Umbono WeBhayibheli
Ingabe “ITestamente Elisha” Liyawabandlulula AmaJuda?
UMVANGELI othile waseMelika wake wathi: “Phakathi nomlando walo omude isonto njengenhlangano liye lona futhi liyolandisa kakhulu ngoSuku Lokwahlulela, ikakhulukazi ngokuphathelene nobandlululo oluboniswa kubantu abangamaJuda.”
Kungani ukubandlulula amaJuda kuye kwaba nomlando omude futhi omubi kangaka, oqhubekela ngisho nasekhulwini lama-20? Abanye basola imiBhalo yamaKristu yesiGreki, leyo ebizwa ngokuthi iTestamente Elisha. Ngokwesibonelo, umphathi weHarvard Divinity School, uKrister Stendahl, wavuma: “Ukuthi . . . izimfundiso zeTestamente Elisha ziye zasebenza njengesijeziso ‘saphezulu’ senzondo emelene namaJuda kwaziwa kahle futhi kuyiqiniso elamukeleka kabanzi.” Nakuba lokhu kungase kwamukeleke kabanzi, ingabe kuyiqiniso ngempela?
Ubani Owasolwa Ngokufa KukaJesu?
Indima evame ukucashunwa njengefakazela ukubandlulula ‘kweTestamente Elisha’ amaJuda incwadi kaMathewu 27:15-25. Lapho sitshelwa ukuthi isixuku samaJuda saphoqelela umbusi wamaRoma uPontiyu Pilatu ukuba aphanyeke uJesu esigxotsheni, size simemeza nokumemeza: “Igazi lakhe malibe-phezu kwethu naphezu kwabantwana bethu.” Ingabe lapho “iTestamente Elisha” lalifundisa ukuthi wonke amaJuda ekhulu lokuqala ayenecala ngokufa kukaJesu nokuthi amaJuda kufanele aziwe ngokuthi ababulali bakaKristu kuze kube phakade?
Okokuqala nje, ingabe iningi lamaJuda lasabela kanjani kuJesu phakathi nenkonzo yakhe? “ITestamente Elisha” lembula ukuthi izixuku zamaJuda zazimthanda kakhulu uJesu, ikakhulukazi eGalile, lapho afeza khona ingxenye enkulu yenkonzo yakhe. (Johane 7:31; 8:30; 10:42; 11:45) Ezinsukwini ezinhlanu nje ngaphambi kokuboshwa nokubulawa kwakhe, isixuku samaJuda samamukela eJerusalema njengoMesiya.—Mathewu 21:6-11.
Khona-ke, obani ababefuna ukuba uJesu abulawe? “ITestamente Elisha” liphawula ukuthi abapristi abakhulu nabaFarisi abaningi nabaSadusi babengamthandi uJesu ngoba wayedalula ubuzenzisi babo. (Mathewu 21:33-46; 23:1-36)a UKayafase umPristi Omkhulu wayengomunye wabaphikisi abayinhloko bakaJesu. Akungabazeki ukuthi wabhekana nokulahlekelwa ngokwezomnotho komuntu siqu lapho uJesu exosha abashintshelana imali ethempelini. (Marku 11:15-18) Ngaphezu kwalokho, uKayafase wayesaba ukuthi ukuthandwa kukaJesu izixuku zamaJuda ekugcineni kwakungaholela ekungeneleni kwamaRoma nasekulahlekelweni kwakhe siqu ukubusa. (Johane 11:45-53) Ngaleyondlela, abapristi abakhulu nabanye abaholi benkolo benza uzungu lokufa kukaJesu futhi bamnikela enkantolo yamaRoma ukuba abulawe. (Mathewu 27:1, 2; Marku 15:1; Luka 22:66–23:1) Yeka indlela okumangaza ngayo ukuthi ukuthandwa kukaJesu uquqaba lwamaJuda kwaholela ekufeni kwakhe!
Uma kucatshangelwa ukuthandwa kukaJesu, kungani isixuku samaJuda sasimemeza ngokuphikelelayo sifuna ukuba abulawe? Njengoba iningi labalandeli bakaJesu kwakungabantu baseGalile, kungenzeka ukuthi isixuku esasifuna ukuba abulawe ngokuyinhloko sasingabantu baseJudiya. AbaseGalile babenothando, bethobekile, futhi ngokwemvelo beqotho, kuyilapho abaseJudiya babeqhosha, becebile, futhi befunde kakhulu, ikakhulukazi eJerusalema. Ngokuphawulekayo, uMathewu wembula ukuthi isixuku sashukunyiswa “abapristi abakhulu namalunga.” (Mathewu 27:10) Ingabe yimaphi amanga ababengawatshela isixuku ukuze basishukumise ngalendlela? Ingabe kwakungamanga ababewasho ekuqaleni ecaleni likaJesu abuye aphindwa phakathi nokwahlulelwa kukaJesu, okungukuthi, uJesu wathi angabhidliza ithempeli?—Marku 14:57, 58; 15:29.b
Icala Lomphakathi
Uma lesixuku samaJuda sasingebona bonke abantu abangamaJuda, kungani umphostoli uPetru, lapho ekhuluma nesixuku esikhulu samaJuda esasihlangene eJerusalema ezinsukwini ezingaba ngu-50 kamuva size eMkhosini Wamasonto, athi: “Nambethela [uJesu] ngezandla zabangenamthetho”? (IzEnzo 2:22, 23) Ngokuqinisekile uPetru wayazi ukuthi iningi labo lalingenangxenye ezenzakalweni ezaholela ekubulaweni kukaJesu. Ngakho, uPetru wayesho ukuthini?
NgokwemiBhalo, ukubulala okungazange kuhlawulelwe kwakungalethi nje icala kumbulali kuphela kodwa futhi nasemphakathini ohlulekile ukujezisa. (Duteronomi 21:1-9) Ngokwesibonelo, isizwe sonke sakwaBenjamini sake sahlulelwa njengesinecala legazi ngenxa yokwehluleka ukujezisa iqembu lababulali ababephakathi kwaso. Nakuba ingxenye enkulu yalesizwe yayingahilelekile ngokuqondile kulokhu kubulala, ngokuvumela lobugebengu, yayibuthethelela futhi ngaleyondlela inecala ngandlela-thile. (AbAhluleli 20:8-48) Ngempela, kuye kwashiwo ukuthi “ukuthula kubonisa ukuvuma.”
Ngendlela efanayo, isizwe samaJuda sekhulu lokuqala sabuvumela buthule ubugebengu babaholi babo ababenecala legazi. Ngokubekezelela izenzo zokubulala zabapristi abakhulu nabaFarisi, isizwe sonke sahlanganyela ecaleni. Ngokungangabazeki yingakho uPetru acela izilaleli zakhe ezingamaJuda ukuba zibonise ukuzisola.c
Yaba yini imiphumela yokunqatshwa okunjalo kukaJesu njengoMesiya? UJesu wathi emzini waseJerusalema: “Indlu yenu [ithempeli] isisala nani.” (Mathewu 23:37, 38) Yebo, uNkulunkulu wasisusa isivikelo sakhe, futhi ngemva kwalokho amabutho amaRoma achitha iJerusalema kanye nethempeli lalo. Njengoba nje nomkhaya wendoda uzwa imiphumela uma isaphaza konke enakho, ngokufanayo ukulahlekelwa isivikelo saphezulu akuzwakalanga nje kuphela kulabo ababememeza befuna ukuba uJesu abulawe kodwa nasemikhayeni yabo. Ngalomqondo igazi likaJesu laba phezu kwabo nabantwana babo.—Mathewu 27:25.
Nokho, akukho lutho ‘eTestamenteni Elisha’ oluthi izizukulwane ezilandelayo zamaJuda zaziyothwala icala elikhethekile ngokufa kukaJesu. Ngokuphambene, ngenxa yothando lwakhe ngokhokho wawo u-Abrahama, uNkulunkulu wabonisa amaJuda ukunakekela okukhethekile, ewanikeza kuqala ithuba lokuba amaKristu. (IzEnzo 3:25, 26; 13:46; Roma 1:16; 11:28) Lapho lelithuba ekugcineni lidluliselwa kwabangewona amaJuda, uNkulunkulu wayeka ukusebenzelana nanoma yimuphi umuntu ngesisekelo sendabuko yesizwe. UPetru wathi: “Nembala ngiyabona ukuthi uNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu, kodwa ezizweni zonke omesabayo nowenza ukulunga uyamukeleka kuye.” (IzEnzo 10:34, 35) Kamuva umphostoli uPawulu wabhala: “Ngokuba akukho-mahluko phakathi komJuda nomGreki.” (Roma 10:12) Khona-ke amaJuda ayenokuma okufanayo phambi kukaNkulunkulu nabangewona amaJuda, futhi lokho kusenjalo nanamuhla.—Qhathanisa noHezekeli 18:20.
Kungani ELobukholwa Libandlulula AmaJuda?
Ngakho-ke kuyabonakala ukuthi “iTestamente Elisha” aliwabandlululi amaJuda. Esikhundleni salokho, “iTestamente Elisha” lilotshwe izimfundiso zomuntu owaphila futhi wafa engumJuda futhi owafundisa abalandeli bakhe abangamaJuda ukuba bahloniphe izimiso zoMthetho kaMose. (Mathewu 5:17-19) Kodwa uma “iTestamente Elisha” kungafanele lisolwe, kungani kuye kwaba nokubandlululwa okunjalo kwamaJuda ngokuqhubekayo kweLobukholwa?
UbuKristu ngokwabo abufanele busolwe. Ngendlela efanayo neyamaKristu-mbumbulu esikhathini sikaJuda ‘ayephendukezela umusa kaNkulunkulu ube ngamanyala,’ amaKristu okuzisholo kuwo wonke umlando aye ahudulela igama likaKristu obishini lobuzenzisi nobandlululo. (Juda 4) Ngaleyondlela, ukubandlulula amaJuda kweLobukholwa kungenxa yobandlululo lobugovu lwabantu abangamaKristu ngegama kuphela.
Ngokuthakazelisayo, uJesu ngokwakhe wabikezela ukuthi abanye babeyozisholo ukuthi babenze zonke izinhlobo zemisebenzi yamandla egameni lakhe kodwa eqinisweni babeyobe ‘bengabenzi bokubi’—hhayi abangane bakhe! (Mathewu 7:21-23) Abaningi balaba baye bazama ukusebenzisa “iTestamente Elisha” ukuze bathethelele inzondo nokubandlulula kwabo, kodwa abantu abacabangayo bayabubona lobobuzenzisi obusobala.
AmaKristu-mbumbulu kuyodingeka alandise kuNkulunkulu ngenxa yokubandlulula kwawo amaJuda. Kodwa njengoba ukuba khona kwemali-mbumbulu kungakuphikisi ukuba khona kwemali yangempela, nobukhona bamaKristu-mbumbulu abulisusi nakancane iqiniso lokuthi, empeleni, akhona amaKristu eqiniso, abantu abaziwa ngothando lwabo, hhayi ngobandlululo lwabo. Kungani ungajwayelani nabantu abanjalo eHholo LoMbuso loFakazi BakaJehova eliseduze nawe?
[Imibhalo yaphansi]
a Isazi-mlando sekhulu lokuqala esingumJuda uJoseph ben Matthias (Flavius Josephus) silandisa ukuthi ngalesosikhathi, abapristi abakhulu bakwa-Israyeli babemiswa futhi basuswe izithunywa zaseRoma njalo ngonyaka. Kulesisimo, isikhundla sokuba umpristi omkhulu saphenduka isikhundla sokufuna ukuzuza imali esasikhanga abantu ababi kakhulu emphakathini. I-Babylonian Talmud ilandisa ngokweqisa ekuziphatheni kwabanye balabapristi abakhulu. (Pesaḥim 57a) Ngokufanayo iTalmud iphawula ngokuthambekela kwabaFarisi ebuzenzisini. (Soṭah 22b)
b Eqinisweni uJesu wathi kubaphikisi bakhe: “Bhidlizani lelithempeli, ngizakulivusa ngezinsuku ezintathu.” (Johane 2:19-22) Kodwa njengoba uJohane ebonisa, uJesu wayengabhekiseli ethempelini eliseJerusalema, kodwa ‘ethempelini lomzimba wakhe.’ Ngaleyondlela uJesu wayeqhathanisa ukufa kanye nokuvuswa kwakhe ayekulindele nokubhidlizwa kanye nokuvuselelwa kwesakhiwo.—Qhathanisa no-Mathewu 16:21.
c Icala elifanayo liye laphawuleka ngisho nasezikhathini zanamuhla. Akuzona zonke izakhamuzi zaseJalimane lobuNazi ezazihileleke ngokuqondile ezenzweni zobubi. Nokho, iJalimane yaqaphela icala lomphakathi futhi ngokuzithandela yazikhethela ukuvikela izisulu zoshushiso lwamaNazi.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 13]
Ukubandlululwa kwamaJuda kweLobukholwa kuboniswa abantu abangamaKristu ngegama kuphela
[Isithombe ekhasini 11]
UJesu nabafundi bakhe abazange bakukhuthaze ukubandlululwa kwamaJuda