Ukhona Ngempela Yini Umuntu Ongaguqula Umhlaba?
“Abantu abampofu basitshela ukuthi bafuna ukuthula nokulondeka ngaphezu kwanoma yini enye—kanti okwesibili bafuna amathuba okwenza izimpilo zabo zibe ngcono. Bafuna amazwe abo nomhlaba wonke ube nezinqubo ezinobulungisa ukuze imizamo yabo ingakhinyabezwa amazwe nezinkampani ezicebile.”
UMQONDISI wenhlangano ethile yomhlaba wonke enikeza usizo wazichaza kanjalo izifiso zabantu abampofu. Empeleni, amazwi akhe angazichaza kahle izifiso zenqwaba yabantu emhlabeni wonke abayizisulu zezinhlekelele nokungabi khona kobulungisa. Bonke balangazelela umhlaba onokuthula nokulondeka kweqiniso. Uyoke ube khona yini umhlaba onjalo? Ukhona yini onamandla ngempela nekhono lokuguqula lo mhlaba ongenabo nhlobo ubulungisa?
Imizamo Yokuletha Izinguquko
Abantu abaningi bazamile. Ngokwesibonelo, uFlorence Nightingale, owesifazane oyiNgisi wangekhulu le-19, wazikhandla ukuphila kwakhe konke elwela ukuba abagulayo banakekelwe ngendlela ehlanzekile nangesihe. Osukwini lwakhe—ngaphambi kokuba kube khona imithi ebulala amagciwane—ukwelashwa kwangaleso sikhathi kwakungafani nokwanamuhla. Enye incwadi ithi: “Abahlengikazi babengafundile, bengahlanzekile, futhi bedume kabi ngokudakwa nangokuziphatha okubi.” Waphumelela yini uFlorence Nightingale emizamweni yakhe yokuguqula umkhakha wobuhlengikazi? Yebo waphumelela. Ngokufanayo, abantu abaningi abanozwela nabanesihe baphumelele emikhakheni eminingi—kwezokufundiswa kwabantu ukufunda nokubhala, kwezemfundo, kwezokwelapha, kwezezindawo zokuhlala nakwezokondliwa kwabantu, uma sibala nje embalwa. Ngenxa yalokho izinga lokuphila kwezigidi zabantu abantulayo liye lathuthukiswa ngendlela ephawulekayo.
Noma kunjalo, asinakulishalazela leli qiniso elibuhlungu: Abantu abaningi kakhulu basahlukunyezwa izimpi, ubugebengu, izifo, indlala nezinye izinsizi. I-Concern, inhlangano yase-Ireland enikeza usizo ithi: “Ubumpofu bubulala abantu abangu-30 000 nsuku zonke.” Ngisho nobugqila, osekungamakhulu eminyaka abagqugquzeli bezinguquko befuna ukubuqeda, busalokhu bukhona. I-Disposable People—New Slavery in the Global Economy ithi: “Kunezigqila eziningi kakhulu namuhla ukudlula bonke abantu abebiwa e-Afrika ngesikhathi kuthengiswa izigqila ziyiswa emazweni aphesheya.”
Yini ethiye imizamo yabantu abafuna ukuletha izinguquko zaphakade? Ingabe izinto azilungi nje kungenxa yokuthi abacebile balawula izinto noma kukhona okunye okubangela lokhu?
Izithiyo Ezithiya Izinguquko
IZwi likaNkulunkulu lithi isithiyo esikhulu emizamweni yabantu yokwenza umhlaba ube nobulungisa ngokuphelele uSathane uDeveli. Umphostoli uJohane usitshela ukuthi “lonke izwe lisemandleni omubi.” (1 Johane 5:19) Empeleni, kumanje nje uSathane ‘udukisa umhlaba wonke owakhiwe.’ (IsAmbulo 12:9) Kuze kube yilapho ithonya lakhe elibi lisuswa, kusazoba nezisulu zobubi nokungabi khona kobulungisa. Yini eyabangela wonke lo monakalo?
Abazali bethu bokuqala, u-Adamu no-Eva, babephiwe umhlaba owawuzoba ikhaya eliyipharadesi eliphelele lawo wonke umkhaya wesintu—umhlaba ‘owawumuhle kakhulu.’ (Genesise 1:31) Pho, ubani owabe eseshintsha zonke izinto? USathane. Walibekela inselele ilungelo likaNkulunkulu lokubeka imithetho amadoda nabesifazane okwakufanele baphile ngayo. Wasikisela ukuthi indlela kaNkulunkulu yokubusa ayinabulungisa. Wayenga u-Adamu no-Eva ukuba bakhethe inkambo yokuzibusa ukuze bazinqumele okulungile nokungalungile. (Genesise 3:1-6) Lokhu kwenza kwaba nesithiyo sesibili emizamweni yomuntu yokwenza kube nomhlaba onobulungisa—isono nokungapheleli.—Roma 5:12.
Kungani Akuvumela?
Abanye bangase babuze: ‘Kodwa kungani uNkulunkulu avumela ukuba kube nesono nokungapheleli? Kungani engasebenzisanga amandla akhe amakhulukazi asuse amahlongandlebe abese eqalela phansi?’ Kuzwakala kuyisixazululo esilula impela leso. Nokho, ukusebenzisa amandla kuphakamisa imibuzo engathí sina. Akulona yini iqiniso ukuthi kona kanye ukusetshenziswa kabi kwamandla kuyinto abakhala ngayo kakhulu abantu abampofu nabacindezelwe? Akuphakamisi yini imibuzo ezingqondweni zabantu abanhliziyo-nhle lapho umashiqela othile esebenzisa amandla ukuza asuse noma ubani ongavumelani nemithetho yakhe?
Ukuze aqinisekise abanezinhliziyo ezinhle ukuthi Yena akayena umbusi ongumashiqela osebenzisa kabi amandla, uNkulunkulu wakhetha ukuvumela uSathane namahlongandlebe angabantu ukuba bazibuse, bangabuswa imithetho nezimiso zaKhe—kodwa isikhashana esilinganiselwe. Ngokuhamba kwesikhathi kwakuyocaca ukuthi indlela kaNkulunkulu yokubusa iwukuphela kwendlela elungile. Kwakuyobonakala ukuthi lapho esinqabela izinto ezithile kusuke kuzozuza thina. Empeleni, imiphumela ebuhlungu yokuhlubuka ekubuseni kukaNkulunkulu isikubonisile kakade lokho. Futhi leyo miphumela ikufakazele ngokugcwele ukuthi kuyafaneleka ukuba uNkulunkulu asebenzise amandla akhe amakhulu ukuze aqede ababi lapho ekhetha ukwenza kanjalo. Sekuseduze ukuba kwenzeke lokho kanye.—Genesise 18:23-32; Duteronomi 32:4; IHubo 37:9, 10, 38.
Kuze kube yilapho uNkulunkulu ethatha isinyathelo, sisazoqhubeka sihlupheka kulesi simiso esingenabulungisa, ‘sibubula kanyekanye futhi sisezinhlungwini kanyekanye.’ (Roma 8:22) Kungakhathaliseki ukuthi yini esiyenzayo ukuze sishintshe izinto, asinakwenza lutho ngoSathane, futhi ngeke sikwazi ukukususa ngokuphelele ukungapheleli okuyiyona mbangela yakho konke ukuhlupheka. Kungaphezu kwamandla ethu ukulungisa izinto eziyimiphumela yesono esisizuze ku-Adamu.—IHubo 49:7-9.
UJesu Kristu Uzoletha Izinguquko Zaphakade
Ingabe lokhu kusho ukuthi ayikho into engenziwa? Cha, akunjalo. Kukhona umuntu onamandla angaphezu kwawomuntu wenyama onikezwe umsebenzi wokwenza izinguquko zaphakade. Ubani lowo? UJesu Kristu. IBhayibheli limchaza ngokuthi uMmeli Oyinhloko kaNkulunkulu ukuze kusindiswe abantu.—IzEnzo 5:31.
Okwamanje ulindele ‘isikhathi sikaNkulunkulu esimisiwe’ abese ethatha isinyathelo. (IsAmbulo 11:18) Yini ngempela ayoyenza? ‘Uyobuyisela konke uNkulunkulu akhuluma ngakho ngomlomo wabaprofethi bakhe abangcwele besikhathi sasendulo.’ (IzEnzo 3:21) Ngokwesibonelo, uJesu ‘uyokhulula ompofu okhalela usizo, nohluphekile nanoma ubani ongenamsizi. Uyokhulula umphefumulo wabo ekucindezelweni nasebudloveni.’ (IHubo 72:12-16) NgoJesu Kristu, uNkulunkulu uthembisa ‘ukuqeda izimpi kuze kube semkhawulweni womhlaba.’ (IHubo 46:9) Uyathembisa: “Akekho ohlala [emhlabeni wakhe ohlanziwe] oyothi: ‘Ngiyagula.’” Izimpumputhe, izithulu nezinyonga—bonke abahlushwa ukugula nezifo—bayonikwa impilo ephelele. (Isaya 33:24; 35:5, 6; IsAmbulo 21:3, 4) Ngisho nalabo osekungamakhulukhulu eminyaka bafa bayozuza. Uthembisa ukuvusa izisulu ezacindezelwa futhi zancishwa ubulungisa.—Johane 5:28, 29.
UJesu Kristu uyoletha ushintsho oluphelele olungeke lube olwesikhashana. Uyoyisusa ngokuphelele yonke imigoqo ethiya ukuba khona komhlaba onobulungisa beqiniso. Uyoqeda isono nokungapheleli abhubhise uSathane uDeveli nabo bonke abalandela inkambo yakhe yokuhlubuka. (IsAmbulo 19:19, 20; 20:1-3, 10) Usizi nokuhlupheka uNkulunkulu akuvumele okwesikhashana ‘ngeke kuvuke okwesibili.’ (Nahume 1:9) UJesu wayekhuluma ngalokhu lapho esifundisa ukuthandazela ukuza koMbuso kaNkulunkulu nokuba intando kaNkulunkulu yenzeke “nasemhlabeni, njengasezulwini.”—Mathewu 6:10.
Nokho ungase uthi: ‘Kodwa yena uJesu akashongo yini ukuthi “siyoba nabampofu ngaso sonke isikhathi”? Lokho akusho yini ukuthi ukungabi nabulungisa nobumpofu kuyohlale kukhona?’ (Mathewu 26:11) Impela uJesu washo ukuthi kuyohlale kunabantu abampofu. Nokho, umongo wamazwi akhe kanye nezithembiso zeZwi likaNkulunkulu kubonisa ukuthi wayesho ukuthi siyohlale sinabantu abampofu uma nje sisaphila kulesi simiso sezinto. Wayazi ukuthi akekho umuntu oyokwazi ukuqeda ubumpofu nokungabi nabulungisa emhlabeni. Wayazi nokuthi yena uyokushintsha konke lokho. Maduze uzoletha isimiso esisha sezinto—“amazulu amasha nomhlaba omusha” lapho ubuhlungu, ukugula, ubumpofu nokufa kuyobe kungasekho.—2 Petru 3:13; IsAmbulo 21:1.
“Ningakukhohlwa Ukwenza Okuhle”
Ingabe lokhu kusho ukuthi ukwenza okuthile ukuze sisize abantu kufana nokuthela amanzi emhlane wedada? Lutho neze. IBhayibheli lisikhuthaza ukuba sisize abanye lapho bebhekana nokulingwa nezimo ezicindezelayo. INkosi uSolomoni eyaphila endulo iyabhala: “Ungabagodleli okuhle labo okubafanele, lapho kusemandleni esandla sakho ukukwenza.” (IzAga 3:27) Umphostoli uPawulu uyasinxusa: “Ningakukhohlwa ukwenza okuhle nokupha abanye izinto.”—Hebheru 13:16.
UJesu Kristu ngokwakhe wasikhuthaza ukuba senze esingakwenza ukuze sisize abanye. Wenza umzekeliso womSamariya owathola indoda eyayishayiwe futhi yaphangwa. UJesu uthi indoda engumSamariya ‘yaba nesihawu’ yasebenzisa izinto zayo ukuze ibophe amanxeba ale ndoda eyayishayiwe futhi yayisiza ukuba inakekelwe. (Luka 10:29-37) Lowo mSamariya onesihe akazange aguqule umhlaba, kodwa wayisiza kakhulu leya ndoda. Nathi singenza okufanayo.
Nokho, uJesu Kristu angenza okungaphezu nje kokusiza abantu abathile. Angaziletha ngempela izinguquko, futhi uzoziletha maduze. Lapho enza lokho, izisulu zokuntuleka kobulungisa namuhla ziyokwazi ukwenza izimpilo zazo zibe ngcono futhi ziyojabulela ukuthula nokulondeka kweqiniso.—IHubo 4:8; 37:10, 11.
Njengoba sisalinde lokho, masinganqikazi ukwenza noma yini esingayenza, ngokomoya nangezinto ezibonakalayo, ukuze “senze okuhle” kubo bonke abayizisulu zalo mhlaba ongenabulungisa.—Galathiya 6:10.
[Izithombe ekhasini 5]
UFlorence Nightingale wenza izinguquko zangempela emkhakheni wobuhlengikazi
[Umthombo]
Courtesy National Library of Medicine
[Izithombe ekhasini 7]
Abalandeli bakaKristu benza okuhle kwabanye
[Umthombo Wesithombe ekhasini 4]
The Star, Johannesburg, S.A.