Imfihlo AmaKristu Angenakulokotha Ayigcine!
“Ngikhulumé ezweni obala. . . . Angikhulumanga lutho ekusithekeni.”—JOHANE 18:20.
1, 2. Libaluleke ngani igama lesiGreki elithi my·steʹri·on njengoba lisetshenziswe emiBhalweni?
IGAMA lesiGreki elithi my·steʹri·on lihunyushwe izikhathi ezingu-25 ngokuthi “imfihlo engcwele” nezintathu ngokuthi “imfihlakalo” kuyi-New World Translation of the Holy Scriptures. Imfihlo okuthiwa ingcwele kumelwe ukuba ibaluleke ngempela! Noma ubani onelungelo lokuthola ulwazi lwemfihlo enjalo kufanele azizwe emkhulu impela, ngoba uye wabhekwa njengokufanelekelayo ukuhlanganyela imfihlo noNkulunkulu oPhakeme wendawo yonke.
2 I-Expository Dictionary of Old and New Testament Words kaVine iyakuqinisekisa ukuthi ezimweni eziningi ukuthi “imfihlo engcwele” kuyindlela efanelekile yokuhumusha kunokuthi “imfihlakalo.” Ngelithi my·steʹri·on ithi: “[EmiBhalweni YamaKristu YesiGreki] alisho into eyimfihlakalo (ngokomqondo wegama [lesiNgisi]), kodwa lisho lokho okungaziswa ngesambulo saPhezulu kuphela, ngoba kungaphezu kwekhono lomuntu lokuqonda, futhi kwaziswa ngendlela nangesikhathi esimiswe uNkulunkulu, kulabo kuphela abakhanyiselwe uMoya waKhe. Ngomqondo ovamile imfihlakalo isho ulwazi olugodliwe; emiBhalweni isho iqiniso elambuliwe. Ngakho amagama ahlobene eduze nalokhu athi ‘okwazisiwe,’ ‘okubonakalisiwe,’ ‘okwambuliwe,’ ‘okushunyayelwe,’ ‘qonda,’ ‘ukusakaza.’”
3. Ibandla lobuKristu lekhulu lokuqala lalihluke kanjani emaqenjini enkolo athile ayimfihlakalo?
3 Lencazelo iqokomisa umehluko omkhulu phakathi kwamaqembu enkolo ayimfihlakalo ayedlange ekhulwini lokuqala nebandla lobuKristu elalisanda kumiswa. Nakuba lawo enziwa amahlelo ayimfihlo ngokuvamile ayeboshwa isifungo sokuthula ukuze avikele izimfundiso zenkolo, amaKristu awazange abekelwe umngcele onjalo. Kuyiqiniso ukuthi umphostoli uPawulu wakhuluma ‘ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu okusemfihlweni engcwele,’ ekubiza ngokuthi “ukuhlakanipha okufihliweyo,” okungukuthi, okufihlelwe “ababusi balesisimiso sezinto.” Akufihlelwe amaKristu ayembulelwe kona ngomoya kaNkulunkulu ukuze akusakaze.—1 Korinte 2:7-12; qhathanisa nezAga 1:20.
‘Imfihlo Engcwele’ Iyachazwa
4. “Imfihlo engcwele” igxile kubani, futhi kanjani?
4 ‘Imfihlo engcwele’ kaJehova igxile kuJesu Kristu. UPawulu wabhala: “[UJehova] wasazisa imfihlo engcwele yentando yakhe. Kungokuvumelana nesihle sakhe asijonga kuye ngokwakhe ukuba kube nesimiso sokuqondisa lapho kugcwala isilinganiso sezikhathi ezimisiwe, okuwukuthi, ukuphinde abuthele ndawonye zonke izinto kuKristu, izinto ezisezulwini nezinto ezisemhlabeni. Yebo, kuye.” (Efesu 1:9, 10) UPawulu wasiveza ngisho nangokuqondile isimo ‘semfihlo engcwele’ lapho ekhuluma ngesidingo ‘solwazi olunembile ngemfihlo engcwele kaNkulunkulu, okungukuthi, uKristu.’—Kolose 2:2.
5. Yini ehilelekile ‘emfihlweni engcwele’?
5 Nokho, kunokwengeziwe okuhilelekile ngoba “imfihlo engcwele” iyimfihlo enezici eziningi. Ayikhona nje ukubonakaliswa kukaJesu njengoyiNzalo ethenjisiwe noma uMesiya; ihlanganisa indima abelwe ukuyifeza enjongweni kaNkulunkulu. Ihilela uhulumeni wasezulwini, uMbuso kaNkulunkulu wobuMesiya, njengoba uJesu achaza ngokucacile lapho etshela abafundi bakhe: “Nina nikunikiwe ukuqonda izimfihlo ezingcwele zombuso wamazulu, kodwa labayabantu abakunikwanga.”—Mathewu 13:11.
6. (a) Kungani kunembile ukuthi ‘imfihlo engcwele ibigcinwe kungakhulunywa lutho ngayo ezikhathini ezimi njalo’? (b) Yambulwa kanjani ngokuqhubekayo?
6 Kusukela ekuvezweni kokuqala kwenjongo kaNkulunkulu yokwakha isisekelo soMbuso wobuMesiya kuze kube ‘sekuphelelisweni kwemfihlo engcwele,’ kwakuyodlula isikhathi eside. (IsAmbulo 10:7; Genesise 3:15) Ukupheleliswa kwayo kwakuyokwenzeka lapho kumiswa uMbuso, njengoba ukuqhathanisa isAmbulo 10:7 no-11:15 kubonisa. Eqinisweni, kwadlula iminyaka engaba ngu-4 000 kusukela ekunikezweni kwesithembiso sokuqala soMbuso e-Edene kwaze kwaba sekuveleni kweNkosi Emisiwe ngo-29 C.E. Kwadlula eminye iminyaka engu-1 885 ngaphambi kokumiswa koMbuso emazulwini ngo-1914. Ngaleyo ndlela “imfihlo engcwele” yambulwa ngokuqhubekayo enkathini ecishe ibe iminyaka engu-6 000. (Bheka ikhasi 16.) Ngempela uPawulu wayeqinisile lapho ekhuluma “ngokwambulwa kwemfihlo engcwele ebigcinwe kungakhulunywa lutho ngayo ezikhathini ezimi njalo kodwa manje ebonakalisiwe, futhi manje eyenziwe yaziwa.”—Roma 16:25-27; Efesu 3:4-11.
7. Kungani singathembela ngokuphelele esigabeni sesigqila esikholekile nesiqondayo?
7 Ngokungafani nabantu abanokuphila okulinganiselwe, uJehova akazizwa exinwe yisikhathi ukuba ambule izimfihlo zakhe kungakabi isikhathi. Leli qiniso kufanele lisivimbele ukuba siphelelwe isineke lapho imibuzo ethile yeBhayibheli okwamanje ingenakuchazwa ngendlela esigculisayo. Isizotha sesigaba sesigqila esikholekile nesiqondayo, esithunywe ukuba silungiselele abendlu yobuKristu ukudla ngesikhathi esifanele, siyasivimbela ukuba sihambele phambili ngokugabadela futhi ngokuxhamazela sisebenzise ukucabangela ngezinto ezingakacaci. Isigaba sesigqila sizama ukukugwema ukugomela ezindabeni. Sithobeke ngokwanele ukuvuma ukuthi okwamanje asinakuphendula yonke imibuzo, sikhumbula kahle izAga 4:18. Kodwa akuve kujabulisa ukwazi ukuthi uJehova, ngesikhathi sakhe esifanele nangendlela yakhe, uyoqhubeka ambula izimfihlo zakhe ngezinjongo zakhe! Akufanele siphelelwe isineke ngelungiselelo likaJehova, sizame ukuhambela phambili ngokungenangqondo uMambuli wezimfihlo. Yeka ukuthi kuqinisekisa kanjani ukwazi ukuthi umzila uJehova awusebenzisayo namuhla awenzi kanjalo! Ukholekile futhi unokuqonda.—Mathewu 24:45; 1 Korinte 4:6.
Imfihlo Eyambuliwe Kumelwe Kukhulunywe Ngayo!
8. Sazi kanjani ukuthi “imfihlo engcwele” kumelwe kwaziswe ngayo?
8 UJehova akazange ambulele amaKristu ‘imfihlo yakhe engcwele’ ukuze ayigcine iyimfihlo. Kumelwe yaziswe, ngokuvumelana nesimiso uJesu asibekela bonke abalandeli bakhe—hhayi nje abefundisi abambalwa kuphela: “Nina niwukukhanya kwezwe. Umuzi ungefihleke lapho uphezu kwentaba. Abantu bakhanyisa isibani bangasibeki ngaphansi kukabhasikidi wokulinganisa, kodwa phezu kothi lwesibani, futhi sikhanyisele bonke abasendlini. Ngokufanayo ukukhanya kwenu makukhanye phambi kwabantu, ukuze babone imisebenzi yenu emihle bese benika uYihlo osemazulwini inkazimulo.”—Mathewu 5:14-16; 28:19, 20.
9. Yini efakazela ukuthi uJesu wayengavukeli, njengoba abanye besho?
9 UJesu wayengahlosile ukuvukela ngokwakha inhlangano yomshoshaphansi yabalandeli yokuphishekela izinjongo eziyimfihlo. Encwadini ethi Early Christianity and Society, uRobert M. Grant wabhala ngendlela umlweli wokholo wekhulu lesibili uJustin Martyr avikela ngayo amaKristu okuqala: “Uma amaKristu ayengabavukeli ayeyocasha ukuze afinyelele umgomo wawo.” Kodwa kwakungenzeka kanjani ukuba amaKristu ‘acashe’ kodwa ngesikhathi esifanayo abe ‘njengomuzi ophezu kwentaba’? Awazange nhlobo afihle ukukhanya kwawo ngaphansi kukabhasikidi wokulinganisa! Ngakho-ke, uhulumeni wawungenasizathu sokwesaba ngomsebenzi wawo. Lomlobi waqhubeka ewachaza ngokuthi “angabalekeleli bombusi abangcono kakhulu endabeni yokuthula nokuhleleka okuhle.”
10. Kungani amaKristu kungafanele azifihle?
10 UJesu wayengafuni ukuba abafundi bakhe bakufihle ukuba kwabo ngamalungu alokho okuthiwa ihlelo lenkolo. (IzEnzo 24:14; 28:22) Ukuhluleka ukuvumela ukukhanya kwethu kukhanye namuhla, bekuyomdumaza uKristu noYise, uMambuli wezimfihlo, futhi bekungeke kusenze sijabule.
11, 12. (a) Kungani uJehova efisa ukuba ubuKristu busakazwe? (b) UJesu wasibeka kanjani isibonelo esifanele?
11 UJehova “akafisi ukuba noma ubani abhujiswe kodwa ufisa ukuba bonke bafinyelele ekuphendukeni.” (2 Petru 3:9; Hezekeli 18:23; 33:11; IzEnzo 17:30) Isisekelo sokuthethelelwa kwezono zabantu abaphendukayo ukholo emhlatshelweni wesihlengo kaJesu Kristu, owazinikela njengesihlengo sabo bonke—hhayi nje esabambalwa—ukuze “wonke umuntu obonisa ukholo [kuye] angabhujiswa kodwa abe nokuphila okumi phakade.” (Johane 3:16) Kubalulekile ukuba abantu basizwe ukuba bathathe izinyathelo ezidingekayo eziyobenza bafanelekele ukwahlulelwa njengezimvu, hhayi izimbuzi, ekwahluleleni okuzayo.—Mathewu 25:31-46.
12 UbuKristu beqiniso akumelwe bufihlwe; kumelwe baziswe ngazo zonke izindlela ezifanelekayo ezikhona. UJesu ngokwakhe wabeka isibonelo esifanele. Lapho umpristi omkhulu embuza ngabafundi bakhe nemfundiso yakhe, wathi: “Ngikhulumé ezweni obala. Ngaso sonke isikhathi ngangifundisa esinagogeni nasethempelini, lapho wonke amaJuda ebuthanela khona; futhi angikhulumanga lutho ekusithekeni.” (Johane 18:19, 20) Ngenxa yalesi sandulela, yimuphi umuntu owesaba uNkulunkulu ongalokotha akugcine kuyimfihlo lokho uNkulunkulu athe kumelwe kwaziswe obala? Ubani ongalokotha afihle “isihluthulelo solwazi” oluholela ekuphileni okungunaphakade? Ukwenza kanjalo, bekuyomenza afane nabazenzisi benkolo bekhulu lokuqala.—Luka 11:52; Johane 17:3.
13. Kungani kufanele sishumayela ngawo wonke amathuba?
13 Kwangathi angebe bikho ongaba nesizathu sokuthi thina njengoFakazi BakaJehova siye sagcina isigijimi sikaNkulunkulu soMbuso siyimfihlo! Kungakhathaliseki ukuthi isigijimi siyamukelwa noma siyenqatshwa, abantu kumelwe bazi ukuthi siye sashunyayelwa. (Qhathanisa noHezekeli 2:5; 33:33.) Ngakho-ke masisebenzise wonke amathuba ukuze sikhulume ngesigijimi seqiniso kubo bonke, kungakhathaliseki ukuthi sibatholaphi.
Ukufaka Izingwegwe Emihlathini KaSathane
14. Kungani kungafanele singabaze ukukhulekela ngokukhululekile?
14 Ezindaweni eziningi sekuyavama ukuba oFakazi BakaJehova babe undab’uzekwayo kwezezindaba. Njengoba kwenzeka kumaKristu okuqala, ngokuvamile bamelelwa kabi futhi bafakwe mdibi munye namahlelo enkolo angabazekayo nezinhlangano zomshoshaphansi. (IzEnzo 28:22) Kungenzeka yini ukushumayela kwethu ngokukhululekile kusenze sihlaselwe ngokwengeziwe? Ngokuqinisekile ngeke kube ukuhlakanipha, futhi ngeke kuvumelane neseluleko sikaJesu, ukuzifaka empikiswaneni ngokungadingekile. (IzAga 26:17; Mathewu 10:16) Nokho, umsebenzi ozuzisayo wokushumayela ngoMbuso nokusiza abantu ukuba bathuthukise ukuphila kwabo akumelwe ufihlwe. Ukhazimulisa uJehova, umphakamise, udonsele ukunakekela kuye naseMbusweni wakhe omisiwe. Ukusabela kwamuva okujabulisayo eqinisweni leBhayibheli eMpumalanga Yurophu nasezingxenyeni ezithile ze-Afrika ngokwengxenye kuye kwabangelwa ukukhululeka okwengeziwe manje iqiniso elingashunyayelwa ngakho lapho.
15, 16. (a) Ukukhuluma kwethu ngokukhululekile nokuchuma ngokomoya kufeza ziphi izinjongo, kodwa ingabe lokhu kuyisizathu sokukhathazeka? (b) Kungani uJehova efaka izingwegwe emihlathini kaSathane?
15 Kuyiqiniso ukuthi ukushumayela koFakazi BakaJehova ngokukhululekile, ipharadesi elingokomoya abalijabulelayo, nokuchuma kwabo—kokubili ngengcebo nangezinto ezibonakalayo—kuyaqashelwa. Nakuba zikhanga abanhliziyo ziqotho, lezi zici zingase zibacasule abaphikisi. (2 Korinte 2:14-17) Eqinisweni, ekugcineni lokhu kungayenga amabutho kaSathane ukuba ahlasele abantu bakaNkulunkulu.
16 Ingabe lokhu kufanele kusikhathaze? Akufanele, ngokwesiprofetho sikaJehova esitholakala kuHezekeli isahluko 38. Sibikezela ukuthi uGogi wakwaMagogi, okuchaza uSathane uDeveli kusukela ehliselwa emhlabeni ngemva kokumiswa koMbuso ngo-1914, uyohola ekuhlaselweni kwabantu bakaNkulunkulu. (IsAmbulo 12:7-9) UJehova utshela uGogi: “Uyakuthi: Ngiyakwenyukela ezweni elisobala, ngiye kwabazinzileyo abahlala belondekile, bonke abahlala bengenalugange, kungekho kubo imigoqo nezicabha, ukuze uphange impango, ubamuke impahla, besewuphendulela isandla sakho ezindaweni ezichithekileyo esezakhiwe nakubantu asebebuthiwe ezizweni, bezuza imfuyo nempahla, behlala enkabeni yezwe.” (Hezekeli 38:11, 12) Nokho, ivesi lesine libonisa ukuthi abantu bakaNkulunkulu akudingekile bakwesabe lokhu kuhlaselwa, ngoba kubangelwa uJehova. Kodwa kungani uNkulunkulu evumela—yebo, ebangela nokubangela—ukuhlaselwa kwabantu bakhe ngawo wonke amandla? Evesini 23 sifunda impendulo kaJehova: “Ngiyakuzenza-mkhulu, ngizingcwelise, ngizazise emehlweni ezizwe eziningi, zazi ukuthi nginguJehova.”
17. Kufanele sikubheke kanjani ukuhlasela kukaGogi okuseduze?
17 Ngakho-ke, kunokuphila ngokwesaba ukuhlasela kukaGogi, abantu bakaJehova babheke phambili ngokulangazela kulokhu kugcwaliseka okuqhubekayo kwesiprofetho seBhayibheli. Yeka ukuthi kuvusa amadlingozi kanjani ukwazi ukuthi ngokuchumisa nangokubusisa inhlangano yakhe ebonakalayo, uJehova ufaka izingwegwe emihlathini kaSathane futhi amdonsele ekunqotshweni kanye namabutho akhe!—Hezekeli 38:4.
Manje Kunanini Ngaphambili!
18. (a) Yini manje abantu abaningi asebeyiqaphela, futhi ngani? (b) Ukusabela ekushumayeleni ngoMbuso kuyisisusa esinamandla ngayiphi indlela?
18 Ezikhathini zanamuhla oFakazi BakaJehova bebezwakalisa imibono yabo esekelwe eBhayibhelini ngokukhululeka okukhulu, nakuba lokhu bekungathandeki. Sekungamashumi eminyaka bexwayisa ngezingozi zokubhema nokusebenzisa kabi izidakamizwa, ukungahlakaniphi kokuyekelela ekuqeqesheni izingane, imiphumela emibi yokuzijabulisa okugcwele ubulili obungemthetho nobudlova, nezingozi zokumpontshelwa igazi. Baye baveza nokuguquguquka kwenkolelo-mbono yokuziphendukela kwemvelo. Abantu abandayo manje bathi, “OFakazi BakaJehova baqinisile.” Ukube besingayazisi obala ngokukhululeke kangaka imibono yethu, bebengeke basabele ngalendlela. Futhi ungalibukeli phansi iqiniso lokuthi ngokusho amazwi anjalo, sekuseduze bathi, “Sathane ungumqambi manga; uJehova uqinisile.” Yeka isisusa esinamandla sokuba siqhubeke silandela isibonelo sikaJesu, sikhulume izwi leqiniso obala!—IzAga 27:11.
19, 20. (a) Yikuphi ukuzimisela abantu bakaJehova abakuzwakalisa ngo-1922, futhi ingabe lamazwi asasebenza? (b) Kufanele siyibheke kanjani “imfihlo engcwele” kaJehova?
19 Sekuyisikhathi eside abantu bakaJehova besiqonda isibopho sabo kulokhu. Emhlanganweni ophawulekayo ngo-1922, u-J. F. Rutherford, owayengumongameli we-Watch Tower Society ngaleso sikhathi, wazivusa amadlingozi izilaleli zakhe ngokuthi: “Yibani ngabasangulukile, phaphamani, khuthalani, nibe nesibindi. Yibani ngofakazi beNkosi abathembekile nabeqiniso. Qhubekani ekulweni kuze kube yilapho yonke iminonjana yeBabiloni isibhujisiwe. Memezelani isigijimi yonke indawo. Izwe kumelwe lazi ukuthi uJehova unguNkulunkulu nokuthi uJesu Kristu uyiNkosi yamakhosi noMbusi wababusi. Lolu usuku olukhulu kunazo zonke. Bhekani, iNkosi iyabusa! Nina ningamanxusa ayo okumemezela. Ngakho-ke memezelani, memezelani, memezelani, iNkosi nombuso wayo.”
20 Njengoba lamazwi ayebalulekile ngo-1922, yeka ukuthi abaluleke kakhulu kangakanani eminyakeni engu-75 kamuva, lapho ukwambulwa kukaKristu njengoMahluleli noMphindiseli sekuseduze kakhulu! Isigijimi soMbuso kaJehova omisiwe nepharadesi elingokomoya elijatshulelwa abantu bakaNkulunkulu ‘siyimfihlo engcwele’ enhle kakhulu ukuba singayigodla. Njengoba uJesu ngokwakhe asho ngokucacile, abalandeli bakhe, ngosizo lomoya ongcwele, kumelwe bafakaze “ezingxenyeni eziqhele kakhulu zomhlaba” ngokuqondene nendawo yakhe eyinhloko enjongweni kaJehova yaphakade. (IzEnzo 1:8; Efesu 3:8-12) Eqinisweni, njengezinceku zikaJehova, uNkulunkulu owambula izimfihlo, masingalokothi siyigcine lemfihlo!
Ungaphendula Kanjani?
◻ Iyini “imfihlo engcwele”?
◻ Sazi kanjani ukuthi kufanele imenyezelwe?
◻ Yini eyenza ukuba uGogi ahlasele abantu bakaJehova, futhi kufanele sikubheke kanjani lokhu?
◻ Yini ngamunye wethu okufanele azimisele ukuyenza?
[Ibhokisi ekhasini 16]
‘Imfihlo Engcwele’ Yambulwa Kancane Kancane
◻ Ngemva kuka-4026 B.C.E.: UNkulunkulu uthembisa ukuveza iNzalo ezobhubhisa uSathane.—Genesise 3:15
◻ 1943 B.C.E.: Isivumelwano sika-Abrahama siyaqiniswa, sithembisa ukuthi iNzalo iyokuza ngo-Abrahama.—Genesise 12:1-7
◻ 1918 B.C.E.: Ukuzalwa kuka-Isaka njengendlalifa yesivumelwano.—Genesise 17:19; 21:1-5
◻ c. 1761 B.C.E.: UJehova uqinisekisa ukuthi iNzalo iyokuza ngendodana ka-Isaka uJakobe.—Genesise 28:10-15
◻ 1711 B.C.E.: UJakobe ubonisa ukuthi iNzalo iyokuza ngendodana yakhe uJuda.—Genesise 49:10
◻ 1070-1038 B.C.E.: INkosi uDavide ithola ukuthi iNzalo iyoba inzalo yayo futhi iyobusa phakade njengeNkosi.—2 Samuweli 7:13-16; IHubo 89:35, 36
◻ 29-33 C.E.: UJesu ubonakaliswa eyiNzalo, uMesiya, umahluleli wesikhathi esizayo neNkosi Emisiwe.—Johane 1:17; 4:25, 26; IzEnzo 10:42, 43; 2 Korinte 1:20; 1 Thimothewu 3:16
◻ UJesu wambula ukuthi uyokuba nabayobusa futhi bahlulele naye, ukuthi uMbuso wasezulwini uyokuba nezikhonzi zasemhlabeni, nokuthi bonke abalandeli bakhe kumelwe babe abashumayeli boMbuso.—Mathewu 5:3-5; 6:10; 28:19, 20; Luka 10:1-9; 12:32; 22:29, 30; Johane 10:16; 14:2, 3
◻ UJesu wambula ukuthi uMbuso uyomiswa ngesikhathi esiqondile, njengoba kuqinisekiswa izenzakalo zezwe.—Mathewu 24:3-22; Luka 21:24
◻ 36 C.E.: UPetru uthola ukuthi abangewona amaJuda nabo bayokuba izindlalifa zoMbuso kanye naye.—IzEnzo 10:30-48
◻ 55 C.E.: UPawulu uyachaza ukuthi izindlalifa zoMbuso ezikanye naye ziyovuswa zinokungafi nokungonakali phakathi nokuba khona kukaKristu.—1 Korinte 15:51-54
◻ 96 C.E.: UJesu, esebusa phezu kwabalandeli bakhe abagcotshiwe kakade, wambula ukuthi inani labo eliphelele liyokuba ngu-144 000.—Efesu 5:32; Kolose 1:13-20; IsAmbulo 1:1; 14:1-3
◻ 1879 C.E.: I-Zion’s Watch Tower ikhomba u-1914 njengonyaka obaluleke kakhulu ekufezekeni ‘kwemfihlo engcwele’ kaNkulunkulu
◻ 1925 C.E.: INqabayokulinda (yesiNgisi) ichaza ukuthi uMbuso wazalwa ngo-1914; “imfihlo engcwele” mayelana noMbuso kumelwe imenyezelwe.—IsAmbulo 12:1-5, 10, 17
[Izithombe ekhasini 15]
NjengoMholi wabo, uJesu, oFakazi BakaJehova bamemezela uMbuso kaJehova obala