UDaniyeli
9 Ngonyaka wokuqala kaDariyu + indodana ka-Ahashiveroshi—wenzalo yamaMede, owayebekwe waba yinkosi phezu kombuso wamaKhaledi +— 2 ngonyaka wokuqala wokubusa kwakhe, mina Daniyeli, ngaqonda ngezincwadi* isibalo seminyaka esashiwo yizwi likaJehova kuJeremiya umprofethi, sokuphela kokuba yincithakalo kweJerusalema, + okungukuthi, iminyaka engu-70. + 3 Ngabhekisa ubuso bami kuJehova uNkulunkulu weqiniso, ngimncenga ngomthandazo, ngokuzila ukudla + nangendwangu yesaka nangomlotha. 4 Ngathandaza kuJehova uNkulunkulu wami ngavuma izono ngathi:
“Jehova Nkulunkulu weqiniso, Omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano sakhe nobonisa uthando oluqotho + kulabo abamthandayo nabagcina imiyalo yakhe, + 5 sonile senza okungalungile futhi senza ngokonakala sadlubulunda; + siphambukile emiyalweni yakho nasezahlulelweni zakho. 6 Asizilalelanga izinceku zakho abaprofethi, + ezikhulume egameni lakho emakhosini ethu, ezikhulwini zethu, kokhokho bethu nakubo bonke abantu bezwe. 7 O Jehova, ukulunga kungokwakho, kodwa thina, amadoda akwaJuda nezakhamuzi zaseJerusalema, nawo wonke u-Israyeli, abaseduze nabakude, kuwo wonke amazwe obahlakazele kuwo, sihlazekile* namuhla ngoba asithembekanga kuwe. +
8 “O Jehova, thina, amakhosi ethu, izikhulu zethu nokhokho bethu, sihlazekile* ngoba sonile kuwe. 9 Jehova Nkulunkulu wethu, uyathethelela + unesihe kodwa thina sidlubulundile kuwe. + 10 Asililalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wethu ngokugcina imithetho yakhe ayibeka phambi kwethu ngezinceku zakhe, abaprofethi. + 11 Wonke u-Israyeli uweqile uMthetho wakho, wakufulathela ngokungalilaleli izwi lakho, kangangokuba uthulule phezu kwethu isiqalekiso nesifungo esilotshwe eMthethweni KaMose inceku kaNkulunkulu weqiniso, + ngoba sonile kuwe. 12 Uwafezile amazwi akhe awakhuluma ngathi + nangababusi bethu ababesibusa,* ngokusilethela inhlekelele enkulu; ayikho into eyake yenziwa ngaphansi kwamazulu enjengaleyo eyenziwa eJerusalema. + 13 Njengoba nje kulotshiwe eMthethweni KaMose, yonke le nhlekelele isehlele, + kodwa asizange sicele umusa* kaJehova uNkulunkulu wethu ngokuthi siphenduke esiphambekweni sethu + nangokubonisa ukuqonda iqiniso lakho.*
14 “UJehova wahlala eqaphile futhi wasilethela le nhlekelele, ngoba uJehova uNkulunkulu wethu ulungile emisebenzini yakhe yonke ayenzile; kodwa thina asililalelanga izwi lakhe. +
15 “Manje, Jehova Nkulunkulu wethu, wena owakhipha abantu bakho ezweni laseGibhithe ngesandla esinamandla, + wazenzela igama kuze kube namuhla, + sonile senza ngokonakala. 16 O Jehova, ngokuvumelana nazo zonke izenzo zakho ezilungile, + siyacela, kwangathi intukuthelo yakho nolaka lwakho kungasuka edolobheni lakho iJerusalema, intaba yakho engcwele; ngoba ngenxa yezono zethu neziphambeko zokhokho bethu, iJerusalema nabantu bakho kuyihlazo kubo bonke abasizungezile. + 17 Manje Nkulunkulu wethu, lalela umthandazo wenceku yakho nokuncenga kwayo, uyibonise umusa indlu yakho engcwele + eyincithakalo, + ngenxa yakho Jehova. 18 O Nkulunkulu wami, lalela uzwe! Vula amehlo akho ubone incithakalo eliyiyo idolobha lethu elibizwe ngegama lakho; ngoba asikunxusi ngenxa yezenzo zethu ezilungile kodwa ngenxa yesihe sakho esikhulu. + 19 O Jehova, yizwa. O Jehova, thethelela. + O Jehova, naka futhi uthathe isinyathelo! Ungalibali, ngenxa yegama lakho Nkulunkulu wami, ngoba idolobha lakho nabantu bakho kubizwa ngegama lakho.” +
20 Lapho ngisakhuluma, ngithandaza ngivuma isono sami nesono sabantu bakithi u-Israyeli futhi ngenza isicelo sami somusa phambi kukaJehova uNkulunkulu wami ngokuphathelene nentaba engcwele kaNkulunkulu wami, + 21 impela, lapho ngisathandaza, leyo ndoda uGabriyeli, + engangiyibone embonweni ekuqaleni, + yafika kimi lapho ngifile ukukhathala, ngesikhathi somnikelo wesipho wakusihlwa. 22 Yangenza ngaqonda yathi:
“O Daniyeli, manje ngize ukuzokunika ukuhlakanipha nokuqonda. 23 Lapho uqala ukuncenga kuphume izwi, ngakho mina ngize ukuzokubikela ngalo, ngoba ungumuntu oyigugu kakhulu. *+ Ngakho cabangisisa ngale ndaba uqonde umbono.
24 “Kunamasonto* angu-70 anqunyelwe abantu bakini nedolobha lakini elingcwele, + ukuze kuqedwe iseqo, kuqedwe isono, + kwenziwe isihlawulelo ngenxa yesiphambeko, + kungeniswe ukulunga kwaphakade, + kuqinisekiswe umbono nesiprofetho, *+ nokuba kugcotshwe iNgcwelengcwele. 25 Kufanele wazi futhi uqonde ukuthi kusukela ekuphumeni kwezwi lokuba kuvuselelwe futhi kwakhiwe kabusha iJerusalema + kuze kufike uMesiya *+ uMholi, + kuyoba ngamasonto ayisikhombisa, namasonto angu-62. + Liyovuselelwa lakhiwe kabusha, libe nesigcawu nomsele wamanzi olizungezile, kodwa lokhu kuyokwenzeka ezikhathini ezinzima.
26 “Ngemva kwamasonto angu-62, uMesiya uyonqunywa *+ angasalelwa lutho. +
“Abantu bomholi ozayo bayocekela phansi idolobha nendawo engcwele. + Isiphelo salo siyoba ngesikhukhula. Kuyoba nempi kuze kube sekupheleni; uNkulunkulu unqumile ukuthi kuyoba nencithakalo. +
27 “Uyogcina isivumelwano sisebenza ngenxa yabaningi isonto elilodwa; esikhathini esiyingxenye yesonto uyobangela ukuba kukhawuke umhlatshelo nomnikelo wesipho. +
“Obangela incithakalo uyoza egibele iphiko lezinto ezinyanyekayo; + okwanqunywa kuyothululelwa naphezu koyincithakalo kuze kufike ukuqothula.”