Ukubikezela NgoMesiya
NGENXA yokwazi lokho u-Isaya nabanye abaprofethi ababekulobe ngoMesiya, isizwe samaJuda sasikulindele ngokulangazela ukufika kwakhe. Empeleni ngosuku lukaJesu, amaJuda amaningi ‘ayelindele’ ukubonakaliswa kukaMesiya okwase kusondele. (Luka 3:15) Ngokuphawulekayo, iziprofetho zeBhayibheli zihlanganisa imininingwane emangalisayo yokuphila kukaMesiya. Akekho umuntu nje owayengabikezela lezi zenzakalo noma ahlele ukuba zenzeke kuJesu.
Imininingwane Ephathelene Nokuzalwa KukaMesiya. U-Isaya wabikezela ukuthi uMesiya noma uKristu, wayeyozalwa incasakazi. Ngemva kokuchaza izimo ezimangalisayo eziphathelene nokuzalwa kukaJesu, umphostoli uMathewu wabhala: “Konke lokhu kwenzeka ukuze kugcwaliseke lokho okwakhulunywa nguJehova ngomprofethi wakhe, ethi: ‘Bhekani! Intombi iyokhulelwa ibelethe indodana.’” (Mathewu 1:22, 23; Isaya 7:14) U-Isaya wabikezela ukuthi uKristu wayeyovela ozalweni lukaDavide, ephawula uJese ngokukhethekile, uyise kaDavide. Nangempela uJesu wavela ohlwini lozalo lukaDavide ngokuqondile. (Mathewu 1:6, 16; Luka 3:23, 31, 32) Ngakho, ngaphambi kokuzalwa kukaJesu, ingelosi uGabriyeli yatshela unina kaJesu uMariya: “UNkulunkulu uyoyinika isihlalo sobukhosi sikaDavide uyise.”—Luka 1:32, 33; Isaya 11:1-5, 10; Roma 15:12.
Imininingwane Yokuphila KukaMesiya. Esinagogeni laseNazaretha, uJesu osekhulile wafunda ngokuzwakalayo isiprofetho sika-Isaya, esihlanganisa amazwi athi: “Umoya kaJehova uphezu kwami, ngoba ungigcobile ukuba ngimemezele izindaba ezinhle kwabampofu.” Ebhekisela lesi siprofetho kuye, uJesu wathi: “Namuhla lo mbhalo enisanda kuwuzwa ugcwalisekile.” (Luka 4:17-21; Isaya 61:1, 2) U-Isaya waphinde wabikezela ukuthi uJesu wayeyophatha abadinga ukuphulukiswa ngomusa, ngobumnene nangokuthobeka. UMathewu uyabhala: “Abaningi bamlandela, wabelapha bonke, kodwa wabadonsa ngendlebe ukuba bangamvezi; ukuze kugcwaliseke lokho okwakhulunywa ngo-Isaya umprofethi . . . ‘Ngeke ahilizisane namuntu, noma amemeze kakhulu . . . Akukho mhlanga olimele ayowufohloza.’”—Mathewu 8:16, 17; 12:10-21; Isaya 42:1-4; 53:4, 5.
Imininingwane Yokuhlupheka KukaMesiya. U-Isaya waprofetha ukuthi ama-Israyeli amaningi ayengeke amamukele uMesiya kodwa kunalokho wayeyoba ‘itshe lokukhubekisa’ kuwo. (1 Petru 2:6-8; Isaya 8:14, 15) Kwaba njalo ngempela, naphezu kwezimangaliso eziningi ezenziwa uJesu, abantu “babengakholwa nguye, kwagcwaliseka izwi elashiwo ngu-Isaya umprofethi: ‘Jehova, ubani oye waba nokholo entweni esiyizwile?’” (Johane 12:37, 38; Isaya 53:1) Okwakwenezela ekungabini nokholo kwamaJuda kwakuyinkolelo eyayisabalele kodwa eyiphutha, yokuthi uMesiya wayezokuqeda ngokushesha ukubuswa amaRoma abuyisele umbuso ozimele wohlu lukaDavide emhlabeni. Ngenxa yokuthi uJesu wahlupheka futhi wafa, amaJuda amaningi awafunanga ukumamukela njengoMesiya. Kodwa empeleni u-Isaya wayebikezele ukuthi uMesiya wayeyohlupheka ngaphambi kokuba abe yiNkosi.
Encwadini ka-Isaya, uMesiya usho amazwi ayisiprofetho athi: “Umhlane wami ngawunika abashayayo . . . Ubuso bami angizange ngibufihlele izinto ezilulazayo namathe.” UMathewu ubika okwenzeka lapho kuqulwa icala likaJesu: “Bamkhafulela ebusweni bamshaya ngezibhakela. Abanye bamshaya ngezimpama ebusweni.” (Isaya 50:6; Mathewu 26:67) U-Isaya wabhala: “Wayevuma ukuba ahlushwe; nokho wayengawuvuli umlomo wakhe.” Ngakho, lapho uPilatu embuza ngamacala amaJuda ayembeke wona, uJesu “akazange amphendule, ngisho nangezwi elilodwa, kangangokuthi umbusi wamangala kakhulu.”—Isaya 53:7; Mathewu 27:12-14; IzEnzo 8:28, 32-35.
Imininingwane Yokufa KukaMesiya. Isiprofetho sika-Isaya saqhubeka sigcwaliseka lapho uJesu efa ngisho nangemva kwalokho. U-Isaya wabikezela: “Uyokwenza ukuba ingcwaba lakhe libe kanye nababi, kanye nesigaba sezicebi ekufeni kwakhe.” (Isaya 53:9) Sasiyogcwaliseka kanjani ngempela lesi siprofetho esibonakala siziphikisa? Lapho uJesu efa, wayebethelwe nezigebengu ezimbili. (Mathewu 27:38) Kodwa kamuva, uJosefa ocebile wase-Arimatheya wangcwaba isidumbu sikaJesu ethuneni lakhe elalisanda kuqoshwa. (Mathewu 27:57-60) Ekugcineni, ukufa kukaJesu kwagcwalisa izici ezibalulekile zesiprofetho sika-Isaya. Ekhuluma ngoMesiya, u-Isaya wathi: “Olungileyo, inceku yami, uyokwenza abantu abaningi babe nokuma okulungile; futhi uyothwala iziphambeko zabo.” Ngempela, ukufa kukaJesu kwaba yisihlengo ukuze kususwe isono kubo bonke abantu abathembekile.—Isaya 53:8, 11; Roma 4:25.
Iziprofetho Ziyogcwaliseka Nakanjani
Ukuze bathole ukuthi uMesiya ungubani ngokwemiBhalo, abaphostoli noJesu uqobo babevame ukucaphuna kakhulu esiprofethweni sika-Isaya kunakunoma iyiphi enye incwadi yeBhayibheli. Kodwa, kwakungeyona incwadi ka-Isaya kuphela eyayibikezela ikusasa. Ezinye iziprofetho eziningi zemiBhalo YesiHebheru ziyagcwaliseka kuJesu, eMbusweni wakhe, nasezintweni ezinhle uMbuso oyozenza esikhathini esizayo.a (IzEnzo 28:23; IsAmbulo 19:10) Kwakunesiqinisekiso esingakanani sokuthi lezi ziprofetho zizogcwaliseka? UJesu watshela izilaleli ezingamaJuda: “Ningacabangi ukuthi ngizele ukuchitha uMthetho noma abaProfethi [okuwukuthi, imiBhalo YesiHebheru]. Angizelanga ukuchitha, kodwa ukugcwalisa; ngoba ngiqinisile ngithi kini izulu nomhlaba kungadlula ngokushesha kunokuba kusuke nganoma iyiphi indlela uhlamvu oluncane kunazo zonke noma intwanyana eyodwa yohlamvu eMthethweni zingenzekanga zonke izinto.”—Mathewu 5:17, 18.
UJesu wabhekisela nasekugcwalisekeni kweziprofetho zeBhayibheli ezenzakalweni ezenzeka ekuphileni kwakhe nezesikhathi esizayo. (Daniyeli 9:27; Mathewu 15:7-9; 24:15) Ngaphezu kwalokho, uJesu nabafundi bakhe babikezela izenzakalo ezaziyokwenzeka ngemva kosuku lwabo, kuhlanganise neziningi esesizibonile namuhla. Isihloko esilandelayo sizodingida ukugcwaliseka kwalezi ziprofetho zeBhayibheli kanye nezinye zesikhathi esizayo.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngeziprofetho ezagcwaliseka kuJesu, bheka incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? ikhasi 200, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Isithombe ekhasini 4]
‘Intombi iyobeletha indodana’
[Isithombe ekhasini 5]
“Ubuso bami angizange ngibufihlele izinto ezilulazayo”