Isahluko 12
Umthombo Wokuhlakanipha Ophakeme
“Jehova, yeka ubuningi bemisebenzi yakho; yonke uyenzile ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho.” (IHubo 104:24) Yebo, kusukela ebukhulwini obubabazekayo bendawo yonke enkulu kuya ebuhleni obuntekenteke bembali, indalo ifakazela ukuhlakanipha okungenakuqhathaniswa koMdali wayo. Ezobuchwepheshe zalelikhulu lama-20 leminyaka ziba yize uma ziqhathaniswa nemisebenzi kaNkulunkulu. Uma iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu, besingalilindela ukuba futhi linikeze ubufakazi bokuhlakanipha okungalé kwamandla omuntu. Ingabe liyabunikeza?
1. (Hlanganisa nesethulo.) (a) Sibubonaphi ubufakazi bokuhlakanipha kukaNkulunkulu okungenakuqhathaniswa? (b) Isiphi iseluleko iBhayibheli elisinikezayo mayelana nokuhlakanipha?
IBHAYIBHELI ligcizelela ukubaluleka kokuhlakanipha. Lithi: “Ukuhlakanipha kuyinto eyinhloko. Thola ukuhlakanipha; ngakho konke okutholayo, thola ukuqonda.” (IzAga 4:7, NW) Liyavuma futhi ukuthi ngokuvamile thina bantu sintula ukuhlakanipha, futhi liyasikhuthaza: “Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle.”—Jakobe 1:5.
2. Umuntu angakwandisa kanjani ukuhlakanipha kwakhe?
2 UNkulunkulu ‘upha ukuhlakanipha ngesihle’ ngayiphi indlela? Enye indlela ingokusikhuthaza ukuba sizifundele iBhayibheli futhi sifunde kulo. Incwadi yeBhayibheli yezAga iyasinxusa: “Ndodana yami, uma wamukela amazwi ami, uzibekelele imiyalo yami, ukuze ubeke indlebe yakho ekuhlakanipheni . . . khona uyakuqonda ukumesaba uJehova, ufumane ukumazi uNkulunkulu. Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha.” (IzAga 2:1, 2, 5, 6) Uma sisebenzisa iseluleko esiseBhayibhelini futhi sibone indlela esiphumelela ngayo, siqala ukuqonda ukuthi ngempela limelela ukuhlakanipha kwaphezulu.
Amazwi Ahlakaniphile
3, 4. (a) IBhayibheli lithini mayelana nobuze bokuthanda imali? (b) Ikuphi ukulinganisela okuhle iBhayibheli elikubonisayo ekuselulekeni ngenzuzo yemali?
3 Ukuze sikuqonde kangcono lokhu, ake sibheke amavesi eBhayibheli ambalwa. Cabangela lamazwi ahlakaniphile: “Abafuna ukuceba bayela ekulingweni, nasesihibeni, nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo . . . Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi.” (1 Thimothewu 6:9, 10) Qhathanisa lokhu nombono wanamuhla—okungenani emphakathini waseNtshonalanga—okhuthaza abantu ukuba baphishekele imali njengomgomo wabo oyinhloko. Ngokudabukisayo, abaningi bayawuthola umcebo abawufunayo kodwa baqhubeke benomuzwa wobuze nowokunganeliseki. Isazi esithile sokusebenza kwengqondo saphawula: “Ukuba ophuma phambili nocebile akukwenzi uzizwe ugculisekile, wanelisekile, uhlonishwa noma uthandwa ngeqiniso.”1
4 Akukhona ukuthi umuntu ocabangayo angayifulathela ngokuphelele imali. IBhayibheli libonisa ukuhlakanipha okulinganiselwe kahle lapho lithi: “Ukuhlakanipha kuyisivikelo njengoba nemali iyisivikelo; kodwa inzuzo yolwazi iwukuthi ukuhlakanipha ngokwakho kubagcina bephila abanakho.” (UmShumayeli 7:12, NW) Ngakho iBhayibheli lisisiza ukuba sibone ukuthi, nakuba imali ibalulekile, ayibalulekile ngaphezu kwakho konke. Imane nje iyindlela yokuthola okuthile, futhi inenzuzo elinganiselwe uma singenakho ukuhlakanipha kokuyisebenzisa ngokufanele.
5, 6. (a) Kungani iseluleko seBhayibheli sokugwema abangane ababi sihlakaniphile? (b) Sizuza kanjani ‘ekuhambeni nabahlakaniphile’?
5 Lamazwi eBhayibheli nawo futhi ayiqiniso: “Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.” (IzAga 13:20) Wake waphawula yini ukuthi abangane bethu banethonya elinamandla kangakanani kithina? Ukucindezela kontanga kuye kwaholela intsha ekudakweni, ekusebenziseni kabi izidakamizwa, nasekuziphatheni okubi. Uma sihlangana nalabo abasebenzisa inhlamba, nathi ngokuhamba kwesikhathi sizithola sesisebenzisa inhlamba. Ukuhamba nabantu abangathembekile kuthanda ukusenza sibe abangathembekile. Ngempela, njengoba neBhayibheli lisho, “Ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.”—1 Korinte 15:33.
6 Ngakolunye uhlangothi, abangane abahle bangasithuthukisa. ‘Ngokuhamba nabahlakaniphileyo,’ nathi siyoba abahlakaniphile. Imikhuba emihle iyasulelwana, njengoba kwenza nemibi. Nalapha futhi, iBhayibheli libonisa ukuhlakanipha ekusikhuthazeni ukuba sikhethe abangane bethu ngokucophelela.
7. Yini eyenza iBhayibheli libe ingqayizivele njengomthombo weseluleko?
7 IBhayibheli linemithetho enjalo eminingi yokusisiza ukuba siqondise ukuphila kwethu. Njengomthombo wezeluleko, liyingqayizivele. Iseluleko salo ngaso sonke isikhathi siyazuzisa. Asilokothi simane nje sibe ukucabangela, futhi asilokothi siphumele ekulimaleni kwethu. Usizo lweseluleko seBhayibheli kuzo zonke izici zokuphila alunakuqhathaniswa. Labo abasisebenzisayo ekuphileni kwabo, futhi babone indlela esiyisebenzela ngayo inhlala-kahle yabo ngaso sonke isikhathi, baqala ukuqaphela iBhayibheli njengomthombo oyingqayizivele wokuhlakanipha.
Izimiso Ezihlakaniphile
8. IBhayibheli lingasisiza kanjani ngisho nalapho sibhekene nesimo esingaphawuliwe ngokuqondile kulo?
8 Nokho, kuthiwani uma sibhekana nesimo esingaphawulwanga ngokuqondile eBhayibhelini? Ngokuvamile, sithola izimiso eziningi zokusiqondisa. Ngokwesibonelo, abaningi ngesinye isikhathi ekuphileni kwabo babhekana nesinqumo mayelana nomkhuba wokubhema ugwayi. Njengoba ugwayi wawungaziwa eMpumalanga Ephakathi ezinsukwini zikaJesu, iBhayibheli alikhulumi ngawo. Noma kunjalo, kunezimiso zeBhayibheli ezifanelekayo zokusisiza ukuba senze isinqumo esihlakaniphile kulendaba.
9-11. Izimiso zeBhayibheli zisisiza ngayiphi indlela ukuba sifinyelele esinqumweni esihlakaniphile endabeni yokusebenzisa ugwayi, futhi sizuza kanjani ngokulandela lezi zimiso?
9 Ukubhema ugwayi, nakuba kuthiwa kuyajabulisa eqinisweni kuhilela ukuhogela izinto ezingcolisayo zingene emaphashini. Umuntu obhemayo ungcolisa umzimba wakhe, kanye nezingubo zakhe nomoya omzungezile. Ngaphezu kwalokho, ukubhema kuyalutha. Abantu abafuna ukuyeka ngokuvamile bakuthola kunzima. Ngokucabangela lokhu, singabheka eBhayibhelini ukuze sithole usizo ekufinyeleleni isinqumo esihlakaniphile ngokubhema ugwayi.
10 Okokuqala, cabangela inkinga yokulutheka. UPawulu, lapho ekhuluma ngokudla, wathi: “Kepha mina anginakubuswa-lutho.” (1 Korinte 6:12) UPawulu wayekhululekile ukuba adle noma ikuphi ukudla, kodwa wayazi ukuthi abanye abantu emuva ngalesosikhathi babenonembeza abazwela kakhulu. Ngakho wathi “wayengaluthekile” kangako ohlotsheni oluthile lokudla kangangokuba wayengenakuluyeka uma kufanele ukuze agweme ukukhubekisa abanye. Uma umuntu engenakukwazi ukuyeka ukubhema—noma ukuhlafuna—ugwayi, ngokuqinisekile ‘uyambusa.’ Ngakho amazwi kaPawulu ngendaba yokudla ayisiqondiso esihle ekusebenziseni ugwayi. Akufanele sivume ukuba sibe izigqila zomkhuba othile.
11 Okwesibili, cabangela indaba yokungcola. IBhayibheli lithi: “Masizihlambulule ekungcoleni konke kwenyama nokomoya.” (2 Korinte 7:1) Ukubhema ngokungangabazeki kuwukuzingcolisa, noma ukungcola, kwenyama. Ukungathi sína kwalokhu kungcola kubonakala eqinisweni lokuthi, ngokweNhlangano Yomhlaba Yezempilo, kubangela abantu abangaphezu kwesigidi ukuba bafe ngaphambi kwesikhathi unyaka ngamunye. Uma silandela isimiso seBhayibheli sokuzigcina sihlanzekile ezintweni ezingcolisa umzimba, siyovikeleka ezingozini zempilo ezingathi sína zokubhema, kuhlanganise nezidakamizwa nezinye izinto ezingcolisayo.
Amazwi Azuzisayo
12. Kungani iseluleko seBhayibheli ngaso sonke isikhathi sihlangene nenhlala-kahle yethu engokomzimba nengokomzwelo?
12 Akufanele kusimangaze ukuthi ukulandela iseluleko seBhayibheli kuyasizuzisa ngendlela engokomzimba. Iseluleko seBhayibheli sivela kuNkulunkulu. NjengoMdali wethu, unolwazi olujulile lokuthi senziwe kanjani nokuthi yini esiyidingayo. (IHubo 139:14-16) Iseluleko sakhe ngaso sonke isikhathi sihlangene nenhlala-kahle yethu engokomzimba nengokomzwelo.
13, 14. Kungani kuyinkambo yokuhlakanipha ukulandela iseluleko seBhayibheli sokungaqambi amanga?
13 Lokhu kubonakala eselulekweni sokungaqambi amanga. Amanga afakwe phakathi kwezinto eziyisikhombisa uJehova azizondayo, futhi incwadi yesAmbulo ibala abaqamba amanga phakathi kwalabo abangayikuba nendawo ezweni elisha likaNkulunkulu. (IzAga 6:19; IsAmbulo 21:8) Naphezu kwalokhu, ukuqamba amanga kukuyo yonke indawo. Omunye umagazini wezamabhizinisi uyaphawula: “I-U.S. ibhekene nokugqashuka kokuphamba, nokunye ukukhohlisa okuhlobene nakho okubi kakhulu emlandweni wayo.”2
14 Nokho, nakuba kuvamile, ukuqamba amanga kubi emphakathini futhi kubi nakumuntu okwenzayo. Umcosheli wezindaba uClifford Longley uphawula ngokufanele: “Amanga alimaza owaqambayo nalowo owatshelwayo, ngezinga elikhulu kakhulu lenhlala-kahle yabo, ngokunqamula lokho kuxhumana okubalulekile phakathi kwengqondo nesimo esingokoqobo.”3 IAmerican Journal of Psychiatry ithi: “Umphumela ongokwengqondo kubantu abatshelwa amanga ungaba obhubhisayo. Izinqumo zokuphila ezinkulu zingase zisekelwe ekwazisweni okungamanga okwakukholelwa ukuthi kuyiqiniso. Amanga futhi angase abe nemiphumela emibi kubaqambimanga ngokwabo.”4 Yeka ukuthi kungcono kanjani ukukhuluma iqiniso, njengoba iBhayibheli liluleka ngokuhlakanipha!
15, 16. Kungaziphi izindlela kungokwenzuzo yethu ukulandela iseluleko seBhayibheli sokubonisa uthando kwabanye?
15 Ngomqondo oqonde kakhulu, iBhayibheli lisitshela ukuthi kufanele sikhathalele abanye, sibabonise uthando, futhi sibe usizo kubo. Amazwi kaJesu aziwa kakhulu: “Ngakho-ke konke nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo.”—Mathewu 7:12.
16 Yeka ukuthi izwe laliyoba ngcono kanjani ukuba wonke umuntu wayelandela lomthetho! Ngaphezu kwalokho, ngokokuhlola okuthile kokusebenza kwengqondo okwaqhutshwa eUnited States, abantu babeyozizwa bengcono. Abantu abayi-1 700 abahlolwa babika ukuthi ukusiza abanye kwabanikeza umuzwa wokuthula nowokukhululeka ezinkathazweni ezihlobene nokucindezeleka ezinjengobuhlungu bekhanda nokusha kwezwi. Umbiko uyaphetha: “Ngakho-ke, kubonakala sengathi ukukhathalela abanye kuyingxenye yemvelo yabantu njengokuzikhathalela.”5 Lokhu kusikhumbuza ngomyalo weBhayibheli: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.” (Mathewu 22:39; qhathanisa noJohane 13:34, 35.) Kungokwemvelo ukuzithanda. Kodwa ukuze sibe nempilo enhle ngokomzwelo, iBhayibheli lithi kufanele silinganisele lokho kuzithanda nothando ngabanye.
Umshado Nokuziphatha Okuhle
17. Kungani iseluleko seBhayibheli ngezinye izikhathi sibonakala siyisidala?
17 Nakuba iseluleko seBhayibheli sinikeza ubufakazi bokuhlakanipha okujulile, asisho ngaso sonke isikhathi izinto abantu abafuna ukuzizwa. Ngokuvamile, limangalelwa ngokuthi liyisidala. Kungani kunjalo? Kungoba nakuba iseluleko seBhayibheli singesenzuzo yethu ehlala njalo, ukusisebenzisa ngokuvamile kudinga ukuzikhuza nokuzidela; futhi lezimfanelo azithandwa namuhla.
18, 19. Ziyini izindinganiso zeBhayibheli ngomshado nokuziphatha okuhle?
18 Cabangela indaba yomshado nokuziphatha okuhle. Izindinganiso zeBhayibheli lapha ziqine kakhulu. Likhuluma ngokuqondile ngokuthatha umfazi oyedwa, indoda eyodwa ngomfazi oyedwa. Futhi nakuba liphawula izimo ezidlulele lapho isehlukaniso noma ukuhlala ngokwehlukana kungase kwenzeke khona, ngokuvamile lithi umshado uyisibopho sokuphila konke. “Anifundanga yini ukuthi owadala ekuqaleni wabenza owesilisa nowesifazane, wathi: Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba-nyamanye, na? Ngakho abasebabili, kodwa banyamanye. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, umuntu makangakwahlukanisi.”—Mathewu 19:4-6; 1 Korinte 7:12-15.
19 Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli lithi ukuphela kwendawo yokusondelana ngokobulili kuphakathi kwesibopho somshado. Lenqabela konke ukusondelana okunjalo ngaphandle komshado. Siyafunda: “Nazifebe, nabakhonza isithombe, naziphingi, nazihlobongi, nabesilisa abalalanayo . . . abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.”—1 Korinte 6:9, 10.
20. Kungaziphi izindlela izindinganiso zeBhayibheli zokuziphatha okuhle zinganakwa emhlabeni wonke namuhla?
20 Namuhla, lezindinganiso azinakwa yonke indawo. Uprofesa wesayensi yezenhlalo uDavid Mace uyaphawula: “Phakathi nalelikhulu lamanje leminyaka impucuko yethu iye yashintsha kakhulu, futhi amasiko amaningi asendulo nezimiso kuye kwanyakaziswa emisukeni yakho. Umshado awehlukile kulokhu.”6 Imikhuba yokuziphatha okuxekethile ivamile. Ubuhlobo bobulili phakathi kwabeve eshumini nambili abapholayo ngokuvamile bubhekwa njengobufanele. Ukuhlala ndawonye ngaphambi komshado—‘ukuze nje baqiniseke’—kwandile. Futhi uma imibhangqwana isishadile, ukuba nobuhlobo bobulili obungemthetho akukhona okungavamile.
21. Yini eye yaba umphumela wokunganakwa okwandile kwezindinganiso zeBhayibheli ngomshado nokuziphatha okuhle?
21 Ingabe lesisimo sokuziphatha okuxekethe ngokwengeziwe siye saletha injabulo? Cha, asilethanga lutho ngaphandle kwesiyaluyalu—futhi isiyaluyalu esibizayo—esiphumela ekungajabulini, nasemikhayeni echithekile. Kunobhadane lwezifo ezithathelwana ngobulili ezinomsuka oqondile wokuziphatha okuxekethile. Ukubhebhetheka kwesipatsholo, ugcunsula, nechlamydia, phakathi kokunye, akunqandeki. Eminyakeni yamuva, ubundindwa nemikhuba yobungqingili kubhebhethekise ukwanda kwengculaza. Kunobhadane lwamantombazane asemasha angashadile aba nabantwana lapho wona ngokwawo eseyizingane. ILadies’ Home Journal yaphawula: “Ukugcizelela ubulili okuyisici esivelele seminyaka yamashumi ayisithupha neyamashumi ayisikhombisa akuzange kulethe injabulo engapheli kubantu kodwa kwaletha usizi lwabantu olungathi sína.”7
22. Endabeni yokuziphatha okuhle, yini eletha injabulo enkulu kunazo zonke?
22 Ngakho, manje sizwa amazwi anjengalawa alandelayo ashiwo uprofesa wesayensi yezenhlalo uCarlfred B. Broderick: “Mhlawumbe sikhule ngokwanele ukuba sicabangele ukuthi akunakusisiza yini sonke kangcono ukuthuthukisa ukugwema ubulili ngaphambi komshado njengenkambiso esabela kunazo zonke ezidingweni zezakhamizi zethu nelungelo lazo lenkululeko: inkululeko ezifweni, inkululeko ekukhulelweni okungafunwa.”8 Ngempela, indinganiso yeBhayibheli yokuziphatha okuhle iye yabonakala iletha injabulo enkulu kunazo zonke ngokuhamba kwesikhathi.
Izimiso Ezisebenza Ngempela
23. (a) Uma umshado ungajabulisi, ingabe isehlukaniso siwukuphela kwekhambi elingatholakala? (b) Iziphi ezimbili zezihluthulelo zomshado ojabulisayo, nozinzile?
23 Njengoba umshado wawenzelwe ukuba uhlale sonke isikhathi sokuphila, sidinga ukwazi indlela yokuwenza uphumelele. Abanye baye basikisela ukuthi kungcono ukuphuma emshadweni ongajabulisi kunokuhlala kuwo futhi ukhathazeke. Kodwa kukhona okunye okungenziwa: ukusebenzela ukuxazulula izinkinga ezidala ukungajabuli. Lena enye indawo lapho iBhayibheli lisiza khona. Kakade sesiyibonile indlela eliseluleka ngayo ukuba sithembeke kumngane wethu womshado, futhi lokhu kungesinye sezihluthulelo zomshado ojabulisayo, nozinzile. Esinye siwukuqaphela ukuthi kungaba nenhloko eyodwa kuphela emshadweni, futhi iBhayibheli lithi kumelwe kube indoda. Umfazi welulekwa ukuba asekele indoda yakhe futhi angabekeli isikhundla sayo inselele. Ngakolunye uhlangothi, indoda itshelwa ukuba isebenzise isikhundla sayo ngendlela eyozuzisa umkayo futhi ingabi nobugovu.—1 Korinte 11:3; 1 Thimothewu 2:11-14.
24, 25. IBhayibheli libakhuthaza kanjani amadoda nabafazi ukuba bagcwalise izindima zabo ezifanele emshadweni?
24 Endodeni, iBhayibheli lithi: “Amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena. Ngokuba akakho owake wazonda eyakhe inyama.” (Efesu 5:28, 29) Indoda enothando isebenzisa igunya layo ngendlela yokubonelela. Iyakhumbula ukuthi nakuba iyinhloko, umkayo kufanele acatshangelwe futhi kuboniswane naye. Umshado uwubuhlobo babantu ababili ababambisanayo, hhayi ubushiqela.
25 Iseluleko seBhayibheli ngabafazi sihlanganisa lamazwi: “Umfazi makahloniphe indoda yakhe.” (Efesu 5:33) Uhlonipha umyeni wakhe ngenxa yesikhundla sakhe, futhi inhlonipho yakhe iyoboniswa ukumsekela kwakhe, njengoba nje nothando lomyeni wakhe luyoboniswa ukumkhathalela kwakhe. Kubantu abaningi abacabanga ngendlela yanamuhla, iseluleko esinjengalesi asamukeleki. Kodwa abantu ababili ababambisanayo abanobuhlobo obusekelwe othandweni nasenhloniphweni—njengoba iBhayibheli leluleka—ngaso sonke isikhathi bayajabula.
26. Ingabe izindinganiso ezingokomBhalo zomshado ziyasebenza ngempela? Bonisa.
26 Iqiniso lokuthi iseluleko seBhayibheli kulendaba siyasebenza ngempela libonakala kokuhlangenwe nakho kwaseSouth Seas. Umbhangqwana othile lapho, ngemva kokuhlala ndawonye iminyaka eyishumi, wawuqinisekile ukuthi umshado wawo wawungenampumelelo. Ngakho waqala ukucabangela ukuhlala ngokwehlukana. Khona-ke umfazi wakhuluma nomunye woFakazi BakaJehova. Ndawonye, yena naloFakazi batadisha iseluleko seBhayibheli ngemibhangqwana eshadile. Indoda iyabika: “Njengoba umkami ayefunda izimiso zeBhayibheli, wenza imizamo yokuzisebenzisa ekuphileni kwakhe. Ngemva kwamasonto ambalwa, ngaqala ukuphawula izinguquko ezithile.” Ihlatshwe umxhwele, yavuma ukuhlanganyela esifundweni somkayo seBhayibheli futhi yafunda iseluleko seBhayibheli ngamadoda ashadile. Waba yini umphumela? Ithi: “Manje sisitholile isisekelo sokuphila komkhaya okujabulisa ngempela.”
27. Ukusebenzisa ziphi izimiso zeBhayibheli okungasiza amaKristu ahlushwa ubumpofu obungokwezomnotho?
27 Enye indawo lapho iseluleko seBhayibheli siye sabonakala siwusizo khona kusekubhekaneni nobumpofu. Ngokwesibonelo, ukubhema nokudakwa, kokubili okuphambene nezimiso zeBhayibheli, kusaphaza imali elinganiselwe. (IzAga 23:19-21) IBhayibheli futhi litusa ukukhuthala, njengoba ngokuvamile umuntu okhuthele angakwazi ukuthola indlela yokondla umkhaya wakhe kunokuba kungenza umuntu ovilaphayo noma osheshe aphelelwe ithemba. (IzAga 6:6-11; 10:26) Ngaphezu kwalokho, ukulalela iseluleko ‘ngokuba nomhawu ngabenza okungalungile’ kuvikela umuntu ekuphendukeleni ezintweni ezinjengobugebengu noma ukugembula njengendlela yokunciphisa ubumpofu. (IHubo 37:1) Imikhuba enjalo ingase ibonakale inikeza ikhambi elisheshayo ezinkingeni ezingokwezimali, kodwa isithelo sayo ngemva kwesikhathi simuncu kakhulu.
28-30. (a) Ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli kwamsiza kanjani othile wesifazane ongumKristu ukuba abhekane nobumpofu? (b) Okuhlangenwe nakho kwezinkulungwane zamaKristu asezimweni ezimpofu ngokwezomnotho kufakazelani?
28 Ingabe leseluleko siyabasiza ngempela labo abampofu kakhulu, noma simane nje siwumbono ocatshangelwe? Impendulo iwukuthi, Leseluleko siyasebenza, njengoba okuhlangenwe nakho okuningi emhlabeni wonke kubonisa. Uma sicabangela isibonelo esisodwa nje kuphela, owesifazane othile ongumKristu eAsia wazithola engumfelokazi, engenalutho lokumlethela imali, futhi enendodana encane okudingeka ayinakekele. IBhayibheli lamsiza kanjani yena nendodana yakhe?
29 Wayekhuthele, njengoba iBhayibheli leluleka, futhi waqala ukuthunga izingubo nokuzithengisa. Ngenxa yokuthi wayethembekile futhi enokwethenjelwa, njengoba iBhayibheli futhi leluleka, ngokushesha waba namakhasimende athenga njalo. (Kolose 3:23) Wabe eseguqula ikamelo elincane endlini yakhe walenza indlu yokudlela encane futhi wayevuka ekuseni ngehora lesine nsuku zonke ukuze alungiselele ukudla kokuthengiswa, futhi lokhu kwanezela emalini ayeyithola. “Ngisho noma kunjalo,” uyasho, “kudingeka siphile ngendlela elula.” Kodwa ukhumbula iseluleko seBhayibheli: “Uma sinokudla nezambatho, asaneliswe yikho.”—1 Thimothewu 6:8.
30 Uyanezela: “Nakuba ngiphila cishe njengomuntu ompofu, akungihluphi lokho noma kungizwise ubuhlungu. Iqiniso leBhayibheli lingigcwalisa ngombono oqondile.” Ngaphezu kwalokho, uye wathola ukuthi isithembiso esiphawulekayo esanikezwa uJesu siye sasebenza ngempela kuyena. UJesu wathi: “Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu [izidingo ezibonakalayo] kuyakwenezelwa nina.” (Mathewu 6:33) Okuhlangenwe nakho kwakhe kuye kwaba ukuthi ngenxa yokubeka inkonzo yakhe kuNkulunkulu kuqala ekuphileni kwakhe, ngaso sonke isikhathi, ngandlela-thile, uyazithola izidingo ezibonakalayo. Okuhlangenwe nakho kwalo owesifazane ongumKristu, uma kuhlanganiswa nalokho kwamanye amaKristu angenakubalwa ampofu kwezomnotho, kunezela ebufakazini bokuthi iseluleko seBhayibheli siyasebenza ngempela.
31. Yini eyenzekayo uma silandela iseluleko seBhayibheli, futhi leliqiniso lifakazelani?
31 Kulesisahluko, siye sathinta nje engcebweni enkulu yeseluleko esiqukethwe iBhayibheli, futhi siye sabona izibonelo ezimbalwa nje lapho leseluleko siye sasebenza khona. Okuhlangenwe nakho okuphawuliwe kungaphindwa kankulungwane. Ngokuphindaphindiwe, lapho abantu belandela iBhayibheli, bayazuza. Lapho bengalinaki, bayahlupheka. Awukho omunye umthombo wezeluleko, wasendulo noma wanamuhla, oyinzuzo ngokungaguquguquki kangaka nosebenza kubantu bazo zonke izinhlanga. Iseluleko esihlakaniphe njengalesi asinakumane nje sibe ukuhlakanipha kwabantu. Iqiniso lokuthi iBhayibheli liyinqolobane ecebile yokuhlakanipha okunjalo liwubufakazi obunamandla bokuthi liyiZwi likaNkulunkulu.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 168]
Isimo sengqondo sokusiza sizuzisa wonke umuntu
[Isithombe ekhasini 163]
Ukuhamba nabantu abahlakaniphile kusenza sihlakaniphe, kodwa ukujwayelana nabantu abayiziwula kuyosithinta kabi
[Isithombe ekhasini 165]
Ukubhema ugwayi kumelwe kugwenywe ngoba kuphambene nezimiso zeBhayibheli
[Isithombe ekhasini 171]
Labo abalandela iseluleko seBhayibheli emshadweni banesisekelo esiqinile senjabulo
[Isithombe ekhasini 173]
Ukusebenzisa iseluleko seBhayibheli kusiza abantu ukuba babhekane nezinkinga ezingathi sína zobumpofu