhe. Kodwa konke okuye kwafanekiselwa yilokhu, njengoba kwenzeka kusukela ekupheleni kweZikhathi zabeZizwe ngo-1914, kuye kwavusa amadlingozi, yebo, kunenkazimulo! Kulolusuku lwamanje lokho esiya kukho “ukuphela kwezwe” lokho okuye kwaba-khona kusukela ngezinsuku zikaNowa ngoZamcolo ngo-2370 B.C.E., noma eminyakeni eyizi-4 352 edlule. Lokhu, ngempela, kuyizindaba ezinhle.
Umsebenzi Okhazimulayo Uyalandela
16. Ingabe lokhu kubonisa ukuphela komhlaba wethu owakhiwe noma cha?
16 Ukuphela kwale“siphelo sesimiso sezinto” akusho ukuphela kwalelikhaya eliwumhlaba lesintu. Akunjalo neze! Kusho ukuvulwa kwesimiso esisha sezinto, yebo, kuwo kanye lomhlaba omdala lowo isintu esibhubhayo esisongela ukuwenza incithakalo. UMdali osesihlalweni sobukhosi uthi: “Bheka, ngenza konke kube-kusha.”—IsAmbulo 21:5.
17. Yiliphi ilungelo lomsebenzi okuwudumo ngathi manje ukuba siwuqhube kuze kube ngisho nasesimisweni esisha sezinto?
17 Yeka umsebenzi okhazimulayo ongaphambi kwalabo abasinda kule“siphelo sesimiso sezinto” futhi abangena kulolohlelo olusha lapho ihhashi elibomvu, ihhashi elimnyama nehhashi elimpofu alandelwa iHayidesi angasenakuphinde ahlasele umhlaba owakhiwe—kunjalo ngokukhethekile ekuvusweni kwaso sonke isintu esihlengiwe esikhathini esiseduze! Kodwa ngisho namanje, ngaphambi kokuba ukugibela kwabagibeli bamahhashi abane kuphele, uyakhazimula umsebenzi woFakazi BakaJehova wokumemezela izindaba ezinhle kakhulu. Kuyizindaba zobukhosi bukahulumeni kaJehova ezandleni zikaKristu ozokwenza isimiso esisha sibe sihle ngePharadesi eliyosibekela umhlaba wonke futhi liwugcwalise ngesintu esihlengiwe esigcina ukuthula, esibusiswe ngokuphila okuphakade ngokuphelela kobuntu okubonisa umfanekiso nomfuziselo kaNkulunkulu. (Genesise 1:26-28) Ilungelo elihloniphekayo elivela kuNkulunkulu manje lingelethu ukuba sihlanganyele kulowomsebenzi okhazimulayo!
Yiziphi izingxenye ezihlobene ze“sibonakaliso” esihlangene ezichazwe
Yiliphi ilungelo oFakazi bakaJehova abalijabulelayo, namaphi amathemba omsebenzi ngaphambili?