Ingabe Uyosabela Othandweni LukaJesu?
“Uthando lukaKristu luyasiqhubezela.”—2 KORINTE 5:14.
1. Uthando lukaJesu lungachazwa kanjani?
NGEMPELA, yeka indlela olumangalisa ngayo uthando lukaJesu! Uma sicabangela indlela ahlupheka ngokungenakuchazeka ngayo njengoba ayelungiselela isihlengo, okungaso kuphela singazuza ukuphila okuphakade, ngokuqinisekile izinhliziyo zethu zishukunyiselwa ukuba zimazise! UJehova uNkulunkulu noJesu ngokwakhe bathatha isinyathelo kuqala. Basithanda kuqala, siseyizoni. (Roma 5:6-8; 1 Johane 4:9-11) Ukulwazi “uthando lukaKristu,” kubhala umphostoli uPawulu, “kudlula ulwazi.” (Efesu 3:19) Ngempela, uthando lukaJesu luludlula kude ulwazi lwasekhanda lwemfundo ephakeme. Lwedlulela ngalé kwanoma yini eke yabonwa noma yazwiwa abantu.
2. Yini engenakumvimbela uJesu ekubeni asithande?
2 Ebhalela amaKristu eRoma, uPawulu wabuza: “Ngubani ozakusahlukanisa nothando lukaKristu na? Noma ukuhlupheka, noma ukubandezeka, noma ukuzingelwa, noma indlala, noma ukuhamba-ze, noma ingozi, noma inkemba, na?” Akukho kulezinto okungavimbela uJesu ekubeni asithande. UPawulu uyaqhubeka: “Ngiyakholwa ukuthi nakufa, nakuphila, nazingelosi, nababusi, nakho okukhona, nakho okuzayo, namandla, nakuphakama, nakujula, nanto enye edaliweyo akuyikuba-namandla okusahlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.”—Roma 8:35-39.
3. Yini kuphela engabangela ukuba uJesu noYise basishiye?
3 Uthando lukaJehova uNkulunkulu noJesu ngawe lunamandla kangako. Yinye kuphela into engabavimbela ukuba bakuthande, futhi leyonto iwukulwenqaba kwakho ngabomu uthando lwabo ngokwala ukwenza lokho abakucelayo. Omunye umprofethi kaNkulunkulu wake wachazela inkosi yakwaJuda: “UJehova unani, uma ninaye; uma nimfuna, uyakufunyanwa yinina; kepha uma nimshiya, uyakunishiya nani.” (2 IziKronike 15:2) Ngubani kithina obengalokotha afune ukufulathela abangane abamangalisayo nabanozwela kangaka, njengoJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe, uJesu Kristu?
Ukusabela Ngokufanelekile Othandweni LukaJesu
4, 5. (a) Uthando lukaJesu ngathi kufanele lubuthinte kanjani ubuhlobo bethu nabantu esikanye nabo? (b) Ubani omunye okufanele sishukumiseleke ukuba simthande ngenxa yothando lukaJesu ngathi?
4 Lukuthinta kanjani wena siqu uthando lukaJesu olungenamingcele analo ngawe? Kufanele lukuthinte kanjani? Nokho, uJesu wabonisa indlela ukubonakalisa kwakhe uthando okufanele kuthinte ngayo ubuhlobo bethu nabantu esikanye nabo. Ngemva kokukhonza ngokuzithoba abaphostoli bakhe ngokubageza izinyawo, uJesu wathi: “Ngininikile isibonelo ukuba nenze nani njengokuba ngenzile kini.” Wanezela: “Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokho nginithandile, nani nithandane.” (Johane 13:15, 34) Abafundi bakhe bafunda, futhi nabo bashukunyiselwa ukuba bazame ukwenza njengoba naye enza. “Uthando silwazi ngalokho ukuthi yena wabeka ukuphila kwakhe ngenxa yethu; nathi sifanele ukubeka ukuphila ngenxa yabazalwane,” kubhala umphostoli uJohane.—1 Johane 3:16.
5 Nokho, besiyobe silahlekelwa injongo yokuphila nenkonzo kaJesu uma isibonelo sakhe sisishukumisela nje kuphela ekubeni sithande futhi sikhonze izithakazelo zabantu esikanye nabo. Ingabe uthando lukaJesu ngathi akufanele yini lusibangele ukuba nathi simthande futhi ikakhulukazi sithande uYise, owamfundisa konke akwaziyo? Ingabe uyosabela othandweni lukaKristu futhi ukhonze uYise njengoba enza?—Efesu 5:1, 2; 1 Petru 1:8, 9.
6. Lwamthinta kanjani umphostoli uPawulu uthando lukaJesu ngaye?
6 Cabangela indaba kaSawulu, kamuva owaziwa ngokuthi uPawulu. Ngesinye isikhathi wayeke washushisa uJesu, ‘efutha ngokusongela nokubulala abafundi.’ (IzEnzo 9:1-5; Mathewu 25:37-40) Lapho uPawulu efinyelela ekumazini ngempela uJesu, wabonga kakhulu ngokuthola intethelelo kangangokuba wayengazimisele nje kuphela ukuhlupheka ngenxa kaJesu kodwa futhi wayezimisele nokumfela. “Ngibethelwe kanye noKristu,” ebhala. “Akuseyimi ophilayo . . . Kodwa ukuphila engikuphilayo kalokhu enyameni ngikuphila ngokukholwa, okungukukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.”—Galathiya 2:19, 20.
7. Uthando lukaJesu kufanele lusishukumisele ukuba senzeni?
7 Yeka indlela uthando uJesu analo ngathi okufanele lube ngamandla aqhubezelayo ngayo ekuphileni kwethu! “Uthando lukaKristu luyasiqhubezela,” kusho uPawulu ebhalela abaseKorinte, ‘ukuze singabe sisaziphilela thina, kodwa siphilele yena owasifelayo, wabuye wavuka.’ (2 Korinte 5:14, 15) Ngempela, ukubonga uJesu ngokunikela ngokuphila kwakhe ngenxa yethu kufanele kusishukumisele ekubeni senze noma yini ayicelayo. Kungalendlela kuphela singabonisa ukuthi siyamthanda ngempela. “Uma ningithanda, niyakugcina imiyalo yami,” kusho uJesu. “Onemiyalo yami ayigcine, nguyena ongithandayo.”—Johane 14:15, 21; qhathanisa neyoku-1 Johane 2:3-5.
8. Uthando lukaJesu luye lwakuthinta kanjani ukuphila kwabenzi bobubi abaningi?
8 Lapho befunda ngemiyalo kaJesu, izifebe, iziphingi, ongqingili, amasela, izidakwa, nabaphangi eKorinte lasendulo basabela othandweni lukaJesu ngokuyishiya leyomikhuba. UPawulu wabhala ngabo: “Senahlanzwa, . . . senalungisiswa ngegama leNkosi uJesu Kristu.” (1 Korinte 6:9-11) Ngokufanayo, uthando lukaJesu luye lwaqhubezela abaningi namuhla ukuba benze ushintsho oluphawulekayo ekuphileni kwabo. “Ukunqoba kwangempela kobuKristu kwabonakala ekubenzeni babe abantu abahle labo ababevuma izimfundiso zabo,” kubhala isazi-mlando uJohn Lord. “Sinobufakazi bokuphila kwabo okungasoleki, bokuziphatha kwabo okungenasihlamba, bokuba kwabo izakhamuzi ezinhle, nobomusa wabo wobuKristu.” Yeka umehluko izimfundiso zikaJesu eziye zawenza!
9. Yini ehilelekile ekulaleleni uJesu?
9 Ngokuqinisekile, akukho ukuhlola okungenziwa ngumuntu namuhla okubaluleke ukwedlula lokho okuphathelene nokuphila nenkonzo kaJesu Kristu. ‘Bhekani ngokucophelela kuJesu,’ kunxusa umphostoli uPawulu. “Yebo cabangani ngokunakisisa . . . [ngalowo].” (Heberu 12:2, 3, NW) Ngenkathi uJesu eguqulwa isimo, uNkulunkulu ngokwakhe wayala ngokuqondene neNdodana yakhe: “Yizweni.” (Mathewu 17:5) Nokho, kufanele kugcizelelwe ukuthi ukulalela uJesu kuhlanganisa okwengeziwe kunokumane uzwe lokho akushoyo. Kusho ukulalela imiyalo yakhe, yebo, ukumlingisa ngokwenza lokho akwenza ngendlela akwenza ngayo. Sisabela othandweni lukaJesu ngokumenza isibonelo sethu, ngokulandela eduze ezinyathelweni zakhe.
Lokho UJesu Afuna Ukuba Sikwenze
10. Obani uJesu abaqeqesha futhi ngayiphi injongo?
10 UJesu wayethunywe uNkulunkulu ukuba ashumayele ngoMbuso kaYise, futhi waqeqesha abalandeli bakhe ukuba benze umsebenzi ofanayo. “Masiye kwezinye izindawo,” etshela abafundi bakhe, “ukuba ngishumayele nakhona; ngokuba ngiphumele lokho.” (Marku 1:38; Luka 4:43) Kamuva, ngemva kokuqeqesha kahle abaphostoli abangu-12, uJesu wabayala: “Ekuhambeni kwenu shumayelani nithi: Umbuso wezulu ususondele.” (Mathewu 10:7) Ezinyangeni ezithile kamuva, ngemva kokuqeqesha abanye abangu-70, wabathuma ngalomyalo: “Nithi kubo: Umbuso kaNkulunkulu usondele kini.” (Luka 10:9) Ngokusobala, uJesu wayefuna ukuba abalandeli bakhe babe abashumayeli nabafundisi.
11. (a) Abafundi bakaJesu babeyoyenza ngayiphi indlela imisebenzi emikhulu kunaleyo ayenza? (b) Kwenzekani kubafundi ngemva kokuba uJesu ebulewe?
11 UJesu waqhubeka ebaqeqeshela lomsebenzi abafundi bakhe. Ngobusuku bokugcina ngaphambi kokufa kwakhe, wabakhuthaza ngalamazwi: “Okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo mina naye uyakuyenza, nemikhulu kunalé uyakuyenza.” (Johane 14:12) Imisebenzi yabalandeli bakhe yayiyoba mikhulu kuneyakhe ngoba enkonzweni yabo babeyofinyelela abantu abaningi ngokwengeziwe endaweni enkulu ngokwengeziwe nangesikhathi eside ngokwengeziwe. Nokho, ngemva kokuba uJesu ebulewe, abafundi bakhe baphola ngenxa yokwesaba. Bacasha futhi abazange baqhubeke nomsebenzi ayebaqeqeshe ukuba bawenze. Abanye baze babuyela ngisho nasemsebenzini wokudoba. Nokho, ngendlela engenakulibaleka, wagcizelela kulaba abayisikhombisa ukuthi yini ayefuna ukuba bona, kanye nabo bonke abalandeli bakhe, bayenze.
12. (a) Isiphi isimangaliso uJesu asenza oLwandle LwaseGalile? (b) Ngokusobala, uJesu wayesho ukuthini lapho ebuza uPetru ukuthi wayemthanda “kunalezi na”?
12 UJesu wembatha umzimba wobuntu futhi wabonakala oLwandle LwaseGalile. Labobaphostoli abayisikhombisa babesemkhunjini futhi bengabambanga zinhlanzi ubusuku bonke. UJesu wamemeza esogwini: “Phonsani inetha ngakwesokunene somkhumbi, nizakuthola.” Lapho inetha ligcwala izinhlanzi ngokuyisimangaliso lize licishe lidabuka, labo abasemkhunjini babona ukuthi kwakunguJesu owayesogwini, futhi bashesha baya lapho ayelinde khona. Ngemva kokubapha ukudla kwasekuseni, uJesu, ngokunokwenzeka ebuka izinhlanzi eziningi ezazibanjiwe, wabuza uPetru: “Simoni kaJona, uyangithanda [kunalezi, NW] na?” (Johane 21:1-15) Ngokungangabazeki uJesu wayesho ukuthi, Ingabe uthanda kakhulu umsebenzi wokudoba kunomsebenzi wokushumayela engikulungiselele ukuba uwenze?
13. UJesu wayigcizelela kanjani ngokunamandla kubalandeli bakhe indlela okwakufanele basabele ngayo othandweni lwakhe?
13 UPetru waphendula: “Yebo, Nkosi, uyazi wena ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu waphendula: “Yipha amawundlu ami.” UJesu wabuza ngokwesibili: “Simoni kaJona, uyangithanda na?” UPetru waphendula futhi, ngokungangabazeki ngokuqiniseka okukhudlwana: “Yebo, Nkosi, uyazi wena ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu wayala futhi: “Yalusa izimvu zami.” UJesu wabuza ngokwesithathu: “Simoni kaJona, uyangithanda na?” Ngalesikhathi uPetru wayesedabuke ngempela. Ezinsukwini ezimbalwa nje ngaphambili, wayephike kathathu ukuthi uyamazi uJesu, ngakho ngokunokwenzeka kakhulu wayezibuza ukuthi kazi uJesu wayekungabaza yini ukwethembeka kwakhe. Ngakho-ke uPetru waphendula ngokwesithathu, ngokunokwenzeka ngezwi lokuncenga: “Nkosi, wazi konke wena, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu waphendula kalula nje: “Yipha izimvu zami.” (Johane 21:15-17) Ingabe kukhona ukungabaza ngokuthi yini uJesu ayefuna uPetru nabangane bakhe ukuba bayenze? Yeka indlela enamandla agcizelela ngayo kubo—kuhlanganise nanoma ibaphi ababeyoba abalandeli bakhe namuhla—ukuthi uma bemthanda, bayohlanganyela emsebenzini wokwenza abafundi!
14. Kwezinye izenzakalo, uJesu wayibonisa kanjani indlela abafundi bakhe okwakufanele basabele ngayo othandweni lwakhe?
14 Ezinsukwini ezimbalwa ngemva kwaleyongxoxo yasogwini, uJesu wabonakala entabeni eGalile futhi wayala abalandeli bakhe abacishe babe ngu-500 abajabulayo ababebuthene ndawonye: “Ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi . . . nibafundise ukugcina konke enginiyalé ngakho.” (Mathewu 28:19, 20; 1 Korinte 15:6) Cabanga nje! Amadoda, abesifazane, nabantwana bonke bathola lokhu kuthunywa okufanayo. Futhi kamuva, ngaphambi nje kokuba enyukele ezulwini, uJesu watshela abafundi bakhe: ‘Niyakuba ngofakazi bami kuze kube sekugcineni komhlaba.’ (IzEnzo 1:8) Ngemva kwakho konke lokhu kukhuthazwa, akumangalisi ukuthi, eminyakeni eminingi kamuva, uPetru wathi: “[UJesu] wasiyala ukuba sishumayele kubantu, sifakaze.”—IzEnzo 10:42.
15. Yini lena okungekho kungabaza ngayo?
15 Akukho kungabaza ngokuthi kufanele sisabele kanjani othandweni lukaJesu. Njengoba atshela abaphostoli bakhe: “Uma nigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami . . . Ningabahlobo bami, uma nenza lokhu enginiyala ngakho.” (Johane 15:10-14) Umbuzo uwukuthi, Ingabe uyokubonisa ukwazisa ngothando lukaJesu ngokulalela umyalo wakhe wokuhlanganyela emsebenzini wokwenza abafundi? Yiqiniso, lokhu kungase kungabi lula kuwena ngezizathu ezihlukahlukene. Kodwa kwakungelula nakuJesu. Cabangela ushintsho okwakudingeke alwenze.
Landela Isibonelo SikaJesu
16. UJesu wanikeza siphi isibonelo esimangalisayo?
16 INdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa yayijabulela isikhundla esivelele senkazimulo yasezulwini esiphakeme kunazo zonke izingelosi. Yayicebile ngempela! Nokho yazidela ngokuzithandela, yazalwa njengelungu lomkhaya ompofu, futhi yakhula izungezwe ngabantu abagulayo, abafayo. Lokhu yakwenza ngenxa yethu, njengoba umphostoli uPawulu achaza: “Niyawazi umusa weNkosi yethu uJesu Kristu ukuthi, nakuba ecebile, waba-mpofu ngenxa yenu, ukuze ngobumpofu bakhe nicebe nina.” (2 Korinte 8:9; Filipi 2:5-8) Yeka isibonelo! Yeka ukubonakaliswa kothando! Akekho oke wazidela noma wahlupheka ukwedlula lokhu ngenxa yabanye. Futhi akekho oke wenza kwaba nokwenzeka ngabanye ukuba bajabulele ingcebo eyengeziwe, yebo, ukuphila okuphakade bephelele!
17. Iyiphi inkambo ebekwe phambi kwethu, futhi uyoba yini umphumela wokuyilandela?
17 Singasilandela isibonelo sikaJesu futhi sizuzise nabanye ngendlela efanayo. Ngokuphindaphindiwe, uJesu wanxusa abantu ukuba babe abalandeli bakhe. (Marku 2:14; Luka 9:59; 18:22) Eqinisweni, uPetru wabhala: “Nabizelwa khona lokho; ngokuba uKristu wahlushwa ngenxa yenu, enishiyela isibonelo sokuba nilandele ezinyathelweni zakhe.” (1 Petru 2:21) Ingabe uyosabela othandweni lukaKristu kuze kube sezingeni lokuhlupheka ukuze ukhonze uYise njengoba naye enza? Yeka ukuthi inkambo enjalo ingabazuzisa kanjani abanye! Ngempela, ngokulandela isibonelo sikaJesu, ngokuzisebenzisa ngokugcwele izimfundiso azithola kuYise, “uyakuzisindisa wena nabakuzwayo.”—1 Thimothewu 4:16.
18. (a) Isiphi isibonelo uJesu asibeka maqondana nesimo sakhe sengqondo ngabantu? (b) Abantu basabela kanjani ebuntwini bukaJesu?
18 Ukuze sibasize ngokwengeziwe abantu, kumelwe sizizwe ngendlela noJesu azizwa ngayo ngabo. Isiprofetho sathi ngaye: “Iyakuhawukela odangeleyo nompofu.” (IHubo 72:13) Abalandeli bakhe bakwazi ukuphawula ukuthi ‘wayebathanda’ labo ayekhuluma nabo futhi wayefuna ngempela ukubasiza. (Marku 1:40-42; 10:21) “Ebona izixuku,” kusho iBhayibheli, “waba-nesihe ngazo, ngokuba zazikhathazekile, zihlakazekile njengezimvu ezingenamalusi.” (Mathewu 9:36) Ngisho nezoni ezimbi zaziluzwa uthando lwakhe futhi zazidonseleka kuye. Ngephimbo lakhe, isimo sokubukeka, nendlela yokufundisa, zazizizwa zikhululekile. Ngenxa yalokho, ngisho nabathelisi abazondwayo nezifebe babeza kuye.—Mathewu 9:9-13; Luka 7:36-38; 19:1-10.
19. UPawulu wamlingisa kanjani uJesu, futhi uyoba yini umphumela wokwenza kwethu okufanayo?
19 Abafundi bakaJesu bekhulu lokuqala basilingisa isibonelo sakhe sothando. UPawulu wabhalela abanye ayebakhonza: “Saba-mnene phakathi kwenu njengokuba umdlezane ondla abantwana bakhe . . . Saniphatha ngabanye njengoyise ephatha abantwana bakhe, siniyala, sinimisa isibindi, [sifakaza kinina, NW].” (1 Thesalonika 2:7-12) Ingabe unokukhathalela okuqotho ngalabo abasensimini yakini okufana nalokho abazali abanakho ngabantwana babo ababathandayo? Ukubonisa ukukhathalela okunjalo esimweni sephimbo lakho, isimo sobuso bakho, nezenzo zakho kuyokwenza isigijimi soMbuso sikhange kwabanjengezimvu.
20, 21. Yiziphi ezinye zezibonelo zosuku lwanamuhla zabantu abalandela isibonelo sikaJesu sothando?
20 Ngolunye usuku olwalumakhaza eSpain, oFakazi ababili bahlangana nowesifazane osekhulile owayehamba ngezinduku ondlu yakhe yayibanda kakhulu ngenxa yokuthi izinkuni zokubasa zase ziphelile. Wayelinde ukuba indodana ibuye emsebenzini iyocanda ezengeziwe. LaboFakazi bazicanda izinkuni, futhi bamshiyela abanye omagazini ukuze abafunde. Lapho indodana yakhe ibuya, yayihlabeke umxhwele kakhulu ngokukhathalela kothando kwalaboFakazi kangangokuba yabafunda omagazini, yaqalisa ukutadisha iBhayibheli, yabhapathizwa, futhi ngokushesha yangenela inkonzo yamaphayona.
21 EAustralia indoda nomkayo bachazela oFakazi ababebavakashele ukuthi babengenayo imali yokondla umkhaya wabo. Lombhangqwana ongoFakazi wahamba wayothenga ukudla, kuhlanganise namaswidi ezingane. Abazali baqhumuka bakhala, bethi babekhungatheke kakhulu kangangokuba babeye bacabangela ukuzibulala. Bobabili baqalisa ukutadisha iBhayibheli, futhi inkosikazi isanda kubhapathizwa. Omunye wesifazane eUnited States owayebazonda oFakazi BakaJehova wabika ngemva kokuhlangana nomunye wabo: “Angisakukhumbuli kahle esasikhuluma ngakho, kodwa engikukhumbulayo indlela ayenomusa ngayo kimina, nendlela ayenomoya wokungenisa izihambi futhi ethobeke ngayo. Ngazizwa ngidonseleka ngokoqobo kuye njengomuntu. Ngiyabazisa ubungane bakhe kuze kube namuhla.”
22. Ngemva kokuhlola ukuphila kukaJesu, sifinyelela kusiphi isiphetho ngaye?
22 Lapho sisabela othandweni lukaJesu ngokwenza umsebenzi ayewenza ngendlela awenza ngayo, yeka izibusiso ezimangalisayo esingazijabulela! Ubukhulu bukaJesu busobala futhi buyamangalisa. Sishukumiseleka ukuba senanele amazwi ombusi ongumRoma uPontiyu Pilatu: “Bhekani lomuntu!” Yebo, ngempela ‘uMuntu,’ umuntu omkhulu kunabo bonke owake waphila.—Johane 19:5.
Ubungaphendula Uthini?
◻ Uthando lukaJesu lukhulu kangakanani?
◻ Ubani uthando lukaJesu okufanele lusibangele ukuba simthande, futhi uthando lwakhe kufanele lusishukumisele ukuba senzeni?
◻ Imuphi umsebenzi uJesu afuna ukuba siwenze?
◻ Kungayiphi indlela uJesu ayecebile, futhi kungani aba mpofu?
◻ Kufanele simlingise kanjani uJesu endleleni akhonza ngayo abantu?
[Isithombe ekhasini 15]
UJesu wabeka isibonelo sokubonisa uthando
[Isithombe ekhasini 17]
UJesu wayibonisa ngokunamandla indlela abafundi bakhe okufanele babonakalise ngayo uthando ngaye