Isahluko 5
Ukukhanya ‘Esiphelweni Sesimiso Sezinto’
1. Yimuphi umshado ophawulekayo “iNkosi yokuthula” eyawubikezelela ‘lesiphelo sesimiso sezinto,’ futhi kumuphi umfanekiso?
NGOKUQONDENE ‘nesiphelo sesimiso sezinto,’ “iNkosi yokuthula” kuMathewu 24:38 yathi abantu babeyobe “beganwa, bendiswa.” Kodwa phakathi nesikhathi esifanayo, kuqala umshado omkhulu kunayo yonke ezulwini. Kuwumshado okubhekiselwe kuwo emfanekisweni kaJesu wabaphathi bezibani abayishumi, izintombi eziyishumi.—Mathewu 24:3, NW; Mt 25:1-12.
2. (a) Lomshado ongokomfanekiso wenzeka ngasiphi isikhathi sosuku? (b) Yini elandela ngemva komshado, futhi ukukhanya kulungiselelwa kanjani?
2 Lomshado wenzeka eMpumalanga ePhakathi. Wenzeka ebusuku impela, sekusondele phakathi kwamabili. Kuqala umshado womlobokazi nomyeni wakhe futhi ngemva kwalokho kuyiwa endlini yedili. Indlela ayikhanyisiwe ngezibani zomgwaqo. Yilabo abahlanganyela emkhosini abaziphathele izibani, khona-ke izibukeli zingawubona umshado udlula, zibafisele injabulo abashadayo.
3, 4. (a) Obani abanesithakazelo kulabo abezayo, futhi benza maphi amalungiselelo? (b) Ukugcwaliseka kwalomfanekiso kunezela ubufakazi baliphi iqiniso? (c) Singajabula uma senzani?
3 Ngenxa yokuthambekela kwemvelo kwabesifazane, izintombi ziyawuthanda umshado. Ngakho, izintombi eziyishumi zilinde eceleni kwendlela kuze kube yilapho umshado ufika lapho zikhona. Zinesifiso sokukhanyisa lesenzakalo, futhi ngenxa yalokho zonke ziza ziphethe izibani ezikhanyayo, kodwa ziyisihlanu kuphela ezinamafutha okukhanyisa lapho kunesidingo esiphuthumayo. Lezi eziyisihlanu ziyizintombi ezihlakaniphile. Kumelwe kusithakazelise ukugcwaliseka kwalomfanekiso namuhla, ngoba ngokusho kukaJesu Kristu, uqinisekisa ngokwengeziwe ukuthi sisesiphelweni salesimiso esidala sezinto.—Mathewu 25:13.
4 Singajabula uma sihlakaniphile futhi sikubona ukuqhubeka kwalomshado omkhulu kunayo yonke kanye nabakuwo! Obani namuhla abathola umusa wokungeniswa edilini? Ingabe bakhona kithi? Ake sibone!
5. Yini eyenza umehluko phakathi kwezintombi eziyishumi, futhi yini eyenzeka phakathi nokulibala komyeni?
5 Umfanekiso wezintombi eziyishumi owanikezwa uJesu uphathelene ‘nombuso wezulu,’ uhulumeni womhlaba wokubusiswa kwaso sonke isintu. Ngakho uJesu Kristu waqhubeka wathi: “Umbuso wezulu uzakufaniswa nezintombi eziyishumi ezathatha izibani zazo, zaphuma ukuyohlangabeza umyeni. Kepha eziyisihlanu kuzo zaziyiziwula, neziyisihlanu zazihlakaniphile. Ngokuba eziyiziwula zithatha izibani kaziwaphathanga amafutha. Kodwa ezihlakaniphileyo zaphatha amafutha ezitsheni kanye nezibani zazo. Umyeni esalibele, zozela zonke, zalala.”—Mathewu 25:1-5.
6. (a) Izintombi eziyishumi zazifanekisela bani? (b) Kungani kungakhulunywa ngomlobokazi kulomfanekiso?
6 Khona-ke zazifanekisela bani lezozintombi eziyishumi? Zazifanekisela amalungu esikhathi esizayo omlobokazi woMyeni ongokomoya, uJesu Kristu. Akungabazeki ukuthi kungakho kungakhulunywa ngomlobokazi emfanekisweni kaJesu; kubonakala umyeni kuphela. Ngakho, akukho ukudideka ngokuqondene nencazelo, njengokungathi izintombi zazifanekisela esinye isigaba.
7. Kwabonakala phakathi nasiphi isikhathi ukuthi uMyeni wayephuzile ukuza kumlobokazi, futhi ngani?
7 Ukuhlanganiswa ngomshado kwamalungu esikhathi esizayo esigaba somlobokazi noMyeni wawo wasezulwini akwenzekanga ekupheleni ‘kwezikhathi zabezizwe’ ngo-1914, njengoba kwakulindelekile. (Luka 21:24) Ngokufanelekile, kuwona kwabonakala sengathi uMyeni wayephuzile ukufika, nakuba ukuba khona kwakhe eMbusweni wakhe wasezulwini kwenzeka ngo-1914. Leyominyaka ebuhlungu yeMpi Yezwe I yabonakala injengesigayegaye sobumnyama kokuhlangenwe nakho kwesigaba sezintombi.
8. (a) Ngomqondo ongokomfanekiso, kwenzeka kanjani ukuba izintombi zozele futhi zilale? (b) UMyeni wezela yiphi injongo ethempelini, futhi kungani lokhu kwasithinta isigaba somlobokazi?
8 Ngomqondo ongokomfanekiso, izintombi zozela zalala. Ukushunyayelwa obala kwezindaba ezinhle zokubusa okuzayo kukaKristu kweminyaka eyinkulungwane ngenxa yokubusiswa kwaso sonke isintu kwama ngokoqobo. Kusukela onyakeni wokugcina weMpi Yezwe I, kwaqala isikhathi esibucayi sokwahlulelwa kwalezozintombi ezingokomfanekiso. Lokhu kwakungenxa yokuthi iNkosi ebusayo uJesu Kristu yayisifikile ethempelini elingokomoya. Lapho ifika, yaqala ukwahlulela ukuze ihlanze labo abamiselwe ukunikela inkonzo yethempeli kuJehova uNkulunkulu. (Malaki 3:1-3) Lesi kwakuyisikhathi sokubonakaliswa kwakhe, lapho njengoMyeni wasezulwini, ayelungela ukwamukela ezulwini amalungu avunyelwe esigaba somlobokazi ayesefile kakade ngalesosikhathi.
9. Saba nini isikhathi sokuba isigaba sezintombi sivuswe esimweni sokungasebenzi, futhi ngani?
9 Ngo-1919, ngemva kokukhululwa kwamalungu avelele ayisishiyagalombili eWatch Tower Bible and Tract Society ekuboshweni ngokungemthetho, kwase kuyisikhathi sokuba isigaba sezintombi ezazisaphila emhlabeni sivuswe ebuthongweni baso bokungasebenzi. Ngaphambili kwakukhona umsebenzi wokukhanyiselwa komhlaba wonke. Kwase kuyisikhathi ngazo ukuba zimhlangabeze ngezibani ezikhanyayo uMyeni, owayesefikile ethempelini elingokomoya. Lokhu kwakungenjongo yokuba abantu bazo zonke izizwe bagobhozele ‘endlini kaJehova,’ eyayiphakanyiswe yaba ngaphezu kweziqongo zezintaba, ngomqondo ongokomfanekiso.—Isaya 2:1-4.
Ukulungisa Izibani Zazo
10. Ayefanekiselani amafutha akhishwa ezitsheni zezintombi ezihlakaniphile?
10 Ezihlakaniphile esigabeni sezintombi zazize nezitsha ezazinamafutha okukhanyisa ayegcinelwe isidingo esiphuthumayo. Azizange zilibale ekugcwaliseni izibani zazo. Amafutha awuketshezi okukhanyisa ayefanekisela iZwi likaJehova elikhanyisayo nomoya wakhe ongcwele. Pho, ayefanekiselani amafutha akhishwa ezitsheni zezintombi ezihlakaniphile? Umoya kaJehova owawusele okhanyisa iZwi lakhe elilotshiwe nalowo insali egcotshiwe yabafundi abagcotshwe ngomoya boMyeni eyayinawo lapho sekuzoqala umsebenzi wangemva kwempi wokukhanyiselwa komhlaba wonke ngokuqondene ‘nombuso wezulu.’
11. Zaziyini izitsha ezingokomfanekiso ezaziphethe amafutha?
11 Izitsha zafanekisela zona kanye izintombi ezihlakaniphile ezingokomfanekiso njengabaphathi bamafutha okukhanyisa angokomfanekiso. Lokhu akusho ukuthi isigaba sezintombi saqala ngalesosikhathi ukugcotshwa ngomoya kaJehova. Cha, izintombi azizigcobi ngomoya wakhe. Zigcotshwa nguye!—Isaya 61:1, 2; Luka 4:16-21.
12. (a) Isiphi isiprofetho sikaJoweli esasizogcwaliseka ezintombini ezihlakaniphile? (b) Safika nini isikhathi sokuba zikhanyise ngezibani zazo?
12 Ekusekeleni ukwabelwa kwazo umsebenzi omkhulu wokukhanyisela umhlaba ngokuqondene ‘nombuso wezulu,’ izintombi ezihlakaniphile zathola umusa ngokugcwaliseka kukaJoweli 2:28, 29 kuzona. Nansi indlela umphostoli uPetru acaphuna ngayo lawomavesi: “Kuyakuthi ezinsukwini zokuphela, kusho uNkulunkulu, ngiyakuthulula uMoya wami phezu kwayo yonke inyama; amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, izinsizwa zenu zibone imibono, abadala benu baphuphe amaphupho.” (IzEnzo 2:17) Ngakho kusukela ngo-1919 kuqhubeke ezihlakaniphile esigabeni sezintombi ezingokomfanekiso zazizothatha izinkanyiso zazo, izibani zazo ezingokomfanekiso—eziyizo ngokwazo. Lokhu zakwenzela ukukhanyisela labo ababesesebumnyameni obungokomoya. Ngenxa yohlobo lokuphila eziluphilayo ngaphansi kwethonya leZwi nomoya kaNkulunkulu, ziba ‘izinkanyiso ezweni.’ (Filipi 2:15) Ngaleyondlela zalandela ezinyathelweni zoMyeni njengoba ayelungiselela ukuba wonke amalungu esigaba somlobokazi abe naye eMbusweni wasezulwini ngemva kokufa kwawo emhlabeni.—Mathewu 5:14-16.
Imiphumela Yobuwula Obungokomoya
13. Izintombi ezihlakaniphile zasabela kanjani esicelweni sezintombi eziyiziwula?
13 Kuthiwani-ke ngeziyiziwula esigabeni sezintombi? UJesu uqhubeka athi: “Eziyiziwula zase zithi kwezihlakaniphileyo: Sipheni amafutha kwawenu, ngokuba izibani zethu ziyacima. Kepha ezihlakaniphileyo zaphendula zathi: Qha, funa angasaneli thina nani. Okungcono hambani niye kwabathengisayo, nizithengele.”—Mathewu 25:8, 9.
14. Kungani izintombi ezenqaba ukuphana ngamafutha azo zazihlakaniphile kunokuba zibe nobugovu?
14 Lezo ezinqaba ukupha eziyiziwula zazingenabo ubugovu, zazihlakaniphile. Zazinamathela ekuphumeleliseni injongo yazo yokuqala, enhle yokukhanyisa izindawo ezimnyama ngenxa yoMyeni. Zazingabophekile neze ukuba zivume, zinciphise isilinganiso sazo siqu somoya ongcwele kaJehova ukuze zisize lezo ezaziyiziwula ngokomoya. Lezo eziyiziwula zazingazilungiselelanga ukungena ngokushesha elungelweni lenkonzo elazivulekela ngo-1919.
15. (a) Lapho kuqala inkathi yokuthula, obani phakathi kwesigaba sezintombi abaqala ukubonisa ukuthambekela ngasebuwuleni obungokomoya? (b) Kungani izintombi ezihlakaniphile zazingenakuzisiza izintombi eziyiziwula ngokomoya?
15 Njengoba kwakuqala inkathi yokuthula, abanye balabo ababezisholo ukuba abangane abazinikezele, ababhapathiziwe, baqala ukubonisa ubuwula obungokomoya. Ngemva kokufa kukamongameli wokuqala weWatch Tower Society, uCharles Taze Russell, ayizange ibathonye ngokugcwele intuthuko yethuluzi elibonakalayo likaJehova uNkulunkulu ngaphansi kukamongameli walo omusha, uJ. F. Rutherford. Izinhliziyo zabo zazingahambisani ngempela nendlela okwakwenziwa ngayo izinto. Babonisa ukuntula ukwazisa ngendlela uJehova ayesebenzelana ngayo nabantu bakhe. Ngakho, labo ababenjengezintombi ezihlakaniphile babengenakuwufaka umoya ojulile wokubambisana kwangempela kulezi eziyiziwula ezaziqhubeka zizehlukanisa.
16. Bavela kanjani obala ubuwula obungokomoya ezintombini eziyiziwula?
16 Ngaleyondlela ubuwula obungokomoya bavela obala. Kanjani? Ngokwehluleka ukuba namafutha angokomfanekiso ngesikhathi esibucayi lapho kwakunesidingo esikhulu sokukhanya okungokomoya njengoba intuthuko yayiqhubeka, okwakubonisa ukuba khona koMyeni. Ngomqondo ongokomfanekiso, kwakuyisikhathi sokuba umuntu aphume ayomhlangabeza ephethe isibani sakhe esikhanya bhá. Kodwa kunalokho, labo abafana nezintombi eziyiziwula, ezazicishelwa yizibani zazo, bazehlukanisa nezihlakaniphileyo.
17. Labo abafanekiselwa izintombi eziyiziwula bathola kuphi ukulahlekelwa okungenakubuyiselwa, njengoba kuboniswe kuMathewu 25:10?
17 Yeka ukulahlekelwa okungenakubuyiselwa okwenzekayo lapho umuntu othi ungomunye wesigaba sezintombi ephunyukwa yilungelo nethuba elingenakuphindwa lokwamukela uMyeni ongokomoya, uJesu Kristu! Izintombi eziyiziwula zosuku lwanamuhla zithola lokho kulahlekelwa, njengoba kuboniswa amazwi aqhubekayo omfanekiso kaJesu: “Zisaya kuthenga, wafika umyeni. Ezazilungele zangena naye emshadweni; kwavalwa emnyango.”—Mathewu 25:10.
18. (a) Izintombi eziyiziwula zalelikhulu leminyaka zihluleka ukuhlanganyela kuliphi ilungelo? (b) Kungani eziyiziwula zibonakala ziphuze kakhulu ukuba nengxenye emshadweni nokungena edilini?
18 Yeka okuhlangenwe nakho okudabukisayo izintombi eziyiziwula zosuku lwanamuhla ezibhekana nakho! Kulesikhathi esimnyama bhuqe sawo wonke umlando wesintu, ziyahluleka ukuhlanganyela emsebenzini wokukhanyisela labo abahlezi ebumnyameni obungokomoya nasethunzini lokufa “ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke”! (IsAmbulo 16:14) Njengoba izibani zazo ezingokomfanekiso zazingenawo amafutha okukhanyisa indlela yazo, kwadingeka zihambe zidabule ebumnyameni baphakathi kwamabili. Ngenxa yalesizathu azikulungele ukulandela ezinyathelweni zoMyeni ziqhubekele ngenjabulo emnyango nasedilini lomshado elikhanya bhá. Zikulahlile ukuzibonakalisa kwazo njengabalandeli bakhe abalungele ukwendela kuye eMbusweni wasezulwini. Azitholakalanga ‘zilindile’ ngesikhathi esimisiwe. Yeka isibonelo esiyisixwayiso ezisinikezayo!
19. Silindelwe yikuphi okuhlangenwe nakho ngokulandelela lendaba kuze kufike esiphethweni sayo?
19 Leliqiniso elibuhlungu lichazwe ngokukhanyayo engxenyeni yokugcina yomfanekiso owanikezwa uJesu Kristu, uMyeni, ikakhulukazi ngathi esiphila ‘esiphelweni sesimiso sezinto.’ Ngakho ake siyilandelele ngokuqhubekayo lendaba! Ngokwenza kanjalo silindele ukukhanyiselwa okujabulisayo, njengoba sizobona esahlukweni esilandelayo.
[Isithombe ekhasini 45]
Labo abafana nezintombi eziyiziwula ngeke bangene edilini lomshado