Isahluko 6
Ukulinda Phakathi ‘Nesiphelo Sesimiso Sezinto’
1. Kungani sidinga ukuhlala silindile?
SESINGENE shí ‘esiphelweni sesimiso sezinto,’ kodwa ‘asilwazi usuku nehora’ lokuphela kokukhanya okusindisa ukuphila. Kungakho uJesu athi: “Ngakho lindani, ngokuba anilwazi usuku nehora.”—Mathewu 24:3, NW; Mt 25:13.
2. Ikuphi okuhlangenwe nakho okudumazayo okumelwe kugwenywe?
2 Kungaba okudumaza ngempela kumuntu uma efika sekwephuzile endaweni yedili lomshado futhi athole umnyango uvaliwe. Nokho yilokho okuyokwehlela amaKristu amaningi okuzisholo esikhathini esiseduze esizayo. “INkosi yokuthula” yafanekisa lokhu ngalamazwi: “Ngasemuva zafika nezinye izintombi, zathi: Nkosi, nkosi, sivulele. Kepha waphendula wathi: Ngiqinisile ngithi kini: Anginazi.”—Mathewu 25:11, 12.
3. (a) Unyaka ka-1919 wabonakala uyisikhathi sani? (b) Ingabe amakholwa eLobukholwa aye akwazi ukunikeza amafutha angokomoya adingekayo?
3 Kusukela ngo-1919 ukukhanya okungokomoya okulethwa izintombi ezihlakaniphileyo ngosizo ‘lwamafutha’ eZwi likaNkulunkulu nomoya ongcwele bekutholakala, kodwa eziyiziwula zizama ukuthenga amafutha angokomoya kulabo beLobukholwa abathi bayawathengisa. (Mathewu 25:9) Nokho, abantu beLobukholwa abanalo uhlobo oluyilo lwamafutha. Abakwazanga ukunikeza ukukhanya ngokuba khona kukaJesu Kristu njengoMyeni wasezulwini. Balindele ukuthi lapho befa bazoya ezulwini ngokushesha futhi bamthole khona, bengazange bahlanganyele emsebenzini wokukhanyisa phakathi ‘nalesiphelo sesimiso sezinto.’
4. Kuze kube manje, labo abafanekiselwa izintombi eziyishumi yini abaye bahluleka ukuyenza, futhi ngani?
4 Ngakolunye uhlangothi, kukhona labo, njengezintombi eziyishumi, ababonakala ‘benamafutha’ omoya ongcwele neZwi likaNkulunkulu ababewalondolozele umsebenzi wangemva kwempi wokukhanyisela umhlaba wonke ngokuqondene ‘nombuso.’ (Mathewu 24:14) Labo abafaniswa nezintombi eziyiziwula emfanekisweni kaJesu abahlanganyeli kuwo ngokukhanyisa lezi zindaba ezinhle ezibaluleke ezizweni zonke. Babengenawo “amafutha” eZwi likaNkulunkulu elikhanyisayo nomoya wakhe ongcwele, futhi uMahluleli onguMyeni wakuqonda lokhu kwehluleka kwabo esethempelini elingokomoya. Izinhliziyo zabo zabonakala zingekho emsebenzini wangemva kwempi owenziwa ngokushesha ngo-1919 izintombi ezingamaKristu ezazihlakaniphile ngokuqonda kokubili isikhathi nomsebenzi.
5. Kukuphi lapho izintombi eziyiziwula zahluleka khona ukuba nengxenye ebalulekile ukuze zihlangane neNkosi enguMyeni?
5 Ngokuzihlukanisa nalabo ababesekela inhlangano kaJehova ebonakalayo, eziyiziwula zazehluleka ukuhlanganyela ekufakazeni ngoMbuso emhlabeni wonke. Ekugcineni zathola “amafutha” okukhanya okungokwenkolo, kodwa kwakungelona uhlobo oluyilo lwamafutha. Ayengenakukuletha ukukhanya esenzakalweni esiyiso ngesikhathi esiyiso. Ngakho azishumayeli isigijimi soMbuso “nosuku lokuphindisela lukaNkulunkulu wethu.” (Isaya 61:1-3) Azihalaliseli iNkosi enguMyeni njengoba kwenza insali egcotshiwe yesigaba sezintombi.
Umphumela Wokukhanya Kwezibani Phakathi Kwamabili
6, 7. (a) Yini eyenzeka phakathi nawo-1930 eyasikisela ukuthi kwakunezintombi ezanele ezazakha amalungu esigaba somlobokazi? (b) Ukunakekela kwadonselwa kusiphi isigaba okwakudingeka siqoqwe manje?
6 Phakathi nawo-1930, kwenzeka okuthile okubalulekile. Okwenzeka kwasikisela ukuthi sase sigcwele isibalo samalungu omlobokazi kaKristu ongokomoya, ukuthi emhlabeni kwakunabafundi boMyeni abagcotshwe ngomoya abanele ukuba benze isibalo esigcwele somlobokazi wakhe wasezulwini.
7 Ngalesosikhathi, ngo-1935, ukunakekela kwaqala ukudonselwa kwesinye isigaba sabafundi bakaJesu abanjengezimvu. Lesi isigaba umphakathi owaqala ukusiqaphela phakathi nempi yezwe yokuqala. KwakungoFebruary 24, 1918, lapho kunikezwa inkulumo enesihloko esithi “Izigidi Eziphilayo Manje Zingase Zingafi Neze” ezilalelini ezazinesifiso sokwazi, ngokunokwenzeka ezazigcwele ukungabaza. Emhlanganweni woFakazi BakaJehova ka-1935 eWashington, D.C., kwavezwa okuthile okuqondile ngokuqoqa lezi zigidi ‘zezinye izimvu’ zikaKristu zibe “mhlambi” munye ngaphansi kukaJesu Kristu ‘njengomalusi munye.’ (Johane 10:16) Kwavezwa ukuchazwa kwalesigaba ‘sezinye izimvu’ njengoba sabikezelwa kusAmbulo 7:9-17.
8. Ngo-1935 izintombi ezihlakaniphile zaba ngaphansi kwasiphi isibopho, ezazingasicabangi?
8 Manje insali ‘yomhlambi omncane’ yaba ngaphansi kwesibopho sokuqalisa ukuqoqwa ‘kwalesixuku esikhulu’ ‘sezinye izimvu.’ (Luka 12:32) Lokhu kwakungenxa yokuthi sase sigcwele isibalo sezintombi ezihlakaniphile esasidingekile ukuba kuphelele umlobokazi kaJesu. Kodwa lezozintombi azinyuselwanga ngokushesha ezulwini. Kusamelwe zamukelwe kuleyondlu yedili yasezulwini lapho ziqeda inkambo yazo yasemhlabeni njengofakazi abagcina ubuqotho bakaNkulunkulu wabo, uJehova. Ngenxa yomsebenzi wazo wokwethembeka wokukhanyisa kuze kube u-1935, zangeniswa elungelweni elikhethekile ezazingakaze zicabange ngalo ngaphambi kweminyaka ephakathi nawo-1930.
9. Bangaki namuhla abaseleyo bezintombi ezihlakaniphile?
9 Sekudlule iminyaka engamashumi ayisihlanu kusukela ku-1935, ngisho naphakathi naleminyaka silokhu sehla isibalo sezihlakaniphile zesigaba sezintombi. Ngakolunye uhlangothi, umsebenzi wokufakaza uye wanda wafinyelela umhlaba wonke, yebo, wahlanganisa amazwe ahlukene angaphezu kwangama-200. Njengamanje, isigaba sezintombi siye sehla sacishe saba yizi-9 000.
Abangane Abanosizo Babaphathi Bokukhanya
10. Ngokucabangela ubukhulu bomsebenzi, ingabe insali yezintombi ezihlakaniphile iyakwazi ukuhlangabezana nesidingo sezisebenzi?
10 Abamemezeli boMbuso abangaphezu kwezigidi ezintathu emabandleni oFakazi BakaJehova angaphezu kwayizi-49 000 emhlabeni wonke bayenza icishe ibe ubala insali egcotshiwe yezintombi ezingokomfanekiso. Isibalo esincane sensali egcotshiwe singawunakekela kanjani umsebenzi wokufakaza emazweni angaphezu kwama-200 lapho kukhona lezozinkulungwane zamabandla? Asinakukwazi.
11. (a) Ukubonakaliswa ‘kwenceku ethembekileyo neqondayo’ kwabangela ukuba kwenzekeni phakathi kwalabo abathi bayizintombi? (b) Labo besigaba ‘senceku embi’ yini abehlulekayo ukuyibona ngenxa yokuntula ukukhanya okungokomoya okwanele?
11 Yebo, ngokomBhalo ikhonza esikhundleni esabikezelwa ‘senceku ethembekileyo neqondayo’ leyo iNkosi enguMyeni eyayithola ithembekile lapho ifika izokwahlulela ethempelini. Kungalesosikhathi lapho kwaqala ukwehlukana phakathi kwezintombi ezihlakaniphile nezintombi eziyiziwula zesigaba sezintombi ezingokomfanekiso. Labo ababhekwa njengesigaba ‘senceku embi’ abanawo amafutha eZwi likaNkulunkulu elikhanyisayo nomoya wakhe ongcwele ezitsheni zabo ukuze bakhanyise izibani zabo. Ngakho abazange babe nokukhanya okungokomoya okwanele ukuba baqonde “isixuku esikhulu” ‘sezinye izimvu,’ esase siqoqwa kakade kusukela ngo-1935 njengengxenye ‘yomhlambi munye.’—Mathewu 24:45-51.
12. Obani abaye baba abangane abakhulu bensali yesigaba somlobokazi?
12 Kusukela ngeMpi Yezwe II, ukugcwaliseka kwesiprofetho sikaJesu ‘sesiphelo sesimiso sezinto’ kuxhomeke ikakhulukazi engxenyeni efezwa “isixuku esikhulu” ‘sezinye izimvu.’ Ukukhanya okuvela ezibanini ezikhanyayo zensali kuye kwakhanyisa amehlo ezinhliziyo zaso, futhi siye sasizwa ukuba sikhanyisele abanye abasesebumnyameni balelizwe. (Qhathanisa nabase-Efesu 1:18.) Siye sasiza izigidi zabakhileyo kulomhlaba ukuba baqonde ukuba khona kweNkosi enguMyeni njengoba usuku lomshado wayo nesigaba somlobokazi esiphelele lusondela. Siye saba abangane abakhulu bensali yesigaba somlobokazi.
13, 14. (a) Isiphi isimo esijabulisayo ngokuqondene nabangane bensali esivezwe ngokomfanekiso kusAmbulo 7:9, 10? (b) Kwaba yini ukusabela okusheshayo encazelweni yalesosiprofetho?
13 Kusukela ngo-1935 isimo salabangane bensali yesigaba somlobokazi besingesokujabula. Abajabuleli nje kuphela amalungelo akhazimulayo insali esiwatholile kakade kodwa futhi namalungelo abusisiwe bona ngokwabo abaye baholelwa kuwo yinsali yesigaba somlobokazi.
14 Emhlanganweni ka-1935 eWashington, D.C., abantu bakaJehova benziwa baqonda umbhalo omangalisayo owawubikezela isimo esijabulisayo ‘esixukwini esikhulu,’ abangane babagcotshiwe. Yiso leso ‘esimi phambi kwesihlalo sobukhosi [sikaJehova uNkulunkulu] naphambi kweWundlu, sembethe izingubo ezinde ezimhlophe, siphethe amahlamvu esundu ngezandla zaso’! Lalela ukuthi simemeza sithini ukuze kuzwe bonke abantu: “Insindiso ngekaNkulunkulu wethu ohlezi esihlalweni sobukhosi neyeWundlu”! (IsAmbulo 7:9, 10) Sesilubonisile kakade ukholo ‘eWundlwini likaNkulunkulu elisusa izono zezwe,’ futhi ngaye siye sazinikezela kuJehova uNkulunkulu futhi sabonakalisa lokho kuzinikezela ngokubhapathizwa. (Johane 1:29) Phela, abangama-840 baso babhapathizwa ngosuku olulandela esezwa ngalo incazelo yesAmbulo 7:9-17 ngoLwesihlanu, May 31, 1935.
15. Bangaki abaye babhapathizwa kusukela ngalesosikhathi, futhi bafanekiswe kanjani kusAmbulo 7:14-17?
15 Abangaphezu kwezigidi ezintathu baye benza okufanayo kusukela kulowomhlangano waseWashington ka-1935. Ngakho bafanekiswa bembethe izingubo ezimhlophe ngenxa yokuzihlanza egazini elihlanzayo leWundlu. Futhi banethemba lokuphuma osizini olukhulu oluphambi kwalo lonke izwe lesintu, benesivikelo saphezulu kuze kudlule lolosizi. (Mathewu 24:21, 22) Ngakho-ke, babonakala besethempelini likaJehova elingokomoya futhi bemkhonza kulo benensali yesigaba sezintombi.—IsAmbulo 7:14-17.
16. Khona-ke, obani esibabonga kakhulu ngengxenye yabo ngokuqondene nokugcwaliseka kukaMathewu 24:14?
16 Ngakho-ke, sibonga kakhulu ‘esixukwini esikhulu’ sezizwe zonke, nesinezilimi eziningi ngengxenye enkulu esiye sayifeza ekugcwaliseni isiprofetho soMyeni esikuMathewu 24:14!
“Kwavalwa Emnyango”
17. (a) Uyovalwa nini umnyango wedili lomshado? (b) Yini okudingeka insali yesigaba sezintombi ‘nesixuku esikhulu’ sabangane bayo bayenze manje?
17 Ukuthi kunini ngokuthe ngqó lapho isigaba sezintombi siyobe sesingene khona emigidini yedili lomshado, bese kuvalwa umnyango, akwaziwa. Kodwa ngokungangabazeki kuseduze kunanini ngaphambili, futhi isikhathi siyaphela! Ngokufanelekileyo-ke, uJesu waphetha umfanekiso wezintombi ngalamazwi ayisixwayiso: “Ngakho lindani, ngokuba anilwazi usuku nehora.”—Mathewu 25:13.
18. (a) Izintombi eziyiziwula zizihlanganisa nobani manje? (b) Iyiphi ingxenye yomfanekiso kaJesu abazohlangabezana nayo ngokushesha?
18 Ngenxa yalesizathu izintombi eziyiziwula ziyotholakala zingalindile. Ngokuzehlukanisa kwazo nezintombi ezihlakaniphile, ziye zaba yingxenye yalelizwe elilahliwe futhi zizihlanganisa nabo bonke abanye abantu benkolo abasesigayegayeni sobumnyama bomhlaba wonke. Ngakho ziyobhekana nalokho uMyeni uJesu Kristu akukhanyisa ngalamazwi omfanekiso: “Ngasemuva zafika nezinye izintombi, zathi: Nkosi, nkosi, sivulele. Kepha waphendula wathi: Ngiqinisile ngithi kini: Anginazi.”—Mathewu 25:10-12.
19. Ngakho-ke izintombi eziyiziwula zifanekisela bani, futhi kungani kumelwe zihlanganiswe neBabiloni Elikhulu?
19 Ngakho lezozintombi eziyiziwula ngeke zivulelwe umnyango wedili. Zafanekisela kahle labo abahlulekayo ukungena ‘embusweni wezulu’ phakathi ‘nesiphelo sesimiso sezinto.’ (Mathewu 24:3; 25:1) Ngenxa yokubambelela kwazo ohlotsheni lwenkolo ezizikhethele yona, njengoba kuboniswa ukuyothenga kwazo amanye amafutha kwabathengisayo, zihlanganiswa neBabiloni Elikhulu.
20. (a) Lapho izintombi eziyiziwula zibona “izimpondo eziyishumi” ‘zesilo’ ziqala ukuphendukela iBabiloni Elikhulu, ubani eziyomncenga futhi zithini? (b) Kungani ziyobhujiswa noma kunjalo?
20 Ngakho-ke lapho ‘isilo’ esingokomfanekiso, esigitshelwe isifebe esingokwenkolo, sisiphendukela ‘ngezimpondo zaso eziyishumi,’ kuyodingeka zihlanganyele osizini lwaso. (IsAmbulo 17:16) Lapho labobantu abathanda inkolo, abafanekiselwa izintombi eziyisihlanu eziyiziwula, bebona lokhu kuqala kokwenqatshwa kwenkolo yobuBabiloni yimibuso enamandla yezombangazwe, bayophendukela eNkosini enguMyeni, bathi bayisigaba ‘sombuso wezulu’ futhi kufanele bangeniswe emadilini omshado angokomoya nezintombi ezihlakaniphile. Ngokushaqisayo, lowo abambiza ngokuthi “Nkosi,” uJesu Kristu onguMyeni, uyokwenqaba ukubaqaphela njengabafanele ukungeniswa eMbusweni wasezulwini. Futhi abazange bahlanganyele noma iliphi ithemba lokuphila okuphakade emhlabeni kanye ‘nesixuku esikhulu.’ Ngakho labantu abathanda inkolo abayiziwula bahlalelwe kuphela ukubhujiswa nombuso wezwe wenkolo yamanga, iBabiloni Elikhulu!
21. (a) Ngokucabangela lelokusasa elesabekayo, izintombi ezihlakaniphile nabangane bazo baphishekela yiphi inkambo? (b) Imaphi amalungelo enkonzo amalungu ‘esixuku esikhulu’ anethemba lokuwajabulela?
21 Yeka ikusasa elisabekayo ngabo! Ngokuqaphela lokhu, insali nabangane bayo abaningi bayosigcina njalo iseluleko sikaJesu sokuba ‘balinde.’ Ngaso sonke isikhathi bayogcwaliswa ngomoya ongcwele kaNkulunkulu futhi bakhanye ngokungesabi kube inkazimulo kuJehova uNkulunkulu noJesu Kristu. Ngokuqinisekile bayovuzwa ngokuthola injabulo! Futhi amalungu ‘esixuku esikhulu’ alindelwe izikhundla zezikhulu ‘emhlabeni omusha,’ njengoba ezokhethwa iNkosi enguMyeni eyobe ishadile.—Isaya 32:1; qhathanisa neHubo 45:16.
22. (a) Ukugcwaliseka komfanekiso wezintombi kuqinisekisa liphi iqiniso? (b) Obani abayowujabulela lomshado weNkosi enguMyeni nomlobokazi wayo oyintombi?
22 Ngakho lokhu kugcwaliseka okukhulu komfanekiso wezintombi eziyishumi kusebenza njengesiqinisekiso seqiniso lokuthi siphila ‘esiphelweni sesimiso sezinto.’ Yeka indlela esibonga ngayo ngokuthi siye sakhanyiselwa ukuba sibone ubufakazi bokuba seduze komshado kaJesu Kristu nesigaba somlobokazi wakhe esiphelele! Kokubili izulu “nomhlaba omusha” wokulunga kuyowujabulela ngenjabulo engenakuchazeka lomshado wasezulwini.—IsAmbulo 19:6-9.