“Ofundayo Makasebenzise Ukuqonda”
“Lapho nibona isinengiso esibangela incithakalo . . . simi endaweni engcwele, . . . khona-ke labo abaseJudiya mabaqale ukubalekela ezintabeni.”—MATHEWU 24:15, 16.
1. Isixwayiso esanikezwa nguJesu esitholakala kuLuka 19:43, 44 saba namuphi umphumela?
UKUXWAYISWA ngenhlekelele esuke iza kungasisiza ukuba siyigweme. (IzAga 22:3) Ngakho, ake ucabange ngesimo samaKristu eJerusalema ngemva kokuhlasela kwamaRoma ngo-66 C.E. UJesu wayexwayisile ukuthi umuzi wawuzohaqwa ubhujiswe. (Luka 19:43, 44) Iningi lamaJuda lamshaya indiva. Kodwa abafundi bakhe basilalela isixwayiso sakhe. Ngenxa yalokho, basinda enhlekeleleni ka-70 C.E.
2, 3. Kungani kumelwe sibe nesithakazelo esiprofethweni sikaJesu esilotshwe kuMathewu 24:15-21?
2 Esiprofethweni esithinta thina namuhla, uJesu wachaza isibonakaliso esiyinhlanganisela esasihlanganisa izimpi, ukuswelakala kokudla, ukuzamazama komhlaba, izifo eziwumshayabhuqe, kanye nokushushiswa kwamaKristu ashumayela ngoMbuso kaNkulunkulu. (Mathewu 24:4-14; Luka 21:10-19) UJesu futhi wanika inkomba eyayiyosiza abafundi bakhe ukuba bazi lapho ukuphela sekusondele—lapho ‘isinengiso esibangela incithakalo simi endaweni engcwele.’ (Mathewu 24:15) Ake siphinde siwahlole lawo mazwi amumethe lukhulu ukuze sibone ukuthi angakuthinta kanjani ukuphila kwethu manje nasesikhathini esizayo.
3 Ngemva kokuchaza isibonakaliso, uJesu wathi: “Ngakho-ke, lapho nibona isinengiso esibangela incithakalo, njengoba kwakhulunywa ngaso ngoDaniyeli umprofethi, simi endaweni engcwele, (ofundayo makasebenzise ukuqonda,) khona-ke labo abaseJudiya mabaqale ukubalekela ezintabeni. Umuntu ophezu kwendlu makangehli ukuyokhipha izimpahla endlini yakhe; futhi umuntu osensimini makangabuyeli endlini ukuyothatha ingubo yakhe yangaphandle. Maye kwabesifazane abakhulelweyo nakulabo abancelisa abantwana ngalezozinsuku! Qhubekani nithandazela ukuba ukubaleka kwenu kungenzeki ngesikhathi sasebusika, noma ngosuku lwesabatha; ngoba ngalesosikhathi kuyoba khona usizi olukhulu olungakaze lwenzeke kusukela ekuqaleni kwezwe.”—Mathewu 24:15-21.
4. Yini ebonisa ukuthi uMathewu 24:15 wagcwaliseka ekhulwini lokuqala?
4 Ukulandisa kukaMarku nokukaLuka kunikeza imininingwane egcwaliselayo. Lapho uMathewu esebenzisa khona amazwi athi “simi endaweni engcwele,” uMarku 13:14 uthi “simi lapho kungafanele khona.” ULuka 21:20 unezela ngamazwi kaJesu athi: “Lapho nibona iJerusalema lihaqwe amabutho akanisile, khona-ke yazini ukuthi ukuchithwa kwalo sekusondele.” Lokhu kusisiza ukuba sibone ukuthi ukugcwaliseka kokuqala kwakuhilela ukuhlasela kwamaRoma iJerusalema nethempeli lalo—indawo eyayingcwele kumaJuda kodwa eyayingasengcwele kuJehova—okwaqala ngo-66 C.E. Ukuchithwa ngokuphelele kwenzeka lapho amaRoma ebhubhisa kokubili umuzi kanye nethempeli ngo-70 C.E. Sasiyini “isinengiso esibangela incithakalo” emuva ngaleso sikhathi? Futhi sema kanjani ‘endaweni engcwele’? Izimpendulo zale mibuzo zizosiza ekucaciseni ukugcwaliseka kwaso namuhla.
5, 6. (a) Kungani abafundi bakaDaniyeli isahluko 9 kudingeka babe nokuqonda? (b) Isiprofetho sikaJesu mayelana “nesinengiso” sagcwaliseka kanjani?
5 UJesu wanxusa abafundi ukuba basebenzise ukuqonda. Abáfunda ini? Kungenzeka ukuthi ngabafunda uDaniyeli isahluko 9. Lapho, sithola isiprofetho esikhomba isikhathi uMesiya ayeyovela ngaso futhi esibikezela ukuthi ‘wayeyonqunywa’ ngemva kweminyaka emithathu nengxenye. Isiprofetho sithi: “Kufike incithakalo ngephiko lesinengiso, kuze kuphele okunqunyiweyo, kuthululelwe phezu komchithi.” (Omalukeke sizenzele.)—Daniyeli 9:26, 27; bheka noDaniyeli 11:31; 12:11.
6 AmaJuda ayecabanga ukuthi lokhu kwakubhekisela ekungcolisweni kwethempeli ngu-Antiochus IV eminyakeni engu-200 ngaphambili. Nokho, uJesu wabonisa ukuthi kwakungenjalo, ekhuthaza ukuba babe nokuqonda ngoba kwakusazovela “isinengiso” futhi sime “endaweni engcwele.” Kuyakhanya ukuthi uJesu wayebhekisela ebuthweni lamaRoma elalizoza namafulege agqamile ngo-66 C.E. Amafulege anjalo, ayesenesikhathi eside esetshenziswa, empeleni, ayeyizithombe ezikhulekelwayo futhi enyanyeka kumaJuda.a Nokho, ‘laliyokuma nini endaweni engcwele’? Lokho kwenzeka lapho ibutho lamaRoma, namafulege alo, lihlasela iJerusalema nethempeli lalo, elalibhekwa amaJuda njengelingcwele. AmaRoma aqala ngisho nokuwisa udonga endaweni yethempeli. Ngempela, lokho okwakuyisinengiso isikhathi eside, manje kwase kumi endaweni engcwele!—Isaya 52:1; Mathewu 4:5; 27:53; IzEnzo 6:13.
“Isinengiso” Sosuku Lwanamuhla
7. Yisiphi isiprofetho sikaJesu esigcwalisekayo esikhathini sethu?
7 Kusukela ngeMpi Yezwe I, siye sabona ukugcwaliseka okukhulu kwesibonakaliso sikaJesu esilotshwe kuMathewu isahluko 24. Nokho, khumbula amazwi akhe: “Lapho nibona isinengiso esibangela incithakalo . . . simi endaweni engcwele, . . . khona-ke labo abaseJudiya mabaqale ukubalekela ezintabeni.” (Mathewu 24:15, 16) Lesi sici sesiprofetho kumelwe sigcwaliseke nasosukwini lwethu.
8. Eminyakeni eminingi, oFakazi BakaJehova baye basichaza kanjani “isinengiso” sosuku lwethu?
8 Ibonisa ukuqiniseka kwezinceku zikaJehova ukuthi lesi siprofetho sasiyogcwaliseka, INqabayokulinda (yesiNgisi) ka-January 1, 1921, yabhekisela kuso ngokuqondene nezenzakalo eMpumalanga Ephakathi. Kamuva, INqabayokulinda (yesiNgisi) ka-December 15, 1929, ekhasini 374, ngokuqiniseka yathi: “INhlangano Yezizwe ithambekele ngokuphelele ekuhlubuleni abantu kuNkulunkulu noKristu, ngakho iyisinengiso, umkhiqizo kaSathane, nechilo phambi kukaNkulunkulu.” Khona-ke “isinengiso” savela ngo-1919. Ngokuhamba kwesikhathi, iNhlangano Yezizwe yadedela iZizwe Ezihlangene. Sekuyisikhathi eside oFakazi BakaJehova badalula lezi zinhlangano zabantu zokuthula njengezinengekayo phambi kukaNkulunkulu.
9, 10. Indlela esasiqonda ngayo usizi olukhulu iye yawuthonya kanjani umbono wethu wesikhathi “isinengiso” esasiyokuma ngaso endaweni engcwele?
9 Isihloko esandulele siye sabukeza umbono ocacisiwe wengxenye enkulu kaMathewu isahluko 24 no-25. Ingabe kufanelekile yini ukucacisa okuthile ngokuphathelene ‘nesinengiso esimi endaweni engcwele’? Kubonakala kunjalo. Isiprofetho sikaJesu sihlobanisa eduze ‘ukuma endaweni engcwele’ nokugqashuka ‘kosizi’ olwabikezelwa. Ngakho, nakuba sekunesikhathi eside “isinengiso” sikhona, ukuhlobana phakathi ‘kokuma kwaso endaweni engcwele’ kanye nosizi olukhulu kufanele kuyithinte indlela yethu yokucabanga. Kanjani?
10 Abantu bakaNkulunkulu bake bacabanga ukuthi isiwombe sokuqala sosizi olukhulu saqala ngo-1914 futhi isiwombe sokugcina sasiyofika ngempi ye-Armagedoni. (IsAmbulo 16:14, 16; qhathanisa ne-Nqabayokulinda [yesiNgisi] ka-April 1, 1939, ikhasi 110.) Ngakho, singabona ukuthi kungani kwake kwacatshangwa ukuthi “isinengiso” sosuku lwanamuhla kumelwe ukuba sema endaweni engcwele ngokushesha ngemva kweMpi Yezwe I.
11, 12. Ngo-1969, kwanikezwa muphi umbono olungisiwe wosizi olukhulu?
11 Nokho, eminyakeni yamuva siye saziqonda ngokwehlukile izinto. NgoLwesine, ngo-July 10, 1969, eMhlanganweni Wezizwe Zonke “Wokuthula Emhlabeni” eNew York City, uF. W. Franz, owayeyisekela likamongameli we-Watch Tower Bible and Tract Society ngaleso sikhathi, wabeka inkulumo eshukumisayo. Lapho ebukeza indlela isiprofetho sikaJesu esasiqondwa ngayo ngaphambili, uMzalwan’ uFranz wathi: “Kwachazwa ukuthi ‘usizi olukhulu’ lwaqala ngo-1914 C.E. nokuthi aluvunyelwanga ukuba lufinyelele isiphetho salo ngaleso sikhathi ngakho uNkulunkulu wayiqeda iMpi Yezwe I ngo-November 1918. Kusukela lapho kuqhubeke uNkulunkulu wayevumela ukuba kube nesikhawu ngenjongo yomsebenzi wensali yakhe egcotshiwe yamaKristu akhethiwe ngaphambi kokuba avumele ingxenye yokugcina ‘yosizi olukhulu’ ukuba iphinde iqale ngempi ye-Armagedoni.”
12 Khona-ke kwabe sekunikezwa incazelo eyayilungiswe ngokuphawulekayo: “Ukuze kuhambisane nezenzakalo zekhulu lokuqala, . . . ‘usizi olukhulu’ olwafanekiselwa aluzange luqale ngo-1914 C.E. Kunalokho, okwenzeka eJerusalema elingokomfanekiso losuku lwethu ngo-1914-1918 kwakumane ‘kuwukuqala kwemihelo’ . . . ‘Usizi olukhulu’ olungasayikuphinde lube khona luseza, ngoba lusho ukubhujiswa kombuso wezwe wenkolo yamanga (okuhlanganisa neLobukholwa) okuyolandelwa ‘yimpi yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke’ e-Armagedoni.” Lokhu kwasho ukuthi lonke usizi olukhulu lwalusengaphambili.
13. Kungani kunengqondo ukuba sithi ‘ukuma kwesinengiso endaweni engcwele’ kusazokwenzeka futhi esikhathini esizayo?
13 Lokhu kuhlobene ngokuqondile nokuqonda ukuthi “isinengiso” sima nini endaweni engcwele. Khumbula lokho okwenzeka ekhulwini lokuqala. AmaRoma ahlasela iJerusalema ngo-66 C.E., kodwa kungazelelwe ahlehla, kwenza ukuba “inyama” engamaKristu isinde. (Mathewu 24:22) Ngakho, silindele ukuba usizi olukhulu luqale ngokushesha, kodwa luyofinyezwa ngenxa yabakhethiweyo bakaNkulunkulu. Phawula leli phuzu eliyisihluthulelo: Ekugcwalisekeni kokuqala, ‘isinengiso esimi endaweni engcwele’ sasihlobene nokuhlasela kwamaRoma ngaphansi kukaJenene Gallus ngo-66 C.E. Ukuhlasela kosuku lwanamuhla okufana nalokho—ukugqashuka kosizi olukhulu—kuseza. Ngakho, “isinengiso esibangela incithakalo,” ebesilokhu sikhona kusukela ngo-1919, ngokusobala sisazophinde sime endaweni engcwele.b Lokhu kuyokwenzeka kanjani? Futhi thina singathinteka kanjani?
Ukuhlasela Okuseza
14, 15. IsAmbulo isahluko 17 sisisiza kanjani ukuba siqonde izenzakalo eziyoholela e-Armagedoni?
14 Incwadi yesAmbulo ichaza ukuhlaselwa okubhubhisayo kwenkolo yamanga kwesikhathi esizayo. Isahluko 17 sichaza isahlulelo sikaNkulunkulu ngokumelene ‘neBabiloni Elikhulu, unina wezifebe’—umbuso wezwe wenkolo yamanga. ELobukholwa linengxenye emqoka futhi lizisholo ukuthi linobuhlobo besivumelwano noNkulunkulu. (Qhathanisa noJeremiya 7:4.) Izinkolo zamanga, kuhlanganise neLobukholwa, sekuyisikhathi eside zinobuhlobo obungemthetho ‘namakhosi omhlaba,’ kodwa buyophela ngokuchithwa kwalezo zinkolo. (IsAmbulo 17:2, 5) Zichithwa ubani?
15 IsAmbulo sisitshela ‘ngesilo sasendle esinombala obomvu klebhu’ esiphila isikhashana, sinyamalale, siphinde sibuye. (IsAmbulo 17:3, 8) Lesi silo sisekelwa ababusi bezwe. Imininingwane ekulesi siprofetho isisiza ukuba sibone ukuthi lesi silo esingokomfanekiso siyinhlangano yokuthula eyaba khona ngo-1919, yaziwa ngokuthi iNhlangano Yezizwe (“isinengiso”) futhi manje eyaziwa ngokuthi iZizwe Ezihlangene. IsAmbulo 17:16, 17 sibonisa ukuthi uNkulunkulu usazokufaka ezinhliziyweni zababusi abathile abangabantu abavelele kulesi “silo” ukuba bachithe umbuso wezwe wenkolo yamanga. Lokho kuhlasela kuyobe sekuwukugqashuka kosizi olukhulu.
16. Iziphi izenzakalo eziphawulekayo ezenzekayo ezihilela inkolo?
16 Njengoba ukuqala kosizi olukhulu kuseza, ingabe ‘nokuma endaweni engcwele’ kusazokwenzeka? Ubufakazi bubonisa lokho. Nakuba “isinengiso” savela ekuqaleni kwaleli khulu leminyaka, futhi siye saqhubeka sikhona amashumi eminyaka, siyokuma ngendlela engavamile “endaweni engcwele” esikhathini esiseduze esizayo. Njengoba abalandeli bakaKristu bekhulu lokuqala kumelwe ukuba bakubheka ngokulangazelela ukubona ukuthi ‘ukuma endaweni engcwele’ kwakuyokwenzeka kanjani, namaKristu anamuhla enza kanjalo. Kuyavunywa ukuthi kuyodingeka silindele ukugcwaliseka okungokoqobo ukuze sazi yonke imininingwane. Nokho, kuyaphawuleka ukuthi kwamanye amazwe kakade sekukhona ukunengwa yinkolo okubonakalayo nokukhulayo. Ezinye izinhlangano zezombangazwe, zihlangene nalabo ababengamaKristu abaye baphambuka ekukholweni kweqiniso, bagqugquzela ubutha ngenkolo iyonke ikakhulukazi amaKristu eqiniso. (IHubo 94:20, 21; 1 Thimothewu 6:20, 21) Ngenxa yalokho, izinhlangano zezombangazwe ngisho kwamanje ‘zilwa neWundlu,’ futhi njengoba isAmbulo 17:14 sibonisa, le mpi izoshuba. Nakuba zingenakufinyelela ngokoqobo eWundlwini likaNkulunkulu—uJesu Kristu esimweni sakhe esiphakeme, nesikhazimulayo—ziyoqhubeka zibhodlela intukuthelo yazo kubakhulekeli bakaNkulunkulu beqiniso, ikakhulukazi “abangcwele” bakhe. (Daniyeli 7:25; qhathanisa neyabaseRoma 8:27; Kolose 1:2; IsAmbulo 12:17.) Sinesiqinisekiso saphezulu sokuthi iWundlu nalabo abakanye nalo bayonqoba.—IsAmbulo 19:11-21.
17. Nakuba singagomeli, yini esingase siyisho ngokuthi “isinengiso” siyokuma kanjani endaweni engcwele?
17 Siyazi ukuthi inkolo yamanga ilindelwe incithakalo. IBabiloni Elikhulu “lidakiwe igazi labangcwele” futhi liye laziphathisa okwendlovukazi, kodwa ukubhujiswa kwalo kuqinisekile. Ithonya elingcolile eliye laba nalo phezu kwamakhosi omhlaba liyoshintsha ngokuphawulekayo lapho lobo buhlobo elinabo ‘nezimpondo eziyishumi nesilo sasendle’ buphenduka inzondo enobudlova. (IsAmbulo 17:6, 16; 18:7, 8) Lapho “isilo sasendle esinombala obomvu klebhu” sihlasela isifebe esingokwenkolo, “isinengiso” siyobe simi ngendlela esongelayo kulokho okubizwa ngokuthi indawo engcwele yeLobukholwa.c Ngakho imbubhiso iyoqala kweLobukholwa elingenalukholo, elizishaya elingcwele.
‘Ukubaleka’—Kanjani?
18, 19. Iziphi izizathu ezinikezwayo ezibonisa ukuthi ‘ukubalekela ezintabeni’ ngeke kusho ukushintsha inkolo?
18 Ngemva kokubikezela ‘ukuma kwesinengiso endaweni engcwele,’ uJesu waxwayisa abanokuqonda ukuba bathathe isinyathelo. Ingabe wayesho ukuthi ngalowo mzuzu wokugcina—lapho ‘isinengiso sesimi endaweni engcwele’—abantu abaningi bayobaleka baphume enkolweni yamanga futhi bamukele ukukhulekela kweqiniso? Akunjalo neze. Cabangela lokho okwenzeka ekugcwalisekeni kokuqala. UJesu wathi: “Labo abaseJudiya mabaqale ukubalekela ezintabeni. Umuntu ophezu kwendlu makangehli, noma angene ngaphakathi ukuyothatha noma yini ayikhiphe endlini yakhe; futhi umuntu osensimini makangabuyeli ezintweni ezisemuva ayothatha ingubo yakhe yangaphandle. Maye kwabesifazane abakhulelweyo nakulabo abancelisa abantwana ngalezozinsuku! Qhubekani nithandazela ukuba kungenzeki ngesikhathi sasebusika.”—Marku 13:14-18.
19 UJesu akazange athi yilabo ababeseJerusalema kuphela ababedinga ukubaleka, njengokungathi wayeqonde ukuthi kwakudingeka baphume esizindeni sokukhulekela samaJuda; futhi isixwayiso sakhe asizange sikhulume ngokushintsha inkolo—ukubaleka kweyamanga ungene kweyeqiniso. Ngokuqinisekile abafundi bakaJesu babengadinge sixwayiso ngokuphathelene nokusuka kwenye inkolo baye kwenye; kakade base bengamaKristu eqiniso. Futhi ukuhlasela kwango-66 C.E. akuzange kubashukumise abakhulekeli beNkolo YobuJuda eJerusalema nakulo lonke elaseJudiya ukuba bayishiye phansi leyo nkolo futhi bamukele ubuKristu. UProfesa Heinrich Graetz uthi labo abasukela amaRoma ayebaleka babuyela emzini: “AmaZealot, abuyela eJerusalema (ngomhla ka-8 October), ehuba izingoma zempi zokwethaba, izinhliziyo zawo zigquma ngenxa yethemba elijabulisayo lenkululeko nozibuse. . . . Wayengazange yini uNkulunkulu awasize ngesihe njengoba asiza okhokho bawo? Izinhliziyo zamaZealot zazingenalo uvalo ngesikhathi esizayo.”
20. Abafundi bakaJesu bakuqala basabela kanjani esixwayisweni sikaJesu sokuba babalekele ezintabeni?
20 Khona-ke, emuva ngaleso sikhathi inani labakhethiweyo elincane uma kuqhathaniswa, lasabela kanjani eselulekweni sikaJesu? Ngokuphuma eJudiya libalekele ezintabeni ngaphesheya kweJordani, labonisa ukuthi lalingeyona ingxenye yesimiso samaJuda, kwezombangazwe noma kwezenkolo. Lashiya amasimu nemizi, lingathathi ngisho nezimpahla zalo ezindlini zalo. Liqiniseka ukuthi uJehova uyolivikela futhi alisekele, lenza ukukhulekelwa kwakhe kwaba ngaphezu kwanoma yini eyayingase ibonakale ibalulekile.—Marku 10:29, 30; Luka 9:57-62.
21. Yini esingenakuyilindela lapho “isinengiso” sihlasela?
21 Manje, cabanga ngokugcwaliseka okukhulu. Sekuphele amashumi eminyaka sinxusa abantu ukuba baphume enkolweni yamanga bangene ekukhulekeleni kweqiniso. (IsAmbulo 18:4, 5) Izigidi ziye zenza kanjalo. Isiprofetho sikaJesu asibonisi ukuthi lapho usizi olukhulu lugqashuka, uquqaba luyophendukela ekukhulekeleni okuhlanzekile; ngokuqinisekile, uquqaba lwamaJuda ngo-66 C.E. aluzange luguquke Noma kunjalo, amaKristu eqiniso ayoshukumiseleka ngamandla ukuba asebenzise isixwayiso sikaJesu futhi abaleke.
22. Ukusebenzisa kwethu iseluleko sikaJesu sokuba sibalekele ezintabeni kungase kuhlanganise nani?
22 Okwamanje asikwazi ukunikeza imininingwane egcwele ngosizi olukhulu, kodwa kunengqondo ukuba siphethe ngokuthi ukubaleka uJesu akhuluma ngakho kithi ngeke kube ngomqondo wokushiya indawo engokoqobo. Kakade abantu bakaNkulunkulu bakuyo yonke imbulunga, cishe kuwo wonke amagumbi omhlaba. Nokho, singaqiniseka ukuthi lapho kudingeka abaleke, amaKristu ayoqhubeka ezigcina ehluke ngokucacile ezinhlanganweni zenkolo yamanga. Kuyaphawuleka futhi ukuthi uJesu waxwayisa ngokungabuyeli endlini ukuyothatha izingubo noma ezinye izimpahla. (Mathewu 24:17, 18) Ngakho kungenzeka kube novivinyo ngaphambili ngokuqondene nendlela esizibheka ngayo izinto ezibonakalayo; ingabe zibaluleke kunakho konke, noma ingabe okubaluleke kakhulu yinsindiso eyozuzwa yibo bonke abasohlangothini lukaNkulunkulu? Yebo, ukubaleka kwethu kungase kuhilele ubunzima obuthile nokulahlekelwa. Kuyomelwe sikulindele ukwenza noma yini eyodingeka, njengoba kwenza abafowethu ekhulwini lokuqala ababaleka besuka eJudiya beya ePhereya, phesheya kweJordani.
23, 24. (a) Yikuphi kuphela lapho siyothola khona isivikelo? (b) Kumelwe sibe namuphi umphumela kithi isixwayiso sikaJesu esimayelana ‘nesinengiso esimi endaweni engcwele’?
23 Kumelwe siqiniseke ukuthi nguJehova kanye nenhlangano yakhe enjengentaba abayohlale beyinqaba yethu. (2 Samuweli 22:2, 3; IHubo 18:2; Daniyeli 2:35, 44) Yilapho siyothola khona isivikelo! Ngeke silingise uquqaba lwesintu oluyobalekela “emihumeni” futhi lucashe “emadwaleni asezintabeni”—izinhlangano zabantu ezingase ziqhubeke isikhashana ngemva kokuba iBabiloni Elikhulu selibhujisiwe. (IsAmbulo 6:15; 18:9-11) Yiqiniso, kungenzeka izikhathi zibe nzima nakakhulu—njengoba kungenzeka ukuthi kwaba njalo ngo-66 C.E. kwabesifazane ababekhulelwe ababaleka eJudiya noma nganoma yibaphi okwakudingeka bahambe emakhazeni nasemvuleni ebandayo. Kodwa singaqiniseka ukuthi uNkulunkulu uyokwenza ukuthi kube nendlela yokusinda. Ngakho kwamanje masiqinise ukwethembela kwethu kuJehova naseNdodaneni yakhe, manje ebusa njengeNkosi YoMbuso.
24 Asinasizathu sokuhlala ngokwesaba okuzokwenzeka. Emuva ngaleso sikhathi uJesu wayengafuni ukuba abafundi bakhe besabe, futhi akafuni ukuba nathi sesabe, manje noma ezinsukwini ezizayo. Wasixwayisa ukuze silungise izinhliziyo nezingqondo zethu. Kakade, amaKristu alalelayo ngeke ajeziswe lapho inkolo yamanga naso sonke lesi simiso esibi sezinto sibhujiswa. Ayobe eqonda futhi ayolalela isixwayiso mayelana ‘nesinengiso esimi endaweni engcwele.’ Futhi ayothatha isinyathelo esiwujuqu ngokusekelwe okholweni lwawo olungenakunyakaziswa. Kwangathi singelokothe sikukhohlwe lokho uJesu akuthembisa: “Lowo oye wakhuthazela kwaze kwaba sekupheleni nguye oyosindiswa.”—Marku 13:13.
[Imibhalo yaphansi]
a “Amafulege amaRoma ayeqashelwa kakhulu futhi ehlonishwa ngokwenkolo emathempelini eRoma; futhi ukuhlonipha kwalaba bantu amafulege abo kwakulingana nokuphakama kwabo ngaphezu kwezinye izizwe. . . [Emasosheni] mhlawumbe kwakuyinto engcwele kakhulu kunazo zonke izinto emhlabeni. Isosha elingumRoma lalifunga ifulege lalo.”—The Encyclopædia Britannica, Uhlelo lwe-11.
b Kumelwe kuphawulwe ukuthi nakuba ukugcwaliseka kwamazwi kaJesu ngo-66-70 C.E. kungasisiza ukuba siqonde ukuthi ayogcwaliseka kanjani ngosizi olukhulu, lokhu kugcwaliseka okubili ngeke kufane ncamashí ngoba kwenzeka ezimweni ezingafani.
c Bheka INqabayokulinda ka-July 1, 1976, amakhasi 308-12.
Ingabe Uyakhumbula?
◻ “Isinengiso esibangela incithakalo” sazibonakalisa kanjani ekhulwini lokuqala?
◻ Kungani kunengqondo ukucabanga ukuthi “isinengiso” sosuku lwanamuhla siyokuma futhi endaweni engcwele esikhathini esizayo?
◻ Ikuphi ukuhlasela “kwesinengiso” okubikezelwe encwadini yesAmbulo?
◻ Luhlobo luni ‘lokubaleka’ okusenokwenzeka kudingeke sikwenze?
[Isithombe ekhasini 16]
IBabiloni Elikhulu libizwa ngokuthi “unina wezifebe”
[Isithombe ekhasini 17]
Isilo sasendle esibomvu klebhu sesAmbulo isahluko 17 “siyisinengiso” uJesu abhekisela kuso
[Isithombe ekhasini 18]
Isilo sasendle esibomvu klebhu siyoba ubhongoza ekuhlaselweni kwenkolo okubhubhisayo