AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | MATHEWU 25
“Hlalani Nilindile”
Nakuba umfanekiso kaJesu wezintombi eziyishumi ubhekiselwe kubalandeli bakhe abagcotshiwe, umyalezo wawo oyisisekelo usebenza kuwo wonke amaKristu. (w15 3/15 9-14) “Ngakho-ke, hlalani nilindile, ngoba anilwazi usuku noma ihora.” (Math 25:13) Ungakwazi yini ukuchaza lo mfanekiso kaJesu?
Umkhwenyana (uvesi 1)—UJesu
Izintombi ezihlakaniphile, ezizilungiselele (uvesi 2)—AmaKristu agcotshiwe azimisele ukwenza isabelo sawo ngokwethembeka nakhanya njengezinkanyiso kuze kube sekugcineni (Fil 2:15)
Ukumemeza, “Nangu umkhwenyana!” (uvesi 6)—Ubufakazi bokuba khona kukaJesu
Izintombi eziyiziwula (uvesi 8)—AmaKristu agcotshiwe aphuma eyohlangabeza uMkhwenyana kodwa awaqhubeki elindile futhi awabugcini ubuqotho bawo
Izintombi ezihlakaniphile ziyenqaba ukuphisana ngamafutha azo (uvesi 9)—Ngemva kokubekwa kophawu lokugcina, kuzobe sekwephuze kakhulu ukuba abagcotshiwe abathembekile basize noma ubani oyekayo ukuthembeka
“Umkhwenyaka wafika” (uvesi 10)—UJesu ufika ngasekupheleni kosizi olukhulu ezokhipha isahlulelo
Izintombi ezihlakaniphile zingena nomkhwenyana edilini lomshado, umyango uyavalwa (uvesi 10)—UJesu uqoqela abagcotshiwe abathembekile ezulwini, kodwa abangathembekile uyabalahlekela lo mvuzo