Ingabe Amazwi KaJesu Ayayithonya Imithandazo Yakho?
“Lapho uJesu eqeda la mazwi, izixuku zakhexa ngendlela yakhe yokufundisa.”—MATH. 7:28.
1, 2. Kungani izixuku zamangala ngendlela kaJesu yokufundisa?
KUFANELE samukele amazwi eNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa, uJesu Kristu, futhi siwasebenzise ekuphileni kwethu. Ngokuqinisekile, akekho umuntu owake wakhuluma njengaye. Yingakho abantu bamangala ngendlela yakhe yokufundisa lapho ebeka iNtshumayelo YaseNtabeni!—Funda uMathewu 7:28, 29.
2 INdodana kaJehova yayingafundisi njengababhali ababesekela izintshumayelo zabo eziwundendende ezimfundisweni zabantu abangaphelele. UKristu wayefundisa “njengomuntu onegunya,” ngoba lokho ayekusho kwakuvela kuNkulunkulu. (Joh. 12:50) Manje ake sihlole indlela amanye amazwi kaJesu aseNtshumayelweni YaseNtabeni angathonya ngayo imithandazo yethu nokufanele ayithonye ngayo.
Ningalokothi Nithandaze Njengabazenzisi
3. Yisho lokho okuqukethwe amazwi kaJesu akuMathewu 6:5.
3 Umthandazo uyingxenye ebalulekile yokukhulekela kweqiniso futhi kufanele sithandaze njalo kuJehova. Kodwa imithandazo yethu kufanele ithonywe amazwi kaJesu aseNtshumayelweni YaseNtabeni. Wathi: “Uma nithandaza, ningabi njengabazenzisi; ngoba bathanda ukuthandaza bemi emasinagogeni nasemakhoneni ezindlela ezibanzi ukuze babonakale kubantu. Ngiqinisile ngithi kini, Umvuzo wabo sebewuthola ngokugcwele.”—Math. 6:5.
4-6. (a) Kungani abaFarisi babethanda ukuthandaza “bemi emasinagogeni nasemakhoneni ezindlela ezibanzi”? (b) Labo bazenzisi ‘babewuthola kanjani umvuzo wabo ngokugcwele’?
4 Abafundi bakaJesu kwakungafanele balingise “abazenzisi” abanjengabaFarisi lapho bethandaza, ababezibona belungile, bebukisa phambi kwabantu benza sengathi bakhonza uNkulunkulu. (Math. 23:13-32) Labo bazenzisi babethanda ukuthandaza “bemi emasinagogeni nasemakhoneni ezindlela ezibanzi.” Kungani babenza kanjalo? Ukuze “babonakale kubantu.” Ngokuvamile, amaJuda ekhulu lokuqala ayethandaza njengebandla ngesikhathi seminikelo yokushiswa ethempelini (cishe ngehora lesishiyagalolunye ekuseni nangehora lesithathu ntambama). Izakhamuzi zaseJerusalema eziningi zazithandaza kanye nesixuku sabakhulekeli emagcekeni ethempeli. AmaJuda azinikele ayehlala ngaphandle kwalo muzi ayevame ukuthandaza kabili ngosuku “emi emasinagogeni.”—Qhathanisa noLuka 18:11, 13.
5 Ngenxa yokuthi iningi labantu lalisuke lingekho eduze nethempeli noma nesinagoge ngesikhathi semithandazo okukhulunywe ngayo ngenhla, lalingathandaza nomaphi lapho lalikhona ngalezo zikhathi. Kukhona ababethanda ukuba izikhathi zomthandazo zibafice ‘besemakhoneni ezindlela ezibanzi.’ Babefuna ‘ukubonakala kubantu’ ababedlula kulezi zimpambana-migwaqo. Abazenzisi ababezishaya abangcwele ‘babenza imithandazo emide bezenzisa’ ukuze babahlabe umxhwele abantu ababukele. (Luka 20:47) Thina akufanele sibe naleso simo sengqondo.
6 UJesu wathi labo bazenzisi ‘babethola umvuzo wabo ngokugcwele.’ Babenesifiso esikhulu sokubonwa nesokudunyiswa abanye abantu—futhi babeyogcina ngokuthola lokho kuphela. Babethola umvuzo wabo ngokugcwele ngoba uJehova wayengeke ayiphendule imithandazo yabo yokuzenzisa. Ngakolunye uhlangothi, uNkulunkulu wayeyophendula imithandazo yabalandeli bakaKristu beqiniso, njengoba kuboniswe yilokho okwabe sekushiwo uJesu ngale ndaba.
7. Iseluleko sokuthandaza “ekamelweni lakho” sisho ukuthini?
7 “Nokho, wena, lapho uthandaza, ngena ekamelweni lakho, futhi ngemva kokuvala umnyango, uthandaze kuYihlo osekusithekeni; khona-ke uYihlo obukele esekusithekeni uyokubuyisela.” (Math. 6:6) Iseluleko sikaJesu sokuba umuntu angene ekamelweni lakhe, avale umnyango abese ethandaza sasingasho ukuthi umuntu wayengenakulimelela ibandla ngomthandazo. Inhloso yalesi seluleko yayiwukuqeda umkhuba wokuthandaza phambi kwabantu ngenjongo yokubukwa nokudunyiswa. Kufanele sikukhumbule lokhu lapho sinikezwa ilungelo lokumelela abantu bakaNkulunkulu ngomthandazo. Kumelwe silalele neseluleko sikaJesu esilandelayo esiphathelene nomthandazo.
8. NgokukaMathewu 6:7, yikuphi okungafanele sikwenze lapho sithandaza?
8 “Lapho uthandaza, ungaphindaphindi izinto ezifanayo, njengoba nje kwenza abantu bezizwe, ngoba bacabanga ukuthi bayozwiwa ngokusebenzisa kwabo amazwi amaningi.” (Math. 6:7) Ngala mazwi, uJesu waveza enye indlela engafanele yokuthandaza—ukuphindaphinda. Wayengasho neze ukuthi lapho sithandaza akufanele siphinde amazwi okunxusa nokubonga aphuma enhliziyweni. Lapho esensimini yaseGetsemane ngobusuku bangaphambi kokufa kwakhe, kwayena washo ‘izinto ezifanayo’ lapho ethandaza.—Marku 14:32-39.
9, 10. Kungamuphi umqondo kungafanele siphindaphinde lapho sithandaza?
9 Akulungile ukulingisa imithandazo ephindaphindwayo ‘yabantu bezizwe.’ ‘Baphindaphinda’ amazwi athile abawabambe ngekhanda, amaningi awo angadingeki. Akuzange kubasize ngalutho abakhulekeli bakaBhali ukubiza igama lalowo nkulunkulu wamanga ‘kusukela ekuseni kuze kube semini, bethi: “O Bhali, siphendule!”’ (1 AmaKh. 18:26) Namuhla izigidi zabantu zithandaza undendende, ziphindaphinde, ngephutha zicabanga ukuthi ‘ziyozwiwa.’ Kodwa uJesu usenza sibone ukuthi ukwenza imithandazo emide ephindaphindayo ‘sisebenzisa amazwi amaningi’ akumthinti nhlobo uJehova. UJesu wanezela:
10 “Ngakho, ningazifanisi nabo, ngoba uNkulunkulu uYihlo uyazazi izinto enizidingayo ningakaceli nakucela kuye.” (Math. 6:8) Iningi labaholi benkolo bamaJuda babenza njengabeZizwe ngokwenza imithandazo emide ngokweqile. Imithandazo esuka enhliziyweni ehlanganisa ukudumisa, ukubonga nokunxusa iyingxenye ebalulekile yokukhulekela kweqiniso. (Fil. 4:6) Noma kunjalo, siyobe siyaphazama uma siphindaphinda izinto ezifanayo sicabanga ukuthi uNkulunkulu udinga ukutshelwa ngokuphindaphindiwe ngezidingo zethu. Lapho sithandaza, kufanele sikhumbule ukuthi sikhuluma noMuntu ‘ozaziyo izinto esizidingayo singakaceli nakucela kuye.’
11. Yini okufanele siyikhumbule uma sinikwa ilungelo lokuthandazela iningi?
11 Amazwi kaJesu aphathelene nemithandazo engamukeleki kufanele asikhumbuze ukuthi uNkulunkulu akajatshuliswa amazwi amaningi nawokubukisa ngolimi. Kufanele sikhumbule nokuthi ukuthandaza umelele iningi akusona isikhathi sokuzama ukuhlaba abalalele umxhwele noma ukubenza bazibuze ukuthi kazi siyomusho nini u-“Amen.” Ukusebenzisa umthandazo ukuze wenze izaziso ezithile noma weluleke izilaleli kungqubuzana nephuzu eliqukethwe amazwi kaJesu aseNtshumayelweni YaseNtabeni.
UJesu Usifundisa Indlela Yokuthandaza
12. Ungakuchaza kanjani lokho okushiwo isicelo esithi “malingcweliswe igama lakho”?
12 UJesu akazange agcine ngokuxwayisa ngokusebenzisa kabi leli lungelo eliyingqayizivele lokuthandaza, kodwa wafundisa abafundi bakhe indlela yokuthandaza. (Funda uMathewu 6:9-13.) Wayengasho ukuthi siwubambe ngekhanda lo mthandazo oyisibonelo ngenjongo yokuwuphindaphinda. Kunalokho, wayesinikeza isibonelo sendlela okufanele sithandaze ngayo. Ngokwesibonelo, uJesu wakhuluma ngoNkulunkulu kuqala: “Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho.” (Math. 6:9) Simbiza kufanele uJehova ngokuthi ‘unguBaba wethu’ ngoba unguMdali wethu ohlala “emazulwini,” kude kakhulu nomhlaba. (Dut. 32:6; 2 IziKr. 6:21; IzE. 17:24, 28) Ukusetshenziswa kwesabizwana sobumnini esisebuningini esithi “wethu” kufanele kusikhumbuze ukuthi namanye amaKristu anobuhlobo obuhle noNkulunkulu. Inkulumo ethi “malingcweliswe igama lakho” inxusa uJehova ukuba athathe isinyathelo sokuzingcwelisa ngokuhlanza igama lakhe kukho konke ukuhlanjalazwa eliye lakuthola kusukela ekuhlubukeni kwase-Edene. UJehova uyowuphendula lowo mthandazo ngokuqeda ububi emhlabeni, kanjalo azingcwelise.—Hez. 36:23.
13. (a) Siyofezeka kanjani isicelo esithi “umbuso wakho mawuze”? (b) Ukwenziwa kwentando kaNkulunkulu emhlabeni kuyohlanganisani?
13 “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.” (Math. 6:10) Ngokuqondene nalesi sicelo esisemthandazweni oyisibonelo, kufanele sikhumbule ukuthi “umbuso” uwuhulumeni wasezulwini ophethwe uKristu, uMesiya, ekanye ‘nabangcwele’ abavusiwe. (Dan. 7:13, 14, 18; Isaya. 9:6, 7) Lapho sithandazela ukuba uMbuso kaNkulunkulu “uze,” sisuke sicela ukuba uzoqeda bonke abaphikisi boMbuso wakhe abasemhlabeni. Sekuseduze ukuba lokho kwenzeke, kucabe indlela yePharadesi lomhlaba wonke eliyoba nokulunga, ukuthula nokuchuma. (IHu. 72:1-15; Dan. 2:44; 2 Pet. 3:13) Intando kaJehova iyenziwa ezulwini, futhi ukucela ukuba yenziwe nalapha emhlabeni kuwukumnxusa ukuba afeze injongo yakhe ngomhlaba wethu, ehlanganisa ukususa abaphikisi bakhe namuhla njengoba enza endulo.—Funda iHubo 83:1, 2, 13-18.
14. Kungani kufaneleka ukucela “isinkwa sethu salolu suku”?
14 “Siphe namuhla isinkwa sethu salolu suku.” (Math. 6:11; Luka 11:3) Ngokuthandazela lokhu, sinxusa uNkulunkulu ukuba asiphe ukudla esikudingayo ‘kwalolu suku.’ Ukwenza lesi sicelo kubonisa ukuthi sinokholo lokuthi uJehova uyakwazi ukunakekela izidingo zethu nsuku zonke. Sisuke singaceli insada yezinto. Lesi sicelo sezidingo zethu zansuku zonke singase sisikhumbuze ukuthi uNkulunkulu wayala ama-Israyeli ukuba abuthe imana “yilowo nalowo isilinganiso sakhe sosuku nosuku.”—Eks. 16:4.
15. Chaza lokho okushiwo isicelo esithi, “usithethelele amacala ethu, njengoba nathi sibathethelela abanamacala kithi.”
15 Isicelo esilandelayo emthandazweni oyisibonelo sisikhumbuza okuthile okudingeka sikwenze. UJesu wathi: “Usithethelele amacala ethu, njengoba nathi sibathethelela abanamacala kithi.” (Math. 6:12) IVangeli likaLuka libonisa ukuthi la “macala” ‘ayizono.’ (Luka 11:4) Singalindela ukuthethelelwa uJehova kuphela uma nathi “sibathethelela” labo abaye basona. (Funda uMathewu 6:14, 15.) Kufanele sithethelele abanye ngokukhululekile.—Efe. 4:32; Kol. 3:13.
16. Kufanele sisiqonde kanjani isicelo esiphathelene nokulingwa nokukhululwa komubi?
16 “Ungasingenisi esilingweni, kodwa usikhulule komubi.” (Math. 6:13) Kufanele siziqonde kanjani lezi zicelo ezimbili ezihlobene ezisemthandazweni kaJesu oyisibonelo? Nansi into engasoze yashintsha: UJehova akasilingeli ekwenzeni isono. (Funda uJakobe 1:13.) USathane—“omubi”—‘unguMlingi’ wangempela. (Math. 4:3) Nokho, iBhayibheli liyakhuluma ngoNkulunkulu njengowenza okuthile kuyilapho emane wakuvumela ukuba kwenzeke. (Ruthe 1:20, 21; UmSh. 11:5) Ngakho-ke, lapho sicela uJehova ukuba ‘angasingenisi esilingweni’ sisuke simnxusa ukuba angasivumeli ukuba siwe lapho silingelwa ukuba singamlaleli. Okokugcina, ngesicelo esithi “usikhulule komubi” sisuke sicela ukuba uJehova angamvumeli uSathane ukuba asinqobe. Singaqiniseka ngokuthi ‘ngeke avumele ukuba silingwe ngokungaphezu kwalokho esingakuthwala.’—Funda eyoku-1 Korinte 10:13.
‘Qhubekani Nicela, Nifuna, Ningqongqoza’
17, 18. Kusho ukuthini ‘ukuqhubeka ucela, ufuna futhi ungqongqoza’?
17 Umphostoli uPawulu wanxusa amakholwa akanye nawo: “Phikelelani emthandazweni.” (Roma 12:12) UJesu washo iphuzu elinamandla elihlobene nalokhu lapho ethi: “Qhubekani nicela, niyophiwa; qhubekani nifuna, niyothola; qhubekani ningqongqoza, niyovulelwa. Ngoba wonke umuntu ocelayo uyamukela, nawo wonke umuntu ofunayo uyathola, futhi wonke umuntu ongqongqozayo uyovulelwa.” (Math. 7:7, 8) Kuyafaneleka ukuba ‘siqhubeke sicela’ noma yini evumelana nentando kaNkulunkulu. Umphostoli uJohane washo amazwi afana nakaJesu: “Yilokhu ukuqiniseka esinakho [kuNkulunkulu], ukuthi, kungakhathaliseki ukuthi yini esiyicelayo ngokwentando yakhe, uyasizwa.”—1 Joh. 5:14.
18 Iseluleko sikaJesu ‘sokuqhubeka sicela futhi sifuna’ sisho ukuthi kufanele sikukhuthalele ukuthandaza futhi singapheli amandla. Kubalulekile nokuba ‘siqhubeke singqongqoza’ ukuze sikwazi ukungena eMbusweni, sijabulele izibusiso, izinzuzo nemivuzo yawo. Kodwa singaqiniseka yini ngokuthi uNkulunkulu uyoyiphendula imithandazo yethu? Yebo, uma sithembekile kuye, singaqiniseka ngalokho ngoba uKristu wathi: “Wonke umuntu ocelayo uyamukela, nawo wonke umuntu ofunayo uyathola, futhi wonke umuntu ongqongqozayo uyovulelwa.” Okuhlangenwe nakho okuningi kwezinceku zikaJehova kufakazela ukuthi uNkulunkulu ‘unguMuzwi womthandazo’ ngempela.—IHu. 65:2.
19, 20. Ngokwamazwi kaJesu akuMathewu 7:9-11, uJehova ufana nobaba onothando ngayiphi indlela?
19 UJesu wafanisa uNkulunkulu nobaba onothando opha abantwana bakhe izinto ezinhle. Ake sithi wawukhona ngesikhathi uJesu enikeza iNtshumayelo YaseNtabeni futhi wamuzwa ethi: “Ngubani phakathi kwenu okuthi lapho indodana yakhe icela isinkwa ayinike itshe? Noma, mhlawumbe uma icela inhlanzi—ngeke ayinike inyoka, akunjalo? Ngakho-ke, uma nina, nakuba nibabi, nikwazi ukupha abantwana benu izipho ezinhle, yeka ukuthi uYihlo osemazulwini uyobapha kakhulu kangakanani izinto ezinhle labo abamcelayo!”—Math. 7:9-11.
20 Nakuba ubaba ongumuntu ngezinga elithile ‘emubi’ ngenxa yesono asizuza ngefa, uyabathanda abantwana bakhe. Akamkhohlisi umntanakhe, kodwa ulwela ukumnika “izipho ezinhle.” UBaba wethu osezulwini onothando usithatha njengabantwana bakhe futhi usinika “izinto ezinhle,” njengomoya wakhe ongcwele. (Luka 11:13) Ungasinika amandla ukuze sikwazi ukumkhonza ngendlela eyamukelekayo kuye, njengoMlungiseleli wazo “zonke izipho ezinhle nazo zonke izipho eziphelele.”—Jak. 1:17.
Qhubeka Uzuza Emazwini KaJesu
21, 22. Yini ephawulekayo ngeNtshumayelo YaseNtabeni, futhi uzizwa kanjani ngala mazwi kaJesu?
21 Ngempela, iNtshumayelo YaseNtabeni iyinkulumo enhle kunazo zonke ezake zanikezwa emhlabeni. Iphawuleka ngezinto ezingokomoya eziqukethe nangokucaca kwayo. Njengoba kuboniswe amaphuzu athathwe kuyo akulezi zihloko eziwuchungechunge, singazuza kakhulu uma sisebenzisa izeluleko ezikule ntshumayelo. La mazwi kaJesu angathuthukisa ukuphila kwethu manje futhi asinike ithemba lekusasa elijabulisayo.
22 Kulezi zihloko, siye sahlola amagugu angokomoya ambalwa nje aseNtshumayelweni kaJesu yaseNtabeni. Akumangalisi ukuthi labo abezwa le nkulumo yakhe ‘bakhexa ngendlela yakhe yokufundisa.’ (Math. 7:28) Cishe nathi siyosabela ngendlela efanayo lapho sondla izingqondo nezinhliziyo zethu ngala mazwi namanye ayigugu oMfundisi Omkhulu, uJesu Kristu.
Ungaphendula Kanjani?
• UJesu wathini ngemithandazo yokuzenzisa?
• Kungani kufanele sigweme ukuphindaphinda amazwi lapho sithandaza?
• Umthandazo kaJesu oyisibonelo unaziphi izicelo?
• ‘Singaqhubeka kanjani sicela, sifuna futhi singqongqoza’?
[Isithombe ekhasini 15]
UJesu wabalahla abazenzisi ababethandaza ngenjongo nje yokubonwa nokuzwiwa abantu
[Isithombe ekhasini 17]
Uyazi yini ukuthi kungani kufaneleka ukuba sithandazele isinkwa sethu sansuku zonke?